IBandla LaseSurabaya ngo-1954
I-INDONESIA
Kufika Izithunywa Zevangeli ZaseGileyadi
Ngo-July 1951, ibandla elincane laseJakarta lahlangana ukuze lamukele uPeter Vanderhaegen, owayeyisithunywa sevangeli sokuqala esasiqeqeshwe eGileyadi esafika e-Indonesia. Ngasekupheleni konyaka, kwase kufike ezinye izithunywa zevangeli ezingu-13 zivela e-Australia, eJalimane naseNetherlands, inani lazo lacishe laliphinda kabili inani labamemezeli bakuleli zwe.
UFredrika Renskers, isithunywa sevangeli esingumDashi, uyakhumbula: “Ngangiye ngicabange ukuthi ngizosebenzisa izandla lapho ngikhuluma nabantu. Kodwa ngenxa yokuthi abantu abaningi babekhuluma isiDashi, ngaqale ngashumayela ngaso.” URonald Jacka, wase-Australia, wathi: “Abanye bethu babesebenzisa ikhadi lokunikeza ubufakazi elalinentshumayelo emfushane yesi-Indonesia. Ngangiqale ngilibheke ikhadi ngaphambi kokuba ngingqongqoze, bese ngizama ukuyibamba ngekhanda intshumayelo.”
Ngenxa yokuthi izithunywa zevangeli zazibeka isibonelo esihle, inani labamemezeli lakhula ngokushesha lisuka ku-34 laya ku-91 ngonyaka owodwa nje vo. Ngo-September 1, 1951, kwamiswa ihhovisi legatsha le-Watch Tower Society emzini ka-André Elias eCentral Jakarta. URonald Jacka wabelwa ukuba abe inceku yegatsha.
Kushunyayelwa Nakwezinye Izindawo
Ngo-November 1951, uPeter Vanderhaegen wabelwa eManado, eNyakatho Sulawesi, lapho uTheo Ratu nomkakhe babeqale khona iqembu elincane. Iningi labantu bendawo lalithi lingamaKristu futhi lilihlonipha kakhulu iZwi likaNkulunkulu. Abaninikhaya abaningi babebamukela oFakazi, babacele ukuba bachaze izimfundiso zeBhayibheli. OFakazi babevame ukukhuluma namaqembu abantu abayishumi. Ngemva kwemizuzu engu-15 kwakusuke sekulalele abangaba ngu-50. Lalithi lingakapheli ihora, ingxoxo yayisuke isisegcekeni sekulalele abantu abangaba ngu-200.
Ekuqaleni kuka-1952, u-Albert noJean Maltby bamisa ikhaya lezithunywa zevangeli eSurabaya, eMpumalanga Java, okuyidolobha lesibili ngobukhulu e-Indonesia. Belapho, kwafika odade abayizithunywa zevangeli abayisithupha—uGertrud Ott, uFredrika Renskers, uSusie noMarian Stoove, u-Eveline Platte noMimi Harp. UFredrika Renskers uthi: “Iningi labantu bendawo lalingamaSulumane angayishisekeli inkolo futhi linobungane kakhulu. Abaningi babebonakala sengathi balinde iqiniso ngakho kwakulula ukuqala izifundo zeBhayibheli. Ingakapheli iminyaka emithathu, iBandla LaseSurabaya lase linabamemezeli abangu-75.”
Izithunywa zevangeli eJakarta
Cishe ngaleso sikhathi, indoda engumSulumane egama layo lingu-Azis wasePadang, eNtshonalanga Sumatra, yabhalela ihhovisi legatsha icela usizo olungokomoya. U-Azis wayefundelwe amaphayona ase-Australia ngawo-1930 kodwa akabange esakwazi ukuxhumana nawo ngesikhathi kuhlasela amaJapane. Wathola incwajana eyayinyatheliswe oFakazi BakaJehova. Wabhala: “Lapho ngibona ikheli laseJakarta kule ncwajana, ngavuseleleka!” Ihhovisi legatsha lathumela masinyane umbonisi wesifunda uFrans van Vliet ePadang. Wathola ukuthi u-Azis wayesexoxe nomakhelwane wakhe uNazar Ris, isisebenzi sikahulumeni esasilambile ngokomoya. Womabili la madoda nemikhaya yawo bamukela iqiniso. UMfoweth’ u-Azis waba umdala othembekile. UNazar Ris waba iphayona elikhethekile, futhi izingane zakhe eziningi zingoFakazi abashisekayo namuhla.
UFrans van Vliet noNel, udadewabo omncane
Ngokushesha ngemva kwalokho, uFrans van Vliet wavakashela umzalwane ongumDashi owayesepholile owayevuselela indawo yokuhlanza uwoyela eyayicekelwe phansi yimpi eBalikpapan, eMpumalanga Kalimantan. UFrans wayehamba nalo mzalwane ensimini, wamkhuthaza ukuba afundele abantu abaningi abanesithakazelo. Ngaphambi kokuba lo mzalwane aphindele eNetherlands, wayesemise iqembu elincane eBalikpapan.
Kamuva, udade owayesanda kubhapathizwa, uTiti Koetin, wathuthela eBanjarmasin, eNingizimu Kalimantan. Washumayeza izihlobo zakhe ezazihlala emphakathini wamaDayak, wasiza eziningi zazo ukuba zifunde iqiniso. Ezinye kuzo zaphindela endaweni yakubo le emajukujukwini aseKalimantan, zafike zaqala amaqembu akhula aba amabandla aqinile.
Ukunyathelisa Izincwadi Zesi-Indonesia
Njengoba umsebenzi wokushumayela wawanda ngokushesha, abazalwane badinga izincwadi ezengeziwe zesi-Indonesia. Ngo-1951, incwadi ethi “UNkulunkulu Makabe Oneqiniso” yahunyushelwa olimini lwesi-Indonesia, kodwa iziphathimandla zashintsha indlela yokubhala amagama esi-Indonesia, zenza kwadingeka ukuba igatsha libukeze le ncwadi.a Lapho le ncwadi isikhululwa, yavusa isithakazelo esikhulu kubafundi balolu limi.
Ngo-1953, ihhovisi legatsha lanyathelisa amakhophi e-Nqabayokulinda angu-250 ngesi-Indonesia—okwakungumagazini wokuqala owanyatheliswa ngemva kweminyaka engu-12. Lo magazini owawunamakhasi angu-12 waqale waba nezihloko ezifundwayo kuphela. Ngemva kweminyaka emithathu waba namakhasi angu-16, inkampane eyayiqashiwe yayinyathelisa amakhophi angu-10 000 ngenyanga.
Ngo-1957 kwakhishwa i-Phaphama! yazinyanga zonke ngesi-Indonesia. Ngokushesha kwase kunyatheliswa amakhophi angu-10 000. Ngenxa yokuntuleka kwephepha lokunyathelisa ezweni lonke, abazalwane kwadingeka bafake isicelo selayisensi yephepha. Isikhulu sikahulumeni esasisebenza ngesicelo sabo sabatshela: “I-Menara Pengawal (INqabayokulinda) ngiyibheka njengomunye womagazini abahamba phambili la e-Indonesia futhi kungijabulisa kakhulu ukunisiza ngelayisense yephepha lokunyathelisa umagazini wenu omusha.”
a Kusukela ngo-1945 iye yashintshwa kabili indlela yokubhala amagama ngesi-Indonesia, ikakhulu ngenjongo yokuqeda indlela yokubhala yamaDashi.