Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 35
  • Lithini IBhayibheli NgoKhisimusi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lithini IBhayibheli NgoKhisimusi?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo yeBhayibheli
  • Umlando wamasiko kaKhisimusi
  • UKhisimusi—Kungani Uyingozi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • UKhisimusi—Kungani Uthandwa Kangaka EJapane?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Amasiko—KaKhisimusi Iyini Imisuka Yawo?
    I-Phaphama!—1989
  • Kwenzekeni KuKhisimusi Ongokwesiko?
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 35

Lithini IBhayibheli NgoKhisimusi?

Impendulo yeBhayibheli

IBhayibheli alisinikezi usuku lokuzalwa kukaJesu futhi alisho ukuthi kufanele silugubhe. I-Cyclopedia kaMcClintock noStrong ithi: “UNkulunkulu akayalanga ukuba kugujwe uKhisimusi, futhi uKhisimusi awuveli [eTestamenteni Elisha].”

Kunalokho, ukuhlola umlando kaKhisimusi kwembula ukuthi unomsuka wamasiko ezinkolelo zobuqaba. IBhayibheli libonisa ukuthi siyamcasula uNkulunkulu uma sizama ukumkhulekela ngendlela angayamukeli.—Eksodusi 32:5-7.

Umlando wamasiko kaKhisimusi

  1. Ukugubha usuku lokuzalwa kukaJesu: “AmaKristu okuqala awazange alugubhe usuku lokuzalwa [kukaJesu] ngoba ayebheka ukugujwa kosuku lokuzalwa kwanoma ubani njengesiko lobuqaba.”—The World Book Encyclopedia.

  2. U-December 25: Abukho ubufakazi bokuthi uJesu wazalwa ngalolu suku. Kungenzeka ukuthi abefundisi besonto bakhetha lolu suku ukuze luhambisane nemikhosi yobuqaba eyayigujwa ngaleso sikhathi noma ngenjikalanga yasebusika.

  3. Ukuphana izipho, amadili, amaphathi: I-Encyclopedia Americana ithi: “ISaturnalia, umkhosi wamaRoma owawugujwa phakathi no-December, waba yisibonelo samasiko amaningi okuzithokozisa ahambisana noKhisimusi. Ngokwesibonelo, kwasukela kulo mkhosi ukwenziwa kwamadili amakhulu, ukuphana ngezipho nokukhanyisa amakhandlela.” I-Encyclopædia Britannica ibonisa ukuthi “yonke imisebenzi namabhizinisi kwakuvalwa” ngesikhathi seSaturnalia.

  4. Izibani zikaKhisimusi: Ngokwe-Encyclopedia of Religion, abaseYurophu babehlobisa izindlu zabo “ngezibani nangezinhlobonhlobo zezihlahla ezihlala ziluhlaza” ukuze bagubhe imikhosi yangenjikalanga yasebusika futhi bavimbele imimoya emibi.

  5. Umhlalanyoni, i-holly: “Abefundisi benkolo yasendulo eNgilandi babethi amandla okwenza imilingo avela ngokukhethekile esihlahleni somhlalanyoni. Isihlahla i-holly, esihlale siluhlaza, sasikhulekelwa sibhekwa njengesithembiso sokubuya kwelanga.”—The Encyclopedia Americana.

  6. Isihlahla sikaKhisimusi: “Ukukhulekelwa kwesihlahla, kwakuvamile kubantu baseYurophu abangamaqaba futhi baqhubeka bekwenza nalapho sebephendukele ebuKristwini.” Enye yezindlela zokukhulekela isihlahla eyasala isiko “lokubeka isihlahla se-Yule emnyango noma ngaphakathi endlini ngamaholidi asebusika.”​—Encyclopædia Britannica.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela