Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb14 kk. 161-167
  • Kusukela Ngo-2002 Kuya Ku-2013 Kuze Kube Manje (Ingxenye 2)

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kusukela Ngo-2002 Kuya Ku-2013 Kuze Kube Manje (Ingxenye 2)
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2014
  • Izihlokwana
  • Kusizwa Izithulu
  • Bampofu Kodwa “Bacebile Okholweni”
  • Ukubheka Ikusasa Ngethemba
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2014
yb14 kk. 161-167

ISIERRA LEONE NEGUINEA

Kusukela Ngo-2002 Kuya Ku-2013 Izenzakalo Zamuva (Ingxenye 2)

Kusizwa Izithulu

Ngokwezibalo ezithile, abantu abacela ku-3 000 kuya ku-5 000 eSierra Leone nababalelwa emakhulwini eGuinea bayizithulu. Njengoba ‘intando [kaJehova] iwukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe,’ izithulu zazizozizwa kanjani izindaba ezinhle?​—1 Thim. 2:4.

UMichelle Washington, isithunywa sevangeli esiphothule eGileyadi esafika eSierra Leone ngo-1998, uyalandisa: “Mina nomyeni wami uKevin sabelwa ebandleni elalinabantu abane abayizithulu ababeza ezifundweni. Ngangifuna ukubasiza ngoba ngangilwazi uLimi Lwezandla LwaseMelika. Ihhovisi legatsha langicela ukuba ngitolikele izithulu emihlanganweni yebandla nakwemikhulu, latshela namabandla aseduze ngaleli lungiselelo. Egatsheni kwaba nanamakilasi okufunda ulimi lwezandla ukuze kufundiswe abamemezeli abathanda ukusiza izithulu. Saqala ukucinga izithulu emphakathini nokuzifundela. Abantu abaningi emphakathini basincoma lapho bebona imizamo yethu yokusiza izithulu. Kepha akubona bonke abawuthakasela lo msebenzi wethu. Umfundisi wezithulu wasibiza ‘ngabaprofethi bamanga.’ Waxwayisa abantu nemindeni yabo ukuba basigweme. Ezinye zatshelwa ukuthi uma zizihlanganisa nathi usizo lwazo lwezimali luzonqanyulwa. Ngokushesha izithulu zahlukana phakathi: kunalezo ezazingakaze zixoxe nathi futhi zisekela umfundisi nalezo ezazike zaxoxa nathi futhi zingamsekeli umfundisi. Abanye kulabo ababengamsekeli umfundisi balamukela iqiniso bathuthuka baze babhapathizwa.”

Ngokwesibonelo, uFemi wazalwa eyisithulu futhi ekhuluma nabanye ngezimpawu ezingatheni nje. Wayengathembi muntu​—ikakhulu abantu abakhulumayo​—engajabule futhi enomuzwa wokuthi akathandwa. Waqala ukufundelwa abazalwane abakhuluma ngezandla. Ngokushesha wayeseya njalo ezifundweni futhi efunda ulimi lwezandla. Wathuthuka waze wabhapathizwa, sikhuluma nje uzifundisa ngenjabulo ezinye izithulu iqiniso.

Isithombe ekhasini 161

UFemi, (kude kwesokudla) ucula ingoma yoMbuso ngolimi lwezandla

Ngo-July 2010, iqembu loLimi Lwezandla LwaseMelika eFreetown lamiswa njengebandla. Akhona namaqembu olimi lwezandla eBo naseConakry.

Bampofu Kodwa “Bacebile Okholweni”

IBhayibheli lembula ukuthi iningi lamaKristu ekhulu lokuqala lalimpofu. Umfundi uJakobe waloba: “UNkulunkulu wakhetha abampofu ngokwezwe ukuba babe abacebile okholweni . . . akunjalo?” (Jak. 2:5) Ukuba nokholo kuJehova kunikeze induduzo nethemba kubamemezeli baseSierra Leone naseGuinea.

Ukholo lwenza imindeni eminingi engoFakazi edla imbuya ngothi ehlala ezindaweni ezikude ukuba iyiqongelele izinyanga eziningi imali yokuya emihlanganweni emikhulu. Eminye iyatshala ukuze ithole imali yokuhamba. Amaqembu abantu abangu-20 kuya ku-30 ampintshana emalolini amancane kube kushisa, kunezintuli futhi ahambe uhambo olungathatha amahora angu-20 noma ngaphezulu endaweni enezikhisi. Abanye bahamba ngezinyawo amabanga amade. Omunye umzalwane uthi: “Amakhilomitha okuqala angu-80 sawahamba ngezinyawo sithwele ubhanana omningi. Sawudayisa endleleni ukuze siphungule umthwalo, sathola nemali yokugibela iloli siqedela ibanga elisele lohambo.”

Isithombe ekhasini 164

Bahamba ngeloli baya emhlanganweni wesigodi

Ukholo luye lwashukumisa abamemezeli abaningi ukuba balwe nesilingo sokuthuthela emazweni adla izambane likapondo. U-Emmanuel Patton, ophothule eSikoleni SeBhayibheli Sabazalwane Abangashadile uthi: “Sethemba ukuthi uJehova uzozinakekela izidingo zethu. Ngenxa yokuthi sihlala ezweni elinesidingo esikhulu sabashumayeli boMbuso, siyaqaphela ukuthi inkonzo yethu iyigugu ngokukhethekile.” (Math. 6:33) Manje u-Emmanuel ungumdala webandla futhi yena nomkakhe, u-Eunice, bayazikhandla bethuthukisa izithakazelo zoMbuso. Ezinye izinhloko zemindeni zikhetha ukungahambi ukuze zivikele ubunye nengokomoya lemindeni yazo. UTimothy Nyuma, owayeyiphayona elikhethekile nombambeli wombonisi wesifunda, uthi: “Angiwamukeli umsebenzi ozongisusa emndenini wami isikhathi eside. Mina nomkami, uFlorence, safundisa izingane zethu ezikoleni zendawo kunokuba siziyise kude ziyohlala nabanye abantu ukuze zithole imfundo yezwe engcono.”

Abanye abafowethu nodadewethu babonisa ukholo ngokukhuthazela emisebenzini yobuKristu naphezu kwezingqinamba. UKevin Washington, okukhulunywe ngaye ngaphambili, uthi: “Abamemezeli abaningi bashumayela njalo banakekele nemithwalo yemfanelo yebandla bebe benezinkinga ezingase zenze thina sihlale ekhaya sibalise. Ngokwesibonelo, abanye banezifo ezingamahlalakhona futhi akukho lapho bengathola khona usizo lwezempilo nemithi etholakala kalula kwezinye izindawo. Abanye benza imizamo emikhulu yokuzifundisa ukufunda nokubhala. Uma kwenzeka ngigxeke indlela umzalwane enza ngayo isabelo, ngiyazibuza: ‘Ukube bengisebenza nsuku zonke, nginezinkinga zempilo ezixakile, ngihlushwa amehlo kodwa ngingenazo izibuko, ngingenawo umtapo wezincwadi ezingokwasezulwini futhi ngingenawo ugesi, bengiyokwenza okuhlukile yini mina?’”

Isithombe esigcwele ikhasi emakhasini 166, 167

Ngalezi zindlela nezinye eziningi, abafowethu nodade eSierra Leone naseGuinea bakhazimulisa uJehova. Njengozakwabo abangamaKristu bekhulu lokuqala, bazitusa njengezikhonzi zikaNkulunkulu ‘ngokukhuthazelela okuningi, ngezinsizi, ngokuswela, njengabampofu kodwa benza abaningi bacebe, njengabangenalutho kodwa bebe benezinto zonke.’​—2 Kor. 6:​4, 10.

Ukubheka Ikusasa Ngethemba

Eminyakeni eyevile ku-90 edlule, u-Alfred Joseph noLeonard Blackman babika ukuthi amasimu aseSierra Leone “asemhlophe alungele ukuvunwa.” (Joh. 4:35) Ngemva kweminyaka engaba ngu-35, uManuel Diogo wabhala eseGuinea: “Baningi abanesithakazelo lapha.” Namuhla izinceku zikaJehova kuwo womabili la mazwe ziyaqiniseka ukuthi basebaningi kakhulu abantu abazokwamukela izindaba ezinhle.

Ngo-2012, bangu-3 479 ababa khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu eGuinea, okuyinani eliyiphinda izikhathi ezine nengxenye ingqikithi yabamemezeli kuleli zwe. Abamemezeli baseSierra Leone abangu-2 030 babecishe baphindeke kane njengoba babengu-7 854 eSikhumbuzweni. Ugogo owayekhona kuleso Sikhumbuzo kwakunguWinifred Remmie oneminyaka engu-93 oyiphayona elikhethekile. Yena nomyeni wakhe uLitchfield bafika eSierra Leone ngo-1963. Ngemva kweminyaka engu-60 enkonzweni yesikhathi esigcwele, wayesakhonza njengephayona elikhethekile. Wathi: “Ubani nje owayengacabanga ukuthi iSierra Leone yayizoceba ngabazalwane nodade abaqine kangaka ngokomoya. Nakuba sengimdala, ngisafuna ukuhlanganyela kulokhu kwanda okujabulisayo.”a

OFakazi BakaJehova eSierra Leone naseGuinea benanela amazwi kaWinifred ngenkulu intokozo. Kuhle kwezizemazema zemithi ethola kahle amanzi, bazimisele ukuqhubeka bethela izithelo kube udumo kuJehova. (IHu. 1:3) Ngamandla kaJehova bazoqhubeka bememezela ithemba langempela lenkululeko yesintu​—‘inkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’​—Roma 8:21.

Isithombe ekhasini 163

IKomiti Yegatsha, kusuka kwesobunxele kuya kwesokudla: UCollin Attick, u-Alfred Gunn, uTamba Josiah noDelroy Williamson

a UWinifred Remmie washona njengoba le ndaba ibisalungiselelwa ukunyatheliswa.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela