HLALANI NILINDILE!
Umhlaba Ucekelwa Phansi—Lithini IBhayibheli?
“Siphokophele enhlekeleleni yesimo sezulu. Amadolobha amakhulu acwila emanzini. Kunokushisa okungakaze kube khona. Iziphepho ezisabisayo. Ukusweleka kwamanzi kuyo yonke indawo. Ukuqothulwa kwezigidi zezitshalo nezilwane. Lokhu akuyona inganekwane noma ihaba. Yilokho ososayensi abathi kuzokwenzeka uma imithetho yokusetshenziswa kwamandla ingashintshwa.”—Inkulumo ka-António Guterres, unobhala-jikelele weZizwe Ezihlangene, ngokuphathelene nombiko we-Intergovernmental Panel on Climate Change wango-Ephreli 4, 2022.
“Ososayensi baxwayisa ngokuthi eminyakeni ezayo cishe wonke amapaki angu-423 [ase-United States] azobe esonakaliswe ukushintsha kwesimo sezulu, ikakhulukazi ngenxa yokuthi achayeke emazingeni okushisa anyukayo. Lezi zinto ezimbi ezingase zenzeke zizwakala njengezinhlekelele esingafunda ngazo eBhayibhelini: umlilo nezikhukhula, iqhwa elincibilikayo, ukuphakama kolwandle nokushisa okukhulu.”—Ngokwe-New York Times kaJuni 15, 2022, esihlokweni esithi “Flooding Chaos in Yellowstone, a Sign of Crises to Come.”
Ingabe lezi zinkinga zemvelo zomhlaba wonke zingaxazululeka? Uma kunjalo, ubani ozozixazulula? Cabanga ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngempela.
Ukucekelwa phansi kwemvelo kwabikezelwa
IBhayibheli lithi uNkulunkulu ‘uzobhubhisa labo abacekela phansi umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) Leli vesi leBhayibheli lisifundisa izinto ezintathu:
1. Izenzo zabantu ziyodala umonakalo omkhulu emhlabeni.
2. Ukucekelwa phansi komhlaba kuzophela.
3. NguNkulunkulu ozoxazulula izinkinga zemvelo zomhlaba wonke, hhayi abantu.
Ikusasa lomhlaba wethu lilondekile
IBhayibheli lithi “umhlaba uhlala kuze kube phakade.” (UmShumayeli 1:4) Kuzohlale kunabantu abahlala kuwo.
“Abalungile bayodla ifa lomhlaba, bahlale kuwo kuze kube phakade.”—IHubo 37:29.
Umhlaba wethu uzolungiswa ngokuphelele.
“Ihlane nezwe elomile kuyothokoza, ithafa eliwugwadule liyojabula liqhakaze njengesafroni.”—Isaya 35:1.