Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mrt isihloko 98
  • Sidla Lubi Isizungu—Yini Engakusiza?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Sidla Lubi Isizungu—Yini Engakusiza?
  • Izihloko Ezengeziwe
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amavesi eBhayibheli angaba usizo
  • Nqoba Isizungu Ngokuba Nabangani—Indlela IBhayibheli Elingasiza Ngayo
    Izihloko Ezengeziwe
  • Ukudlondlobala Komzwangedwa—Lithini IBhayibheli
    Izihloko Ezengeziwe
  • Ukuba Nesizungu Ezweni Eligcwele Ezokuxhumana
    I-Phaphama!—2010
  • Ungavumeli Isizungu Sikuthonye Kabi Ukuphila Kwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
Bheka Okunye
Izihloko Ezengeziwe
mrt isihloko 98
Intombazane ephatheke kabi, ihlezi phambi kwekhompyutha ebusuku ibeke izandla ebusweni.

Justin Paget/​Stone via Getty Images

Sidla Lubi Isizungu​—⁠Yini Engakusiza?

  • “Cishe uhhafu wentsha eMelika ukhala ngesizungu, lokhu kwenzeka kakhulu ezinsizweni nasezintombini.”—Incwadi ethi Our Epidemic of Loneliness and Isolation: The U.S. Surgeon General’s Advisory on the Healing Effects of Social Connection and Community, 2023.

  • “[I-World Health Organization] imemezele iKhomishana entsha enikwe umsebenzi wokwenza ucwaningo ngesizungu esibhekwa njengosongo olukhulu empilweni, iphinde ikhuthaze abantu ukuba bakhe ubungani nabanye bese ithola izindlela ezingcono zokulwa nesizungu kuwo wonke amazwe, kungakhathaliseki ukuthi lawo mazwe ahlwempu kangakanani.”—I-World Health Organization, Novemba 15, 2023.

IBhayibheli linamacebiso angasisiza sakhe ubungani nabanye, singabi nesizungu.

Amavesi eBhayibheli angaba usizo

Nciphisa izinto ezikuhlukanisa kwabanye. Phakathi kwalezo zinto singabala ukusebenzisa kakhulu izinkundla zokuxhumana. Zama ukufuna amathuba okuba nabantu, wenze abangani beqiniso.

  • Okushiwo iBhayibheli: “Umngani weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi futhi uba umfowenu ngesikhathi sosizi.”—IzAga 17:17.

Funa amathuba okusiza abanye. Ukwenzela abanye izinto ezinhle akugcini nje ngokuqinisa ubudlelwano bethu nabo, kodwa nathi kusenza sijabule.

  • Okushiwo iBhayibheli: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.

Vula iwebusayithi yethu ukuze uthole eminye imininingwane evela eBhayibhelini mayelana nendlela yokwakha ubungani obuqotho.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela