Ingabe Imizamo Yokugcina Ukuthula Ingenza Umhlaba Ube Nokuthula Ngempela?
Izimpi nodlame kulokhu kuqhubekile emhlabeni. Ngenxa yalokho, inhlangano Yezizwe Ezihlangene nezinye izinhlangano zizama ukwenza ukuba kube nokuthulaa ngokuthi kube nabagadile ezindaweni ezinezinxushunxushu. Benethemba lokuthi kuzoba nokuthula kulezi zindawo ezinodlame. UNobhala-Jikelele we-UN u-António Guterres uthi “Abagcini bokuthula Benhlangano Yezizwe Ezihlangene bazibophezele ekwenzeni umhlaba ube nokuthula.”
Eminyakeni edlule, imizamo yokugcina ukuthula iye yaphumelela ngezinga ethile. Ngokwesibonelo, abazama ukugcina ukuthula baye bavikela izakhamuzi, babuyisela ababaleki emazweni abo, banikeza abantu usizo abaludingayo, bakha kabusha nezingqalasizinda ezibhidlikile. Kodwa ngenxa yezinkinga ezinkulu, le mizamo yokugcina ukuthula ayifezeki kahle. Siyoke sibe khona yini isixazululo esihlala njalo esiholela ezweni elinokuthula ngempela? IBhayibheli linaziphi izimpendulo?
Izinselele zokugcina ukuthula nesixazululo seBhayibheli
Inselele: ukungabambisani. Akulula ngaso sonke isikhathi ukuthola izinhlangano eziningi zempi nezingezona ezempi ezingasiza ekugcineni ukuthula, ngokuvamile kusetshenziswa izinhlangano ezivela emazweni ahlukene ukuze zisebenzisane. Ngezinye izikhathi, izinhlangano ezinjalo ziye zakuthola kunzima ukusebenzisana ngenxa yokungezwani nangenxa yokuthi zigxile ezintweni ezingafani.
Isixazululo seBhayibheli: “UNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso . . . uyophihliza yonke le mibuso uyiqede [imibuso yohulumeni], wona wodwa ume kuze kube phakade.”—Daniyeli 2:44.
Esikhathini esizayo esiseduze, uNkulunkulu uzoqeda zonke izimpi futhi alethe ukuthula emhlabeni. (IHubo 46:8, 9) Uyosusa bonke ohulumeni emhlabeni amise uhulumeni owodwa, okuwuMbuso kaNkulunkulu. Ngohulumeni owodwa wasezulwini oyobusa umhlaba ongenazinxushunxushu, ngeke sibe khona isidingo sezinhlangano ezizama ukugcina ukuthula.
Inselele: ukungabi nazo izinsiza ezanele namakhono. Izinhlangano ezizama ukugcina ukuthula zihlale zinezinkinga zokushodelwa izisebenzi, izinkinga zezizimali nezinye izinsiza, okwenza kube nzima ukuphumelela. Kanti futhi izisebenzi zalezi zinhlangano zivame ukusebenza ngaphansi kwezimo ezinzima neziyingozi.
Isixazululo seBhayibheli: “UNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu . . . ohleli [uJesu] ngakwesokudla sakhe ezindaweni zasezulwini, ngaphezulu kakhulu kwabo bonke ohulumeni namagunya namandla.”—Efesu 1:17, 20, 21.
UNkulunkulu uMninimandla onke, uJehova,b unike uJesu, iNkosi emisiwe yoMbuso kaNkulunkulu, izinto azidingayo ukuze ukubusa kwakhe kuphumelele. (Daniyeli 7:13, 14c) UNkulunkulu unikeze uJesu amandla amakhulu, ulwazi, ukuhlakanipha nokuqonda—okukhulu kakhulu kunokwanoma yimuphi uhulumeni wabantu noma inhlangano. (Isaya 11:2) UJesu ubuye abe nebutho lezingelosi ezinamandla. (IsAmbulo 19:14) Akahlulwa yilutho.
UJesu uzosebenzisa izinsiza namakhono uNkulunkulu amnikeze wona ukuze enze okungaphezu kokumane asuse izingxabano. Uyokwenza kube nokuthula kwangempela, ukulondeka nokuthula kwawo wonke umuntu ophila ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu.—Isaya 32:17, 18.
Inselele: imithetho evimbelayo. Izisebenzi ezizama ukugcina ukuthula ngezinye izikhathi zivinjelwa imithetho ethile engacacile kahle noma imithetho engazigunyazi ukuba ziye ezindaweni ezithile nokwenza imisebenzi ethile.
Isixazululo seBhayibheli: ‘[UJesu] unikwe lonke igunya ezulwini nasemhlabeni.’—Mathewu 28:18.
UNkulunkulu unikeze uJesu igunya elicacile lokwenza kube nokuthula emhlabeni negunya eligcwele lokufezekisa lokho. (Johane 5:22) UJesu akasoze enze ngokungenabulungisa noma akhohlakale. (Isaya 11:3-5) Yingakho iBhayibheli limbiza ngokuthi “iSikhulu Sokuthula,” uMbuso wakhe umiswe “ngobulungisa nangokulunga.”—Isaya 9:6, 7.
UMbuso kaNkulunkulu uyoletha ukuthula kwangempela
Umzamo wokwenza ukuthula ungaletha ukuthula ngezinga elincane futhi mhlawumbe ungaziqeda izinxushunxushu zodlame endaweni ngezinga elithile. Kodwa awukwazi ukususa impande yodlame—inzondo egcwele ezinhliziyweni zabantu.
“Inkinga enkulu ukuthi akukho kwakona lokhu kuthula abazama ukukugcina.”—UDennis Jett, owayeyinxusa lase-U.S.
Ngakolunye uhlangothi, uMbuso kaNkulunkulu uletha ukuthula kwangempela ngoba usiza abantu ukuba bayeke ukuzondana. Ngokwesibonelo, phawula ukuthi lapho uJesu esemhlabeni, wafundisa abalandeli bakhe ngezwi nangesibonelo indlela yokwenza ukuthula nokuthanda abanye:
UJesu wabuye wathi abantu ababuswa uMbuso kaNkulunkulu babeyobonakala ngokuthanda abanye. IBhayibheli likwenza kucace ukuthi uMbuso kaNkulunkulu ngeke ubabekezelele labo abazonda abanye abantu:
UJehova uNkulunkulu, owadala abantu, uyayazi indlela engcono kakhulu yokwenza ukuba kube nokuthula emhlabeni. UMbuso wakhe uzophumelela njengoba imizamo yabantu kuhlanganise nemizamo yokugcina ukuthula, yehlulekile.
a I-United Nations nezinye izinhlangano nazo zisebenzisa amagama anjengokuthi “ukwakha ukuthula,” “ukwenza ukuthula,” “ukwesekwa kokuthula,” kanye ”nemisebenzi yokuthula.”
b UJehova yigama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bheka isihloko esithi “Ungubani UJehova?”
c KuDaniyeli 7:13, 14, inkulumo ethi “indodana yomuntu” ibhekisela kuJesu Kristu—Mathewu 25:31; 26:63, 64.