Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb16 k. 28-k. 29 isig. 1
  • Ukunikezelwa Kwamagatsha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukunikezelwa Kwamagatsha
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2016
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukunikezelwa Kwamagatsha
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2014
  • Kwenziwani Ehhovisi Legatsha?
    Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
  • Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2004
  • Ukunikezelwa Kwamagatsha
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2017
Bheka Okunye
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2016
yb16 k. 28-k. 29 isig. 1
Izilaleli ngosuku lokunikezelwa kwegatsha

IMIBIKO EVELELE YONYAKA ODLULE

Ukunikezelwa Kwamagatsha

“INHLIZIYO yami ichichima injabulo,” kusho udade othile ngesikhathi kunikezelwa igatsha laseMadagascar, ngoMgqibelo ngo-January 24, 2015. Yena nezinye izivakashi ezingu-583 bajabula kakhulu lapho bebona isakhiwo esisha sokuhlala esinamagumbi angu-19, kanye nendawo yokudlela enwetshiwe nekhishi elilungisiwe. Kwanwetshwa namahhovisi omnyango weNkonzo, weZimali nobizwa ngokuthi iLocal/Design Construction. Ngaphezu kwalokho, umnyango we-Audio/Video nowoLimi Lwezandla yathola izindawo ezintsha zokuqopha, kwavulwa nomnyango obizwa ngokuthi iBraille Transcription. Ngemva kokulalela umlando womsebenzi wokushumayela eMadagascar, izimenywa zajabulela inkulumo yokunikezela igatsha eyanikezwa uMark Sanderson weNdikimba Ebusayo.

Isakhiwo esisha sokuhlala egatsheni laseMadagascar

Isakhiwo esisha esinamagumbi angu-19 egatsheni laseMadagascar

Kwathi gidi kubantu bakaJehova eJakarta, e-Indonesia, ngesikhathi izikhukhula zikhawuka edolobheni ngesikhathi sokunikezelwa kwezakhiwo ezintsha zegatsha ngo-February 14, 2015. Igatsha lisesitezi esisodwa esakhiweni ezinezitezi ezingu-42, eminye iminyango yegatsha isezitezi ezingu-12 esakhiweni esiseduze kwalesi. Iminyango eminingana yaseBethel ikwezinye izakhiwo ezincane eziseduze. U-Anthony Morris weNdikimba Ebusayo wanikeza inkulumo yokunikezela, ngosuku olulandelayo, bangu-15 257 ababuthanela enkundleni yebhola ukuze bamlalele enikeza inkulumo enesihloko esithi “Qhubeka Ukhuthazela Emsebenzini Omuhle.” Bangu-11 189 abethamela isimiso besezindaweni ezingu-41 bexhunywe nge-video, okwenza kwaba umbuthano wabantu bakaJehova omkhulu kunayo yonke eyake yaba khona e-Indonesia. URonald Jacka, esinye sezithunywa zevangeli zokuqala ezaya e-Indonesia, wathi: “Lapho ngifika ngo-1951, babengu-26 kuphela abamemezeli kulo lonke leli zwe. Kodwa namuhla bangaphezu kuka-26 000 abathamele lesi simiso esikhethekile. UJehova ubabusisile ngempela abantu bakhe e-Indonesia!”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela