Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb16 k. 138-k. 142 isig. 3
  • Abazange Bayeke Ukuhlangana Ndawonye

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abazange Bayeke Ukuhlangana Ndawonye
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2016
  • Izihlokwana
  • Ukwakha Ihhovisi Legatsha Ngaphansi Kokuvinjelwa
  • UJehova Ukhulula Abantu Bakhe
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2016
yb16 k. 138-k. 142 isig. 3
Umshado e-Indonesia usetshenziselwa ukuba kuqhutshwe umhlangano omkhulu

Imishado yayisetshenziselwa ukuba kuqhutshwe imihlangano emikhulu

I-INDONESIA

Abazange Bayeke Ukuhlangana Ndawonye

Phakathi nokuvinjelwa, iningi lamabandla laqhubeka lihlangana ndawonye emizini yabazalwane ukuze likhulekele. Ukuze amabandla amaningi agweme ukuzidonsela amehlo, ayengaziculi izingoma zoMbuso. Ezinye zezindawo okwakuhlanganwa kuzo zazihlaselwa yiziphathimandla kungazelelwe, kodwa abazalwane babengalwi nazo.

Abazalwane babevame ukusebenzisa izikhathi zokubungazana kwezihlobo noma amadili emishado ukuze baqhube imihlangano emikhulu. UTagor Hutasoit uyachaza: “Imibhangqwana yayibhalisa imishado yayo bese ithola imvume yokwenza idili elikhulu lomshado emaphoyiseni. Ngesikhathi sedili, abakhaphi bakamakoti babehlala phambili esiteji, abazalwane banikeze uchungechunge lwezinkulumo zeBhayibheli.”

Komunye umhlangano iphoyisa laya kuTagor ngasese, lambuza.

“Imishado eminingi ivame ukuthatha amahora amabili noma amathathu. Kungani eyenu ithatha usuku lonke?”

UTagor waphendula: “Abanye abashadikazi banezinkinga eziningi futhi badinga izeluleko eziningi eziwusizo eziseZwini likaNkulunkulu.”

Iphoyisa lanqekuzisa ikhanda, lathi: “Uqinisile.”

Abazalwane benza sengathi bashadisa abantu abaningi ngasikhathi sinye base benikeza izinkulumo eMhlanganweni Wesigodi Ka-1983 othi “Ubunye BoMbuso” enkundleni enkulu yezemidlalo eJakarta. Kwaba khona inani eliphakeme labazalwane nabathakazelayo elicishe libe ngu-4 000, futhi abangu-125 babhapathizwa ngasese ngaphambi kwesimiso. Kamuva, lapho imithetho isithanjisiwe, abazalwane baqhuba imihlangano emikhulu nakakhulu, kuhlanganise nalowo okwaba khona kuwo abantu abangaphezu kuka-15 000.

Ukwakha Ihhovisi Legatsha Ngaphansi Kokuvinjelwa

Phakathi nawo-1980 nawo-1990, ihhovisi legatsha lanxusa kaningi uhulumeni ukuba ususe imithetho evimbela oFakazi BakaJehova. Abazalwane kwamanye amazwe nabo babhalela uhulumeni wase-Indonesia namanxusa akhona bebuza ukuthi kungani oFakazi BakaJehova bevinjelwe e-Indonesia. Izikhulu eziningi zazifuna ukuba kuqedwe ukuvinjelwa, kodwa inhlangano enamandla ebizwa ngokuthi iDirectorate General of Christian Community Guidance yazama kaningi ukuvimba imizamo yazo.

Ngo-1990 abazalwane baphetha ngokuthi lingakhiwa ihhovisi legatsha elisha endaweni enganakekile. Ngalowo nyaka iNdikimba Ebusayo yagunyaza ukuba kuthengwe indawo eseduze kwaseBogor, idolobha elincane elisendaweni engaba amakhilomitha angu-40 eningizimu yeJakarta. Kodwa babembalwa abazalwane bendawo ababenamakhono okwakha. Zazizokwakhiwa kanjani-ke izakhiwo ezintsha?

Impendulo yaqhamuka ngabazalwane bomhlaba wonke. IHhovisi Lezokwakha LaseBrooklyn neHhovisi Lobunjiniyela Lesifunda e-Australia abenzela amapulani. Izisebenzi zokuzithandela zomhlaba wonke eziyikhulu zanikela ngamakhono ayedingeka phakathi neminyaka emibili yomsebenzi.

UHosea Mansur, umzalwane wase-Indonesia owayengumxhumanisi phakathi kwabazalwane nezikhulu ezihlukahlukene, wathi: “Lapho izikhulu ezingamaSulumane zibona izinhlamvu zokuqala zamagama ami, uH.M. kumakalabha wami, zaphetha ngokuthi u-H umelele elithi ‘Hājjī,’ okuyisiqu esihlonishwa kakhulu abantu abaye bathathe uhambo olungcwele oluya eMecca. Ngakho zangiphatha ngenkulu inhlonipho. Lokhu kungaqondi okuncane kwenza kwaba lula ukuhlela umsebenzi.”

Ihhovisi legatsha elakhiwa ngesikhathi kuvinjelwe oFakazi BakaJehova e-Indonesia

Leli hhovisi legatsha lakhiwa phakathi nokuvinjelwa

Izakhiwo ezintsha zegatsha zanikezelwa ngo-July 19, 1996. UJohn Barr, ilungu leNdikimba Ebusayo, wanikeza inkulumo yokulinikezela. Abangu-285 ezilalelini babehlanganisa nabameleli bamagatsha abangu-118 kanye nababekade beyizithunywa zevangeli bevela emazweni amaningi, nabangu-59 bomkhaya waseBethel yase-Indonesia. Ezinsukwini ezimbili ezalandela isimiso sokunikezela, izihambeli ezingu-8 793 zathamela uMhlangano Wesigodi othi “Izithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu” eJakarta.

UJehova Ukhulula Abantu Bakhe

Ngo-1998, uMongamel’ uSoeharto (Suharto) wase-Indonesia owayesebuse isikhathi eside wesula esikhundleni, okwacabela uhulumeni omusha indlela. Ngenxa yalokho, abazalwane baqhubeka nemizamo yabo yokuba kususwe imithetho eyayibavimbela.

Ngenkathi evakashele eNew York ngo-2001, uNobhala WoMbuso Wase-Indonesia, uMnumzane Djohan Effendi, wavakashela iBethel YaseBrooklyn, wabonana namalungu amathathu eNdikimba Ebusayo. Kwamhlaba umxhwele akubona, futhi wavuma ukuthi oFakazi BakaJehova banedumela elihle emhlabeni wonke. UMnumzane Effendi wayengenankinga ngokususwa komthetho ovimbela oFakazi, kodwa isinqumo sokugcina kwakufanele senziwe ummeli-jikelele wase-Indonesia, uMnumzane Marzuki Darusman.

Ummeli-jikelele naye wayengenankinga ngokususwa komthetho ovimbela oFakazi, kodwa izikhulu ezinobutha zomnyango wakhe zazizindela ukususa lo mthetho ngoba zithi vele kwase kuzongena omunye esikhundleni sakhe. Ekugcineni, ngo-June 1, 2001, uTagor Hutasoit wabizelwa ehhovisi lommeli-jikelele. “Kulo lelo hhovisi, eminyakeni engu-25 ngaphambili, nganikezwa amaphepha ayethi oFakazi BakaJehova bavinjelwe. Kodwa ngalolu suku, olwalungolokugcina lommeli-jikelele, wanginikeza amaphepha aqeda umthetho wokuvinjelwa,” kukhumbula uTagor.

Ngo-March 22, 2002, inhlangano yoFakazi BakaJehova e-Indonesia yabhaliswa ngokusemthethweni uMnyango Wezindaba Zenkolo. Umqondisi-jikelele womnyango watshela abameleli begatsha: “Leli phepha elinigunyazayo alininikezi inkululeko yokukhulekela. Leyo nkululeko ivela kuNkulunkulu. Leli phepha lisho ukuthi uhulumeni useyiqaphela ngokusemthethweni inkolo yenu. Manje seninamalungelo afana nawezinye izinkolo, futhi uhulumeni uzonisiza.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela