Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb09 kk. 1-2
  • Ikhasi Lesihloko/Ikhasi Labanyathelisi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ikhasi Lesihloko/Ikhasi Labanyathelisi
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2009
  • Izihlokwana
  • “Nikeza ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle.”​—IZENZO 20:24.
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2009
yb09 kk. 1-2

Ikhasi Lesihloko/Ikhasi Labanyathelisi

INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2009

Iqukethe Umbiko Wonyaka Wenkonzo Ka-2008

Le ncwadi eka-․․․․․

“Nikeza ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle.”​—IZENZO 20:24.

Umphostoli uPawulu wayesehambe iziwombe ezintathu njengesithunywa sevangeli, wabhekana novivinyo, wathola nezibusiso. Manje wayeselibangise eJerusalema, lapho ayengeke amukelwe khona ngemfudumalo ngoba wayelindelwe “yizibopho nezinsizi.” (IzE. 20:23) Kodwa akazange adikibale. EseMilethu, watshela abadala bebandla lase-Efesu: “Umphefumulo wami angiwenzi obaluleke njengokungathi uyigugu kimi, uma nje ngingaqeda inkambo yami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu, yokunikeza ubufakazi obuphelele ngezindaba ezinhle zomusa ongafanelwe kaNkulunkulu.”—IzE. 20:24.

UPawulu wayekwazisa ukuphila kwakhe, kodwa ukwenza intando kaNkulunkulu yikona okwakuza kuqala. OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bazizwa ngendlela efanayo. Nakuba ‘beyizinto zokuzondwa yizizwe zonke,’ njengoba uJesu abikezela, abantu bakaNkulunkulu baye bayisa izindaba ezinhle emhlabeni wonke futhi bashumayela ngesibindi cishe ezizweni zonke. (Math. 24:9) Kwangathi isihloko sonyaka sika-2009 singakushukumisela ekubeni uqhubeke unikeza ubufakazi obuphelele ngaphandle kokuyekethisa, ngaleyo ndlela ubonise ukwazisa kwakho ngomusa ongafanelwe kaNkulunkulu.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]

Photo Credits: Page 168: Franc Drozg, letter; Photo Archive-Museum of National Liberation Maribor, Slovenia

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela