Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb17 kk. 108-109
  • “KuNkulunkulu Zonke Izinto Zingenzeka”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “KuNkulunkulu Zonke Izinto Zingenzeka”
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2017
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuba Nokholo Ngaphansi Kokuvivinywa EPoland
    I-Phaphama!—2000
  • Ukunyathelisa Izincwadi ZeBhayibheli Lapho Sivinjelwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Ukukhiqiza Izincwadi ZeBhayibheli Zokusetshenziswa Enkonzweni
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • Ihhovisi Eliyindida Elingasebenzisi Phepha
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2017
yb17 kk. 108-109

IGEORGIA

“KuNkulunkulu Zonke Izinto Zingenzeka”

UNatela Grigoriadis

  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1960

  • UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1987

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Ngemva nje kokubhapathizwa, uNatela wasebenzisa ulwazi lwakhe lokudayisa nabantu ayebazi ukuze athuthukise umsebenzi wokunyathelisa.

UNatela Grigoriadis

EMIHLANGANWENI yethu yangawo-1980, kwakuba umqhubi we-Nqabayokulinda kuphela owayeba nomagazini futhi kwakuvame ukuba okopishwe ngesandla. Ngaya kuGenadi Gudadze, omunye wabadala, ngasikisela ukuba sizame ukuzinyathelisela omagazini.

Kuze kube yileso sikhathi, abazalwane babesebenzisa i-mimeograph ukuze banyathelise izincwadi ezimbalwa. Ukuze bakhiqize omagazini njalo, babedinga i-mimeograph esebenza kangcono, umuntu othayipha ngokushesha, umshini wokuthayipha namaphepha okunyathelisa atholakala njalo. Nokho, zonke izinto zokunyathelisa, ngisho nephepha, zazibhaliswe kuhulumeni futhi ziqondiswa izikhulu zomthetho.

Ngathola umshini wokuthayipha kumuntu engangimjwayele owayenendlela yokuthola imishini elahliwe, engasaqondiswa uhulumeni. Udadewethu wayekwazi ukuthayipha futhi engasisiza. Abazalwane bakha i-mimeograph entsha futhi bathola indawo esasingathenga kuyo izigxivizo. Zonke izinto zalunga futhi ngokushesha sakwazi ukukhiqiza INqabayokulinda yokuqala ngesiGeorgia.

Kodwa kwavela enye inselele. Ngelinye ilanga, uGenadi wathi kimi, “Kumelwe sithole enye indawo esizothenga kuyo izigxivizo.” Wayekade ebone amaphakethe ezigxivizo ehhovisi elilawulwa uhulumeni kodwa akakwazanga ukuzithenga ngoba abomthetho babembhekile. Sasizozithola kanjani? Ngangilokhu ngithi, “Ngeke sikwazi!” Kodwa uGenadi wangiphendula, “Yeka ukuthi ‘Ngeke sikwazi.’ ‘KuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka’!”—Math. 19:26.

Ngangilokhu ngicabanga ngamazwi akhe njengoba ngiya ehhovisi elilawulwa uhulumeni ngosuku olulandelayo, ngithukile. UJehova wangiqondisa kusisi othayiphayo, owayebukeka enobungane futhi owavuma ukuyisa isicelo sami kumuntu ophethe. Lowo muntu wayengumyeni wakhe! Ngokushesha, izigxivizo ngase ngizithenga kuleli hhovisi njalo futhi ngemva kwalokho asiphindanga saba nenkinga yokuthola izinto.

UNatela Grigoriadis ufunda INqabayokulinda
    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela