Uyini umsuka We-Halloween?
Impendulo YeBhayibheli
IBhayibheli alikhulumi nge-Halloween, okuyiholidi eligujwa abantu abaningi ngo-Oktoba 31 unyaka ngamunye. Nokho, umsuka wasendulo we-Halloween uyaphikisana nalokho okufundiswa iBhayibheli.
Kulesi sihloko
Umlando we-Halloween namasiko ayo
I-Samhain: I-World Book Encyclopedia ithi: Umsuka we-Halloween usekelwe kulo mkhosi wobuqaba wasendulo owawugujwa abantu abakhuluma isiCeltic eminyakeni engaphezu kuka-2000 edlule. “AmaCelts ayekholelwa ukuthi ngalesi sikhathi abafile bayakwazi ukuhamba phakathi kwabaphilayo. Phakathi nomkhosi we-Samhain, abaphilayo bangakwazi ukuvakashela abafile.” Bheka esithi “Kungani ibizwa ngokuthi i-Halloween?”
Izingubo ze-Halloween, amaswidi nokucela izipho: Abanye kumaCelts babegqoka izingubo ezazibenza babukeke njengezipoki ukuze kuthi lapho izipoki zihlangana nabo zicabange ukuthi nabo bayizipoki bese zingabahlaseli. Abanye babepha imimoya amaswidi ukuze bashweleze.a
EYurophu yenkathi ephakathi, abefundisi bamaKatolika bamukela amasiko obuqaba futhi benza ukuba abalandeli babo bangene endlini ngendlu begqoke izingubo ezingavamile ukuze bacele izipho ezincane.
Izipoki, abantu okuthiwa baphenduka izimpisi nalabo abadla igazi, abathakathi nemikhovu: Sekuyisikhathi eside lezi zinto zihlotshaniswa nemimoya emibi. Ibhekisela kule mimoya “njengezilo ezinamandla angavamile,” incwadi ethi, Halloween Trivia ithi le mimoya “ihlobene eduze nokufa, abafile noma ukwesaba ukufa.”
Amathanga e-Halloween: EBrithani yenkathi ephakathi “abantu abathandazayo babengena endlini ngendlu becela ukudla ukuze bathandazele abafile futhi babephatha isibani esenziwe ngetheniphu ehlotshiselwe i-Halloween, eyayinekhandlela ngaphakathi elifanekisela umphefumulo ovaleleke endaweni yokuhlushwa.” (Halloween—From Pagan Ritual to Party Night) Abanye bathi lezi zibani zazisetshenziselwa ukuxosha imimoya emibi. Ngawo-1800, eNyakatho Melika kwasetshenziswa amathanga esikhundleni samatheniphu ngoba ayemaningi futhi kwakulula kakhulu ukwenza izibani ze-Halloween ngawo.
Ingabe Kubalulekile Ukwazi Umsuka we-Halloween?
Yebo. Nakuba abanye abantu bebheka ukugujwa kwe-Halloween njengokuzijabulisa okungenabungozi, imikhuba ehlobene nayo ayihambisani nezimfundiso zeBhayibheli. I-Halloween isekelwe ezinkolelweni ezingamanga eziphathelene nabafile kanye nemimoya engabonakali noma amademoni.
Phawula la mavesi alandelayo abonisa indlela uNkulunkulu azibheka ngayo izinkolelo ezihlobene ne-Halloween:
“Akufanele kutholakale kuwe noma ubani . . . obuza kosebenzelana nemimoya, nanoma ubani obuza kwabafileyo.”—Duteronomi 18:10-12, I-The Jerusalem Bible.
Incazelo: UNkulunkulu akasamukeli isenzo sokukhuluma nabafile noma ukwenza sengathi uxhumana nabo.
“Abafile bona abazi lutho.”—UmShumayeli 9:5.
Incazelo: Ngenxa yokuthi abafile abazi lutho, abakwazi ukuxhumana nabaphilayo.
“[Ningahlanganyeli] namademoni. Anikwazi ukuphuza indebe kaJehova nibe niphuza indebe yamademoni.”—1 Korinte 10:20, 21, I-New International Version.
Incazelo: Labo abafuna ukwamukelwa uNkulunkulu kumele bagweme noma yini ehlangene namademoni.
“Melanani ngokuqinile namaqhinga kaDeveli; ngoba silwa . . . nebutho lomoya ababi.”—Efesu 6:11, 12.
Incazelo: AmaKristu kumele amelane nemimoya emibi, angenzi sengathi ajabula kanye nayo.
a Bheka incwadi ethi, Halloween: An American Holiday, an American History, ikhasi 4.