Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwhf isihloko 37
  • Ukusebenzisa Kabi Utshwala Emshadweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusebenzisa Kabi Utshwala Emshadweni
  • Usizo Lomndeni
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusebenzisa kabi utshwala nomshado—amanzi namafutha
  • Ingabe awusakwazi ukuphila ngaphandle kotshwala?
  • Kuqaphele ukungafuni ukuvuma ukuthi unenkinga
  • Ongakwenza
  • Ukuphuza Ngokweqile Kanye Nempilo
    I-Phaphama!—2005
  • Ukukhuluma Nezingane Ngotshwala
    Usizo Lomndeni
  • AmaKristu Kufanele Akubheke Kanjani Ukuphuza Utshwala?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Londoloza Umbono Olinganiselayo Ngotshwala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
Bheka Okunye
Usizo Lomndeni
ijwhf isihloko 37
Phezu kwetafula kunezindandatho ezimbili namabhodlela otshwala ahlukahlukene.

USIZO LOMNDENI | UMSHADO

Ukusebenzisa Kabi Utshwala Emshadweni

Ingabe oshade naye uye waveza ukukhathazeka ngendlela osebenzisa ngayo utshwala? Uma kunjalo, kunezinto okufanele ucabange ngazo.

Okukulesi sihloko

  • Ukusebenzisa kabi utshwala nomshado—amanzi namafutha

  • Ingabe awusakwazi ukuphila ngaphandle kotshwala?

  • Kuqaphele ukungafuni ukuvuma ukuthi unenkinga

  • Ongakwenza

Ukusebenzisa kabi utshwala nomshado—amanzi namafutha

Ukusebenzisa kabi utshwala kungaholela ezinkingeni eziningi zempilo ezihlanganisa isifo senhliziyo, ukusha kwesibindi nomdlavuza. Ukusebenzisa kabi utshwala akuyona inkinga yempilo nje kuphela kodwa kuyinkinga nasemshadweni ngoba kungabanga udlame lwasekhaya, izinkinga zemali, ukungathembeki kanye nedivosi imbala.

IBhayibheli lithi lapho utshwala busetshenziswa kabi, ‘buluma njengenyoka, bukhiphe ubuthi njengenyoka enesihlungu.’ (IzAga 23:32) Wazi kanjani ukuthi awusakwazi ukuphila ngaphandle kotshwala?

Ingabe awusakwazi ukuphila ngaphandle kotshwala?

Imibuzo elandelayo ingakusiza uzihlole:

  • Ingabe ukuthola kunzima ukulawula indlela phuza ngayo?

  • Ingabe uhlale ucabanga ngokuthi uzophuza nini?

  • Ingabe uyaqhubeka uphuza nakuba lokho kukubangela izinkinga ekuphileni kwakho nasemshadweni wakho?

  • Ingabe uyagula lapho uzama ukubuyeka?

  • Ingabe indlela ophuza ngayo ibanga izingxabano phakathi kwakho noshade naye?

  • Ingabe usukwazi ukuphuza kakhulu kunakuqala?

  • Ingabe uyabushushumbisa noma ubufihle utshwala ekhaya noma emsebenzini?

Uma uphendule ngo-yebo kowodwa noma kweminye yale mibuzo kungenzeka awusakwazi ukuphila ngaphandle kotshwala. Kungenzeka unenkinga yokusebenzisa kabi utshwala ebuye yaziwe ngokuthi ukuba ngumlutha wotshwala.

Kuqaphele ukungafuni ukuvuma ukuthi unenkinga

Ingabe oshade naye uke waveza ukukhathazeka ngendlela ophuza ngayo? Uma kunjalo, kungenzeka uye wazama ukuyenza ibonakale incane inkinga yakho noma wazithethelela. Kungenzeka uye wasola abanye kanye nomkakho ngokusho izinto ezinjengokuthi:

  • “Ukube ubungiphatha kahle ngabe angiphuzi.”

  • “Ukube umphathi wami ubengumphathi wakho nawe ubungaphuza njengami.”

  • “Ngazi inqwaba yabantu ephuza kakhulu kunami.”

Uma usho izinto ezinjengalezi, ingabe isifiso sakho sokuphuza siza kuqala kunesifiso sokuba nomshado ojabulisayo? Yikuphi okubaluleke kakhulu?

Okushiwo iBhayibheli: “Indoda eshadile ikhathazeka ngezinto zezwe, ukuthi ingakuthola kanjani ukwamukelwa umkayo.”—1 Korinte 7:33.

Izithombe: Izithombe ezingafani eziveza indlela umyeni asingatha ngayo ukukhathazeka komkakhe okumayelana nendlela aphuza ngayo utshwala. 1. Umyeni uhleli ngemva kodonga olude uphethe ibhodlela lobhiya elingenalutho. Amanye amabhodlela amabili aphansi. Umkakhe umi ubheke lolu lodonga, uxakekile futhi akakwazi ukumbona. 2. Umyeni ubuka umkakhe efasiteleni elikhulu elusodongeni futhi umlalele njengoba eveza ukukhathazeka kwakhe.

Ukungafuni ukuvumi ukuthi unenkinga kunjengodonga olusithayo kanti ukuvuma kufana nefasitela elikusiza ubone izinto ezikhathaza oshade naye ngokucacile

Ongakwenza

  • Kubheke njengokubalulekile okukhathaza oshade naye. Ake sithi oshade naye ukhathazeke ngokweqile ngale nkinga, akukho yini wena ongakushintsha? Uma ungashintshi lutho futhi uqhubeka uphuza naphezu kokuba lokho kukhathaza oshade naye lokhu kukodwa kungasho ukuthi unenkinga yotshwala.

    Okushiwo iBhayibheli: “Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.”—1 Korinte 10:24.

  • Thola ulwazi. Ukuze isosha linqobe empini, lidinga ukuwazi amaqhinga esitha salo. Nawe ngokunjalo ukuze usinqobe isitha sakho udinga ukufunda ukuthi kusho ukuthini ukuba umlutha wotshwala nokuthi buluthana kanjani utshwala. Uzodinga nokufunda ngokuthi yini okufanele uyenze ukuze ugqashule ekubeni umlutha nokuthi yini ongayenza ukuze ungabuyeli emkhubeni wakho wokuphuza utshwala.

    Okushiwo iBhayibheli: ‘Qhubeka udeda ezifisweni zenyama, ezilwa nawe.’—1 Petru 2:11.

  • Funa usizo. Kunezindlela zokwelapha ezigxile kubantu abanenkinga yokusebenzisa kabi utshwala ezihlanganisa izinhlelo zokugqashula, izindawo zokwelashwa nezibhedlela. Okunye ongakwenza ukukhuluma nomngani omethembayo ongakusiza uthole umnyombo wenkinga yakho. Bese noma nini lapho uzizwa womele utshwala umfonele lo mngani wakho.

    Umyeni uhleli esofeni futhi ukhuluma nomuntu oqeqeshelwe ukusiza abantu abanale nkinga.

    Kucabangele ukuthola usizo kubantu abakuqeqeshelwe ukusiza kulesi simo

    Okushiwo iBhayibheli: “Umngani weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi futhi uba umfowenu ngesikhathi sosizi.”—IzAga 17:17.

Indaba yokusebenzisa kabi utshwala yindaba ebucayi engeke ixazululeke ngokumane nje ufunde isihloko esifushane noma uyinqobe ngokumane uthi, “Ngizophuza kancane.” Nakuba kunjalo, kufanele wazi ukuthi indlela oyisingatha ngayo le ndaba angeke ithinte impilo yakho nje kuphela kodwa izothinta nomshado wakho.

Ukuze uthole okwengeziwe: Funda izihloko ezilandelayo ukuze ufunde ukuthi abanye bayinqobe kanjani inkinga yokusebenzisa kabi utshwala.

“Angiseyona Indoda Enesihluku”

“Angisazenyezi”

“Ngangihlala Emgwaqweni”

Ubukele nevidiyo ethi, ‘Yayisingicikile Indlela Engangiphila Ngayo’

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela