Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwhf isihloko 18
  • Kubalulekile Ukuchitha Isikhathi Ndawonye

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kubalulekile Ukuchitha Isikhathi Ndawonye
  • Usizo Lomndeni
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Sindawonye kodwa siqhelelene—kungani?
  • Eningakwenza
  • Okungaxoxwa ngakho
  • Ezobuchwepheshe Zinamuphi Umthelela Emshadweni Wakho?
    I-Phaphama!—2021
  • Indlela Yokushiya Umsebenzi “Emsebenzini”
    Usizo Lomndeni
  • Indlela Yokugcina Ezobuchwepheshe Zisendaweni Yazo
    Usizo Lomndeni
  • Indlela Yokubonisa Ukwazisa
    I-Phaphama!—2017
Bheka Okunye
Usizo Lomndeni
ijwhf isihloko 18
Indoda nomkayo bajabulela ukupheka ndawonye.

USIZO LOMNDENI | UMSHADO

Kubalulekile Ukuchitha Isikhathi Ndawonye

Abayeni abaningi namakhosikazi bakuthola kunzima ukuxoxa, ngisho noma bendawonye. Kubangelwa yini lokho?

  • Sindawonye kodwa siqhelelene—kungani?

  • Eningakwenza

  • Okushiwo abashadile

  • Okungaxoxwa ngakho

Sindawonye kodwa siqhelelene—kungani?

  • Sikhathele siyimvithi

    “Lapho kufanele sichithe isikhathi ndawonye, kuba ukuthi umyeni wami ukhathele kakhulu noma yimi okhathele kakhulu. Uma ngikhathele, ngivame ukucasulwa izinto eziwubala. Kuba ngcono uma sivele sizibukele i-TV.”—U-Anna.

  • Ukuphazanyiswa ezobuchwepheshe

    “Izinkundla zokuxhumana nokuzijabulisa ku-inthanethi kungadla isikhathi esiningi. Ungachitha amahora amaningi kuzo, ungakhulumanga nhlobo nomuntu oshade naye. Kuba sengathi anihlali ndawonye.”—UKatherine.

  • Ukuthanda izinto ezingafani

    “Uma umyeni wami ebuya emsebenzini, isikhathi sakhe esiningi sivame ukuthathwa izinto azithandayo. Yena uyasidinga isikhathi sakhe ngoba usebenza kanzima. Kodwa ngifisa sengathi singachitha isikhathi esiningana ndawonye.”—UJane.

  • Umsebenzi

    “Ezobuchwepheshe zenze kwaba nzima ukuhlukanisa phakathi komsebenzi nokuphila kwasekhaya. Ngivame ukuphendula ama-email nemiyalezo yomsebenzi ngesikhathi okufanele ngisichithe nomkami.”—UMark.

Eningakwenza

  • Bhekani ukuchitha isikhathi ndawonye njengento ebalulekile, hhayi njengento eyenziwa uma sekuphele izinto eningazenza.

    Okushiwo iBhayibheli: “Niqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.”—Filipi 1:10.

    Ongacabanga ngakho: Ingabe okwenzayo kuyabonisa ukuthi ubheka umshado wakho njengobaluleke ngaphezu komsebenzi wakho nezinto ozithandayo? Ingabe oshade naye umnaka kuphela uma ungenalutho olwenzayo?

    Icebiso: Ningacabangi ukuthi izinto zizozenzakalela. Hlelani isikhathi enizosichitha ndawonye, ngaphandle kweziphazamiso.

    “Ngiyajabula lapho umyeni wami ehlela izinto ezithile esizozenza sobabili nje. Kungenza ngizizwe ngikhethekile futhi kuyangiqinisekisa ukuthi uyakujabulela ukuchitha isikhathi nami. Lokho kungenza ngimthande nakakhulu.”—U-Anna.

  • Funda ukuthi “yima kancane” emishinini yakho yezobuchwepheshe.

    Okushiwo iBhayibheli: “Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into.”—UmShumayeli 3:1.

    Ongacabanga ngakho: Kuvame kangakanani ukuthi uphazanyiswe umyalezo ongenayo lapho unoshade naye?

    Icebiso: Zamani ukudla ndawonye okungenani kanye ngosuku—futhi nishiye amafoni enu kwelinye ikamelo. Isikhathi sokudla singaba isikhathi esikahle sokuxoxa ngalokho okwenzeke phakathi nosuku.

  • Uma kungenzeka, yenzani imisebenzi yasendlini neminye imisebenzi ndawonye.

    Okushiwo iBhayibheli: “Ababili bangcono kunoyedwa ngoba banomvuzo omuhle ngomsebenzi wabo onzima.”—UmShumayeli 4:9, umbhalo waphansi.

    Ongacabanga ngakho: Kuvame kangakanani ukuthi wena noshade naye nihlukane lapho nenza imisebenzi evamile?

    Icebiso: Sebenzani ndawonye futhi nisizane—ngisho noma umsebenzi ungadingi ukwenziwa abantu ababili.

    “Ukuyothenga ukudla, ukugeza izitsha, ukupakisha izimpahla kanye nokwenza imisebenzi yasegcekeni—kunokuba ubheke lezi zinto njengomsebenzi kungani ungazibheki njengethuba lokuchitha isikhathi ndawonye?”—UNina.

  • Cabangelanani

    Okushiwo iBhayibheli: “Ukucabangela kwenu makwaziwe.”—Filipi 4:5.

    Ongacabanga ngakho: Ungakubonisa kanjani ukucabangela kulokho okulindele koshade naye?

    Icebiso: Xoxani ngezidingo zomunye nomunye futhi nicabangelane. Vumelanani ngento ezonijabulisa nobabili, nikusekele ngokugcwele enivumelane ngakho.

    “Umyeni wami uhlal’ enomdlandla kuyilapho mina impilo yami ebuthaka ingangivumeli. Ngivame ukumtshela ukuthi aye ngaphandle ashaywe umoya, ngizombona uma ebuya. Ngiba sekhaya ukuze ngiphumule lapho yena ehambile eyozivocavoca. Sobabili sizizwa singcono ngokwenza lokho okudingeka sikwenze.”—UDaniela.

    Okushiwo abashadile

    UJamin noKendra.

    “Ukudla ndawonye kuvula amathuba amahle okuxoxa ngezinto ezibalulekile nokuncokola. Kusiza indoda nomkayo ukuba bahlale beyingxenye yokuphila komunye nomunye, bangagcini nje ngokuhlala ndawonye.”—UJamin, nomkakhe uKendra.

    UMonica noShawn.

    “Kumele nidle, ngakho kungani ningakwenzi ndawonye? Ezinye izinto ezinhle engizikhumbulayo ngisakhula ukuhlala ndawonye sidle nabazali bami. Ngokufanayo, ukuchitha isikhathi ngihleli nomyeni wami sidla, kungavula amathuba okwenza izinto ezinhle esiyozikhumbula.”—UMonica, nomyeni wakhe uShawn.

Okungaxoxwa ngakho

Okokuqala, ngamunye kini angacabanga ngemibuzo elandelayo eyedwa. Bese nixoxa ndawonye ngezimpendulo.

  • Mayelana nesikhathi enisichitha ndawonye, ububona bunjani ubudlelwane benu njengamanje?

  • Yiziphi izinto oshade naye ongamncoma kuzo kule ndaba?

  • Yiziphi izinto ongathanda azithuthukise?

  • Ezobuchwepheshe zivame kangakanani ukukuphazamisa ukuba unake oshade naye lapho ekhuluma?

  • Ningakubonisa kanjani ukucabangelana kulokho enikulindele komunye nomunye?

  • Lukhona yini ushintsho eningalwenza kuleli viki ukuze nichithe isikhathi ndawonye ningaphazamiseki?

Ukubukeza: Sisebenziseni Kahle Isikhathi Sokuba Ndawonye

  • Bhekani ukuchitha isikhathi ndawonye njengento ebalulekile, hhayi njengento eyenziwa uma sekuphele izinto eningazenza.

  • Funda ukuthi “yima kancane” emishinini yakho yezobuchwepheshe.

  • Uma kungenzeka, yenzani imisebenzi yasendlini neminye imisebenzi ndawonye.

  • Cabangelanani.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela