Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 43
  • Lithini IBhayibheli Ngemishado Yabantu Bobuzwe Obungefani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lithini IBhayibheli Ngemishado Yabantu Bobuzwe Obungefani?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo YeBhayibheli
  • Zonke izinhlanga zivela endaweni eyodwa
  • Abantu abahlakaniphile ‘bayabonisana’
  • Lapho Zonke Izinhlanga Zihlala Ndawonye Ngokuthula
    I-Phaphama!—1993
  • Ngingayinqoba Kanjani Imizwa Yobandlululo Lwezinhlanga?
    I-Phaphama!—1988
  • Yini Engalungile Ngokuziqhenya Ngohlanga?
    I-Phaphama!—1998
  • Ubandlululo
    I-Phaphama!—2014
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 43

Lithini IBhayibheli Ngemishado Yabantu Bobuzwe Obungefani?

Impendulo YeBhayibheli

UNkulunkulu uyayivumela imishado phakathi kwabantu bobuzwe obungefani ngenxa yokuthi zonke izizwe ziyalingana kuye. IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu uphatha wonke umuntu ngendlela efanayo . . . , noma ngabe owaluphi uhlanga.”—IzEnzo 10:34, 35, Good News Translation.

Cabanga ngezinye izimiso zeBhayibheli ezihlobene nokulingana kwezizwe nomshado.

Zonke izinhlanga zivela endaweni eyodwa

Bonke abantu bavela endodeni yokuqala, u-Adamu, nomkakhe, u-Eva, lowo iBhayibheli elimbiza ngokuthi “unina wabo bonke abantu abaphilayo.” (Genesise 3:20.) Ngenxa yalesi sizathu, iBhayibheli lithi ngoNkulunkulu: “Ngomuntu oyedwa wenza zonke izizwe zabantu.” (IzEnzo 17:26) Kungakhathaliseki uhlanga lwabo, bonke abantu bayingxenye yomndeni owodwa. Nokho, kuthiwani uma ukucwasana ngobuzwe kukukhulu endaweni ohlala kuyo?

Abantu abahlakaniphile ‘bayabonisana’

Nakuba imishado yezizwe ezingefani yamukeleka kuNkulunkulu, abantu abaningi abacabangi kanjalo. (Isaya 55:8, 9) Uma uhlela ukushada nomuntu wobunye ubuzwe, wena nalowo ocabanga ukushada naye kufanele nixoxe ngalokhu okulandelayo:

  • Nizobhekana kanjani nezingcindezi ezingase zivele emphakathini nesemindenini yenu?

  • Nizozisiza kanjani izingane zenu ukuba zikwazi ukubhekana nobandlululo?

‘Ukubonisana’ ngale ndlela kunganisiza nenze umshado wenu ube impumelelo.—IzAga 13:10; 21:5.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela