Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 61
  • Izinkumbulo Zokusinda Ekufeni​—Yini ezingayichazi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izinkumbulo Zokusinda Ekufeni​—Yini ezingayichazi?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo YeBhayibheli
  • Kuyokwenzekani Uma Sifa?
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Yini Eyenzekayo Ekufeni?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Ithemba Langempela Ngabathandekayo Bakho Abafile
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 61

Izinkumbulo Zokusinda Ekufeni​—Yini ezingayichazi?

Impendulo YeBhayibheli

Abantu abaningi abaye basinda ekufeni bathi bakhumbula behlukaniswa nemizimba yabo noma bebona ukukhanya okugqamile noma indawo enhle ngokubabazekayo. Incwadi ethi Recollections of Death ithi: ‘Abanye abantu babheka lokhu njengelungelo lokuthi shazí ukuphila kwangemva kokufa.’ Nakuba iBhayibheli lingakhulumi ngabantu abanezinkumbulo zokusinda ekufeni, kodwa liqukethe amaqiniso ayisisekelo abonisa ukuthi akuyona imibono yokuphila kwangemva kokufa.

Abafileyo abazi lutho.

IBhayibheli lithi “abafileyo bona abazi lutho.” (UmShumayeli 9:5) Lapho sifa asidluleli kwelinye izinga lokuphila noma lokucabanga kodwa asibe sisaba khona. Imfundiso ethi sinomphefumulo ongafi oqhubeka uphila lapho imizimba yethu ifa ayiveli eBhayibhelini. (Hezekeli 18:4) Ngakho-ke, noma iziphi izinkumbulo ezifikela labo abacishe bafa, aziwona amazwibela ezulu, esihogo noma okuphila kwangemva kokufa.

Wathini uLazaru ngokuphila kwangemva kokufa?

Indaba kaLazaru eseBhayibhelini ikhuluma ngokufa okwenzeka ngokoqobo: UJesu wavusa uLazaru ngemva kwezinsuku ezine efile. (Johane 11:38-44) Ukube uLazaru wayekujabulela ukuphila kwangemva kokufa kwakuyoba into embi ngoJesu ukuba ambuyisele ekuphileni kwasemhlabeni. Nokho iBhayibheli alisho lutho ngokuphila kukaLazaru kwangemva kokufa. Ngokuqinisekile uLazaru wayezokhuluma ngokuphila kwakhe kwangemva kokufa uma ayebe nakho. Ngenxa yalokho, uJesu wafanisa ukufa kukaLazaru nokulala ebonisa ukuthi ngesikhathi uLazaru efile wayengazi lutho.​—Johane 11:11-14.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela