Izenzo ZoFakazi BakaJehova Ezikhathini Zanamuhla
ITahiti
Iziqhingi zaseFrench Polynesia, ezihlanganisa neTahiti, ziphakathi kwezinhle kunazo zonke emhlabeni. Izimbongi nabalobi ngokufanayo baye bazichaza njengeziyipharadesi. Nokho kunelinye ipharadesi eliheha nakakhulu elikhula ngesivinini kulezi ziqhingana ezibukekayo zasePacific. Funda ngokuthi leli pharadesi elikhulu nakakhulu lakhiwa kanjani nokuthi liqhubeka kanjani likhiqiza inala yezithelo eziletha udumo kuJehova.
IGuyana
Igama elithi Guyana lisho ukuthi “iZwe Lamanzi.” Leli gama elifanelekayo libonakala kahle enxanxatheleni yemifula yaleli zwe, eminingi yayo esebenza njengemigwaqo emikhulu eholela emadolobheni amancane namakhulu asenkabeni yezwe. Funda ngokuthi oFakazi BakaJehova baye bazisebenzisa kanjani izikebhe ezigwedlwayo nemikhumbi yamalahle ukuze baziqondise ‘emanzini aphilayo’ izakhamuzi ezithakazelisayo nezezinhlanga ezihlukene zaleli zwe okuwukuphela kwalo eNingizimu Melika elikhuluma isiNgisi.—Joh. 4:10.
I-Iceland
Iseningizimu ye-Arctic Circle, kude le nezindawo ezishisayo futhi iyizwe elihle kakhulu. Izinguzunga zamaqhwa, izintabamlilo nezintaba zihlobisa leli zwe elimagebhugebhu. Noma kunjalo, ubuhle obudlulele butholakala kubantu abakhonza uJehova. Kule ndaba, uzofunda ngokuthi izinceku zikaNkulunkulu zizikhuthazelela kanjani izimo ezinzima ukuze zihlanganyele iqiniso leBhayibheli nabanye.