Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb17 k. 171
  • Uthando Luwela Imingcele Ebekwe Abantu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uthando Luwela Imingcele Ebekwe Abantu
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2017
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2017
yb17 k. 171

IGEORGIA

Uthando Luwela Imingcele Ebekwe Abantu

ENGAKAZALWA uSanel, odokotela batshela abazali bakhe ukuthi uma engafanga ngenkathi ebelethwa wayezoba nezinkinga ezinkulu zempilo. Kusukela ngosuku lokuqala ezelwe kwadingeka ukuba ahlinzwe. Abazali bakaSanel ababehlala e-Abkhazia—okuyisifunda esasingekho ngaphansi kweGeorgia—abakwazanga ukuthola udokotela owayengamhlinza ngaphandle kokumfakela igazi.

Abazali bakhe baxhumana neKomiti Yokubonisana Nezibhedlela (HLC).a Bajabula kakhulu lapho abazalwane abasebenza kule komiti bethola udokotela waseTbilisi, inhloko-dolobha yeGeorgia, owavuma ukumhlinza. Kodwa unina wayengakabi namandla ngokwanele ukuba angakwazi ukuya lapho uSanel ayezohlinzelwa khona. Ngakho kwanqunywa ukuthi kube ogogo bakaSanel, bobabili ababengoFakazi, abazoya naye esibhedlela eTbilisi.

Lokhu kuhlinza okwakubucayi kwaphumelela. Ngokushesha ngemva kwalokho kuhlinzwa, ogogo bakaSanel babhala: “Sahlala esibhedlela izinsuku ezingaphezu kwezingu-20. Phakathi naleso sikhathi, savakashelwa abazalwane nodade abaningi baseGeorgia befuna ukusisiza. Baningi abasitshela ukuthi babezwelana nathi. Sasike sifunde ngothando oluboniswa abazalwane esikanye nabo kodwa manje silubone mathupha.”

a Abadala baseGeorgia abakhonza emaKomitini Okubonisana Nezibhedlela sebethole odokotela abangaphezu kuka-250 abavuma ukuhlinza iziguli ngaphandle kokusebenzisa igazi.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela