Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo
NJENGOBA sime onqenqemeni lwesimiso esisha sezinto esizayo, kuyaphuthuma ukuba sihlale silinde uJehova. (Zef. 3:8) Umprofethi uDaniyeli wathi ‘uNkulunkulu unguMambuli wezimfihlo, futhi wazisile okuyokwenzeka engxenyeni yokugcina yezinsuku.’ (Dan. 2:28) Yeka ilungelo okuyilo ukuphila eduze kangaka nokuphela kwalesi sikhathi esabikezelwa nokuqonda izimfihlo zaphezulu manje uJehova asenza ukuba siziqonde!
‘Ngenceku ethembekileyo neqondayo,’ uJehova uye wayiveza ngokuqhubekayo injongo yakhe yokuqoqa “isixuku esikhulu” sabakhulekeli bakhe abavela kuwo wonke umhlaba, phakathi nalezi ‘zinsuku zokugcina’ ezinezinkinga. (Math. 24:45; IsAm. 7:9; 2 Thim. 3:1) U-Isaya 2:2,3 uchaza lokhu kuqoqwa njengokuyokwenzeka “engxenyeni yokugcina yezinsuku.” Unyaka ngamunye, lokhu kuqoqwa kuqhubeka phakathi neziyaluyalu nobudlova obuyinsakavukela kuleli zwe.
Phakathi nonyaka ka-2004 siye sasibona nakakhulu isidingo sokulalela amazwi kaJesu athi: “Hlalani nilindile . . . Yibani abakulungele.” (Math. 24:42, 44) Ngempela, lokhu okwenzeka emhlabeni kusho lukhulu kumaKristu, aqonda “izibonakaliso zezikhathi” futhi asabele ngendlela efanele. (Math. 16:1-3) Efeza iZwi lakhe, uJehova uyoqhubeka enabantu bakhe abahlelwe ngokwasezulwini naphezu kwanoma yikuphi ukuphikiswa ababhekana nakho.
Naphezu kwemizamo yabanye yokuthiya noma ukumisa umsebenzi wokushunyayelwa koMbuso, abafowethu bayaqhubeka bekhuluma iqiniso futhi behlangana ndawonye. (IzE. 5:19, 20; Heb. 10:24, 25) ERussia phakathi no-June 2004, inkantolo yamacala adlulisiwe eMoscow yavuna isinqumo senkantolo ephansi sokuvimbela oFakazi BakaJehova nokuqeda inhlangano yabo engokomthetho kulelo dolobha. Nokho, abazalwane abazange badikibale; bayazi ukuthi uNkulunkulu ufunani kubona futhi balalela yena njengoMbusi kunabantu. (IzE. 5:29) Siyaqiniseka ukuthi uJehova uyoqondisa izinceku zakhe naphezu kwezimo zomthetho eziphikisayo.
ERepublic of Georgia eminyakeni embalwa edlule, abafowethu baye balahlekelwa impahla yabo, bahlushwa izixhwanguxhwangu, futhi babona izincwadi zabo zishiswa. Kodwa asikho isikhali esakhelwe bona esiye saphumelela. (Isaya 54:17) Phakathi nonyaka wenkonzo ka-2004, oFakazi BakaJehova baye baphinde baqashelwa ngokomthetho eGeorgia. Imihlangano yesigodi yahamba ngaphandle kwezithikamezo, futhi izincwadi zethu zingena ngokukhululekile kuleli zwe. Kwabikwa amanani aphakeme amasha abamemezeli nababekhona eSikhumbuzweni.
E-Armenia, e-Eritrea, eRepublic of Korea, eRwanda, naseTurkmenistan, abafowethu baye baboshwa ngenxa yokholo lwabo. Nakuba bephethwe kabi, bayasiqonda isizathu esingokomBhalo sokushushiswa kwabo, okubasiza ukuba balondoloze ubuqotho babo njengoba bebheke kuJehova ukuba abakhulule.—1 Pet. 1:6; 2 Pet. 2:9.
Njengoba ufunda ngeMibiko Evelele Yonyaka Odlule futhi uhlola uMbiko Womhlaba Wonke Ka-2004, uzojabula ngobuhle bukaJehova. (IHu. 31:19; 65:11) Sithemba ukuthi le Ncwadi Yonyaka izokukhuthaza ukuba uhambe ngendlela ejabulisa uNkulunkulu.—1 Thes. 4:1.
Kuyaqhubeka kwenziwa imizamo emikhulu ukuze kufinyelelwe zonke izinhlobo zabantu ngeqiniso. Ngokwesibonelo, ama-video, ama-DVD, kanye nokunye okulungiselelwe abolimi lwezandla kanye nezincwadi zeBraille kuye kwalungiselelwa ukuze kubasize ngokomoya labo abayizithulu nabayizimpumputhe. Abamemezeli boMbuso abaningi baye bafunda ulimi olukhulunywa abantu bakwamanye amazwe abahlala ensimini yebandla labo.
Ngaphezu kwalokho, amakhulu amaqembu angawodwa aye amiswa ezindaweni okunzima ukuzifinyelela. Elinye igatsha linamaqembu angawodwa angu-300 akhiwa abamemezeli abangaphezu kuka-7 000. Yeka ithuba elikhulu lokuba kube namabandla amasha! Futhi, kwabangu-16 760 607 ababekhona eSikhumbuzweni kulo nyaka, abangaphezu kwezigidi ezingu-10 babengebona oFakazi. Lokhu kuyinkomba enamandla yamasimu avuthiwe alungele ukuvunwa.
Sibonga uJehova ngesibusiso sakhe esicebile nangendlela enothando asinakekela ngayo usuku nosuku. (IzAga 10:22; Mal. 3: 10; 1 Pet. 5:7) Njengoba siqhubekela phambili ngobunye ‘kule ngxenye yokugcina yezinsuku,’ ithemba lethu likuJehova. Kungakhathaliseki izinkinga esibhekana nazo, kwangathi singalalela amazwi etekisi lonyaka ka-2005: “Usizo lwami luvela kuJehova.” (IHu. 121:2) Qinisekani ngothando lwethu nangemikhuleko yethu ngani.
Abafowenu,
INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova