Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 22
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo YeBhayibheli
  • Iqiniso NgoMbuso KaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2020
  • Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Umhlaba OyiPharadesi Ususondele!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • UMbuso KaNkulunkulu
    I-Phaphama!—2013
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 22
UJesu Kristu ubekwe esihlalweni sobukhosi njengenkosi yoMbuso kaNkulunkulu

Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

Impendulo YeBhayibheli

UMbuso kaNkulunkulu unguhulumeni ongokoqobo omiswe uJehova uNkulunkulu. “Umbuso kaNkulunkulu” uphinde ubizwe nangokuthi “umbuso wamazulu” eBhayibhelini ngoba ubusa usezulwini. (Marku 1:14, 15; Mathewu 4:17) Ufana ngezindlela eziningi nohulumeni babantu, kodwa ungcono kakhulu kunabo ngazo zonke izindlela.

  • Ababusi. UNkulunkulu umise uJesu Kristu njengeNkosi yoMbuso futhi umnike igunya elingaphezu kwanoma yimuphi umbusi ongumuntu. (Mathewu 28:18) UJesu usebenzisa amandla akhe ukuze enze okuhle kuphela, njengoba esezibonakalisile kakade ukuthi unguMholi onokwethenjelwa nonesihawu. (Mathewu 4:23; Marku 1:40, 41; 6:31-34; Luka 7:11-17) Eqondiswa uNkulunkulu, uJesu uye wakhetha abantu abavela kuzo zonke izizwe abayobusa naye ezulwini “njengamakhosi phezu komhlaba.”—IsAmbulo 5:9,10.

  • Isikhathi. Ngokungafani nohulumeni babantu, abangahlali isikhathi eside, uMbuso kaNkulunkulu ‘ngeke neze uchithwe.’—Daniyeli 2:44.

  • Izikhonzi. Noma ubani owenza lokho uNkulunkulu akufunayo angaba isikhonzi soMbuso kaNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi ungowaluphi uhlanga nokuthi wazalelwaphi.—IzEnzo 10:34, 35.

  • Imithetho. Imithetho (noma imiyalo) yoMbuso kaNkulunkulu yenza okungaphezu kokuvimbela ukuziphatha okubi. Iphakamisa izindinganiso zokuziphatha zezikhonzi zayo. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi: “‘Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho.’ Lona ngumyalo omkhulu kunayo yonke futhi ungowokuqala. Owesibili, onjengawo, yilo, ‘Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’” (Mathewu 22:37-39) Uthando ngoNkulunkulu nomakhelwane lushukumisa izikhonzi zoMbuso ukuba zenze ngendlela ebonisa ukucabangela abanye.

  • Imfundo. Njengoba uMbuso kaNkulunkulu ubekela izikhonzi zawo izindinganiso eziphakeme, uphinde ufundise abantu indlela yokufinyelela lezo zindinganiso.—Isaya 48:17, 18.

  • Injongo. UMbuso kaNkulunkulu awucebisi ababusi bawo ngokudla izimali zezikhonzi zawo. Kunalokho, uyofeza intando kaNkulunkulu, kuhlanganise nesithembiso sokuthi bonke abamthandayo bayophila phakade emhlabeni oyipharadesi.—Isaya 35:1, 5, 6; Mathewu 6:10; IsAmbulo 21:1-4.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela