Uhlu Lokuphakathi
December 15, 2015
© 2015 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
UMAGAZINI OFUNDWAYO
FEBRUARY 1-7, 2016
UJehova, UNkulunkulu Okhulumisanayo Nezidalwa Zakhe
IKHASI 3
FEBRUARY 8-14, 2016
Inguqulo YeZwi LikaNkulunkulu Efinyelela Inhliziyo
IKHASI 9
FEBRUARY 15-21, 2016
Wasebenzise Kahle Amandla Akho Olimi
IKHASI 17
FEBRUARY 22-28, 2016
IKHASI 23
IZIHLOKO EZIFUNDWAYO
▪ UJehova, UNkulunkulu Okhulumisanayo Nezidalwa Zakhe
▪ Inguqulo YeZwi LikaNkulunkulu Efinyelela Inhliziyo
Sekuyizinkulungwane zeminyaka uJehova ekhulumisana ngokukhululekile nezinceku zakhe ngezilimi ezihlukahlukene. Kuzoxoxwa ngalokho kulezi zihloko, futhi sizobona nokuthi INguqulo Yezwe Elisha isize kanjani ekudumiseni igama likaNkulunkulu nokwenza injongo yakhe yaziwe.
▪ Wasebenzise Kahle Amandla Akho Olimi
Ikhono lokukhuluma liyisipho esimangalisayo esivela kuNkulunkulu. Lesi sihloko sichaza ukubaluleka kokwazi ukuthi kufanele ukhulume nini, yini okufanele uyisho nokuthi kufanele uyisho kanjani. Sisikhuthaza nokuba silingise isibonelo sikaJesu ngokusebenzisa lesi sipho ngendlela edumisa uNkulunkulu nezuzisa abanye.
▪ UJehova Uyokusekela
Sonke sike sigule. Ngakho singalindela yini ukuba uJehova aselaphe njengoba enza kwabanye ngezikhathi zeBhayibheli? Yini okufanele siyikhumbule lapho abanye besinikeza iseluleko sezempilo? Lesi sihloko sizophendula le mibuzo futhi sisisize senze izinqumo eziphusile.
EZINYE EZIKULO MAGAZINI
ISEMBOZO: Iphayona elikhethekile lixoxa ngesasasa ngezindaba ezinhle nomama nezingane zakhe. Iqiniso lishunyayelwa ngeSpanishi nesiGuarani, okuyizilimi ezikhulunywa abaningi kuleli zwe
IPARAGUAY
INANI LABANTU
6 800 236
ABAMEMEZELI