Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mrt isihloko 87
  • Abantu Abangayithi Mbibi Inyama—Lithini IBhayibheli?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abantu Abangayithi Mbibi Inyama—Lithini IBhayibheli?
  • Izihloko Ezengeziwe
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela uMdali wethu ababheka ngayo abantu nezilwane
  • Indlela eya ekuphileni okungcono
  • UMBONO WEBHAYIBHELI
    I-Phaphama!—2015
  • Ingabe Ukudla Inyama Akulungile?
    I-Phaphama!—1997
  • Izilwane Ziyaya Yini Ezulwini?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ingabe UNkulunkulu Uyazikhathalela Izilwane?
    I-Phaphama!—2011
Bheka Okunye
Izihloko Ezengeziwe
mrt isihloko 87
Izithelo, imifino nezinongo ezihlukahlukene.

fcafotodigital/E+ via Getty Images

Abantu Abangayithi Mbibi Inyama—Lithini IBhayibheli?

Emhlabeni wonke, baningi kakhulu abantu ebathintayo le ndaba yokuphila ngezithelo nemifino.

  • “Abantu abangayifuni inyama bakugwema ngazo zonke izindlela ukuhlaba noma ukusebenzisa izilwane ukuze badle, bagqoke, noma benze ezinye izinto.”—I-Vegan Society.

Abanye abantu abagwema ukudla inyama, lokho abakwenzi nje ngenxa yokuthi bathanda izilwane, kodwa abanye bakwenziswa uthando lwabo ngemvelo, impilo, noma izizathu ezihlobene nenkolo.

  • “Lo mkhuba wokugwema inyama awufani neminye imikhuba yokukhetha ukudla, ngesizathu sokuthi kubhekwa njengenkolelo, njengesenzo sokuziphatha kahle, nanjengendlela umuntu ngamunye angabamba ngayo iqhaza ukuze izinto zibe ngcono emhlabeni.”—I-Britannica Academic.

Ingabe ukugwema inyama kuzosenza sibe nekusasa elingcono kulo mhlaba? Lithini iBhayibheli?

Indlela uMdali wethu ababheka ngayo abantu nezilwane

EBhayibhelini, uMdali wethu uJehova uNkulunkulu,a uveza ukuthi abantu bakhulu kunezilwane, nokuthi unike abantu igunya phezu kwezilwane. (Genesise 1:27, 28) UNkulunkulu wagcina ebavumelile abantu ukuba badle izilwane. (Genesise 9:3) Kodwa akathandi ukuba kuhlukunyezwe izilwane.—IzAga 12:10.

NgokweBhayibheli, ukuthi siyayidla yini inyama noma cha, isinqumo somuntu ngamunye.b Isinqumo esisenzayo asisenzi sibe ngabantu abangcono emehlweni kaNkulunkulu. (1 Korinte 8:8) Akekho umuntu okufanele agxeke omunye ngesinqumo asenzayo endabeni yokudla.—Roma 14:3.

Indlela eya ekuphileni okungcono

IBhayibheli lisitshela ukuthi izinkinga ezisemhlabeni, ngeke zilungiswe indlela esikhetha ukuphila ngayo. Izinkinga eziningi zibangelwa ezepolitiki, abantu, nezimo zomnotho zaleli zwe, esingeke senze lutho ngazo. IBhayibheli lithi:

  • “Okugwegwile akunakuqondiswa.”—UmShumayeli 1:15.

UMdali wethu uzozilungisa izinkinga esibhekene nazo. IBhayibheli lisebenzisa ulimi olungokomfanekiso ukuze lichaze lokho azokwenza.

  • “Ngabona izulu elisha nomhlaba omusha; ngoba izulu langaphambili nomhlaba wangaphambili kwase kudlulile, nolwandle lungasekho.”—IsAmbulo 21:1.

Esikhundleni sohulumeni babantu noma “izulu langaphambili,” uNkulunkulu uyofaka “izulu elisha,” uMbuso wakhe wasezulwini. UMbuso wakhe uzosusa ‘umhlaba wangaphambili,’ abantu abakhohlakele, ubuse ‘umhlaba omusha,’ noma labo abazimisele ukuzithoba egunyeni lawo.

Kungaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu kuphela lapho abantu beyofunda khona ukuphila kahle nezilwane futhi bahloniphe imvelo.—Isaya 11:6-9.

“Senginokuthula kwengqondo”

UJukka wayelwela amalungelo ezilwane, kodwa waphela amandla lapho ebona ukuthi akuzamayo akwenzi umehluko otheni. Wabe esethola indlela engcono yokunqanda ukuhlukunyezwa kwezilwane. Funda indaba yakhe.

a Elithi Jehova igama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.

b IBhayibheli lisiyala ukuba ‘siqhubeke sideda egazini.’ (IzEnzo 15:28, 29) Lokhu kusho ukuthi akufanele siphuze igazi noma sidle inyama yesilwane esingophiswanga; futhi akufanele sidle noma yikuphi ukudla okufakwe igazi.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela