Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb17 k. 110
  • IBhayibheli LesiGeorgia

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhayibheli LesiGeorgia
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2017
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2017
yb17 k. 110
Ikhasi leBhayibheli lesiGeorgiae

AmaVangeli Amane AseMokvi, imibhalo yesandla yesiGeorgia yangekhulu le-14

IGEORGIA | Kusukela Ngo-1924 Kuya Ku-1990

IBhayibheli LesiGeorgia

ULIMI lwesiGeorgia lwalungolunye lwezilimi zokuqala iBhayibheli elahunyushelwa kuzo kuhlanganise nesi-Armenia, isiCoptic, isiLatin, isiSyriac nezinye. Imibhalo yesandla yolimi lwesiGeorgia esidala yamaVangeli, izincwadi zikaPawulu kanye namaHubo kwabhalwa maphakathi nekhulu lesihlanu C.E noma ngisho nangaphambi kwalokho. Emakhulwini eminyaka eyalandela, umsebenzi wokuhumushela nokukopishela iBhayibheli olimini lwesiGeorgia wanda, okwenza kwaba nezinguqulo eziningi zesiGeorgia.a

IBhayibheli laba nethonya elinamandla ezincwadini nasemasikweni abantu baseGeorgia. Ngokwesibonelo, indaba edabukisayo yeNdlovukazi uShushanik, cishe eyabhalwa ngasekupheleni kwekhulu lesihlanu, inezingcaphuno zeBhayibheli futhi ibhekisela ezindinyaneni ezihlukahlukene zalo. Imbongi uShota Rustaveli yabhekisela emithethweni yamaKristu yokuziphatha enkondlweni yayo ende i-Vepkhvistqaosani (The Knight in the Panther’s Skin) eyabhalwa cishe ngonyaka ka-1220. Yabhala ngezihloko ezifana nobungane, ukupha nothando ngezihambi—izici abantu baseGeorgia abasazibheka njengezibaluleke kakhulu.

a Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, bheka isihloko esithi “Igugu Elinamakhulu Eminyaka Licashile,” esikuyi-Nqabayokulinda ka-June 1, 2013.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela