I-INDONESIA
Amahhovisi asesitezi sika-31
IHhovisi Legatsha Elisendaweni Ephambili
Ngo-2008, i-Indonesia yaba nenani eliphakeme labamemezeli abangu-21 699. Yayingasekho indawo ezakhiweni zegatsha, futhi ngenxa yokuthi zazakhiwe ngesikhathi umsebenzi uvinjelwe, zazisendaweni ecezile. Kwacaca ukuthi kudingeka igatsha elikhulu eduze kwaseJakarta.
Ngemva kweminyaka cishe emibili, abazalwane bathenga indawo eyayihluke kakhulu kweyokuqala—bathenga isitezi sika-31 esakhiweni samahhovisi sesimanjemanje esinezitezi ezingu-42 eduze kweJakarta emaphakathi. Babe sebethenga izitezi ezingu-12 esakhiweni samafulethi esiseduze ukuze kuhlale izikhonzi zaseBethel ezingu-80 noma ngaphezulu. Bathola nesakhiwo esinezitezi ezinhlanu esasizoba neminyango yaseKhaya LaseBethel.
Indawo yokuhlala eBethel isezitezi ezingu-12
Izikhonzi zokwakha zakwamanye amazwe zalekelelana nezendawo ukuze zilungise amahhovisi namafulethi. Umbonisi wezokwakha uDarren Berg uthi: “UJehova wayelokhu esisiza lapho sibhekana nezinkinga ezinzima. Ngokwesibonelo, sasifuna ukufaka isimiso sokuhlanza amanzi esisezingeni eliphezulu, kodwa iziphathimandla zazingasazi lesi simiso, ngakho zenqaba. Umzalwane ongunjiniyela wabe eseluthatha udaba lwethu walethula esikhulwini esiphezulu. Sasamukela isicelo sethu, sathi sikwethemba ngokuphelele okushiwo yilo mzalwane.”
“Asisacashile. Abantu sebeyabaphawula manje oFakazi BakaJehova. Bayabona ukuthi sikhona la, asiyi ndawo.”
Izakhiwo ezintsha zegatsha zanikezelwa ngo-February 14, 2015. Ilungu leNdikimba Ebusayo u-Anthony Morris III wanikeza inkulumo yokuzinikezela. UVincent Witanto Ipikkusuma, ilungu leKomiti Yegatsha, uthi: “Manje sesisendaweni ehlonishwayo ephakathi kwezinkampani ezinkulu e-Indonesia. Asisacashile. Abantu sebeyabaphawula manje oFakazi BakaJehova. Bayabona ukuthi sikhona la, asiyi ndawo.”
IKomiti Yegatsha, kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla: UBudi Sentosa Lim, uVincent Witanto Ipikkusuma, uLothar Mihank noHideyuki Motoi
“Kumnandi Ukushumayela La!”
Eminyakeni yamuva, inani elandayo loFakazi liye lathuthela lapha livela ezindaweni eziningi emhlabeni. ULothar Mihank uyachaza: “Abantu abakhonza lapho kunendingeko enkulu khona bafeza indima ebalulekile emazweni anjengelethu. Bafika nokuhlangenwe nakho, ukuvuthwa nentshiseko futhi bayasiza benze abazalwane babazise kakhulu ubuzalwane bomhlaba wonke.” Yini eyabashukumisela ukuba bathuthele la? Ziye zabahambela kanjani izinto? Awulalele abakushoyo.
Abakhonza Lapho Indingeko Inkulu Khona
1. UJanine noDan Moore
2. UMandy noStuart Williams
3. UCasey noJason Gibbs
4. UMari (phambili kwesokudla) noTakahiro Akiyama (ngemuva kwesokudla)
UJason noCasey Gibbs abavela e-United States bayalandisa: “Sathatha INcwadi Yonyaka sabheka inani labantu okumelwe ummemezeli alishumayeze, sathola ukuthi i-Indonesia iphakathi kwamazwe anenani eliphezulu labantu okudingeka bashunyayezwe emhlabeni. Abangane bethu ababekhonza lapho kunendingeko khona basitshela ukuthi makhulu amathuba okwanda e-Indonesia. Sabe sesishayela igatsha lase-Indonesia, lathi asiye eBali. Insimu yesiNgisi kuleli zwe yayisanda kuqala ukusetshenzwa, ngakho sasizokwazi ukuba negalelo ngokushesha. Sahlela ukuba sihlale khona unyaka, kodwa sesihlale iminyaka emithathu. Iningi labantu esibashumayezayo abakaze bezwe ngoFakazi BakaJehova. Yeka indlela enomvuzo ngayo inkonzo!”
UStuart noMandy Williams, umbhangqwana wase-Australia osuzohlanganisa iminyaka engu-50, bathi: “Sasifuna ukuthola abantu abomele iqiniso, ngakho sanquma ukuthuthela e-Indonesia. EMalang, eMpumalanga Java, sithole abafundi abaningi baseyunivesithi abakhuluma isiNgisi abathandayo ukulalela izindaba ezinhle. Futhi bayazifela ngengosi ethi jw.org! Kumnandi ukushumayela la!”
UTakahiro noMari Akiyama, abaphayona eYogyakarta, esiqhingini saseJava, bayalandisa: “Sizizwa siphephile lapha kunasekhaya eJapane. Abantu banomusa, abadeleli. Abaningi, ikakhulukazi intsha, bayafuna ukwazi ngezinye izinkolo. Ngelinye ilanga sisetafuleni lethu lokufakaza obala, sahambisa omagazini abacela ku-2 600 ngamahora amahlanu kuphela.”
UDan noJanine Moore, indoda nomkayo asebezohlanganisa iminyaka engu-60, bayachaza: “Lapho siyoshumayela, abantu bayasingunga. Siyamoyizela; nabo bamoyizele. Baba nelukuluku, babe nesithakazelo bese beyajabula. Lapho sibakhombisa into ethile eBhayibhelini, abanye bathi, ‘Ngicela ukukubhala phansi lokho.’ Kuyabamangaza ukuhlakanipha okuseBhayibhelini. Sinonyaka silapha, siyazisola ngokuthi asisheshanga safika. Sasifuna indawo eyayinabantu abaningi ababengakashunyayezwa—siyitholile!”
UMisja noKristina Beerens bafika beyizithunywa zevangeli ngo-2009, manje bayajikeleza. Bathi: “Ngisho naseMadura Island eMpumalanga Java, indawo yamaSulumane asadla ngoludala e-Indonesia, umsebenzi wethu wokushumayela wamukelwa kahle kakhulu. Abantu bamisa izimoto bacele omagazini. Bathi: ‘NgingumSulumane, kodwa ngiyathanda ukufunda lab’ omagazini. Ngicela unginike nabanye ngiphathele abangane bami.’ Kumnandi ukushumayela la!”
Amasimu Amhlophe Alungele Ukuvunwa
Ngo-1931, lapho uFrank Rice efika eJakarta, kwakunabantu abangaba ngu-60 000 000 kuleli zwe. Manje sebecela ku-260 000 000, okwenza i-Indonesia ibe yizwe lesine elinabantu abaningi emhlabeni.
OFakazi BakaJehova e-Indonesia nabo babe nokwanda okumangalisayo. Ngo-1946, kwavumbuka abamemezeli abayishumi abathembekile ababesinde eMpini Yezwe II. Sikhuluma nje kunabamemezeli abangaphezu kuka-26 000 kuleli zwe—okuwubufakazi obusobala besibusiso sikaJehova! Futhi njengoba kwaba nabangu-55 864 eSikhumbuzweni ngo-2015, makhulu kakhulu amathuba okuthi kuzoba nokwanda okwengeziwe.
UJesu wathi: “Yebo, ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. Ngakho-ke, ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” (Math. 9:37, 38) Izinceku zikaJehova e-Indonesia ziyawenanela lawo mazwi. Zizimisele ukuqhubeka zizikhandla ukuze zisize ekungcweliseni igama likaJehova elikhulu kulesi siqhingi.—Isaya 24:15.