Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 9
  • Ngingabhekana Kanjani Nokuhlukunyezwa Ngokobulili?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingabhekana Kanjani Nokuhlukunyezwa Ngokobulili?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kuyini ukuhlukunyezwa ngokobulili?
  • Yini okufanele ngiyenze uma ngihlukunyezwa ngokobulili?
  • Ngingenzenjani uma ngingahlukunyezwa ngokobulili?
  • Ngingazivikela Kanjani Ekuhlukunyezweni Ngokocansi?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ngingabhekana Kanjani Nokuhlukunyezwa Ngokobulili?
    I-Phaphama!—2000
  • Yini Okufanele Ngiyazi Ngokuhlukunyezwa Ngokocansi?
    Izimpendulo Zemibuzo Eyishumi Ebuzwa Yintsha
  • Ngingazivikela Kanjani Esikoleni?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 9

INTSHA IYABUZA

Ngingabhekana kanjani nokuhlukunyezwa ngokobulili?

  • Kuyini ukuhlukunyezwa ngokobulili?

  • Yini okufanele ngiyenze uma ngihlukunyezwa ngokobulili?

  • Ngingenzenjani uma ngingahlukunyezwa ngokobulili?

Kuyini ukuhlukunyezwa ngokobulili?

Ukuhlukunyezwa ngokobulili kuhlanganisa noma isiphi isenzo sobulili ongasithandi—kungaba ukuthintwa noma ukutshelwa izinto eziphathelene nobulili. Kodwa ngezinye izikhathi kungaba nzima ukubona umehluko phakathi kokugconwa, ukudlala ngothando nokuhlukunyezwa ngokobulili.

Uyawazi yini umehluko phakathi kwalokhu? Phendula imibuzo ephathelene nokuhlukunyezwa ngokobulili ukuze uthole impendulo!

Ngokudabukisayo, ukuhlukunyezwa ngokobulili akupheli lapho uqeda isikole. Nokho, uma unesibindi namakhono adingekayo okubhekana nakho manje, uyobe ukulungele ukubhekana nakho lapho ususebenza. Ungaze ngisho unqande lowo muntu nasekuhlukumezeni abanye!

U-Olivia

“Kufanele ukwazi ngempela ukuzikhulumela. Ngokuvamile abantu abayeki ngaphandle kokuba ubatshele ngokucacile ukuba bahlukane nawe. Batshele ngokuqondile uthi, ‘Ngiyeke!’ Uma beqhubeka, tshela othile!”

UTanisha

“Ungahleki lapho kwenziwa amahlaya asikisela ubulili noma uhlanganyele lapho kuxoxwa ngabo. Uma uhlanganyela, noma uma uzihlanganisa nabantu abathanda ukunakwa abobulili obuhlukile, abanye bayocabanga ukuthi nawe ufuna ukunakwa.”

Yini okufanele ngiyenze uma ngihlukunyezwa ngokobulili?

Ukuhlukunyezwa ngokobulili kungase kuphele uma wazi ukuthi kuyini nokuthi kufanele wenzeni! Cabangela izimo ezintathu nezindlela ongasabela ngazo.

ISIMO:

““Emsebenzini, kunobaba abathile abebelokhu bengitshela ukuthi ngimuhle nokuthi bafisa sengathi ngabe bebebancane ngeminyaka engu-30. Omunye wabo waze ngisho weza ngemva kwami wahogela iphunga lezinwele zami!”​—UTabitha oneminyaka engu-20.

UTabitha wayengase acabange: ‘Uma ngingamnaki ngizithulela, mhlawumbe uzoyeka.’

Okwenza lokho kungasizi: Abacwaningi bathi lapho abantu abayizisulu bengakunaki ukuhlukunyezwa ngokobulili, ngokuvamile kuyaqhubeka kuze ngisho kube kubi nakakhulu.

Ngcono uzame lokhu: Mtshele ngomoya ophansi kodwa ungagwegwesi lowo okuhlukumezayo ukuthi le nto ayishoyo noma ayenzayo ngeke uyibekezelele. UTaryn oneminyaka engu-22 uthi, “Uma othile engithinta endaweni engafanele ngiyaphenduka ngimtshele ukuthi angaphinde angithinte. Ngokuvamile uyamangala.” Uma eqhubeka, qinisa izwi futhi ungayeki ukumtshela. Ngokuqondene nokulondoloza izindinganiso eziphakeme zokuziphatha, iseluleko seBhayibheli sithi: ‘Yimani niqinile, nibonise ukuvuthwa nokuzethemba.’​—Kolose 4:12, The New Testament in Contemporary Language.

Kuthiwani uma lowo okuhlukumezayo esongela ngokukulimaza? Uma kunjalo, ungazami ukubhekana naye ngeziqu zamehlo. Suka ngokushesha ngangokunokwenzeka kuleso simo, ufune usizo lomuntu omdala omethembayo.

ISIMO:

““Ngesikhathi ngisebangeni lesithupha, amantombazane amabili angibamba ephaseji. Enye yayingungqingili, futhi yayifuna siyoshaywa umoya nayo. Nakuba ngenqaba, aqhubeka engihlukumeza nsuku zonke lapho sishintsha amakilasi. Ngesinye isikhathi, aze ngisho angisunduzela odongeni!”​—UVictoria oneminyaka engu-18.

UVictoria wayengase acabange: ‘Uma ngitshela othile ngalokhu, abantu bazothi ngiyigwala, futhi mhlawumbe akekho ozongikholelwa.’

Okwakungenza lokho kucabanga kungamsizi: Uma ungatsheli muntu, okuhlukumezayo angase aqhubeke, aze ngisho ahlukumeze nabanye.​—UmShumayeli 8:11.

Ngcono uzame lokhu: Cela usizo. Abazali nothisha bangakunikeza usizo oludingayo lokuqeda lokho kuhlukunyezwa obhekene nakho. Kodwa yini ongayenza lapho abantu obatshelayo bekuthatha kancane obatshela kona? Zama lokhu: Ngaso sonke isikhathi lapho uhlukunyezwa, bhala imininingwane yalokho okwenzekile. Bhala usuku, isikhathi nendawo okwenzeke kuyo, ubhale nalokho akushilo lowo okuhlukumezile. Yibe usunikeza umzali noma uthisha wakho ikhophi yalelo pheshana. Abantu abaningi bayizwa kangcono into ebhalwe phansi kunaleyo eshiwo ngomlomo.

ISIMO:

““Kunomfana engangimesaba kakhulu owayeseqenjini lebhola lombhoxo. Wayecishe abe amamitha amabili ubude, enesisindo esingaba amakhilogremu angu-135! Wayezitshela ukuthi uzolala nami. Wayengihlupha cishe nsuku zonke​—kwaze kwaphela unyaka. Ngelinye ilanga, sasisodwa ekilasini, waqala ukusondela kimi. Ngagxuma ngabaleka ngaphuma.”​—UJulieta oneminyaka engu-18.

UJulieta wayengase acabange: ‘Banjalo vele abafana.’

Okwenza lokho kungasizi: Umuntu okuhlukumezayo angase angayeki uma bonke abantu becabanga ukuthi lokho akwenzayo kulungile.

Ngcono uzame lokhu: Melana nesilingo sokumane uzihlekele noma umomotheke. Kunalokho, qiniseka ukuthi indlela osabela ngayo​—kuhlanganise nesimo sobuso​—kukwenza kucace kulowo muntu ukuthi yini oyithandayo nongayithandi.

Ngingenzenjani uma ngingahlukunyezwa ngokobulili?

INDABA EYIQINISO 1:

“‘Angikuthandi ukukhuluma kabi nabanye abantu. Ngakho nalapho abafana bengihlukumeza, ngangibatshela ukuthi abayeke​—kodwa ngingaqini kulokho, futhi ngokuvamile ngimomotheke lapho ngibatshela. Babecabanga ukuthi ngidlala ngothando.”—UTabitha.

  • Ukube wena ubunguTabitha, ubuyosisingatha kanjani leso simo? Kungani usho kanjalo?

  • Yini engase yenze lowo okuhluphayo acabange ukuthi udlala ngothando?

INDABA EYIQINISO 2:

““Kwaqala lapho abanye abafana besho izinto ezingasile ekilasini lokuvivinya umzimba. Kwaphela amasonto ambalwa ngingakunaki ababekusho, kodwa kwaba kubi nakakhulu. Baqala ukuhlala eduze kwami bangigaxe. Ngangibaqhelisa kodwa abazange bayeke. Ekugcineni, omunye wabo wanginikeza iphepha elalibhalwe amazwi ajivazayo. Ngalinika uthisha. Lowo mfana wenqatshelwa okwesikhathi esithile ukuza esikoleni. Ngabona ukuthi kwakufanele ngabe ngiye kuthisha zisuka nje!”—USabina.

  • Ucabanga ukuthi kungani uSabina engazange aye kuthisha ekuqaleni? Ucabanga ukuthi wanquma ngokuhlakanipha? Kungani usho kanjalo?

INDABA EYIQINISO 3:

““Umfana mumbe waya kumfowethu uGreg esendlini yangasese. Wasondela kuye wathi, ‘Ngiqabule.’ UGreg wathi cha, kodwa lo mfana akazange ahambe. Eqinisweni, uGreg waze wamsunduzela le.”—USuzanne.

  • Ucabanga ukuthi uGreg waba isisulu sokuhlukunyezwa ngokobulili? Kungani usho kanjalo?

  • Ucabanga ukuthi kungani abanye abafana bekwenqena ukutshela othile lapho behlukunyezwe omunye umfana?

  • Ingabe uyibheka njengehlakaniphile indlela uGreg asisingatha ngayo isimo? Yini wena obungayenza?

Imibuzo ephathelene nokuhlukunyezwa ngokobulili

“Esikoleni samabanga aphakathi, abafana babedonsa i-bra yami ngemuva bese besho amazwi ajivazayo​—njengokuthi ngingazizwa kamnandi kanjani uma ngingalala nabo.”—UCoretta.

Ucabanga ukuthi labo bafana:

  1. A Babemdlalisa?

  2. B Babedlala ngothando?

  3. C Babemhlukumeza ngokobulili?

“Lapho sisebhasini, omunye umfana waqala ukusho izinto ezingasile kimi nokungibamba. Ngamshaya esandleni ngasiqhelisa, ngamtshela ukuthi akangiyeke. Wangibuka sengathi ngiwuhlanya.”— UCandice.

Ucabanga ukuthi lo mfana wayemenzani uCandice?

  1. A Wayemdlalisa?

  2. B Wayedlala ngothando?

  3. C Wayemhlukumeza ngokobulili?

“Ngonyaka odlule, omunye umfana wayelokhu ethi uyangithanda nokuthi ufuna siyoshaywa umoya, ngisho noma ngangimtshela ukuthi angifuni. Ngezinye izikhathi, wayephulula ingalo yami. Ngangimtshela ukuthi ayeke, kodwa wayengayeki. Kwathi ngisabopha isicathulo, wangishaya ezinqeni.”​— UBethany.

Ngokubona kwakho, lo mfana:

  1. A Wayedlala ngothando?

  2. B Wayezidlalela nje?

  3. C Wayemhlukumeza ngokobulili?

Impendulo okuyiyona yayo yonke le mibuzo u-C.

Yini eyenza ukuhlukunyezwa ngokobulili kuhluke ekudlaleni ngothando noma ekudlaliseni umuntu nje? “Lapho umuntu ekuhlukumeza ngokobulili, akanandaba nokuthi wena uzizwa kanjani,” kusho intombazane okuthiwa ngu-Eve. “Uyaqhubeka ngisho noma umtshela ukuthi ayeke.” Ukuhlukunyezwa akuyona into encane. Akuphazamisi nje umsebenzi wesikole nempilo yakho kuphela, kodwa kungafinyelela eqophelweni lokuba udlwengulwe.

Funda okwengeziwe: Bheka isihloko esithi “Ngingazivikela Kanjani Kubanukubezi?”, esahlukweni 32 sencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 2.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela