Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb17 kk. 169-170
  • Abantu AbangamaKurd Basabela Eqinisweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abantu AbangamaKurd Basabela Eqinisweni
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2017
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2017
yb17 kk. 169-170
Udade ufunda nowesifazane ngolimi lwesiKurd

IGEORGIA

Abantu AbangamaKurd Basabela Eqinisweni

UGULIZAR uthi: “Ngihlale ngithandaza kuJehova ngimbonga ngokuthi ngafunda ngaye ngolimi engaluncela.”

UGulizar wazihlanganisa noFakazi BakaJehova iminyaka engu-8 kodwa waze wabhapathizwa ngemva kokuba esethole imihlangano ngesiKurd, ulimi aluncela. Ungomunye wamaKurd amaningi amukele iqiniso eGeorgia eminyakeni yamuva. Angobani amaKurd?

AmaKurd angabantu asebahlale amakhulu eminyaka eMpumalanga Ephakathi. Ezinye izazi zicabanga ukuthi ayisizukulwane samaMede asendulo okukhulunywa ngawo eBhayibhelini. (2 AmaKh. 18:11; IzE. 2:9) Ulimi lwawo luyingxenye yeqoqo lwezilimi zase-Iran.

Namuhla, izigidi zamaKurd zihlala emazweni amaningi ahlanganisa i-Armenia, i-Iran, i-Iraq, iSyria, neTurkey. Alinganiselwa ku-20 000 amaKurd eGeorgia. Ngokuvamile, angabantu abamesabayo uNkulunkulu nabazihlonipha kakhulu izinto ezingokomoya.

Manje sekunabamemezeli abangamaKurd abangu-500 eGeorgia kanye namabandla esiKurd amathathu. Ngo-2014, kwaba nomhlangano wesifunda wokuqala ngesiKurd eTbilisi, owawunezihambeli ezivela e-Armenia, eJalimane, eTurkey, nase-Ukraine.

Izingane ezingamaKurd ziyawathanda ama-video kaKhwezi noSimangele
    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela