Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 65
  • Abazali Bangazifundisa Kanjani Izingane Zabo Ngocansi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abazali Bangazifundisa Kanjani Izingane Zabo Ngocansi?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo yeBhayibheli
  • Indlela Yokuvikela Abantwana Bakho
    I-Phaphama!—2007
  • Khuluma Nezingane Zakho Ngezocansi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Bazali, Finyelelani Inhliziyo Yomntwana Wenu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Singabavikela Kanjani Abantwana Bethu?
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 65

Abazali Bangazifundisa Kanjani Izingane Zabo Ngocansi?

Impendulo yeBhayibheli

Ubani okufanele afundise izingane ngocansi? IBhayibheli lithi umthwalo wabazali, futhi abazali abaningi baye bawathola esiza la macebiso alandelayo:

  • Ungabi namahloni. IBhayibheli aligwegwesi lapho likhuluma ngocansi nezitho zobulili futhi uNkulunkulu watshela isizwe sakwa-Israyeli ukuthi “abancane” kufanele bafundiswe ngalezi zinto. (Duteronomi 31:12; Levitikusi 15:2, 16-19) Sebenzisa amagama ahloniphisayo lapho uchaza ukuze ucansi noma izitho zangasese kungabhekwa njengokuyihlazo.

  • Qhubeka ufundisa. Kunokuba ukhulume kanye nengane yakho ngocansi lapho isisondela eminyakeni yokuthomba, qhubeka uxoxa nayo njengoba ikhula, uyinikeze ukwaziswa ezokwazi ukukuqonda.​—1 Korinte 13:11.

  • Fundisa imithetho yokuziphatha. Esikoleni izingane zingase zifundiswe ngocansi. Nokho iBhayibheli likhuthaza abazali ukuba bafundise izingane zabo hhayi nje kuphela ngezindaba zocansi, kodwa nangokuba nesimo sengqondo esifanele nendlela ekahle yokuziphatha ehilela ucansi.​—IzAga 5:1-23.

  • Lalela ingane yakho. Ungathathi ngamawala lapho ingane yakho ikubuza ngocansi. Kunalokho, ‘shesha ukuzwa, wephuze ukukhuluma.’​—Jakobe 1:19.

Indlela ongayivikela ngayo ingane yakho kubanukubezi

Fundisa ingane yakho ukuzivikela uma kwenzeka ihlangabezana nomnukubezi

  • Thola ulwazi. Funda ngendlela umnukubezi asebenza ngayo.​—IzAga 18:15; bheka isahluko 32 sencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1.

  • Yazi ukuthi kwenzekani ekuphileni kwengane yakho. Ungayishiyi ingane yakho nomuntu ongamethembi futhi ‘ungayiyeki’ igcwale izinkalo noma ibe uvanzi.—IzAga 29:15.

  • Fundisa ukulinganisela uma kuziwa ekulaleleni. Izingane kudingeka zifunde ukulalela abazali bazo. (Kolose 3:20) Nokho, uma ufundisa ingane yakho ukuba ilalele noma imuphi umuntu omdala ngaso sonke isikhathi, uyifaka engozini yokunukubezwa. Abazali abangamaKristu bangase bathi enganeni yabo, “Uma umuntu ethi yenza into uNkulunkulu athi yimbi, kumelwe wenqabe.”​—IzEnzo 5:29.

  • Prakthizani izindlela ezilula zokuzivikela. Siza ingane yakho ifunde okumelwe ikwenze uma othile ezama ukusizakala ngayo noma lapho iyodwa. Ukudlala ngokoqobo izigcawu eziyisibonelo kungasiza ingane yakho ibe nesibindi sokuthi “Ngiyeke! Ngizokuceba!” bese ibaleka ngokushesha. Kungadingeka uzikhumbuze ngokuphindaphindiwe izingane zakho njengoba zingase zikhohlwe kalula.​—Duteronomi 6:7.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela