Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mrt isihloko 34
  • Ingabe Udlame Nokwesabisa Kuyoke Kuphele?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Udlame Nokwesabisa Kuyoke Kuphele?
  • Izihloko Ezengeziwe
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UNkulunkulu uzizwa kanjani ngodlame nokwesabisa?
  • Imbangela yodlame nokwesabisa
  • Ukuphela kodlame nokwesatshiswa
  • Ubuphekula—Buzophela Maduze!
    I-Phaphama!—2001
  • Ubuphekula—Obani Abathintekile?
    I-Phaphama!—1987
  • Ubuphekula—Liyini Ikhambi?
    I-Phaphama!—1987
  • Ubuphekula—Yini Ebubangelayo Futhi Ngani?
    I-Phaphama!—1987
Bheka Okunye
Izihloko Ezengeziwe
mrt isihloko 34
Abezicishamlilo basiza abantu ngemva kokuwa kwebhilidi.

Ingabe Udlame Nokwesabisa Kuyoke Kuphele?

Luningi kakhulu udlame emhlabeni, ezinye izenzo zodlame zihloselwe ukwesabisa abantu nokuthi kwenziwe izinguquko kwezepolitiki, kwezenkolo, noma emphakathini. Ngemva kokubona lolo dlame, nawu umbuzo ongase uzifikele engqondweni: ‘Ingabe uNkulunkulu unendaba? Kungani lezi zinto zenzeka? Luyoke luphele yini lolu dlame? Ngingaphila kanjani nalokhu kwesaba?’ IBhayibheli liyiphendula kahle le mibuzo.

UNkulunkulu uzizwa kanjani ngodlame nokwesabisa?

UNkulunkulu uyaluzonda udlame nokwesabisa. (IHubo 11:5; IzAga 6:16, 17) NoJesu, ummeleli kaNkulunkulu, wabakhuza abafundi bakhe lapho beba nodlame. (Mathewu 26:50-52) Nakuba abanye lokhu bekwenza egameni likaNkulunkulu, kodwa akabanikanga ilungelo lokwenza kanjalo. Empeleni, akayilaleli ngisho nemithandazo yabo.—Isaya 1:15.

UNkulunkulu ubakhathalela bonke abantu abahluphekayo, kuhlanganise nalabo abahlukunyezwe udlame nabesatshiswayo. (IHubo 31:7; 1 Petru 5:7) IBhayibheli lembula nokuthi uNkulunkulu uzothatha isinyathelo ukuze aqede udlame.—Isaya 60:18.

Imbangela yodlame nokwesabisa

IBhayibheli lembula umnyombo wodlame nokwesabisa: ‘Umuntu ubusa omunye umuntu kube ukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Kuwo wonke umlando, abantu abanegunya basebenzise udlame ukuze bacindezele abanye. Lapho becindezelwa, abanye basebenzise udlame nokwesabisa ukuze nabo bazilwele.—UmShumayeli 7:7.

Ukuphela kodlame nokwesatshiswa

UNkulunkulu uthembisa ukuqeda ukwesaba nodlame, bese enza kube nokuthula emhlabeni. (Isaya 32:18; Mika 4:3, 4) Nakhu azokwenza:

  • Uzosusa imbangela yodlame nokwesabisa. UNkulunkulu uzomisa uMbuso wakhe ozobusa emhlabeni wonke esikhundleni sohulumeni babantu. INkosi yalo Mbuso, uJesu Kristu, izobaphatha kahle bonke abantu, iqede ukucindezelwa nodlame. (IHubo 72:2, 14) Ngaleso sikhathi, akekho oyoba nodlame futhi asabise abanye. Abantu “bayothola injabulo enkulu ngenxa yokuthula okuchichimayo.”—IHubo 37:10, 11.

  • Uzolungisa wonke umonakalo odalwe udlame nokwesabisa. UNkulunkulu uyobelapha abantu emiphumeleni edalwe yilolu dlame nokwesabisa, olubathinte ngokoqobo noma ngokomzwelo. (Isaya 65:17; IsAmbulo 21:3, 4) Uthembisa ngisho nokuvusa abafile, ababuyisele ekuphileni emhlabeni onokuthula.—Johane 5:28, 29.

IBhayibheli lisinikeza izizathu ezinhle zokukholelwa ukuthi uNkulunkulu uzokwenza lokho maduzane. Nokho, ungase uzibuze, ‘Kungani uNkulunkulu engakaluqedi lolu dlame nokwesabisa?’ Ukuze uthole impendulo, bukela ividiyo ethi Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?

IBhayibheli lisiza abantu ukuba bakwazi ukubhekana nalokhu

Nazi izinto ezimbili iBhayibheli elizikhuthazayo ezingakusiza.

  • Thandaza kuNkulunkulu.—Filipi 4:6, 7.

  • Gxila emyalezweni weBhayibheli wethemba.—Hebheru 6:19.

Ukuze uthole amanye amacebiso asekelwe eBhayibhelini, bheka isihloko esithi “Indlela Yokulawula Ukukhathazeka.”

OFakazi BakaJehova abaye babhekana nodlame nokwesatshiswa basizwe nangabantu abakholwa nabo. Cabanga ngalezi zibonelo ezimbili:

  • Imihlobiso yesikhumbuzo ebekwe ngaphandle kwesikole iBeslan, eRussia.

    UNatalya nendodana yakhe ena-9, u-Aslan, babesesikoleni iBeslan, eRussia, ngesikhathi izidlamlilo ezihlomile zihlasela futhi zithumba abantu abangaphezu kuka-1 000. Ngokudabukisayo, kwafa amakhulu, iningi kwakuyizingane. Nakuba uNatalya no-Aslan basinda, basala behlukumezekile. Thola ukuthi yini eyabasiza balulama.

  • UPablo noSophie.

    UPablo noSophie nabo bashonelwa indodana yabo ngesikhathi kuhlaselwa iTwin Towers eNew York. Buka le vidiyo ukuze uthole ukuthi yini eyabasiza bona kanye nabanye abahlukunyezwa yilokhu kuhlasela.

IBhayibheli liyabasiza abantu ukuba bashintshe

Kuyabakhungathekisa abantu abaningi ukungabi nabulungisa nokucindezelwa okusemhlabeni. Bangase bacabange ukuthi udlame nokwesabisa ukuphela kwesixazululo. Bangashintsha yini abantu abanjalo? Yebo. Ukuze uthole ukuthi iBhayibheli libasize kanjani abanye benza kanjalo, funda isihloko esithi “Lingaba Khona Yini Izwe Elingenabo Ubuphekula?”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela