Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 100
  • Yini Engingayenza Uma Ngiphule Umthetho Wasekhaya?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Engingayenza Uma Ngiphule Umthetho Wasekhaya?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okungafanele ukwenze
  • Indlela engcono yokulungisa umonakalo
  • Ngingabenza Kanjani Abazali Bami Ukuba Bangethembe?
    Intsha Iyabuza
  • Kungani Abazali Bami Bengafuni Ngizijabulise?
    Intsha Iyabuza
  • Kungani Kunemithetho Eminingi Kangaka?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Kungani Abazali Bami Bengangethembi?
    I-Phaphama!—2008
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 100
Abazali bakhathazekile futhi bakhuluma nendodakazi yabo ebuye sesidlulile isikhathi ebekelwe sona.

INTSHA IYABUZA

Yini Engingayenza Uma Ngiphule Umthetho Wasekhaya?

Cishe yonke imindeni inemithetho yasekhaya, enjengokuthi kumele ubuye ngasiphi isikhathi ekhaya, isikhathi osichitha usemishinini yezobuchwepheshe nendlela ophatha ngayo abanye.

Kuthiwani uma wephule umthetho wasekhaya? Angeke ukushintshe okwenzekile kodwa kukhona okuthile ongakwenza ukuze izinto zingabi zimbi nakakhulu. Lesi sihloko sizokubonisa ukuthi ungakwenza kanjani lokho.

  • Okungafanele ukwenze

  • Indlela engcono yokulungisa umonakalo

  • Okushiwo ontanga

Okungafanele ukwenze

  • Uma abazali bakho bengazi ukuthi wephule umthetho ungase ulingeke ukuba ufihle okwenzile.

  • Uma bazi ukuthi wephule umthetho ungase ulingeke ukuba uzivikele noma usole omunye umuntu ngesenzo sakho.

Konke lokhu akukuhle. Kungani? Ngoba ukufihla okwenzile noma ukuzama ukuzivikela kubonisa ukuthi awukakhuli kahle. Kumane kubonisa abazali bakho ukuthi usadinga ukukhula.

“Ukuqamba amanga akukaze kwaba isixazululo. Ngokuhamba kwesikwathi, iqiniso liyovela futhi isijeziso oyosithola siyoba sikhulu kunaleso ubuyosithola ukube ukhulume iqiniso zisuka nje.”—UDiana.

Indlela engcono yokulungisa umonakalo

  • Vuma iphutha lakho Abazali bakho bayazi ukuthi unesono. Kodwa balindele ukuba ukhulume iqiniso. IBhayibheli lithi: “Ofihla iziphambeko zakhe ngeke aphumelele.” (IzAga 28:13).

    “Abazali bakho bayokuzwela uma ukhuluma iqiniso. Lapho ukhuluma iqiniso, abazali bakho bayokwethemba nakakhulu.”—U-Olivia.

  • Xolisa. IBhayibheli lithi: “Gqokani ukuthobelana.” (1 Petru 5:5) Kudingeka uthobeke ngempela ukuze ukwazi ukuthi “Ngiyaxolisa” ngaphandle kokubeka izaba.

    “Abantu abahlezi bebeka izaba, kancane kancane unembeza wabo ugcina ungasabakhuzi lapho benza okubi. Ukwenza okubi kugcina kungasabenzi bashaywe unembeza.”—UHeather.

  • Yamukela imiphumela yezenzo zakho. IBhayibheli lithi: “Lalelani isiyalo.” (IzAga 8:33) Gwema ukukhononda futhi uhambisane nanoma isiphi isijeziso abazali bakho abakunika sona.

    “Uma ulokhu ukhononda ngesijeziso ositholile, izinto zizoba zimbi. Thola indlela yokwamukela isijeziso, kodwa ungagxili kulokho okukulahlekele.”—UJason.

  • Sebenza kanzima ukuze baphinde bakwethembe. IBhayibheli lithi: ‘Lahlani ubuntu obudala obuvumelana nenkambo yenu yokuziphatha yangaphambili.’ (Efesu 4:22) Qhubeka uziphatha kahle ukuze abazali bakho baphinde bakwethembe.

    “Uma uqhubeka wenza izinqumo ezihlakaniphile futhi ubonisa abazali bakho ukuthi ngeke uphinde iphutha elifanayo, lokho kuyokwenza bakwethembe futhi.”—UKaren.

ICEBISO: Yenza okungaphezu kwalokho okulindeleke ukuba ukwenze ukuze ubonise abazali bakho ukuthi basengakwethemba. Ngokwesibonelo, ngokuzayo uma unendlela, batshele abazali bakho ukuthi uzobuya nini—ngisho nalapho uzobuya ngaphambi kwesikhathi osibekile. Lokhu kuzobasiza babone ukuthi ufuna bakwethembe.

Okushiwo ontanga

UUDarius.

“Lapho ufihlela abazali bakho iqiniso ngalokho okwenzile, usuke uqamba amanga. Ekugcineni, abazali bakho bayokwazi ngokwenzile futhi uyothola isijeziso esinzima kakhulu kunaleso obuzosithola ukube ukhulume iqiniso zisuka nje.”—UDarius.

USierra.

“Lapho sisola abanye ngalokho esikwenzile kubonakala sengathi asikhulile ngokwanele futhi asifuni ukuvuma amaphutha ethu. Abazali bethu ngeke basethembe uma singafuni ukuvuma amaphutha ethu futhi sixolise ngalokho esikwenzile.”—USierra.

Ukubukeza: Yini engingayenza uma ngiphule umthetho wasekhaya?

  • Vuma iphutha lakho. Abazali bakho bayazi ukuthi unesono. Kodwa balindele ukuba ukhulume iqiniso.

  • Xolisa. Kudingeka uthobeke ngempela ukuze ukwazi ukuthi “Ngiyaxolisa” ngaphandle kokubeka izaba.

  • Yamukela imiphumela yezenzo zakho. Gwema ukukhononda futhi uhambisane nanoma isiphi isijeziso abazali bakho abakunika sona.

  • Sebenza kanzima ukuze baphinde bakwethembe. Qhubeka uziphatha kahle ukuze abazali bakho baphinde bakwethembe.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela