Izinxushunxushu Zepolitiki Ezigcwalisa Isiprofetho SeBhayibheli
Namuhla, abantu bahlukene phakathi ngenxa yezepolitiki. Baphikisana ngemithetho ebekwe uhulumeni ethinta ukuphila kwabo futhi imibono yabo kwezepolitiki bayiveza ngendlela enobudlova. Ohulumeni abenza imithetho nezinye izikhulu zikahulumeni bayaphikisana futhi akekho ofuna ukwamukela umbono womunye. Lokho kungaboni ngaso linye kuholela ezinxushunxushwini zepolitiki futhi kubangela ukuba uhulumeni angakwazi ukusebenza kahle.
Izinxushunxushu zepolitiki ezise-United States naseBrithani (eyaziwa ngokuthi i-United Kingdom) zisho lukhulu oluzayo. Kungani? Kungenxa yokuthi iBhayibheli lalibikezele ukuthi kwakuyoba nezinxushunxushu kulezi zizwe zombili—yingaleso sikhathi kanye lapho uMbuso kaNkulunkulu uyongenela ukuze ushintshe isimo emhlabeni.
Izinxushunxushu zepolitiki kulezi “zinsuku zokugcina”
IBhayibheli linesiprofetho esijabulisayo esisencwadini kaDaniyeli. Kuleso siprofetho, uNkulunkulu wembula “okuyokwenzeka ezinsukwini zokugcina,” lapho uDaniyeli ebhala la mazwi wayebhekisela esikhathini esizayo lapho kwakuzoba noshintsho olukhulu kubantu.—Daniyeli 2:28.
Lesi siprofetho safika ngephupho uNkulunkulu alibonisa inkosi yaBhabhiloni. Kulelo phupho, inkosi yabona isithombe esikhulu esenziwe ngezinsimbi ezahlukahlukene. Kamuva, umprofethi uDaniyeli wasichaza leso sithombe kusukela ekhanda kuye ezinyaweni, leso sithombe simelela imibuso yezwe eyayiyoba namandla kakhulu bese ngokuhamba kwesikhathi ayaphela lawo mandla.a Ekugcineni, lesi sithombe siyophihlizwa yitshe elimelela uMbuso kaNkulunkulu, noma uhulumeni omiswe uNkulunkulu.—Daniyeli 2:36-45.
Ngokwalesi siprofetho, uMbuso kaNkulunkulu uyothathela bonke ohulumeni babantu indawo. Lo Mbuso, yilowo uJesu afundisa abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele lapho ethi: “UMbuso wakho mawuze.”—UMathewu 6:10.
Kulesi siprofetho seBhayibheli, yikuphi lapho kubikezelwa khona ngezinxushunxushu zepolitiki? Phawula ukuthi izinyawo zalesi sithombe “zaziyinsimbi exubene nobumba.” (Daniyeli 2:33) Leyo ngxube yobumba nensimbi yayihlukile kulezi zinsimbi ezakha isithombe, leyo ngxubevange ibonisa ukuthi kuyoba nombuso owodwa onamandla oyohluka kweminye imibuso. Kanjani? Isiprofetho sikaDaniyeli siyachaza:
Ngokwesiprofetho, izinyawo zesithombe zimelela imibuso enamandla eyobhekana nezinxushunxushu zepolitiki. Abantu abangaphansi kwayo le mibuso bayokwenza izinto eziyokwenza le mibuso iphelelwe amandla.
Isiprofetho sikaDaniyeli siyagcwaliseka namuhla
Izinyawo zesithombe zimelela imibuso yezwe enamandla namuhla, okuyi-United States isebenzisana neBrithani. Izinto ezenzeka namuhla zikufakazela kanjani lokho?
Izinyawo zesithombe zenziwe ‘ngensimbi exubene nobumba,’ okwenza izinyawo zibe buthaka. (Daniyeli 2:42) Namuhla, amandla e-United States neBrithani asebuthaka ngenxa yabantu abahlukene phakathi. Ngokwesibonelo, womabili la mazwe anabantu abaphikisanayo abahlukene phakathi. Abantu bayabhikisha belwela amalungelo abo. Ezikhathini eziningi, izikhulu ezivotelwe abantu ziyahluleka ukuvumelana ezintweni eziningi. Ngenxa yokuthi abantu bahlukene phakathi, le mibuso yomibili iyahluleka ukwenza izinto enqume ukuzenza.
Isimo salaba ohumeni sabikezelwa kuDaniyeli isahluko 2
Ake sithole okwengeziwe ngokuthi isho ukuthini eminye imininingwane yesiprofetho sikaDaniyeli nokuthi igcwaliseka kanjani namuhla:
Isiprofetho: “Lowo mbuso uyohlukana, kodwa ingxenye yawo iyoqina njengensimbi.”—Daniyeli 2:41.
Incazelo: Nakuba i-United States neBrithani ihlukene phakathi emibusweni yayo ngenxa yezinkinga zepolitiki ezihlukahlukene, womabili la mazwe anamabutho anamandla ezempi. Ngenxa yalokho, le mibuso ingenza izinto ezingathinta umhlaba wonke ngamandla ayo anjengensimbi.
Ukugcwaliseka Kwesiprofetho
Uma kubalwa izimali ezichithwe ezintweni ezisekela amasosha avikela izwe ngo-2023, i-United States ne-United Kingdom ichithe imali eningi ukwedlula amanye amazwe angu-12 ehlangene.—I-Stockholm International Peace Research Institute.
“Ubudlelwane obuphakathi kwe-United Kingdom ne-United States ukuze bavikele amazwe abo sebuqine nakakhulu kunamanye amazwe anomfelandawonye futhi basebenzisa ezobuchwepheshe zakamuva. Siyasebenzisana, sisekelane.”—I-Strategic Command, U.K. Ministry of Defence, April 2024.
Isiprofetho: “Njengoba izinzwane zezinyawo beziyinsimbi exubene nobumba, ingxenye yombuso iyoba namandla futhi enye ingxenye ibe buthaka.”—Daniyeli 2:42.
Incazelo: Nakuba i-United States neBrithani inebutho lempi elinamandla, la mazwe awakwazi ukwenza noma yini afuna ukuyenza ngenxa yendlela ohulumeni bawo abasebenza ngayo. Ngaphandle kwemvume yeningi, labo hulumeni abakwazi ukwenza noma yini abafuna ukuyenza.
Ukugcwaliseka Kwesiprofetho
“Abanye abahlaziyi bezepolitiki bathi ukuhlukana ngemibono kohulumeni baseMelika kwenza kube nzima nge-United States ukuba yenze lokho ethembise ukukwenza, ngokwesbonelo ezindabeni zokuvikela izwe nezohwebo.”—“The Wall Street Journal.”
“Bezilokhu ziningi izinkinga zepolitiki eBrithani ebezingekho ngaphambili, okuye kwaphazamisa osopolitiki. Ngaleyo ndlela izisebenzi zikahulumeni azikwazi ukwenza ushintsho oludingekayo ukuze zisize izakhamuzi.”—Institute for Government.
Isiprofetho: Ingxenye enamandla [umbuso] iyoxubana nabantu; kodwa ngeke banamathelane.”—Daniyeli 2:43.
Incazelo: Abantu abangebona osopolitiki banaso isandla kulokhu okwenzekayo kohulumeni kodwa imiphumela ayibajabulisi nezikhulu ngokufanayo.
Ukugcwaliseka Kwesiprofetho
“Namuhla, abantu abaningi baseMelika abanayo imibono emihle ngepolitiki nangosopolitiki.”—Pew Research Center.
“Namuhla, abantu baseBrithani abasabathembi ohulumeni nosopolitiki njengaseminyakeni engu-50 edlule.”—“National Centre for Social Research.”
Isiprofetho sikaDaniyeli siyogcwaliseka kanjani esikhathini esizayo?
Ngokwesiprofetho sikaDaniyeli, umfelandawonye we-United States neBrithani uyoba namandla, yilapho-ke umbuso kaNkulunkulu oyobe usubusa esikhundleni sabo bonke ohulumeni babantu.—Daniyeli 2:44.
Isiprofetho esabhalwa ngesikhathi esifanayo encwadini yeSambulo, iBhayibheli libonisa ukuthi ‘amakhosi ayobuthela ndawonye’ ukuze alwe noJehovab uNkulunkulu empini i-Armagedoni, ‘impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu umninimandla onke.’ (IsAmbulo 16:14, 16; 19:19-2116:14, 16; 19:19-21) Kule mpi uJehova uzobhubhisa bonke ohulumeni babantu, ngemva kwalokho angeke besabakhona ohulumeni abanamandla njengoba bemelelwa isithombe esisesiprofwethweni sikaDaniyeli.
Ukuze uthole okwengeziwe, bheka isihloko esithi “Iyini Impi Ye-Armagedoni?”
Zuza esiprofwethweni sikaDaniyeli esikhuluma ngezinxushunxushu zepolitiki
IBhayibheli labikezela ngezinxushunxushu ezenzeka namuhla e-United States naseBrithani futhi ukwazi lokhu kuyokwenza ukubuke ngelinye iso lokhu okwenzekayo.
Uzoqonda ukuthi kungani uJesu ayefuna abalandeli bakhe bengathathi hlangothi ezindabeni zepolitiki zaleli zwe. (Johane 17:16) Futhi uzofunda ukuthi kungani uJesu okhethwe uNkulunkulu njengenkosi yoMbuso wakhe athi, “uMbuso wami awuyona ingxenye yaleli zwe.”—Johane 18:36.
Uzoqiniseka ukuthi maduze uMbuso kaNkulunkulu uzoshintsha yonke into futhi ulethe izibusiso kubantu njengoba uNkulunkulu ethembisile.—IsAmbulo 21:3, 4.
Uzoqiniseka ngokuthi ikusasa lizoba ngcono futhi angeke usakhathazeka ngezinkinga eziphakathi kwezizwe ezizobhubhisa umhlaba.—IHubo 37:11, 29.
Isiprofetho sikaDaniyeli sikhombisa ukuthi umfelandawonye we-United States neBrithani omelelwa izinyawo esithombeni uyoba umbuso wokugcina onamandla oyobusa abantu. Ngemva kwalokho kuyoba nombuso obusa usemazulwini, uMbuso kaNkulunkulu!
Ukuze uthole okwengeziwe ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyobenzelani abantu, bukela ividiyo ethi Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
a Bheka ibhokisi elithi “Yimiphi Imibuso Yomhlaba Enamandla Isiprofetho SikaDaniyeli Esikhuluma Ngayo?”
b UJehova yigama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bheka isihloko esithi “Ungubani UJehova?”