IRomania
IBhayibheli labikezela ukuthi ukushushiswa kwamaKristu eqiniso kuyofinyelela umvuthwandaba phakathi nezinsuku zokugcina. (Gen. 3:15; IsAm. 12:13, 17) Lesi siprofetho siye sagcwaliseka ngendlela emangalisayo eRomania. Noma kunjalo, njengoba lo mlando uzobonisa, oFakazi BakaJehova eRomania abavumelanga lutho lucime ilangabi leqiniso elilanguka ezinhliziyweni zabantu bakaNkulunkulu. (Jer. 20:9) Kunalokho, baye bazitusa “njengezikhonzi zikaNkulunkulu, ngokukhuthazelela okuningi, ngezinsizi, ngokuswela, ngobunzima, ngokushaywa, ngamatilongo.” (2 Kor. 6:4, 5) Kwangathi umlando wabo wokugcina ubuqotho ungabakhuthaza bonke abafisa ukuhamba noNkulunkulu kulezi zinsuku zokugcina.
Ngo-1914 kwaqala inkathi yezinxushunxushu engakaze ibe khona emlandweni wesintu. Emazweni amaningi aseYurophu, kwaba inkathi yomashiqela abanonya, yezimfundiso zezombusazwe ezicindezelayo neyokubulawa kwabantu okunyantisayo. IRomania yayidonswa ngapha nangapha futhi abantu bahlupheka kakhulu. Bahlupheka kanjalo nalabo ababelalela uJesu Kristu, bezimisele ukubuyisela “izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu” futhi begwema ukukhulekela uhulumeni.—Math. 22:21.
Ngaphambi kuka-1945, abefundisi bama-Orthodox nabamaKatolika babengobhongoza ekuhlaseleni abantu bakaJehova. Babebahlasela emapulpiti nangokuba mdibimunye nabezombusazwe namaphoyisa, bawahlohle ukuba bakhele abazalwane uzungu. Igagasi elilandelayo loshushiso lavela kumaKhomanisi, aqhubeka nomkhankaso wawo ononya nohleliwe kwaze kwacishe kwaphela iminyaka engu-40.
Yini eyenza izindaba ezinhle zakwazi ukuthuthuka naphezu kwalezo zimo ezicindezelayo? Isizathu esiyinhloko ukuthi uJesu wawafeza amazwi akhe: “Bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.” (Math. 28:20) Manje ake sihlehlele emuva eminyakeni ethi ayibe yikhulu esikhathini imbewu yoMbuso eyaqala ngaso ukuhlwanyelwa endaweni manje ebizwa ngokuthi iMpumalanga Yurophu.
AbaseRomania Babuyela Kwelakubo
Ngo-1891, umFundi WeBhayibheli uCharles Taze Russell wavakashela amazwe athile aseMpumalanga Yurophu phakathi nohambo lwakhe lokushumayela. Kodwa akayijabulelanga kangako imiphumela. Wabika: “Asibonanga ntuba elalingangena ngayo iqiniso nakuzimisela ukulamukela.” Sasizoshintsha ngokushesha leso simo eRomania. Empeleni, uyena uMfoweth’ uRussell owayezoba neqhaza elikhulu ekuqaleni umsebenzi lapha kodwa hhayi ngendlela eqondile. Kanjani?
Njengoba ikhulu le-19 lalisondela ekupheleni, izimo zezenhlalo nezomnotho eRomania zabangela abantu abaningi ukuba bayofuna umsebenzi kwamanye amazwe, kuhlanganise nase-United States. Kwabanye, ukuthutha akugcinanga ngokuthuthukisa isimo sabo somnotho—bathola nolwazi olunembile lweqiniso leBhayibheli. Yilokhu okwenzeka kuKároly Szabó noJózsef Kiss, amadoda anomqondo ongokomoya aba khona kweziningana zezinkulumo zeBhayibheli zikaRussell.
Ebona ukuthi la madoda amabili anesithakazelo esiqotho eBhayibhelini, uMfoweth’ uRussell wanquma ukuzethula kuwo. Njengoba bexoxa, wasikisela ukuba uKároly noJózsef bacabangele ukuphindela eRomania bayohlanganyela isigijimi soMbuso nezihlobo nabangane. Bobabili bawuthanda lo mqondo futhi babuyela ngomkhumbi eRomania ngo-1911, bafike bazinza edolobheni laseTirgu-Mures eTransylvania.
Besendleleni ebuyela ekhaya, uMfoweth’ uSzabó wathandazela ukuba kube khona othile emkhayeni wakubo olamukelayo iqiniso. Lapho efika kubo, wenza ngokuvumelana nalowo mthandazo washumayeza izihlobo zakhe, kuhlanganise nomshana wakhe uZsuzsanna Enyedi, umKatolika ayefihle kuye ikhanda. Umyeni kaZsuzsanna wayetshala izimbali, yena azidayise emakethe.
UZsuzsanna wayeya eMiseni njalo ekuseni engakayi emsebenzini, bese kuthi njalo ebusuku lapho umkhaya wakhe usulele, aye engadini ayothandaza. Ebona lokhu, uKároly waya kuye ngobunye ubusuku engadini, wamthinta ehlombe wathi: “Unenhliziyo eqotho, Zsuzsanna. Uzolithola iqiniso.” Njengokusho kukamalume wakhe, lona wesifazane olungile wasamukela isigijimi soMbuso futhi waba umuntu wokuqala eTirgu-Mures owanikezela ukuphila kwakhe kuJehova. Wahlala ethembekile kwaze kwaba sekufeni kwakhe eneminyaka engu-87.
UMfoweth’ uSzabó washumayeza noSándor Józsa, ibhungu elalisebenza kwa-Enyedi. USándor wayeya kuyo yonke imihlangano eyayiqhutshwa yilaba bazalwane ababili futhi wafunda ngokushesha. Eqinisweni, leli bhungu elineminyaka engu-18 lasheshe laqala ukufakaza nokunikeza izinkulumo zeBhayibheli ezimnandi esigodini sakubo eSărăţeni, eSifundazweni SaseMureş. Ngokuhamba kwesikhathi ‘izincwadi zakhe zokutusa’ zagcina sezihlanganisa imibhangqwana eshadile engu-6 nezingane ezingu-24—amantombazane angu-13 nabafana abangu-11.—2 Kor. 3:1, 2.
Abafoweth’ uKiss noSzabó bashumayela kulo lonke elaseTransylvania, beqale eTirgu-Mures. Ngesikhathi besedolobheni laseDumbrava, eliqhele ngamakhilomitha angu-30 eCluj-Napoca, batholana noVasile Costea, owayengumBaptist. Wayeyindoda emfushane eyisigqigqi, ethandayo ukufunda iBhayibheli. Edidwe imfundiso yokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, walalelisisa lapho uJózsef noKároly bemchazela imiBhalo. Esebhapathiziwe uVasile, owayekhuluma nesiHungary, washumayela kabanzi kubantu baseRomania nabaseHungary esifundazweni sakubo. Kamuva, wakhonza njenge-colporteur (isikhonzi sesikhathi esigcwele) kwaze kwaba sekufeni kwakhe.
UMfoweth’ uSzabó wayisa izindaba ezinhle naseSatu-Mare, idolobha elikude lé enyakatho-ntshonalanga yeRomania. Elapho wahlangana noParaschiva Kalmár, owesifazane owesaba uNkulunkulu owamukela iqiniso ngaphandle kokunanaza. UParaschiva wafundisa izingane zakhe ezingu-9 ukuthanda uJehova. Namuhla umkhaya wakhe usuyizizukulwane ezinhlanu zoFakazi!
Omunye umuntu waseRomania owathola iqiniso leBhayibheli e-United States wayesebuyela eRomania ingakaqali iMpi Yezwe I kwakungu-Alexa Romocea. U-Alexa waphindela esigodini sakubo eBenesat, enyakatho-ntshonalanga yeTransylvania. Kungakabiphi, kwamiswa iqembu elincane labaFundi BeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo, elaqala ukuhlangana kule ndawo. Kuleli qembu kwakunamadodana omfowabo ka-Alexa, u-Elek noGavrilă Romocea. Namuhla, umkhaya ka-Alexa nawo usuyizizukulwane ezinhlanu zoFakazi.
Ngenxa yokushushiswa kabuhlungu eshushiselwa ukungathathi hlangothi kobuKristu, u-Elek wathuthela e-United States, wafike waya emhlanganweni okhethekile wabaFundi BeBhayibheli eCedar Point, e-Ohio, ngo-1922. Empeleni waba nelungelo lokuhumushela izethameli zolimi lwesiRomania. UGavrilă wasala eRomania ehamba nabaFoweth’ uSzabó noKiss lapho beshumayela eTransylvania futhi behambela amabandla namaqembu asanda kumiswa. Ngokuhamba kwesikhathi wakhonza ehhovisi legatsha lokuqala.
Umlisa waseRomania ogama lakhe ngu-Emanoil Chinţa waboshwa ngesikhathi seMpi Yezwe I wathunyelwa ejele lezempi e-Italy, kude nakubo. Elapho, watholana nabaFundi BeBhayibheli ababeboshelwe ukwenqaba ukuyokulwa. Wasamukela ngenhliziyo enhle isigijimi sabo seBhayibheli. Esededeliwe ngo-1919, wabuyela kubo eBaia-Mare, eSifundazweni SaseMaramureş, washumayela izindaba ezinhle ngomdlandla futhi waba nesandla ekwakhiweni kwelinye iqembu labaFundi BeBhayibheli.
Ngenxa yentshiseko nomoya wokuzidela wamavulandlela ezindaba ezinhle nowalabo abasilalela isigijimi sawo, abafundi banda namaqembu amancane abaFundi BeBhayibheli aqhibuka kuhle kwamakhowe. Empeleni ngo-1919—ngemva nje kweminyaka engu-8 uKároly Szabó noJózsef Kiss bebuyele eRomania—kwase kunabamemezeli boMbuso nabantu abathakazelayo abangaphezu kuka-1 700 behlelwe baba amakilasi okutadisha iBhayibheli angu-150, manje abizwa ngokuthi amaqembu noma amabandla. UMfoweth’ uKiss wakhonza njengephayona kwelakubo waze washona eneminyaka engu-86. UMfoweth’ uSzabó wabuyela e-United States ngo-1924 eyoqondisa umsebenzi ensimini yakhona yolimi lwesiHungary.
Ukukhiqiza Ukudla Okungokomoya
Izincwadi ezinyathelisiwe zaba nendima enkulu ekusakazeni isigijimi soMbuso nasekondleni abalambile ngokomoya. Ukuze basize ekugcwaliseni isidingo sokudla okungokomoya, abazalwane bahlela ukuba izincwadi zinyatheliswe izinkampane zakhona. Kusukela ngo-1914, inkampane ezimele eTirgu-Mures ebizwa ngokuthi i-Oglinda okusho ukuthi “Isibuko,” yanyathelisa i-Watch Tower and Herald of Christ’s Presence enamakhasi angu-16 ephuma kanye ngenyanga, kanye nezincwadi namapheshana—konke ngesiHungary.
Izincwadi zesiRomania zaqala ukunyatheliswa emishinini yalapha ngo-1916. Kuzona kwakunencwajana ethi Tabernacle Shadows of the “Better Sacrifices,” umagazini onamakhasi angu-8 i-Selections From “The Watchtower,” incwadi ethi Daily Heavenly Manna for the Household of Faith (manje eyaziwa ngokuthi Ukuhlola ImiBhalo Nsuku Zonke), neculo elithi Hymns of the Millennial Dawn. Kusukela ngo-1918, inkampane yokunyathelisa eDetroit, eMichigan, e-U.S.A., yanyathelisa futhi yathumela eRomania i-Watch Tower and Herald of Christ’s Presence yolimi lwesiRomania kanye nepheshana elithi People’s Pulpit elaliphuma nyanga zonke, elayidalula ngesibindi inkolo yamanga.
Ngenxa yokuthi ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle kwakuqhubeka kahle, uJacob B. Sima, umFundi WeBhayibheli odabuka eRomania, wabelwa ukuyoqondisa umsebenzi nokuwumisa ngokomthetho. Wathi efika nje eCluj-Napoca ngo-1920, wahlangana noKároly Szabó kamuva wahlangana noJózsef Kiss. Into eyayisemqoka kwakuwukuthola indawo ekahle eCluj-Napoca eyayizoba ihhovisi legatsha. Izindlu zazingatholakali kalula nokho, ngakho abazalwane bavula ihhovisi lesikhashana emzini womzalwane. Ngo-April 1920, kwamiswa igatsha lokuqala kanye nenhlangano engokomthetho i-Watch Tower Bible and Tract Society. Igatsha laseRomania lake lathi nokwengamela umsebenzi e-Albania, eBulgaria, eHungary, nasezweni elaliyiYugoslavia.
Ngaleso sikhathi, umoya wezinguquko owawuvunguza emazweni aseBalkan wavunguza wayofika eRomania. Ngaphandle kwalesi simo esishubile sezombusazwe, ukubandlululwa kwamaJuda kwaqala ukubhebhetheka kuhle komlilo wequbula, ikakhulukazi emayunivesithi, futhi abafundi emadolobheni amaningana bateleka. Uhulumeni wasabela ngokwenqabela imihlangano yomphakathi. Nakuba ama-colporteur ayengahlangene nalolu thuthuva, kwaboshwa futhi kwahlukunyezwa angaphezu kwangu-20 aphucwa nezincwadi zawo.
Naphezu kwalokho, abafowethu baqhubeka nokusebenza kanzima ensimini futhi nezincwadi zazilokhu zifunwe njalo. Ukunyatheliselwa yizinkampane zangaphandle kwase kubiza nokho, ngakho igatsha labheka ezinye izindlela zokunyathelisa. Kuwo lowo mnyama, ifektri yokunyathelisa eku-36 Regina Maria Street, eCluj-Napoca, abazalwane abase bevele beyisebenzisa, kwathiwa iyadayisa. Ngemva kokuthola imvume endlunkulu yomhlaba wonke, igatsha layithenga le ndawo ekahle eyayinezakhiwo ezimbili—esinye sinezitezi ezine esinye sinezimbili.
Ukulungiswa kwayo kwaqala ngo-March 1924, kwafika izisebenzi zokuzithandela zivela ezindaweni eziqhele njengaseBaia-Mare, eBistriţa naseRodna. Ukuze bakwazi ukusiza kulo msebenzi, abazalwane abaningana badayisa izimpahla zabo, abanye banikela ngokudla nezinto zokwakha. Eziningi zalezi zinto bazithumela ngezikhwama ezikhethekile ezibizwa ngokuthi ama-desagi, ezigaxwa ehlombe noma ehhashini.
Ukuze ithuthukiswe le ndawo, phakathi kwezinto ezathengwa igatsha kwakunemishini emithathu yohlobo lweLinotype, emibili yokunyathelisa ye-flatbed, nowodwa wohlobo lwe-rotary, nomshini wokugoqa ozishintshayo kanye nowokufaka umbala osagolide. Sebenakho konke lokhu, ngokushesha base bedla ubhedu kwezokunyathelisa kuleli zwe.
Emalungwini angu-8 omkhaya waseBethel, elilodwa laliqondisa izisebenzi ezingu-40 ezazingebona oFakazi, ezazisebenza amashifu amathathu endaweni yokunyathelisa. Babesebenza kanzima impela njengoba kubonisa umbiko womsebenzi ka-1924, okungunyaka eyaqala ngawo ukusebenza le ndawo. Benyathelisa ngesiRomania nangesiHungary, abafowethu bakhiqiza izincwadi ezingu-226 075, izincwajana ezingu-100 000, nomagazini abangu-175 000! Ezincwadini ezanyatheliswa kwakunensiza-kufundisa iBhayibheli ethi The Harp of God nomqulu wokuqala kweyisikhombisa ethi Studies in the Scriptures, onesihloko esithi The Divine Plan of the Ages.
Ngemva kweminyaka emibili yokulungiselela, igatsha lanyathelisa nencwadi ethi Scenario of the Photo-Drama of Creation ngesiRomania. Njengoba nje negama layo lizisho, le ncwadi i-Scenario yayisekelwe kuyi-“Photo-Drama”—inkulumo eyayisebenzisa ama-slide engilazi emibalabala, izithombe ezinyakazayo, nomsindo ohambisana nazo. Izibukeli zaziboniswa ukudalwa komhlaba kuze kuyofika ekupheleni kokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane. Nakuba yayingacacile njenge-“Photo-Drama,” le ncwadi yayinezithombe ezingu-400 kanye nezifundo ezimfushane eziphathelene nezimfundiso, umlando, nesayensi—konke okwashukumisa abaningi abayifunda ukuba bahlolisise iBhayibheli.
Amakilasi Okutadisha IBhayibheli Ayanda
“Memezelani, memezelani, memezelani, iNkosi noMbuso wayo!” kunxusa uJoseph Rutherford emhlanganweni wango-1922 eCedar Point, e-Ohio. Lesi sikhuthazo esishukumisayo sabavusa usinga abantu bakaNkulunkulu emhlabeni wonke, sabafaka umfutho owengeziwe. ERomania, abafowethu bayisa izindaba ezinhle emasimini amasha futhi benza abafundi abaningi abasha.
Abasha babelitadisha kanjani iBhayibheli ngalezo zinsuku? Babeba semakilasini ayebizwa ngokuthi amaBerean Bible Study. Babeba nemibuzo futhi ukwaziswa okwakufundwa kwakuthathwa ezincwadini ezihlukahlukene bese kunyatheliswa. Lokhu kwaziswa kwakunga-odwa ngeposi. Isimiso sokutadisha sasitholakala kuyi-Nqabayokulinda. Abafundi abanolwazi oluthé xaxa bona babezuza eZifundweni ZikaSonto-sikole Zezwe Lonke, ezabasiza ukuba babe abafundisi beZwi likaNkulunkulu.
Abameleli begatsha babehambela la maqembu, banikeze izinkulumo, bawasize nangezinye izindlela ngokomoya. Ukuhambela kokwelusa nokufundisa kona kwakwenziwa ama-pilgrim, noma ababonisi abajikelezayo njengoba bebizwa kanjalo namuhla. Ngo-1921 kwakunayisithupha, aba yisishiyagalombili ngemva nje kweminyaka emibili. Lezi zisebenzi ezishisekayo zaqhuba imihlangano emadolobheni amaningi amakhulu namancane, nasemaphandleni, zikhuluma nenqwaba yabantu ababebulawa indlala ngokomoya.
Amabili kula ma-pilgrim kwakungo-Emanoil Chinţa, okukhulunywe ngaye ngaphambili, no-Onisim Filipoiu. Langa limbe eBukovina, isifunda esisenyakatho, kwababelalele uMfoweth’ uChinţa kwakunoquqaba lwama-Adventist namaBaptist, abanye babo abalamukela iqiniso. Kamuva laba bazalwane ababili babelwa eBucharest, lapho basiza khona abanye abaningi ukuba babe nolwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu. Umlisa mumbe owazisayo wabhala: “Ngiyambonga uNkulunkulu ngokuthumela abaFoweth’ u-Emanoil no-Onisim okwadingeka basebenze impela ukuze bangigculise futhi bangikhanyisele. Kukhulu iNkosi esazokwenza lapha kodwa nje kudingeka isineke.”
Ngo-1920, abafowethu baba nemihlangano emikhulu yokuqala—omunye useBrebi, eSifundazweni SaseSălaj, omunye use-Ocna Dejului, eSifundazweni SaseCluj. Kuzo zombili lezi zindawo kwakufikeka ngezitimela, abamemezeli bakhona nabantu abathakazelayo balungiselela izindawo zokulala. Kwakukhona izihambeli ezicishe zibe ngu-500 zivela kulo lonke elaseRomania. Ukuziphatha kwazo okuhle kwanikeza ubufakazi obuhle kakhulu.
Noma kunjalo, abamemezeli boMbuso babanda ngokushesha nakuba izinto zazingahambi ngokushelela. Empeleni, kusukela ekuqaleni kweMpi Yezwe I, abafowethu baqala ukushushiswa abezenkolo nabezombusazwe.
Izitha Zisizakala Ngosinga Lwempi
Zishiswa ukushisekela izwe futhi zihlohlwa abefundisi, iziphathimandla zezombusazwe zazingabazweli abantu ababengalishisekeli izwe futhi bengafuni ukulilwela. Ngenxa yalokho, ngenkathi kugqashuka impi yezwe yokuqala, abafowethu abaningi baboshwa futhi bagwetshwa. Abanye babulawa nokubulawa, njengo-Ioan Rus, indoda eyayisanda kushada yasesigodini sasePetreştii de Mijloc, eningizimu yeCluj-Napoca.
Umzukulu ka-Ioan, uDaniel, uyalandisa: “Ngo-1914, u-Ioan Rus wabuthelwa empini. Ngenxa yokuthi wenqaba ukuyokulwa, wayiswa eBucharest wafike wagwetshwa intambo. Lapho esezobulawa, waphoqwa ukuba azimbele igodi lakhe abese ema eduze kwalo abheke amasosha ayezomdubula. Isosha eliphethe labe selithi u-Ioan akasho amazwi okugcina. Wakhetha ukuthandaza ngokuzwakalayo. Ethintwe umthandazo ka-Ioan, amasosha aba mathintanyawo angabe esamdubula. Isosha eliphethe labe selibizela elinye isosha eceleni lalithembisa ukuthi lizothola iholide lezinyanga ezintathu elihambisana nomholo uma limbulala. Lavuma labe selimdubula.”
Ngo-1916, abaFoweth’ uKiss noSzabó nabo baboshwa kodwa bona bagwetshwa iminyaka emihlanu. Ngenxa yokuthi kwakuthiwa “bayingozi,” bavalelwa bodwa izinyanga ezingu-18 ejele lezigebengu ezibukhali e-Aiud. ‘Babeyingozi’ ngamqondo muni oJózsef benoKároly? Ngokusho kwejaji, ‘babefundise izimfundiso ezihlukile kwezisemthethweni.’ Kalula nje, babengaboshelwanga ukwenqaba ukuyokulwa kuphela kodwa nokufundisa amaqiniso eBhayibheli ayengqubuzana nezimfundiso zenkolo ezaziwayo.
Esejele, la madoda amabili abhalela amabandla namaqembu ukuze akhuthaze abazalwane. Enye incwadi yayithi: “Sifisa ukusho ukuthi siyathokoza ngokuthi uBaba wethu wasezulwini onomusa, esimkweleta ukubonga, udumo nenhlonipho uvumele ukukhanya kwe-Nqabayokulinda ukuba kukhanye. Sikholelwa ukuthi abafowethu bayayazisa INqabayokulinda futhi bayiphathisa okwezikhali zaMantungwa.” Womabili adedelwa ngo-1919—aphuma ngesikhathi ukuze amise ihhovisi legatsha ngonyaka olandelayo.
Ukuphikisa Kwabefundisi Kuyaqina
Ekupheleni kweMpi Yezwe I ngo-1918, abefundisi baqhubeka bephikisa abantu bakaNkulunkulu. Omunye umpristi wawuhlaba obala umbono wabaFundi BeBhayibheli wokungafi komphefumulo nowendima kaMariya. “Ukulangazelela kwabo ukuphila okungcono emhlabeni kuyabasanganisa [abaFundi BeBhayibheli],” ebhala. “Basifundekela ngokuthi sonke singabazalwane nodade nokuthi abantu bazo zonke izizwe bayalingana.” Wabe esekhala ngokuthi kunzima ukumangalela abaFundi BeBhayibheli ngoba “bazishaya abathanda iqiniso, abakholiwe, abanokuthula nabathobekile.”
Ngo-1921, abapristi eBukovina babhalela uMnyango Wezangaphakathi Nowezobulungisa, becela ukuba umsebenzi wabaFundi BeBhayibheli uvalwe. Eqinisweni, abefundisi ababecasukile cishe kuzo zonke izindawo elase lifinyelele kuzo iqiniso babebathukuthelele kabi abantu bakaNkulunkulu. Isonto lobu-Orthodox, elamaKatolika kanye namanye amasonto ahlela imikhankaso yokulwa nabazalwane, behlohla umuntu ngamunye namaviyo abantu ukuba babahlasele. Encwadini eyayibhalelwe indlunkulu yomhlaba wonke, igatsha lathi: “Kuleli zwe abefundisi banezikhundla eziningi kakhulu kuhulumeni futhi umsebenzi wethu uncike emseni wabo ngokwezinga elithile. Ngabe konke kuhamba kahle ukube bebewulandela umthetho, kodwa manje bazisebenzisa kabi izikhundla zabo.”
Uphendula uhide lwezikhalazo zabefundisi, uMnyango Wezenkolo wavuma ukuba kusetshenziswe indluzula ukuze kuphazanyiswe ukushumayela nokuhlangana kwabantu bakaJehova. Ngakho, amaphoyisa aba isandla samasonto, ebopha abazalwane ngamacala amanga okuthi baphazamisa ukuthula. Nokho, umthetho wawungacacile kahle ngakho izigwebo zazishiyashiyana. Ukuziphatha kahle kwabafowethu nakho kwakudala inkinga. “AbaFundi BeBhayibheli abanakulahlwa ngecala,” kusho elinye ijaji, “ngoba yibona ngokuvamile abanokuthula kunabo bonke abantu.”
Noma kunjalo, ushushiso lwaqina futhi kwathi ekupheleni kuka-1926, INqabayokulinda yavalwa. Kodwa lokho akukuvimbanga ukugeleza kokudla okungokomoya—abafowethu bamane bashintsha igama likamagazini! Kusukela koka-January 1, 1927, owesiRomania wabizwa ngokuthi The Harvest, kamuva wabizwa ngokuthi The Light of the Bible, ekugcineni wabizwa ngokuthi i-Daybreak. Umlingani wawo wesiHungary wabizwa ngokuthi i-Christian Pilgrim, kamuva i-Gospel, ekugcineni i-Magazine of Those Who Believe in Christ’s Blood.
Ngokudabukisayo, cishe ngalesi sikhathi, uJacob B. Sima wahlubuka. Empeleni, ngo-1928 izenzo zakhe zaholela ekulahlekelweni yiyo yonke indawo yegatsha nayo yonke imishini! Abafowethu “baye bahlakazeka nokholo lwabo lwazanyazanyiswa,” kubika INcwadi Yonyaka Ka-1930 (yesiNgisi). Ngenxa yalezi zigigaba ezicindezelayo, kwathiwa umsebenzi awenganyelwe igatsha laseJalimane ngo-1929, kamuva wenganyelwa iCentral European Office eyayiseBern, eSwitzerland. Womabili la magatsha ayesebenzelana nehhovisi abafowethu abagcina sebelimise eBucharest.
‘Ungayishisi Incwadi Yami Bo!’
Naphezu kwalezi zilingo ezengeziwe, abathembekile bakuhlela kabusha ukushumayela futhi baqhubeka nakho, baze bavula ngisho namasimu amasha. Ngo-August 24, 1933, ihhovisi laseRomania labhala: “Abantu balambele iqiniso. Abafowethu ensimini bayasibhalela bathi bahamba bengungwe abantu lapho beshumayela endlini ngendlu ngoba besafuna ukuzwa iqiniso.”
Ngelinye ilanga, owesifazane ohluphekayo wacela incwadi eyayihanjiswa, waze wanikela umnikelo omncane womsebenzi woMbuso. Wathi angayizwa umpristi le ndaba, waqonda ngqó emzini wale nkosikazi. “Yilethe la leyo ncwadi, ngiyiphonse emlilweni!” esho ngokufutheka.
“Ngiyacela, Baba, ungayishisi,” kuncenga inkosikazi, “isilethele induduzo futhi izosisiza sikwazi ukubekezelela usizi lwethu!” Yenqaba ukuhlukana nencwadi yayo.
Omunye owayezithanda kakhulu izincwadi zethu kwakuyinkosikazi yesikhulu, enezisebenzi ezingoFakazi BakaJehova. Ngelinye ilanga yatshela izisebenzi zayo: “Anisezona izisebenzi zami kodwa seningabafowethu!” Kwenye indawo, umzalwane watshela iqembu lezingane ezazinelukuluku ukuthi umemezela uMbuso kaNkulunkulu. Izingane zabe sezitshela abantu abadlulayo ukuba bathathe izincwadi. “Lezi zincwadi zikhuluma ngoNkulunkulu,” ziklabalasa. Kungakapheli sikhathi, lo mzalwane owayephelelwe amazwi ngenxa yalezi zingane ezazishisekela ukumsiza engazicelanga, wayesezihambise zonke izincwadi zakhe!
UNicu Palius, iphayona elinomoya ophansi, wafika eRomania evela eGreece ezosiza ngomsebenzi. Ngemva kokukhonza eBucharest wathuthela eGalaţi, itheku elikhulu eDanube. Ekupheleni kuka-1933, uNicu wabhala: “Kwacishe kwaphela izinyanga ezimbili nengxenye ngishumayeza abantu baseRomania, futhi uJehova uNkulunkulu wanginika izibusiso eziningi—yize ngangingakwazi ukukhuluma ulimi lwakhona. Ngemva kwalokho, ngashumayeza amaGreki nama-Armenia futhi ngosizo lweNkosi ngahambela amadolobha angu-20. AmaGreki yiwona asijabulela kakhulu isigijimi.”
Yebo, naphezu kwemikhankaso yabefundisi yokulwa nabafowethu, baningi abantu abanezinhliziyo eziqotho ababefuna ukuzwa izindaba ezinhle. Phakathi kwabo kwakunomphathi-dolobha okwakungavumi azibeke phansi izincwajana lapho ezifunda nokwathi kamuva wavuma ukuthi ulibheke ngabomvu izwe elisha. Kwelinye idolobha, umlisa mumbe wacela izincwadi eziningi, wathembisa ukuzinika bonke ababethanda ukuzifunda.
Umsebenzi Uhlelwa Kabusha
Ngo-1930, ngemva kweminyaka emibili uSima ehlubukile, uMartin Magyarosi, umRomania ohlala eBistriţa, eTransylvania kodwa odabuka eHungary, wamiswa ukuba engamele umsebenzi. Ngemva kwamasonto ayisithupha eqeqeshwa egatsheni laseJalimane, uMfoweth’ uMagyarosi wamisa ihhovisi eBucharest. Kungakabiphi, INqabayokulinda yesiRomania, eyayikade inyatheliswa okwesikhashana e-Austria naseJalimane, yayisinyatheliswa eRomania, manje isinyatheliswa inkampane yokunyathelisa yaseBucharest ebizwa ngokuthi iGolden Book.
Ngemva komzukuzuku abafowethu bakwazi ukumisa inhlangano entsha engokomthetho ngo-1933—i-Bible and Tract Society of Jehovah’s Witnesses. Izakhiwo zayo zaziku-33 Crişana Street, eBucharest. Nokho, ngenxa yokuphikisa kwabezenkolo nabezombusazwe, abazalwane bathola imvume yokusebenza njengenkampane kodwa bangaqashelwa njengenhlangano engokwenkolo.
Noma kunjalo, le mizamo yasiza ekuvuseleleni abazalwane nasekuqhubekiseleni phambili umsebenzi wokushumayela. Abamemezeli abaningi baze baqala nokuphayona, abanye bandisa inkonzo yabo, ikakhulukazi ebusika ngesikhathi abantu basemaphandleni benesikhathi esiningi. Abafowethu babelalela nezinkulumo zeBhayibheli ezivela phesheya emsakazweni. Zaziwusizo ngokukhethekile kubantu ababengayi emihlanganweni ngoba besaba omakhelwane babo noma abapristi. Isikhathi sohlelo, izihloko zezinkulumo nesiteshi kwakuthokala kuyi-Nqabayokulinda.
Elinye ilungiselelo elasiza ekuthuthukiseni izindaba ezinhle kwakuyigilamafomu eliphathwayo elalenziwe inhlangano kaJehova. Phakathi nawo-1930, amabandla nabantu ngabanye babengawa-oda kanye nezinkulumo zeBhayibheli eziqoshiwe. Lezi zinkulumo azikhuthazanga “nje abazalwane kuphela kodwa naleyo mikhaya eyayinawo amagilamafomu futhi ilithanda iqiniso,” kusho isimemezelo esasikuyi-Bulletin (manje okuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso).
Uvivinyo Lwangaphakathi Luyaqhubeka
Ngeminyaka yawo-1920 nawo-1930 laqondwa kangcono iZwi likaNkulunkulu kanye nesidingo sokuba umKristu ngamunye afakazele iqiniso. Ukukhanya okukhulu kwafika ngo-1931 ngesikhathi abaFundi BeBhayibheli bamukela igama elithi oFakazi BakaJehova. Kunokuba libe ilebula nje, leli gama elisekelwe eBhayibhelini libonisa ukuthi umuntu obizwa ngalo usekela futhi umemezela ukuthi uJehova unguNkulunkulu. (Isaya 43:10-12) AbaFundi BeBhayibheli ababemelene nomsebenzi wokushumayela yabakhuba le ntuthuko, bayishiya inhlangano. Abanye bahlubuka nokuhlubuka, bazetha igama elithi Abantu Abakholelwa Eminyakeni Eyinkulungwane. Ingabe ukholo lwabathembekile lwaluyomelana nalolu vivinyo? Ingabe babeyoqhubeka nomsebenzi wokushumayela abawuthunyiwe yize bephikiswa abefundisi nezihlubuki?
Nakuba bekhona abanqotshwa yilolu vivinyo, abaningi baqhubeka ngokwethembeka nangentshiseko enkonzweni kaJehova. Ingxenye yombiko ka-1931 yathi: “Kunabazalwane abacela ku-2 000 eRumania, futhi nakuba bengaphansi kobunzima obukhulu baye basakaza izincwadi ezingu-5 549 nezincwajana ezingu-39 811 kulo nyaka.” Ngonyaka olandelayo, abafowethu benza okuhle nakakhulu, bahambisa izincwadi nezincwajana ezingu-55 632.
Ngaphezu kwalokho, ngezinye izikhathi ushushiso lwaluba nemiphumela ehlukile kweyayihlosiwe. Ngokwesibonelo, oFakazi basendaweni ethile banquma njengeqembu ukuba ukuzihlukanisa kwabo ‘neBhabhiloni Elikhulu’ kwaziwe abantu bonke. (IsAm. 18:2, 4) Kwaphela izinsuku eziyisihlanu zilandelana laba bafowethu nodadewethu abanesibindi bethutheleka kwaMuhle beyogcwalisa amafomu okwesula emasontweni abo.
Izinduna zendawo zashaqeka, umpristi wakhona yena kwathi akafe. Waqale wagijimela esiteshini samaphoyisa eyofuna usizo, kodwa wangaluthola. Nango esebuyela kwaMuhle wafike wakhwela wadilika kumabhalane embiza ngeKhomanisi ngoba esize abantu ngezicelo zabo. Umabhalane naye wacasuka wakhwela wazehlela kumfundisi ethi ngisho umphakathi ungeza wonke kuye, uzowusiza ubhale izicelo zawo zokwesula. Washweba kanjalo umpristi, nabafowethu bakwazi ukuqedela izicelo zabo.
“Ucabanga Ukungidubula Yini?”
Abefundisi babebahlaba bebahlikiza oFakazi BakaJehova ezintshumayelweni zabo. Babemhlezi entanyeni nohulumeni bethi akavale umsebenzi. Yebo, uMnyango Wezenkolo, ithuluzi lezombusazwe labefundisi, waqhubeka usebenzisa amaphoyisa ukuba ahlukumeze abafowethu. Kwesinye isigameko, isikhulu samaphoyisa kanye nephoyisa bangena ngaphandle kwemvume emzini okwakuqhutshelwa kuwo imihlangano yobuKristu.
“Iphi imvume yenu yokubamba le nkonzo,” kusho lesi sikhulu kumninikhaya, ongumzalwane esizombiza ngokuthi uGeorge.
Azi ukuthi cishe lesi sikhulu asinayo imvume yokusesha, uGeorge waphendula: “Ungene ngemvume kabani la emzini wami?”
Zayima emthumeni kulesi sikhulu, uGeorge wabe esesicela ukuba sihambe. Saya ngasemnyango singathandisisi. Sesizophuma, sathi leli elinye iphoyisa alime ngasesangweni elingaphambili ukuze limbophe uGeorge uma ezama ukuhamba. Ngemva kwesikhathi lapho uGeorge ethi uyaphuma, iphoyisa lambopha lithi “kusho umthetho.”
“Muphi umthetho?” kubuza uGeorge.
“Nginemvume yokukubopha,” liqinisa ikhanda.
Njengoba ayekade eyiphoyisa, uGeorge wayewazi umthetho; ngakho wacela ukuyibona leyo mvume. Njengoba ayesolile, lalingenayo. Ngenxa yokuthi alikwazanga ukumbopha ngokusemthethweni, lacabanga ukuthi lizozama ukumethusa ngokuhlohla isibhamu salo.
“Ucabanga ukungidubula yini?” kubuza uGeorge.
“Cha,” kubhavumula iphoyisa, “angisona isilima mina.”
“Pho usihlohlelani isibhamu?” kubuza uGeorge.
Leli phoyisa labona ukuthi liphaphalazile, lahamba. Engafuni kumphinde lokhu, uGeorge wabophisa isikhulu samaphoyisa ngokungena emzini wakhe ngaphandle kwemvume. Ngokumangazayo, sahlawuliswa futhi saboshwa izinsuku ezingu-15.
Kwesinye isigameko, umzalwane osekhulile wanikeza ubufakazi obuhle enkantolo. Ijaji laliphethe izincwadi ezimbili zoFakazi BakaJehova. Lizishwilizisa phambi kwalo mzalwane, ijaji lambeka icala lokusakaza inkulumo-ze yenkolo.
“Uma ungigwebela ukumemezela iqiniso leZwi likaNkulunkulu,” kusho umzalwane, “ngeke ngisibheke leso sigwebo njengesijeziso, kodwa ngiyosibheka njengendondo yokungihlonipha. INkosi uJesu yatshela abalandeli bayo ukuba bajabule lapho beshushiselwa ukulunga ngoba baphathwa kanjalo nabaprofethi basendulo. Empeleni, noJesu ngokwakhe washushiswa waze wabethelwa, hhayi ngoba enze okubi, kodwa ngoba ekhulume iqiniso ayelizwe kuNkulunkulu.”
Umzalwane waqhubeka: “Ngakho uma le nkantolo ingigwebela ukumemezela isigijimi sikaJesu esiphathelene noMbuso ngalezo zincwadi ezimbili, iyobe igweba umuntu ongenacala.” Ijaji lalichitha icala.
‘Akukho Ndawo Lapho Abafowethu Bekhuthazelela Khona Ubunzima Obungaka’
Ngemva kuka-1929 ukwehla kwamanani emikhiqizo, ukuntuleka kwemisebenzi yonk’ indawo, nodlame lwezombusazwe kwaholela ekwandeni ngokushesha kwamaqembu ontamo-lukhuni, ahlanganisa namaFascist. Ngaphezu kwalokho, ngawo-1930 iRomania yaya ngokuya ihogela ithonya leJalimane LamaNazi. Lezi zinguquko zaziyibika lokubi koFakazi BakaJehova. Empeleni, INcwadi Yonyaka Ka-1936 (yesiNgisi) yathi: “Akukho ndawo emhlabeni lapho abafowethu besebenza khona ngobunzima obukhulu kangaka kunaseRumania.” Kusukela ngo-1933 kuya ku-1939, kwakunamacala angu-530 abekwe oFakazi BakaJehova. Kodwa-ke vele abashushisi basenkantolo babelokhu bethi umsebenzi wethu nehhovisi elaliseBucharest akuvalwe.
Ekugcineni, ngo-June 19, 1935, ngo-8:00 kusihlwa, kwatheleka abakwasidlodlo ehhovisi bephethe imvume engekho emthethweni. Bathatha amafayela nezincwajana ezingaphezu kuka-12 000 base bebeka unogada. Ngisho kunjalo, umzalwane othile wanyenya waphuma ngomnyango ongemuva waya kummeli onozwela futhi oyilungu lephalamende. Ummeli washayela ucingo iziphathimandla ezithintekile futhi ngenxa yalokho, ihhovisi lavulwa nawo wonke amafayela abuyiswa. Kodwa le nkululeko yayingeyesikhashana.
Ngo-April 21, 1937, uMnyango Wezenkolo wakhipha isinqumo esashicilelwa kumagazini kahulumeni nasemaphephandabeni. Leso sinqumo sasithi umsebenzi woFakazi BakaJehova unqatshelwe ngokuphelele eRomania futhi labo abasakaza izincwadi zabo noma ngisho abazifundayo bayoboshwa futhi bajeze nezincwadi zabo zithathwe.
Abazalwane basidlulisa lesi sinqumo. Nokho, ungqongqoshe owayehilelekile walihlehlisa kathathu icala ngoba azi ukuthi izinto azishoyo ngabo azinasisindo. Kwathi ngaphambi kokufika kosuku lokugcina lwecala, iNkosi uCarol II wamemezela ukuthi iRomania isingaphansi kobushiqela. Ngo-June 1938 kwakhishwa isinqumo esisha esivimbela oFakazi BakaJehova. Nalapha futhi abazalwane bafaka icala. Babhalela nenkosi incwadi bechaza ukuthi izincwadi zoFakazi ziyafundisa, azihlose kugumbuqela mbuso nakususa thuthuva. Le ncwadi yaze yabhekisela nasesinqumweni sangaphambili senkantolo ephakeme esiphathelene nalokhu. Inkosi yayidlulisela eMnyango Wezenkolo le ncwadi. Wathini wona? Ngo-August 2, 1938, walivala ngcí ihhovisi laseBucharest.
Phakathi naleso sikhathi esinzima, iningi labazalwane—nemikhaya imbala—laboshwa futhi lagqunywa emajele, ngezinye izikhathi ngenxa nje yokucula izingoma zoMbuso emizini yabo. Izigwebo zazisuka ezinyangeni ezintathu ziye eminyakeni emibili. Babebanjwa kanjani? Abaningi babempimpwa abantu ababethunywe abefundisi. Lezi zimpimpi zazizenza izisebenzi, abadayisi, nokunye.
Noma ubani owayetholakala nezincwadi zethu wayeboshwa. Umfowethu owayesebenza ehlathini egawula imithi wayehamba neBhayibheli lakhe ne-Ncwadi Yonyaka. Langa limbe amaphoyisa asesha izimpahla zabo bonke abantu athola lezi zincwadi zomzalwane. Ambopha futhi amhambisa ngezinyawo amakhilomitha angu-200 aya naye enkantolo, wafike wagwetshwa izinyanga eziyisithupha ebhadla ejele. Izitokisi zazigcwele zikhuza phezulu, zingcolile, zigcwele nezintwala. Kwakudliwa isobho eliwumbhubhudlo.
IMpi Yezwe II Iletha Ukuvivinywa Okwengeziwe
Entathakusa ka-September 1, 1939, amasosha aseJalimane afika ePoland engasadle nkobe zamuntu, okwathungela enye futhi impi yezwe—impi eyayizoba nemiphumela emikhulu nehlala njalo eRomania. Emzamweni wokuba omakhonya, iSoviet Union neJalimane, amazwe ayesayine isivumelwano sokungalwi wodwa, agcina esehlukanise iMpumalanga Yurophu yaba izindawo ayezozibusa, abese esika iRomania kuhle kwekhekhe. IHungary yazithathela iTransylvania esenyakatho; iSoviet Union yadla iBessarabia neNyakatho Bukovina; iBulgaria yathatha iDobruja eseningizimu. Ngenxa yalokho, iRomania yalahlekelwa abantu bayo abayingxenye eyodwa kwezintathu kanye nendawo yayo. Ngo-1940, uhulumeni wobushiqela wamaFascist wathatha izintambo.
Uhulumeni omusha wahoxisa umthetho-sisekelo wabe usukhipha umthetho ogunyaza izinkolo ezingu-9 kuphela, eziyinhloko kuzo kuyisonto lobu-Orthodox, elamaKatolika, nelamaLuthela. Ukuvinjelwa koFakazi BakaJehova kwaqhubeka. Izenzo zobudlova zaziziningi, futhi ngo-October 1940, amasosha aseJalimane alithatha izwe. Ngaphansi kwalezi zimo ezibucayi, ukuxhumana phakathi kweRomania neCentral European Office eSwitzerland kwanqamuka.
Ngenxa yokuthi oFakazi BakaJehova abaningi babehlala eTransylvania, uMartin Magyarosi wathuthela khona esuka eBucharest, wazinza eTirgu-Mures. Umkakhe, uMaria, wayethuthele khona kuqala ngenxa yempilo. UPamfil no-Elena Albu, nabo ababekade bekhonza ehhovisi eBucharest, bathuthela phezulu eBaia-Mare esenyakatho. Beshumayela kula madolobha amabili, abaFoweth’ uMagyarosi no-Albu bawuhlela kabusha umsebenzi wokushumayela nokunyathelisa ngomshoshaphansi INqabayokulinda. Uzakwabo, uTeodor Morăraş, wahlala eBucharest, lapho aqondisa khona umsebenzi endaweni eyayisele yeRomania kwaze kwaba sekuboshweni kwakhe ngo-1941.
Sonke lesi sikhathi abafowethu babematasa enkonzweni, behambisa izincwadi zeBhayibheli ngawo wonke amathuba kodwa beqaphise okwezinyoka. Ngokwesibonelo, babeshiya izincwadi ezindaweni zomphakathi, njengasezitolo zokudlela nasezitimeleni, benethemba lokuthi ukhona oyozibona. Baqhubeka futhi belalela umyalo ongokomBhalo wokuba bahlangane ndawonye ngenjongo yokukhuthazana ngokomoya, kodwa beqikelela ukuthi abazidonseli amehlo. (Heb. 10:24, 25) Ngokwesibonelo, abantu ababehlala emaphandleni babesebenzisa isikhathi semigidi yezikhathi zokuvuna lapho abalimi babesizana ngokuvuna bese kamuva bezijabulisa ngokuxoxa amahlaya nezinganekwane. Abafowethu babevele baqhube imihlangano yobuKristu.
“Sicindezelwe Ngazo Zonke Izindlela”
UMfoweth’ uMagyarosi waboshwa ngo-September 1942 kodwa waqhubeka eqondisa umsebenzi wokushumayela esejele. Abakwa-Albu nabo baboshwa kanye nabanye abafowethu nodade abangaba yinkulungwane, iningi labo elalidedelwa ngemva kokushaywa nokuboshwa amasonto ayisithupha noma ngaphezulu. OFakazi abayikhulu, abahlanganisa nodade abaningana, bagwetshwa iminyaka emibili kuya kweyishumi nanhlanu ngenxa yokungathathi kwabo uhlangothi kobuKristu. Abazalwane abahlanu bathola isigwebo sentambo, esagcina sishintshelwe ekudilikelweni ijele. Ebusuku, kwakufika amaphoyisa ahlomile athathe omama nezingane ezincane, ashiye imfuyo yabo nemizi ingabhekwe muntu ukuze amasela azitike.
Emakamu angamajele, abafowethu “babemukelwa” ikomiti lonogada elalibopha izinyawo zomuntu ngamunye lizicindezele phansi, omunye amshaye izinyawo ngesagila senjoloba nocingo. Kwakuphuka amathambo, kuqhantshe izinzipho, isikhumba sibe mnyama, ngezinye izikhathi size sixebuke kuhle kwegxolo lixebuka esihlahleni. Abapristi ababehambahamba emakamu bebona lokhu kuhlukunyezwa babebhuqa, “Muphi uJehova wenu, akanikhulule phela?”
Abafowethu ‘babecindezelwe ngazo zonke izindlela’ kodwa ‘bengashiyiwe dengwane.’ (2 Kor. 4:8, 9) Empeleni, babeduduza ezinye iziboshwa ngethemba loMbuso, ezinye zalamukela. Cabanga ngoTeodor Miron wasesigodini saseTopliţa esisenyakatho-mpumalanga yeTransylvania. Ngaphambi kweMpi Yezwe II, uTeodor waphetha ngokuthi uNkulunkulu akafuni kubulawe abantu, ngakho wenqaba ukubhalisela ukuya empini. Ngakho ngo-May 1943 wagwetshwa iminyaka emihlanu ejele. Ekufikeni kwakhe ejele, watholana noMartin Magyarosi noPamfil Albu nezinye iziboshwa ezingoFakazi futhi wamukela isifundo seBhayibheli. UTeodor wathuthuka ngokushesha ngokomoya, kwathi kungakapheli masonto amangaki, wanikezela ukuphila kwakhe kuJehova. Kodwa-ke, wabhapathizwa kanjani?
Ithuba lokuba abhapathizwe lavela ngesikhathi uTeodor nabanye oFakazi abangaba ngu-50 baseRomania behanjiswa ngendlela ethathelayo eya ekamu eliyijele lamaNazi eBor, eSerbia. Besendleleni, bama eJászberény eHungary, lapho bahlangana khona nabafowethu abangaphezu kwekhulu abakhuluma isiHungary. Besamile, onogada bathuma abazalwane abaningana ukuba bayogcwalisa umphongolo wamanzi emfuleni. Ngenxa yokuthi onogada babebathemba, bahamba bengaqashwe muntu. UTeodor wahamba nabo wafike wabhapathizwa emfuleni. Zisuka eJászberény, iziboshwa zathathwa ngesitimela nangesikebhe zayiswa eBor.
Ngaleso sikhathi ikamu laseBor lalinamaJuda angu-6 000; ama-Adventist angu-14; noFakazi abangu-152. “Izimo zazizimbi kakhulu,” kukhumbula uMfoweth’ uMiron, “kodwa uJehova wasinakekela. Unogada onomusa owayevame ukuthunywa eHungary wangenisa izincwadi ekamu. Abanye oFakazi ayebazi futhi ebethemba babesala nomkhaya wakhe ngenkathi engekho, ngakho wayesefana nomfowabo. Le ndoda eyayiyisikhulu sekamu yayisincinza indlebe uma kukhona okuzokwenzeka. Kwakunabadala abangu-15 ekamu, njengoba bebizwa kanjalo manje, futhi bahlela ukuba kube nemihlangano emithathu ngesonto. Ngokwesilinganiso, kwakuba nabacishe babe ngu-80, kuye ngamashifu abo. Sasisigubha neSikhumbuzo.”
Kwamanye amakamu oFakazi bangaphandle babevunyelwa ukulethela abafowabo abavalelwe ukudla nezinye izinto. Phakathi kuka-1941 no-1945, oFakazi abathi ababe ngu-40 bevela eBessarabia, eMoldova naseTransylvania bathunyelwa ekamu lokuhlushwa eŞibot, eTransylvania. Zonke izinsuku babeya kosebenza embonini yezingodo yakhona. Ngenxa yokuthi ukudla kwakukuncane ekamu, oFakazi abahlala eduzane babeletha ukudla nezingubo kule mboni njalo ngesonto. Abazalwane babezaba ngokwesidingo lezi zinto.
Izenzo ezinhle kanjalo zanikeza ubufakazi obuhle kakhulu eziboshweni nakonogada. Onogada babona nokuthi oFakazi BakaJehova bangaphathiswa imisebenzi futhi bathembekile. Ngakho, babanikeza inkululeko eyayingatholwatholwa yiziboshwa. Omunye wonogada eŞibot wagcina eseseqinisweni.
Izibusiso Zangemva Kwempi
Lapho impi iphela eYurophu ngo-May 1945, oFakazi BakaJehova badedelwa ngobuningi emajele nasemakamu okufukuzwa kuwo. UMartin Magyarosi, owayeseneminyaka engu-62, wabuyela eBucharest wafica kungasekho lutho ehhovisi elidala. Kwakungekho nomshini wokubhala wodwa lo! “Umsebenzi weNkosi waqalwa kabusha kungenalutho,” kusho umbiko. Ngaphandle kokuhlela umsebenzi, abafowethu bafuna nokuwubhalisa ngokusemthethweni, futhi ngokushesha imizamo yabo yathela izithelo. Ngo-July 11, 1945, iNhlangano YoFakazi BakaJehova eRomania yabhaliswa.
Lesi sinyathelo sasiza ekuhleleni imihlangano yasobala, imihlangano emikhulu, nokukhiqizwa kwezincwadi, konke okwakuyovuselela umsebenzi futhi kusize ekuqedeni ukudideka okukhulu nokungezwani okwase kudalekile. Ngempela, ngonyaka wokuqala ngemva kwempi, abafowethu bakhiqiza izincwajana ezicishe zibe ngu-870 000 namakhophi e-Nqabayokulinda angaphezu kuka-85 500—kwenziwa lokhu nje nephepha alitholakali kalula kuleli zwe! Futhi kwabhapathizwa abantu abangu-1 630.
Abafowethu baqala ukushumayela obala ngisho nangaphambi kokuqashelwa komsebenzi ngokomthetho. Bahlela nokuba kube khona imihlangano nezinkulumo zeningi ezikhethekile. Ngokuphathelene noFakazi baseSifundazweni SaseMaramureş, ufakazi wokuzibonela uyalandisa: “Engakahoxi nakuhoxa amasosha, abazalwane base behlangana ndawonye. Wawubabona beqhamuka kuzo zonke izinkalo, bengesabi lutho. Kwakuyisikhathi esivusa amadlingozi. Abanye bahamba amakhilomitha angu-80 beza lapha, behamba becula futhi beshumayela. Njalo ngeSonto, usihlalo wayememezela indawo yomhlangano weSonto elilandelayo.”
Izinkulumo zeningi zazimenyezelwa futhi zinikezwe emadolobheni amancane nasemaphandleni lapho kwakunoFakazi abancane khona noma bengekho nhlobo. Abafowethu babehamba amakhilomitha angaba yikhulu beya kulezi zindawo, besuke phakathi kwamabili, imvamisa behamba ngezinyawo ngoba izicathulo zibiza kakhulu. Babeziphatha bona izicathulo, kodwa bazigaxe emahlombe. Babezifaka kuphela uma izimo ziba zimbi kakhulu—mhlawumbe uma kubanda kakhulu. Ngosuku olwandulela umhlangano, babehambisela umphakathi izincwadi, bamemezele isihloko senkulumo futhi bameme abantu. Ngemva kwenkulumo, babegoduka.
EBaia-Mare, eCluj-Napoca, eTirgu-Mures, nase-Ocna Mureş, abafowethu baqhuba imihlangano eminingi emikhulu eyethanyelwa oFakazi abaningi nabantu abathakazelayo. Okwavelela emhlanganweni waseBaia-Mare ngo-June 1945 kwaba ubhapathizo olwenzelwa ngaphandle kwedolobha endaweni eqhele ngamakhilomitha ayishumi. Ngemva kwenkulumo eyabekwa engadini yomzalwane, abantu abangu-118 bacwiliswa eMfuleni iLăpuşul, owawungasengadini. Kwakuwubhapathizo olungasoze lwalibaleka olwenzelwa endaweni enhle.
ETirgu-Mures, abafowethu baqasha inkundla yemidlalo yaseshashalazini eyayingahlalisa abantu abangu-3 000. Ngosuku olwandulela umhlangano, izihambeli zaqala ukufika ngesitimela, amakalishi, amabhayisikili, nangezinyawo. Abanye abapholisanga maseko baqala ukushumayela nokumemela abantu enkulumweni yeningi eyayikhuluma ngomkhumbi kaNowa. Lapho abazalwane bebona izingqwembe ezibhalwe kahle ezimemezela isihloko senkulumo kulo lonke idolobha, abaningi bakhala izinyembezi zenjabulo. Babengakaze bacabange ukuthi bangaba nenkululeko enjena yokushumayela izindaba ezinhle!
Ukuzikhandla kwabazalwane kwavuzwa ngokucebile—kwafika abaningi kakhulu kwaze kwadingeka kukhishelwe imibhobho ngaphandle. Ngenxa yalokho, omakhelwane abaningi bakwazi ukuzwa isimiso ngamafasitela. Kwakumenywe nezikhulu zedolobha nezinye izitatanyiswa ukuze zizibonele ngawazo futhi zizizwele ngezazo oFakazi BakaJehova. Ngokumangalisayo, zonke izindawo ezazibekelwe zona zagcwala. Zacula nokucula.
Umhlangano Wokuqala Wezwe Lonke
Ngempelasonto ka-September 28 no-29, 1946, oFakazi BakaJehova baba nomhlangano wezwe lonke wokuqala ngqá eRomania. WawuseRoman Arenas (Arenele Romane) eBucharest. Abakwaloliwe baseRomania bavuma ukubanikeza isitimela esikhethekile nokubanciphisela izindleko zibe uhhafu! Isitimela safika enhloko-dolobha nezihambeli ezingalé kwenkulungwane zivela ezingxenyeni zezwe eziqhelile. Eziningi zaziphethe izingqwembe, okwenza abantu endleleni bazibuze ukuthi kwenzenjani. Nokho, lolo hambo lwalunezigigaba.
Abefundisi bezwa ngomhlangano futhi bazama ukumisa isitimela. NgoLwesihlanu ngaphambi komhlangano, oFakazi bendawo baqala ukubuthana esiteshini ngo-9:00 ekuseni belindele ukwamukela abafowabo esikhathini esingangehora. Balinda ngesineke kwaze kwashaya u-6:00 ntambama, okuyisikhathi esagcina sifike ngaso isitimela. Asinawo amazwi okuchaza intokozo eyayikhona njengoba abazalwane abavakashile nabendawo babangana. Kwakukhona namaphoyisa ahlomile ezogada, kodwa kwakungekho lutho lokugadwa.
Ingxenye enkulu yeBucharest yayicekelwe phansi yimpi, kuhlanganise nemizi engaba ngu-12 000, ngakho izindawo zokuhlala zazilinganiselwe. Kodwa abafowethu baqhamuka nesu. Ukuze kube “nemibhede” eyengeziwe bathenga inqwaba yotshani base bebundlala egcekeni lomzalwane owayehlala edolobheni laseBerceni. Ngenxa yokuthi kwakushisa ngendlela engavamile ekupheleni kuka-September, ababeze emhlanganweni bakwazi ukulala kamnandi komatilasi botshani bebuka isibhakabhaka esibenyezela izinkanyezi. Namuhla, kulo leli gceke kumi iHholo LoMbuso elisha elihle.
Abangu-3 400 ababesemhlanganweni ngoMgqibelo ekuseni bajabula kabi lapho bezwa ukuthi INqabayokulinda yayisinyatheliswa kabili futhi ngenyanga ngesiRomania nangesiHungary. Empeleni, ngalelo langa ekuseni abazalwane banikezwa amakhophi ayinkulungwane kamagazini wokuqala. Kwake kwaba yisikhathi lo magazini unezihloko ezifundwayo ezine ukuze abantu bathole ukwaziswa okwakubaphuthele ngesikhathi sempi.
Isikhathi sangeSonto ekuseni sabekelwa ukushumayela. Abamemezeli babethé chithi saka, bememezela inkulumo yeningi. Izingqwembe zabo zazinesithombe sesando, inkemba, nesikhandelo. Zazibhalwe ukuthi: “‘Izinkemba Zenziwa Amakhuba’—UNkulunkulu Waphefumulela Lawo Mazwi. Abaprofethi Ababili Bawaloba. Kodwa Ubani Oyowafeza?” Abamemezeli bakhipha izimemo bahambisa nomagazini ababebaphatha ngezikhwama zendwangu emhlophe ezazigaxwa emahlombe futhi zibhalwe ukuthi “OFakazi BakaJehova” noma “Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu” noma “Abamemezeli BoMbuso Wasezulwini.”
Ntambama, uMartin Magyarosi waqala inkulumo yeningi ngokuthi: “Namuhla, kunengqungquthela yokuthula yamazwe ayizikhondlakhondla eParis. Lapha emhlanganweni wethu singu-15 000. Uma ungasesha uFakazi KaJehova ngamunye okhona la, ngeke uthole nkemba nasibhamu. Ngani? Ngenxa yokuthi izinkemba zethu sesizenze amakhuba!” Njengoba izibazi zempi zazisabonakala nxazonke, leyo nkulumo yayinamandla futhi ifike ngesikhathi.
NgeSonto kwakukhona ummeli-jikelele, unobhala kaNgqongqoshe Wezangaphakathi, izikhulu zamaphoyisa eziningana, neqembu labapristi bama-Orthodox. Abafowethu nezikhulu babelindele ukuba abapristi baphazamise, okuyinto ababesongele ukuyenza. Kodwa munye kuphela owazama ukuphazamisa isimiso. Lapho abazalwane bembona eya ngasepulatifomu njengoba inkulumo yeningi iqhubeka, bamnqanda, bamdonsa ngezandla bayomhlalisa phansi. “Asidingi mpristi wama-Orthodox ozoshumayela kulo mhlangano,” bemhlebela, “kodwa ungahlala phansi ulalele.” Akaphindange wathi nyaka. Kamuva, ummeli omkhulu wasenkantolo wathi uzijabulele izinkulumo futhi kumhlabe umxhwele ukuhleleka koFakazi BakaJehova.
Ekhuluma ngalo mhlangano, umzalwane wabhala kamuva: “Uzungu lwesitha lubhuntshile nabazalwane bagoduka bejabula.” Babonakalisa nokuthi umoya wokuthula nobunye wawusuvuselelekile, okwakukhuthaza ngoba abaningi babeze kulo mhlangano bedidekile ngenxa yoqhekeko olwalwenzeke phakathi nempi.
Nokho, izinto zazingabamele kahle abefundisi ngoba ezindaweni eziningi babengasenakwethembela eziphathimandleni ukuba zenze okufunwa yibo koFakazi BakaJehova. Kodwa lokhu akubayekisanga ukujivaza abafowethu emapulpiti. Abanye abapristi abagcinanga ngalokhu, baze bathuma namaqembu ezindlavini ukuba ashaye abamemezeli boMbuso—besilisa nabesifazane—uma ebabona beshumayela. Kwesinye isigameko, umkampristi wama-Orthodox wabhambabula udade oyiphayona ngenduku, wamdinda yaze yephukela kuye! “Maningi amacala esiwavulele abefundisi,” kusho umbiko wangaleyo nkathi.
Imizamo Eyengeziwe Yokubuyisela Ubunye
U-Alfred Rütimann, wasegatsheni laseSwitzerland, wahlala izinyanga ezimbili eRomania ngo-1947. Kwakuhlelwe ukuba kube nomhlangano omkhulu nokuba uHayden C. Covington, wasendlunkulu yomhlaba wonke, ahambe noMfoweth’ uRütimann. Kodwa iziphathimandla azibavumelanga abazalwane ukuba babe nomhlangano zenqaba nokunikeza uMfoweth’ uCovington imvume yokungena kuleli zwe. Kodwa zamnika u-Alfred Rütimann imvume yokuhlala izinyanga ezimbili, okwamenza wakwazi ukuchitha u-August no-September eRomania.
Waqala eBucharest lapho ahlangatshezwa khona esikhumulweni sezindiza iqembu labafowethu nodade ababemomotheka futhi bephethe nezimbali ezinhle, okuyisiko lakhona lokwamukela izivakashi. Bamyisa ehhovisi laseBucharest eliku-38 Alion Street, umuzi womuntu othakazelayo. Ihhovisi lalithuthele lapho ngo-January 1947. Nokho, ngenxa yosongo olukhulayo lwamaKhomanisi, abazalwane abalishintshanga ikheli lehhovisi elidala elalithi 38 Basarabia Street. Babelithole ngo-July 1945 futhi linetafula elidala, usofa, umshini wokubhala ophukile, nekhabethe eligcwele izincwajana nomagazini abaphuphile—konke okwakungathathwa kodwa kungazweli. Kwakuhlale kuhlale kube nodade osebenza khona.
UMfoweth’uRütimann wahlangana noPamfil Albu, umongameli wenhlangano engokomthetho, noMartin Magyarosi, owayeqondisa umsebenzi kuleli zwe. Bobabili babebuye babe ababonisi besigodi. Kwase kuphele iminyaka eminingi kungelula ukuxhumana futhi abafowethu baseRomania kwabathokozisa kakhulu ukuzwa ngenqubekela-phambili enhlanganweni kaJehova, njengokuvulwa kweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini emabandleni nesaseGileyadi sokuqeqesha izithunywa zevangeli. Njengokulindelekile, bonke babemagange ukubona iSikole Esingokwasezulwini sesiqhutshwa eRomania. Empeleni, ngokushesha abafowethu bahlela ukuba izifundo ezingu-90 encwadini yesikole ethi Theocratic Aid to Kingdom Publishers, zinyatheliswe ngamaqoqo ngesiRomania nangesiHungary.
Nokho, umgomo oyinhloko kaMfoweth’uRütimann wawuwukuhambela amabandla namaqembu amaningi ngangokunokwenzeka ukuze awabekele izinkulumo eziyinhloko okungabe azizwa emhlanganweni. Ngakho yena noMfoweth’ uMagyarosi owayemhumushela baqala uhambo olumlenze-mibili beya ezindaweni iqiniso elase linezimpande kuzo, baqala eTransylvania.
ETransylvania Nakwezinye Izindawo
Njengasezindaweni eziningi, abamemezeli eTransylvania benza imizamo emikhulu yokuya kule mihlangano ekhethekile. Babezimisele nokulinda kuze kuhlwe ngenxa yokumpintsheka kwalaba bazalwane ababili. Ngokwesibonelo, endaweni yaseVama Buzăului, isimiso saqala ngo-10:00 ebusuku kwaze kwayoshaya u-2:00 ekuseni—kungekho noyedwa okhalazayo kwabangu-75 ababekhona.
“Abantu balapha basibheka ngokwehlukile isikhathi kunathi,” kubhala u-Alfred Rütimann kamuva. “Akubakhathazi ukuvukela izivakashi ngo-2:00 noma ngo-3:00 entathakusa futhi abazona izigqila zewashi! Nakuba behamba phansi—futhi ngezinye izikhathi behamba amabanga amade ngezinyawo—babonakala benesikhathi esiningi kunathi futhi bengaxakekile. Ekuqaleni ngacabanga ukuthi ukuhlela imihlangano yasebusuku kangaka kuwukudlala ngesikhathi, kodwa uMfoweth’ uMagyarosi wangiqinisekisa ngokuthi akunjalo.”
Babe sebeya eTirgu-Mures, idolobha elalinabantu abangu-31 000. Nalo lalikhahlanyezwe yimpi kungekho ngisho nelokubika ibhuloho. Yize kunjalo, abafowethu abangu-700 abavela emabandleni angu-25 bahamba amakhilomitha athi awabe ngu-50 beya endaweni yomhlangano—indawo evulekile ehlathini eliseduze nedolobha.
Abafowethu baya naseCluj-Napoca, lapho kwakubuthene khona abangu-300 bevela emabandleni angu-48. Besesedolobheni, uMfoweth’ uMagyarosi watshengisa uMfoweth’ uRütimann indawo yokunyathelisa eyayibalahlekele ngo-1928 ngenxa kaJacob Sima. Yaphelelaphi indaba yakhe? “Ushone nyakenye,” kubhala uMfoweth’ uRütimann embikweni wakhe. “Wayeseyisidakwa.”
Ezinye zezindawo abazihambela uma besuka la, kwakuyiSatu-Mare neSighet Marmaţiei, eziseduze ne-Ukraine. Lezi zindawo zazinamabandla esiRomania, isiHungary nesi-Ukraine angaphezu kuka-40. Abalimi nabantu balana babengaludingi kangako usizo lwangaphandle. Babezitshalela konke ukudla kwabo kanye nezitshalo zokwenza indwangu futhi benemfuyo yabo, ikakhulukazi izimvu. Babezenzela nezingubo zokugqoka nezokulala, bazishukele nezikhumba zabo. Umkhandi wezicathulo wayebenzela izicathulo. Abazalwane nodade abaningi babeya kule mihlangano ekhethekile bevunule ngezakubo zendabuko, ezenziwe ngezindwangu ezihlotshisiwe.
Emlenzeni wesibili wohambo lwabo, abaFoweth’ uMagyarosi noRütimann baya eMoldavia, esenyakatho-mpumalanga yeRomania. Baqale baya edolobheni laseFrătăuţii, lapho abazalwane bakhona babephana yize bedla imbuya ngothi. Bekhanyise iziphefu ezilokozayo, bapha izivakashi zabo ubisi olusanda kusengwa, isinkwa, insima efana nesijingi, namaqanda abilisiwe ahlutshwa abe esecobhozwa ebhoteleni elincibikilisiwe. Bonke abantu babedlela ezindishini ezincane. “Kwakwehla esiphundu,” kubhala uMfoweth’ uRütimann. Ngalobo busuku abazalwane abavakashile balala ekhishini emibhedeni ebekwe eduze kukahhavini ukuze bafudumale. Abaninikhaya bona balala eduze kwezivakashi emasakeni otshani.
OFakazi bakule ndawo babekhuthele enkonzweni futhi uJehova wababusisa ngokucebile, njengoba umbiko uveza. Ngentwasahlobo ka-1945, kwakunabamemezeli abangu-33 lapha. Manje, ngo-1947, base bengu-350—ukwanda okuphindwe kayishumi eminyakeni emibili!
Okwabonisa ukuthi basemaqaqasini ngempela, abafowethu bahamba amakhilomitha angu-120 ngekalishi elidonswa amahhashi amabili beya eBălcăuţi nase-Ivăncăuţi. “Amahhashi aseRomania amancane kodwa anamandla angahamba kunoma yimuphi umgwaqo, kungakhathaliseki ukuthi mubi kangakanani nokuthi kunini, kusemini noma ebusuku,” kubhala umzalwane. IBandla LaseBălcăuţi elamiswa ngo-1945, lalinabamemezeli ababekade besesontweni lobuvangeli. Inceku yebandla yayikade ingumshumayeli wasesontweni labo. Umhlangano wase-Ivăncăuţi waqhutshelwa endlini yomzalwane ngoba lalina. Kodwa lokhu kwaba isiphazamiso esincane kwabangu-170 ababekhona, abanye kubo ababehambe amakhilomitha angu-30 beshaya ngoCetshwayo.
Uma sekukonke, laba bazalwane ababili baya ezindaweni ezingu-19, bakhuluma nabamemezeli nabantu abathakazelayo abangu-4 504 abavela emabandleni angu-259. Esebuyela eSwitzerland u-Alfred Rütimann wanikeza izinkulumo e-Orăştie nase-Arad, lapho abazalwane abaningi bahamba khona amakhilomitha angu-60 kuya kwangu-80 beya endaweni yomhlangano. Empeleni, umlimi oneminyaka engu-60 wahamba amakhilomitha ayikhulu engagqoke zicathulo, okubonisa indlela ayewazisa ngayo umhlangano!
Le mihlangano ekhethekile eyayiyingqopha-mlando emsebenzini waseRomania yayifike ngesikhathi ngenxa yokuthi abazalwane babedinga isikhuthazo nokuthi isivuno esingokomoya sase sivuthiwe. Abantu baseRomania base bekhathele ababusi abacindezelayo nokuhlupheka okudalwa yimpi, futhi inkolo yayishiye abaningi besebumnyameni. Ngaphezu kwalokho, ukwehla kakhulu kwamandla emali, i-leu, ngo-August 1947, kwenza abaningi bazithola sebeyizichaka. Ngenxa yalokho, abaningi ababekade bemelene nesigijimi soMbuso base bethanda ukulalela.
Le mihlangano ekhethekile yayifike ngesikhathi nangesinye isizathu—esinye isivunguvungu soshushiso esinamandla kunesokuqala sase siqalile ukuvunguza. Sigqugquzelwa imibono yabantu abangakholelwa kuNkulunkulu nabaholi abanonya nabangenanhliziyo, lesi sivunguvungu sasiyovunguza iminyaka ecishe ibe amashumi amane!
UbuKhomanisi Bufika Qathatha ERomania
Ngo-November 1946, kusasele unyaka kufike u-Alfred Rütimann, amaKhomanisi abusa iRomania. Eminyakeni embalwa eyalandela aqothula yonke imithonseyana yamaqembu aphikisayo futhi asheshisa inqubo yokwenza iRomania ibe ngaphansi kweSoviet, okwakuyosho ukwenza izinhlangano zamasiko nezombusazwe zivumelane nenkambiso yamaSoviet.
Besebenzisa ngokugcwele isikhathi sokuthula sangaphambi kwesivunguvungu, abafowethu banyathelisa inqwaba yomagazini, izincwajana, nezinye izincwadi, bazithumela emadepho angu-20 akulo lonke izwe. Ngesikhathi esifanayo, abaningi bandisa inkonzo yabo, abanye baqala ukuphayona, njengoMihai Nistor noVasile Sabadâş.
UMihai wabelwa endaweni esenyakatho-ntshonalanga yeTransylvania nasenkabeni yayo, lapho aqhubeka khona ephayona ngisho nangemva kokuvalwa komsebenzi ngamaKhomanisi, esemfune isikhathi eside engamtholi. Yini eyayimenza angabanjwa? Uyalandisa: “Ngazenzela isikhwama esifana nesabantu abadayisa amafasitela. Ngizigqokele izingubo zomsebenzi, ngiphethe nezinhlaka zamafasitela namathuluzi, ngangihamba emaphandleni nasemadolobheni engangabelwe ukushumayela kuwo. Kwakuthi uma ngibona amaphoyisa noma umuntu osolisayo, ngimemeze ngithi ngidayisa amafasitela. Abanye abafowethu babesebenzisa ezinye izindlela ukuze bangabanjwa. Kwakuwumsebenzi ojabulisayo kodwa obucayi—hhayi kithina maphayona kuphela kodwa nasemikhayeni esasihlala nayo. Noma kunjalo, kwakusijabulisa kakhulu ukubona abafundi beBhayibheli bethuthuka futhi izinhlu zabamemezeli zanda.”
UVasile Sabadâş naye waqhubeka ephayona nakuba kwakudingeka angahlali ndawonye. Wayewusizo ikakhulu ekutholeni nasekusizeni abafowethu ababehlakazwe yiSecuritate, uphiko oluyinhloko lombutho omkhulu wokuvikela wombuso omusha wamaKhomanisi. UVasile uthi: “Ukuze ngingabanjwa, kwakudingeka ngiqaphe futhi ngihlakaniphe. Ngokwesibonelo, uma ngiya kwenye ingxenye yezwe, ngangiye ngifune isizathu esizwakalayo sokuya lapho, njengencwadi kadokotela yokuyokwelashwa ezindaweni ezikhethekile.
“Ngokugwema ukuzidonsela amehlo, ngakwazi ukwenza ukuba abazalwane baxhumane ukuze bakwazi ukuthola ukudla okungokomoya njalo. Iziqubulo zami kwakuwu-Isaya 6:8: ‘Nangu mina! Thuma mina’ noMathewu 6:33: ‘Ngakho, qhubekani nifuna kuqala umbuso.’ La mavesi ayengijabulisa futhi enginika amandla okubekezela.” UVasile wayezidinga lezi zimfanelo ngoba naphezu kokuqapha kwakhe, njengabanye abaningi, naye wayezogcina eboshiwe.
Inhlangano KaNkulunkulu Ihlaselwa Ngendluzula
Ngo-1948 ukuxhumana nendlunkulu yomhlaba wonke kwaba nzima kakhulu, ngakho abazalwane babevame ukubhala imiyalezo efihlekile kuma-postcard. Ngo-May 1949, uMartin Magyarosi wathumela umyalezo owawuvela kuPetre Ranca, owayesebenza naye ehhovisi laseBucharest. Wayethi: “Bonke bayaphila ekhaya. Besihlaselwe umoya onamandla namakhaza ashubisa umkantsha, asikwazanga ukusebenza ensimini.” Ngemva kwesikhathi, omunye umzalwane wabhala wathi “umkhaya awukwazi ukuthola uswidi” futhi “abaningi bayagula.” Wayesho ukuthi ukudla okungokomoya kwakungathumeleki eRomania nokuthi abazalwane abaningi babesejele.
Ngemva kwesinqumo esakhishwa uMnyango Wezobulungisa ngo-August 8, 1949, ihhovisi laseBucharest nezindawo zokuhlala zavalwa, kwathathwa yonke impahla yasehhovisi neyezisebenzi. Eminyakeni eyalandela, kwaboshwa futhi kwagwetshwa amakhulu abazalwane. Ngaphansi kokubusa kwamaFascist, oFakazi BakaJehova kwakuthiwa bangamaKhomanisi; kwathi lapho sekubusa amaKhomanisi, kwathiwa “bangamanxusa emibuso ebumbene” futhi “basakaza inkulumo-ze yaseMelika.”
Izinhloli nezimpimpi zazicuthe nxazonke. Ngokwe-Ncwadi Yonyaka Ka-1953 (yesiNgisi), izindlela zokushushisa zamaKhomanisi zase “ziqine kangangokuba noma ubani othola iposi eRomania elivela eNtshonalanga wayefakwa ohlwini lwabantu abangafunwa futhi aqashwe ngeso elibukhali.” Umbiko uyaqhubeka: “Ngeke ukwazi ukukucabanga ukwesaba okulaphaya. Ngisho nabantu bandawonye abathembani. Inkululeko iyinto engasaziwa.”
Ekuqaleni kwawo-1950, uPamfil no-Elena Albu, uPetre Ranca, uMartin Magyarosi, kanye nabanye abaningi baboshwa baqanjelwa amanga kwathiwa bayizinhloli zamazwe aseNtshonalanga. Abanye bahlukunyezwa ukuze badalule izimfihlo futhi bavume ukuthi “bayizinhloli.” Okuwukuphela kwento abayivuma ukuthi bakhulekela uJehova futhi bakhonza izithakazelo zoMbuso wakhe. Ngemva kwalokhu kuhlukunyezwa, abanye abazalwane bayiswa ejele abanye emakamu okufukuzwa kuwo. Leli gagasi loshushiso lawuthinta kanjani umsebenzi? Ngawo kanye lo nyaka—u-1950—abamemezeli baseRomania banda ngamaphesenti angu-8. Yeka ubufakazi bamandla omoya kaNkulunkulu!
UMfoweth’ uMagyarosi, owayesedonsela eminyakeni engu-70 ubudala, wathunyelwa ejele laseGherla eTransylvania, lapho ashonela khona ekupheleni kuka-1951. “Wayekubone wakubeletha ngenxa yeqiniso,” kusho umbiko, “ikakhulukazi kusukela ekuboshweni kwakhe ngo-January 1950. Manje lezi zinhlupheko seziphelile.” Yebo, uMartin wabekezelela ukuhlaselwa ngesihluku abefundisi, amaFascist namaKhomanisi iminyaka ecela kwengu-20. Isibonelo sakhe sobuqotho sisikhumbuza amazwi kamphostoli uPawulu: “Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiligijimile ibanga ngaze ngayoqeda, ngilugcinile ukholo.” (2 Thim. 4:7) Umkakhe, uMaria, nakuba ayengaboshiwe, naye wabeka isibonelo esihle sokukhuthazelela ubunzima. Omunye umzalwane wamchaza ngokuthi “ungudade okhaliphile, ozinikele ngokugcwele emsebenzini weNkosi.” Ngemva kokuboshwa kukaMartin, uMaria wanakekelwa izihlobo ezihlanganisa nendodakazi yakhe yokutholwa, uMărioara, nayo eyachitha isikhathi esithile ejele futhi yakhululwa ekwindla ka-1955.
“OFakazi BakaJehova Bangabantu Abakahle”
Ngo-1955 uhulumeni wanikeza iziboshwa ushwele futhi iningi labazalwane ladedelwa. Kodwa inkululeko yabo ayihlalanga. Kusukela ngo-1957 kuya ku-1964, oFakazi BakaJehova baphinde bazingelwa, baboshwa futhi abanye bagwetshwa ukudilikelwa ijele. Nokho abafowethu ababeboshiwe abadangalanga kunalokho bakhuthazana ukuba bame baqine. Baba indaba egudwini ngempela ngenxa yezimiso nobuqotho babo. “OFakazi BakaJehova bangabantu abakahle, futhi ngeke badikibale bese bedela inkolo yabo,” kukhumbula isiboshwa sezombusazwe. Sanezela sathi ejele esasiboshwe kulo, oFakazi “babeyiziboshwa ezinogazi.”
Kwakhishwa omunye ushwele ngo-1964. Kodwa nawo waba owesikhashana ngoba abazalwane babuye baboshwa ngobuningi phakathi kuka-1968 no-1974. “Ngenxa yokuthi sisakaza iVangeli,” kubhala omunye umzalwane, “siyahlukunyezwa futhi siyadelelwa. Siyaninxusa ukuba nikhumbule abafowethu ababoshiwe emithandazweni yenu. Siyazi ukuthi konke lokhu kuwuvivinyo okumelwe silukhuthazelele. Sizoqhubeka sizishumayela ngesibindi izindaba ezinhle njengoba kwabikezelwa kuMathewu 24:14. Siphinde siyaninxusa ngazo zonke izinhliziyo zethu, ningasikhohlwa!” Njengoba sizobona, uJehova wayizwa le mithandazo eqotho nehamba nezinyembezi yabathembekile bakhe futhi wabaduduza ngezindlela eziningi.
USathane Uhlwanyela Imbewu Yokungethembani
UDeveli akagcini ngokuhlasela izinceku zikaNkulunkulu ngabantu bangaphandle kuphela kodwa nabangaphakathi. Ngokwesibonelo, abanye abazalwane abakhululwa ngo-1955 ababekade benezikhundla zokwengamela bengakaboshwa ababuyiselwanga ezikhundleni zabo. Ngenxa yalokho, bacasuka base behlwanyela imbewu yokungezwani. Yeka indlela okwakudabukisa ngayo ukuthi ngemva kokuma beqinile ejele banqotshwe ukuqhosha lapho sebekhululiwe! Okungenani umzalwane oyedwa oqavile waze wazenza incelebane yeSecuritate ngoba efuna ukungaboshwa, okwabalimaza kakhulu abathembekile nomsebenzi wokushumayela.—Math. 24:10.
Abantu bakaNkulunkulu kwadingeka babhekane nanokungaboni ngaso linye ezindabeni zikanembeza. Ngokwesibonelo, kwakuthi uma abazalwane sebeboshiwe, bavunyelwe ukukhetha ukuthi baya ejele noma bayosebenza ezimayini zikasawoti. Abanye babheka labo abaya kosebenza ezimayini njengabalahla izimiso zeBhayibheli. Abanye babethi odade akufanele bagcobe izimonyo futhi akufaneleki ukuya ehholo lamabhayisikobho noma enkundleni yemidlalo yaseshashalazini noma ukuba nomsakazo wodwa lo.
Okuhle-ke kodwa ukuthi iningi labafowethu alilahlekelwanga iphuzu elibalulekile—isidingo sokuhlala beqotho kuNkulunkulu. Lokhu kwabonakala ngesikhathi umbiko wonyaka wenkonzo ka-1958 ubonisa ukuthi abangu-5 288 bahlanganyela enkonzweni yasensimini—babengaphezulu ngo-1 000 kwabangonyaka ongaphambili! Kwakukhona abangu-8 549 eSikhumbuzweni kwabhapathizwa nabangu-395.
Olunye uvivinyo lwaqala ngo-1962 ngemva kokuba INqabayokulinda ichaze ukuthi ‘amagunya aphakeme’ ashiwo kweyabaseRoma 13:1 angohulumeni babantu, hhayi uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu, njengoba kwakucatshangwa phambilini. Ngemva kokuhlushwa kabuhlungu ababusi abanonya, abazalwane abaningi baseRomania bakuthola kunzima ukwamukela lokhu kuqonda okusha. Empeleni, abanye bacabanga ukuthi kwakuyiqhinga lamaKhomanisi lokubenza bawuthobele ngokuphelele uMbuso, okuphambene nesimiso esikuMathewu 22:21.
Omunye umzalwane wakhuluma nomunye uFakazi owayekade eseBerlin, eRome, nakwamanye amadolobha. Uyakhumbula: “Lesi sivakashi saqinisekisa ukuthi ukuqonda okusha kwakungukudla okungokomoya okuvela esigabeni senceku, akulona iqhinga lamaKhomanisi. Ngisho kunjalo, ngangingakagculiseki. Ngakho ngabuza umbonisi wethu wesigodi ukuthi yini okufanele siyenze manje.”
Waphendula: “Nina qhubekani nomsebenzi—yilokho okufanele sikwenze!”
“Kwakuyiseluleko esihle leso futhi ngiyajabula ukusho ukuthi ‘ngisaqhubeka’ nanamuhla.”
Naphezu kwezingqinamba ezinkulu zokuxhumana, indlunkulu yomhlaba wonke negatsha elengamele umsebenzi eRomania lenza wonke umzamo wokugcina abazalwane behambisana namaqiniso amasha futhi libasize basebenze ndawonye njengomkhaya ongokomoya obumbene. Ukuze likufeze lokho, labhala izincwadi lalungiselela nezihloko ezifanelekayo ze-Nkonzo YoMbuso.
Lokhu kudla okungokomoya kwafika kanjani kubantu bakaJehova? Ilungu ngalinye leKomiti Yezwe lalinezindlela zokuxhumana ngomshoshaphansi nababonisi abajikelezayo nabadala bamabandla. Lezi zindlela zazaziwa izithunywa ezethenjwayo, ezazihambisa nezincwadi nemibiko ziyiyise ehhovisi eliseSwitzerland zibuye ziyibuyise. Ngakho, abafowethu bakwazi ukuthola isilinganiso esithile sokudla okungokomoya nesiqondiso saphezulu.
Abafowethu nodade abaqotho nabo basebenza kanzima ukuze bakhuthaze umoya wokuzwana emabandleni nasemaqenjini. Omunye wabo kwakungu-Iosif Jucan, owayevame ukuthi: “Asinakwethemba ukusinda e-Armagedoni uma singaqhubeki sidla ukudla okungokomoya futhi sihlale sisondelene ‘noMama.’” Wayebhekisela ekuhlaleni bexhumene nengxenye esemhlabeni yenhlangano kaJehova. Abazalwane abanjalo babeyigugu kubantu bakaNkulunkulu futhi bewudonga oluqinile lokuvimba abantu ababezama ukubaxova.
Amaqhinga Esitha
Ezama ukuwohloza ukholo lwezinceku zikaJehova noma ukuzesabisa zibe izigqila zawo, amaKhomanisi asebenzisa izinhloli, amambuka, ukuhlukumeza, inkulumo-ze engamanga, nezinsongo zokuzibulala. Izinhloli nezimpimpi kwakuba omakhelwane, abantu emsebenzini, izihlubuki, amalungu omkhaya, namanxusa eSecuritate. La manxusa ayeze angene nasemabandleni ashaye sengathi ayalithanda iqiniso futhi afunde namatemu asenhlanganweni. Laba “bazalwane bamanga” benza umonakalo omkhulu babangela nokuboshwa kwabaningi. Omunye wabo, uSavu Gabor, wayeze waba nesikhundla esiphakeme. Wadalulwa ngo-1969.—Gal. 2:4.
Izinhloli zikahulumeni zazithukusa imibhobho emizini yabantu ukuze zizwe abakushoyo. UTimotei Lazăr uthi: “Ngesikhathi ngiboshelwe ukungathathi hlangothi kobuKristu, abeSecuritate babevame ukubizela abazali bami nomfowethu omncane ekomkhulu labo, bafike baphekwe ngemibuzo kuze kuphele amahora ayisithupha ngesikhathi. Ngelinye ilanga bathukusa imibhobho ekhaya. Kwathi kusihlwa, umfowethu owayesebenza ngogesi waphawula ukuthi iwashi likagesi ligijima ngendlela exakile. Wathi ukubhekabheka wabona leyo mibhobho emibili, wayithatha isithombe wabe eseyisusa. Ngakusasa bafika abeSecuritate bathi bafuna amathoyizi abo, njengoba babeyibiza kanjalo le mibhobho.”
Inkulumo-ze engamanga yayivame ukutholakala ezihlokweni ezase zinyatheliswe kwamanye amazwe obuKhomanisi. Ngokwesibonelo, isihloko esithi “Ihlelo LamaJehovist Nokuvukela Kwalo” sathathwa ephephandabeni laseRussia. Sabheca oFakazi BakaJehova ngokuthi “babenzisa okwenhlangano yezombusazwe” enjongo yayo “ukuvukela amazwe obuKhomanisi.” Sacela abafundi baso ukuba bacebe noma ubani okhuthaza izimfundiso zoFakazi. Kodwa kubantu abacabangayo, le mbudane yabezombusazwe yayiwukuvuma ukuthi bahlulekile ngoba yayitshela bonke abantu ukuthi oFakazi BakaJehova basekhona nje impela futhi abathule neze.
Uma abeSecuritate bebambe umzalwane noma udade, babesina bazibethele bemhlukumeza ngendlela ecatshangwe kahle. Ukuze benze abazalwane bakhulume, babeze basebenzise namakhemikhali adunga umqondo nesimiso sezinzwa. USamoilă Bărăian, owahlukunyezwa kanjalo, uyalandisa: “Ngemva kokungipheka ngemibuzo, bangidlisa imilaliso eyangilimaza ngaphezu kokushaywa. Ngokushesha ngaphawula ukuthi kukhona okungahambi kahle kimi. Ngangingasakwazi ukuhamba ngiqonde nokugibela izitebhisi. Ngangingasakwazi ukulala. Umqondo wami wawudungekile futhi ngibambeka uma ngikhuluma.
“Umzimba wami wawuqhubeka uwohloka. Ngemva cishe kwenyanga, ngangingasakwazi ukunambitha. Ukudla kwakungasagayeki esiswini futhi ngangizwa sengathi wonke amalunga ayakhumuka. Angibazi ubuhlungu obunjeya! Izinyawo zami zazimfoma kangangokuthi izicathulo zaguga ngezinyanga ezimbili, kwadingeka ngizitshinge. ‘Usaqamba amanga namanje?’ kuthetha umphenyi. ‘Awuziboni ukuthi usunjani?’ Kwakuthi angiqhume ukuthukuthela kodwa kwadingeka ngizibambe.” UMfoweth’ uBărăian wagcina eluleme.
AbeSecuritate babehlukumeza nengqondo, njengoba u-Alexa Boiciuc ekhumbula: “Okwaba lukhuni kakhulu kimina kwakungamhla bengivusa ebusuku bengiyisa ehholo engafika kulo ngezwa umzalwane eshaywa. Kamuva ngezwa kukhala udade ngabe sengizwa izwi likamama. Kwamina ngancamela ukushaywa kunokubekezelela lezi zinto.”
Abafowethu batshelwa ukuthi babezoxolelwa uma bekhipha amagama abanye oFakazi nezikhathi nezindawo zemihlangano. Amakhosikazi akhuthazwa ukuba ashiye abayeni bawo ababoshiwe ukuze izingane zabo zibe nekusasa elingcono.
Ngenxa yokuthi indawo yabo yayithathwe uMbuso, abafowethu abaningi baphoqwa ukuba basebenze emapulazini. Umsebenzi wona wawungemubi kangako kodwa amadoda kwakumelwe aye ezimbizweni zezombusazwe, ezazibizwa njalo. Abebangayi babegconwa nomholo wabo uncishiswe ube ubala. Njengoba ungalindela, lokhu kwenza oFakazi BakaJehova badonsa kanzima njengoba babengayi kulezi zimbizo futhi bengazenzi izinto ezishiwo khona.
Lapho zizopequlula emizini yoFakazi, izinhloli zikahulumeni zazithatha nezimpahla zabo, ikakhulu lezo ezingadayiseka. Ebusika zaziye ziphule izitofu, okwakuyizona zodwa ezifudumeza izindlu. Zaziyenzelani into ebuhlungu kangaka? Zazithi kungoba izitofu ziyindawo ekahle yokufihla izincwadi. Noma kunjalo, abafowethu abazange bathule. Ngisho nalabo abahlukunyezwa futhi bancishwa ukudla emakamu okufukuzwa kuwo nasemajele, baqhubeka befakazela uJehova futhi beduduzana, njengoba sizobona manje.
Badumisa UJehova Emakamu Nasemajele
Ngaphandle kwamajele, iRomania yayinamakamu okufukuzwa kuwo amathathu amakhulu. Elinye laliseDanube Delta, elinye liseSiqhingini Esikhulu SaseBraila, elesithathu lisemseleni omkhulu wamanzi oxhumanisa iDanube neBlack Sea. Kusukela ekuqaleni kwenkathi yamaKhomanisi, oFakazi ababoshiwe babeye bazithole beboshwe nababekade bebashushisa, ababebanjelwe ukuxhumana nohulumeni wangaphambili. Omunye umzalwane owayengumbonisi wesifunda, wazithola evalelwe nabapristi abangu-20! Ungacabanga-ke ukuthi ukuvalelwa nabantu abanjalo kwakuvula izingxoxo eziningi ezimnandi kanjani.
Ngokwesibonelo, umzalwane kwelinye ijele waba nengxoxo ende noprofesa wezenkolo owayekade ehlola abantu abafuna ukuba abapristi. Kwasheshe kwahlaluka kumzalwane ukuthi lo profesa akazi lutho ngeBhayibheli. Phakathi kweziboshwa ezazilalele kwakunomkhuzi webutho lombuso owawusuwile.
Lo mkhuzi wabuza uprofesa, “Kwenzeka kanjani ukuba umuntu ongafuzindelanga ezenkolo azi iBhayibheli ngaphezu kwakho?”
Uprofesa waphendula: “Esikoleni sezenkolo sifundiswa amasiko esonto nokunye okufuze lokho, hhayi iBhayibheli.”
Lo mkhuzi akakuthandanga lokhu. Wathi: “Sasithembele olwazini lwenu kodwa manje sengiyabona ukuthi nanidlala ngathi.”
Ngokuhamba kwesikhathi, iziboshwa eziningi zathola ulwazi olunembile lweqiniso futhi zazinikezela kuJehova, kuhlanganise nendoda eyayigwetshwe iminyaka engu-75 ngenxa yokuntshontsha. Eqinisweni, ubuntu bayo bashintsha kakhulu kangangokuba yaze yaqashelwa abaphathi bejele. Babe sebeyinika umsebenzi omusha—owawunganikwanikwa umuntu oboshelwe ukuntshontsha. Yayiya edolobheni ingagadiwe iyothenga izimpahla zasejele!
Noma kunjalo, ukuphila kwasejele kwakulukhuni nokudla kukuncane. Iziboshwa zazize zicele nokuba amazambane azo angahlutshwa ukuze zidle namakhasi. Zazidla nemifino efana no-beetroot, utshani, amaqabunga, nezinye izimila ukuze zithibe indlala. Ngokuhamba kwesikhathi, eziningana zabulawa ukungondleki futhi zonke zangenwa isifo sohudo.
Ehlobo, abafowethu eDanube Delta babemba bese bethutha umhlabathi endaweni okwakwakhiwa kuyo idamu. Ebusika babesika umhlanga bemi phezu kweqhwa. Babelala esikebheni esidala sensimbi, esasibanda, singcolile, sinezintwala, begadwe onogada okwakungathí diki kubo uma kukhona ofayo. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi izimo zabo zazinjani, abafowethu babekhuthazana besizana ukuba bahlale beqinile ngokomoya. Awucabange ngokwenzeka kuDionisie Vârciu.
Ngaphambi nje kokudedelwa kwakhe, iphoyisa lambuza: “Ukuboshwa kukwazile ukushintsha ukholo lwakho, Vârciu?”
“Uxolo kancane,” kuphendula uDionisie, “ungayishintsha wena isudi yakho kanokusho uthathe ewupomu?”
“Cha,” kusho iphoyisa.
“Nami-ke, njengoba bengiboshiwe, akukho muntu onginike okungcono kunokholo lwami. Pho bengingalushintshelani?” kubuza uDionisie.
Iphoyisa labe selimxhawula lathi: “Usukhululekile, Vârciu. Ungalulahli ukholo lwakho.”
Abazalwane nodade abafana noDionisie babengabantu abavamile. Isibindi sabo namandla abo angokomoya bawathola ngoba benokholo kuJehova, ukholo abalugcina luphila ngezindlela eziyisimanga.—IzAga 3:5, 6; Fil. 4:13.
Sasifunda Ngokuzikhumbuza Esasikufundile
“Isikhathi engasihlala ejele saba isikhathi sokuqeqeshwa okungokwasezulwini,” kusho u-András Molnos. Wayekushiswo yini lokhu? Ukuthi wabona ukubaluleka kokuhlangana nabafowabo masonto onke batadishe iZwi likaNkulunkulu. Uthi: “Ngokuvamile esasikufunda kwakungekho ephepheni kwakusezingqondweni. Abafowethu babeye bakhumbule izihloko ze-Nqabayokulinda ababezifunde bengakaboshwa. Abambalwa babekhumbula ngisho nomagazini wonke—bakhumbule nemibuzo yezihloko ezifundwayo imbala!” Abanye babenenkumbulo enhle kangaka ngoba babekade bekukopishe ngesandla ukudla okungokomoya bengakaboshwa.—Bheka ibhokisi elithi “Izindlela Zokunyathelisa,” emakhasini 132-3.
Lapho behlela imihlangano yobuKristu, abafowethu abanomthwalo wemfanelo babememezela isihloko esizofundwa bese kuthi umzalwane ngamunye azame ukukhumbula konke ayengakukhumbula ngaleso sihloko, kusukela emiBhalweni kuya emaphuzwini ababewafunde ezincwadini zobuKristu zokutadisha iBhayibheli. Bese behlangana bonke baxoxe ngaleso sihloko. Emhlanganweni babeqoka umqhubi, okwakuthi ngemva komthandazo wokuvula ahole ingxoxo ngokubuza imibuzo efanelekayo. Lapho wonke umuntu esephawulile, wayeveza amaphuzu akhe abese edlulela ephuzwini elilandelayo.
Kwamanye amajele lokhu kwakungavunyelwe. Kodwa abazalwane babengeve behlakaniphile. Omunye umzalwane uyakhumbula: “Sasikhipha ingilazi yefasitela lasendlini yokugezela bese siyihuqa ngengxube yensipho emanzi nomcako esasiwuhwaye odongeni. Lapho seyomile yayiba isileti esasikwazi ukubhala kuso isifundo sosuku. Umzalwane othile wayenyenyezela omunye owayebhala esiletini.
“Sasihlukanisiwe safakwa ezitokisini ezihlukahlukene ezaba amaqembu okutadisha. Abazalwane babedluliselana lesi sileti esitokisi. Ngenxa yokuthi sasiba sesitokisini esisodwa, abazalwane kwezinye izitokisi babaziswa okulotshwe esiletini nge-Morse code. Yayisebenza kanjani? Omunye wayedlulisela okusesiletini ngokushaya udonga noma amapayipi kodwa angabangi umsindo. Ngesikhathi esifanayo, abafowethu abakwezinye izitokisi babencikisa izinkomishi odongeni noma epayipini bese ngamunye elalela ngokuncikisa indlebe yakhe enkomishini. Njengoba ungacabanga, ababengayazi i-Morse code kwakudingeka bayifunde.”
Kwamanye amajele, abafowethu babethola ukudla okungokomoya kodade ababengaboshiwe, ababehlakaniphile futhi benamasu. Ngokwesibonelo, lapho bebhaka isinkwa babefihla incwadi enhlameni. Abazalwane babiza loko kudla ngokuthi isinkwa esivela ezulwini. Odade babeze bangenise izingxenye zeBhayibheli emajele ngokusonga amakhasi alo abe mancane, bawashutheke emabholaneni epulasitiki bese bewahuqa ngoshokoledi omanzi nokhokho oyimpuphu.
Into eyayingemnandi ngalokhu nokho ukuthi abafowethu kwakudingeka bafundele endlini yangasese, okuwukuphela kwendawo ababengaba bodwa kuyo imizuzu embalwa bengagadiwe. Lapho umzalwane eqeda wayefihla ayekufunda ngemva kwesigubhu samanzi. Iziboshwa ezingebona oFakazi nazo zaziyazi le ndawo okwakufihlwa kuyo, futhi eziningi zazikujabulela ukufunda zingaphazanyiswa.
Abesifazane Nezingane Bagcina Ubuqotho
Amantombazane andawonye uViorica no-Aurica Filip ashushiswa abakubo, njengabanye oFakazi abaningi. Ayenabafowabo abangu-7 nodadewabo oyedwa. UViorica uyalandisa: “Ngenxa yesifiso sakhe sokukhonza uJehova, u-Aurica kwadingeka ayeke eyunivesithi eCluj-Napoca ngo-1973, futhi wabhapathizwa ngokushesha ngemva kwalokho. Ukuzimisela kwakhe nentshiseko kwangenza ngaba nesithakazelo, ngabe sengiqala ukufunda iZwi likaNkulunkulu. Lapho ngifunda ngesithembiso sikaNkulunkulu sokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi, ngacabanga, ‘Yini enye engcono kunalokhu?’ Njengoba ngangiqhubeka ngifunda, ngasebenzisa izimiso zeBhayibheli zokungathathi hlangothi kobuKristu, ngenqaba ukuba yilungu leQembu LamaKhomanisi.”
UViorica uyaqhubeka: “Ngo-1975 nganikezela ukuphila kwami kuJehova. Ngase ngithuthile nasekhaya sengihlala nesihlobo edolobheni laseSighet Marmaţiei, lapho ngangiwuthisha khona. Ngenxa yokuthi ngakhetha ukungazingeni ezombusazwe, abaphathi besikole bangitshela ukuthi ngizoxoshwa ekupheleni konyaka. Bezama ukugwema lokho, abasekhaya baqala ukusishushisa sinodadewethu.”
Ngisho nezingane zesikole zazesatshiswa, ezinye zesatshiswa abeSecuritate. Ngaphandle kokuhlukunyezwa emzimbeni nangamazwi, eziningi zazixoshwa esikoleni bese kudingeka zibhalise kwesinye. Ezinye zazenqatshelwa kwakufunda lokho. Amaphoyisa azama nokwenza izingane zibe izinhloli!
UDaniela Măluţan, manje oyiphayona, uyakhumbula: “Ngangiye ngenziwe inhlekisa phambi kwezingane ekilasini ngoba ngenqabe ukujoyina iNhlangano Yentsha YamaKhomanisi, eyayiyithuluzi lokufundisa intsha ezombusazwe. Lapho ngiqala ibanga lesikhombisa, amaphoyisa angidonsisa kanzima, njengoba kwenza nothisha nezinye izisebenzi zasesikoleni ezaziyizimpimpi. Kusukela ngo-1980 kuya ku-1982, ngangiphonswa imibuzo ehhovisi likathishanhloko cishe kabili ngenyanga. Uthishanhloko wayengavunyelwa ukuba khona. Umseshi owayeyisikhulu seSecuritate, wayaziwa kakhulu abazalwane eSifundazweni SaseBistriţa-Năsăud ngendlela ayesizonda ngayo nangokushabashekela kwakhe ukusibamba. Waze wangiphathela nezincwadi ezibheca abazalwane abaholayo. Inhloso yakhe kwakuwukungenza ngingabathembi abazalwane, ukuba ngilahle ukholo lwami, nokunginxenxa—mina ntombazane yesikole—ukuba ngibe yinhloli yeSecuritate. Wahluleka ngokuphelele.
“Nokho, angehlelwanga izinto ezimbi zodwa. Ngokwesibonelo, uthisha wami wezomlando, owayeyiKhomanisi, wafuna ukwazi ukuthi kungani ngangiphenywa kaningi kangaka. Ngelinye ilanga akazange afundise, wangibuza imibuzo eminingi ngenkolo yami phambi kwekilasi kwaze kwaphela amahora amabili. Izimpendulo zami zamhlaba umxhwele futhi wathi bekungafanele ngiphathwe kabi kangaka. Ngemva kwale ngxoxo, wayesezihlonipha izinkolelo zethu waze wathatha nezincwadi zethu.
“Abaphathi besikole bona baqhubeka bengilwisa. Empeleni, bangixosha esikoleni lapho ngiphothula ibanga lesishiyagalombili. Noma kunjalo, ngasheshe ngaqashwa futhi angikaze ngizisole ngokuhlala ngiqotho kuJehova. Ngiyambonga ngempela uJehova ngokuthi ngakhuliswa abazali abangamaKristu abagcina ubuqotho babo naphezu kokuhlukunyezwa umbuso wamaKhomanisi. Isibonelo sabo esihle angikasikhohlwa kuze kube namuhla.”
Izinsizwa Ziyavivinywa
Embhidlangweni wabo wokulwa noFakazi BakaJehova, abeSecuritate baphuma iqhubu nezinsizwa ezazilondoloza ukungathathi hlangothi kobuKristu. Zaziboshwa, zigqunywe ejele, zikhululwe, ziphinde ziboshwe, ziphonswe ejele. Injongo yayiwukuzithena amandla. Omunye wazo, uJózsef Szabó, wagwetshwa iminyaka emine eqeda nje ukubhapathizwa.
Ngemva kokudonsa iminyaka emibili, uJózsef wakhululwa ngo-1976 futhi ngokushesha nje watholana nomuntu ayezoshada naye. “Sathembisana sabeka nosuku lomshado,” kusho uJózsef. “Ngemva kwalokho ngathola amanye amasamanisi avela eNkantolo Yezempi YaseCluj. Kwakumelwe ngivele phambi kwayo ngalo kanye usuku lomshado! Yize kunjalo, mina nengoduso yami saqhubeka nomshado, kwathi ngemva kwawo ngaya enkantolo. Nakuba ngangishade ngakho kodwa, inkantolo yangigweba eminye iminyaka emithathu ejele, ngayidonsa yonke. Anginawo amazwi okuchaza ukuthi kwakubuhlungu kanjani ukuhlukaniswa kanjalo.”
Omunye uFakazi osemusha, uTimotei Lazăr, uyakhumbula: “Ngo-1977 mina nomfowethu omncane sadedelwa ejele. Umfowethu omdala owayekhululwe ngonyaka ongaphambili wafika ekhaya ezosibungaza. Kodwa wazithela phezu kogobe—abeSecuritate babemlindile. Sasikade siphoqiwe ukuba sihlukane nomfowethu iminyaka emibili, izinyanga eziyisikhombisa nezinsuku eziyishumi nanhlanu, manje wayesehlukaniswa nathi futhi esephindiselwa ejele ngenxa yokungathathi hlangothi kobuKristu. Mina nomfowethu omncane sama lapho siphuke imimoya.”
Ukugubha ISikhumbuzo
Ngezinsuku zeSikhumbuzo abaphikisi babeyiqinisa imizamo yabo yokuzingela oFakazi BakaJehova. Babepequlula imizi yabo, babahlawulise, bababophe. Ukuze bagweme ukubanjwa, abafowethu babehlangana ngamaqembu amancane—ngezinye izikhathi kube imikhaya nje kuphela—ukuze bagubhe ukufa kukaJesu.
“Ngelinye ilanga sizogubha iSikhumbuzo,” kulandisa uTeodor Pamfilie, “isikhulu samaphoyisa angakithi saphuza kwaze kwahlwa nabangane baso. Lapho sesihamba siyosesha imizi yabazalwane, sacela umuntu onemoto ukuba asihambise. Kodwa lutho ukuduma imoto. Ekugcineni yaduma base beza ekhaya, lapho sasigubhela khona iSikhumbuzo siyiqenjana elincane. Kodwa ngenxa yokuthi wonke amafasitela sasiwamboze ngcí, babona kumnyama base bezitshela ukuthi akukho muntu. Yibo labaya beya komunye umuzi. Kodwa bafika khona iSikhumbuzo sesiphelile nabantu sebeshaye utshani.
“Thina ngapha sasisiphetha isimiso nabafowethu basheshe bahamba. Kwase kusele mina nomfowethu ngesikhathi kugulukudela amaphoyisa amabili endlini, afike ama phuhle, abhavumula: ‘Kwenzekani la?’
“‘Lutho. Mina nomfowethu besizixoxela,’ kusho mina.
“‘Siyazi ukuthi bekunomhlangano lapha,’ kusho elinye. ‘Baphi abanye?’ Libheka umfowethu, lathi: ‘Wena ufunani la?’
“‘Ngizobona lona,’ ephendula engikhomba. Achaya abe esephuma edlwathuzela. Ngakusasa sezwa ukuthi nakuba ayephansi phezulu efuna ukusibopha, awabambanga noyedwa!”
Indlunkulu Yomhlaba Wonke Incenga Uhulumeni WaseRomania
Isihluku ababephethwe ngaso oFakazi BakaJehova sashukumisa indlunkulu ukuba ngo-March 1970 ibhalele inxusa laseRomania e-United States incwadi enamakhasi amane nenye ngo-June 1971 enamakhasi ayisithupha eya kumongameli waseRomania uNicolae Ceauşescu. Encwadini eya enxuseni, abafowethu bathi “uthando lobuKristu esinalo ngabafowethu baseRomania nokubakhathalela okusenza sikubhalele.” Ngemva kokusho amagama abantu abangu-7 ababeboshelwe ukholo lwabo, incwadi yaqhubeka: “Sizwile ukuthi abanye balaba bantu esesibabalile baphathwe ngesihluku esikhulu ejele. . . . OFakazi BakaJehova abazona izigebengu. Abenzi lutho oluhlangene nezombusazwe noma ukuvukela umbuso noma ngabe bakuphi emhlabeni, kodwa benza izinto ezihlobene nokukhulekela kwabo kuphela.” Le ncwadi yaphetha ngokuncenga uhulumeni ukuba “ukhulule oFakazi BakaJehova abahlushwayo.”
Incwadi eya kuMongameli uCeauşescu yathi “oFakazi BakaJehova eRomania abanayo inkululeko yenkolo enikezwa ngumthetho-sisekelo waseRomania” kodwa basuke bezifaka engozini yokuboshwa nokuhlukunyezwa uma bazisa abanye izinkolelo zabo noma behlangana ukuze batadishe iBhayibheli. Incwadi yakhuluma nangoshwele owawusanda kukhishwa owenza ukuba kudedelwe abazalwane abaningi. “Besethemba ukuthi noFakazi BakaJehova sebezokhululeka unomphela. Kodwa ngeshwa akuzange kube njalo. Izindaba esizithola kulo lonke elaseRomania namuhla zisasho into efanayo edabukisayo: UMbuso usabashushisa oFakazi BakaJehova. Imizi yabo iyaseshwa, izincwadi ziyathathwa, abesilisa nabesifazane bayaboshwa baquliswe amacala, abanye bagwetshwa iminyaka eminingi ejele, kanti abanye baphathwa ngesihluku. Lokhu kungenxa nje yokuthi bafunda futhi bashumayele iZwi likaJehova uNkulunkulu. Izinto ezinjena aziwakheli igama elihle uMbuso futhi kuyasikhathaza ngempela okwenzeka koFakazi BakaJehova eRomania.”
Kule ncwadi kwafakwa izincwadi ezimbili: IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade ngesiRomania nethi Ukuphila Okuphakade—Ngenkululeko Yamadodana KaNkulunkulu ngesiJalimane.
Izinto zaqala ukuba ngcono koFakazi BakaJehova ngemva kuka-1975, ngesikhathi iRomania isayina isivumelwano eNgqungqutheleni YaseHelsinki Yokulondeka Nokubambisana eYurophu. Le ngqungquthela yaqinisekisa amalungelo abantu nenkululeko eyisisekelo, ehlanganisa nenkululeko yenkolo. Ngemva kwalokho kwakuboshwa kuphela abantu ababenqaba ukubuthelwa empini.
Kwathi ngo-1986, umthetho-sisekelo omusha wathi akukho muntu, ngisho nezikhulu imbala, okufanele angene emzini womuntu ngaphandle kwemvume yakhe noma yasenkantolo. Manje, ekugcineni, abafowethu base bekwazi ukuqhubela imihlangano yobuKristu emizini yabazalwane ngaphandle kokukhathazeka, kuhlanganise neSikhumbuzo.
Ukunyathelisa Ngomshoshaphansi
Ngesikhathi umsebenzi uvaliwe, ukudla okungokomoya kwakushushumbiselwa eRomania kuyizincwadi, amaphepha okubhalwa kuwo ngomshini, noma kungezinye izinto kuzonyatheliselwa lapha. Ngezinye izikhathi kwakusuke sekuhunyushelwe olimini lwesiRomania nolwesiHungary, kodwa ngokuvamile kwakudingeka kuhunyushwe khona la kususwa olimini lwesiNgisi, lwesiFulentshi, lwesiJalimane noma lwesiNtaliyane. Izithunywa kwakuba abantu abahlukahlukene, njengezivakashi ezize kuleli zwe, abafundi abazofunda, nabantu baseRomania ababekade bevakashile.
AbeSecuritate bazama kanzima ukubamba izithunywa futhi bathole nokuthi izincwadi zazikhiqizwaphi eRomania. Ngokuhlakanipha abafowethu babesebenzela emizini yabazalwane okungaphumi msindo kuyo emadolobheni amaningi amancane namakhulu. Kule mizi, babakha amakolosana afihlekile ababefaka kuwo imishini yabo yokunyathelisa. Amanye ala makolosi ayeba ngemva kwamaziko, ngokuvamile ayakhelwe odongeni. Abazalwane babewashintsha la maziko ukuze bakwazi ukuwagudluza bese bengena emakolosini.
USándor Parajdi wayesebenza endaweni yokunyathelisa ecashile eTirgu-Mures, enyathelisa itekisi losuku, INkonzo YoMbuso, INqabayokulinda, ne-Phaphama! “Sasisebenza amahora angu-40 ngezimpelasonto, sishintshana ngokulala ihora elilodwa,” kukhumbula uSándor. “Izingubo nemizimba yethu kwakunuka phú amakhemikhali. Ngathi ngifika ekhaya ngelinye ilanga, umfana wami oneminyaka emithathu wathi: ‘Baba, unuka njengetekisi losuku!’”
UTraian Chira, ongubaba wekhaya, wayenyathelisa futhi athuthe izincwadi eSifundazweni SaseCluj. Wanikezwa umshini omdala wokunyathelisa abawetha ngokuthi iSigayo, owawusuwumkhehlekhehle. Wawusebenza wona kodwa wawungasanyathelisi kahle. Ngakho uTraian wacela umzalwane ongumakhenika ukuba awukhande. Lo mzalwane wawuhlola kodwa ukuhwaqabala kwakhe kwayixoxa yonke indaba—iSigayo esidala yayingasekho indaba yaso. Khona manjalo ubuso bakhe bachachamba, wathi: “Ngingakwakhela omusha!” Kodwa empeleni wenza okungaphezu kwalokho. Wakha ishabhu egunjini elingaphansi kwendlu kadade wabe esezakhela owakhe umshini wokusika insimbi. Kunokuba akhe owodwa umshini wokunyathelisa, wakha engaphezu kweyishumi! Lezi Zigayo ezintsha zathunyelwa ezindaweni ezihlukahlukene zezwe futhi zenza umsebenzi omuhle.
Ngawo-1980 abazalwane abaningana bafundiswa ukusebenzisa imishini yokunyathelisa yohlobo lwe-offset, okwakuyimishini ephambili. Owaqeqeshwa kuqala nguNicolae Bentaru, naye wabe esefundisa abanye. Njengenjwayelo, ukukhiqiza izincwadi kwaBentaru kwakuyinto yomkhaya, ilungu ngalinye lenza umsebenzi othile. Njengoba ungacabanga, ukugcina lo msebenzi uyimfihlo kwakuyinselele, ikakhulu ngezikhathi abeSecuritate ababegade ngazo abantu futhi bepequlula imizi yabo. Ngenxa yalokho, kwakubalulekile ukuba abazalwane basheshise, ngakho babesebenza isikhathi eside impelasonto yonke benyathelisa futhi bekhipha izincwadi. Babekwenzelani ngezimpelasonto? Kungoba babesebenza phakathi nezinsuku.
Abazalwane kwakudingeka baqaphe nalapho bethenga iphepha. Ngisho nalapho umuntu ethenga umqingo owodwa wamaphepha—ongaba amaphepha angu-500—kwakumelwe achaze ukuthi uzowenzani. Kodwa imishini yayisebenzisa amaphepha angaba ngu-40 000 ngenyanga! Ngakho abazalwane kwakudingeka bahlakaniphe lapho bethenga iphepha. Ngenxa yokuthi namaphoyisa ayevamile ukuvimba imigwaqo, kwakudingeka baqaphe nalapho bethutha izimpahla.
Inselele Yokuhumusha
Idlanzana labazalwane nodade ababehlala ezindaweni ezihlukahlukene zaseRomania babehumushela izincwadi ezilimini zakhona, ezihlanganisa nesi-Ukraine, esasikhulunywa isizwe esincane sasenyakatho. Abanye abahumushi kwakungoprofesa bolimi abase bethole iqiniso; abanye babezifundise bona olunye ulimi, mhlawumbe ngokuthatha izifundo zalo.
Ekuqaleni, abahumushi babewubhalela emaphepheni umsebenzi wabo bese bewuyisa eBistriţa, idolobha elisenyakatho, uyohlolwa. Kanye noma kabili ngonyaka, abahumushi nabahlola umsebenzi babehlangana baxazulule izinkinga eziphathelene nomsebenzi wabo. Uma bebanjwa, kwakuvame ukuba baseshwe, baphekwe ngemibuzo, bashaywe futhi baboshwe. Ababeboshwa babevalelwa amahora ambalwa noma izinsukwana, bakhululwe, baphinde baboshwe futhi—kwakwenziwa kaninginingi lokhu ngenjongo yokubesabisa. Abanye babeboshelwa endlini noma kwakumelwe bayovela emaphoyiseni zonke izinsuku. Kwaboshwa inqwaba, kuhlanganise noDumitru noDoina Cepănaru noPetre Ranca.
UDumitru Cepănaru wayenguprofesa wolimi lwesiRomania nomlando wakhona, umkakhe, uDoina, engudokotela. AbeSecuritate bagcina bebabambile, bababopha, babavalela emajele angefani iminyaka engu-7 nesigamu. Emihlanu kule minyaka uDoina wayichitha evalelwe yedwa. Empeleni, amagama abo ayesohlwini lwamagama ayesencwadini indlunkulu eyayiyibhalele inxusa laseRomania e-United States. Ngenkathi eboshiwe, uDoina wabhalela umyeni wakhe nabanye odade ababeboshiwe izincwadi ezingu-500 zokubakhuthaza.
Ngemva konyaka uDumitru noDoina beboshiwe, unina kaDumitru, uSabina Cepănaru, naye waboshwa wadonsa iminyaka emihlanu nezinyanga eziyishumi ejele. Okuwukuphela kwelungu lomkhaya elingaboshwanga, nakuba abeSecuritate babeligade ngeso elibukhali, kwakungumyeni kaSabina, naye owayenguFakazi KaJehova. Wayewavakashela njalo womathathu amalungu omkhaya wakhe, ezifaka engozini enkulu.
Ngo-1938, uPetre Ranca wamiswa njengonobhala wehhovisi loFakazi BakaJehova eRomania. Lesi sabelo—ingasaphathwa eyomsebenzi wakhe njengomhumushi—senza abeSecuritate bamfuna la. Bambamba ngo-1948, wabe esengena ephuma ejele, kwathi ngo-1950 waquliswa icala kanye noMartin Magyarosi noPamfil Albu. Ebekwe icala lokuba yilungu leqembu lezinhloli ze-Anglo-America, uPetre wabhadla iminyaka eyishumi nesikhombisa kwamanye amajele anesihluku kakhulu kuleli—i-Aiud, iGherla neJilava—neminyaka emithathu eboshelwe endlini eSifundazweni SaseGalaţi. Noma kunjalo, lo mzalwane othembekile wadela konke ngenxa yenkonzo kaJehova kwaze kwaba sekupheleni kwenkambo yakhe yasemhlabeni ngo-August 11, 1991.
Imisebenzi yothando yabagcini bobuqotho abanjalo isikhumbuza la mazwi: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe, ngoba niye nabakhonza abangcwele futhi niyaqhubeka nibakhonza.”—Heb. 6:10.
Imihlangano Emikhulu Esidlangalaleni
Ngawo-1980, abafowethu baqala ukuhlangana ngamaqembu amakhudlwana—baze babe nayizinkulungwane—uma ithuba livela, njengasemishadweni noma emingcwabeni. Emishadweni, babemisa itende elikhulu endaweni efanelekayo emaphandleni bese belihlobisa ngaphakathi ngomata abahle abalukiwe abanezithombe zabantu baseBhayibhelini namavesi. Amatafula nezihlalo zazihlelelwa “izivakashi” eziningi bese ngemuva kwesiteji kuxhonywa uqwembe olunophawu olukhulu lwe-Nqabayokulinda nesihloko sonyaka. Abamemezeli bendawo babeye balethe ukudla kuye ngokwamandla abo. Ngakho bonke babejabulela idili elikabili—elingokwenyama nelingokomoya.
Isimiso sasiqala ngenkulumo yomshado noma yomngcwabo bese ilandelwa ezinye izinkulumo ezikhuluma ngezihloko ezihlukahlukene zeBhayibheli. Ngenxa yokuthi ngezinye izikhathi izikhulumi zazibambezeleka, abanye abazalwane abafanelekayo babehlale bekulungele ukuvolontiya, ngokuvamile besebenzisa iBhayibheli nje kuphela ngoba zazingekho izinhlaka ezilungiselelwe.
Ehlobo, abantu basemadolobheni babethuthelekela emaphandleni beyozijabulisa. OFakazi BakaJehova babenza okufanayo. Kodwa bona babethatha leli thuba babe nemihlangano emincane emagqumeni nasemahlathini. Babeze badlale namadrama eBhayibheli begqoke izingubo zakhona.
Enye indawo eyayithandwa izivakashi kwakuyiBlack Sea, okwakuyindawo enhle yokubhapathizela. Abafowethu babebacwilisa kanjani abantu ngaphandle kokuzidonsela amehlo? Enye indlela kwakungokudlala “umdlalo.” Abazobhapathizwa nabanye abamemezeli ababhapathiziwe babenza isikokela emanzini bese bephonselana ibhola. Isikhulumi sasima phakathi kwabo sinikeze inkulumo, ngemva kwalokho abazobhaphathizwa bacwiliswe—kodwa beqaphile.
IHholo Labafuyi Bezinyosi
Ngo-1980, abafowethu basedolobheni laseNegreşti-Oaş, enyakatho-ntshonalanga yeRomania, bacabanga isu lokuthola imvume yokwakha iHholo LoMbuso. Ngalezo zinsuku uMbuso wawukhuthaza ukufuywa kwezinyosi. Ngakho iqembu labazalwane ababefuye izinyosi lavela necebo lokwakha umgwamanda wabafuyi bezinyosi, owawuzobanika isizathu esizwakalayo sokwakha indawo yokuhlangana.
Ngemva kokukhuluma nabadala besifunda sabo, laba bazalwane babhalisa eNhlanganweni Yabafuyi Bezinyosi YaseRomania base beya kwaMuhle beyokwethula isiphakamiso sokwakha indawo yokuhlangana. Iziphathimandla zasamukela ngesasasa isiphakamiso sokwakha isakhiwo samapulangwe esingamamitha angu-34 ubude nangu-14 ububanzi. Bejabulile, abafuyi bezinyosi nabasizi babo abaningi baqeda ukwakha ngezinyanga ezintathu. Izikhulu zedolobha zaze zababonga ngokukhethekile!
Ngenxa yokuthi umcimbi wokulivula wawuzohanjelwa abantu abaningi futhi udonse isikhathi eside, abafowethu bafuna ukuthola imvume yokwenzela umgidi wokuvuna amabele kuleli hholo futhi bayithola. Kwafika oFakazi abangaphezu kuka-3 000 bevela kuzo zonke izindawo zakuleli. Kwabamangaza abaphathi bedolobha ukubona abantu abaningi kangaka bezosiza ekuvuneni futhi “bazijabulise” kamuva.
Ngempela, lowo mgidi waba umhlangano ozuzisayo ngokomoya. Ngenxa yenjongo esemthethweni yalesi sakhiwo, kwakudamane kukhulunywa ngezinyosi esimisweni kodwa ngomqondo ongokomoya. Ngokwesibonelo, izikhulumi zazikhuluma ngokukhuthala kwazo, ikhono lazo lokubona lapho kufanele ziye khona nelokuhlela, isibindi nokuzidela lapho zivikela izidleke zazo, nokunye okuningi.
Ngemva kwalo mcimbi, iHholo Lezinyosi, njengoba lalibizwa kanjalo, laqhubeka likhonza abazalwane phakathi neminyaka yokuvinjelwa eyayisasele nemithathu ngemva kokuvulwa komsebenzi.
Ababonisi Bamagatsha Bakhuthaza Ubunye
Kwaphela amashumi eminyaka amaKhomanisi enza konke okusemandleni awo ukuze ahlwanyele ukungabaza nokungezwani kubantu bakaNkulunkulu nokuqeda ukuxhumana. Njengoba sekuveziwe, aphumelela ngezinga elithile. Empeleni, uqhekeko lwaqhubeka kwaze kwaba phakathi nawo-1980. Ukuhambela kwababonisi bamagatsha kwasiza ekulungiseni le nkinga, njengoba nje nokushintsha kwesimo sezombusazwe kwasiza.
Kusukela maphakathi nawo-1970, uGerrit Lösch, ilungu leKomiti Yegatsha lase-Austria kodwa manje oseyilungu leNdikimba Ebusayo, waya eRomania kaningana. Ngo-1988, abameleli beNdikimba Ebusayo uTheodore Jaracz noMilton Henschel baya khona kabili, behamba noMfoweth’ uLösch notolika uJon Brenca, ngaleso sikhathi owayeyilungu lomkhaya waseBethel yase-United States. Ngemva kwalokhu kuhanjelwa okukhuthazayo, izinkulungwane zabafowethu ababezihlukanise nabantu bakaJehova zabuyela emhlanjini ngokuqiniseka.
Ngesikhathi esifanayo, izinguquko ezazanda kwezombusazwe zazamazamisa iYurophu yamaKhomanisi, yandindizela kwaze kwaba yilapho imibuso yakhona eminingi iwa bhú phansi ekupheleni kwawo-1980. Izinto zaba zimbi kakhulu eRomania ngo-1989 lapho abantu bevukela umbuso wamaKhomanisi. Umholi wawo, uNicolae Ceauşescu, nomkakhe babulawa ngo-December 25. Ngonyaka olandelayo kwamiswa uhulumeni omusha.
Inkululeko Ekugcineni!
Njengenhlalayenza, oFakazi BakaJehova abathathanga hlangothi nhlobo njengoba isimo sezombusazwe eRomania sasishintsha. Noma kunjalo, izinguquko zabalethela inkululeko ababegcina ngokuphupha ngayo oFakazi baseRomania ababengu-17 000 ngaleso sikhathi. “Ngemva kweminyaka enzima engu-42,” kubhala iKomiti Yezwe, “siyajabula ukuthumela umbiko omuhle ngomsebenzi eRomania. Siyambonga uBaba wethu onothando, uJehova uNkulunkulu, owayilalela imithandazo eqotho yezigidi zabafowethu futhi waluqeda ushushiso olunonya.”
Ngo-April 9, 1990, abafowethu baqashelwa ngokomthetho njengeNhlangano Yenkolo YoFakazi BakaJehova futhi ngokushesha bahlela imihlangano yesifunda ezweni lonke. Le mihlangano yahanjelwa abantu abangaphezu kuka-44 000—okuyinani eliliphinda ngaphezu kwezikhathi ezimbili elabamemezeli, elase linyuke laba cishe ngu-19 000. Umbiko wenkonzo yasensimini wabonisa ukuthi kusukela ngo-September 1989 kuya ku-September 1990, oFakazi BakaJehova banda ngamaphesenti angu-15!
Ngaleso sikhathi, kwakuyiKomiti Yezwe eyayengamele umsebenzi iqondiswa igatsha lase-Austria. Nokho, ngo-1995, ngemva kweminyaka engu-66, iRomania yaphinde yaba nehhovisi legatsha.
Sondliwa Ngesikhathi Sisebunzimeni Bezomnotho
Ngawo-1980, umnotho waseRomania wawusubheda nezimpahla sezingasatholakali kahle. Kwathi lapho kuketulwa uhulumeni wamaKhomanisi kwaketuka nezomnotho, abantu basala behlupheka. Ngenxa yalokho, oFakazi BakaJehova e-Austria, eHungary, nasezweni elaliyiCzechoslovakia nelaliyiYugoslavia bathumela amathani okudla nezingubo angaphezu kuka-70 kubafowabo baseRomania, bona abakwazi nokupha omakhelwane abangebona oFakazi. “Isikhathi ngasinye lapho bethola usizo,” kusho umbiko, “abazalwane babesebenzisa lelo thuba banikeze ubufakazi obuhle.”
Ngaphandle kwezinto ezingokwenyama, abazalwane bathola nokudla okungokomoya kugcwele iloli. Le nsada yokudla yabahlengezelisa izinyembezi abaningi ngoba babejwayele ukuba kube ne-Nqabayokulinda eyodwa eqenjini lilonke. Akuphelelanga lapho, kusukela kweka-January 1, 1991, INqabayokulinda yesiRomania yayisiphuma kanye kanye neyesiNgisi futhi inombala ogqamile! Umphumela walezi zinguquko waba ukwanda okukhulu kwezincwadi ezihanjiswa ensimini.
Ukusuka Emaqenjini Ezingxoxo Kuya Emihlanganweni Evamile
Ngenkathi beshushiswa, abafowethu babengakwazi ukuqhuba eminye imihlangano ngendlela evamile, njengeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Kunalokho, babehlangana ngamaqembu amancane, bafunde ukwaziswa bese bexoxa ngakho. Babevame ukuba namakhophi ambalwa noma eyodwa encwadi efundwayo.
“INcwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini yanyatheliswa ngesiRomania ngo-1992,” kusho uJon Brenca, manje oseyilungu leKomiti Yegatsha eRomania. “Ngaphambi kwalokho, idlanzana labazalwane babenayo le ncwadi ababezinyathelisele yona. Ngo-1991 saqala ukufundisa abadala indlela yokuqhuba iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini nokunikeza iseluleko. Kodwa-ke abadala babeye banqikaze ukunikeza iseluleko, esasinikezwa epulatifomu ngalezo zinsuku. ‘Abazalwane bazocasuka uma sibeluleka phambi kwabantu,’ kusho abanye.”
Kwakukhona nokungaqondi okuthile. Ngokwesibonelo, lapho umfundi owayephothule eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo evakashele ibandla elithile ngo-1993, omunye umdala waya kuye ephethe isimiso sesikole esasithi amabandla amakhulu angaba nesikole sesibili. Ecabanga ukuthi lesi sikole esabafundi asebethé thuthu, lo mdala wabuza: “Kazi thina siyoqala nini ukubeka izinkulumo kulesi sikole? Sinabo nje nathi abazalwane abafanelekayo abangakhuphukela ezingeni eliphezulu.” Isivakashi samcacisela ngomusa le ndaba.
“Imihlangano yesifunda yafeza lukhulu ekufundiseni abazalwane,” kuchaza uMfoweth’ uBrenca, “ngoba iba neSikole Senkonzo Esingokwasezulwini esiyisibonelo esiqhutshwa umbonisi wesigodi. Noma kunjalo, kwathatha iminyakana andukuba bonke balijwayele kahle leli lungiselelo.”
ISikole Senkonzo Samaphayona saqala ngo-1993 eRomania futhi sesisize izinkulungwane zamaphayona zathuthuka ngokomoya futhi zaphumelela ngokwengeziwe enkonzweni. Ungaqiniseka ukuthi kuyinselele ukuphayona eRomania ngoba akulula ukuthola amatoho. Yize kunjalo, ngo-2004, abazalwane nodade abevile ku-3 500 bahlanganyela esicini esithile senkonzo yamaphayona.
Ukusiza Ababonisi Abajikelezayo
AbaFoweth’ uRoberto Franceschetti no-Andrea Fabbi babelwa eRomania ngo-1990 besuka egatsheni lase-Italy. Umgomo wabo kwakuwukusiza ekuhleleni kabusha umsebenzi. “Ngaleso sikhathi, ngangineminyaka engu-57,” kuchaza uMfoweth’ uFranceschetti. “Ngenxa yesimo somnotho eRomania ngaleso sikhathi, isabelo esisha sasingelula kimi nakumkami, u-Imelda.
“Lapho sifika eBucharest ngo-December 7, 1990, ngo-7:00 kusihlwa, izinga lokubanda lalingu-12°C ngaphansi kwezingaqhwa futhi idolobha limbozwe iqhwa. Sahlangana nabafowethu edolobheni, sababuza ngendawo yokulala. ‘Asikakazi,’ besho. Intokazi ethile eyayinomama nogogo abangoFakazi yasizwa sikhuluma futhi masinyane yasimemela emzini wayo. Sahlala amasonto ambalwa khona kwaze kwaba yilapho sithola indlu ekahle edolobheni. Abazalwane balapha basisekela futhi basikhuthaza, okwasisiza sasijwayela isabelo sethu.”
URoberto owaphothula ekilasini lama-43 laseGileyadi ngo-1967 kanye nomkakhe bahlala iminyaka engaba ngu-9 eRomania, ngomusa becobelela abazalwane ulwazi lwabo lwamashumi eminyaka besenkonzweni kaJehova. “Ngo-January 1991,” kuqhubeka uRoberto, “iKomiti Yezwe yahlela ukuba kube nomhlangano nabo bonke ababonisi abajikelezayo—abazalwane abangu-42. Iningi labo lalikhonza izifunda ezincane ezinamabandla ayisithupha noma ayisikhombisa. Babekade bekhonza ibandla ngalinye ngezimpelasonto ezimbili ezilandelanayo, ngokuvamile bengekho omkabo. Ngalezo zinsuku, ababonisi besifunda kwakudingeka basebenze ukuze bondle imikhaya yabo futhi iziphathimandla zingabasoli. Kodwa manje base bengakwazi ukulandela isimiso esifana nesozakwabo kwamanye amazwe, bakhonze amabandla kusukela ngoLwesibili kuze kube iSonto.
“Sengibachazele leli lungiselelo, ngathi kubazalwane abangu-42, ‘Uma uzimisele ukuqhubeka ungumbonisi ojikelezayo, phakamisa isandla.’ Lutho izandla! Ngemizuzwana nje, sase singasenabo ababonisi abajikelezayo lapha! Ngemva kokuyicabangisisa ngomthandazo le ndaba, abanye bashintsha umqondo. Sabuye sathola nolunye usizo kubazalwane abaphothule eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo e-Austria, eFrance, eJalimane, e-Italy, nase-United States.”
UJon Brenca, odabuka eRomania, waya eRomania esuka eBethel yaseBrooklyn, lapho ayekhonze khona iminyaka eyishumi. Waqale wakhonza njengombonisi wesifunda nowesigodi. Uyakhumbula: “Ngo-June 1991, ngingumbonisi wesigodi, ngaqala ukusebenza nababonisi bezifunda ababezimisele ukukhonza isikhathi esigcwele ngaphansi kwelungiselelo elisha. Ngasheshe ngabona ukuthi akubona bodwa okwakudingeka benze izinguquko ezinkulu ekucabangeni kwabo—namabandla lalisawaxaka leli lungiselelo. ‘Abamemezeli ngeke bakwazi ukusekela insimu zonke izinsuku,’ kusho abanye abadala. Nokho, bonke babambisana benza izinguquko.”
ISikole Senkonzo SoMbuso neSikole Sokuqeqeshela Inkonzo nazo zasiza ekufundiseni abazalwane. ESikoleni Senkonzo SoMbuso eBaia-Mare, umdala waya komunye wothisha ekhala. Wathi: “Sekuyiminyaka ngingumdala kodwa yima ngiyiqonda kahle indlela okufanele kwenziwe ngayo ukuhambela kokwelusa. Ngiyayibonga iNdikimba Ebusayo ngale mfundo enhle kangaka.”
Abazalwane babekade bezwile ngeSikole Sokuqeqeshela Inkonzo, kodwa kwakuyiphupho ukuthi singaqhutshelwa ezweni lakubo. Ngakho ungayibona ngeso lengqondo intokozo ababa nayo lapho lelo phupho lifezeka ngo-1999, ngesikhathi kuqhutshwa ikilasi lokuqala! Kusukela lapho, sekuqhutshwe amanye amakilasi angu-8, futhi kuye kwaba khona nabazalwane abakhuluma isiRomania abavela eMoldova nase-Ukraine engumakhelwane.
“Ngilitholile Iqiniso!”
Nakuba abantu abaningi manje bebuthola njalo ubufakazi, abangaba izigidi ezingu-7—ingxenye eyodwa kwezintathu zabantu bakhona—bahlala ensimini engabelwe. Futhi izindawo eziningana azikaze zizizwe izindaba ezinhle ngakho ukuvuna kusekukhulu! (Math. 9:37) Amaphayona avamile nakhethekile nabadala bamabandla baye basabela kulesi sidingo ngokuya emasimini angabelwe. Umphumela ube ukwakhiwa kwamaqembu namabandla amasha. Ngaphezu kwalokho, igatsha liye lacela amabandla ukuba ahlanganyele emikhankasweni ekhethekile yokuyokhonza kulezi zindawo. Njengakwamanye amazwe, le mikhankaso iye yathela impela.
Kwenye indawo esemaphandleni akude, ugogo oneminyaka engu-83 wathola INqabayokulinda kwenye yamadodakazi akhe eyayiyithole emgqonyeni kadoti eBucharest. Akagcinanga ngokuyifunda nje kodwa wabheka nayo yonke imibhalo eBhayibhelini lakhe—ngenhlanhla elalinalo igama laphezulu. Lapho ephinda ekhuluma nendodakazi yakhe, wababaza, “Ntomb’ yami, ngilitholile iqiniso!”
Wakhuluma nanompristi wakhona wambuza ukuthi ubengabatsheli ngani abantu igama likaNkulunkulu. Umpristi akamphendulanga kodwa wacela ukuboleka iBhayibheli nomagazini ukuze akufunde. Ngokuthobeka ugogo wamnika, kodwa kwaba ukuligcina kwakhe iBhayibheli ne-Nqabayokulinda yakhe. Ngokuhamba kwesikhathi, lapho kufika oFakazi BakaJehova kule ndawo bezoshumayela, wabangenisa endlini, baqala ukufunda iZwi likaNkulunkulu besebenzisa incwadi Ulwazi, wathuthuka kahle impela. Namuhla, yena namadodakazi akhe baseqinisweni.
Inkululeko Yokuba Nemihlangano Ekugcineni!
OFakazi BakaJehova eRomania bajabula kwathi abafe ngo-1990 ngenkathi bebuthene eMihlanganweni Yesigodi ‘Yolimi Oluhlanzekile.’ Abaningi babeqala ukuya emhlanganweni omkhulu. Yayisedolobheni laseBrasov nelaseCluj-Napoca. Emasontweni amabili ngaphambili, ithimba labangaphezu kuka-2 000 lalisemhlanganweni wesigodi wesiRomania eBudapest, eHungary. Nakuba imihlangano yaseRomania kwakungeyosuku olulodwa kuphela, abazalwane bakujabulela kakhulu ukuzwa abameleli ababili beNdikimba Ebusayo, uMilton Henschel noTheodore Jaracz. Bangaphezu kuka-36 000 ababekhona futhi kwabhapathizwa abangu-1 445—okungamaphesenti angaba ngu-8 abamemezeli!
Ngo-1996 kwakuhlelwe ukuba kube neMihlangano Yezizwe ‘Yezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu’ eBucharest. Nokho, abefundisi bama-Orthodox benza konke okusemandleni ukuze bawumise. Bona kanye nabalandeli babo baxhoma izingqwembe ezibhalwe ukwedelela kulo lonke idolobha—emasontweni, ezakhiweni, ezindleleni, nasezindongeni. Olunye lwaluthi: “Ubu-Orthodox noma ukufa,” kanti elinye lalithi: “Sizocela iziphathimandla ukuba ziwumise lo mhlangano. WOZANI SIZOVIKELA UKHOLO LOKHOKHO. Kwangathi uNkulunkulu angasisiza!”
Njengoba izimo zase zinje, abaphathi bedolobha bashaya ingwijikhwebu bangabe besavuma ukuba kuqhutshelwe umhlangano eBucharest. Noma kunjalo, abafowethu bakwazi ukuthola indawo eBrasov naseCluj-Napoca kusukela ngo-July 19 kuya ku-21, bakwazi nokuhlela ukuba kube neminye imihlangano ethi ayibe mincane eBucharest naseBaia-Mare yalabo abangakwazi ukuya kweminye imihlangano.
Kwazihlaba umxhwele izintatheli ukubona ukuthi abazalwane abatatazelanga futhi bakwazi nokuhlela izinto kabusha kuleso sikhashana esincane. Ngakho, naphezu kokuchwensa kwabefundisi, umbiko wabezindaba ngosuku olwandulela umhlangano wawumuhle. Kodwa nemibiko engemihle eyayikhishwe ngaphambili yasiza ngoba yenza igama likaJehova laziwa. “Ukwaziwa esakuthola emasontweni amathathu kwakulingana nesasikuthole eminyakeni eminingi sishumayela kulo lonke leli,” kusho umfowethu eBucharest. “Lokho iSonto Lobu-Orthodox LaseRomania elalicabanga ukuthi kuzosithikameza empeleni kwasiza ekuthuthukiseni izindaba ezinhle.” Kwaba nengqikithi yabangu-40 206 kule mihlangano futhi kwabhapathizwa abangu-1 679.
EMihlanganweni Yesigodi ‘Yabenzi BeZwi LikaNkulunkulu’ ka-2000, abafowethu bakujabulela kakhulu ukuthola INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiRomania. Omunye umzalwane osemusha onokwazisa wathi: “Ngasondela ngisho nangokwengeziwe kuJehova lapho ngifunda igama lakhe kweyami inguqulo. Ngimbonga ngokusuka enhliziyweni uJehova nenhlangano yakhe.”
IHholo Lezinyosi Liba IHholo LoMhlangano
Ngaphandle kweHholo Lezinyosi esesikhulume ngalo, awekho amaHholo OMbuso akhiwa ngenkathi yamaKhomanisi. Ngakho lapho umsebenzi uvulwa, isidingo samaHholo OMbuso sasisikhulu ngendlela exakile. Nokho, ngosizo lweSikhwama SamaHholo OMbuso, eminyakeni yamuva abazalwane baye bakwazi ukwakha isilinganiso seHholo LoMbuso elilodwa ngezinsuku eziyishumi! Aba izakhiwo ezingeyona inkimbinkimbi, ezikahle, ezakhiwa ngepulani eyodwa nangezinto zokwakha ezitholakala kalula. Njengakwamanye amazwe, ukuhleleka nomoya wokuzinikela obonakala ezakhiweni, ikakhulu lapho kwakhiwa amahholo akhiwa ngokushesha, kunika ubufakazi obuhle kakhulu komakhelwane, osomabhizinisi, nakubaphathi bedolobha.
ESifundazweni SaseMureş, abafowethu baya kuziphathimandla beyocela imvume yokufaka ugesi eHholo LoMbuso ababelakha. “Nijaheni kangaka?” kubuza omunye weziphathimandla. “Ukunenzela imvume kuzothatha inyanga eyodwa uma kusheshile futhi niyobe ningakenzi lutho olutheni ngaleso sikhathi.” Ngakho abazalwane baludlulisela esikhulwini sazo lolu daba.
Naso sabuza: “Najaha kangaka? Angithi nisanda kwakha isisekelo?”
“Yebo,” kuphendula abazalwane, “kodwa into yangesonto eledlule leyo. Manje sesiyafulela!” Isikhulu salithola iphuzu futhi sabanika imvume ngakusasa.
IHholo LoMhlangano lokuqala eRomania elakhiwa eNegreşti-Oaş lihlalisa abantu abangu-2 000 ngaphakathi nabangu-6 000 ngaphandle. Kwamthokozisa kakhulu uMfoweth’ uLösch ukumenywa ukuba anikeze inkulumo yokulinikezela, ayibeka ngesiRomania. Amabandla angaphezu kuka-90 avela ezifundeni ezingu-5 ayesizile ekulakheni. Nakuba lalingakanikezelwa, bangu-8 572 ababesemhlanganweni wesigodi owawukulo ngo-July 2003. Njengoba ungalindela, laba undabuzekwayo kubantu bakhona abangama-Orthodox. Kodwa babengasho izinto ezimbi zodwa. Phela, ngisho nabanye abapristi babancoma abafowethu ngomoya wabo wokuzinikela.
Akukho Sikhali Esiyophumelela Ukulwa Nezinceku ZikaNkulunkulu
Ngesikhathi uKároly Szabó noJózsef Kiss bebuyela kwelakubo ngo-1911, babengazi ukuthi uJehova uyowubusisa ngezinga elingakanani umsebenzi ababewuqala. Cabanga: Eminyakeni eyishumi edlule, kwabhapathizwa cishe abantu abangu-18 500 eRomania, okwenze inani labamemezeli laba ngu-38 423. Futhi kwaba nabangu-79 370 eSikhumbuzweni ngo-2005! Ukuze kunakekelwe lokhu kwanda, kwanikezelwa ikhaya laseBethel elisha elihle ngo-1998 labuye lanwetshwa ngo-2000. Kwakhiwa nesakhiwo esinamaHholo OMbuso amathathu esizeni saseBethel.
Nokho, isisekelo salokhu kwanda okumangalisayo sabekwa ngezinkathi zoshushiso oluvuthayo olungenakubhalwa phansi lonke njengoba lunjalo. Ngakho lonke udumo kumelwe luye kuJehova, okungaphansi komthunzi wakhe lapho oFakazi bakhe abathembekile bathola khona isiphephelo. (IHu. 91:1, 2) Ngokuphathelene nezinceku zakhe ezithembekile, uJehova wathembisa: “Noma isiphi isikhali esiyokwakhiwa ngokumelene nawe ngeke siphumelele, nanoma yiluphi ulimi oluyokuvukela ekwahluleleni uyolulahla. Leli yifa lezinceku zikaJehova.”—Isaya 54:17.
Ukuze bahlale benalo leli ‘fa’ elinqabile, oFakazi BakaJehova eRomania bazimisele ukukhumbula izinyembezi zabo bonke abahlupheka kakhulu kangaka ngenxa yokulunga ngokulingisa ukholo lwabo oluyigugu.—Isaya 43:10; Heb. 13:7.
[Ibhokisi ekhasini 72]
Ake Sithi Qaphu Qaphu NgeRomania
Izwe: IRomania ingamakhilomitha-skwele angu-238 000, ithi ayimise okweqanda, kanti ingamakhilomitha athi awabe ngu-720 ukusuka empumalanga kuya entshonalanga. Omakhelwane bayo uma usuka enyakatho uya kwesokudla yi-Ukraine, iMoldova, iBulgaria, iSerbia neMontenegro kanye neHungary.
Abantu: Izakhamuzi zaseRomania eziyizigidi ezingu-22 zingabantu bezizwe eziningi ezihlukahlukene ezidabuka khona nezokufika ezihlanganisa abaseRomania, abaseHungary, amaJalimane, amaJuda, abase-Ukraine, namaRoma, nabanye. Okungenani amaphesenti angu-70 abantu bakhona basonta esontweni lobu-Orthodox LaseRomania.
Ulimi: IsiRomania siwulimi olusemthethweni. Sisuka olimini lwesiLatin, ulimi lwamaRoma asendulo.
Indlela yokuziphilisa: Abantu abangamaphesenti athi awabe ngu-40 bayalima, basebenza emahlathini noma bayadoba; abangamaphesenti angu-25 basezimbonini, ezimayini noma emsebenzini wokwakha; kuthi abangamaphesenti angu-30 benze imisebenzi yokusiza umphakathi.
Ukudla: Izilimo zihlanganisa ummbila, amazambane, imifino efana no-beetroot, ukolweni, namagilebhisi. Kufuywe kakhulu izimvu. Enye imfuyo ihlanganisa izinkomo, izingulube, nezinkukhu.
Isimo sezulu: Isimo sezulu siyahluka kuye ngezindawo. Kodwa sikahle futhi kunezinkathi ezine zonyaka.
[Ibhokisi ekhasini 74]
Izifunda ZaseRomania Ezingafani
IRomania inezindawo eziningi ezingamaphandle futhi ihlukaniswe yaba izifunda eziningi ezigcwele umlando nezingafani, njengeMaramureş, iMoldavia, iTransylvania, neDobruja. IMaramureş, isifunda esisenyakatho, iwukuphela kwendawo engazange ihlaselwe amaRoma. Abantu bakhona bahlala ezindaweni ezicezile ezisezintabeni futhi basadla ngoludala njengokhokho babo amaDacia. Empumalanga kukhona iMoldavia, edume ngezimboni zayo zewayini, imithombo yamanzi amtoti nezigodlo zezindela zekhulu le-15. EWalachia, isifunda esiseningizimu, yilapho uthola khona inhloko-dolobha yaseRomania neyidolobha elikhulu kunawo wonke, iBucharest.
Enkabeni yeRomania kuneTransylvania, eyinkangala ezungezwe ukhahlamba lweziNtaba ZaseCarpathian. ITransylvania inenqwaba yezinqaba, amadolobha namanxiwa enkathi ephakathi, futhi yilapho kuthiwa kuvela khona uDracula wodumo, umuntu wasenganekwaneni oncela igazi labantu. Inganekwane kaDracula isuselwa kuPrince Vlad Dracul noma uVlad uDeveli, noPrince Vlad Ţepeş, owayaziwa ngokuthi uVlad uMjoji ngenxa yendlela ayebulala ngayo izitha zakhe. Njengokulindelekile, abantu abavakashela le ndawo bavakashela nezindawo ayehlala kuzo la madoda.
IDobruja igudla uLwandle Olumnyama amakhilomitha angaba ngu-250, futhi yilapho uthola khona isizalo somfula iDanube. Lo mfula ongowesibili ngobude eYurophu, wakha umngcele oseningizimu yeRomania futhi ingxenye enkulu yezwe ithela kuwo. Isizalo sawo esinezilwane nezitshalo ezahlukahlukene, singamakhilomitha-skwele angu-4 300, okusenza sibe indawo yokulondoloza imvelo namaxhaphozi enkulu kunayo yonke eYurophu. Sinezinhlobo zezinyoni ezingaphezu kuka-300; izinhlobo zezinhlanzi ezingu-150; nezinhlobonhlobo ezingu-1 200 zezitshalo ezifana nesihlahla somyezane nomnduze.
[Ibhokisi ekhasini 87]
Babengabehlelo LikaZamolxis Manje Sebengabesonto Lobu-Orthodox LaseRomania
Emakhulwini eminyaka amaningi ngaphambi kweNkathi Yethu Evamile, abantu ababehlala endaweni manje ebizwa ngokuthi iRomania kwakungamaGetae namaDacia, izizwe ezihlobene. Kubonakala sengathi unkulunkulu wazo, uZamolxis, wayengunkulunkulu wesibhakabhaka nowabafileyo. Namuhla, cishe bonke abantu baseRomania bathi bangamaKristu. Lwenzeka kanjani lolu shintsho?
Ngesikhathi sokudlondlobala kweRoma eNhlonhlweni Yamazwe AseBalkan, umbimbi lwamaGetae namaDacia lwaluwusongo olukhulu. Eqinisweni, inkosi yalolu mbimbi uDecebalus yawanqoba kabili amabutho aseRoma. Nokho, ngasekuqaleni kwekhulu lesibili C.E., iRoma lanqoba labe selenza le ndawo yaba isifundazwe. IDacia, njengoba yayaziwa kanjalo, yayinomnotho omkhulu okwenza kwathutheleka amaRoma amaningi khona. Ashada namaDacia, awafundisa isiLatin, kwase kuvela okhokho babantu baseRomania banamuhla.
Izifiki, abathengisi nabahwebi bafika lapha nobuKristu bokuzisholo. Ngonyaka ka-332 C.E., ithonya leLobukholwa landa ngesikhathi uMbusi uConstantine enza isivumelwano sokuthula namaGoth, ubumbano lwezizwe zamaJalimane ezazihlala enyakatho yeDanube.
Ngemva koqhekeko olukhulu luka-1054, lapho iSonto LaseMpumalanga lishiya iSonto LaseRoma, le ndawo yawela eSontweni Lobu-Orthodox LaseMpumalanga, elazala iSonto Lobu-Orthodox LaseRomania. Kwathi sekuyophela ikhulu lama-20, iSonto Lobu-Orthodox LaseRomania lase linamalungu angaphezu kwezigidi ezingu-16, okulenza libe iSonto Lobu-Orthodox elizimele elinabalandeli abaningi kunamanye emazweni aseBalkan.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 98-100]
Kwathi Kuqathaka Amabhomu, Thina Sasicula
UTeodor Miron
Unyaka azalwa ngawo: 1909
Abhapathizwa ngawo: 1943
Umlando wakhe omfushane: Iqiniso leBhayibheli walithola ejele. Wachitha iminyaka engu-14 emakamu okuhlushwa amaNazi nasemakamu nasemajele amaKhomanisi.
Ngo-September 1, 1944, njengoba amasosha aseJalimane ayehoxa, ngangiphakathi kwabazalwane abangu-152 abasuswa kanye nezinye iziboshwa ekamu lokuhlushwa eBor, eSerbia, bayiswa eJalimane. Ngezinye izinsuku sasingakuthi mbibi ukudla. Kwakuthi uma sikutholile ukudlana okuthile—njengemifino enjengo-beetroot igingqika emgwaqweni ongasemasimini—sicazelane kona ngokulinganayo. Uma kwenzeka kuba khona ophelelwa amandla engasakwazi ukuhamba, abanamandla babemqhuba ngebhala.
Ekugcineni, safika esiteshini sesitimela, saphumula amahora amane, sabe sesikhipha izimpahla emaguzwini amabili ukuze sithole indawo. Kwakunendawo yokuma nje kuphela futhi sasingenazo izingubo ezifudumele—umuntu nomuntu wayenengubo eyodwa yokulala, ayezimboza ngayo uma selina. Sahamba kanjalo ubusuku bonke. Ngakusasa ekuseni ngo-10:00, njengoba singena edolobheni, izindiza ezimbili zaphonsa amabhomu phezu kwekhanda lesitimela, sama nsé. Akufanga muntu yize amaguzu esasikuwo ayeseduze kwekhanda lesitimela. Naphezu kwalokhu, amaguzu ethu axhunywa kwelinye ikhanda, sabe sesingena indlela futhi.
Sathi sisathe gozololo amahora amabili esiteshini esiqhele ngamakhilomitha athi awabe yikhulu, sabona amadoda nomame bethwele obhasikidi bamazambane. Sasicabanga ukuthi bayawadayisa. Kodwa sasishaye phansi. Kwakungabafowethu nodadewethu abangokomoya ababezwile ngathi futhi bazi ukuthi silambile. Ngamunye bamnikeza amazambane amathathu amakhulu abilisiwe, ucezu lwesinkwa, nenkeshezana kasawoti. Leli ‘mana elivela ezulwini’ lasiqhuba amahora angu-48 saze safika eSzombathely, eHungary, ngasekuqaleni kuka-December.
Sahlala ubusika bonke eSzombathely, siphila ngommbila esasiwuthola ugqitshwe yiqhwa. Phakathi kuka-March no-April 1945, leli dolobha elihle laqhunyiswa ngamabhomu, imigwaqo yagcwala izidumbu ezilimele kabi. Abantu abaningi babebhajwe ngaphansi kwemfucumfucu, ngezinye izikhathi sasibezwa bekhalela usizo. Sisebenzisa amafosholo namanye amathuluzi, sakwazi ukutakula abanye babo.
Amabhomu ashaya izakhiwo ezazakhelene nesasihlala kuso, kodwa sasinda esethu. Kwakuthi lapho kukhala izinhlaba-mkhosi zokuhlasela kwezindiza, bonke abantu bantininize bayocasha, bethukile. Nathi sasibaleka ekuqaleni, kodwa sasheshe sabona ukuthi akusizi ngoba zazingekho izindawo ezikahle zokucasha. Ngakho sasizihlalela, sizame ukungatatazeli. Onogada nabo bagcina sebehlala nathi. Babethi uNkulunkulu wethu angase abavikele nabo! Ngo-April 1, ubusuku bethu bokugcina eSzombathely, amabhomu aqathaka ngendlela eyayingakaze ibonwe. Ngisho kunjalo, sahlala endlini, sidumisa uJehova ngamahubo futhi simbonga ngokusinika ukuzola kwangaphakathi.—Fil. 4:6, 7.
Ngakusasa kwathiwa asihambe siye eJalimane. Sasinezinqola ezimbili zamahhashi, ngakho sagibela zona sabuye sahamba ngezinyawo amakhilomitha angaba yikhulu saze sayofika ehlathini eliqhele ngamakhilomitha angu-13 emngceleni waseRussia. Sangenisa emzini wesikhulu esicebile, kwathi ngakusasa onogada basikhulula. Sabonga uJehova ngokuthi wayesilondile ngokwenyama nangokomoya, futhi savalelisana sikhala sabe sesiyagoduka—abanye ngezinyawo abanye ngesitimela.
[Ibhokisi ekhasini 107]
Uthando LobuKristu Luboniswa Ngezenzo
Ngo-1946 impumalanga yeRomania yayikhungethwe indlala. Nakuba babempofu, oFakazi BakaJehova abahlala ezindaweni zeRomania ezazingahlukunyeziwe kakhulu iMpi Yezwe II nemiphumela yayo, banikelela abafowabo abaswele ukudla, izingubo nemali. Ngokwesibonelo, oFakazi ababesebenza emayini kasawoti edolobheni laseSighet Marmaţiei, eduze komngcele wase-Ukraine, bathenga usawoti ezimayini, bawudayisa emadolobheni amancane namakhulu abakhelene nawo, base bethenga ummbila ngenzuzo. Ngesikhathi esifanayo, oFakazi BakaJehova baseSweden, eSwitzerland, e-United States nakwamanye amazwe nabo basiza ngokunikela ngamathani amahlanu okudla.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 124, 125]
Sakhumbula Amavesi EBhayibheli Angu-1 600
UDionisie Vârciu
Unyaka azalwa ngawo: 1926
Abhapathizwa ngawo: 1948
Umlando wakhe omfushane: Kusukela ngo-1959 wahlala iminyaka engaphezu kwemihlanu emajele ahlukahlukene nasemakamu okufukuzwa kuwo. Washona ngo-2002.
Ngesikhathi siboshiwe sasivunyelwa ukuxhumana nemikhaya yethu futhi yayikwazi ukusithumelela amaphasela anezipho angamakhilogremu amahlanu inyanga ngayinye. La maphasela ayetholwa abantu abawuqedile umsebenzi ababewunikeziwe. Ngaso sonke isikhathi sasabelana loko kudla, okwakusho ukukucaza kube izingxenye ezingaba ngu-30. Sake sawacaza kanjalo ama-apula amabili. Yiqiniso, ucezu ngalunye lwaluluncane kodwa lwayithiba indlala.
Nakuba sasingenawo amaBhayibheli noma izincwadi zokulitadisha, sazigcina siqinile ngokomoya ngokukhumbula izinto esasizifunde singakaboshwa nangokuxoxelana zona. Sasihlele ukuba njalo ekuseni umzalwane othile akhumbule ivesi leBhayibheli. Sasiliphindaphinda buthule futhi sizindle ngalo ngesikhathi siphoqwa ukuba sihambe ngezinyawo ekuseni, okwakuthatha imizuzu engu-15 kuya kwengu-20. Kwakuthi uma sesibuyele esitokisini sethu—thina sasingu-20 sihlohlwe egunjini elingamamitha amabili ububanzi namane ubude—sixoxe isigamu sehora ngalelo vesi. Sisonke sakwazi ukukhumbula amavesi eBhayibheli angu-1 600. Ntambama sasixoxa ngezihloko ezihlukahlukene, kuhlanganise nemiBhalo engaba ngu-20 kuya ku-30 ehlobene nazo. Sonke sasikubamba ngekhanda.
Omunye umzalwane waqale wacabanga ukuthi yena usezigugele ukuba angabamba amavesi eBhayibheli amaningi kangaka. Kodwa wayezeyile. Ngemva kokusizwa siphindaphinda amavesi izikhathi ezingaba ngu-20, naye wakwazi ukukhumbula nokuphindaphinda imiBhalo eminingi, okuyinto eyamjabulisa kakhulu!
Yiqiniso, sasilamba ngokwenyama futhi singenamandla, kodwa uJehova wasigcina sisuthi futhi siqinile ngokomoya. Ngisho sesikhululiwe kwakudingeka sigcine ingokomoya lethu liphila ngoba abeSecuritate baqhubeka besihlupha, bethemba ukuthi bazokwephula ukholo lwethu.
[Ibhokisi ekhasini 132, 133]
Izindlela Zokunyathelisa
Phakathi nawo-1950, ukukopisha izincwadi ngesandla, okwakuvame ukwenziwa nge-carbon paper, kwakuyiyona ndlela elula nengcono kakhulu yokukhiqiza izincwadi zokutadisha iBhayibheli. Nakuba yayidla isikhathi futhi iyisidina, yayinalo usizo olukhethekile—abakopishi babekwazi ukukubamba ngekhanda ababekukopisha. Kwakuthi lapho sebesejele, bakwazi ukukhuthaza abanye ngokomoya. Abafowethu babesebenzisa nemishini yokubhala, kodwa kwakudingeka ibhaliswe emaphoyiseni kanti kwakunzima nokuyithola.
Ngasekupheleni kwawo-1950 kwavela ama-mimeograph, noma imishini yokunyathelisa ngama-stencil. Ukuze abazalwane benze ama-stencil, babexuba i-glue, ubikiza okuthiwa i-gelatin, nengcino, bese le ngxube beyibhixa kancane phezu kwento esasikwele, ebushelelezi, enjengengilazi. Besebenzisa uyinki okhethekile ababezenzela wona, babebhala ukwaziswa ephepheni. Uma uyinki usuwomile, babethatha leli phepha balicindezele phezu kwale ngxube, okusephepheni kusalele kule ngxube, bese sitholakala kanjalo i-stencil. Kodwa lama-stencil ayengahlali isikhathi eside, ngakho abafowethu kwakudingeka bahlale benza amasha. Futhi njengoba kwakunjalo ngezihloko ezikopishwe ngesandla, ama-stencil ayengafaka umuntu engozini—indlela ayebhala ngayo yayingambambisa.
Kusukela ngawo-1970 kuze kube yilapho umsebenzi usuzovulwa, abafowethu bakha futhi basebenzisa imishini yokunyathelisa ephathwayo nesetshenziswa ngesandla engaphezu kweyishumi. Bayakha beyithathela kowase-Austria futhi yayisebenzisa amaphepha axutshwe nepulasitiki. Bayibiza ngokuthi iSigayo. Kwathi sekuyophela iminyaka yawo-1970, kwatholakala imishini yokunyathelisa efakwa amaphepha, kodwa abafowethu abakwazanga ukuthola konke okwakudingeka, ngakho yaduva. Nokho, kusukela ngo-1985, umzalwane owayephuma ezweni elaliyiCzechoslovakia futhi engunjiniyela wamakhemikhali wafundisa abafowethu amakhono ababewadinga. Ngemva kwalokho, inani lezincwadi nendlela yokunyathelisa kwathuthuka kakhulu.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 136, 137]
UJehova Wangiqeqesha
UNicolae Bentaru
Unyaka azalwa ngawo: 1957
Abhapathizwa ngawo: 1976
Umlando wakhe omfushane: Wayenyathelisa ngenkathi yamaKhomanisi kanti manje yena nomkakhe, uVeronica, bangamaphayona akhethekile.
Ngaqala ukufunda iBhayibheli ngo-1972 edolobheni laseSăcele futhi ngabhapathizwa ngemva kweminyaka emine sengineminyaka engu-18. Ngaleso sikhathi umsebenzi wawuvinjelwe futhi imihlangano yayiqhutshwa ngamaqembu. Noma kunjalo, sasikuthola njalo ukudla okungokomoya, ngisho namadrama eBhayibheli, ayeba ama-slide anemibala ahambisana namazwi.
Ngemva kokubhapathizwa, isabelo sami sokuqala kwaba ukusebenza ngomshini wama-slide. Ngemva kweminyaka emibili, ngathola ilungelo elengeziwe lokuthenga iphepha lemishini yethu yokunyathelisa esasiyifihlile. Ngo-1980, ngafunda ukunyathelisa futhi ngasiza ekunyatheliseni INqabayokulinda, i-Phaphama!, kanye nezinye izincwadi. Sasisebenzisa i-mimeograph nomunye umshini omncane owawusebenza ngesandla.
Kusenjalo, ngahlangana noVeronica, udade okahle owayebonise ukwethembeka kuJehova, futhi sashada. UVeronica wangisekela kakhulu emsebenzini wami. Ngo-1981, u-Otto Kuglitschu wasegatsheni lase-Austria wangifundisa ukusebenzisa umshini wethu wokuqala wokunyathelisa owawufakwa amaphepha. Kwaba nomshini wesibili eCluj-Napoca ngo-1987, futhi ngabelwa ukuba ngiyoqeqesha abazowusebenzisa.
Ngemva kokuvulwa komsebenzi ngo-1990, mina noVeronica nendodana yethu, uFlorin, saqhubeka izinyanga ezingu-8 nomsebenzi wokunyathelisa nokuthumela izincwadi. UFlorin wayelekelela ngokuwabeka ngononina amaphepha asenyathelisiwe ngaphambi kokuba acindezelwe, ancwelwe, afakwe ama-staple, apakishwe, abese ethunyelwa. Ngo-2002, sobathathu sabelwa ukuyophayona edolobheni laseMizil elinabantu abangu-15 000 elisendaweni engamakhilomitha angaba ngu-80 enyakatho yeBucharest. Mina noVeronica sikhonza njengamaphayona akhethekile, uFlorin yena njengelivamile.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 139, 140]
UJehova Wavala Amehlo Esitha
U-Ana Viusencu
Unyaka azalwa ngawo: 1951
Abhapathizwa ngawo: 1965
Umlando wakhe omfushane: Kusukela esemncane wayesiza abazali bakhe ekunyatheliseni izincwadi. Ngemva kwesikhathi, waba neqhaza ekuhumusheni izincwadi ngesi-Ukraine.
Langa limbe ngo-1968 ngangikopishela INqabayokulinda kuma-stencil ukuze inyatheliswe. Ngobudedengu ngakhohlwa ukuwafihla ngaphambi kokuya emhlanganweni wobuKristu. Kwaba ukungena nje endlini kwesikabhadakazi, ngezwa kuma imoto. Ngingakaboni nakubona ukuthi obani, abeSecuritate abahlanu base belá nencwadi yokusesha. Ngethuka kwaphela nasozwaneni kodwa ngakwazi ukuziqinisa. Ngesikhathi esifanayo, ngacela uJehova ukuba angithethelele ngenxa yobudedengu bami, ngamthembisa nokuthi ngeke ngiphinde ngiwushiye obala umsebenzi.
Iphoyisa eliphethe lahlala eceleni kwama-stencil, engangivele ngawathi mbo ngendwangu etafuleni ngenkathi ngizwa kuma imoto. Lahlala lapho baze baqeda ukusesha ngemva kwamahora ambalwa. Njengoba libhala umbiko walo—eduze nje kwama-stencil—lalilokhu lilungisa indwangu etafuleni. Umbiko walo wawuthi abatholanga zincwadi ezivinjelwe lapha.
Yize kunjalo, la madoda athatha ubaba aya naye eBaia-Mare. Sinomama samthandazela ngokusuka enhliziyweni futhi sambonga uJehova ngokusivikela ngalobo busuku. Kwathi gidi lapho ubaba ebuya ngemva kwezinsukwana.
Kungakadluli sikhathi esingakanani, ngisathi ngikopisha ezinye izincwadi, ngaphinde ngezwa kuma imoto ngaphandle. Ngacima isibani, ngalunguza efasiteleni elimboziwe, ngabona abalisa abaningana abafake iyunifomu enezimendlela ezicwebezelayo emahlombe bephuma emotweni bengena endlini engalé komgwaqo. Ngakusasa ebusuku, bashintshwa elinye iqembu, okwaqinisekisa izinsolo zethu zokuthi bayizinhloli zeSecuritate. Noma kunjalo, saqhubeka nokunyathelisa kodwa izincwadi nezinto zokusebenza sazikhipha ngemva kwendlu ukuze singabanjwa.
Ubaba wayeye athi, “lo mgwaqo ophakathi kwethu nesitha ufana nensika yefu eyayiphakathi kwama-Israyeli nabaseGibhithe.” (Eks. 14:19, 20) Ngazibonela ngawami ukuthi ubaba wayeqinisile ngempela!
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 143, 144]
Sasindiswa Ipayipi Le-okzozo Elinqamukile
UTraian Chira
Unyaka azalwa ngawo: 1946
Abhapathizwa ngawo: 1965
Umlando wakhe omfushane: Ungomunye wabazalwane ababenyathelisa izincwadi futhi bazithuthe ngesikhathi umsebenzi uvinjelwe.
Ehlobo ngeSonto ekuseni ngovivi, ngalayisha izikhwama ezingu-8 zezincwadi emotweni yami. Azanelanga ebhuthini, ngakho ngasusa isihlalo sangemuva ngabeka ezinye zazo endaweni yaso, ngazimboza ngengubo yokulala ngabe sengibeka umcamelo ngaphezulu. Noma ubani owayengabheka ngaphakathi wayeyomane aphethe ngokuthi siziyela olwandle. Ukuze ngiqikelele ukuthi konke kufihlekile, ngamboza izikhwama ezisebhuthini ngengubo yokulala.
Ngemva kokuthandazela isibusiso sikaJehova, sobahlanu—umkami, abafana bethu ababili nentombazane eyodwa nami—salibangisa eTirgu-Mures naseBrasov sihambisa izincwadi. Endleleni sasicula izingoma zoMbuso. Sesihambe amakhilomitha athi awabe yikhulu, safika emgwaqweni ogcwele izikhisi. Njengoba imoto yayisihusha phansi ukwesindwa, ipayipi le-okzozo lashayisa okuthile emgwaqweni lanqamuka. Ngama, ngathatha ipayipi elinqamukile ngalifaka ebhuthini eduze kwesondo eliyisipele kodwa phezu kwengubo yokulala. Sabe sesihamba, imoto ibhodla injalo!
Edolobheni laseLuduş samiswa iphoyisa lifuna ukuhlola ukuthi imoto yethu iyakufanelekela yini ukuba semgwaqweni. Ngemva kokuhlola inombolo yenjini, ihutha, ama-wiper, izibani, nokunye, lacela ukubona isondo eliyisipele. Lisaya ebhuthini, ngalunguza efasiteleni ngahlebela umkami nabantabami: “Thandazani. UJehova kuphela ongasisiza manje.”
Lapho ngivula ibhuthi, amehlo ephoyisa avele awela epayipini le-okzozo eliphukile. “Yini le?” libuza. “Kuzomelwe uhlawule!” Laneliswe ukuthi ukhona ugcobho eliwutholile, labe selima lapho. Ngavala ibhuthi, kwathi gidi, futhi angikaze ngikujabulele kanjeya ukukhokha inhlawulo! Yileso sikhathi kuphela okwala kancane ngaso sibanjwe, futhi abafowethu bazithola izincwadi zabo.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 147-149]
Ukunqwamana NabeSecuritate
UViorica Filip
Unyaka azalwa ngawo: 1953
Abhapathizwa ngawo: 1975
Umlando wakhe omfushane: Inkonzo yesikhathi esigcwele wayiqala ngo-1986 futhi uyilungu lomkhaya waseBethel.
Lapho mina nodadewethu u-Aurica siba oFakazi BakaJehova, abasekhaya basiphatha kabi. Nakuba kwakubuhlungu, kwasiqinisela ukunqwamana nabeSecuritate. Kwenzeka lokho ngo-December 1988 ebusuku. Ngaleso sikhathi ngangihlala no-Aurica nomkhaya wakhe edolobheni lase-Oradea, ngasemngceleni weHungary.
Lapho ngiya emzini womzalwane oqondisa umsebenzi wokuhumusha, kwakunomagazini engangiwuhlola esikhwameni sami. Ngangingazi ukuthi abeSecuritate babelapho besesha futhi bephenya abantu abahlala khona nanoma ubani ovakashile. Ngenhlanhla, lapho ngibona okwenzekayo, ngakwazi ukuwushisa umagazini owawusesikhwameni ngingabonwa muntu. Ngemva kwalokho amaphoyisa asithatha nabanye oFakazi ayosiphonsa eminye imibuzo.
Angipheka ngemibuzo ubusuku bonke, kwathi ngakusasa apequlula indlu ayeyazi ingeyami, okwakuyindlu encane esendaweni yase-Uileacu de Munte. Ngangingahlali kuyo, kodwa abazalwane babegcina kuyo izimpahla zomsebenzi womshoshaphansi. Kwathi angazithola, amaphoyisa aphinde angithatha angishaya ngesagila senjoloba efuna ngidalule abanikazi bazo noma ababesebenza ngazo. Nganxusa uJehova ukuba angisize ngikhuthazelele ukushaywa. Ngazizwa ngizolile, nobuhlungu bemivimbo babushesha ukuphela. Kodwa ngathi ngiyabheka ngabona izandla zami sezivuvukele ngaze ngazibuza ukuthi ngiyoke ngiphinde ngikwazi yini ukubhala. Ngalobo busuku ngadedelwa—ngingenayo nendibilishi, ngiphelile indlala futhi ngivovekile.
Ngahamba ngaya esikhumulweni samabhasi, ngilandelwa iphoyisa. Ngangingabatshelanga abaseshi ukuthi ngihlalaphi, ngakho ngangingenakukwazi ukuqonda kwa-Aurica ngoba ngangesaba ukumdonsela amanzi ngomsele. Ngingazi ukuthi ngiyephi noma ngenzeni, ngancenga uJehova, ngamtshela ukuthi angilambile ngiyafa nokuthi ngifuna ukulala embhedeni wami. ‘Kazi akukuningi yini engikucelayo?’ ngicabanga.
Ngafika esikhumulweni ibhasi selizosuka. Ngagijima ngaligibela nakuba ngangingenamali yokukhokha. Nhlanhla leyo, laliya lapho ngangihlala khona. Iphoyisa nalo lagibela ebhasini, langibuza ukuthi liyaphi ibhasi, labe selehla. Ngabona ukuthi ngiyobe sengilindwe elinye e-Uileacu de Munte. Umshayeli wangivumela ukuba ngigibele ebhasini, kwathi gidi. ‘Kodwa ngiyokwenzani e-Uileacu de Munte?’ ngizibuza. Ngangingafuni ukuya kwami ngoba vele kwakungenakudla nambhede lo.
Ngangisathulula izinkathazo zami kuJehova ngesikhathi umshayeli ehlisa umngane wakhe emaphandleni e-Oradea. Yimi loya ngehla. Njengoba ibhasi lisuka, ngazizwa ngifikelwa injabulo, futhi ngahamba ngokuqapha ngaya endlini yomzalwane engangimazi. Ngafika ngesikhathi umkakhe ephula isitshulu senyama nemifino eziko—okuyintandokazi yami. Bathi angisale sengihlala ngidle nabo.
Kamuva ngalobo busuku lapho ngibona ukuthi sekuphephile, ngaya kwa-Aurica ngafike ngalala kowami umbhede. Yebo, uJehova wanginika zona kanye izinto ezimbili engangizithandazele—ukudla okumnandi nowami umbhede. Yeka uBaba omangalisayo esinaye!
[Ibhokisi ekhasini 155]
Intsha Ihlala Igxilile Ngokomoya
Ngenkathi yoshushiso, intsha engamaKristu yazakhela umlando oncomekayo wokugcina ubuqotho futhi eningi yafaka inkululeko yayo engozini ngenxa yezindaba ezinhle. Manje isivivinywa ngezindlela ezihlukile, futhi ngeshwa enye iye yayeka ukuqapha. Kodwa enye iye yahlala igxilile. Ngokwesibonelo, iqembu lezingane zasesikoleni esiphakeme eCâmpia Turzii lixoxa ngetekisi losuku ngekhefu lasekuseni. Zixoxela egcekeni lesikole noma enkundleni yemidlalo futhi kuye kwenzeke nezinye izingane zizijoyine.
Omunye udade osemusha waphawula: “Ukubukeza itekisi losuku nabangane bami kuyisivikelo kimi, kuyangisusa kancane ezinganeni ezingamkhonzi uJehova. Kuyangikhuthaza nokubona ukuthi akumina ngedwa uFakazi KaJehova.” Uthishanhloko nabanye othisha baye bayincoma le ntsha eziphethe kahle.
[Ibhokisi ekhasini 160]
Ukumisa Izindaba Ezinhle Ngokomthetho
NgoLwesine, ngo-May 22, 2003, uMnyango Wamasiko Nezinkolo WaseRomania wakhipha isinqumo esiqinisekisa ukuthi iNhlangano Yenkolo YoFakazi BakaJehova eyamiswa ngo-April 9, 1990, iyinhlangano esemthethweni eqashelwa uMbuso. Lokhu kwenza oFakazi BakaJehova bakwazi ukuthola zonke izinzuzo ezitholwa izinkolo eziqashelwayo, njengelungelo lokushumayela nokwakha amaHholo OMbuso. Lokhu kuqashelwa kuyisiphetho sezimpi eziningi ebezilokhu zilwiwa ezinkantolo kule minyaka edlule.
[Ishadi/Igrafu ekhasini 80, 81]
IROMANIA—ISHADI LEZENZAKALO EZIPHAWULEKAYO
1910
1911: UKároly Szabó benoJózsef Kiss bayabuya e-United States.
1920: Kumiswa ihhovisi legatsha eCluj-Napoca. Lengamela umsebenzi e-Albania, eBulgaria, eHungary, eRomania nasezweni elaliyiYugoslavia.
1924: Kuthengwa indawo yegatsha, ehlanganisa nefektri, eCluj-Napoca.
1929: Umsebenzi usuwenganyelwa igatsha laseJalimane, kamuva iCentral European Office, eSwitzerland.
1938: Uhulumeni ulivala ngcí ihhovisi legatsha laseRomania, manje eliseBucharest.
1940
1945: INhlangano YoFakazi BakaJehova iyabhaliswa eRomania.
1946: Abantu abacela ku-15 000 bahlangana emhlanganweni wokuqala wezwe lonke eBucharest.
1947: Ngo-August nango-September, u-Alfred Rütimann noMartin Magyarosi bahambela iRomania.
1949: Uhulumeni wamaKhomanisi uvala oFakazi BakaJehova uthathe nayo yonke indawo yegatsha.
1970
1973: Umsebenzi awusenganyelwa igatsha laseSwitzerland sekungelase-Austria.
1988: Abameleli beNdikimba Ebusayo bahambela iRomania.
1989: Umbuso wamaKhomanisi uyawa.
1990: OFakazi BakaJehova baqashelwa ngokomthetho. Kuba nemihlangano emikhulu.
1991: INqabayokulinda yesiRomania iphuma kanye kanye neyesiNgisi futhi inyatheliswa ngemibala egqamile.
1995: Limiswa kabusha ihhovisi legatsha laseRomania eBucharest.
1999: Kuqhutshwa iSikole Sokuqeqeshela Inkonzo sokuqala eRomania.
2000
2000: Kukhululwa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki yolimi lwesiRomania.
2004: Kunikezelwa iHholo Lomhlangano lokuqala eNegreşti-Oaş.
2005: Bangu-38 423 abamemezeli ababikayo eRomania.
[Igrafu]
(Bheka encwadini)
Ingqikithi Yabamemezeli
Ingqikithi Yamaphayona
20 000
40 000
1910 1940 1970 2000
[Ibalazwe ekhasini 73]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
POLAND
SLOVAKIA
HUNGARY
UKRAINE
MOLDOVA
ROMANIA
Satu-Mare
Oradea
Arad
Negreşti-Oaş
Baia-Mare
MARAMUREŞ
Brebi
Bistriţa
Topliţa
Cluj-Napoca
Tirgu-Mures
Ocna Mureş
TRANSYLVANIA
Carpathian Mts.
Frătăutii
Bălcăuţi
Ivăncăuţi
Prut
MOLDAVIA
Brasov
Săcele
Mizil
BUCHAREST
WALACHIA
Galaţi
Braila
Danube
DOBRUJA
SERBIA AND MONTENEGRO
BULGARIA
MACEDONIA
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 66]
[Izithombe ekhasini 69]
Ngo-1911, uKároly Szabó noJózsef Kiss babuyela kwelakubo beyoshumayela isigijimi soMbuso
[Isithombe ekhasini 70]
UParaschiva Kalmár, ohlezi, nomyeni wakhe nabangu-8 kubantababo
[Isithombe ekhasini 71]
UGavrilă Romocea
[Isithombe ekhasini 71]
U-Elek no-Elisabeth Romocea
[Isithombe ekhasini 77]
Kwakhiwa ihhovisi elisha eCluj-Napoca, ngo-1924
[Isithombe ekhasini 84]
Njengoba ushushiso lwaluqina, izincwadi zanyatheliswa ngamagama ahlukahlukene
[Isithombe ekhasini 86]
UNicu Palius wasuka eGreece ezosiza ngomsebenzi
[Isithombe ekhasini 89]
Balalele inkulumo yeBhayibheli eqoshiwe ngo-1937
[Isithombe ekhasini 95]
UMartin noMaria Magyarosi (phambili) no-Elena noPamfil Albu
[Isithombe ekhasini 102]
Umhlangano wesifunda eBaia-Mare ngo-1945
[Isithombe ekhasini 105]
Isimemezelo somhlangano wezwe lonke owawungo-1946
[Isithombe ekhasini 111]
UMihai Nistor
[Isithombe ekhasini 112]
UVasile Sabadâş
[Isithombe ekhasini 117]
Umbhobho owawusetshenziswa abeSecuritate
[Isithombe ekhasini 120]
IPeriprava, ikamu laseDanube Delta okwakufukuzwa kulo
[Isithombe ekhasini 133]
ISigayo
[Izithombe ekhasini 134]
UVeronica noNicolae Bentaru basekolosini elifihleke ngaphansi kwendlu yabo
[Isithombe ekhasini 138]
UDoina noDumitru Cepănaru
[Isithombe ekhasini 138]
UPetre Ranca
[Izithombe ekhasini 141]
Imihlangano eyayingawo-1980
[Isithombe ekhasini 150]
ISikole Senkonzo Samaphayona sokuqala eRomania ngo-1993
[Isithombe ekhasini 152]
URoberto no-Imelda Franceschetti
[Izithombe ekhasini 156, 157]
Kwakunezinkulungwane eMihlanganweni Yezizwe ‘Yezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu’ ngo-1996 naphezu kokuphikisa kwabefundisi
[Izithombe ekhasini 158]
(1) Isakhiwo esinamaHholo OMbuso angu-7, eTirgu-Mures
(2) Igatsha laseRomania eBucharest
(3) IHholo LoMhlangano eNegreşti-Oaş
[Isithombe ekhasini 161]
IKomiti Yegatsha, kusuka phezulu kwesobunxele kuya kwesokudla: UDaniele Di Nicola, uJon Brenca, uGabriel Negroiu, uDumitru Oul, no-Ion Roman