Umhlangano ogwini eduze neSokhumi, ngo-1989
IGEORGIA | Kusukela Ngo-1924 Kuya Ku-1990
Iqembu Lokuqala Lababefuna Iqiniso
NGAWO-1920, abaFundi BeBhayibheli babenza imizamo emikhulu yokufinyelela abantu abaqotho ababefuna iqiniso eGeorgia. Ngo-1924, kwavulwa ihhovisi eBeirut, eLebanon, lokuqondisa umsebenzi wokushumayela endaweni ehlanganisa i-Armenia, iGeorgia, iSyria neTurkey.
Nakuba kungenzeka ukuthi enye imbewu yeqiniso yahlwanyelwa eGeorgia ngaleso sikhathi, ekuqaleni ayizange ibe nemiphumela ebonakalayo. (Math. 13:33) Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, isigijimi soMbuso sasakazeka futhi saguqula ukuphila kwabantu abaningi eGeorgia.
Wayefuna Ubulungisa
Lapho kugqashuka impi yezwe yesibili, uVaso Kveniashvili wayeneminyaka engu-14. Ngenxa yokuthi iGeorgia yayiyingxenye yeSoviet Union, ngokushesha uyise wabuthelwa ebuthweni leSoviet. Ngaleso sikhathi, unina kaVaso wayeseshonile. UVaso, owayemdala kwabo, waqala ukweba ukuze azinakekele yena nezingane zakubo.
UVaso wajoyina iqembu lezigebengu futhi kamuva wangena shí ebugebengwini obuhleliwe. Uyalandisa, “Nganginomuzwa wokuthi izigebengu zinobulungisa kunohulumeni nomphakathi.” Ngokushesha uVaso waqaphela ukuthi wayefuna into ayengeke ayithole kubantu. Uyakhumbula, “Ngangilangazelela ukuba kube nobulungisa.”
UVaso Kveniashvili ngo-1964, ngemva nje kokudedelwa kwakhe ejele
Kamuva, uVaso waboshwa ngenxa yobugebengu futhi wadingiselwa ekamu okusetshenzwa kanzima kulo eSiberia. Elapho wahlangana nomunye woFakazi BakaJehova, owayeboshelwe ukholo lwakhe. UVaso uyakhumbula: “Ekugcineni ngakuthola engangikufuna. Sasingenazo izincwadi kodwa ngenza konke engangingakwenza ukuze ngifunde kulokho umzalwane ayengitshela kona.”
Lapho uVaso ededelwa ngo-1964, wabuyela eGeorgia wabe esefuna oFakazi BakaJehova. Ngaleso sikhathi, babelokhu bebhalelana izincwadi nomzalwane ayekade eboshwe naye. Ngokudabukisayo, lowo mngane wakhe othembekile washona futhi uVaso akabange esaxhumana nabantu bakaNkulunkulu. Kwadingeka alinde iminyaka ecishe ibe ngu-20 ngaphambi kokuba aphinde atholane noFakazi. Sizobuye sixoxe ngaye kamuva.
Ubunzima Obaphenduka Isibusiso
Umhlangano ehlathini
Ukuboshwa kukaValentina Miminoshvili, owesifazane waseGeorgia osemncane, eboshelwa ekamu lokuhlushwa lamaNazi kwaphenduka isibusiso. Elapho, wahlangana noFakazi BakaJehova okokuqala ngqa. Okwamhlaba umxhwele kakhulu kwakuwukholo lwabo olungenakunyakaziswa. Abamfundisa kona ngeBhayibheli kwamthinta ngokujulile.
Lapho ebuyela ekhaya ngemva kwempi, uValentina waqala ukuxoxela abanye ngokholo lwakhe olusha. Kodwa kungakabiphi umsebenzi wakhe waqala ukumdonsela amehlo ezikhulu zendawo, ezambopha iminyaka eyishumi ekamu okusetshenzwa kanzima kulo eRussia. Elapho, waphinde wahlangana noFakazi BakaJehova futhi kamuva wabhapathizwa.
Ngemva kokudedelwa kwakhe ekamu ngo-1967, uValentina wathuthela entshonalanga yeGeorgia, lapho aqhubeka khona nomsebenzi wakhe wokushumayela ayewenza ngokuqapha. Wayengazi ukuthi wayezoba yimpendulo yomthandazo osuka enhliziyweni.
UJehova Wayiphendula Imithandazo Yakhe
Ngo-1962, uDade Antonina Gudadze wathuthela eGeorgia esuka eSiberia lapho umyeni wakhe ongakholwa enquma ukubuyela ezweni azalelwa kulo. U-Antonina ongowokuzalwa eSiberia wayethole iqiniso ngoFakazi ababedingiselwe khona. Manje, njengoba esehlala eKhashuri, idolobha elisempumalanga yeGeorgia, wazithola ehlukanisiwe nayekholwa nabo.
Umndeni wakwaGudadze ngawo-1960
U-Antonina ukhumbula indlela uJehova aphendula ngayo imithandazo yakhe: “Ngelinye ilanga ngathola iphasela livela kumama eSiberia elalinezincwadi zeBhayibheli ezazifihlwe ngokucophelela. Ngaqhubeka ngikuthola ngaleyo ndlela ukudla okungokomoya iminyaka eyisithupha. Isikhathi ngasinye ngangibonga uJehova ngesiqondiso sakhe esingokomoya, isikhuthazo nokunginakekela.”
Nokho, u-Antonina wayeyedwa. Uthi: “Ngangilokhu ngicela uJehova ukuba angenze ngiphinde ngihlangane nabafowethu nodadewethu. Ngelinye ilanga, abesifazane ababili bangena esitolo engangisebenza kuso. Bangibuza, ‘Uwena u-Antonina?’ Umusa engawubona ebusweni babo wangibonisa ukuthi babengodadewethu abangokomoya. Sajabulelana saze sakhala.”
UValentina Miminoshvili wayengomunye walabo dade. Yeka ukuthi wajabula kanjani u-Antonina lapho ethola ukuthi imihlangano yayiba khona entshonalanga yeGeorgia! Wayeya kuleyo mihlangano kanye ngenyanga, nakuba kwakukude kakhulu ehamba amakhilomitha angaphezu kuka-300.
Iqiniso Liyakhula Entshonalanga YeGeorgia
Ngawo-1960, abanye oFakazi ababeshushiswe iziphathimandla kwezinye izingxenye zeSoviet Union bazama ukuya ezindaweni lapho izimo zazingcono khona. UVladimir Gladyuk, umzalwane onentshiseko futhi onomdlandla, wayengomunye wabo. Ngo-1969, wathuthela edolobheni laseZugdidi entshonalanga yeGeorgia esuka e-Ukraine.
ULyuba noVladimir Gladyuk
Ekuqaleni, labo ababeze eGeorgia baqhuba imihlangano ngesiRashiya. Nokho, njengoba lalanda inani labantu baseGeorgia elaliza njalo emihlanganweni, kwenziwa izinhlelo zokuba kube nemihlangano ezoqhutshwa ngesiGeorgia. Umsebenzi wokwenza abafundi waphumelela kakhulu kangangokuba ngo-August 1970, abantu abangu-12 bendawo babhapathizwa.
Ngentwasahlobo yango-1972, uVladimir nomndeni wakhe bathuthela kwenye indawo khona entshonalanga, edolobheni laseSokhumi ogwini loLwandle Olumnyama. UVladimir uyachaza: “Sazizwa sicebile ngokomoya futhi sasimbonga uJehova ngokusibusisa. Ibandla lakhula ngokushesha.” Kuleyo ntwasahlobo, kwaba neSikhumbuzo sokuqala eSokhumi futhi kwaba khona abantu abangu-45.
“Ngalalela Ngomphefumulo Nangenhliziyo Yonke”
UBabutsa Jejelava, manje oneminyaka engaphezu kwengu-90, wayengomunye wabantu bokuqala abalamukela ngokushesha iqiniso eSokhumi ekuqaleni kuka-1973. Uyakhumbula: “Ngelinye ilanga, ngabona abesifazane abane bexoxa kamnandi. Ababili babeyizindela, kamuva ngathola ukuthi laba abanye ababili babengoFakazi BakaJehova.” Omunye walab’ odade kwakunguLyuba inkosikazi kaVladimir Gladyuk, kanti omunye kwakungu-Itta Sudarenko, iphayona elishiseka kakhulu elivela e-Ukraine.
UBabutsa Jejelava ngo-1979 nango-2016
UBabutsa ukhumbula indlela azizwa ngayo lapho elalele le ngxoxo, “Ngalalela ngomphefumulo nangenhliziyo yonke.” Lapho ezwa ukuthi uNkulunkulu unegama, ngokushesha wahlanganyela engxoxweni wabe esecela ukulibona eBhayibhelini. Wabuza imibuzo eminingi kakhulu kangangokuthi ingxoxo yathatha amahora amathathu.
UBabutsa wayesaba ukuthi wayengeke aphinde ababone oFakazi ngakho wabuza, “Nizohamba ningishiye la?”
Odade baphendula: “Cha, ngeke sikushiye. Sizobuya ngoMgqibelo olandelayo.”
Wafika uMgqibelo futhi uBabutsa wajabula kakhulu lapho ebona ukuthi odade babuyile! Kwaqalwa isifundo seBhayibheli ngaso leso sikhathi. Lapho sesizophela, uBabutsa wabona isidingo sokuqinisekisa ukuthi wayengeke alahlekelane nabantu bakaNkulunkulu. Ngakho wacabanga: ‘Ngibatholile laba bantu. Manje kumele ngiqiniseke ngokuthi asilahlekelani nabo.’
UBabutsa wakha icebo. Uyakhumbula: “Ngangazi ukuthi uLyuba ushadile, ngakho ngabuza u-Itta ukuthi ushadile yini naye. U-Itta wathi akashadile. Ngakho ngathi, ‘Uma kunjalo-ke, thuthela kwami! Kunemibhede emibili futhi kunesibani phakathi nendawo. Singabeka iBhayibheli ngaphansi kwaso bese sixoxa ngalo ngisho nasebusuku!’” U-Itta wasamukela isimemo wabe eseyohlala noBabutsa.
Ekhumbula leso sikhathi, uBabutsa uthi: “Ngezinye izikhathi ngangingalali ebusuku, ngizindla ngalokho engangikufundile. Ngangivele ngifikelwe umbuzo engqondweni bese ngivusa u-Itta, ngithi: ‘Itta, thatha iBhayibheli lakho. Nginombuzo!’ U-Itta wayephendula ecikica amehlo athi, ‘Kulungile sthandwa.’ Wayebe esevula iBhayibheli angibonise impendulo.” Ngemva nje kwezinsuku ezintathu u-Itta ehlala noBabutsa, uBabutsa wayeseshumayela izindaba ezinhle!
UBabutsa wayenomngane omkhulu, uNatela Chargeishvili. UBabutsa uyakhumbula: “Ngangicabanga ukuthi ukuba yisigwili kwakuyomenza angalamukeli iqiniso kodwa nganginephutha. Saxoxa kanye nje walamukela ngentshiseko iqiniso.” Ngokushesha, bobabili base bexoxela abangane, abasebenza nabo nomakhelwane ngethemba labo.