Ikhasi Lesihloko/Ikhasi Labanyathelisi
Ncwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2007
Iqukethe Umbiko Wonyaka Wenkonzo Ka-2006
Le ncwadi eka-․․․․․․․․․․․․․․․․․
“Usuku Olukhulu LukaJehova Luseduze.”—ZEF. 1:14.
Ezinsukwini zenkosi yakwaJuda uJosiya, umprofethi uZefaniya wamemezela isigijimi esinamandla: Usuku lukaJehova lokwahlulela lwalusondela, futhi lwase luseduze. Nakuba ababi ‘babeyonqunywa,’ labo abafuna uJehova, abafuna ukulunga nobumnene ‘babeyositshekelwa ngosuku lwentukuthelo kaJehova.’ (Zef. 1:3; 2:3) Lolo suku lwafika ngo-607 B.C.E., futhi lwafika nolaka olukhulu ezakhamuzini zaseJerusalema.
Ngesibindi sishumayela isigijimi esifanayo, esixwayisa ababi, siduduze abalungileyo: Ngokushesha uJehova uzosusa kokubili ababi kanye nobubi. Njengoba uzobona eMbikweni Womhlaba Wonke, lesi sigijimi simenyezelwa kakhulu kunanini ngaphambili—ubufakazi bokuthi usuku lukaJehova ngempela luseduze. Kwangathi itekisi lethu lonyaka ka-2007 lingasikhumbuza ukuthi sikuphi ohlelweni lwezikhathi, futhi kwangathi lingasikhuthaza ukuba sihlale sithembekile kuNkulunkulu wethu omuhle kakhulu, uJehova.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 2]
Photo Credits: Page 22: Globe on DVD cover: Used with permission from The George F. Cram Company, Indianapolis, Indiana; page 27: Art source for Rome and Greece on top video cover: Roma, Musei Capitolini; page 66: City: Johannesburg Tourism Company; colorful buildings: ©Jon Arnold/Agency Jon Arnold Images/age fotostock; page 114: Top: Museum Africa: Times Media Collection; page 223: Rice: Ed Scott/Pixtal/age fotostock; house and boat: © ICONOTEC; page 228: Pineapples: © ICONOTEC; photo from space: Image courtesy of the Image Science & Analysis Laboratory, NASA Johnson Space Center; pages 229, 252-4: Flowers and lava, flowers and sunset, waterfall, waves: © ICONOTEC