Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 181
  • Liyini IBhayibheli?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Liyini IBhayibheli?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo YeBhayibheli
  • Amaqiniso aphathelene neBhayibheli
  • Likhuluma ngani iBhayibheli?
  • Ingabe iBhayibheli lishintshiwe?
  • Kungani kunezinguqulo eziningi kangaka zeBhayibheli?
  • Ubani owanquma ukuthi yini okufanele ifakwe eBhayibhelini?
  • Ingabe zikhona izincwadi zeBhayibheli ezilahlekile?
  • Indlela yokuthola amavesi eBhayibheli
  • Uhlu lwezincwadi zeBhayibheli
  • Ingabe IBhayibheli Ngempela Livela KuNkulunkulu?
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • ISifundo Sesi-4—IBhayibheli Nohlu Lwalo Lwezincwadi
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Okuqukethwe Yilencwadi
    Incwadi Yabo Bonke Abantu
  • Singathola Yini Ukuthi Ubani Ngempela Owaloba IBhayibheli?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 181
IBhayibheli Elingcwele lizungezwe izincwadi ezihlukahlukene zokucwaninga.

Liyini IBhayibheli?

Impendulo YeBhayibheli

IBhayibheli lakhiwa izincwadi ezingcwele ezingu-66. Labhalwa phakathi neminyaka elinganiselwa ku-1 600. IBhayibheli liqukethe umyalezo ongcwele—‘izwi likaNkulunkulu.’—1 Thesalonika 2:13.

Kulesi sihloko

  • Amaqiniso aphathelene neBhayibheli

  • Likhuluma ngani iBhayibheli?

  • Ingabe iBhayibheli lishintshiwe?

  • Kungani kunezinguqulo eziningi zeBhayibheli?

  • Ubani owanquma ukuthi yini okufanele ifakwe eBhayibhelini?

  • Ingabe zikhona izincwadi zeBhayibheli ezilahlekile?

  • Indlela yokuthola amavesi eBhayibheli

  • Uhlu lwezincwadi zeBhayibheli

Amaqiniso aphathelene neBhayibheli

  • Ubani owabhala iBhayibheli? NguNkulunkulu onguMlobi weBhayibheli, kodwa wasebenzisa amadoda angaba ngu-40 ukuba alibhale. Amanye alawo madoda ahlanganisa uMose, iNkosi uDavide, uMathewu, uMarku, uLuka noJohane.a UNkulunkulu wafaka imicabango yakhe ezingqondweni zalawo madoda ukuze abhale umyalezo wakhe.—2 Thimothewu 3:16.

    Ngokwesibonelo: Uma usomabhizinisi etshela umsizi wakhe ukuba ambhalele umyalezo, mhlawumbe amtshele lokho okumele akubhale encwadini, usomabhizinisi usengumlobi walo myalezo ngisho noma ubhalwe umsizi wakhe. Ngendlela efanayo, nakuba uNkulunkulu asebenzisa amadoda ukuba abhale umyalezo wakhe, uyena onguMlobi wangempela weBhayibheli.

  • Lisho ukuthini igama elithi “iBhayibheli”? Igama elihunyushwe ngokuthi “iBhayibheli” livela egameni lesiGreki elithi biblia, elisho ukuthi “izincwadi ezincane.” Ngokuhamba kwesikhathi, elithi biblia labe selisho iqoqo lezincwadi ezincane ezihlanganisiwe ukuze zakhe iBhayibheli.

  • Labhalwa nini iBhayibheli? IBhayibheli laqala ukubhalwa ngonyaka ka-1513 B.C.E. laqedwa ngemva kweminyaka engu-1 600, ngawo-98 C.E.

  • Likuphi iBhayibheli lokuqala? Ayikho imibhalo yeBhayibheli yokuqala esatholakala manje. Lokhu kungenxa yokuthi ababhali beBhayibheli babesebenzisa izinto ezigugayo ezazitholakala ngaleso sikhathi, njengesikhumba. Noma kunjalo, phakathi namakhulu eminyaka ababhali abanekhono bayikopisha bephindelela nangokucophelela imibhalo yeBhayibheli ukuze abantu bakwazi ukuyifunda eminyakeni elandelayo.

  • Liyini “iTestamente Elidala” ‘neTestamente Elisha’? ITestamente Elisha libhekisela engxenyeni yeBhayibheli ngokuyinhloko eyayibhalwe ngesiHebheru,b ephinde ibizwe ngokuthi imiBhalo YesiHebheru. ITestamente Elisha lona libhekisela engxenyeni ebhalwe ngesiGreki, eyaziwa ngokuthi imiBhalo YamaKristu YesiGreki. Lezi zingxenye ezimbili zenza incwadi eyodwa ephelele, ephinde ibizwe ngokuthi ImiBhalo Engcwele.c

  • Liquketheni iBhayibheli? Izingxenye eziningi zeBhayibheli zinomlando, imithetho, iziprofetho, izinkondlo, izaga, izingoma, kanye nezincwadi.—Bheka “Uhlu lwezincwadi zeBhayibheli.”

Likhuluma ngani iBhayibheli?

IBhayibheli liqala ngamazwibela endlela uNkulunkulu onguMninimandla Onke adala ngayo amazulu nomhlaba. Esebenzisa iBhayibheli, uyazethula, asitshele igama lakhe elithi Jehova futhi umema abantu ukuba bamazi.—IHubo 83:18.

IBhayibheli lichaza ukuthi uye wamelelwa kabi uNkulunkulu futhi libonisa indlela azolingcwelisa ngayo igama lakhe.

IBhayibheli lisambulela injongo kaNkulunkulu ngesintu nangomhlaba. Lisitshela indlela uNkulunkulu azoqeda ngayo imbangela yokuhlupheka kwabantu esikhathini esizayo.

IBhayibheli lisinika namacebiso asebenza ekuphileni kwansuku zonke. Nazi ezinye izibonelo zalawo macebiso:

  • Ukuba nobudlelwano obuhle nabanye. “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumele nizenze kubo.”—Mathewu 7:12.

    Incazelo: Kufanele siphathe abantu ngendlela nathi esingathanda basiphathe ngayo.

  • Ukubhekana nokukhathazeka. “Ningalokothi nikhathazeke ngosuku olulandelayo, ngoba usuku olulandelayo luyoba nezalo izinkathazo.”—Mathewu 6:34.

    Incazelo: Kunokukhathazeka ngokweqile ngalokho okungase kwenzeke esikhathini esizayo, senza kahle uma sigxila ezinkingeni esibhekene nazo ngaleso sikhathi.

  • Ukuba nomshado ojabulisayo. “Yilowo nalowo kini kumele athande umkakhe njengoba ezithanda yena; ngakolunye uhlangothi, umfazi kufanele amhloniphe ngokujulile umyeni wakhe.”—Efesu 5:33.

    Incazelo: Uthando nenhlonipho kubaluleke kakhulu ukuze umshado uphumelele.

Ingabe iBhayibheli lishintshiwe?

Cha. Ngokucophelela, izazi ziye zaqhathanisa imibhalo yesandla yeBhayibheli yasendulo neBhayibheli lanamuhla futhi zithole ukuthi umyalezo weBhayibheli awushintshile. Kunengqondo lokhu—ngoba uma uNkulunkulu efuna umyalezo wakhe ufundwe futhi uqondwe, ubengeke yini aqinisekise ukuthi lowo myalezo awushintshwa?d—Isaya 40:8.

Kungani kunezinguqulo eziningi kangaka zeBhayibheli?

Abafundi besikhathi sethu abakwazi ukuqonda izilimi zeBhayibheli zasendulo. Nokho, iBhayibheli ‘linezindaba ezinhle’ zazo zonke “izizwe nezinhlanga nezilimi.” (IsAmbulo 14:6) Ngenxa yaleso sizathu, abantu badinga iBhayibheli elihunyushwe ngolimi abaluqondayo ukuze bakwazi ukuwufunda futhi bawuqonde kahle umyalezo kaNkulunkulu.

Kunezindlela ezintathu zokuhumusha iBhayibheli:

  • Ukuhumusha igama negama, kusuke kuhunyushwa okubhaliwe njengoba kunjalo.

  • Ukuhumusha umqondo nomqondo, kusuke kusetshenziswa amagama anencazelo efanayo nalawo asembhalweni wolimi lokuqala.

  • Ukuhumusha kusetshenziswa amagama ahlukile, kusuke kubekwa indaba ngendlela ehlukile ngamagama adlulisela umqondo ofanayo ,ngenhloso yokukwenza kujabulise ukufunda. Nokho, ngezinye izikhathi ukusebenzisa le ndlela yokuhumusha kungase kushintshe lokho okusuke kushiwo ngempela.

IBhayibheli elihunyushwe kahle lihumusha umbhalo njengoba unjalo, ngesikhathi esifanayo lisebenzise ulimi lwesimanje oluqondakala kalula ukuze lidlulisele umyalezo kaNkulunkulu kubantu ngokunembile.e

Ubani owanquma ukuthi yini okufanele ifakwe eBhayibhelini?

NjengoMlobi weBhayibheli, uNkulunkulu nguye owanquma ukuthi yini okumele ibe khona kulo. Waqala ngokukhetha isizwe sakwa-Israyeli wasendulo ‘wasiphathisa amazwi angcwele kaNkulunkulu,’ saba abagcini bemiBhalo YesiHebheru.—Roma 3:2.

Ingabe zikhona izincwadi zeBhayibheli ezilahlekile?

Cha. IBhayibheli liphelele; azikho izincwadi “ezilahlekile.” Abanye bangase bathi izincwadi zasendulo ezazifihliwe empeleni kwakuyizincwadi zeBhayibheli.f Nokho, iBhayibheli ngokwalo lineyalo indlela yokubonisa ukuthi liphelele. (2 Thimothewu 1:13) Kusetshenziswa le ndlela, izincwadi zeBhayibheli eziphefumulelwe uNkulunkulu zivumelana ngempela. Ngeke kushiwo okufanayo ngazo zonke izincwadi zasendulo abantu abathile abathi ezeBhayibheli.g

Indlela yokuthola amavesi eBhayibheli

Indlela yokuthola amavesi eBhayibheli usebenzisa eyesi-2 Thimothewu 3:16 njengesibonelo. Lokhu kukutshela ukuthi iyiphi incwadi yeBhayibheli okufanele uyivule, ngokwesibonelo eyesi-2 Thimothewu (Bheka uhlu olungezansi ukuze ubone ukuthi izincwadi zeBhayibheli zivame ukulandelana kanjani). Inamba yokuqala ikutshela ukuthi yisiphi isahluko okufanele usivule, ngokwesibonelo isahluko 3. Inamba noma izinamba ezilandelayo zikutshela ukuthi yiliphi ivesi noma amavesi okufanele uwafunde, ngokwesibonelo ivesi 16.

Uhlu lwezincwadi zeBhayibheli

ImiBhalo YesiHebheru (“ITestamente Elidala”)

  • Umlando nemithetho

    • Genesise

    • Eksodusi

    • Levitikusi

    • Numeri

    • Duteronomi

  • Umlando wesizwe sakwa-Israyeli

    • Joshuwa

    • AbaHluleli

    • Ruthe

    • Eyoku-1 neyesi-2 Samuweli

    • Eyoku-1 neyesi-2 AmaKhosi

    • Eyoku-1 neyesi-2 IziKronike

    • Ezra

    • Nehemiya

    • Esteri

  • Izinkondlo

    • Jobe

    • AmaHubo

    • IzAga

    • UmShumayeli

    • IsiHlabelelo SeziHlabelelo

  • Iziprofetho

    • Isaya

    • Jeremiya

    • IsiLilo

    • Hezekeli

    • Daniyeli

    • Hoseya

    • Joweli

    • Amose

    • Obadiya

    • Jona

    • Mika

    • Nahume

    • Habakuki

    • Zefaniya

    • Hagayi

    • Zakariya

    • Malaki

ImiBhalo YamaKristu YesiGreki (“ITestamente Elisha”)

  • Umlando wokuphila kukaJesu nenkonzo yakhe (Amavangeli)

    • Mathewu

    • Marku

    • Luka

    • Johane

  • Umlando webandla lamaKristu angekhulu lokuqala

    • IzEnzo

  • Izincwadi ezaziya kumaKristu emabandleni ahlukahlukene

    • Roma

    • Eyoku-1 neyesi-2 Korinte

    • Galathiya

    • Efesu

    • Filipi

    • Kolose

    • Eyoku-1 neyesi-2 Thesalonika

  • Izincwadi ezaziya kumKristu ngamunye

    • Eyoku-1 neyesi-2 Thimothewu

    • Thithu

    • Filemoni

  • Izincwadi ezaziya kumaKristu

    • Hebheru

    • Jakobe

    • Eyoku-1 neyesi-2 Petru

    • Eyoku-1, eyesi-2, neyesi-3 Johane

    • Jude

  • Isiprofetho

    • IsAmbulo

a Ukuze uthole uhlu oluphelele lwazo zonke izincwadi zeBhayibheli, ukuthi zabhalwa ubani nokuthi zabhalwa nini, sicela ubheke “Ishadi Lezincwadi ZeBhayibheli.”

b Izingxenye ezimbalwa zeBhayibheli zazibhalwe ngesi-Aramu, ulimi oluthi alufane nesiHebheru.

c Abafundi abaningi beBhayibheli bakhetha ukusebenzisa inkulumo ethi “ImiBhalo YesiHebheru” nethi “ImiBhalo YamaKristu YesiGreki.” Le ndlela yokubiza yenza abantu bangacabangi ukuthi “iTestamente Elidala” seliphelelwe isikhathi lase lithathelwa indawo “iTestamente Elisha.”

d Bheka isihloko esithi “Ingabe Okubhalwe EBhayibhelini Kuye Kwashintshwa?”

e Abaningi bayakujabulela ukufunda iBhayibheli elithi IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele ngoba linembile futhi lifundeka kalula. Bheka isihloko esithi “Ingabe INguqulo Yezwe Elisha Inembile?”

f Le mibhalo isiyonke ibizwa ngokuthi i-Apocrypha. Ngokwe-Encyclopædia Britannica, “ezincwadini ezikhuluma ngeBhayibheli, [leli gama libhekisela] ezindabeni ezingeyona ingxenye yemibhalo eyamukelwayo”—okusho ukuthi azikho ohlwini oluqashelwayo lwezincwadi ezakha iBhayibheli.

g Ukuze ufunde okwengeziwe, bheka esithi “AmaVangeli E-Apocrypha—Ingabe Anamaqiniso Afihliwe NgoJesu?”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela