Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwhf isihloko 11
  • Lapho Ingane Yakho Ingathembeki

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Ingane Yakho Ingathembeki
  • Usizo Lomndeni
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe ingane yami iyihlongandlebe?
  • Kuthiwani uma ingane yami ingikhohlisile?
  • Ubani okufanele asolwe?
  • Ngingayisiza kanjani ingane yami ukuba iphinde ibe umuntu onokwethenjelwa?
  • Indlela Yokubekela Ingane Yakho Esithombile Imithetho
    I-Phaphama!—2013
  • Xoxa Nengane Yakho—Ungaphikisani Nayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Indlela Yokukhulumisana Nengane Yakho Esithombile
    I-Phaphama!—2013
  • Indlela Yokuyala Ingane Yakho Esithombile
    I-Phaphama!—2013
Bheka Okunye
Usizo Lomndeni
ijwhf isihloko 11
Umama nobaba badunyazwe yindodana yabo.

USIZO LOMNDENI | UKUKHULISA IZINGANE

Lapho Ingane Yakho Ingathembeki

Enye intsha ayisihloniphi isikhathi okumele ibuye ngaso ekhaya. Enye ikhohlisa abazali bayo, mhlawumbe ngokuqamba amanga noma ngokweqa ekhaya ukuze ibe nabangani bayo. Yini ongayenza uma ingane yakho yenza ukuba ungayethembi?

  • Ingabe ingane yami iyihlongandlebe?

  • Kuthiwani uma ingane yami ingikhohlisile?

  • Ubani okufanele asolwe?

  • Ngingayisiza kanjani ingane yami ukuba iphinde ibe umuntu onokwethenjelwa?

  • Okushiwo abazali

Ingabe ingane yami iyihlongandlebe?

Akunjalo ngempela. IBhayibheli lithi: “Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yengane,” futhi ngokuvamile abantu abasebasha bayakuveza ukuba yiqiniso kwala mazwi. (IzAga 22:15) UDkt. Laurence Steinberg uthi: “Abantu abasebasha benza ezinye izinqumo ngokuphamazela nangobuwula. Kulindele ukuthi bazowenza amaphutha.”a

Kuthiwani uma ingane yami ingikhohlisile?

Ungaphethi ngokuthi ingane yakho ihlose ukukudelela. Ucwaningo luveza ukuthi abasebasha banendaba ngempela nokuthi yini abazali babo abayicabangayo ngabo, ngisho noma kungase kubonakale sengathi abanandaba. Nakuba ingane yakho ingase ingakukhombisi, cishe nayo idumele—futhi kuyayicindezela ukwazi ukuthi ikuphathe kabi.

Izithombe: 1. I-X-ray ebonisa ithambo eliphukile. 2. Unyawo olunokhonkolo. 3. Indoda ehamba ngonyawo oselupholile.

Ithambo eliphukile, lapho selipholile lingaphinde libe namandla. Kungashiwo okufanayo nangokwethembana

Ubani okufanele asolwe?

  • Ingabe yizinto ezimzungezile? IBhayibheli lithi: “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.” (1 Korinte 15:33) Ngempela, abangani banethonya elinamandla entsheni. Njengoba kunjalo nangezinye izinto, okuhlanganisa nezingosi zokuxhumana nezamabhizinisi. Okunye ngukuthi intsha ayinalo ulwazi oluningi ngempilo, okwenza ubone ukuthi kungani intsha ingase yenze izinqumo ezingahlakaniphile. Yiqiniso, kumele ifunde ukubhekana nemiphumela yezinqumo zayo uma ifuna ukuba abantu abadala abanokwethenjelwa.

  • Yini engiyenzile? Ungase uzibuze ukuthi bewunesandla esiqine kakhulu yini, okwenze ingane yakho yaqala ukungalaleli. Noma, ungase uzibuze ukuthi ubuyekelela kakhulu yini ngezinye izikhathi, okwenze ingane yakho yathola inkululeko eningi kakhulu. Kunokuba ugxile kulokho okungenzeka ukwenzile ekubangeleni inkinga, cabanga ngalokho ongakwenza manje ukuze kuxazululwe inkinga.

Ngingayisiza kanjani ingane yami ukuba iphinde ibe umuntu onokwethenjelwa?

  • Lawula indlela osabela ngayo. Cishe ingane yakho ilindele ukuba ucasuke. Kungani ungasabeli ngendlela ehlukile? Ngomoya ozolile, xoxa nengane yakho ngokuthi yini ebangele inkinga. Ingabe ibinelukuluku lokufuna ukwazi? Ibibhorekile? Beyidinga abangani? Akukho phakathi kwalezi zinto okuvuna ububi ebenzile, kodwa le mibuzo ingasiza wena—nengane yakho—niqonde kangcono ukuthi yini edale inkinga.

    Okushiwo iBhayibheli: ‘Kumelwe usheshe ukulalela, wephuze ukukhuluma, ungasheshi ukuthukuthela.’—Jakobe 1:19.

  • Siza ingane yakho icabange ngokwenzekile. Yibuze imibuzo enjengokuthi, Yini oyifundile kulokhu okwenzekile? Yini ehlukile ongayenza ngokuzayo uma uzithola usesimweni esifanayo? Imibuzo enjengale ingakusiza wakhe ikhono lokucabanga lengane yakho.

    Okushiwo iBhayibheli: “Usole, ukhuze, ukhuthaze, ngaso sonke isineke nekhono lokufundisa.”—2 Thimothewu 4:2.

  • Ungasigodli isiyalo. Kuyasiza lapho isiyalo, noma imingcele oyibekela yona ihlobene nobubi ebenzile. Ngokwesibonelo, uma ingane yakho ingathembekanga yasebenzisa imoto yakho ngaphandle kwemvume, ungase ungayivumeli ukuba ishayele okwesikhathi esithile.

    Okushiwo iBhayibheli: “Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.”—Galathiya 6:7.

  • Gxila endleleni eningavuselela ngayo ukwethembana. Kuyiqiniso ukuthi lokho ngeke kwenzeke ngokushesha. Noma kunjalo, ingane yakho kufanele yazi ukuthi ngokuhamba kwesikhathi ukwethembana kungavuseleleka. Yenze ibone ukuthi likhona ithemba. Uma ingane yakho ibona sengathi ngeke uphinde uyethembe, ingase iyeke ukuzama.

    Okushiwo iBhayibheli: “Ningabathukuthelisi abantwana benu, ukuze bangadangali.”—Kolose 3:21.

Isibani.

Icebiso: Bekela ingane yakho isibonelo ngokuthi uxolise kuyo lapho wenze iphutha noma isinqumo esingahlakaniphile.

Okushiwo abazali

UJoseph noLisa.

“Abazali bangakhuluma ngokubaluleka kokwethembeka, kodwa uma bona bengathembekile lokho abakushoyo akuthi shu. Ngakolunye uhlangothi, lapho izingane zibona ukuthi abazali bazo bayisibonelo esihle endabeni yokwethembeka, ziyofuna ukubalingisa futhi ziyoziqhenya ngokwenza kanjalo.”—UJoseph, nomkakhe uLisa.

UKaryn noDaniel.

“Ukwakha ubuhlobo obuhle nezingane lapho zisencane kuyosiza kakhulu ngesikhathi esinzima seminyaka yobusha. Abazali kudingeka bafunde ukunikeza izingane inkululeko, kancane kancane, kodwa kube nemingcele ecacile. Lapho izingane zibona ukuthi abazali bazama ukuziqonda nokuzinika inkululeko ezifanele, ayoba mancane amathuba okuthi zibadumaze.”—UKaryn, nomyeni wakhe uDaniel.

Ukubukeza: Lapho Ingane Yakho Ingathembeki

  • Lawula indlela osabela ngayo. Ngomoya ozolile, xoxa nengane yakho ngokuthi yini ebangele inkinga.

  • Siza ingane yakho icabange ngokwenzekile. Yibuze imibuzo enjengokuthi, Yini oyifundile kulokhu okwenzekile? Yini ehlukile ongayenza ngokuzayo uma uzithola usesimweni esifanayo?

  • Ungasigodli isiyalo. Kuyasiza lapho isiyalo, noma imingcele oyibekela yona ihlobene nobubi ebenzile.

  • Gxila endleleni eningavuselela ngayo ukwethembana. Uma ingane yakho ibona sengathi ngeke uphinde uyethembe, ingase iyeke ukuzama.

a Kuthathwe encwadini ethi You and Your Adolescent.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela