Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • mrt isihloko 16
  • Usizo Lwezisulu Zodlame Lwasekhaya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Usizo Lwezisulu Zodlame Lwasekhaya
  • Izihloko Ezengeziwe
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Awuyona imbangela yodlame lwasekhaya obhekene nalo
  • Lukhona usizo
  • Awuwedwa
  • Udlame lwasekhaya luzophela
  • “Isikhathi Sokuphola”
    I-Phaphama!—1991
  • Ukuphela Kobudlova Basekhaya
    I-Phaphama!—1993
  • Amanxeba Afihlekile Okuxhashazwa Kwabantwana
    I-Phaphama!—1991
  • Yini Ebangela Ubudlova Basekhaya?
    I-Phaphama!—1993
Bheka Okunye
Izihloko Ezengeziwe
mrt isihloko 16
Owesifazane unethemba njengoba ebuka ulwandle ilanga lishona.

Usizo Lwezisulu Zodlame Lwasekhaya

I-World Health Organization ithi, “emhlabeni wonke, udlame olubhekiswe kwabesifazane lunjengobhubhane oludinga ukusingathwa ngokushesha.” Le nhlangano ithi, ‘kubo bonke abesifazane abake baba sebudlelwaneni nothile, kulinganiselwa ukuthi amaphesenti awu-30 abo aye ahlukunyezwa ngokocansi noma ashaywa’ umuntu athandana naye. Umbiko we-UN ulinganisela ukuthi komunye unyaka muva nje, emhlabeni wonke kuye kwafa abesifazane abangu-137 usuku ngalunye, bebulawa umuntu abasebudlelwaneni naye noma ilungu lomndeni.a

Izibalo zingase ziveze ubukhulu benkinga yodlame lwasekhaya, kodwa ngeke zikwazi ukuchaza ubuhlungu obungokomzwelo nobuhlungu obungokomzimba isisulu ngasinye esibhekana nabo.

Ingabe uyisisulu sodlame lwasekhaya? Noma ingabe ukhona omaziyo oyiso? Uma kunjalo, cabanga ngamaphuzu alandelayo aseBhayibhelini angakusiza.

Awuyona imbangela yodlame lwasekhaya obhekene nalo

Lukhona usizo

Awuwedwa

Udlame lwasekhaya luzophela

Indlela ongasisiza ngayo isisulu

Awuyona imbangela yodlame lwasekhaya obhekene nalo

Okushiwo iBhayibheli: “Ngamunye wethu uyozilandisela kuNkulunkulu.”—Roma 14:12.

Khumbula lokhu: Okuhlukumezayo nguye osephutheni.

Uma osebudlelwaneni naye esola wena ngokukuhlukumeza, unephutha. Amakhosikazi kufanele athandwe, angahlukunyezwa.—Kolose 3:19.

Ngezinye izikhathi, umuntu okuhlukumezayo kungenzeka ukuhlukumeza ngenxa yokuthi unesifo sengqondo, indlela akhule ngayo, noma usebenzisa kabi utshwala. Noma kunjalo, uyolandisa kuNkulunkulu ngendlela akuphatha ngayo. Futhi nguye odinga ukwenza konke okusemandleni akhe ukuze ashintshe indlela akuphatha ngayo.

Lukhona usizo

Okushiwo iBhayibheli: “Kuba khona okufezwayo uma abeluleki bebaningi.”—IzAga 15:22.

Khumbula lokhu: Uma uzizwa ungaphephile noma ungazi ukuthi wenzeni, abanye bangakusiza.

Kungani ungase udinge usizo lwabanye? Inzima indaba yodlame lwasekhaya. Lapho uzama ukunquma ukuthi uzoyixazulula kanjani le nkinga, ungase udideke ukuthi ikuphi okubaluleke kakhulu kulezi zinto ezilandelayo:

  • Ukuphepha kwakho

  • Inhlalakahle yezingane zakho

  • Isimo sakho sezimali

  • Uthando lwakho ngosebudlelwaneni naye

  • Isifiso sokulungisa izinto naye uma kwenzeka eshintsha

Kungokwemvelo ukuzizwa udidekile futhi ukhungathekile. Ungaya kubani ukuze uthole usizo?

Umngani omethembayo noma omunye emndenini angase akwazi ukukunikeza usizo olungokoqobo futhi akusekele ngokomzwelo. Ukukhuluma nomuntu okukhathalelayo kungakusiza kakhulu.

Ukufonela izinombolo ezihlelelwa ukusiza izisulu zodlame lwasekhaya kungakusiza ngaso leso sikhathi. Abaphendula lezi zingcingo bangakusiza bakutshele ongakwenza ukuze uphephe. Uma umuntu osebudlelwaneni naye eyivuma inkinga yakhe futhi efuna ngempela ukushintsha, abantu abaphendula lezi zingcingo bangase bamsize ngezinyathelo zokuqala okudingeka azithathe.

Ezinye izindawo zezimo eziphuthumayo zingakusiza uma udinga usizo ngokushesha. Lokhu kuhlanganisa odokotela, abahlengikazi nabanye abaqeqeshelwe lezi zimo.

Awuwedwa

Okushiwo iBhayibheli: “UJehovab useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; uyabasindisa abadangele.”—IHubo 34:18.

Khumbula lokhu: UNkulunkulu uthembisa ukuthi uzokusiza.

UJehova ukukhathalela ngokujulile. (1 Petru 5:7) Uyayiqonda indlela ocabanga ngayo nozizwa ngayo. Angakududuza ngeZwi laKhe, iBhayibheli. Futhi ucela ukuba uthandaze kuye. Lapho uthandaza, ungamcela akunikeze ukuhlakanipha namandla okubhekana nesimo okuso.—Isaya 41:10.

Udlame lwasekhaya luzophela

Okushiwo iBhayibheli: “Bayohlala kube yilowo nalowo ngaphansi kwesihlahla sakhe samagilebhisi nangaphansi kwesihlahla sakhe somkhiwane, akekho oyobenza besabe.”—Mika 4:4.

Khumbula lokhu: IBhayibheli lithembisa ukuthi maduze kuyoba nesikhathi lapho ikhaya liyoba indawo enokuthula.

UJehova uNkulunkulu nguye kuphela onesisombululo kuzo zonke izinkinga zethu. IBhayibheli lithembisa ukuthi: “Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.” (IsAmbulo 21:4) Ngaleso sikhathi, ngisho nezinkumbulo ezimbi ziyoya ziphela njengoba zithathelwa indawo izinkumbulo ezinhle. (Isaya 65:17) Yileli ikusasa iBhayibheli elikuthembisa lona.

a Kulesi sihloko lapho kukhulunywa ngesisulu kubhekiselwa kumuntu wesifazane, kodwa amaphuzu okukhulunywa ngawo asebenza nakubantu besilisa abayizisulu.

b IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.

Indlela ongasiza ngayo isisulu

Ingabe ukhona umuntu omaziyo oyisisulu sodlame lwasekhaya? Ngisho noma ungakuqeqeshelwanga ukusiza kulezi zimo, ungase ukwazi ukumsiza.c

Yiba nozwela lapho ulalele. (Jakobe 1:19) Mtshele ukuthi lapho edinga ukukhuluma ukhona ukuba umlalele, kodwa ungamphoqi ukuba akhulume. Mqinisekise ukuthi uyakukholwa akushoyo.​—IzAga 20:5.

Omunye umthombo wodlame lwasekhaya uthi: “Kudingeke aqunge isibindi ukuze akhulume nawe. [Izisulu] zivame ukukufihla ukuhlukunyezwa noma zikuthalalise, kunokukwenza ihaba. Ungase ukuthole kunzima ukucabanga ukuthi umuntu omaziyo uhlukumeza abanye. Kodwa maningi amathuba okuba lowo ohlukumezayo aziveze emuhle kuwe kunalokho okushiwo isisulu ngaye.”

Khuluma ngendlela eyakhayo. (1 Thesalonika 5:11) Khuluma ngendlela ezomenza azizwe ewutho. Mtshele ukuthi unendaba naye. Mkhumbuze ngezinto azenza kahle nobuntu bakhe obuhle. Mkhuthaze ukuba afune usizo.

Msekele. (IzAga 17:17) Mnikeze usizo olungokoqobo, njengokumgadela izingane isikhashana noma ukumenzela ukudla. Qiniseka ukuthi uyazi yini ukuthi kufanele enzeni uma isimo sishuba, nokuthi uzoya kuphi ukuze aphephe.

Msize azethembe ukuthi angakwazi ukuzenzela izinqumo. (Galathiya 6:5) Mnikeze amacebiso ezinto angazenza. Kodwa ungamtsheli ukuthi enzeni.

c Uma ukhathazeke ngesisulu sobulili obuhlukile, lapho usisiza, ugawule ubheke. Kungcono kakhulu ukusikhuthaza ukuba sifune usizo kumngani wobulili obufanayo esimethembayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela