HLALANI NILINDILE!
Ongakwenza Ukuze Ujabule Lapho Ukuphila Kunezinselele—Okushiwo IBhayibheli?
Kulezi zikhathi ezingaqinisekile, asikwazi ukulawula yonke into eyenzeka kithi. Noma kunjalo, ngokuvamile injabulo yethu incike endleleni esibheka ngayo izinto kunasezimweni esibhekene nazo. IBhayibheli lithi naphezu kwezinkinga ababhekana nazo, “abantu abajabule bahlale bekujabulela ukuphila.” (IzAga 15:15, Good News Translation) Yini esingayenza ukuze sijabule kakhudlwana? Ake sihlole ezinye izeluleko eziseBhayibhelini ezingakusiza.
Yilwa nokukhathazeka
IBhayibheli lithi:“Ukukhathazeka enhliziyweni yomuntu kuyenza isindwe, kodwa izwi elihle liyenza ijabule.”—IzAga 12:25.
IBhayibheli lingakusiza ungakhathazeki ngokweqile. Ukuze uthole ukuthi lingakusiza kanjani, funda isihloko esithi “Okushiwo IBhayibheli Ngokukhathazeka.”
Nqoba Isizungu
IBhayibheli lithi: “Umngani weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi futhi uba umfowenu ngesikhathi sosizi.”—IzAga 17:17
IBhayibheli linezeluleko ezingakusiza ube nabangani bangempela, okuzokusiza ulwe nesizungu. Funda isihloko esithi “Nqoba Isizungu Ngokuba Nabangani—Indlela IBhayibheli Elingasiza Ngayo.”
Thanda uNkulunkulu nomakhelwane
IBhayibheli lithi: “Kumele uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho. . . . Kumele uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.”a—Mathewu 22:37-39.
Umthandazo ungasisiza ukuba simthande nakakhulu uNkulunkulu. Ukuze uthole okwengeziwe, funda isihloko esithi “Ingabe UNkulunkulu Uyayizwa Imithandazo Yethu?”
Sibonisa ukuthi siyabathanda abanye ngokwenza lokhu uJesu akusho entshumayelweni yakhe edumile. Thola okwengeziwe esihlokweni esithi “Uyini UMthetho Wegolide?”
Mhlawumbe ungathanda ukufunda okwengeziwe ngokuthi iBhayibheli lingakusiza kanjani ujabule kulezi zikhathi eziyinselele. Uma ungathanda, sikumema ukuba uzame isifundo sethu seBhayibheli samahhala.
a UJehova yigama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.