Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb02 kk. 118-255
  • I-Ukraine

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • I-Ukraine
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2002
  • Izihlokwana
  • Kuhlwanyelwa Imbewu Yeqiniso E-Ukraine
  • Izithombo Zokuqala
  • Inkonzo Yasensimini Yokuqala
  • Imihlangano Yesigodi Yokuqala
  • Kwakhiwa Izindawo Zokukhulekela
  • Ukwandiswa Komsebenzi Wokuhumusha
  • Kufika Usizo Olungokomoya
  • UNkulunkulu Udonsa Zonke Izinhlobo Zabantu
  • Umsebe Wokukhanya EMpumalanga Ye-Ukraine
  • Isikhathi Sokuvivinywa Okunzima
  • Imbewu Ihluma Enkundleni Yempi
  • Inhlabathi Evundile Iveza Izithelo Emakamu Okuhlushwa
  • Uvivinyo Oludalwa Yimpi
  • Kuthí Damu
  • Kuyaphinda Futhi Lokho
  • Bafakaza Ezinkantolo
  • Ukushushiswa Kodade E-Ukraine
  • Kusizwa Abazalwane EMoldavia
  • Umzamo Wokubhalisa Ngokomthetho E-U.S.S.R.
  • Abaholi Benkolo Babambisana Neziphathimandla
  • Badingiselwa ERussia
  • Ubunye Abuyi Ndawo
  • Izimo Ziba Ngcono
  • Uthando Alupheli Nanini
  • Isibonelo Esiphakeme Sokholo
  • Uqhekeko Lwesikhashana
  • Ukubuyela Enhlanganweni Engokwasezulwini
  • Ukugcina Ubuqotho Emakamu Angamajele
  • Usizo Lokukhuthazela
  • “Usizo” Lonogada Basejele
  • Umsebenzi Wokuphikelela Wokwakha Ubunye
  • Ukuphila KobuKristu Kuvinjelwe
  • Ukugubha ISikhumbuzo
  • Ukufihla Izincwadi
  • Izindawo Zokunyathelisa Ezingaphansi Komhlaba
  • Ukubaluleka Kokuqeqesha Kwabazali
  • Izinto Ziba Ngcono
  • Bagxilile Naphezu Kokucindezeleka
  • Intuthuko Nezinguquko Enhlanganweni
  • Isivikelo SikaJehova Ngesikhathi Sokuseshwa
  • “Uhambo Lwezithunywa Zevangeli” Luhlelwa Abophiko Lwezokuphepha
  • Iminyaka Yokugcina Yokuvinjelwa
  • Ukunqoba Kokubusa Kwasezulwini
  • Umhlangano Wesigodi WaseWarsaw
  • Ekugcineni, Inkululeko Engokwenkolo!
  • Inhlabathi Enhle Ikhiqiza Inala
  • Imihlangano Yesigodi
  • Umhlangano Wezizwe Ovelele
  • Usizo Oluholela Entuthukweni
  • Ukunikeza Usizo Olungokomoya
  • Ukwazisa Izincwadi ZeBhayibheli
  • Imfundo Enhle Isheshisa Ukwanda
  • Ukwanda Okusheshayo Kuletha Izinguquko
  • Ukwakhiwa Kwegatsha NamaHholo OMbuso
  • Phambili Nomsebenzi Wokuvuna!
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2002
yb02 kk. 118-255

I-Ukraine

UJesu wenza umzekeliso wembewu ehlwanyelwe enhlabathini ekahle, lapho echaza labo abakha ukwazisa okujulile ngeZwi likaNkulunkulu. ‘Bathela izithelo ngokukhuthazela’ ngokuqhubeka bememezela isigijimi sikaNkulunkulu ngokwethembeka naphezu kobunzima nokuhlupheka. (Luka 8:11, 13, 15) Zimbalwa izindawo emhlabeni okuye kwaba sobala kuzo lokhu ukwedlula e-Ukraine, lapho oFakazi BakaJehova beye baqhubeka besebenza khona futhi banda, naphezu kweminyaka engaphezu kwengu-50 bevinjelwe futhi beshushiswa ngesihluku.

Phakathi nonyaka wenkonzo ka-2001, kwaba nenani eliphakeme labamemezeli abangu-120 028 kuleli zwe. Abangaphezu kuka-56 000 kulaba bathole iqiniso leBhayibheli phakathi neminyaka emihlanu edlule. Kule minyaka emibili edlule, abazalwane bahambise omagazini abangaphezu kwezigidi ezingu-50, okuyinani elilingana nabantu bakuleli zwe. Inyanga ngayinye ihhovisi legatsha lithola isilinganiso sezincwadi eziyinkulungwane zivela kubantu abathakazelayo befuna ukwaziswa okwengeziwe. Konke lokhu bekungeke kwenzeke esikhathini esingeside esidlule. Yeka ukunqoba kokukhulekela okumsulwa!

Singakageqi amagula ngomlando wase-Ukraine, ake sibheke izwe ngokwalo. Ngaphandle kwenhlabathi engokomfanekiso uJesu akhuluma ngayo, i-Ukraine inenhlabathi engokoqobo enhle kakhulu. Cishe ingxenye yezwe iyinhlabathi enothile emnyama yamathafa, abantu base-Ukraine abayibiza ngokuthi i-chornozem, okusho ukuthi “umhlaba omnyama.” Le nhlabathi, kanye nesimo sezulu esihle, yenzé i-Ukraine yaba enye yezindawo ezilinywayo ezikhiqiza kakhulu emhlabeni, ikhiqiza i-sugar beet, ukolo, ibhali, ummbila, nokunye. Kusukela kudala i-Ukraine ibiyaziwa ngokuthi yisilulu sokusanhlamvu seYurophu.

I-Ukraine inkudlwana kuneFrance, ingamakhilomitha angu-1 300 ukusuka empumalanga uya entshonalanga, kanti ingamakhilomitha angu-900 ukusuka enyakatho uya eningizimu. Njengoba ubona ebalazweni ekhasini 123, leli zwe liseMpumalanga Yurophu, enyakatho yeBlack Sea. Inyakatho ye-Ukraine ihlobe ngamahlathi. Eningizimu kunamathafa anothile navundile, aphahlwe yiziNtaba ZaseCrimea ezinhle. Entshonalanga, ngamagquma aholela eziNtabeni ZaseCarpathos, lapho kukhona khona amabhere ohlobo lwama-lynx nohlobo oluthile lwenyathi.

E-Ukraine kunabantu abacela ezigidini ezingu-50. Bathobekile, bangenisa izihambi futhi bakhuthele. Abaningi bakhuluma isi-Ukraine nesiRussia. Uma umenywe emizini yabo, cishe uyophiwa i-borscht (isobho lika-beetroot) ne-varenyky (amadombolo). Ngemva kokudla okwehla esiphundu, ungase ubungazwe ngomculo wendabuko, kwazise abantu abaningi base-Ukraine bayakuthanda ukucula nokudlala izinsimbi zomculo.

Abantu base-Ukraine baye bathola izinkolelo ezihlukahlukene zenkolo. Ekhulwini leshumi, kwafika inkolo yobu-Orthodox baseMpumalanga. Kamuva uMbuso WaseTurkey wafika nobuSulumane eningizimu ye-Ukraine. Kanti izikhulu zasePoland zasakaza ubuKatolika ngeNkathi Ephakathi. Ekhulwini lama-20, abaningi ababange besakholelwa kuNkulunkulu phakathi nokubusa kobuKhomanisi.

OFakazi BakaJehova batholakala kulo lonke leli zwe. Kodwa ngaphambi kweMpi Yezwe II, iningi labo lalihlala entshonalanga ye-Ukraine, eyayihlukaniswe izingxenye ezine: iVolyn’, iHalychyna, iTranscarpathia, neBukovina.

Kuhlwanyelwa Imbewu Yeqiniso E-Ukraine

Sekuyiminyaka engaphezu kwekhulu abaFundi BeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo ngaphambili, beshumayela e-Ukraine. Phakathi nohambo lwakhe lokuqala lokuya phesheya ngo-1891, uC. T. Russell, umFundi WeBhayibheli owayehola, wahambela amazwe amaningi eYurophu naseMpumalanga Ephakathi. Esendleleni eya eTurkey, okwakuyiConstantinople ngaleso sikhathi, wavakashela e-Odessa eningizimu ye-Ukraine. Kamuva ngo-1911, wanikeza uchungechunge lwezinkulumo zeBhayibheli emadolobheni amakhulu aseYurophu, kuhlanganise nasedolobheni laseLvov entshonalanga ye-Ukraine.

UMfoweth’ uRussell wafika ngesitimela eLvov, lapho kwakuqashwe khona ihholo elikhulu elalaziwa ngokuthi iPeople’s House, ayezonikeza kulo inkulumo yakhe ngo-March 24. Izikhangiso ezingu-9 emaphephandabeni angu-7 endawo kanye nezingqwembe ezinkulu zamema bonke abantu ukuba bazolalela inkulumo ethi “UbuZiyoni Esiprofethweni” eyayizonikezwa “yisikhulumi esidumile nesihlonishwayo saseNew York”—uMfundis’ uRussell. Kwakuhlelwe ukuba uMfoweth’ uRussell ayinikeze kabili le nkulumo ngalolo suku. Kodwa urabi ongumJuda wase-United States owayengafuni nokuwubona umsebenzi kaRussell wathumela umyalezo ngencwadi yocingo kubangane bakhe eLvov, engcofa abaFundi BeBhayibheli. Lesi senzo senza abanye bazama ukuyekisa uRussell ukuba anikeze le nkulumo.

Yize ihholo laligcwele lichichima ntambama nakusihlwa, babekhona nabaphikisi. Iphephandaba lendawo i-Wiek Nowy labika: “Ngesikhathi umuntu owayetolikela [uRussell] esho amazwi ambalwa okuqala, abashisekeli bobuZiyoni babanga umsindo bavimbela lesi sithunywa sevangeli ukuba sikhulume, beklabalasa futhi beshaya amakhwela. UMfundis’ uRussell kudingeke ehle esiteji. . . . Umbhikisho ube mkhulu nakakhulu enkulumweni ebikusihlwa ngehora lesishiyagalombili.”

Kodwa abaningi babefuna ukuzwa lokho uMfoweth’ uRussell ayezokusho. Babefuna ukuzwa umlayezo ayewuphethe futhi bacela nezincwadi zeBhayibheli. Kamuva, uMfoweth’ uRussell wakhuluma ngohambo lwakhe lwaseLvov. Wathi: “NguNkulunkulu kuphela owaziyo ukuthi iyini intando yakhe mayelana nalokhu okwenzekile. . . . Ugqozi [lwamaJuda] ngalesi sihloko lungase lwenze abanye baphenye nzulu kunalapho bebevele basilalela ngendlela enhle nehlelekile.” Nakuba kungabanga nampendulo esheshayo esigijimini, imbewu yeqiniso yayihlwanyeliwe, futhi kamuva kwamiswa amaqembu amaningi abaFundi BeBhayibheli, hhayi eLvov kuphela kodwa nakwezinye izindawo zase-Ukraine.

Ngo-1912 ihhovisi labaFundi BeBhayibheli eJalimane lashicilela isikhangiso esikhulu ekhalendeni elasakazwa e-Ukraine. Lesi sikhangiso sasikhuthaza ukuba kufundwe imiqulu yesiJalimane ye-Studies in the Scriptures. Umphumela waba ukuthi ihhovisi laseJalimane lathola izincwadi ezingu-50 zivela kubantu base-Ukraine becela i-Studies in the Scriptures nezikhokhelo ze-Nqabayokulinda. Ihhovisi lalilokhu lithintana nalaba bantu abathakazelayo kwaze kwaba yilapho kugqashuka impi ngo-1914.

Ngemva kweMpi Yezwe I, i-Ukraine yahlukaniswa yadliwa amazwe amane angomakhelwane. Izindawo ezazise-Ukraine ephakathi nesempumalanga zathathwa yiRussia yobuKhomanisi zaba ngaphansi kweSoviet Union. Intshonalanga ye-Ukraine yahlukaniselwa amazwe amathathu ayesele. Indawo yaseHalychyna naseVolyn’ yafakwa ePoland, iBukovina yaba ngaphansi kweRomania, iTranscarpathia yangena eCzechoslovakia. La mazwe amathathu ayenenkululeko engokwenkolo futhi ebavumela abaFundi BeBhayibheli ukuba baqhubeke beshumayela. Ngakho, imbewu eningi yeqiniso eyayizothela kamuva yaqala ukuhlwanyelwa entshonalanga ye-Ukraine.

Izithombo Zokuqala

Ekuqaleni kwekhulu lama-20, imikhaya eminingi yalibangisa e-United States isuka e-Ukraine iyofuna impilo engcono. Abanye bafunda izincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini base bezithumelela izihlobo zabo e-Ukraine. Eminye imikhaya yamukela izimfundiso zabaFundi BeBhayibheli, yaphindela ekhaya, yaqala ukushumayela emadolobhaneni akubo. Kwavela amaqembu amaningana abaFundi BeBhayibheli futhi ngemva kwesikhathi akhula aba amabandla. Ekuqaleni kwawo-1920, abaFundi BeBhayibheli basePoland batshala imbewu yeqiniso eHalychyna naseVolyn’. Kanti abazalwane baseRomania naseMoldavia (manje okuyi-Moldova) baletha iqiniso eBukovina.

Kwakheka isisekelo esihle sokwanda okwengeziwe. INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-December 15, 1921, yabika: “Abanye babafowethu basanda kuvakashela [eBukovina] . . . Umphumela wokuhambela kwabo lapho amasonto ambalwa uwukuthi sekuhlelwe amakilasi angu-7 futhi atadisha imiqulu nencwadi ethi ‘Tabernacle Shadows’. Elinye lalawa makilasi linamalungu acela ku-70.” Ngo-1922 edolobhaneni laseKolinkivtsi, eBukovina, uStepan Koltsa wamukela iqiniso, wabhapathizwa, futhi waqala ukushumayela. Ngokwazi kwethu, wayengumzalwane wokuqala owabhapathizwa e-Ukraine. Ngemva kwesikhathi imikhaya eyishumi yamlandela. Kwaba nokwanda okufanayo eTranscarpathia. Ngo-1925 kwakunabaFundi BeBhayibheli abangaba yikhulu edolobhaneni laseVelyki Luchky nasemadolobhaneni angomakhelwane. Ngemva kwalokho, izinceku zokuqala zesikhathi esigcwele zaqala ukushumayela eTranscarpathia, zaqhuba imihlangano emizini yabaFundi BeBhayibheli. Kwabhapathizwa abantu abaningi.

U-Alexei Davidjuk, osekuyisikhathi eside enguFakazi, uchaza indlela abantu ngaleso sikhathi ababelithola ngayo iqiniso. Uthi: “Ngo-1927 umuntu mumbe owayehlala edolobhaneni elithile wathatha enye yezincwadi zethu waya nayo edolobhaneni laseLankove, endaweni yaseVolyn’. Sebeyifundile, abantu abaningi kuleyo ndawo bafuna ukwazi ngezimfundiso zesihogo somlilo nomphefumulo. Njengoba le ncwadi yayinekheli lehhovisi labaFundi BeBhayibheli eLodz, ePoland, laba bantu babhala incwadi becela ukuba kufike othile endaweni yakubo. Ngemva kwenyanga umzalwane othile waya khona wahlela iqembu lokutadisha iBhayibheli. Kwaba khona imikhaya engu-15 kuleli qembu.”

Ukushisekela iqiniso ngale ndlela kwakuvamile ngaleyo minyaka yokuqala. Cabangela amazwi okwazisa ayebhalwe encwadini evela eHalychyna iya endlunkulu yabaFundi BeBhayibheli eBrooklyn: “Izincwadi enizikhiphayo zelapha amanxeba amaningi abantu bakithi futhi zibaholela ekukhanyeni kwemini. Kodwa ngicela ukuba nisithumelele ezengeziwe.” Omunye umuntu othakazelayo wabhala: “Ngithi anginicele ukuba nisithumelele izincwadi ngoba angizitholi lapha. Umlisa wakule ndawo yakithi wathola idlanzana lezincwadi zenu, kodwa omakhelwane bamphuca zona. Akakwazanga ngisho nokuzifunda. Ngikhuluma nje uhambela abantu bakule ndawo, uzama ukuthola lezo zincwadi.”

Isithakazelo esinjalo saholela ekumisweni kwehhovisi labaFundi BeBhayibheli ePekarska Street eLvov. Kwafika izicelo eziningi zezincwadi kuleli hhovisi zivela eHalychyna naseVolyn’ futhi zazithunyelwa njalo eBrooklyn ukuze yona ithumele izincwadi.

Maphakathi nawo-1920, imbewu yeqiniso yayisiqhume ngempela entshonalanga ye-Ukraine. Kwahlelwa amaqembu amaningi abaFundi BeBhayibheli, futhi amanye kuwo aba amabandla kamuva. Nakuba imbalwa imibiko eyagcinwa ngalo msebenzi wasekuqaleni, imibiko ekhona ibonisa ukuthi ngo-1922 bangu-12 abantu abagubha iSikhumbuzo eHalychyna. Ngo-1924, INqabayokulinda yabika ukuthi bangu-49 ababa khona eSikhumbuzweni edolobheni laseSarata eningizimu ye-Ukraine. Ngo-1927, bangaphezu kuka-370 ababa khona eSikhumbuzweni eTranscarpathia.

Ichaza umsebenzi emazweni ahlukahlukene omhlaba, INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-December 1, 1925 yakhipha lokhu okulandelayo: “Kunomzalwane owathunyelwa kubantu base-Ukraine eYurophu esuka eMelika; . . . mkhulu umsebenzi omuhle owenziwe kubantu base-Ukraine engxenyeni ebuswa iPoland. Isidingo sezincwadi besilokhu sisikhulu futhi siyaqhubeka sanda.” Ngemva kwezinyanga eziningana i-Golden Age (manje i-Phaphama!) yabika: “EGalicia [eHalychyna] kunamakilasi [amabandla] angu-20 . . . Amanye awo . . . ahlele futhi aqhuba imihlangano yaphakathi nesonto; amanye ahlangana ngeSonto kuphela, kanti amanye asazihlela. Sithemba ukuthi kuzomiswa amakilasi engeziwe; kuphela nje kudingeka umuntu ozowaqondisa.” Konke lokhu kwaba yinkomba yokuthi, ngomqondo ongokomoya, inhlabathi yase-Ukraine yayivundile impela.

Inkonzo Yasensimini Yokuqala

UVojtech Chehy waseTranscarpathia wabhapathizwa ngo-1923, kamuva wangenela umsebenzi wokushumayela isikhathi esigcwele endaweni yaseBerehove. Wayevame ukuya ensimini ephethe isikhwama sezincwadi ngesandla, esinye esigaxe ebhayisikilini lakhe, ebelethe nojosaka owawugcwele izincwadi. Uthi: “Sasabelwe insimu eyayinamadolobhana angu-24. Sasingabamemezeli abangu-15, futhi kwadingeka sizikhandle ukuze siwasebenze kabili ngonyaka la madolobhana sihambisa izincwadi. Sasihlangana njalo ngeSonto ekuseni ngehora lesine kwelinye lala madolobhana. Sasisuka lapho sihambe ngezinyawo kumbe ngebhasi amakhilomitha angu-15 kuya kwangu-20 siye ezindaweni eziseduze. Sasiye siqale inkonzo yethu yendlu ngendlu ngo-8:00 ekuseni, sisebenze kuze kube ngo-2:00 ntambama. Sasivame ukugoduka ngezinyawo, bese kuthi emihlanganweni yakusihlwa ngalolo suku sonke sijabulele ukuxoxa okuhlangenwe nakho kwethu. Sasiye sinqamulele emahlathini siwele nemifula kungakhathaliseki ukuthi izulu lihle noma libi, kodwa akekho owayekhononda. Sasikujabulela ukukhonza nokukhazimulisa uMdali wethu. Abantu babebona ukuthi abazalwane ngempela babephila njengamaKristu eqiniso, bezimisele ngisho nokuhamba amakhilomitha angu-40 beya emihlanganweni noma beyoshumayela.

“Enkonzweni yethu sasihlangana nabantu abahlukahlukene. Ngake ngahambisela owesifazane othile incwajana ethi UMbuso, Ithemba Lomhlaba, wathi uyayithanda kodwa akanamali yomnikelo wayo. Ngangilambile, ngakho ngamtshela ukuthi angayithola incwajana yena anginikeze iqanda elibilisiwe. Wayithola incwajana, nami ngadla iqanda.”

Ngesikhathi sikaKhisimusi, izakhamuzi zaseTranscarpathia zazihamba indlu ngendlu zicula ngokuzalwa kukaJesu Kristu. Abazalwane balisebenzisa ngokunenzuzo leli siko. Babefaka izincwadi zabo ezikhwameni, baye emizini yabantu beyobaculela izingoma ezikhuluma ngokholo lwabo! Abaningi babezijabulela lezi zingoma. Abazalwane babeye bangeniswe emizini yabantu bacelwe ukuba bacule izingoma ezengeziwe. Ngezinye izikhathi babenikwa imali ngenxa yokucula, nabo bakujabulele ukwenaniselana nalaba bantu ngezincwadi zeBhayibheli. Ngenxa yalokho, ngesikhathi sikaKhisimusi, izincwadi zazivame ukuphela edepho. Leyo mikhankaso yokucula yayiqhubeka amasonto amabili, kwazise amaRoma Katolika namaKatolika aseMpumalanga agubha uKhisimusi ngamasonto angefani. Kodwa ngasekupheleni kwawo-1920, lapho sekubacacela abaFundi BeBhayibheli ukuthi uKhisimusi usuka emaqabeni, le mikhankaso yokucula yayekwa. Abazalwane bathola intokozo enkulu emsebenzini wabo wokushumayela ngomfutho, futhi kwaqhibuka amaqembu amasha abamemezeli eTranscarpathia.

Imihlangano Yesigodi Yokuqala

Ngo-May 1926 kwaba nomhlangano wokuqala wabaFundi BeBhayibheli endaweni yaseTranscarpathia edolobhaneni laseVelyki Luchky. Kwakunabangu-150, futhi kwabhapathizwa abangu-20. Ngonyaka olandelayo kwaba khona abantu abangu-200 emhlanganweni wesigodi epaki elivulekile elalimaphakathi ne-Uzhgorod, idolobha elisendaweni efanayo. Ngokushesha kwahlelwa eminye imihlangano emadolobheni ahlukahlukene aseTranscarpathia. Umhlangano wokuqala eLvov waba ngo-1928. Ngemva kwalokho, kwaba neminye imihlangano eHalychyna naseVolyn’.

Ekuqaleni kuka-1932 kwaba nomhlangano wesigodi edolobhaneni laseSolotvyno, eTranscarpathia, egcekeni lomuzi abaFundi BeBhayibheli ababeqhubela kuwo imihlangano yabo evamile. Kwaba khona ababalelwa ku-500, kukhona nabazalwane abavela eJalimane abanemithwalo yemfanelo. UMykhailo Tilniak, umdala webandla lendawo, uthi: “Sazijabulela kakhulu izinkulumo ezazilungiselelwe kahle zabazalwane abeza emhlanganweni wethu wesigodi bevela eJalimane naseHungary. Behlengezela izinyembezi, basikhuthaza ukuba sihlale sithembekile ngaphansi kwezilingo ezazisazoza.” Futhi zafika ngempela izilingo ezinzima lapho kuqala iMpi Yezwe II.

Ngo-1937 kwaqashwa isitimela sonke esasizothwala izihambeli zomhlangano omkhulu owawusePrague, eCzechoslovakia. Sasuka edolobhaneni laseSolotvyno sanqamula eTranscarpathia, sihambe sima kuzo zonke iziteshi sithatha ababeya emhlanganweni. Enqoleni ngayinye yesitimela kwakunophawu oluthi “UMhlangano WoFakazi BakaJehova—EPrague.” Kwaba ubufakazi obuhle kakhulu kubantu balapho, futhi asebekhulile basakukhumbula lokho namanje.

Kwakhiwa Izindawo Zokukhulekela

Njengoba kwakumiswa amaqembu okuqala abaFundi BeBhayibheli, kwaphakama isidingo sokuba bazakhele izindawo zabo zokukhulekela. Indawo yokuqala yomhlangano yakhiwa edolobhaneni laseDibrova, eTranscarpathia, ngo-1932. Ngemva kwalokho kwakhiwa amanye amahholo amabili emadolobhaneni akhelene aseSolotvyno naseBila Tserkva.

Yize amanye ala mahholo abhidlizwa ngesikhathi sempi futhi amanye aqhwagwa, abazalwane babelokhu benesifiso sokuba namaHholo OMbuso athi bona. Okwamanje kunamaHholo OMbuso angu-8 edolobhaneni laseDibrova nangu-18 emadolobhaneni ayisithupha akhelene.

Ukwandiswa Komsebenzi Wokuhumusha

Ekupheleni kwekhulu le-19 nasekuqaleni kwelama-20, imikhaya eminingi yathutha e-Ukraine yaya e-United States naseCanada. Eminye yayo yafike yathola iqiniso kula mazwe ayo amasha, kwabe sekumiswa amaqembu amaningi akhuluma isi-Ukraine. Emuva lé ngo-1918 incwadi ethi The Divine Plan of the Ages yanyatheliswa ngolimi lwesi-Ukraine. Noma kunjalo, kuningi kakhulu okwakusadinga ukwenziwa ukuze abantu base-Ukraine nabaphesheya abakhuluma isi-Ukraine banikezwe ukudla okungokomoya. Ekuqaleni kwawo-1920 saba sobala isidingo sokuba kube nomzalwane ofanelekayo ozohumusha izincwadi zeBhayibheli njalo. Ngo-1923 u-Emil Zarysky, owayehlala eCanada, wasamukela isicelo sokuba angenele inkonzo yesikhathi esigcwele. Ngokuyinhloko wayezohumusha izincwadi zeBhayibheli ngesi-Ukraine. Wayehambela namaqembu akhuluma isi-Ukraine, isiPolish nesiSlovakia ayeseCanada nase-United States.

U-Emil Zarysky wazalelwa eduze kwedolobha laseSokal entshonalanga ye-Ukraine, kamuva wathuthela eCanada nabazali bakhe. Elapho, washada nentombi yase-Ukraine egama layo nguMariya. Bakhulisa izingane eziyisihlanu. Ngisho benemithwalo yemfanelo yomkhaya esindayo, u-Emil noMariya bakwazi ukwenza izabelo zabo ezingokwasezulwini. Ngo-1928 i-Watch Tower Society yathenga indlu eWinnipeg, eCanada, eyaba iziko lomsebenzi wokuhumusha isi-Ukraine.

Ngalezo zinsuku zakuqala, enkonzweni yabo yendlu ngendlu, abazalwane babesebenzisa amagilamafomu aphathwayo ayenamarekhodi ezinkulumo zeBhayibheli eziqoshiwe. UMfoweth’ uZarysky wacelwa ukuba aye eBrooklyn ayoqopha izinkulumo ezinjalo ngesi-Ukraine. Ngawo-1930 kwahlelwa izinhlelo eziningana zesi-Ukraine ezazithatha isigamu sehora esiteshini somsakazo eWinnipeg. Kulezi zinhlelo zomsakazo, u-Emil Zarysky nabanye abazalwane abangomakad’ ebona banikeza izinkulumo zeningi ezifundisayo. Lezi zinkulumo zazihambisana nomculo wekwaya elicula ngazo zozine izindlela izingoma ezaziseculweni elalikhishwe ngo-1928. Izilaleli ezazikujabulela lokhu zasabela ngokubhala amakhulu ezincwadi zashaya nezingcingo eziningi.

U-Emil Zarysky nomkakhe uMariya basifeza ngokwethembeka isabelo sabo sokuhumusha iminyaka engu-40. Ngaleso sikhathi, INqabayokulinda ngayinye yayihunyushelwa olimini lwesi-Ukraine. Ngo-1964, uMaurice Saranchuk, yena nomkakhe u-Anne ababekade besiza uMfoweth’ uZarysky iminyaka eminingana, wabelwa ukuba engamele umsebenzi wokuhumusha.

Kufika Usizo Olungokomoya

Nakuba abamemezeli abathile abashisekayo ngabanye babehlwanyele futhi banisela imbewu yeqiniso kulo lonke elase-Ukraine, kwaze kwaba ngu-1927 lapho umsebenzi wokushumayela ohleliwe waqala khona eTranscarpathia, kamuva kwaba seHalychyna. Ngaphambi kwalokho, kwakuhanjiswe inqwaba yezincwadi nezincwajana ngesiRomania, isiHungary, isiPolish, nesi-Ukraine, nakuba wawungenziwanga umbiko womsebenzi wokushumayela. Amaqembu angawodwa aqala ukuhlelwa ukuba abe amabandla, nabamemezeli baqala ukushumayela njalo endlini ngendlu. Kwahanjiswa izincwadi zeBhayibheli eziningi kuleyo minyaka. Ngo-1927, kwavulwa idepho yokuqala yezincwadi yase-Ukraine edolobheni laseTranscarpathia, i-Uzhgorod. Ngo-1928 ihhovisi laseMagdeburg, eJalimane, labelwa ukuba linakekele amabandla nama-colporteur ayesensimini yaseTranscarpathia, ngaleso sikhathi eyayiyingxenye yeCzechoslovakia.

Ngo-1930 kwamiswa ihhovisi edolobheni laseBerehove, eduze kwase-Uzhgorod elalizoqondisa umsebenzi wabaFundi BeBhayibheli eTranscarpathia. UVojtech Chehy waba umbonisi walelo hhovisi. Leli lungiselelo elisha laba usizo olukhulu emsebenzini wokushumayela.

Abazalwane abaningi basemahhovisi ePrague naseMagdeburg babonisa umoya wokuzidela, behamba amabanga amade beya kude lé eziNtabeni ZaseCarpathos ukuze bayise izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu emajukujukwini aleyo ndawo enhle. Omunye walaba bazalwane abashisekayo kwakungu-Adolf Fitzke wasehhovisi legatsha laseMagdeburg. Wathunywa ukuba ayoshumayela endaweni yaseRakhiv eziNtabeni ZaseCarpathos. OFakazi abaningi bendawo basenezinkumbulo ezinhle ngalo mzalwane othembekile, onesizotha, nongahluphi. Ngo-2001 kwase kunamabandla amane kule ndawo.

Ngawo-1930 kwabukiswa i-“Photo-Drama of Creation” emadolobheni aseTranscarpathia amakhulu namancane. I-“Photo-Drama” kwakuyifilimu yama-slide nezithombe ezinyakazayo ezazihambisana nokukhulumela okusekelwe eBhayibhelini okuqoshwe kumarekhodi egilamafomu. Yayithatha amahora ayisishiyagalombili. U-Erich Frost waseJalimane wathunywa ukuba ayosiza abazalwane bakule ndawo ngale “Photo-Drama.” Ngaphambi kwesimiso, abazalwane basakaza amapheshana basebenzisa nezingqwembe bememela umphakathi kulo mbukiso. Kwakunesasasa elikhulu. Edolobheni laseBerehove, kwafika isixuku esikhulu kangangokuba abantu abangaphezu kwenkulungwane kwadingeka balinde emgwaqweni. Lapho abakwasidlodlo bebona lesi sixuku esikhulu, baba nexhala lokuthi sizobanga isiphithiphithi futhi sihluphe. Babe sebecabangela ukuwuvimba lo mbuthano, kodwa babuye bashintsha umqondo. Ngemva kombukiso, abantu abaningi ababefuna ukuphinde babukele i-“Photo-Drama” bashiya amakheli abo. Lelo sasasa lenza abaholi benkolo yendawo bazama zonke izindlela zokukhinyabeza umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle. Naphezu kwalokhu, uJehova uNkulunkulu waqhubeka ebusisa umsebenzi ewenza uphumelele.

Ngawo-1920 nangawo-1930, indawo yaseVolyn’ naseHalychyna yayiqondiswa igatsha lasePoland eLodz. Ngo-1932 abazalwane basePoland basebenza lawo masimu ngokukhethekile, benza izimpindelo kubo bonke ababenezikhokhelo ze-Nqabayokulinda, ababethole amakheli abo eBrooklyn.

UWilhelm Scheider, owayengumbonisi wehhovisi lasePoland ngaleso sikhathi, wathi: “Abantu base-Ukraine bamukela iqiniso ngesasasa elikhulu. Kuhle kwamakhowe ngemva kwemvula, kwavele kwaqhibuka amaqembu abantu abathakazelayo emadolobheni aseHalychyna amakhulu namancane. Ngezinye izikhathi lawo maqembu anda kangangokuba ahlanganisa yonke imiphakathi.”

Yize iningi labazalwane lalidla imbuya ngothi, kuningi abakudela ukuze bathole izincwadi namarekhodi amagilamafomu okwakuzobasiza ekushumayeleni nasekukhuleni ngokomoya. UMykola Volochii waseHalychyna, owabhapathizwa ngo-1936, wadayisa ihhashi lakhe elilodwa kwamabili ukuze athenge igilamafomu. Cabanga nje ukuthi kwakuwukuzidela okungakanani ngomlimi ukudayisa ihhashi! Nakuba kwakudingeka ondle izingane ezine, wacabanga ukuthi wayengakwazi ukuzondla ngehhashi elilodwa. Abaningi abaqala ukuhlanganyela bamazi uJehova futhi bamkhonza ngenxa yezinkulumo zeBhayibheli nezingoma zoMbuso zesi-Ukraine ezazidlalwa kuleli gilamafomu.

Ebonisa ukwanda okukhulu kwabamemezeli eHalychyna naseVolyn’ ngawo-1930, uWilhelm Scheider wathi: “Ngo-1928 saba nabamemezeli abangu-300 ePoland, kodwa ngo-1939 sase sinabangaphezu kuka-1 100, futhi ingxenye yabo kwakungabase-Ukraine, yize umsebenzi waqala muva kakhulu endaweni yakhona (eHalychyna naseVolyn’).”

Ukuze kunakekelwe lokhu kwanda, uLudwik Kinicki wasegatsheni lasePoland wathunyelwa eHalychyna naseVolyn’ njengombonisi ojikelezayo ukuze asize emsebenzini wokushumayela. Umkhaya wakubo owawudabuke eChortkiv, eHalychyna, wawuthuthele e-United States ekuqaleni kwekhulu lama-20, lapho uMfoweth’ uKinicki alithola khona iqiniso. Kamuva waphindela kwelakubo eyosiza abantu abaqotho lapho. Abazalwane nodade abaningi abasoze balulibala usizo olungokomoya abaluthola ngalesi sikhonzi esishisekayo. Ekwindla ka-1936, ngesikhathi kuvalwa i-Golden Age yesiPolish, nomhleli wayo egwetshwa unyaka wonke ejele, uMfoweth’ uKinicki waqokwa ukuba abe ngumhleli kamagazini i-New Day, owakhishwa esikhundleni se-Golden Age eyayivaliwe. Ngo-1944 waboshwa amaGestapo wayiswa ekamu lokuhlushwa laseMauthausen-Gusen, lapho afela khona, efa ethembekile kuJehova.

UNkulunkulu Udonsa Zonke Izinhlobo Zabantu

Ekuqaleni kwawo-1920, umFundi WeBhayibheli ogama lakhe linguRola waphindela edolobheni lakubo eZolotyi Potik, eHalychyna. URola waqala ukushumayela izindaba ezinhle esebenzisa iBhayibheli. Abantu bathi usangene ngoba walahla zonke izithixo zakhe zenkolo. Umpristi wendawo wazama ukumyekisa ukushumayela uRola. Lo mpristi waya ephoyiseni elithile, wathi: “Uma ungenza okuthile kuRola okuzomenza angakwazi ukuhamba, ngiyokunika ilitha kagavini.” Iphoyisa laphendula lathi umsebenzi walo kwakungewona owokushaya abantu. Ngemva kwesikhathi, uRola waqala ukuthola amaphasela ezincwadi evela kubazalwane e-United States. Umpristi waphinde waya ephoyiseni walitshela ukuthi kwakufike iphasela elinezincwadi zamaKhomanisi eposini. Ngakusasa iphoyisa lalilinde eposini ukuze libone ukuthi ubani ozolanda lelo phasela. Lalingabuye lilandwe ubani ngaphandle kukaRola. Iphoyisa lamthatha uRola lamyisa esiteshini samaphoyisa labiza nompristi. Umpristi wamemeza ethi lezi zincwadi zivela kuDeveli. Ukuze lithole ukuthi lezi zincwadi zazinezimfundiso zamaKhomanisi yini, iphoyisa lathumela ezinye zazo enkantolo yendawo. Ezinye lazigcinela zona. Lapho lizifunda labona ukuthi zazineqiniso. Ngokushesha lona nomkalo baqala ukuya emihlanganweni yabaFundi BeBhayibheli. Kamuva labhapathizwa, laba ummemezeli oshisekayo. Ngakho, nakuba umpristi ayekhandlekela ukumisa umsebenzi wokwenza abafundi, engaqondile wabangela uLudwik Rodak ukuba amukele iqiniso.

Cishe ngaso lesi sikhathi, umpristi wobuKatolika baseMpumalanga waseLvov wathuthela e-United States nomkakhe. Umkakhe wafa esikhathini esingengakanani ngemva kwalokho. Njengoba ayedabukile, wanquma ukuthola ukuthi umphefumulo womkakhe wawushonephi. Wathola ikheli labathile abasebenzelana nemimoya eNew York. Esafuna indawo ababehlanganela kuyo, ngephutha wangena kwesinye isitezi saleso sakhiwo, wazithela emhlanganweni wabaFundi BeBhayibheli. Lapho, wafike wathola iqiniso ngesimo sabafile. Ngemva kwalokho wabhapathizwa futhi wathi ukusebesebenza emnyangweni wokunyathelisa eBethel yaseBrooklyn. Ngemva kwesikhathi esithile, waphindela eHalychyna futhi waqhubeka eshumayela izindaba ezinhle ngentshiseko.

Umsebe Wokukhanya EMpumalanga Ye-Ukraine

Njengoba sesibonile, umsebenzi omningi wokushumayela wakuqala wenziwa entshonalanga ye-Ukraine. Lafika kanjani iqiniso kwezinye izindawo zaleli zwe? Ingabe leyo nhlabathi engokomoya yayiyokhiqiza inala njengoba kwakwenzekile entshonalanga ye-Ukraine?

Ekuqaleni kwawo-1900, uMfoweth’ uTrumpi, umFundi WeBhayibheli waseSwitzerland, wafika ezoba unjiniyela esifundeni sezimayini zamalahle empumalanga ye-Ukraine. Kwaziwa ukuthi uyena umFundi WeBhayibheli wokuqala kuleyo ndawo. Umphumela womsebenzi wakhe wokushumayela ngawo-1920 waba ukumiswa kweqembu elalitadisha iBhayibheli edolobhaneni laseLiubymivskyi Post, eliseduze kwedolobha laseKharkov.

Ngo-1927 omunye umzalwane wasentshonalanga yeYurophu wafika ezoba unjiniyela emayini yamalahle edolobhaneni laseKalynivka. Wafika nepotimende elaligcwele izincwadi zeBhayibheli, ashumayeza ngazo iqembu elincane lamaBaptist elafuna ukwazi kabanzi ngethemba loMbuso. Ngemva kwesikhathi lo mzalwane waphindela kwelakubo, eshiya iqembu elincane elase lingabaFundi BeBhayibheli. INqabayokulinda ka-1927 yabika ukuthi abantu abangu-18 babuthana ndawonye eKalynivka bezogubha iSikhumbuzo. Edolobhaneni laseYepifanivka eliseduzane, bangu-11 ababa khona. Ngaphezu kwalokho, bangu-30 abagubha iSikhumbuzo ngalowo nyaka eLiubymivskyi Post.

Abazalwane basendlunkulu yaseBrooklyn babehlale bekuqaphile okwakwenzeka eSoviet Union, bezama ukuwumisa ngokomthetho umsebenzi wokushumayela ngoMbuso. Enalowo mgomo engqondweni, umzalwane waseCanada, uGeorge Young weza e-U.S.S.R. ngo-1928. Ngesikhathi elapha, wakwazi ukuvakashela idolobha laseKharkov, empumalanga ye-Ukraine, lapho ahlela khona umhlangano omncane wezinsuku ezintathu neqembu lalapho labaFundi BeBhayibheli. Kamuva, ukuphikisa kweziphathimandla kwamenza walishiya lelo zwe. Wayephawulile nokuthi kwakunamaqembu abaFundi BeBhayibheli ngaleso sikhathi eKiev nase-Odessa.

UMfoweth’ uYoung wabikela iBrooklyn ngesimo sase-Soviet Union. Ngokuvumelana nokusikisela kukaMfoweth’ uYoung, kwamiswa uDanyil Starukhin wase-Ukraine ngenjongo yokuba amelele abaFundi BeBhayibheli e-Ukraine nakulo lonke elase-U.S.S.R. Eminyakeni eminingana ngaphambi kokuhambela kukaGeorge Young, uMfoweth’ uStarukhin, wayephumelele ukuvikela iBhayibheli enkulumweni-mpikiswano aba nayo no-Anatoly Lunacharsky, owayenguNgqongqoshe Wezemfundo waseSoviet ngaleso sikhathi. Encwadini ayibhalela uJ. F. Rutherford, wasendlunkulu eBrooklyn, uMfoweth’ uYoung wathi: “UDanyil Starukhin uyashiseka futhi ukhuthele. Ngesikhathi esengumfana oneminyaka engu-15, wake waxoxa nompristi mumbe ngeBhayibheli. Umpristi wathukuthela wagan’ unwabu, wathatha isiphambano sakhe washaya ngaso lo mfana ekhanda, wawela phansi equlekile; sisekhona namanje leso sibazi ekhanda. UDanyil ngabe waphanyekwa, kodwa ngoba wayesemncane, wagwetshwa izinyanga ezine kuphela ejele.” Nakuba uMfoweth’ uStarukhin azama ukubhalisa ibandla lendawo nokuthola imvume engokomthetho yokunyathelisa izincwadi zeBhayibheli e-Ukraine, iziphathimandla zaseSoviet zamnqabela.

Ekupheleni kwawo-1920 nawo-1930, iziphathimandla zaseSoviet zazimandla ekugqugquzeleni ukungakholelwa kuNkulunkulu. Inkolo kwakuhlekiswa ngayo, nalabo ababeshumayeza abanye babebhekwa “njengezitha zezwe lokhokho.” Ngemva kwenala yesivuno ngo-1932, amaKhomanisi aqhwaga konke ukudla kwabantu basemadolobhaneni ase-Ukraine. Abantu abangaphezu kwezigidi eziyisithupha bafa, bebulawa yile ndlala eyayenziwe ngamabomu eyalandela.

Imibiko ibonisa ukuthi amaqembu amancane ezinceku zikaJehova agcina ubuqotho bawo phakathi nalezi zikhathi ezinzima, yize babengakwazi ukuxhumana nabazalwane ababengaphandle kwalelo zwe. Abanye babo bachitha iminyaka eminingi ejele ngenxa yokholo lwabo. AbakwaTrumpi, abakwaHauser, uDanyil Starukhin, u-Andrii Savenko, noDade Shapovalova bangabanye balabo bagcini bobuqotho abambalwa. Siyaqiniseka ukuthi uJehova ngeke ‘awukhohlwe umsebenzi wabo nothando abalubonisa kulo igama lakhe.’—Heb. 6:10.

Isikhathi Sokuvivinywa Okunzima

Imingcele yamazwe amaningi eYurophu esempumalanga yashintsha kakhulu ekupheleni kwawo-1930. IJalimane lobuNazi ne-U.S.S.R. andisa amazwe ayengaphansi kwawo ahlanganisa namazwe ayengenamandla.

Ngo-March 1939, ngosizo lweJalimane lobuNazi, iHungary yathatha iTranscarpathia. Umsebenzi woFakazi BakaJehova wavinjelwa, wonke amaHholo OMbuso avalwa. Iziphathimandla zabaphatha ngesihluku abazalwane futhi zabopha abaningi zabagquma ejele. OFakazi abaningi basemadolobhaneni aseVelykyi Bychkiv naseKobyletska Poliana e-Ukraine baboshwa.

Ngesikhathi kufika abaseSoviet eHalychyna naseVolyn’ ngo-1939, imingcele yase-Ukraine esentshonalanga yavalwa. Akubange kusaxhumaneka negatsha lasePoland. Ngemva kokubheduka kweMpi Yezwe II, inhlangano yasebenza ngomshoshaphansi. Abazalwane bahlangana ngamaqembu amancane ayebizwa ngokuthi iziyingi futhi baqhubeka nenkonzo yabo ngokuqapha okwengeziwe.

Ngokuhamba kwesikhathi, kwatheleka amabutho amaNazi e-Ukraine. Njengoba kwase kuphethe amaJalimane, abefundisi baqala ukuqhatha izixuku nabantu bakaJehova. EHalychyna kwagqashuka ushushiso olubi kabi. Amafasitela emizi yoFakazi BakaJehova aphihlizwa, abazalwane abaningi bashaywa kabuhlungu. Ebusika, abanye abazalwane babephoqwa ukuba bame emanzini abandayo amahora amaningi ngoba bengafuni ukwenza uphawu lwesiphambano. Abanye odade bashaywa imivimbo engu-50 ngenduku. Abazalwane abaningi babulawa befela ubuqotho babo. Ngokwesibonelo, amaGestapo abulala u-Illia Hovuchak, isikhonzi sesikhathi esigcwele esivela eziNtabeni ZaseCarpathos. Umpristi ongumKatolika wayemkhaphele kumaGestapo ngoba uMfoweth’ uHovuchak wayeshumayela ngoMbuso kaNkulunkulu ngentshiseko. Kwakuyisikhathi sokuvivinywa okunzima. Noma kunjalo, izinceku zikaJehova zaqhubeka zimi ziqinile.

OFakazi BakaJehova babesizana, yize ukusizana ngokuvamile kwakuyingozi. Edolobheni laseStanislav (manje eliyi-Ivano-Frankovsk), inkosikazi engumJuda namadodakazi ayo amabili baba oFakazi. Babehlala emijondolo yamaJuda. Abazalwane bathola ukuthi amaNazi ayehlela ukubulala wonke amaJuda kulelo dolobha, ayesehlela indlela yokubalekisa lab’ odade abathathu. OFakazi bafaka ukuphila kwabo engozini babhacisa lab’ odade abangamaJuda phakathi nesikhathi sempi.

Phakathi neMpi Yezwe II, abazalwane entshonalanga ye-Ukraine bake bangakwazi ukuxhumana nenhlangano okwesikhashana futhi babengazi ukuthi kumelwe benzeni. Abanye babecabanga ukuthi ukuqala kweMpi Yezwe II kwakusho ukuqala kwe-Armagedoni. Le mfundiso yadala ukudideka phakathi kwabazalwane okwesikhathi esithile.

Imbewu Ihluma Enkundleni Yempi

IMpi Yezwe II yaletha usizi nomonakalo e-Ukraine. Kwaze kwaba iminyaka emithathu leli zwe liyinkundla enkulu yempi. Njengoba impi yayikhukhula inqamula e-Ukraine, yaqala empumalanga yabe isibuyela entshonalanga, kwavalwa ngehlahla emadolobheni nasemadolobhaneni amaningi. Kuleyo minyaka kwabulawa izakhamuzi zase-Ukraine ezibalelwa ezigidini eziyishumi, kuhlanganise neziyizigidi ezinhlanu nesigamu ezazingabuthiwe. Phakathi nokwesaba okwakudalwa yimpi, abaningi badumazeka ngokuphila futhi bazishaya indiva izimiso zokuziphatha. Kodwa ngisho nangaphansi kwezimo ezinjalo, abanye balithola iqiniso.

Ngonyaka ka-1942, uMykhailo Dan, insizwa yaseTranscarpathia eyayikujabulela ukulalela oFakazi BakaJehova ngaphambi kweMpi Yezwe II yabuthwa. Ngesikhathi amasosha ezivivinya, umpristi ongumKatolika wawanikeza incwajana yenkolo eyayithembisa ukuthi noma ubani owayeyobulala iKhomanisi okungenani elilodwa wayeyophila ezulwini. Le ndaba yayidida le nsizwa eyisosha. Ngesikhathi sempi, yabona umfundisi ebulala abantu. Lokhu kwayenza yagculiseka ukuthi oFakazi BakaJehova babeneqiniso. Lapho impi iphela, yabuyela ekhaya, yathola oFakazi BakaJehova, futhi yabhapathizwa ekupheleni kuka-1945.

Kamuva uMfoweth’ uDan wakhuthazelela ubunzima basemajele aseSoviet. Lapho esekhululiwe, wamiswa njengomdala futhi manje ungumbonisi owengamele kwelinye lamabandla aseTranscarpathia. Ekhumbula incwajana okukhulunywe ngayo ngaphambili, ngokubhuqa uthi: “Angibulalanga nelilodwa iKhomanisi. Ngakho angilindele ukuyophila ezulwini, kodwa ngibheke phambili ekuphileni phakade ePharadesi emhlabeni.”

Inhlabathi Evundile Iveza Izithelo Emakamu Okuhlushwa

Njengoba kuveziwe ekuqaleni, inhlabathi enothile ikhiqiza inala yesivuno. Ngakho, ngesikhathi i-Ukraine ingaphansi kweJalimane lobuNazi, kwathuthwa inhlabathi emnyama evundile isuswa e-Ukraine. Izinqola ezinkulu ezazilayishe lenhlabathi evundile zazishaya ujenga zisuka e-Ukraine emaphakathi ziyiyisa eJalimane.

Kodwa, ezinye izinqola zazithwele lokho kamuva okwaba inhlabathi evundile, uma singakubeka kanjalo. Izinsizwa nezintombi ezibalelwa ezigidini ezimbili nesigamu zathathwa e-Ukraine zayiswa eJalimane zayosetshenziswa ngenkani. Eziningi kuzo zagcina emakamu okuhlushwa. Zafika lapho, zatholana noFakazi baseJalimane ababeboshelwe ukungathathi hlangothi kwabo kobuKristu. Ngisho nasemakamu okuhlushwa, oFakazi abayekanga ukutshela abanye izindaba ezinhle, kokubili ngomlomo nangokuziphatha kwabo. Esinye isiboshwa siyakhumbula: “OFakazi babengafani nabanye abantu ababesekamu lokuhlushwa. Babenobungane futhi benethemba lokuthi izinto zizoba ngcono. Indlela ababeziphethe ngayo yayibonisa ukuthi babenokuthile okubaluleke kakhulu ababengakutshela ezinye iziboshwa.” Phakathi naleyo minyaka, abantu abaningi base-Ukraine bathola iqiniso koFakazi baseJalimane ababenabo emakamu okuhlushwa.

U-Anastasiya Kazak wathola iqiniso ekamu lokuhlushwa laseJalimane, iStutthof. Ekupheleni kwempi, amakhulu amaningana eziboshwa kuhlanganise no-Anastasiya nabanye oFakazi abangu-14 bayiswa eDenmark ngesikebhe, abazalwane baseDenmark babathungatha futhi banakekela izidingo zabo ezingokwenyama nezingokomoya. Ngalowo nyaka u-Anastasiya wabhapathizwa emhlanganweni owawuseCopenhagen eneminyaka engu-19, futhi wabuyela kubo empumalanga ye-Ukraine, lapho esebenza khona ngentshiseko ehlwanyela imbewu yeqiniso. Kamuva, ngenxa yomsebenzi wakhe wokushumayela, uDade Kazak waphinde wagqunywa ejele iminyaka engu-11.

Nasi iseluleko asinika intsha: “Noma kungenzekani ekuphileni kwenu—usizi, ukuphikiswa noma ezinye izinkathazo—ningaliphonsi ithawula. Qhubekani nicela uJehova anisize. Njengoba ngibonile, akabashiyi nakanye abamkhonzayo.”—IHu. 94:14.

Uvivinyo Oludalwa Yimpi

Impi inonya nesihluku, iletha ubunzima, ukuhlupheka nokufa emasosheni nasezakhamuzini ezingabuthiwe. OFakazi BakaJehova abasindi emiphumeleni emibi yempi. Noma kunjalo, yize besezweni, abayona ingxenye yalo. (Joh. 17:15, 16) Belingisa uMholi wabo, uJesu Kristu, abalokothi bathathe uhlangothi kwezombusazwe. Lokhu kuma kwenzé oFakazi base-Ukraine, njengabakwezinye izindawo, bahluka njengamaKristu eqiniso. Futhi lapho izwe lidumisa amaqhawe alo empi, aphilayo nasafa, uJehova udumisa labo ngesibindi abazibonakalisa beqotho kuye.—1 Sam. 2:30.

Ekupheleni kuka-1944, amasosha aseSoviet aphinde ayithatha intshonalanga ye-Ukraine, ayesememezela nokuthi bonke abantu kuyo yonke indawo bazobuthwa. Ngaso leso sikhathi, amaqembu ezishoshovu zezwe lase-Ukraine alwa namabutho aseJalimane nawaseSoviet. Izakhamuzi zasentshonalanga ye-Ukraine zaphoqwa ukuba zijoyine amaqembu alezi zishoshovu. Konke lokhu kwadalela izinceku zikaJehova uvivinyo olusha ekulondolozeni kwazo ukungathathi hlangothi. Ngenxa yokwenqaba ukulwa, abazalwane abaningi babulawa.

U-Ivan Maksymiuk nendodana yakhe uMykhailo balithola ku-Illia Hovuchak iqiniso. Ngesikhathi sempi, benqaba ukuyolwa, ngakho izishoshovu zababopha. Ngaphambi kwalokho lezi zishoshovu zazikade zibophe isosha laseSoviet zalivalela. Izishoshovu zayala u-Ivan Maksymiuk ukuba abulale leli sosha elithunjiwe, zathi uma elibulala, zizomdedela. Lapho enqaba uMfoweth’ uMaksymiuk, zambulala ngendlela enyantisa igazi. Indodana yakhe, uMykhailo, nayo yabulawa ngendlela efanayo, kanye noYurii Freyuk nendodana yakhe eneminyaka engu-17, uMykola.

Abanye abazalwane babulawelwa ukwenqaba ukujoyina ibutho lezempi laseSoviet. (Isaya 2:4) Kanti abanye bagwetshwa iminyaka eyishumi ejele. Ukuphila kwabazalwane ababegqunywe ejele kwakusengcupheni kakhulu ngoba, ngemva kwempi e-Ukraine, nalabo ababengaboshiwe babebulawa indlala. Ngo-1944, uMichael Dasevich waboshelwa ukungathathi hlangothi. Ngaphambi kokuba aqale ukudonsa isigwebo sakhe seminyaka eyishumi ejele, wayephenywa ngemibuzo izinyanga eziyisithupha, okwamenza wakhandleka waphela. Abezokwelapha ejele bathi makanikwe “ukudla okwakha amandla.” Izisebenzi zasekhishini lasejele zabe seziqala ukunezela isipuni samafutha ephalishini lakhe—okuwukuphela kokudla ayevunyelwe ukukudla. UMfoweth’ uDasevich wasinda, wabe esekhonza iminyaka engu-23 ekomitini yezwe yase-U.S.S.R., kamuva wakhonza ekomitini yezwe yase-Ukraine.

Ngo-1944, abazalwane abangu-7 bakwelinye ibandla eliseBukovina benqaba ukuya empini, ngamunye wabo wagwetshwa iminyaka eqala kwemithathu kuya kwemine ejele. Abane kubo bafa bebulawa indlala ejele. Ngawo lowo nyaka abazalwane abahlanu basebandleni elingumakhelwane bagwetshwa iminyaka eyishumi emunye ekamu eliyijele laseSiberia. Munye kuphela owabuyela ekhaya—abanye bafela khona.

INcwadi Yonyaka (yesiNgisi) ka-1947 yakhuluma kanje ngalezi zigigaba: “Ngesikhathi isilo esingamaNazi sidudulelwa entshonalanga ngo-1944, kwaphuma nesinedolo eNtshonalanga ye-Ukraine sayolwa, okwenza ukuba iRussia inqobe impi. Abafowethu baphinde bangasephula isivumelwano saphakade sokungabulali nokungathathi hlangothi. Abaningi bafa ngenxa yokwethembeka eNkosini, kanti abanye—abangaphezu kwenkulungwane manje—baphinde bayiswa empumalanga emathafeni aleli zwekazi elikhulukazi.”

Naphezu kwaloku kushintsha okukhulu kangaka indawo yokuhlala, oFakazi BakaJehova baqhubeka banda. Ngonyaka ka-1946, kwaba nabantu abangu-5 218 eSikhumbuzweni entshonalanga ye-Ukraine, kuhlanganise nabane abagcotshiwe.

Kuthí Damu

Lapho isiphelile iMpi Yezwe II, abazalwane—ababekhuthazelele bonke lobu bunzima futhi bahlala beqotho kuNkulunkulu—bashumayela isigijimi esishukumisayo sethemba nesikhuthazo kulabo ababevela empini. Amasosha nabantu abathunjwe empini babuyela emakhaya bedumazekile kodwa bezimisele ukuthola injongo ekuphileni. Ngenxa yalokho, abaningi balamukela ngentokozo iqiniso leBhayibheli. Ngokwesibonelo, ekupheleni kuka-1945 edolobhaneni laseBila Tserkva, eTranscarpathia, kwabhapathizwa abantu abangu-51 eMfuleni iTisza. Kwathi kuphela unyaka kwase kunabamemezeli abangu-150 kulelo bandla.

Ngaleso sikhathi kwase kwakheke inzondo phakathi kwabantu base-Ukraine nabasePoland entshonalanga ye-Ukraine nasempumalanga yePoland. E-Ukraine nasePoland kwabunjwa amaviyo amaningi ezigelekeqe. Ngezinye izikhathi la maviyo ayebulala zonke izakhamuzi zasemadolobhaneni okwakuhlala kuwo abantu bobuzwe ayezondana nabo. Kuyadabukisa ukuthi abanye abazalwane bafa kulokhu kucekwa kwabantu.

Kamuva, ngenxa yesivumelwano phakathi kweSoviet Union nePoland, abantu basePoland abangaba ngu-800 000 ababesentshonalanga ye-Ukraine babuyiswa bazohlaliswa ePoland, kwathi abase-Ukraine abangaba ngu-500 000 ababesempumalanga yePoland bathuthelwa e-Ukraine. Phakathi kwabafuduki kwakunoFakazi abaningi. Amabandla wonke athuthwa, abazalwane bathola izabelo ezingokwasezulwini ezintsha, bebheka lokhu kuthutha njengethuba lokushumayela emasimini amasha. INcwadi Yonyaka (yesiNgisi) ka-1947 yathi: “Lokhu kwehla nokwenyuka kwabantu kube nesandla ekusakazekeni kweqiniso ngokushesha liye ezindaweni ebelingeke lifike kuzo ngaphansi kwezimo ezivamile. Ngakho ngisho nalezi zimo ezingemnandi ziye zaba neqhaza ekukhazimuliseni igama likaJehova.”

Ngesikhathi ivaliwe imingcele esentshonalanga ye-Ukraine, abazalwane bathatha izinyathelo zokuhlela imisebenzi yoFakazi BakaJehova e-Ukraine nakulo lonke elase-U.S.S.R. UPavlo Ziatek wayemiswe njengenceku yezwe lase-Ukraine nalo lonke elaseSoviet Union. Ngemva kwesikhathi, kwamiswa nabanye abazalwane ababili abashisekayo ukuba bamsize, uStanislav Burak noPetro Tokar. Babebhace emzini kadade ongumKristu eLvov futhi banyathelisa izincwadi ukuze kutholakale ukudla okungokomoya kulo lonke elase-U.S.S.R. Ngokuzidela okukhulu, izincwadi zazilethwa lapha zivela ePoland ukuze zizohunyushwa futhi zinyatheliswe lapha eLvov. Ngezinye izikhathi abazalwane nodade abaningi babekwazi ukuthola imvume yokuvakashela izihlobo zabo ePoland, uma sebebuya bashushumbise izincwadi. Umshayeli wesitimela wayehambisa izincwadi ezazisebhokisini lensimbi elalithukuswe kubhayela, futhi wakwenza isikhathi esijana impela lokhu!

Ekupheleni kuka-1945, uMfoweth’ uZiatek waboshwa futhi wagwetshwa iminyaka eyishumi ejele. UMfoweth’ uBurak waba inceku yezwe esikhundleni sakhe.

Kuyaphinda Futhi Lokho

Ngo-June 1947, ngesikhathi umzalwane mumbe ephethe izincwadi eziyisa kubazalwane, wamiswa emgwaqweni eLvov waboshwa. Abophiko lwezokuphepha bathi bazoyibhalisa ngokomthetho inhlangano yethu uma engabanikeza amakheli oFakazi ayevame ukubahambisela izincwadi. Ebathemba, lo mzalwane wabanikeza amakheli abazalwane cishe abangu-30, kuhlanganise noMfoweth’ uBurak, owayeyinceku yezwe ngaleso sikhathi. Kamuva, bonke baboshwa. Lo mzalwane waphenduka ngokusuka enhliziyweni futhi wavuma ukuthi wayebathembe kungafanele abophiko lwezokuphepha.

Abazalwane ababoshwa bayiswa ejele laseKiev ukuze baphenywe ngokwengeziwe futhi kuthethwe amacala abo. Ngokushesha ngemva kwalokho, uMfoweth’ uBurak wafela ejele. Ngaphambi kokuba aboshwe, uMfoweth’ uBurak wayekwazile ukuthintana nenceku yesigodi yaseVolyn’, uMykola Tsyba, wayiphathisa ukuba yengamele umsebenzi e-Ukraine nakulo lonke elaseSoviet Union.

Kwakuqala ngqá ukuba abophiko lwezokuphepha eSoviet babophe ngasikhathi sinye abazalwane abaningi kangaka abaholayo kanye nezisebenzi ezazinyathelisa ngomshoshaphansi. Iziphathimandla zase-U.S.S.R. zazibheka izincwadi zethu njengezimelene namaSoviet. OFakazi bamangalelwa ngokungeyiko kuthiwa umsebenzi wabo uphazamisa ukuthula ezweni, abaningi bagwetshwa intambo. Kodwa izigwebo zentambo zashintshelwa eminyakeni engu-25 bebhadla emakamu angamajele.

Abazalwane bagwetshwa ukuba badonse izigwebo zabo eSiberia. Lapho bebuza ummeli ukuthi kungani bethunyelwa kude kangaka, waphendula sakuntela: “Mhlawumbe kudingeka nishumayele ngoNkulunkulu wenu khona.” Yeka ukuthi kamuva lawo mazwi azihlonza eyiqiniso kanjani!

Phakathi kuka-1947 kuze kube ngu-1951, kwaboshwa abazalwane abaningi abaholayo. OFakazi babengaboshelwa nje kuphela ukuthi banyathelisa izincwadi, kodwa nokuthi babengayi empini, bengavoti okhethweni, noma babhalise izingane zabo eNhlanganweni Yamavulandlela noma i-Komsomol (Inhlangano Yentsha EngamaKhomanisi). Ukuba ngomunye nje woFakazi BakaJehova kwakwanele ukuba uboshwe. Kwakuvame ukufakaza ofakazi bamanga emacaleni enkantolo. Kwakuye kube omakhelwane noma abantu ababesebenza noFakazi ababesuke besongelwe noma befunjathiswe ngabophiko lwezokuphepha.

Ngezinye izikhathi iziphathimandla zaziba nozwela, yize zazingalubonisi obala. U-Ivan Symchuk waboshwa futhi wavalelwa yedwa izinyanga eziyisithupha. Lapho ayevalelwe khona kwakuthule cwaka; wayengezwa ngisho nomsindo osemgwaqweni. Ngemva kwalokho, kwaqulwa icala lakhe. Umseshi wamncinza indlebe ngokuthi kufanele aphendule kanjani, wathi: “Ungathi vú ngokuthi wayithengaphi futhi kubani imishini yokubhala nezincwadi! Ungayiphenduli leyo mibuzo!” Futhi lapho ethathwa eyophenywa ngemibuzo, lo mseshi wayeye athi: “Ivan, ungahlehli. Ungahlehli Ivan.”

Kwamanye amadolobhana oFakazi BakaJehova babengavunyelwe ukufaka amakhethini emafasiteleni abo. Lokhu kwakwenzelwa ukuba omakhelwane namaphoyisa bababone kalula oFakazi uma befunda izincwadi zabo noma beqhuba imihlangano. Kodwa abazalwane babezithola izindlela zokuzondla ngokomoya. Ngezinye izikhathi “ipulatifomu” yomqhubi weSifundo Se-Nqabayokulinda yayingavamile. Lapho eqhuba futhi efunda INqabayokulinda, umzalwane wayeye ahlale ngaphansi kwetafula elalimbozwe ngendwangu ende ehusha phansi. “Izilaleli” zazihlala zizungeze itafula, zilalelisisile futhi ziphendula. Akekho owayengasola ukuthi laba bantu abazungeze itafula babeqhuba umhlangano ongokwenkolo!

Bafakaza Ezinkantolo

UMykhailo Dan, okukhulunywe ngaye ngenhla, waboshwa ekupheleni kuka-1948. Wayeshadile futhi enendodana enonyaka ngaleso sikhathi, kanti umkakhe wayesezithwele futhi. Ngesikhathi kuthethwa icala lakhe, umshushisi wakhipha isigwebo sokuba agqunywe ejele iminyaka engu-25. Enkulumweni yakhe yokugcina ayeyibhekise emajajini, uMfoweth’ uDan washo amazwi kaJeremiya 26:14, 15: “Ngisesandleni senu; yenzani kimi okuhle nokulungile emehlweni enu. Yazini nokwazi kuphela ukuthi uma ningibulala, niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu, naphezu kwalo muzi, naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngeqiniso uJehova ungithume kini ukuba ngikhulume onke lawa mazwi ezindlebeni zenu.” Leso sixwayiso sawathinta amajaji. Abonisana ngale ndaba abe esekhipha isinqumo: iminyaka eyishumi ejele nemihlanu yokudingiswa kude lé eRussia.

UMfoweth’ uDan walahlwa ngecala lokungathembeki ezweni lokhokho. Lapho ekuzwa lokhu, wathi emajajini: “Ngazalelwa e-Ukraine ngaphansi kukahulumeni waseCzechoslovakia, kamuva ngabuswa yiHungary; manje sekufike iSoviet Union endaweni yakithi, ngingumRomania ngokuzalwa. Yiliphi-ke izwe lokhokho engingathembekanga kulo?” Lo mbuzo awuphendulwanga. Ngemva kokuthethwa kwecala, uMfoweth’ uDan wezwa izindaba ezimnandi zokuthi wayesenendodakazi encane. Lokhu kwamsiza wakhuthazelela konke ukuphathwa kabi kwasemajele nasemakamu empumalanga yeRussia. Ngasekupheleni kwawo-1940 abazalwane abaningi base-Ukraine, eMoldavia, naseBelarus bafa bebulawa indlala emajele aseSoviet. Kwayena uMfoweth’ uDan wehla ngamakhilogremu angu-25.

Ukushushiswa Kodade E-Ukraine

Akubona abazalwane bodwa ababeshushiswa futhi begwetshwa izigwebo ezinde ngumbuso wamaSoviet; nodade babephathwa ngendluzula. Ngokwesibonelo, uMariya Tomilko wathola iqiniso ekamu lokuhlushwa laseRavensbrück phakathi neMpi Yezwe II. Kamuva, wabuyela e-Ukraine washumayela edolobheni laseDnepropetrovsk. Ngenxa yomsebenzi wakhe wokushumayela, ngo-1948 wagwetshwa iminyaka engu-25 ekamu eliyijele.

Omunye udade, owayegwetshwe iminyaka engu-20 ekamu eliyijele uyakhumbula: “Ngesikhathi sophenyo ngafakwa esitokisini nezigelekeqe eziningi. Kodwa ngangingazesabi futhi ngabashumayeza labo bantu besifazane. Ngamangala lapho bengilalela. Sasiminyene esitokisini. Sonke sasilala phansi, sisondelene kuhle kwezinhlanzi ethinini. Uma silele, okuwukuphela kwendlela esasingaphenduka ngayo kwakuwukuba siphenduke sonke kanye kanye futhi sasiphenduka uma kukhona ocelile.”

Ngo-1949 umholi ongumBaptist edolobheni laseZaporozh’ye wahlala ngodadewethu abahlanu kwabophiko lwezokuphepha, babe sebeyaboshwa njalo. Bamangalelwa ngokuthi bagqugquzela ukuba kuvukelwe amaSoviet, futhi ngamunye wagwetshwa iminyaka engu-25 emakamu angamajele. Kwadliwa yonke impahla yabo. Badonsa izigwebo zabo iminyaka engu-7 lé emajukujukwini enyakatho yeRussia kwaze kwaba yilapho benikezwa ushwele. ULydia Kurdas, omunye walabo dade, uyakhumbula: “Sasivunyelwe ukuba sibhale izincwadi ezimbili kuphela ngonyaka eziya ekhaya, futhi kwalezo zincwadi zazibhekisiswa. Phakathi naso sonke leso sikhathi sasingenazincwadi zokufunda.” Kodwa bahlala bethembekile kuJehova futhi baqhubeka beshumayela izindaba ezinhle zoMbuso.

Kusizwa Abazalwane EMoldavia

Ngisho nasezikhathini ezinzima kanjalo, oFakazi babonisana uthando. Ngo-1947 izwe laseMoldavia (manje eliyiMoldova) elingumakhelwane lahlaselwa indlala embi kakhulu. Naphezu kobumpofu babo, abazalwane base-Ukraine basabela ngokushesha ezidingweni zamanye amakholwa aseMoldavia futhi bawathumelela ufulawa. OFakazi basentshonalanga ye-Ukraine bamema oFakazi abaningana baseMoldavia ukuba bazohlala emizini yabo.

Umzalwane owayehlala eMoldavia ngaleso sikhathi uyakhumbula: “Njengoba ngangiyintandane kwakufanele zonke izinsuku ngithole isinkwa esingamagremu angu-200 kuhulumeni. Kodwa ngoba ngangingelona ilungu leNhlangano Yamavulandlela, angizange ngisithole. Sajabula kakhulu lapho abazalwane basentshonalanga ye-Ukraine besithumelela ufulawa, okwenza ummemezeli ngamunye wakwazi ukuthola isinkwa esingamakhilogremu amane.”

Umzamo Wokubhalisa Ngokomthetho E-U.S.S.R.

Ngo-1949, abadala abathathu baseVolyn’ (uMykola Pyatokha, u-Ilya Babijchuk, noMykhailo Chumak) bafaka isicelo sokuba umsebenzi wethu ubhaliswe ngokomthetho. Ngemva nje kwalokho, uMfoweth’ uChumak waboshwa. Umzalwane oyedwa kulaba ababili abasala, uMykola Pyatokha, ukhumbula ukuthi ngesikhathi kufakwa isicelo okokuqala, akubanga nampendulo. Kwabe sekufakwa esesibili eMoscow. Lezi zicelo zadluliselwa eKiev. Izikhulu zalapho zavuma ukuba zihlanganise amakhanda nabazalwane futhi zabatshela ukuthi babengabhaliswa kuphela uma oFakazi BakaJehova bezobambisana nabo. Njengoba ungalindela, abazalwane abavumanga ukuhlehla ekutheni bangathathi hlangothi. Ngokushesha nalaba bazalwane ababili baboshwa, ngamunye wagwetshwa iminyaka engu-25 emakamu angamajele.

Encwadini ekhethekile eyathunyelelwa iziphathimandla zaseVolyn’ ivela eMoscow, kwathiwa “ihlelo” lenkolo loFakazi BakaJehova “liyinhlangano emelene ngempela namaSoviet futhi ngeke ibhaliswe.” Isikhulu seHhovisi Lezindaba Zenkolo lendawo sayalwa ukuba sibe nezinhloli ezigade oFakazi BakaJehova bese sibaceba kwabophiko lwezokuphepha loMbuso.

Abaholi Benkolo Babambisana Neziphathimandla

Ngo-1949 umfundisi waseBaptist eTranscarpathia wakhalaza kuziphathimandla, ekhonondela ukuthi oFakazi baguqula abantu bakhe. Ngenxa yalokho, uMykhailo Tilniak, umdala webandla lalapho, waboshwa wagwetshwa iminyaka eyishumi esejele. Umkakhe wasala nezingane ezimbili ezincane ekhaya.

Izenzo ezinjalo zabefundisi benkolo zasiza abantu abaqotho baqonda umsebenzi woFakazi BakaJehova futhi bawuhlonipha. Ngo-1950 intombazanyana engumBaptist yaseTranscarpathia, uVasylyna Biben, yezwa ukuthi umfundisi wesonto layo wayetshele iziphathimandla ngomsebenzi woFakazi ababili endaweni yakubo. Lab’ oFakazi baboshwa, bagwetshwa iminyaka eyisithupha ejele. Lapho sebededelwe, babuyela ekhaya, kepha bangabonisa nzondo kulo mfundisi. UVasylyna waqonda lapho-ke ukuthi lab’ oFakazi babathanda ngempela omakhelwane babo. Ehlabeke umxhwele, watadisha iBhayibheli noFakazi wabe esebhapathizwa. Uthi: “Ngiyambonga uJehova ngokuthi ngithole indlela eholela ekuphileni okuphakade.”

Badingiselwa ERussia

Iqiniso leBhayibheli elalimenyezelwa oFakazi BakaJehova lalingahambelani nemfundiso yombuso wamaKhomanisi yokungakholelwa kuNkulunkulu. Njengoba babehleleke kahle, oFakazi banyathelisa ngasese futhi basakaza izincwadi ezazisekela uMbuso kaNkulunkulu. Babesakaza nezimfundiso zeBhayibheli komakhelwane nasezihlotsheni. Kusukela ngo-1947 kuya ku-1950, iziphathimandla zabopha oFakazi abangaphezu kwenkulungwane. Noma kunjalo, abazalwane baqhubeka banda. Ngakho ngo-1951 iziphathimandla zaceba ngasese icebo ezazicabanga ukuthi laliyobaqothula abantu bakaNkulunkulu. Zazizobadingisa lab’ oFakazi abasasele zibayise ngasempumalanga, kude lé eSiberia, eRussia, endaweni eyayiqhele ngamakhilomitha angu-5 000.

Ngo-April 8, 1951, oFakazi abangaphezu kuka-6 100 basentshonalanga ye-Ukraine badingiselwa eSiberia. Ekuseni ngovivi, kwafika amaloli anamasosha emzini kaFakazi ngamunye, futhi umkhaya ngamunye wanikezwa amahora amabili nje vó ukuba upakishe izimpahla zawo. Yakwazi ukuthatha izinto ezibalulekile kuphela. Bonke ababetholakala ekhaya babedingiswa—amadoda, abesifazane nezingane. Akekho noyedwa owayeshiywa ngoba kuthiwa ugugile noma ubuthaka. Ngokushesha, ngosuku olulodwa, bahlohlwa ezinqoleni zezitimela ezivalekile zokuthutha impahla bahanjiswa.

Ababengekho emakhaya ngaleso sikhathi basala, iziphathimandla azizange zibacinge. Abanye bafaka izicelo kuziphathimandla zokuba bahlanganiswe nemikhaya yabo eyayidingisiwe. Iziphathimandla azizange ziziphendule lezo zicelo, zingazange futhi zibatshele nokuthi izihlobo zabo zaziyiswephi.

Ngaphandle kwalabo ababese-Ukraine, oFakazi abadingiswa babevela eMoldavia, entshonalanga yeBelarus, eLithuania, eLatvia, nase-Estonia. Sebebonke cishe bangu-9 500 oFakazi abadingiswa bevela kula ma-republic ayisithupha. Babekhashwa amasosha behanjiswa ngalezi zinqola ezivalekile, lezo abantu ababezibiza ngokuthi izihulugu ngoba zazivame ukuthwala izinkomo.

Akekho noyedwa uFakazi owayazi ukuthi bayiswaphi. Phakathi nohambo lwabo olude, babethandaza, behlabelela, futhi besizana. Abanye babelengisa izindwangu ngaphandle kwezinqola ezazibachaza ngala mazwi: “SingoFakazi BakaJehova baseVolyn’” noma “SingoFakazi BakaJehova baseLvov.” Lapho izitimela zisamile eziteshini, babebona izitimela ezazinezimpawu ezithi mazifane zivela kwezinye izindawo zasentshonalanga ye-Ukraine. Lokhu kwasiza abazalwane babona ukuthi noFakazi bakwezinye izindawo nabo babedingiswa. “Imiyalezo” enje yaqinisa abazalwane phakathi nohambo lwabo lwamasonto amabili kuya kwamathathu ngesitimela beya eSiberia.

Kwakucatshangwa ukuthi badingiswa unomphela. Isu labo kwakungukuba oFakazi BakaJehova bangavunyelwa nanini ukuba bahambe eSiberia. Kwakudingeka bayoziveza njalo emahhovisi endawo okubhaliswa kuwo abantu, yize babengekho ejele. Uma kwenzekile umuntu wangavela, wayegwetshwa iminyaka eminingi ejele.

Lapho befika kule ndawo, abanye babevele behliswe ehlathini, banikezwe izimbazo zokugawula imithi yokwakha izindawo zabo zokuhlala futhi bazitholele okokuziphilisa. Ukuze bazigcine bephila ebusika beminyaka yokuqala, oFakazi babeye bembe phansi benze amafuku okukhosela ababewafulela ngezidindi.

UHryhorii Melnyk, manje ongumdala eCrimea, uyakhumbula: “Ngemva kokuboshwa kukadadewethu ngo-1947, iziphathimandla zazivame ukungithatha ziyongiphenya ngemibuzo. Zazingibhambabula ngezinduku. Kwaba kaningi zingimisa ngeyame ngodonga amahora angu-16. Konke lokhu kwakwenziwa ngenjongo yokungiphoqa ukuba nginikeze ubufakazi bamanga ngodadewethu omdala owayenguFakazi. Ngangineminyaka engu-16 ubudala. Ngenxa yokuthi ngenqaba ukunikeza ubufakazi obumelene naye, kwangenzela amazinyo abushelelezi kuziphathimandla zangakithi zafuna ukungigodusa.

“Ngakho, ngo-1951 sadingiselwa eSiberia, yize mina nabafowethu ababili abancane kanye nodadewethu omncane sasiyizintandane. Abazali bethu base beshonile, umfowethu nodadewethu abadala babedonsa isigwebo seminyaka eyishumi. Lapho ngineminyaka engu-20 ubudala, ngase nginomthwalo wemfanelo wokunakekela abafowethu ababili abancane nodadewethu.

“Ngiye ngikhumbule iminyaka emibili yokuqala eSiberia ngesikhathi siphila ngamazambane netiye. Itiye sasiliphuzela emapuletini esobho, ngoba izinkomishi zaziyindlala ngaleso sikhathi. Kodwa ngangiphila kahle ngokomoya. Ezinsukwini zokuqala sifikile ngaqala ukuqhuba imihlangano yeningi. Kamuva, saqala neSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Kwakungelula ukuba ngifeze leyo mithwalo yemfanelo ngenxa yomsebenzi okhandlayo okwakudingeka ngiwenze ukuze nginakekele abafowethu nodadewethu.” Naphezu kobunzima obunjalo, umkhaya wakwaMelnyk wahlala uthembekile kuJehova nasenhlanganweni yakhe.

Zifuna ukuvimba abantu bendawo bangaxhumani noFakazi, abase bezofika, izikhulu zaseSiberia zasakaza amahlebezi okuthi kwakuza amazimuzimu eSiberia. Lapho elinye iqembu loFakazi selifikile, kwadingeka lilinde izinsuku ezimbalwa lize linikezwe izindlu emizaneni yakuleyo ndawo. Ngakho, bahlala phansi esigangeni ngasosebeni loMfula iChulym owawuphenduke iqhwa. Nakuba kwakumaphakathi no-April, laliseliningi iqhwa phansi. Abazalwane babasa umlilo omkhulu, botha, bahlabelela, bathandaza, baxoxelana nokuhlangenwe nakho kohambo lwabo. Kwabaxaka ukuthi kwakungekho muntu wendawo owayeza ezokhuluma nabo. Kunalokho, abantu bendawo bavele bavala zonke izicabha namafasitela ezindlu zabo, bangabangenisa oFakazi emizini yabo. Ngosuku lwesithathu, isiqhwaga sakule ndawo saya koFakazi sihlome ngezimbazo, saqala ukubaxoxisa. Babeqale bacabanga ukuthi ayesefikile ngempela amazimuzimu! Kodwa ngokushesha babona ukuthi kwakungamanga lawo.

Ngo-1951 iziphathimandla zahlela ukudingisa noFakazi baseTranscarpathia. Zaze zaletha nezitimela ezazinezinqola ezivalekile ezazingenalutho. Kodwa isinqumo sokudingisa laba bazalwane sahoxiswa ngesizathu esingaziwa. ITranscarpathia yaba enye yezindawo eziyinhloko okwakunyatheliswa kuzo izincwadi zayo yonke iSoviet Union ngesikhathi sokuvinjelwa.

Ubunye Abuyi Ndawo

Ngenxa yokuthi iningi labazalwane lalidingiselwe eSiberia, abaningi balabo ababesele ababange besakwazi ukuxhumana nenhlangano. Ngokwesibonelo, kwaphela iminyaka eyisithupha uMariya Hrechyna waseChernovtsy engakwazi ukuxhumana nenhlangano noma namanye amakholwa. Noma kunjalo, waqhubeka encike kuJehova futhi wahlala ethembekile. Kusukela ngo-1951 kuze kube maphakathi nawo-1960, njengoba iningi labazalwane laliboshiwe noma lidingisiwe, kwadingeka ukuba odade bahole emabandleni amaningi.

UMichael Dasevich, owazibonela ngawakhe lokho okwenzeka, uyakhumbula: “Ukudingiselwa eSiberia akuzange kungithinte mina ngokwami ngoba ngesikhathi kwakhiwa izinhlu zababezodingiswa, ngangiseseRussia ngidonsa isigwebo sasejele. Kungakabiphi ngibuyele e-Ukraine, oFakazi abaningi bangakithi babethunyelwe eSiberia. Ngakho kwadingeka ngithungathe oFakazi abase belahlekelene nenhlangano, ngibahlele babe amaqembu ezifundo zencwadi namabandla. Kusho ukuthi ngaqala ukwenza imisebenzi yombonisi wesifunda, nakuba kwakungekho muntu owayengabele lowo msebenzi. Njalo ngenyanga ngangihambela wonke amabandla, ngiqoqe imibiko, ngihambisele amabandla izincwadi esasisenazo. Odadewethu babevame ukwenza imisebenzi yezinceku zamabandla, kanti kwezinye izindawo babenza eyezinceku zesifunda, ngoba abazalwane babengekho. Ngezizathu zokuphepha, yonke imihlangano yezinceku zamabandla yesifunda sethu sasiyiqhuba ebusuku emangcwabeni. Sasazi ukuthi ngokuvamile abantu bayabesaba abantu abafile, ngakho sasiqiniseka ukuthi akunamuntu owayezofika ezosiphazamisa. Ngokuvamile sasikhuluma ngokunyenyeza kuleyo mihlangano. Ngesinye isikhathi sathi siyanyenyeza, kanti amazwi ethu ayezwakala, amadoda amabili ayedlula emangcwabeni athi galo yephuka. Nakanjani acabanga ukuthi kukhuluma abafileyo!”

Ngemva kokudingiswa kwango-1951, uMykola Tsyba, owayeyinceku yezwe ngaleso sikhathi, waqhubeka esebenzela endlini engaphansi komhlaba enyathelisa izincwadi zeBhayibheli. Ngo-1952 abophiko lwezokuphepha bamthola lapho ayekhona bambopha, wahlala iminyaka eminingi ejele. UMfoweth’ uTsyba wahlala ethembekile kwaze kwaba yilapho eshona ngo-1978. Ngaphandle kukaMfoweth’ uTsyba, kwaboshwa nabanye abazalwane abaningi ababemsiza.

Phakathi naleso sikhathi, abazalwane babengakwazi ukuxhumana nabantu baphesheya. Ngenxa yalokho, babengakwazi ukuthola izincwadi ngesikhathi. Abazalwane abambalwa bake bathola omagazini INqabayokulinda ngolimi lwesiRomania bangonyaka ka-1945 kuya ku-1949. Abazalwane bendawo babahumushela olimini lwesi-Ukraine nolwesiRussia.

OFakazi base-Ukraine ababengadingiswanga noma baboshwe babonisa ukubazwela okujulile abakholwa nabo. Benza imizamo emikhulu yokwakha uhlu lwalabo ababeboshiwe, ukuze babathumelele izingubo ezifudumele, ukudla nezincwadi. Ngokwesibonelo, oFakazi BakaJehova eTranscrpathia babehlala bexhumana nabazalwane ababesemakamu angamajele angu-54 kulo lonke elaseSoviet Union. Amabandla amaningi enza ibhokisi lomnikelo elalibhalwe ukuthi “Owamathemba Amahle.” Imali eyayiqoqwa kula mabhokisi yayisetshenziselwa ukusiza ababesejele. Lapho kufika izincwadi ezimnandi zokwazisa kanye nemibiko yenkonzo yasensimini ivela emajele nasemakamu, yayiba isikhuthazo esikhulu kubazalwane abathembekile nabazidelayo ababengaboshiwe.

Izimo Ziba Ngcono

Ngemva kokufa kukaNdunankulu waseSoviet uJoseph Stalin, indlela ababebhekwa ngayo oFakazi yaba ngcono. Ngo-1953 kwamenyezelwa ukuthi kuzonikezwa ushwele e-U.S.S.R., okwaholela ekudedelweni kwabanye abazalwane. Kamuva, kwamiswa iKhomishani Yombuso, eyabukeza izigwebo ezazinikwe abantu. Umphumela waba ukudedelwa kwabazalwane abaningi, kanti abanye bancishiselwa izigwebo.

Eminyakeni embalwa eyalandela, oFakazi abaningi ababeboshiwe badedelwa. Kodwa labo ababedingiswe ngo-1951 abanikwanga ushwele. Kwamanye amajele namakamu, inani labantu ababebe oFakazi BakaJehova lalilikhulu kunenani loFakazi ababethunyelwe lapho okokuqala. Lokho kwanda kwabakhuthaza abazalwane futhi kwabaqinisekisa ukuthi uJehova wayebabusisile ngempela ngenxa yokuma kwabo okuqinile phakathi naleso sikhathi.

Ngemva kokudedelwa, abazalwane abaningi bakwazi ukuphindela emakhaya. Kwenziwa umzamo omkhulu wokuthungatha oFakazi ababelahlekelene nenhlangano. UVolodymyr Volobuyev owayehlala eDonetsk, uyakhumbula: “Kuze kube yilapho ngiphinde ngiboshwa ngo-1958, ngakwazi ukuthola nokusiza oFakazi cishe abangu-160 abase belahlekelene nenhlangano.”

Isaziso sokunikeza ushwele sasingasho neze ukuthi abazalwane base benikwe inkululeko ethé xaxa yokushumayela. Abazalwane nodade abaningi bakhululwa kodwa ngokushesha babuye bagwetshwa isikhathi eside bebhadla ejele. Ngokwesibonelo, uMariya Tomilko waseDnepropetrovsk wadonsa iminyaka engu-8 kuphela kwengu-25 ngenxa kashwele ka-March 1955. Kodwa ngemva kweminyaka emithathu waphinde wagwetshwa iminyaka eyishumi egqunywe ejele neminyaka emihlanu edingisiwe. Ngani? Isigwebo sakhe sasenkantolo sasithi: “Ugciné futhi wafunda izincwadi nezinkulumo ezibhalwe ngesandla eziphathelene nama-Jehovist” futhi “ukhuthalele ukwenza umsebenzi wokusakaza izinkolelo zama-Jehovist komakhelwane bakhe.” Ngemva kweminyaka engu-7 wadedelwa ngesizathu sokuthi wayekhubazekile. UDade Tomilko wabekezelela zonke izinhlobo zokuvivinywa futhi usathembekile kuze kube manje.

Uthando Alupheli Nanini

Iziphathimandla zenza umzamo okhethekile wokuhlukanisa imikhaya yoFakazi BakaJehova. Abophiko lwezokuphepha babeye bazame ukukhethisa oFakazi phakathi kwalokhu: uNkulunkulu noma umkhaya. Kodwa ezikhathini eziningi abantu bakaJehova bafakazela ukuthi baqotho kuJehova naphezu kwezilingo ezinzima ngendlela exakile.

UHanna Bokoch waseTranscarpathia, omyeni wakhe uNutsu waboshelwa ukushumayela ngentshiseko, uyakhumbula: “Ngesikhathi umyeni wami esejele, wabekezelela ukuphathwa ngendlela embi kakhulu. Wahlala izinyanga eziyisithupha evalelwe yedwa, kungekho mbhede, kunesihlalo esisodwa vó. Washaywa ngesihluku wancishwa nokudla. Ezinyangeni ezimbalwa nje wazaca waba ngangothi lokuvungula, isisindo sakhe singamakhilogremu angu-36 kuphela, okuyingxenye yesisindo sakhe esivamile.”

Umkakhe othembekile wasala yedwa nendodakazi yabo encane. Iziphathimandla zacindezela uMfoweth’ uBokoch ukuba alahle ukholo lwakhe abambisane nazo. Kwathiwa akakhethe phakathi komkhaya wakhe nokufa. UMfoweth’ uBokoch akazange azilahle izinkolelo zakhe, wahlala ethembekile kuJehova nasenhlanganweni yaKhe. Wahlala iminyaka engu-11 emajele, kwathi lapho esededelwe waqhubeka enza umsebenzi wakhe wobuKristu njengomdala, kamuva waba umbonisi wesifunda waze washona ngo-1988. Njalo wayethola amandla emazwini akumaHubo 91:2: ‘Ngizakuthi kuJehova: “Uyisiphephelo sami nenqaba yami noNkulunkulu wami engimethembayo.”’

Cabanga ngesinye isibonelo sokukhuthazela okukhulu. UYurii Popsha wayengumbonisi ojikelezayo eTranscarpathia. Waboshwa ngemva nje kwezinsuku eziyishumi eshadile. Esikhundleni sokuya eholidini langemva komshado, wahlala iminyaka eyishumi ejele laseMordvinia, eRussia. Umkakhe othembekile, uMariya, wamvakashela izikhathi ezingu-14, isikhathi ngasinye ehamba amakhilomitha angu-1 500 ukuya nokubuya. Sikhuluma nje uMfoweth’ uPopsha ukhonza njengomdala kwelinye lamabandla aseTranscarpathia, kanti umkakhe othandekayo uMariya umsekela ngokwethembeka nangothando.

Esinye futhi isibonelo sokukhuthazela ebunzimeni esombhangqwana oshadile, u-Oleksii noLydia Kurdas, ababehlala edolobheni laseZaporozh’ye. Ngo-March 1958 baboshwa, ngemva kwezinsuku ezingu-17 kuzalwe indodakazi yabo uHalyna. Kwaboshwa nabanye abangu-14 kuleyo ndawo. UMfoweth’ uKurdas wagwetshwa iminyaka engu-25 emakamu angamajele, umkakhe yena wagwetshwa iminyaka eyishumi. Bahlukaniswa—u-Oleksii wayiswa emakamu aseMordvinia, uLydia nendodakazi yabo encane bona, bayiswa eSiberia.

UDade Kurdas uluchaza kanje uhambo lwamasonto amathathu besuka e-Ukraine beya eSiberia: “Lwalulubi kakhulu. Kwakukhona mina nendodakazi yami; uNadiya Vyshniak nomntanakhe owayezalelwe ejele ezinsukwini ezimbalwa ngaphambili ngesikhathi kuthethwa icala; nabanye odade ababili. Safakwa sonke siyisithupha enqoleni yesitimela eyayakhelwe ukuthwala iziboshwa ezimbili kuphela. Salalisa izingane zethu ebhentshini elingaphansi, thina saqojama ebhentshini elingaphezulu saze sayofika. Sasiphila ngesinkwa, inhlanzi eyomisiwe enosawoti, namanzi. Sasinikwa ukudla kweziboshwa ezine ezindala kuphela. Asinikezwanga ukudla kwezingane zethu.

“Sathi singafika lapho sasiya khona, ngayiswa esibhedlela sasejele nomntanami. Ngatholana nodade abaningana lapho futhi ngabatshela ukuthi umseshi ungisongele ngokuthi uzongephuca indodakazi yami ayithumele ekhaya lezintandane. Ngandlela-thile, lab’ odade bakwazi ukutshela abazalwane baseSiberia ngosizi engangikulo. Kamuva, uTamara Buriak (manje ongowakwaRavliuk), owayeneminyaka engu-18 ngaleso sikhathi, weza kulesi sibhedlela sasekamu eselande indodakazi yami, uHalyna. Ngangiqala ukumbona uTamara. Kwakungeve kubuhlungu ukunikeza umuntu engangimqabuka intombazanyana yami engiyithandayo, yize ayengudadewethu ongokomoya. Kodwa ngaduduzeka kakhulu lapho odade ababesekamu bengitshela ngobuqotho bomkhaya wakwaBuriak. Indodakazi yami yayinezinyanga ezinhlanu nezinsuku ezingu-18 ngesikhathi ngiyishiya ezandleni zikaTamara. Ngaze ngaphinda ngabonana nayo ngemva kweminyaka engu-7!

“Ngo-1959 i-U.S.S.R. yamemezela umthetho omusha wokuxolela iziboshwa. Wawusebenza kwabesifazane abanezingane ezingaphansi kweminyaka engu-7 ubudala. Kodwa iziphathimandla zasejele zangitshela ukuthi kumelwe ngilahle ukholo lwami kuqala. Ngenqaba, futhi ngenxa yalokho kwadingeka ngiqhubeke ngisekamu eliyijele.”

UMfoweth’ uKurdas wadedelwa ngo-1968, eneminyaka engu-43 ubudala. Ingu-15 isiyonke iminyaka ayihlala ejele ngenxa yeqiniso, kanye nengu-8 ayihlala ejele elinesimiso sokulondeka seqophelo eliphezulu. Ekugcineni, waphindela kumkakhe nendodakazi yakhe e-Ukraine. Ekugcineni umkhaya wabo waba ndawonye. Lapho ebona uyise, uHalyna wagona ethangeni lakhe, wathi: “Baba! Sekuyiminyaka eminingi ngilangazelela ukuba ungigone kanje, manje sengizogona ngize ngidele.”

Ngemva kwalokho, abakwaKurdas bathutha bethuthile ngoba iziphathimandla zazilokhu zibaxosha ezindaweni ababehlala kuzo. Baqale bahlala empumalanga ye-Ukraine, base beya entshonalanga yeGeorgia, kwabe sekuba seCiscaucasia. Ekugcineni, bathuthela eKharkov, lapho besahlala khona ngokujabula. Useshadile manje uHalyna. Bonke baqhubeka ngokwethembeka bekhonza uNkulunkulu wabo, uJehova.

Isibonelo Esiphakeme Sokholo

Ngezinye izikhathi, uvivinyo olunzima lokholo lwaluqhubeka izinyanga, iminyaka ngisho namashumi eminyaka. Cabanga ngalesi sibonelo. UYurii Kopos wazalelwa budebuduze nedolobha elihle laseTranscarpathia, iKhust, futhi wakhulela khona. Ngo-1938, eneminyaka engu-25, waba omunye woFakazi BakaJehova. Ngo-1940, phakathi neMpi Yezwe II, wagwetshwa izinyanga ezingu-8 egqunywe ejele ngenxa yokwenqaba ukujoyina ibutho lezempi laseHungary elalisekela umbuso wamaNazi. Ngaleso sikhathi imithetho yaseTranscarpathia yayingakuvumeli ukubulawa kweziboshwa eziboshelwe ukholo lwazo. Ngakho abazalwane bathunyelwa lapho yayibambene khona ngezihluthu, lapho umthetho wamaNazi wawukuvumela ukubulala okunjalo. Ngo-1942 uMfoweth’ uKopos nezinye iziboshwa kanye nabanye oFakazi abangu-21 bathunyelwa lapho yayibambene khona ngezihluthu eduze kwaseStalingrad, eRussia, bephelezelwa amasosha. Bathunyelwa lapho ukuze babulawe. Kodwa lapho besanda kufika, ibutho lamaSoviet laqala ukuhlasela, lathumba amabutho empi aseJalimane kanye nalaba bazalwane. Lab’ oFakazi bathunyelwa ejele eliyikamu lamaSoviet, lapho bahlala khona baze badedelwa ngo-1946.

UMfoweth’ uKopos waphindela ekhaya, wafike wangena ngesandla nomkhono emsebenzini wokushumayela ensimini yakubo. Ngenxa yalo msebenzi, ngo-1950 iziphathimandla zamaSoviet zamgweba iminyaka engu-25 ekamu eliyijele. Kodwa wadedelwa ngemva kweminyaka eyisithupha ngoba wanikwa ushwele.

Lapho esededelwe, uMfoweth’ uKopos, manje owayeseneminyaka engu-44, walungiselela ukushada noHanna Shyshko. Naye wayenguFakazi futhi wayesanda kudedelwa nje ejele ngemva kokudonsa isigwebo seminyaka eyishumi. Bafaka isicelo sokubhalisa umshado wabo. Ngobusuku obandulela usuku lomshado wabo, baphinde baboshwa bagwetshwa iminyaka eyishumi besekamu eliyijele. Nokho, basinda kubo bonke lobu bunzima, nothando lwabo lwakhuthazelela izinto zonke, kuhlanganise nokubambezeleka iminyaka eyishumi komshado wabo. (1 Kor. 13:7) Ekugcineni, ngemva kokukhululwa kwabo ngo-1967, bashada.

Ayipheleli lapho indaba yabo. Ngo-1973, uMfoweth’ uKopos owayeseneminyaka engu-60 manje, waphinde waboshwa wagwetshwa iminyaka emihlanu esekamu neminye emihlanu edingisiwe. Isigwebo sokudingiswa wasidonsa nomkakhe uHanna eSiberia, indawo eqhele ngamakhilomitha angu-5 000 edolobheni lakubo iKhust. Kwakungekho moto nasitimela esiya kuleyo ndawo, wawungaya khona ngendiza kuphela. Ngo-1983, uMfoweth’ uKopos nomkakhe babuyela ekhaya eKhust. UHanna washona ngo-1989, yena waqhubeka ngokwethembeka ekhonza uJehova waze washona ngo-1997. UMfoweth’ uKopos wadonsa iminyaka engu-27 emajele ahlukahlukene neminyaka engu-5 ekudingisweni—ingqikithi yeminyaka engu-32.

Le ndoda ethobekile nemnene yachitha cishe ingxenye eyodwa kwezintathu yekhulu leminyaka emajele amaSoviet nasemakamu okusetshenzwa kanzima kuwo. Isibonelo sokholo esivelele kanje sibonisa ngokucacile ukuthi izitha ngeke zabephula ubuqotho bezinceku zikaNkulunkulu ezithembekile.

Uqhekeko Lwesikhashana

Isitha sesintu, uSathane uDeveli, sisebenzisa izindlela eziningi ukuze silwe nalabo abaqhuba ukukhulekela kweqiniso. Ngaphandle kokwenza ukuba bahlukunyezwe enyameni, uzama ukufaka ukungabaza futhi abangele ukwahlukana phakathi kwabazalwane. Loku kubonakala ngokukhethekile emlandweni woFakazi BakaJehova e-Ukraine.

Phakathi nawo-1950, oFakazi BakaJehova babephathwa kabi umshawushile. Iziphathimandla zazilokhu zithungatha izindawo okwakunyatheliswa kuzo izincwadi. Abazalwane abaholayo babeboshwa beboshiwe. Ngenxa yalokhu, abazalwane ababehola ekwengameleni umsebenzi babeshintshwa njalo, beshintshwa ngisho nangemva kwezinyanga ezimbalwa.

Sebebonile ukuthi oFakazi BakaJehova abathuliswa ukudingiswa, ukugqunywa ejele, ubudlova, nokuhlukunyezwa, abophiko lwezokuphepha basebenzisa amaqhinga amasha. Bazama ukuqhekeza inhlangano ngaphakathi ngokutshala imbewu yokungathembani phakathi kwabazalwane.

Maphakathi nawo-1950, abophiko lwezokuphepha bayeka ukuvele babophe bonke abazalwane abakhuthele nabaholayo, baqala ukugada konke abakwenzayo. Laba bazalwane babevame ukubizelwa emahhovisi ophiko lwezokuphepha. Batshelwa ukuthi babezothola imali nomsebenzi omuhle uma bebambisana nabo. Ukwenqaba kwakuyoholela ekuboshweni nasekuhlanjalazweni. Abambalwa ababengenalo ukholo kuNkulunkulu balahla ukholo lwabo ngenxa yokwesaba noma ukuhaha. Baqhubeka besenhlanganweni, bempimpa oFakazi BakaJehova kwabophiko lwezokuphepha. Futhi babelalela benze konke okwakufunwa yiziphathimandla, benze ukuba abazalwane abangenacala babukeke njengezimpimpi kwabanye abazalwane abathembekile. Konke lokhu kwabhebhezela umoya wokungathembani phakathi kwabazalwane.

UPavlo Ziatek wahlupheka kakhulu ngenxa yokungathembani okunjalo nezinsolo ezingasekelwe ndawo. Lo mzalwane othobekile noshisekayo wachitha iminyaka eminingi emakamu angamajele futhi wanikela konke ukuphila kwakhe enkonzweni kaJehova.

Maphakathi nawo-1940, uMfoweth’ uZiatek wakhonza njengenceku yezwe. Ngemva kokuboshwa, wahlala iminyaka eyishumi ejele entshonalanga ye-Ukraine. Wadedelwa ngo-1956, kwathi ngo-1957 waqala umsebenzi wakhe njengenceku yezwe. Ikomiti yezwe yayakhiwa abazalwane abangu-8 ngaphandle kukaMfoweth’ uZiatek: abane baseSiberia nabane base-Ukraine. Laba bazalwane babengamele umsebenzi wokushumayela ngoMbuso kulo lonke elase-U.S.S.R.

Ngenxa yokuqhelelana kwezindawo noshushiso olwalubhokile, laba bazalwane babengakwazi ukuxhumana kahle noma ukuba nemihlangano njalo. Ngokuhamba kwesikhathi, kwabhebhetheka amahlebezi nenhlebo ngoMfoweth’ uZiatek namanye amalungu ekomiti. Kwathiwa uMfoweth’ uZiatek ucheme nabophiko lwezokuphepha, kwathiwa wayezakhele umuzi omkhulu ngezimali okwakufanele zisetshenziselwe ukuthuthukisa umsebenzi wokufakaza, kwathiwa futhi wayebonakale edlubhe izingubo zamasosha. Leyo mibiko yaqoqwa yafakwa encwadini okugcinwa kuyo izinto ezihlukahlukene, yathunyelwa kubabonisi besifunda nabesigodi eSiberia. Yonke le mibiko yayingamanga aluhlaza cwe.

Ekugcineni, ngo-March 1959 abanye ababonisi besifunda baseSiberia bayeka ukuthumela imibiko yabo yenkonzo yasensimini ekomitini yezwe. Labo abazahlukanisa bazahlukanisa bengayitshelanga indlunkulu kuqala. Abazange futhi balandele isiqondiso sabazalwane bendawo ababemiselwe ukuba bengamele. Lokhu kwabangela ukwahlukana phakathi koFakazi BakaJehova e-U.S.S.R. iminyaka ethile.

Laba bazalwane abazehlukanisa banxenxa abanye ababonisi besifunda ukuba benze okufanayo. Ngenxa yalokho, imibiko yenkonzo yasensimini yanyanga zonke yezifunda ezithile yathunyelwa kubazalwane ababezahlukanisile kunokuba ithunyelwe ekomitini yezwe eyayimisiwe. Abazalwane abaningi emabandleni babengazi ukuthi imibiko yabo yenkonzo yasensimini yayingafiki ekomitini yezwe, ngakho umsebenzi wamabandla awuthintekanga. Umfoweth’ uZiatek waya ephindelela eSiberia, ngemva kwalokho izifunda eziningana zaqala ukuthumela imibiko yazo yenkonzo yasensimini ekomitini yezwe.

Ukubuyela Enhlanganweni Engokwasezulwini

Ngo-January 1, 1961, ngesikhathi ebuya ohambweni oluphathelene nezinto zenkonzo eSiberia, uMfoweth’ uZiatek waboshwa esiteshini. Waphinde wagwetshwa iminyaka eyishumi ejele, manje ezoya ekamu eliyijele “elikhethekile” eMordvinia, eRussia. ‘Lalikhetheke’ ngani leli kamu?

Ukudonsa izigwebo emakamu angamajele ahlukahlukene kwanikeza abazalwane ithuba lokushumayeza ezinye iziboshwa, futhi eziningi zaba oFakazi. Lokhu kwazicasula iziphathimandla. Umphumela waba ukuthi zanquma ukuba ziqoqele oFakazi abaholayo ekamu elilodwa ukuze bangabashumayezi abanye. Ngasekupheleni kwawo-1950, abazalwane abangaphezu kuka-400 nodade abangaba ngu-100 baqoqwa bakhishwa emakamu angamajele ahlukahlukene e-U.S.S.R. bafakwa emakamu angamajele amabili eMordvinia. Kulezi ziboshwa kwakunabazalwane bekomiti yezwe kanye nababonisi besifunda nabesigodi ababezahlukanisile nomzila wokuxhumana uJehova ayewusebenzisa. Lapho laba bazalwane bebona ukuthi uMfoweth’ uZiatek naye uboshiwe, baqaphela ukuthi sasingekho isizathu sokukholelwa ukuthi wayekade echeme nabophiko lwezokuphepha.

Phakathi naleso sikhathi, ngenxa yokuboshwa kukaMfoweth’ uZiatek, kwakwenziwe amalungiselelo okuba u-Ivan Pashkovskyi enze umsebenzi wenceku yezwe. Maphakathi no-1961, uMfoweth’ uPashkovskyi wahlangana nabazalwane abaholayo basePoland wabachazela ukuthi kunoqhekeko kubazalwane e-U.S.S.R. Wabuza ukuthi uNathan H. Knorr wasendlunkulu eBrooklyn angebhale yini incwadi ebonisa ukuthi usekela uMfoweth’ uZiatek. Kamuva, ngo-1962, uMfoweth’ uPashkovskyi wathola ikhophi yencwadi eyayibhalelwe oFakazi BakaJehova e-U.S.S.R., eyayibhalwe ngomhla ka-May 18, 1962. Yayithi: “Imibiko engiye ngiyithole ngezikhathi ezithile ibonisa ukuthi nina bafowethu e-U.S.S.R. niyaqhubeka nilondoloze isifiso esiqinile sokuba izinceku ezithembekile zikaJehova uNkulunkulu. Kodwa abanye kini baye baba nezinkinga lapho bezama ukulondoloza ubunye nabafowenu. Ngicabanga ukuthi imbangela yalokhu ukungabi nandlela enhle yokuxhumana kanye nokusakazwa ngamabomu kwezindaba ezingamanga zisakazwa abathile abamelene noJehova uNkulunkulu. Ngakho nginibhalela ngenjongo yokunazisa ukuthi iNhlangano iqaphela uMfoweth’ uPavlo Ziatek nabazalwane asebenza nabo njengababonisi abangamaKristu abaholayo e-U.S.S.R. Kufanele ningavumi ukuyekethisa ningayamukeli nemibono eyeqisayo. Kumelwe sibe abahluzekile, abanengqondo, abazivumelanisa nezimo futhi sinamathele ngokuqinile ezimisweni zikaNkulunkulu.”

Leyo ncwadi kanye neqiniso lokuthi uMfoweth’ uZiatek wayegwetshwe iminyaka eyishumi ejele kwasiza kwenza abantu bakaJehova baba nobunye e-U.S.S.R. Abazalwane abaningi ababezahlukanisile ababesemajele nasemakamu angamajele baqala ukuzihlanganisa kabusha nenhlangano. Baqonda ukuthi uMfoweth’ uZiatek wayengayikhaphelanga inhlangano nokuthi indlunkulu yayimsekela ngokugcwele. Lapho bebhalela imikhaya yabo nabangane, laba bazalwane ababoshiwe bakhuthaza abadala bamabandla akubo ukuba bathintane nabazalwane ababezigcine bethembekile futhi baqale ukubika umsebenzi wabo wenkonzo yasensimini. Phakathi neshumi leminyaka elalandela, iningi labazalwane ababezahlukanisile basilandela lesi seluleko, nakuba kwakulokhu kunzima ukufinyelela umgomo wobunye, njengoba sizobona.

Ukugcina Ubuqotho Emakamu Angamajele

Impilo yasemakamu angamajele yayinzima. Noma kunjalo, ngenxa yengokomoya labo, ngokuvamile izinto zazibahambela kangcono oFakazi ababoshiwe kunezinye iziboshwa. Babenezincwadi futhi bexhumana namanye amakholwa avuthiwe. Konke lokhu kwaba nesandla ekubagcineni besese futhi bethuthuka ngokomoya. Kwelinye ikamu eliyijele odade bagqiba izincwadi ngobunyoninco emhlabathini kangangokuba akekho owayengazithola. Omunye umhloli wake wathi ukuze ziqedwe nya zonke “izincwadi ezimelene namaSoviet” kule ndawo, kwakuzodingeka bembe bajule ngamamitha amabili kuyo yonke indawo ezungeze ijele labo futhi basefe umhlabathi! Odade ababeboshiwe babengashwampuluzi lapho betadisha omagazini kangangokuthi ngisho namanje, ngemva kweminyaka engu-50, abanye babo basengazisho ngekhanda izinto ezithile ezazikulezo zi-Nqabazokulinda.

Abazalwane nodade bahlala bethembekile kuJehova futhi abazange bazilahle izimiso zeBhayibheli, naphezu kwezikhathi ezinzima. UMariya Hrechyna, owahlala iminyaka emihlanu emakamu angamajele ngenxa yomsebenzi wakhe wokushumayela, ulandisa lokhu okulandelayo: “Ngesikhathi sithola INqabayokulinda enesihloko esithi ‘Ukungabi Nacala Ngenxa Yokuhlonipha Ubungcwele Begazi,’ sanquma ukuthi uma kudliwa inyama emini ngeke siye egunjini lokudlela. Inyama eyayiphekwa kulawo makamu ngokuvamile yayisuke ingophiswanga kahle. Lapho umphathi wejele lethu ezwa ukuthi kungani oFakazi bengayi ekudleni ngezinsuku ezithile emini, wanquma ukusiphoqa ukuba sephule izimiso zethu. Wakhipha umyalo wokuba kudliwe inyama zonke izinsuku ekuseni, emini nantambama. Kwaze kwaphela amasonto amabili sizidlela isinkwa nje kuphela. Sancika ngokuphelele kuJehova, sazi ukuthi ubona konke futhi uyazi ukuthi singakhuthazela isikhathi eside kangakanani. Ekupheleni kwesonto lesibili sidla loko ‘kudla,’ umphathi washintsha umqondo waqala ukusinika imifino, ubisi ngisho nebhotela. Sabona ukuthi uJehova uyasinakekela ngempela.”

Usizo Lokukhuthazela

Uma kuqhathaniswa nezinye iziboshwa, abazalwane balondoloza isimo sengqondo sethemba ngekusasa futhi benokuqiniseka. Lokhu kwabenza bakwazi ukukhuthazelela izingcindezi zasemajele amaSoviet.

UMfoweth’ u-Oleksii Kurdas, owahlala iminyaka eminingi emajele, uthi: “Ukholo oluqinile kuJehova naseMbusweni wakhe, ukuhlanganyela emsebenzini ongokwasezulwini ejele, nokuthandaza zikhathi zonke kwangisiza ngakhuthazela. Okunye okwangisiza kwakuwukuqiniseka ukuthi ngenza ngendlela ethokozisa uJehova. Ngazigcina ngimatasa futhi. Into esatshwayo kuwo wonke amajele ukuba nesithukuthezi. Singabulala ubuntu bakho futhi sikwenze ugule ngengqondo. Ngakho, ngazama ukuzigcina ngimatasa ngezinto ezingokwasezulwini. Ngangicela noma yiziphi izincwadi ezazikhona zomlando wezwe, ezesayensi yokuma komhlaba, nezesayensi yezinto eziphilayo emtatsheni wezincwadi wasejele. Ngangifuna izingxenye ezisekela imibono yami ngokuphila. Ngangikwazi ukuqinisa ukholo lwami ngokwenza kanjalo.”

Ngo-1962 uSerhii Ravliuk wahlala izinyanga ezintathu evalelwe yedwa esitokisini. Wayengekhulume namuntu, engekhulume ngisho nanonogada basejele. Ukuze azigcine ephila engqondweni, waqala ukuzikhumbuza yonke imibhalo ayeyazi. Wakhumbula amavesi eBhayibheli angaphezu kwenkulungwane, wawabhala phansi ezicucwini zamaphepha ngomsizi wepeni. Lo msizi wayewufihle emfantwini owawuphansi. Wakhumbula nezihloko zomagazini INqabayokulinda ezingaphezu kwekhulu ayezitadishe ngaphambili. Wenza izibalo wathola izinsuku zeSikhumbuzo zeminyaka engu-20 eyayizolandela. Konke lokhu kwamsiza wakhuthazela ngokwengqondo nangokomoya. Kwagcina ukholo lwakhe kuJehova luphilile futhi luqinile.

“Usizo” Lonogada Basejele

Naphezu kokuphikiswa abophiko lwezokuphepha, izincwadi zethu zazichusha kuyo yonke imingcele, zize zifinyelele nakubazalwane ejele. Onogada basejele babekubona nabo lokhu futhi ngezikhathi ezithile babeye baseshe bapeketule zonke izitokisi, becinga kuyo yonke imifantu. Onogada babezishintsha njalo iziboshwa, bazikhiphe kwesinye isitokisi bazifake kwesinye, ngawo belu umzamo wokuthola izincwadi. Njengoba iziboshwa zithuthwa, zaziseshwa impela nje, futhi uma zitholakala izincwadi, zazithathwa. Yini abazalwane ababeyenza ukuze izincwadi zingabanjwa?

Abazalwane babevame ukuthukusa izincwadi emicamelweni, komatilasi, ezicathulweni, nangaphansi kwezingubo zabo. Kwamanye amakamu babekopisha omagazini INqabayokulinda ngesandla esincane. Lapho iziboshwa zithuthwa ziyiswa kwezinye izitokisi, ngezinye izikhathi abazalwane babemboza lo magazini omncanyana ngepulasitiki bese bewufaka ngaphansi kolimi. Ngokwenza kanjalo, babekwazi ukulondoloza izicekana zokudla kwabo okungokomoya futhi baqhubeke bondleka ngokomoya.

UVasyl Bunha wahlala iminyaka eminingi emajele ngenxa yeqiniso. Yena nayeboshwe naye, uPetro Tokar, benza isinqe mbumbulu ebhokisini lamathuluzi lombazi. Bafihla kulo izincwadi ezithile ezazishushumbisiwe zangena ejele. Laba bazalwane babengababazi basejele, benikezwa leli bhokisi lamathuluzi lapho benza umsebenzi wokubaza phakathi ejele. Uma belanda leli bhokisi, babekhipha umagazini ukuze bayowukopisha. Ekupheleni komsebenzi wosuku, umagazini wawuphindiselwa ebhokisini lamathuluzi. Uma selibekwa leli bhokisi lamathuluzi, umphathi wejele wayehluthulela ngezingidi ezintathu livalelwe ngale kwezicabha ezimbili ezihluthulelwe, kwazise amasaha, amashizolo, namanye amathuluzi okubaza ayengase asetshenziswe yiziboshwa njengezikhali. Ngenxa yalokho, lapho kuseshwa izincwadi zeBhayibheli, onogada babengacabangi ukusesha ibhokisi lamathuluzi elihluthulelwe, elalihlala nezimpahla zomphathi wejele.

UMfoweth’ uBunha wathola enye indawo yokufihla amakhophi ezincwadi. Ngenxa yokuthi wayengaboni kahle, wayenezibuko eziningana. Isiboshwa ngasinye sasivunyelwe ukuba sibe nepheya elilodwa lezibuko ngesikhathi. Kwakufanele ezinye zigcinwe endaweni ekhethekile, iziboshwa zazikwazi ukuzicela uma zizidinga. UMfoweth’ uBunha wenzela izibuko zakhe isikhwama esikhethekile, wafaka kuso amakhophi amancane ezincwadi. Uma kudingeka abazalwane benze amakhophi omagazini, uMfoweth’ uBunha wayevele acele onogada basejele ukuba bamlethele ezinye izibuko zakhe.

Kwezinye izimo kwakubonakala sengathi yizingelosi kuphela ezingavikela izincwadi zingafiki konogada basejele. UMfoweth’ uBunha ukhumbula isikhathi uCheslav Kazlauskas aletha ngaso insipho engu-20 ejele. Ingxenye yayo yayigxishwe izincwadi zethu. Unogada wakhetha eyishumi kuyo wayibhoboza, kodwa akubanga yileyo eyayinezincwadi.

Umsebenzi Wokuphikelela Wokwakha Ubunye

Kusukela ngo-1963, abazalwane bekomiti yezwe babekwazi ukuthumela imibiko yenkonzo yasensimini eBrooklyn njalo. Kwahlelwa nokuba abazalwane bathole izincwadi zikuyi-microfilm. Ngaleso sikhathi, kwakunezifunda ezingu-14 kulo lonke elase-U.S.S.R., futhi ezine kuzo zazise-Ukraine. Njengoba abantu bakaNkulunkulu babanda, kwakhiwa izigodi ezingu-7 e-Ukraine. Ngezizathu zokuphepha, isigodi ngasinye sasibizwa ngegama lomuntu wesifazane. Isigodi sasempumalanga ye-Ukraine sasibizwa ngokuthi u-Alla; esasiseVolyn’ sasibizwa ngokuthi u-Ustina; esasiseHalychyna sasibizwa ngokuthi uLyuba; kanti eTranscarpathia kwakunezigodi ezazibizwa ngokuthi uKatya, uKristina noMasha.

Phakathi naleso sikhathi ama-KGB (iKomiti Yombuso Yezokulondeka) aqhubeka nemizamo yawo yokuqeda ubunye boFakazi. Isikhulu selinye ihhovisi lama-KGB sabhalela umphathi waso: “Ngenjongo yokwandisa uqhekeko kuleli hlelo, sisebenzela ukucindezela umsebenzi wenzondo wabaholi bama-Jehovist, ukubahlazisa emehlweni abakholwa nabo, nokudala umoya wokungathembani phakathi kwabo. Amanxusa ama-KGB enza amalungiselelo asiza ekuhlukaniseni leli hlelo laba amaqembu amabili aphikisanayo. Elinye iqembu lakhiwa abalandeli bomholi wama-Jehovist uZiatek, odonsa isigwebo ejele okwamanje, kanti elinye linabalandeli abathi baphikisa leli. Lezi zimo zadala isimo esihle nesizathu esihle sokwahlukana ngemibono phakathi kwamalungu avamile noqhekeko olwengeziwe emabandleni.” Le ncwadi yabe isivuma ukuthi imizamo yama-KGB yayinezingqinamba. Yaqhubeka: “Abaholi bama-Jehovist abasiphikisa kakhulu bathatha izinyathelo zokushafisa izenzo zethu, bazama ngazo zonke izindlela ukuqinisa ubunye emabandleni.” Yebo, abazalwane baqhubeka nomsebenzi wokwakha ubunye, futhi uJehova wayibusisa imizamo yabo.

Ama-KGB anikeza abazalwane ababezahlukanisile incwadi yamanga, okwathiwa ivela kuMfoweth’ uKnorr, eyayisekela umqondo wokuba kwakhiwe inhlangano yoFakazi BakaJehova eseceleni nezimele. Le ncwadi eyayicaphuna ukuhlukana kuka-Abrahama noLoti njengesibonelo sokwehlukana okuvumelekile nomzila wenhlangano, yasakazwa kulo lonke elase-U.S.S.R.

Abazalwane abathembekile bathumela ikhophi yale ncwadi eBrooklyn, kwathi ngo-1971 bathola impendulo eyayiveza ukuthi le ncwadi yayingabhalwanga inhlangano. Encwadini eyayibhalelwe abazalwane ababesazehlukanisile nabanye abantu bakaNkulunkulu, uMfoweth’ uKnorr washo loku okulandelayo: “Okuwukuphela komzila iNhlangano exhumana ngawo nani ngababonisi abamisiwe ezweni lakini. Abekho abanye abantu ezweni lakini abagunyazwe ukuba bahole ngaphandle kwalabo babonisi abamisiwe . . . Izinceku zikaJehova zangempela ziyiqembu elinobunye. Ngakho-ke ngithemba futhi ngithandazela ukuba nonke nibuyele ebunyeni bebandla lobuKristu ngaphansi kwababonisi abamisiwe nokuthi sengathi singahlanganyela ngobunye ekunikezeni ubufakazi.”

Le ncwadi yafeza lukhulu ekwenzeni abazalwane babe nobunye. Noma kunjalo, abanye babesazama ukuzitholela ngokwabo indlela yokuxhumana nendlunkulu, ngoba babengakawethembi umzila wokuxhumana owawukhona ngaleso sikhathi. Ngakho laba bazalwane abazehlukanisile banquma ukwenza isivivinyo esithile. Bathumela eBrooklyn imali eyiphepha engama-ruble ayishumi, bacela abazalwane ukuba bayidabule phakathi bese bezithumela e-Ukraine zombili lezi zingxenye: ingxenye eyodwa yemali ithunyelwe ngeposi kubazalwane abazehlukanisile, enye ingxenye ithunyelwe emzileni owawuzosetshenziswa yindlunkulu.

Ngempela, kwathunyelwa ingxenye eyodwa ngeposi. Eyesibili yahanjiswa ngesithunywa yayiswa amalungwini ekomiti yezwe. Wona ayinikeza abazalwane baseTranscarpathia abaholayo, bona abaya kobonana nabazalwane ababezahlukanisile. Kodwa abanye babazalwane ababezahlukanisile ababecabanga ukuthi ngempela amalungu ekomiti yezwe ayeyimisheshelengwana yabophiko lwezokuphepha aqhubeka nokungabathembi.

Noma kunjalo, iningi labazalwane ababezahlukanisile labuyela enhlanganweni. Imizamo kaSathane nama-KGB okuqothula inhlangano yoFakazi BakaJehova e-U.S.S.R. ngokubahlukanisa yabhuntsha. Abantu bakaJehova banda futhi baba namandla engeziwe, bewenza ngenkuthalo umsebenzi wokudala ubunye nowokutshala imbewu yeqiniso emasimini amasha.

UVasyl Kalin wathi: “Ziningi izindlela abazisebenzisa ukuze babulale isifiso sethu sokuphila ukuphila kobuKristu. Noma kunjalo saqhubeka sishumayeza esasidingiswe nabo ababengakholwa. Babedingiswe ngezizathu nangamacala ahlukahlukene. Abaningi basithanda isigijimi sethu. Ziningana impela izikhathi lapho laba bantu baba oFakazi BakaJehova ekugcineni. Lokhu bakwenza naphezu kokuba belwazi ushushiso esasiluthola kwabophiko loMbuso lwezokulondeka nakubaphathi bamakamu.”

Ukuphila KobuKristu Kuvinjelwe

Manje ake sibukeze kafushane ukuthi umsebenzi wobuKristu wawunjani phakathi namashumi okuqala eminyaka yokuvinjelwa. Umsebenzi woFakazi BakaJehova wavinjelwa kulo lonke elase-Ukraine kusukela ngo-1939. Noma kunjalo, umsebenzi wokushumayela nemisebenzi yebandla yaqhubeka, yize abazalwane kwadingeka baqaphe impela lapho befakaza kwabanye. Abantu abathakazelayo babengatshelwa neze zisuka nje ukuthi ngoFakazi BakaJehova laba ababahambelayo. Izifundo zeBhayibheli zazivame ukuqhutshwa ngeBhayibheli kuphela. Abantu abaningi balifunda ngale ndlela iqiniso.

Imihlangano yebandla yayiqhutshwa ngaphansi kwezimo ezifanayo. Ezindaweni eziningi, abazalwane babebuthana izikhathi eziningana ngesonto kusihlwa noma ezinzulwini zobusuku. Emafasiteleni babegaxa izindwangu eziwugqinsi ukuze bangabonwa futhi betadisha ngeziketekete. Ngokuvamile ibandla ngalinye lalithola ikhophi eyodwa kuphela ye-Nqabayokulinda eyayibhalwe ngesandla. Ngemva kwesikhathi, abazalwane baqala ukuthola omagazini abanyatheliswe ngomshini. Abazalwane babevame ukubuthana kabili ngesonto ezindlini zabanye baqhube iSifundo Se-Nqabayokulinda. Ama-KGB ayengayiyeki imizamo yawo yokuthungatha izindawo zemihlangano yoFakazi BakaJehova ukuze ajezise abazalwane abaholayo.

Abazalwane babesebenzisa nezikhathi zemishado nemingcwabo ukuze babe ndawonye futhi bakhuthazane ngezinkulumo zeBhayibheli ezilungiselelwe kahle. Emishadweni, odade nabazalwane abasebasha abaningi babefunda izinkondlo ezingesihloko esithile seBhayibheli, badlale namadrama eBhayibheli bewagqokele izingubo zakhona. Konke lokhu kwabanikeza ubufakazi obuhle abaningi abangebona oFakazi ababeba khona.

Phakathi nawo-1940 no-1950, abazalwane abaningi baboshwa futhi bagqunywa ejele ngoba nje babesuke besemihlanganweni enjalo. Nokho, ngawo-1960, isimo sashintsha. Lapho abophiko lwezokuphepha bewubhadama umhlangano, babeye babhale uhlu lwabo bonke ababekhona kulowo mhlangano, bese umninindlu ehlawuliswa ingxenye yomholo wenyanga. Ngezinye izikhathi lokhu kwakwenziwa nangendlela engenangqondo. UMykola Kostiuk nomkakhe bake bavakashela indodana yabo. Khona manjalo, kwatheleka abakwasidlodlo futhi babhala uhlu “lwabo bonke ababekhona.” Ngemva kwesikhathi, indodana kaMfoweth’ uKostiuk yabizwa ukuba izohlawula ngenxa “yomhlangano ongemthetho wama-Jehovist.” Umkhaya wakwaKostiuk wafaka isikhalo ngalesi sigameko, kwazise kwakungaqhutshwanga mhlangano. Iziphathimandla zayesula inhlawulo.

Ukugubha ISikhumbuzo

Kwakungelula ukubhekana ngokuphumelelayo nezinkinga ezibeleselayo. Noma kunjalo, abazalwane abazange badikibale futhi baqhubeka behlangana njalo. Ukugubha iSikhumbuzo kwakuyinselele ezidlula zonke. Ama-KGB ayeba neso elibukhali nakakhulu ngesikhathi seSikhumbuzo, kwazise ayehlale azi ukuthi singase sigujwe nini. Ayenethemba lokuthi uma ebagada oFakazi, ayezozithola izindawo okwakuzoqhutshelwa kuzo iSikhumbuzo. Abophiko lwezokuphepha babezobe sebekwazi “ukubonana” noFakazi abasha.

Abazalwane babewazi lawo maqhinga, ngakho babebaqapha ngendlela emangalisayo ngosuku lweSikhumbuzo. Babesigubha ezindaweni okunzima ukuzithola. Abathakazelayo babengatshelwa neze kusenesikhathi ukuthi iSikhumbuzo sizoba nini nokuthi sizoba kuphi. Ngokuvamile, oFakazi babeye baye emizini yabantu abathakazelayo ngosuku lweSikhumbuzo, babathathe baqonde nabo ngqó endaweni okuzohlanganelwa kuyo.

Abazalwane baseTranscarpathia bake bagubha iSikhumbuzo emakamelweni angaphansi kwendlu kadade othile. Njengoba la makamelo ayegcwele amanzi, akekho owayecabanga ukuthi abantu bangabuthana lapho kube kunamanzi afika emadolweni. Abazalwane bakha indawo ababezohlala kuyo ngaphezu kwamanzi, futhi bawalungisa la makamelo afanelekela iSikhumbuzo. Yize kwadingeka baqojame kule ndawo ababeyakhile ngezansi kophahla lwangaphakathi, abaphazanyiswanga muntu njengoba babegubha iSikhumbuzo ngenjabulo.

Phakathi nawo-1980, amalungu omunye umkhaya wamaKristu ahamba ekuseni ngovivi eya eSikhumbuzweni. Sekuzohlwa ahlangana nabanye abazalwane ehlathini bezogubha iSikhumbuzo. Laliyidliva, futhi bonke abazalwane nodade kwadingeka basondelane bakhosele ngaphansi kwezambulela, bephethe amakhandlela. Ngemva komthandazo wokuvala, bonke bahamba. Lapho lo mkhaya ufika ekhaya, wathola amasango evuliwe egcekeni. Kwacaca ukuthi kwakusale kwafika amaphoyisa noma abophiko lwezokuphepha bezobafuna. Yize babekhathele futhi bemanzi, bonke babejabulile ngokuthi babehambe ekuseni ekhaya baya eSikhumbuzweni, bangazithola sebebhekene ngeziqu zamehlo neziphathimandla.

EKiev kwakunzima kakhulu ukuba abazalwane bathole indawo elondekile yeSikhumbuzo. Ngomunye unyaka banquma ukugubha iSikhumbuzo ebhasini. Omunye umzalwane wayesebenzela inkampani yokuthutha engumshayeli wamabhasi, ngakho abazalwane baqasha ibhasi. Leli bhasi lagibelisa oFakazi BakaJehova bodwa, labe seliphumela ngaphandle kwedolobha laqonda endaweni eyishashalazi esehlathini. Phakathi ebhasini abazalwane nodade babeka itafula elincane elinezifanekiselo zeSikhumbuzo. Babefike nanokudla. Khona manjalo, kwathushuka abakwasidlodlo. Kodwa ababanga nasizathu sokuphazamisa abazalwane, ngoba abazalwane benza sengathi bazidlela ukudla kwakusihlwa ebhasini ngemva komsebenzi wosuku.

Kwezinye izindawo zase-Ukraine imizi yabazalwane yayipeketulwa ngosuku lweSikhumbuzo. Lalithi lingashona nje ilanga, kufike izimoto ezinamaphoyisa amathathu noma amane emizini yoFakazi. Amaphoyisa ayebheka ukuthi bakhona yini abazalwane emakhaya noma ukuthi ukhona yini umkhosi othile abawulungiselelayo. OFakazi babehlale bekulindele loku kuseshwa. Babeye bagqoke izingubo zokusebenza ezindala phezu kwezingubo zabo ezinhle, babe matasa nemisebenzi evamile yasendlini. Ngokwenza kanjalo babeshaya sengathi bazihlalele nje ekhaya akukho mkhosi wenkolo abahlele ukuya kuwo. Lapho nje amaphoyisa eseqedile ukusesha, babekhumula izingubo ezindala balungele ukuya eSikhumbuzweni. Iziphathimandla zendawo zazisuke zanelisekile ngokuthi ziwenzile umsebenzi wazo, kanti nabazalwane babekwazi ukugubha iSikhumbuzo ngokuthula.

Ukufihla Izincwadi

Khumbula ukuthi ekupheleni kwawo-1940, oFakazi BakaJehova babegwetshwa iminyaka engu-25 begqunywe ejele ngenxa nje yokutholakala benezincwadi emizini yabo. Ngemva kokufa kukaStalin ngo-1953, izigwebo zasejele zokutholakala nezincwadi zancishiswa zaba iminyaka eyishumi. Ngokuhamba kwesikhathi, uma utholakala nezincwadi zoFakazi wawujeziswa ngenhlawulo, izincwadi zithathwe zilahlwe. Ngakho phakathi naso sonke isikhathi sokuvinjelwa, abazalwane babecabangisisa kahle ukuthi bangazigcina kanjani izincwadi zilondekile.

Abanye babegcina izincwadi emizini yezihlobo ezingebona oFakazi noma komakhelwane; abanye babezigqiba ezingadini zabo zisemigqonyeni kathayela futhi zifakwe emapulasitikini. UVasyl Guzo, umdala waseTranscarpathia, ukhumbula ukuthi ngawo-1960 wayesebenzisa ihlathi eliseziNtabeni ZaseCarpathos ‘njengomtapo ongokwasezulwini.’ Izincwadi zakhe wayezifaka emakanini obisi ayehamba nawo aye ehlathini, awagqibe ngendlela yokuba izivalo zibe selevelini yinye nenhlabathi ezungezile.

Umzalwane othile owaduva iminyaka engu-16 emajele ngenxa yomsebenzi wakhe wobuKristu uyalandisa: “Izincwadi sasizithukusa nomaphi: ezindlini ezingaphansi komhlaba, emhlabathini, ezindongeni zezakhiwo, emabhokisini anezinqe ezibhangqene, nasezindlini zezinja ezazinephansi elibhangqene. Sasizifihla nasemishanelweni nasemaphinini okwenza ufulawa ube isicaba ayengamagobongo (sasivame ukugcina imibiko yenkonzo yasensimini kula maphini). Zazikhona nezinye izindawo esasizifihla kuzo—emithonjeni, ezindlini zangasese, ezicabheni, ophahleni, nasezinyandeni zezinkuni.”

Izindawo Zokunyathelisa Ezingaphansi Komhlaba

Naphezu kokuqapha ngeso elibukhali kwezinhloli ezingamaKhomanisi neziphathimandla, ukudla okungokomoya kwaqhubeka kulungiselelwa labo ababelambele futhi bomele ukulunga. Izitha zeqiniso zehluleka ukuvimbela ukungena kwezincwadi zethu e-U.S.S.R. futhi kwadingeka zikuvume lokho. Ekupheleni kuka-1959, i-Gudok, iphephandaba lezisebenzi zakwaloliwe eSoviet, laze lathi oFakazi BakaJehova babengenisa izincwadi zeBhayibheli eSoviet Union ngamabhaluni!

Kodwa izincwadi zethu zazingangeni ngamabhaluni e-Ukraine. Zazenziwa khona kuleli zwe emizini yabazalwane. Ngokuhamba kwesikhathi, abazalwane bathola ukuthi indawo engcono nelondeke ukuzedlula zonke yokunyathelisa izincwadi kwakuyindlu efihlekile engaphansi. Bazakha ezindlini ezingaphansi komhlaba nasemagqumeni.

Ngawo-1960, kwakhiwa indlu enjalo empumalanga ye-Ukraine. Yayinezimbobo zomoya nogesi. Umnyango ongena kule ndlu wawufihleke kahle kangangokuba amaphoyisa ake achitha usuku lonke ephezu kwayo le ndlu egqula umhlabathi ngezinsimbi. Abuya nenduku yombangandlala.

Abophiko lwezokuphepha bake bayiqapha ngeso elibukhali indawo yokunyathelisa ngomshoshaphansi. Babesola ukuthi kwakunyatheliswa izincwadi kuleyo ndlu, futhi bayigada ukuze babambe labo abahilelekile. Kwabadalela inkinga lokhu abazalwane. Babezoliletha kanjani iphepha kule ndlu, bazikhiphe kanjani futhi izincwadi? Ekugcineni, balithola icebo. Umzalwane othile wasonga izitaki zamaphepha ngengubo yomntwana, wangena nazo endlini ezigone sengathi ugone umntwana. Esengaphakathi, washiya amaphepha, wasonga omagazini abasanda kunyatheliswa ngengubo yomntwana, wayesephuma nalo “mntwana.” Izisebenzi zama-KGB zazimbuka lo mzalwane ephuma engena kodwa azisolanga lutho.

Abazalwane baseDonetsk, eCrimea, eMoscow, naseLeningrad (manje eyiSt. Petersburg) babethola izincwadi ezazinyatheliswe kule ndlu. Abazalwane abasebasha abambalwa bakha indlu efanayo edolobheni laseNovovolynsk, esifundeni saseVolyn’. Laba bazalwane babezimisele kakhulu ukukugcina kuyimfihlo ukuthi le ndlu efihliwe ikuphi kangangokuthi baze bavumela abanye abazalwane ukuba bayibone ngemva kweminyaka engu-9 umsebenzi wethu usuqashelwa ngokusemthethweni e-Ukraine!

Indawo yokunyathelisa efanayo yayisetshenziswa kude lé phakathi kweziNtaba ZaseCarpathos. Abazalwane babedonsa amanzi ngamapayipi esuka emfudlaneni omncane angene kule ndlu engaphansi emgodini, bese la manzi ephenduphendula umshini omncane ophehla ugesi, ababekhanyisa ngawo yize umshini wokunyathelisa wona wawugwedlwa ngesandla. Ziningi kakhulu izincwadi ezanyatheliswa kule ndlu engaphansi komhlaba. Lapho ama-KGB ephawula ukuthi kutholakala izincwadi ezengeziwe kule ndawo, athungatha indawo ezazinyatheliswa kuyo. Amaphoyisa emba ngapha nangapha efuna le ndawo. Aze azishaya ososayensi bokuma komhlaba futhi azulazula ezintabeni.

Lapho abazalwane besola ukuthi zase zihubela sakusha, u-Ivan Dziabko wavolontiya ukuba agade le ndawo, ngoba wayengashadile futhi uma eboshwa, akukho zingane ezaziyolahlekelwa ubaba. Ekupheleni kwehlobo lika-1963 yatholakala le ndlu engaphansi komhlaba futhi uMfoweth’ uDziabko wabulawa ngaleso sikhathi eduze kwayo. Zajabula iziphathimandla zendawo zaze zahlela ukuba kube nohambo lwamahhala lwabantu abadala nezingane bayobuka “indawo oFakazi BakaJehova ababexhumana kuyo ngomsakazo neMelika.” Yize kwakungamanga lawo, lesi sehlakalo esibuhlungu sanikeza ubufakazi kubo bonke abantu kuleyo ndawo. Abaningi baqala ukuba nesithakazelo esikhudlwana esigijimini sethu. Sikhuluma nje kunamabandla angaphezu kwangu-20 kuleyo ngxenye yeziNtaba ZaseCarpathos.

Ukubaluleka Kokuqeqesha Kwabazali

Ngaphandle kokuthathwa kwezincwadi, ukuhlawuliswa, ukuboshwa, ukuhlukunyezwa, nokubulawa, abanye oFakazi babhekana nezigigaba ezibuhlungu zokuphucwa izingane zabo. ULydia Perepiolkina owayehlala empumalanga ye-Ukraine wayenezingane ezine. Umyeni wakhe, owayeyisikhulu somnyango wezasekhaya, wafaka isicelo sesehlukaniso ngo-1964 ngoba uLydia enguFakazi. Inkantolo yanquma ukuphuca uDade Perepiolkina ilungelo lokuthola izingane zakhe. Amawele akhe aneminyaka engu-7—umfana nentombazane—anikwa umyeni wakhe, owahamba nawo walibangisa entshonalanga ye-Ukraine, endaweni eqhele ngamakhilomitha ayinkulungwane. Inkantolo yakhipha isinqumo sokuba ezinye izingane ezimbili ziyiswe ekhaya lezintandane. Ngesikhathi kuthiwa uLydia akaveze uvo lwakhe, watshela inkantolo: “Ngicabanga ukuthi uJehova unamandla okungibuyisela izingane zami.”

Ngemva kwecala uLydia wasibona isiqondiso sikaJehova nokukhathalela kwakhe. Ngasizathu simbe, iziphathimandla aziziyisanga lezi ezinye izingane ezimbili ekhaya lezintandane, kodwa zaziyeka zahlala naye. Kwaze kwaba iminyaka engu-7 ilandelana uLydia evakashela ezinye izingane zakhe ezimbili, amawele, uma yena eseholidini. Yize umyeni wakhe ayengafuni ukuba uLydia azibone, akazange adikibale. Uma esefikile edolobheni ezazihlala kulo izingane zakhe, wayelala ubusuku esiteshini sesitimela abese ebonana nezingane zakhe lapho ziya esikoleni. La mathuba ayigugu wayewasebenzisela ukuzitshela ngoJehova.

Yahamba iminyaka, futhi ngokwethembeka uLydia ‘wahlwanyela ngezinyembezi’ enhliziyweni yezingane zakhe. Kamuva wakwazi ‘ukuvuna ngokuthokoza.’ (IHu. 126:5) Lapho la mawele eseneminyaka engu-14, azikhethela ukuhlala nonina. ULydia wazikhandla efundisa izingane zakhe iqiniso. Nakuba ezimbili zazo zizikhethele inkambo ehlukile, uLydia namawele basakhonza uJehova ngokwethembeka.

Izinto Ziba Ngcono

Ngo-June 1965 iNkantolo Ephakeme Yase-Ukraine yakhipha isinqumo sokuthi izincwadi zoFakazi BakaJehova zingezenkolo futhi azimelene namaSoviet. Nakuba leso sinqumo kwakungesecala elilodwa, saba nomthelela kwezinye izinqumo zenkantolo ezazizokwenziwa esikhathini esizayo kulo lonke elase-Ukraine. Iziphathimandla zayeka ukubopha abantu ngoba befunda izincwadi zeBhayibheli, yize zaqhubeka zibabopha oFakazi ngenxa yomsebenzi wabo wokushumayela.

Olunye ushintsho oluphawulekayo lwenzeka ekupheleni kuka-1965. Uhulumeni wase-U.S.S.R. wakhipha isinqumo esasikhulula bonke oFakazi ababedingiselwe eSiberia ngo-1951. Manje base bevunyelwe ukuba bahambe ngokukhululeka kulo lonke elaseSoviet Union, yize babengenalo ilungelo lokufuna ukuba babuyiselwe izindlu zabo, izinkomo nokunye ababephucwe kona. Ngenxa yezinkinga eziphathelene nokubhalisa, bambalwa kuphela ababengabuyela lapho babehlala khona ngaphambili.

Abazalwane abaningi ababethunyelwe eSiberia ngo-1951 baqala ukuhlala ezindaweni ezihlukahlukene zase-U.S.S.R., njengaseKazakhstan, eKyrgyzstan, eGeorgia, naseCiscaucasia. Abanye bahlala empumalanga naseningizimu ye-Ukraine, befika nembewu yeqiniso kulezi zindawo.

Bagxilile Naphezu Kokucindezeleka

Nakuba lezi zinguquko ezingenhla zaletha ubungcono, ama-KGB ayengayishintshanga indlela abheka ngayo oFakazi BakaJehova. Asebenzisa izindlela ezihlukahlukene ezama ukwesabisa oFakazi ukuze balahle ukholo lwabo. Ngokwesibonelo, omunye wemikhuba ayewenza kwakuwukulanda umzalwane emsebenzini, agqunywe izinsuku ezimbalwa ehhovisi lama-KGB noma ehhotela. Njengoba egqunywe lapho, amalungu amathathu noma amane e-KGB ayemthethisa lo mzalwane, ampheke ngemibuzo, amnxenxe noma amsongele. Babededelana ukuze umzalwane angakwazi ukulala. Ngemva kwalokho, umzalwane wayededelwa, aphinde abanjwe kube yiso sona leso ngemva kosuku noma ezimbili. Ama-KGB ayekwenza lokhu nakodade, yize kwakwethukela.

Abazalwane babebizwa bebiziwe emahhovisi ama-KGB. Ngokucindezela abazalwane ukuba balahle ukholo lwabo, abophiko lwezokuphepha babenethemba lokuthola abanye abantu ababezochema nabo bengaphakathi enhlanganweni. Ngaphezu kwalokho, babebacindezela ngokuziphatha okubi nangokomzwelo abazalwane uma bengavumi ukulahla ukholo lwabo. Ngokwesibonelo, uMykhailo Tilniak, owaba umbonisi wesifunda iminyaka eminingi eTranscarpathia, uyakhumbula: “Ngesinye isikhathi lapho sixoxa, amaphoyisa ezokuphepha ayegqoke iyunifomu yempi aba nomusa ongandile futhi akhuluma nami kahle. Angimema ukuba ngiyodla nawo esitolo sokudlela esasiseduze. Kodwa ngamane ngamamatheka, ngabeka ama-ruble angu-50 (cishe uhhafu womholo wenyanga) etafuleni, ngawatshela ukuthi angahamba wona ayodla mina ngeke ngikwazi.” UMfoweth’ uTilniak wayazi kahle ukuthi nakanjani ayezomthatha isithombe ngesikhathi esadla futhi ephuza nabantu abagqoke iyunifomu yempi. Lezo zithombe zazingase zisetshenziswe kamuva “njengobufakazi” bokuthi wayelulahlile ukholo lwakhe. Lokhu kwakuyotshala imbewu yokungathembani kubazalwane.

Abaningi bacindezelwa amashumi eminyaka ukuba balahle ukholo lwabo. Isibonelo salokhu uBela Meysar waseTranscarpathia. Lapho eboshwa okokuqala ngo-1956, lo mzalwane osemusha owayentula okuhlangenwe nakho, ngokungazi wasayina amaphepha athile aphathelene nomsebenzi wethu, okwaholela ekutheni abanye abazalwane babizelwe kwabophiko lwezokuphepha. Kamuva, uMfoweth’ uMeysar walibona iphutha lakhe futhi wancenga uJehova ukuba kungabi namzalwane ogwetshwayo kulabo. Ngempela abazange baboshwe, kodwa uMfoweth’ uMeysar yena wagwetshwa iminyaka engu-8 esejele.

Esebuyele ekhaya, wenqatshelwa ukuphuma endaweni yakubo kuze kuphele iminyaka emibili. Njalo ngoMsombuluko kwakudingeka ayoziveza esiteshini samaphoyisa ukuze abhaliswe. Ngenxa yokuthi wenqaba ukuyoqeqeshelwa ukulwa ngo-1968, wagwetshwa unyaka owodwa esejele. Esesidonsile isigwebo sakhe, wabuyela ekhaya waqhubeka ekhonza uJehova ngentshiseko. Ngo-1975, eneminyaka engu-47, waphinde wagwetshwa.

Lapho uMfoweth’ uMeysar eqeda ukudonsa isigwebo seminyaka eyisihlanu egqunywe ejele, wadingiselwa eRussia iminyaka eyisihlanu, endaweni ebizwa ngokuthi iYakutsk. Wahanjiswa ngendiza ngoba yayingekho imigwaqo eya lapho. Ngesikhathi esendizeni, izinsizwa ezingamasosha ezazithunywe ukuba zimgade zambuza: “Khehla, uze ube isigebengu esiyingozi kangaka, kwenzenjani”? UMfoweth’ uMeysar waziphendula wazichazela ngendlela aphila ngayo futhi wazinikeza ubufakazi obuhle mayelana nenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba.

Ekuqaleni, ngemva kokufika kukaMfoweth’ uMeysar, iziphathimandla zalapha zaziwesaba lo “mgulukudu wesigebengu esiyingozi,” njengoba ayechazwe kanjalo ezincwadini zakhe. Ngemva kwesikhathi, ngenxa yokuziphatha okuhle kobuKristu kukaMfoweth’ uMeysar, iziphathimandla zalapha zatshela isikhulu sezokuphepha zathi: “Uma ninazo ezinye izigebengu ezinje, sicela nizithumele kithi.”

UMfoweth’ uMeysar waphindela ekhaya ngo-1985 eneminyaka engu-57. Phakathi neminyaka engu-21 esejele, umkakhe othembekile uRegina wayehlala emzini wabo eTranscarpathia. Naphezu kwebanga elide nezindleko ezimba eqolo ezazihilelekile, wayevame ukumvakashela umyeni wakhe ejele, ehamba amakhilomitha angu-140 000.

Ngisho esededelwe, amaphoyisa nezikhulu zokuphepha babefika befikile emzini kaMfoweth’ uMeysar edolobhaneni laseRakoshyno. Loko kuvakasha kwabo kwaholela esimweni esihlekisayo. Ekuqaleni kwawo-1990, uTheodore Jaracz weNdikimba Ebusayo kanye nabazalwane bekomiti yezwe bavakashela idolobha laseTranscarpathia i-Uzhgorod. Lapho besendleleni bephindela eLvov, banquma ukudlula babone uMfoweth’ uMeysar. Udade owayehlala eduze kwalapho wabona izimoto ezintathu zima emzini owawungadle ngakubukeka kaMfoweth’ uMeysar, kwabe sekwehla amadoda angu-9. Ethukile, wathi galo yephuka elibangise komunye umzalwane, wafika ehefuzela wambikela ukuthi ama-KGB asefikile futhi azobopha uMfoweth’ uMeysar! Kwathi gidi lapho ethola ukuthi wayenze iphutha!

Intuthuko Nezinguquko Enhlanganweni

UMichael Dasevich wamiswa waba inceku yezwe ngo-1971. Ngaleso sikhathi ikomiti yezwe yayakhiwa abazalwane abathathu basentshonalanga ye-Ukraine, ababili baseRussia, noyedwa waseKazakhstan. Ngamunye kubo wayekhonza nanjengombonisi ojikelezayo. Ngaphandle kwalokho, ngamunye wabo wayenomsebenzi wokuziphilisa ukuze ondle umkhaya wakhe. Amasimu ayeqondiswa ngabazalwane basentshonalanga ye-Ukraine ayekude impela nendawo ababehlala kuyo. UStepan Kozhemba waya eTranscarpathia kanti u-Alexei Davidjuk wayehambela enye ingxenye yentshonalanga ye-Ukraine kanye ne-Estonia, iLatvia, neLithuania. UMfoweth’ uDasevich waya empumalanga ye-Ukraine, eRussia ephakathi nesentshonalanga, eCiscaucasia, naseMoldavia. Abazalwane bekomiti yezwe babezihambela njalo lezi zindawo ezibalwe ngenhla, baqhube imihlangano nababonisi besifunda nabesigodi, bakhuthaze oFakazi bendawo, baqoqe nemibiko yenkonzo.

Laba bazalwane babexhumana nezithunywa ezazivela phesheya zize njengezivakashi, ziphethe izincwadi neposi. Kusukela ekupheleni kwawo-1960 kuze kube yilapho kutholakala inkululeko engokwenkolo ngo-1991, ababesiphikisa babehluleke bancama ukuvimba lokhu kulethwa kweposi.

Ngo-1972 iNdikimba Ebusayo yakhipha isiqondiso sokuba kubhalwe phansi amagama abazalwane ababengase batuswe ukuba bamiswe njengabadala. Abanye abazalwane babemathintanyawo, besabela ukuthi ngandlela-thile lolu luhlu lwamagama lwalungase luwele ezandleni zamaphoyisa. Kwakungakaze kube nohlu olunjalo kunoma yiliphi ibandla ngaphambili. Ngokuvamile, abazalwane babengazazi ngisho nezibongo zabanye abazalwane ebandleni labo. Ekuqaleni bambalwa abatuswa ukuba bakhonze njengabadala ngoba abaningi babengafuni ukuba amagama abo abhalwe kunoma yiluphi uhlu. Kodwa ngemva kwesikhathi esithile leli lungiselelo lisebenza futhi kungenzeki lutho olubi, abanye bawushintsha umqondo, batuswa, futhi ngokwethembeka bathwala imithwalo yemfanelo njengabadala emabandleni.

Isivikelo SikaJehova Ngesikhathi Sokuseshwa

Langa limbe ekuseni amaphoyisa afika ezosesha emzini kaVasyl noNadiya Bunha. UDade Bunha wayesekhaya nendodana yabo eneminyaka emine eyayilele ngesikhathi kuzwakala ukungqongqoza emnyango kungalindelekile. Azi ukuthi kwakungamaphoyisa, uDade Bunha washesha wayiphonsa esitofini imibiko yenkonzo yasensimini namanye amaphepha ahlobene nomsebenzi wokufakaza. Wabe esewavulela amaphoyisa. Amaphoyisa aphuthuma esitofini, ayikhipha ngokucophelela le mibiko eshile, ayendlala ephepheni phezu kwetafula. Kwakusabonakala okubhaliwe ephepheni elishile. Lapho eseqedile ukusesha endlini, wonke amaphoyisa kanye noDade Bunha baya eshede beyosesha khona. Njengoba besaphumile, waphaphama lo mfanyana, ezibonela amaphepha ashile phezu kwetafula, wanquma ukuwasusa ecoca. Wayithatha yonke le mibiko eshile wayiphonsa emgqonyeni wezibi. Wabe esephindela embhedeni wakhe. Lapho ebuyela endlini amaphoyisa, ashaqeka futhi aphoxeka lapho ethola ukuthi “ubufakazi” bawo obucikizelayo kodwa “obuphathekayo” babungasekho!

Umuzi wakwaBunha waphinde waseshwa ngo-1969. Kulokhu, uMfoweth’ uBunha wayesekhaya, futhi amaphoyisa athola umbiko webandla wenkonzo yasensimini. Kodwa ngobudedengu awushiya phezu kwetafula, okwanikeza uMfoweth’ uBunha ithuba lokuwulahla. Ngokwenza kwakhe kanjalo, wagwetshwa izinsuku ezingu-15 egqunywe ejele. Ngemva kwalokho, abophiko lwezokuphepha bamphoqa uMfoweth’ uBunha ukuba athuthe; ngenxa yalokho kwaba isikhathi impela ehlala futhi eshumayela eGeorgia naseDagestan. Kamuva waphindela e-Ukraine futhi wahlala ethembekile waze washona ngo-1999.

“Uhambo Lwezithunywa Zevangeli” Luhlelwa Abophiko Lwezokuphepha

Ngawo-1960 nawo-1970, abazalwane abaningi abakhuthele baphoqwa ngabophiko lwezokuphepha ukuba balokhu bethutha. Sasiyini isizathu salokhu? Iziphathimandla zendawo zazingafuni ukuthumela eKiev imibiko eyayizokwehla kabuhlungu emphinjeni yemiphumela yomsebenzi wokuphikisana nenkolo ezifundeni zazo. Njengoba zazibagadile, iziphathimandla zendawo zazibona ukuthi inani loFakazi BakaJehova lalanda unyaka nonyaka. Kodwa emibikweni yazo ezaziyithumela eKiev zazifuna ukubonisa ukuthi oFakazi abandi. Ngakho iziphathimandla zendawo zaziphoqa abazalwane ukuba bayishiye indawo yakubo ukuze zikwazi ukubika ukuthi oFakazi abandi endaweni yazo.

Loku kuthutha koFakazi besuka kwenye indawo beya kwenye kwaholela ekusakazekeni kwembewu yeqiniso. Kwakuvamise ukuba kuthuthe oFakazi abaholayo emsebenzini. Eqinisweni, laba bazalwane nodade abashisekayo “babekhuthazwa” yiziphathimandla ukuba, njengoba sisho namuhla, bathuthele lapho “kunendingeko enkudlwana khona.” Bakhonza kulezi zindawo, futhi ngemva kwesikhathi kwamiswa amabandla amasha.

Ngokwesibonelo, u-Ivan Malitskyi waseTernopol’ kwathiwa akahambe emzini wakhe. Wathuthela eCrimea eningizimu ye-Ukraine, lapho kwakukhona khona idlanzana nje labazalwane. Kwakunebandla elilodwa vó eCrimea ngo-1969, kodwa manje kunangaphezu kuka-60! U-Ivan Malitskyi usaqhubeka ekhonza njengomdala kwelinye lawo.

Iminyaka Yokugcina Yokuvinjelwa

Ngo-1982, ngemva kokushintsha kobuholi bezombusazwe e-U.S.S.R., kwagadla elinye igagasi loshushiso kulo lonke elase-Ukraine, elathatha iminyaka emibili. Kubonakala sengathi lolu shushiso lwalungagunyaziwe abaholi be-U.S.S.R. Kunalokho, abaholi abasha baseSoviet bafuna ukuba kube nezinguquko ngenkani ezifundazweni ezingama-republic. Ukuze zibonise intshiseko nokuzimisela ekwenzeni izinguquko ezinjalo, iziphathimandla ezingxenyeni ezithile zase-Ukraine zabopha oFakazi abambalwa abavelele. Yize leli gagasi loshushiso lingalithintanga iningi labazalwane, abanye oFakazi bahlukumezeka ngokomzwelo nasemzimbeni.

Ngo-1983, u-Ivan Migali waseTranscarpathia wagwetshwa iminyaka emine ejele. Iziphathimandla zaseSoviet zadla zonke izimpahla zalo mdala owayeneminyaka engu-58. Ngesikhathi kupeqululwa emzini kaMfoweth’ uMigali, abophiko lwezokuphepha bathola omagazini bethu abangu-70. Le ndoda ethobekile nenokuthula yayaziwa kakhulu emphakathini wakubo ngokuthi ingumshumayeli weBhayibheli. La maqiniso amabili—ukuba nezincwadi nokushumayela—aba yizizathu zokumbopha.

Kwaqulwa uchungechunge lwamacala amaqembu empumalanga ye-Ukraine phakathi no-1983 no-1984. OFakazi abaningi bagqunywa ejele iminyaka esuka kwemine kuya kwemihlanu. Iningi labazalwane kwadingeka lidonse izigwebo zalo e-Ukraine, hhayi eSiberia noma eKazakhstan ebandayo. Abanye babeshushiswa ngisho nasejele uma bebekwa amacala-mbumbulu okwephula imithetho yasejele. Injongo yayiwukuthola izizathu zokwandisa izigwebo zabo.

Onogada abaningana basejele bathumela abazalwane nasezibhedlela zaseSoviet zabagula ngengqondo, bethemba ukuthi oFakazi bazosangana bese beyeka ukukhonza uNkulunkulu. Kodwa umoya kaJehova wabasekela abazalwane, futhi bahlala beqotho kuJehova nasenhlanganweni yakhe.

Ukunqoba Kokubusa Kwasezulwini

Engxenyeni yesibili yawo-1980, ukuphikiswa kokukhulekela okuhlanzekile kwathi ukudamba. Abamemezeli banda emabandleni, futhi abazalwane bathola izincwadi ezengeziwe. Uma bekade bevakashele izihlobo phesheya, abanye oFakazi babebuya nomagazini nezincwadi. Abazalwane, ikakhulu labo ababesemakamu angamajele aseSoviet, babeqala ngqá ukubamba ngezandla zabo incwadi yeBhayibheli engakopishiwe. Noma kunjalo, abanye babengakholwa ukuthi babeyophila baze babone usuku INqabayokulinda engakopishiwe eyayiyodlula ngalo ingene eZweni LamaKhomanisi.

Ngemva kweminyaka eminingi iziphathimandla zilwa noFakazi BakaJehova, ekugcineni zaqala ukuthamba. Manje abazalwane bamenywa ukuba baxoxe nabameleli balapha bamahhovisi ezindaba zezenkolo. Ezinye zalezi ziphathimandla zazizimisele ukuxoxa noFakazi BakaJehova abavela endlunkulu yomhlaba wonke eBrooklyn. Kuyaqondakala ukuthi inkukhu yaqale yawusola ummbila kubazalwane. Kodwa kwacaca ukuthi izikhathi zase zibashintshele ngempela abantu bakaJehova. Ngo-1987 iziphathimandla zaqala ukudedela oFakazi ababegqunywe ejele. Ngemva kwesikhathi, iningi labazalwane lazama ukuya emhlanganweni wesigodi wango-1988 ePoland engumakhelwane. Ngokusho kwamaphepha abo, babevakashela abangane nezihlobo. Abeve bamangala lapho iziphathimandla zibavumela ukuba baye phesheya! Abazalwane basePoland baba nesandla esivulekile bazipha izincwadi lezi zivakashi zase-Ukraine. Lapho sebegoduka, abazalwane base-Ukraine baseshwa emngceleni, kodwa izikhulu eziningi zalapho kuseshwa khona azizange zizithathe izincwadi zeBhayibheli. Ngakho, abazalwane bakwazi ukungena namaBhayibheli nezinye izincwadi kuleli zwe.

Abazalwane basePoland abanomoya wokungenisa izihambi bamema abanye abengeziwe base-Ukraine ukuba babavakashele ngonyaka olandelayo. Ngakho, ngo-1989 izinkulungwane zaya ngobuhlakani emhlanganweni wezizwe ePoland futhi zabuyela e-Ukraine nezincwadi ezengeziwe. Ngawo lowo nyaka, ngokwesivumelwano esenziwa neHhovisi Lomnyango Wezenkolo, oFakazi BakaJehova bavunyelwa ukuba bathole izincwadi zenkolo ezivela phesheya ngeposi, kodwa kube amakhophi amabili kuphela encwadi ephaseleni elilodwa. Abazalwane baseJalimane baqala ukuthumela amaphasela ezincwadi nomagazini njalo. Esikhundleni sokwenza amakhophi omagazini ngomshoshaphansi ezindlini ezingaphansi komhlaba noma kwesikabhadakazi emakamelweni angaphansi emizini yabo, abazalwane manje base bethola izincwadi eposini lendawo ngokusemthethweni. Wawungathi iphupho! Abaningi asebemnkantsh’ ubomvu babezizwa ngendlela azizwa ngayo amaJuda lapho ebuyela eJerusalema ngemva kokudingiswa, athi: “Sasinjengabaphuphayo.” (IHu. 126:1) Kodwa lalisaqala nje leli “phupho” elimnandi.

Umhlangano Wesigodi WaseWarsaw

Ngo-1989 abazalwane baseBrooklyn basikisela ukuba ikomiti yezwe iqale ukubamba izingxoxo neziphathimandla ngenjongo yokubhalisa inkonzo yethu yasobala. Ngaphezu kwalokho, uMilton Henschel noTheodore Jaracz baseBethel yaseBrooklyn bavakashela abazalwane e-Ukraine. Ngonyaka olandelayo, iziphathimandla zanikeza imvume yokuba izinkulungwane zoFakazi BakaJehova ziye emhlanganweni ePoland. Lapho bebhalisela uhambo, abazalwane—ngeqholo nangamehlo aqhakazile—basho bangafihla ukuthi bafuna ukuya ePoland ukuze baye emhlanganweni woFakazi BakaJehova, hhayi ukuba bayovakashela abangane nezihlobo zabo!

Umhlangano waseWarsaw wawukhetheke kakhulu ezihambelini zase-Ukraine. Kwakugeleza izinyembezi zenjabulo ezihlathini zazo: injabulo yokuhlangana namanye amaKristu, injabulo yokuzitholela ezazo izincwadi ezinemibala emine ngolimi lwazo, nenjabulo yokuba nenkululeko yokuhlangana ndawonye. Abazalwane basePoland bazamukela ngomoya omuhle nangothando lezi zihambi, bezinikeza konke ezazikudinga.

Iziboshwa eziningi ezaziboshelwe ukholo zahlangana okokuqala kulo mhlangano waseWarsaw. Abangaphezu kwekhulu ababesekamu “elikhethekile” laseMordvinia—lapho oFakazi abaningi babeboshwe khona—babonana lapho. Abaningi bavele bama phuhle babukana, bekhala izinyembezi zenjabulo. Omunye uFakazi waseMoldavia owayehlale iminyaka emihlanu esitokisini esisodwa noBela Meysar wayengasamboni. Kwakwenziwa yini? “Mina ngikwazi ugqoke izingubo ezimthende, ngingakubona kanjani manje uma usugqoke isudi wabopha nothayi!” ebabaza.

Ekugcineni, Inkululeko Engokwenkolo!

Ekupheleni kuka-1990 izinkantolo zokwahlulela zaqala ukwesula amacala abanye oFakazi BakaJehova, zababuyisela amalungelo abo. Ngesikhathi esifanayo, ikomiti yezwe yabumba iqembu elamelela oFakazi BakaJehova emihlanganweni yabo neziphathimandla zikahulumeni. UWilli Pohl wasegatsheni laseJalimane uyena owayengamele leli qembu.

Imihlangano engapheli eyayiqhutshwa neziphathimandla zoMbuso eMoscow naseKiev yalethela oFakazi inkululeko okwase kukudala beyilindele. Inhlangano engokwenkolo yoFakazi BakaJehova yabhaliswa ngokomthetho e-Ukraine ngo-February 28, 1991, okwakuwukubhaliswa kokuqala ngqá endaweni yase-U.S.S.R. Ngemva kwenyanga ngo-March 27, 1991, le nhlangano yabhaliswa nakuHulumeni Wobumbano WaseRussia. Ngaleyo ndlela, ngemva kweminyaka engaphezu kuka-50 yokuvinjelwa nokushushiswa, oFakazi BakaJehova bagcina beyitholile inkululeko engokwenkolo. Ngemva nje kwalokho, ekupheleni kuka-1991, iSoviet Union yaphela, i-Ukraine yamemezela ukuthi isiyazibusa.

Inhlabathi Enhle Ikhiqiza Inala

Ngo-1939, ezweni eliyi-Ukraine manje, kwakunabamemezeli boMbuso kaNkulunkulu abayinkulungwane abahlwanyela imbewu yeqiniso enhlabathini evundile—izinhliziyo zabantu. Phakathi neminyaka engu-52 yokuvinjelwa, abazalwane babhekana nokwesaba okwakudalwa yiMpi Yezwe II, ukudingiselwa eSiberia, ukubhaxabulwa kabuhlungu, ukuhlushwa, nokubulawa. Noma kunjalo, phakathi naso sonke leso sikhathi “inhlabathi ekahle” yathela ngaphezu kokuphindwe izikhathi ezingu-25. (Math. 13:23) Ngo-1991 kwakunabamemezeli abangu-25 448 emabandleni angu-258 e-Ukraine, nabamemezeli abacishe babe ngu-20 000 kwamanye ama-republic ezwe elaliyi-U.S.S.R., abaningi babo ababelithole kubazalwane base-Ukraine iqiniso.

Leyo nhlabathi yayidinga “ukuvundiswa ngomquba” oyizincwadi zeBhayibheli. Ngakho-ke, ngemva kokubhaliswa ngokomthetho komsebenzi wethu, kwenziwa amalungiselelo okuthola izincwadi ezazivela eSelters, eJalimane. Izincwadi zokuqala zafika ngo-April 17, 1991.

Abazalwane bavula idepho encane eLvov, izincwadi zazithuthwa zisuka lapha ngamaloli, ngesitimela nangendiza ziyiswe emabandleni akulo lonke elase-Ukraine, eRussia, eKazakhstan nakwamanye amazwe ayekade eyiSoviet Union ngaphambili. Lokhu kwabangela ukwanda okwengeziwe ngokomoya. Ekuqaleni kuka-1991, iKharkov, idolobha elinabantu abayizigidi ezimbili lalinebandla elilodwa zwi. Kwathi kuphela lowo nyaka, leli bandla elilodwa elinabamemezeli abangu-670 lase lingamabandla azimele angu-8. Sikhuluma nje kunamabandla angaphezu kuka-40 kulelo dolobha!

Yize yaphela i-U.S.S.R. ngo-1991, ikomiti yezwe yayinakekela wonke ama-republic angu-15 ezwe elaliyiSoviet Union kwaze kwaba ngu-1993. Emhlanganweni wangalowo nyaka owawuqhutshwa nabazalwane beNdikimba Ebusayo, kwanqunywa ukuba kubunjwe amakomiti amabili—eyodwa kube eyase-Ukraine enye kube ngeyaseRussia namanye ama-republic angu-13 ezwe elaliyiSoviet Union. Ngaphandle kukaMichael Dasevich, u-Alexei Davidjuk, uStepan Kozhemba, no-Ananii Hrohul, kwanezelwa abanye abazalwane abathathu ekomitini yezwe yase-Ukraine: uStepan Hlinskyi, uStepan Mykevych noRoman Yurkevych.

Kwabe sekudingeka ukuba kubunjwe iqembu labahumushi ukuze lisingathe isidingo esikhulayo sezincwadi zesi-Ukraine. Njengoba sibonile ngaphambili, abazalwane baseCanada u-Emil Zarysky noMaurice Saranchuk, kanye nomkabo, babamba iqhaza kulo msebenzi. Leli qembu elincane lezisebenzi ezizinikele lahumusha izincwadi eziningi. Kodwa kusukela ngo-1991, iqembu elandisiwe labahumushi besi-Ukraine laqala ukusebenzela eJalimane. Ngo-1998 lathuthela ePoland lapho laqhubeka khona nomsebenzi walo ngaphambi kokuba lithuthe okokugcina liye e-Ukraine.

Imihlangano Yesigodi

Ngemva komhlangano aba nawo nabazalwane baseLvov ngo-1990, uMfoweth’ uJaracz wahlola inkundla yakuleli dolobha futhi wathi: “Kungenzeka siyisebenzisele umhlangano wesigodi ngonyaka ozayo.” Abazalwane bamoyizela, bezibuza ukuthi kwakuzokwenzeka kanjani lokhu, kwazise inhlangano yethu yayingakabhaliswa kanti nabazalwane babengakaze bawuhlele umhlangano ngaphambili. Noma kunjalo, ngawo unyaka olandelayo, inhlangano yabhaliswa. Ngo-August 1991, kwaba nabangu-17 531 emhlanganweni wesigodi kuyo le nkundla, kwabhapathizwa abafowethu nodadewethu abangu-1 316! Kwakucelwe abazalwane basePoland ukuba beze e-Ukraine bazosiza ekuhleleni umhlangano.

Kwakuhlelwe ukuba kube nomunye umhlangano e-Odessa ngawo lowo August. Kodwa ngenxa yezinxushunxushu zezombusazwe ezaqubuka eRussia ekuqaleni kwesonto lomhlangano, izikhulu zakule ndawo zatshela abazalwane ukuthi babengeke bakwazi ukuba nomhlangano e-Odessa. Abazalwane babelesela izikhulu zedolobha becela imvume baqhubeka bephothula amalungiselelo abo, bethembele ngokugcwele kuJehova. Ekugcineni, kwathiwa abazalwane abaholayo mabafike ezikhulwini ngoLwesine bazozwa isinqumo sazo sokugcina. Ntambama ngalolo suku, abazalwane banikezwa imvume yokuqhubeka nomhlangano.

Yeka indlela okwakumangalisa futhi kukuhle ngayo ukubona oFakazi abangu-12 115 bebuthene ndawonye, nokubona abangu-1 943 bebhapathizwa ngaleyo mpelasonto! Ngemva kwezinsuku ezimbili umhlangano uphelile, abazalwane baphinde bahambela izikhulu zedolobha, bezibonga ngokusivumela ukuba sibe nomhlangano. Banikeza usihlalo wedolobha incwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Wathi: “Bengingekho emhlanganweni, kodwa ngikwazi konke okwenzekile. Angikaze ngikubone okudlula lokhu. Ngiyanithembisa ukuthi noma nini uma nidinga imvume yokuba nemihlangano yenu, ngiyoninika njalo nje.” Kusukela ngaleso sikhathi, abazalwane bayiqhuba njalo imihlangano yesigodi kuleli dolobha elihle lase-Odessa.

Umhlangano Wezizwe Ovelele

Esinye isenzakalo esiyingqopha-mlando kwakuwuMhlangano Wezizwe ‘Wokufundisa Kwaphezulu’ owawuseKiev ngo-August 1993. Inani labangu-64 714 ababekhona lalilikhulu ukwedlula elanoma yimuphi umhlangano owake waba se-Ukraine, futhi kwakunezinkulungwane zezihambeli ezazivela amazweni angaphezu kuka-30. Izinkulumo zesiNgisi zazihunyushelwa ezilimini ezingu-16 ngesikhathi esisodwa.

Yeka indlela okwavusa amadlingozi ngayo ukubona abafowethu nodadewethu ababethe shayé begcwalise izingxenye ezinhlanu zenkundla besukuma bephendula ngo-yebo emibuzweni emibili yobhapathizo! Phakathi namahora amabili nengxenye alandela, kwabhapathizwa abantu abangu-7 402 emachibini obhapathizo ayisithupha, okwakuyinani elikhulu kunawo wonke labantu ababhapathizwa emhlanganweni owodwa emlandweni wanamuhla wabantu bakaNkulunkulu! OFakazi BakaJehova bayohlale besikhumbula futhi besazisa lesi senzakalo esivelele.

Lo mhlangano omkhulu kangaka wahlelwa kanjani njengoba kwakunamabandla angu-11 kuphela kuleli dolobha? Njengaseminyakeni engaphambili, kweza abazalwane basePoland bazosiza eMnyango Wezindawo Zokulala. Bekanye nabazalwane bendawo, baqasha amahhotela namahositela amaningi ngangokunokwenzeka, baze baqasha ngisho nezikebhe.

Umsebenzi owaba umqansa kunayo yonke kwakuwukuthola imvume yokuqasha inkundla. Ngaphandle kwemidlalo, le nkundla yayiba imakethe enkulu ngezimpelasonto, futhi kwakungakaze kube khona muntu othola imvume yokuvala imakethe. Nokho, bayithola imvume.

Ngisho neziphathimandla zedolobha zabumba ikomiti ekhethekile yokusiza abazalwane ngamalungiselelo abo. Le komiti yayihlanganisa abaphathi beminyango ehlukahlukene yedolobha, njengowamaphoyisa, owokuthutha, nowezokuvakasha. Kwenziwa ilungiselelo elingavamile lokuhambisa izihambeli zomhlangano phakathi edolobheni. Abazalwane bazikhokhela kusengaphambili izinto zomphakathi zokuhamba ukuze kungadingeki ukuba labo abafake amabheji omhlangano bakhokhe lapho begibela kodwa bakhokhe emhlanganweni. Ngaleyo ndlela, kwakuba lula ngabazalwane ukugibela izitimela ezihamba ngaphansi, ama-tram namabhasi asedolobheni lapho beya noma bebuya eRepublican Stadium (manje eyi-Olympic Stadium), okungenye yezinkundla ezinkulu kunazo zonke eYurophu eseMpumalanga. Ukuze kube lula ngezihambeli zomhlangano, kwavulwa amabhikawozi engeziwe ezindaweni eziseduze kwenkundla ukuze abazalwane bakuthole ngokushesha ukudla kwangakusasa.

Isikhulu samaphoyisa samangazwa ukuhleleka komhlangano kangangokuthi sathi: “Konke enikwenzile, kanye nokuziphatha kwenu, kungihlabe umxhwele ngaphezu kokushumayela kwenu. Abantu bangase bakulibale abakuzwile, kodwa abasoze bakulibala abakubonile.”

Abesifazane abaningana ababesebenza esiteshini esiseduze sezitimela ezihamba ngaphansi baya ehhovisi labaphathi bomhlangano beyobonga izihambeli ngokuziphatha kwazo okuhle. Laba besifazane bathi: “Kunini sisebenza lapha uma kunemibuthano eminingi yezemidlalo neyezombusazwe, kodwa besiqala ukubona izivakashi ezinomusa nezijabule kanjena, ezisikhathalelayo nathi. Zonke bezisibingelela. Asijwayele ukubingelelwa kweminye imibuthano.”

Amabandla aseKiev aba matasa ngemva komhlangano, kwazise kwatholakala amakheli abantu abathakazelayo abangaba ngu-2 500 ababefuna ukufunda okwengeziwe. Manje kunamabandla oFakazi abashisekayo angaphezu kuka-50 eKiev!

Elinye iqembu labazalwane elaliya emhlanganweni laqolwa zonke izimpahla zalo. Naphezu kwalokho, njengoba babezimisele ukuzicebisa ngokomoya, banquma ukuba baqhubeke nohambo baye eKiev, bafika emhlanganweni nezingubo ababezigqokile kuphela. Iqembu labazalwane elalivela ezweni elaliyiCzechoslovakia ngaphambili lalifike nezingubo ezengeziwe ukusiza noma ubani owayengase azidinge. Bathi bangakuzwa abaphathi bomhlangano lokhu, ngokushesha abazalwane ababeqoliwe banikezwa zonke izingubo ababezidinga.

Usizo Oluholela Entuthukweni

Izibonelo ezinjalo zothando olungenabugovu zazenzeka mihla yonke. Ngo-1991 iNdikimba Ebusayo yacela amagatsha amaningana eNtshonalanga Yurophu ukuba aphe abafowabo eYurophu eseMpumalanga ukudla nezingubo. OFakazi balijabulela leli thuba lokusiza, futhi uthando lwabo lokupha lwadlulela ngalé kokwakulindelekile. Abaningi banikela ngokudla nezingubo ezingamasekeni, kanti abanye bathenga izingubo ezintsha shá. Amahhovisi egatsha eNtshonalanga Yurophu aqoqa amabhokisi, amapotimende nezikhwama kugcwele lezo zimpahla. Amathani amaningi okudla nezingubo avela e-Austria, eDenmark, e-Italy, eJalimane, eNetherlands, eSweden, naseSwitzerland athunyelwa eLvov ngohide lwamaloli. Abazalwane babeye banikele ngisho nangamaloli abo ukuze asetshenziselwe umsebenzi woMbuso eMpumalanga Yurophu. Emingceleni iziphathimandla zaziwusizo olukhulu ekukhipheni amaphepha ayedingeka ukuze zonke izimpahla zihanjiswe ngaphandle kwezingqinamba.

Abazalwane ababehambisa lezi zimpahla bahlatshwa umxhwele yindlela abamukelwa ngayo. Iqembu elalilibangise eLvov lisuka eNetherlands labika ngohambo lwalo. Labhala: “Kwakunequlu lamadoda angu-140 esemi ngomumo elungele ukwehlisa izimpahla elolini. Ngaphambi kokuqala umsebenzi, laba bazalwane abathobekile babonisa ukuncika kwabo kuJehova ngokuhlangana bathandaze. Lapho sebeqedile, babuye bahlangana babonga uJehova ngomthandazo. Ngemva kokujabulela umoya wokupha wabazalwane bendawo, abasihlinzeka ngensada yalokho okuncane ababenakho, basiphelezela bayojika emgwaqweni omkhulu, lapho bafike bathandaza khona eceleni komgwaqo ngaphambi kokuba sihlukane.

“Njengoba sisendleleni ende sigoduka, kuningi esasikucabanga—umoya wokwamukela izihambi wabazalwane eJalimane nasePoland, nowabafowethu eLvov; ukholo lwabo oluqinile nesimo sabo sengqondo sokuthandaza; umoya wabo wokungenisa izihambi abawubonisa ngokusilungiselela indawo yokulala nokudla bebe kwabona bentula; ukubonisa kwabo ubunye nokusondelana; nokubonga kwabo. Sacabanga nangabafowethu nodadewethu emuva ekhaya, ababenikele ngesandla esivuleke kangaka.”

Umshayeli waseDenmark wathi: “Sithole ukuthi sibuye nokuningi kunalokho esikuhambisile. Uthando nomoya wokuzidela wabazalwane base-Ukraine kwaluqinisa kakhulu ukholo lwethu.”

Eziningi zezimpahla ezanikelwa zabuye zadluliselwa naseMoldavia, emazweni aseBaltic, eKazakhstan, eRussia, nakwezinye izindawo okwakunesidingo esikhulu nakuzo. Ezinye izimpahla zathunyelwa ngamabhokisi amakhulu ensimbi eSiberia naseKhabarovsk, eqhele ngamakhilomitha angaphezu kuka-7 000 uma uya ngasempumalanga. Izincwadi ezazinamazwi okwazisa okujulile ezazivela kwababethole usizo zazithinta inhliziyo, zikhuthaza futhi zisihlanganisa. Ngakho, bonke ababehilelekile bakubona kubo siqu ukuba yiqiniso kwamazwi kaJesu: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.”—IzE. 20:35.

Ekupheleni kuka-1998 kwaba nenhlekelele eTranscarpathia. Ngokwemithombo ethembekile, imizi engu-6 754 yakhukhuleka, izindlu ezingu-895 zagugulwa udaka olwalusuka ezintabeni. Kulezo zindlu ezaguguleka, ezingu-37 zazingezoFakazi. Igatsha laseLvov alipholisanga maseko, lathumela kule ndawo iloli elinokudla, amanzi, insipho, imibhede nezingubo zokulala. Kwathi abazalwane baseCanada naseJalimane nabo bathumela izingubo nezimpahla zasendlini. OFakazi baseCzech Republic, eHungary, ePoland, naseSlovakia bakhipha ukudla bathumela nezinto zokwakha ukuze kwakhiwe kabusha izindlu ezigugulekile. Abazalwane bendawo abaningi basiza nabo emsebenzini wokulungisa. OFakazi banikela ngokudla, izingubo nezinkuni, bengaphi abanye oFakazi kuphela kodwa nabanye abantu. Bacoca amagceke namasimu futhi basiza ekulungiseni izindlu zabangebona oFakazi.

Ukunikeza Usizo Olungokomoya

Akunikezwanga usizo lwezinto ezibonakalayo kuphela. Ngemva kweminyaka engaphezu kwengu-50 bevinjelwe, oFakazi base-Ukraine babengakujwayele ukuhlela umsebenzi ngaphansi kwesimo senkululeko. Ngenxa yalokho, ngo-1992 kwathunyelwa abazalwane besuka egatsheni laseJalimane beyosiza ekuhleleni umsebenzi e-Ukraine. Lokhu kwabeka isisekelo somsebenzi weBethel yesikhathi esizayo. Kamuva, amazwe aseCanada, iJalimane ne-United States athumela abanye abazalwane ukuba bayosiza ekuqondiseni umsebenzi wokwenza abafundi.

Sasisikhulu nesidingo sabazalwane abanokuhlangenwe nakho ensimini. Ekuqaleni, abafundi abaningi abaphothule eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo abafika kwakungabasePoland bezonakekela amabandla, futhi kamuva, banakekele izifunda nezigodi ezweni lonke. Ngaphandle kwalaba, kwafika nemibhangqwana ethile ivela eCanada nase-United States futhi sikhuluma nje isemsebenzini wesifunda. Kukhona futhi nabanye abazalwane abavela eCzech Republic, eHungary, e-Italy, naseSlovakia abangababonisi besifunda. La malungiselelo aye asiza amabandla amaningi endawo ekusebenziseni nasekuzivumelaniseni nezindinganiso zemiBhalo ezicini eziningi zenkonzo.

Ukwazisa Izincwadi ZeBhayibheli

Isici esavelela engxenyeni yesibili yawo-1990 kwakuyimikhankaso ekhethekile yezincwadi. Ngemva kokuhanjiswa kwe-Kingdom News No. 35 ngo-1997, kwatholakala izigqebhezana ezicela ku-10 000 zivela kwabathakazelayo ababecela incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? noma bacele ukuba bahanjelwe.

Izincwadi zethu zithandwa yonke indawo. Lapho abazalwane bevakashele esinye sezibhedlela ezibelethisayo, bacelwa ukuba banike isibhedlela izincwadi ezingu-12 ezithi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya masonto onke. Isizathu? Izisebenzi zazifuna ukuthi lapho zinikeza umbhangqwana ngamunye osanda kuthola ingane isitifiketi sayo sokuzalwa ziwunikeze nale ncwadi!

Kule minyaka embalwa edlule, baningi abaye bajwayelana nomagazini bethu futhi sebeyabazisa. Ngokwesibonelo, ngesikhathi oFakazi beshumayela epaki bahambisela umlisa mumbe i-Phaphama! Wababonga futhi wabuza: “Iyimalini?”

“Umsebenzi wethu usekelwa yiminikelo yokuzithandela,” kuchaza abazalwane. Le ndoda yanikela nge-hryvnia elilodwa okuyimali eyiphepha eyayilingana no-R5,25 ngaleso sikhathi, yahlala phansi ebhentshini lasepaki, futhi yangachitha sikhathi yaqala ukuwufunda. Njengoba iwufunda, abazalwane babeshumayeza abanye epaki. Ingakapheli imizuzu engu-15, le ndoda yeza kubazalwane yanikelela umagazini eyayiwuthathile ngelinye futhi i-hryvnia. Yabe isiphindela ebhentshini yaqhubeka ifunda njengoba nabazalwane beqhubeka beshumayela. Ngemva kwesikhathi esithile le ndoda yaphindela futhi kubazalwane yabanikeza elinye futhi i-hryvnia. Yabatshela ukuthi ithola lo magazini umnandi kakhulu futhi ifuna ukuwufunda njalo.

Imfundo Enhle Isheshisa Ukwanda

Ngemva kokuqashelwa ngokomthetho komsebenzi wethu, inqubekela-phambili yashesha. Kodwa kwakunezinselele. Ekuqaleni kwaba nzima ngabanye ukuba bazivumelanise nenkonzo yendlu ngendlu ngoba kwase kwedlule iminyaka engaphezu kwengu-50 beshumayela ngokwethukela kuphela. Kodwa ngosizo lomoya kaJehova, abazalwane nodade bakwazi ukuzivumelanisa nendlela yokufakaza eyayiyintsha kubo.

Bakwazi nokuhlela yonke imihlangano emihlanu ebandleni ngalinye. Lokhu kuye kwafeza indima ebalulekile ekuhlanganiseni abamemezeli nasekubakhuthazeleni ukuba balungele umsebenzi omkhulu ngokwengeziwe. Abazalwane bafunda ngokushesha futhi bathuthuka ezicini eziningi zenkonzo yabo. Izikole ezintsha zanikeza oFakazi base-Ukraine imfundo enhle. Ngokwesibonelo, ngo-1991 kwavulwa iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini kuwo wonke amabandla ngenjongo yokuqeqeshela oFakazi umsebenzi wokushumayela. Kusukela ngo-1992 iSikole Senkonzo SoMbuso, sabadala nezinceku ezikhonzayo, siye sabasiza kakhulu abazalwane ekuholeni enkonzweni yasensimini, ekufundiseni ebandleni, nasekwaluseni umhlambi.

Ngo-1996 kwaqalwa iSikole Senkonzo Samaphayona e-Ukraine. Eminyakeni yokuqala emihlanu, kwaba khona amaphayona avamile angaphezu kuka-7 400 kulezi zifundo zamasonto amabili. Sawazuzisa kanjani? Elinye iphayona labhala: “Ngakujabulela ukuba ubumba ezandleni zikaJehova nokulolongwa yilesi sikole.” Elinye lathi: “Ngemva kwesikole samaphayona, ngaqala ‘ukukhanya.’” Elinye ikilasi lesikole samaphayona labhala: “Lesi sikole saba isibusiso sangempela kithi sonke esasikhona. Sasiqhubezela ekubeni sibe nesithakazelo esibukhali kubantu.” Lesi sikole siye safeza indima ebalulekile, saba nesandla emananini aphakeme amaphayona avamile izinyanga ezingu-57 zilandelana.

Njengoba isimo somnotho sisibi, abaningi bayazibuza ukuthi amaphayona akwazi kanjani ukunakekela izidingo zawo. Elinye iphayona eliyinceku ekhonzayo linezingane ezintathu elizondlayo. Lithi: “Mina nomkami siyabambisana sizihlelele kahle izidingo zethu, sithole kuphela izinto eziyizidingo ezisemqoka ekuphileni kwethu. Siphila ukuphila okulula, sincike kuJehova. Ngokuba nesimo sengqondo esifanele, ngezinye izikhathi kwathina siyamangala lapho sibona ukuthi zincane kanjani izinto esizidingayo ukuze siphile.”

ISikole Sokuqeqeshela Inkonzo savulwa ngo-1999. Ngonyaka wokuqala kwaba khona abazalwane abangaba yikhulu. Kwaba yinselele ngabaningi ukuba baye kulezi zifundo ezithatha izinyanga ezimbili kube kudlange izinkinga zezomnotho. Kusobala-ke nokho ukuthi uJehova uye wabasekela abazalwane.

Umzalwane owathola isimemo sokuya eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo wayekhonza njengephayona elivamile ensimini ekude. Yena nayephayona naye babebeke imali eyanele ukuba bathenge ukudla namalahle ababezowadinga ebusika obabusondela. Lapho ethola isimemo sokuya esikoleni, kwadingeka bakhethe phakathi kokuthenga amalahle nethikithi lakhe lesitimela ukuze aye esikoleni. Bayidingida le ndaba futhi banquma ukuthi kufanele aye esikoleni. Lapho nje lo mzalwane esesenzile leso sinqumo, udadewabo ohlala phesheya wamthumelela isipho semali. Yayanele ukuba aye esikoleni. Lapho siphela isikole, lo mzalwane wabelwa ukuba akhonze njengephayona elikhethekile.

Izinhlelo zemfundo ezinjalo ziye zahlomisa abantu bakaJehova ukuba baphumelele ngokwengeziwe enkonzweni yasensimini nasemsebenzini webandla. Abamemezeli bafunda indlela yokushumayela ephumelela ngokwengeziwe; abadala nezinceku ezikhonzayo baye bafundiswa ukuthi bangaba kanjani umthombo wesikhuthazo ngokwengeziwe emabandleni abo. Umphumela uwukuthi ‘amabandla ayaqhubeka eqiniswa okholweni futhi anda ngesibalo.’—IzE. 16:5.

Ukwanda Okusheshayo Kuletha Izinguquko

Phakathi neminyaka yangemva kokubhaliswa koFakazi BakaJehova ngokomthetho e-Ukraine, inani labo liye laphindeka izikhathi ezingaphezu kwezine. Ezindaweni eziningi zezwe kube nokwanda okungavamile. Kuye kwaba nesidingo esikhulu sabadala abafanelekayo. Kuvame ukuba amabandla ahlukaniswe ngokushesha nje lapho kutholakala umdala wesibili. Amanye amabandla aye aba nabamemezeli abafinyelela ku-500. Ukwanda okunjalo kwasho ukuthi kufanele kube nezinguquko endleleni owawuphethwe ngayo umsebenzi.

Kwaze kwaba ngawo-1960 igatsha lasePoland lisiza ekuqondiseni umsebenzi e-Ukraine, kwathi ngemva kwalokho igatsha laseJalimane kwaba yilona elengamelayo nelisizayo. Ngo-September 1998, i-Ukraine yaba igatsha eliqondiswa indlunkulu yomhlaba wonke eBrooklyn. Ngaleso sikhathi kwabunjwa iKomiti Yegatsha esingatha izindaba eziphathelene nenhlangano.

Ukwanda okusheshayo kwaveza nesidingo sokwandisa izakhiwo zegatsha. Kusukela ngo-1991, iLvov yayisetshenziswa njengesikhungo sokwabiwa kwezincwadi zama-republic angu-15 ezwe elaliyi-U.S.S.R. Ngonyaka olandelayo kwafika imibhangqwana emibili ivela ehhovisi legatsha laseJalimane. Kungakabiphi kwase kunehhovisi elincane elalisebenza eLvov. Ngemva konyaka, kwathengwa indlu futhi kwahlala kuyo izisebenzi zasehhovisi zesikhathi esigcwele. Ekuqaleni kuka-1995 inani lezisebenzi zokuzithandela ezazisebenza ehhovisi lase-Ukraine landa ngokushesha, okwenza kwadingeka ukuba kuphindwe kuthuthwe, manje kwayiwa esakhiweni esasiwuxhaxha lwamaHholo OMbuso ayisithupha asetshenziswa amabandla angu-17. Phakathi naso sonke lesi sikhathi, abazalwane babezibuza: “Sizoyakha nini futhi kuphi iBethel ethi thina?”

Ukwakhiwa Kwegatsha NamaHholo OMbuso

Ekuqaleni kuka-1992, abazalwane baqala ukufuna indawo yokwakha izakhiwo zegatsha. Kwadlula iminyaka eminingana kulokhu kuhlolwa izindawo ezingase zifaneleke. Abazalwane bathandaza ngalesi sidingo kuJehova emithandazweni yabo, beqiniseka ukuthi ngesikhathi esifanele izotholakala indawo ekahle.

Ekuqaleni kuka-1998 kwatholakala indawo enhle ehlathini likaphayini, edolobheni elincane laseBriukhovychi elingamakhilomitha amahlanu uma uya enyakatho yeLvov. Kuseduze kwale ndawo lapho amabandla amabili ayeqhubela khona imihlangano yawo ehlathini ngesikhathi sokuvinjelwa. Omunye umzalwane wathi: “Angikaze ngicabange ukuthi ngemva kweminyaka eyishumi sibé nomhlangano wethu wokugcina kuleli hlathi, ngiyophinde ngithole ithuba lokuphinde ngihlangane nabanye kulo leli hlathi, kodwa ngaphansi kwezimo ezihluke ngokuphelele—esizeni segatsha lethu elisha!”

Ekupheleni kuka-1998 kwatheleka izisebenzi zokuqala zakwamanye amazwe. Abazalwane baseHhovisi Lokudweba Amapulani eSelters, eJalimane, bangena shí emsebenzini bedweba amapulani. Ekuqaleni kuka-January 1999, ngemva kwemvume kahulumeni, umsebenzi waqala esakhiweni. Izisebenzi zokuzithandela ezingaphezu kuka-250 ezivela ezizweni ezihlukene ezingu-22 zasebenza esakhiweni. Izisebenzi zokuzithandela zendawo ezifinyelela ku-250 nazo zazisebenza lapha ngezimpelasonto.

Abaningi balazisa kakhulu ilungelo lokusebenza kulo msebenzi. Amabandla ayeqasha amabhasi ukuze eze eBriukhovychi azosebenza ngokuzithandela ngezimpelasonto. Ayevame ukuguduza ubusuku bonke ukuze afike ngesikhathi esakhiweni asize emsebenzini wokwakha. Ekupheleni kosuku lomsebenzi onzima, kube yiso leso, aguduze obunye ubusuku esegoduka, ekhathele kodwa anelisekile futhi ejabule, efisa ukuphinde abuye. Elinye iqembu labazalwane abangu-20 lahamba amahora angu-34 ngesitimela lisuka endaweni yaseLuhans’k empumalanga ye-Ukraine ukuze lizosebenza amahora angu-8 esakhiweni saseBethel! Ukuze bazokwenza lo msebenzi wamahora angu-8, kwadingeka ukuba umzalwane ngamunye athathe izinsuku ezimbili emsebenzini wakhe wokuziphilisa, athenge amathikithi esitimela ngemali engaphezu kwengxenye yeholo lenyanga. Umoya onjalo wokuzidela walikhuthaza lonke iqembu labakhi eBethel kanye nomkhaya waseBethel. Umsebenzi wokwakha waqhubeka ngokushesha, okwenza ukuba igatsha linikezelwe ngo-May 19, 2001. Kwakunabantu abavela emazweni angu-35 kulowo mcimbi. Emihlanganweni ekhethekile ngakusasa, uTheodore Jaracz wanikeza inkulumo esixukwini sabangu-30 881 eLvov, kanti uGerrit Lösch wayinikeza kwabangu-41 142 eKiev—ingqikithi yabangu-72 023.

AmaHholo OMbuso wona? Kusukela ngo-1939, ngesikhathi kucekelwa phansi amahholo amaningana eTranscarpathia, ayengekho amaHholo OMbuso asemthethweni e-Ukraine kwaze kwaba ngu-1993. Ngalowo nyaka, kwakhiwa isakhiwo sikanokusho samaHholo OMbuso amane awuxhaxha ngezinyanga ezingu-8 nje kuphela edolobheni laseDibrova, eTranscarpathia. Ngokushesha ngemva kwalokho kwaqedwa amanye amahholo ayisithupha kwezinye izindawo zase-Ukraine.

Ngenxa yokwanda okukhulu kwabamemezeli, sasisikhulu isidingo samaHholo OMbuso. Kodwa imithetho eyinkanankana, ukwehla kwamandla emali, nokwenyuka kwamanani ezinto zokwakha kwaholela ekwakhiweni kwamaHholo OMbuso angu-110 kuphela ngeminyaka yawo-1990. Kwakusenesidingo samanye amaningi! Ngakho ngonyaka ka-2000, kwaqalwa uhlelo olusha lokwakha amaHholo OMbuso, oselusiza kakade ekuhlangabezaneni nalezi zidingo.

Phambili Nomsebenzi Wokuvuna!

Ngo-September 2001, kwakunoFakazi BakaJehova abangu-120 028 emabandleni angu-1 183, akhonzwa ababonisi besifunda abangu-39 e-Ukraine! Imbewu yeqiniso eyahlwanyelwa isikhathi eside iye yathela inala yezithelo ezinhle. Eminye imikhaya inezizukulwane ezinhlanu zoFakazi BakaJehova. Lokhu kubonisa ukuthi “inhlabathi” yinhle ngempela. “Ngemva kokuzwa izwi ngenhliziyo ekahle nenhle,” abaningi ‘bayaligcina.’ Eminyakeni edlule, abazalwane ‘batshala’ imbewu, ngokuvamile beyitshala ngezinyembezi; abanye ‘bayinisela’ le nhlabathi evundile. UJehova uyakhulisa, futhi oFakazi bakhe abathembekile e-Ukraine bayaqhubeka ‘bethela izithelo ngokukhuthazela.’—Luka 8:15; 1 Kor. 3:6.

Kwamanye amasimu isilinganiso sabantu okumelwe uFakazi abashumayeze sihle kakhulu. Ngokwesibonelo, emadolobhaneni angu-8 akhuluma isiRomania eTranscarpathia, kunamabandla angu-59 akha izifunda ezintathu.

Imizamo yabaphikisi ababengabenkolo neyababusi yokuqothula oFakazi BakaJehova e-Ukraine ngokubadingisa nokubashushisa kanzima ayiphumelelanga. Izinhliziyo zabantu bakuleli zwe zizibonise zivundile zilungele imbewu yeqiniso leBhayibheli. Namuhla oFakazi BakaJehova bavuna inala yesivuno.

Umprofethi u-Amose wabikezela isikhathi sokuvuna okuyothi ngaso ‘olimayo afice ovunayo.’ (Amose 9:13) Isibusiso sikaJehova senza inhlabathi ikhiqize kangangokuba kuthi kusavunwa kufike isikhathi esilandelayo sokulima. OFakazi BakaJehova e-Ukraine bazibonele ngokwabo ukuba yiqiniso kwalesi siprofetho. Uma bebheka esikhathini esizayo, bayaqiniseka ukuthi njengoba kwakukhona abangaphezu kuka-250 000 eSikhumbuzweni ngo-2001, makhulu amathemba okwanda okuqhubekayo.

Ku-Amose 9:15, uJehova uyathembisa: “Ngiyakubatshala ezweni labo, bangabe besasishulwa ezweni labo engibaniké lona.” Njengoba beqhubeka betshala imbewu yeqiniso bevuna nenala yesivuno, abantu bakaNkulunkulu basibheke ngabomvu isikhathi uJehova ayosigcwalisa ngaso ngokuphelele lesi sithembiso. Okwamanje, ‘siphakamisa amehlo sibuke amasimu sibone ukuthi asemhlophe ngempela alungele ukuvunwa.’—Joh. 4:35.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 140]

“UDanyil ngabe waphanyekwa, kodwa ngoba wayesemncane, wagwetshwa izinyanga ezine kuphela ejele”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 145]

“OFakazi babengafani nabanye abantu ababesekamu lokuhlushwa. Indlela ababeziphethe ngayo yayibonisa ukuthi babenokuthile okubaluleke kakhulu ababengakutshela ezinye iziboshwa”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 166]

Ngo-April 8, 1951, oFakazi abangaphezu kuka-6 100 basentshonalanga ye-Ukraine badingiselwa eSiberia

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 174]

“Odadewethu babevame ukwenza imisebenzi yezinceku zamabandla, kanti kwezinye izindawo babenza eyezinceku zesifunda”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 183]

Esikhundleni sokuya eholidini langemva komshado, wahlala iminyaka eyishumi ejele

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 184]

“Kwakungeve kubuhlungu ukunikeza umuntu engangimqabuka intombazanyana yami engiyithandayo”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 193]

Sebebonile ukuthi oFakazi BakaJehova abathuliswa ukudingiswa, ukugqunywa ejele, ubudlova, nokuhlukunyezwa, abophiko lwezokuphepha basebenzisa amaqhinga amasha

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 207]

Ama-KGB anikeza abazalwane ababezahlukanisile incwadi yamanga, okwathiwa ivela kuMfoweth’ uKnorr

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 212]

Ama-KGB ayeba neso elibukhali nakakhulu ngesikhathi seSikhumbuzo, kwazise ayehlale azi ukuthi singase sigujwe nini

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 231]

Babeqala ngqá ukubamba ngezandla zabo incwadi yeBhayibheli engakopishiwe

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 238]

“Konke enikwenzile, kanye nokuziphatha kwenu, kungihlabe umxhwele ngaphezu kokushumayela kwenu. Abantu . . . abasoze bakulibala abakubonile”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 241]

“Uthando nomoya wokuzidela wabazalwane base-Ukraine kwaluqinisa kakhulu ukholo lwethu”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 249]

Ukuze bazokwenza lo msebenzi wamahora angu-8, kwadingeka ukuba umzalwane ngamunye athathe izinsuku ezimbili emsebenzini wakhe wokuziphilisa, athenge amathikithi esitimela ngemali engaphezu kwengxenye yeholo lenyanga

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 124]

Izinguqulo ZeBhayibheli Phakathi Namakhulu Eminyaka Edlule

Okwesikhathi esithile, abantu base-Ukraine babesebenzisa inguqulo yeBhayibheli ebizwa ngokuthi i-Old Church Slavonic eyayihunyushwe ekhulwini lesi-9 leminyaka. Njengoba ulimi lwalushintsha ngokuhlukahluka kwezikhathi, le nguqulo yayibukezwa. Ekupheleni kwekhulu le-15, uMbhishobhi Omkhulu uGennadius wengamela ukubukezwa okuphelele kweBhayibheli lesiSlavonia. Le nguqulo yaholela kwenye eyaholela eBhayibhelini lokuqala lesiSlavonia elinyathelisiwe. Le nguqulo ibizwa ngokuthi IBhayibheli Lase-Ostrog futhi yanyatheliswa ngo-1581 e-Ukraine. Ngisho nanamuhla, iziphathimandla ziyibheka njengeyisibonelo esihle kakhulu sobuciko bokunyathelisa. Izinguqulo zeBhayibheli zesi-Ukraine nesiRussia ezalandela zasekelwa kule nguqulo.

[Izithombe]

U-Ivan Fedorov wanyathelisa IBhayibheli Lase-Ostrog e-Ukraine ngo-1581

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 141]

Ingxoxo NoVasyl Kalin

Wazalwa ngo-: 1947

Wabhapathizwa ngo-: 1965

Umlando wakhe: Wadingiswa ngo-1951-65. Wanyathelisa izincwadi ngendlela ebizwa ngokuthi i-photo method kusukela ngo-1974 kuya ku-1991. Ubekhonza ehhovisi legatsha laseRussia kusukela ngo-1993.

Ubaba waphila ngaphansi kwezinhlobo eziningi zohulumeni neziphathimandla ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, ngesikhathi intshonalanga ye-Ukraine ilawulwa amaJalimane, ubaba washaywa kucatshangwa ukuthi uyiKhomanisi. Kwakudalwa yini loko? Yingoba umpristi mumbe watshela iziphathimandla zamaJalimane ukuthi oFakazi BakaJehova bangamaKhomanisi ngoba bengayi esontweni. Kwabe sekubusa amaSoviet. Ubaba kanye nabanye abaningi baphinde bahlushwa. Kwathiwa uyinhloli yaseMelika. Ngani? Ngoba izinkolelo zoFakazi BakaJehova zazingefani nezenkolo eyayandile ngaleso sikhathi. Yingakho ubaba nomkhaya wakhe badingiselwa eSiberia, lapho ahlala khona waze washona.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 147-151]

Ingxoxo No-Ivan Lytvak

Wazalwa ngo-: 1922

Wabhapathizwa ngo-: 1942

Umlando wakhe: Waboshwa ngo-1944-6. Wafukuza emakamu okusetshenzwa kanzima kuwo kusukela ngo-1947 kuya ku-1953 kude lé enyakatho yeRussia.

Ngo-1947 ngaboshwa ngoba ngingafuni ukuzihilela kwezombusazwe. Ngayiswa ejele elalinesimiso sokulondeka seqophelo eliphezulu eLuts’k, e-Ukraine, lapho kwakumelwe ngihlale khona ngiqhiyame, izandla zami zisemathangeni—ngangingakwazi ukwenaba. Ngahlala kanjalo izinyanga ezintathu. Indoda eyayifake ijazi elimnyama yangipheka yangophula ngemibuzo. Yayifuna ngiyitshele ngabazalwane ababehola emsebenzini. Yayazi ukuthi ngiyabazi, kodwa ngenqaba ukuyitshela.

Ngo-May 5, 1947, inkantolo yezempi yangigweba iminyaka eyishumi ngivalelwe emakamu akude anesimiso sokulondeka seqophelo eliphezulu. Njengoba ngangisemncane ngaleso sikhathi, ngafakwa esigabeni esasibizwa ngokuthi isigaba sokuqala. Bonke ababesesigabeni sokuqala babesengamabhungu—bengoFakazi abanye bengebona. Sathuthwa ngezinqola ezazidonswa izinkomo sayiswa eVorkuta, kude lé enyakatho yeRussia. Sesilapho, salayishwa emkhunjini sahamba izinsuku ezine saze sayofika eKara Strait.

Zazingeziningi izinto eziphilayo lapho, kwakuwuqwathule olunezihlahlana ezibhashile nje kuphela. Sesilapho saphoqwa ukuba sihambe ngezinyawo izinsuku ezine nobusuku obune. Kodwa-ke sasisebasha. Babesinika izingqweqwe zezinkwa ezomile nomqwayiba wezinyamazane ofuswe ngentuthu. Sanikezwa lezi zinto kanye nezindishi nezingubo zokulala ezifudumele. Laliyidliva. Izingubo zokulala esasiziphethe zaba manzi te zaze zasisinda. Ingubo eyodwa yayikhanywa abantu ababili, bese ithi ukuba lula.

Ekugcineni, safika lapho sasilibangise khona. Ngangilokhu ngicabanga ngithi: ‘Sekusele kancane nje ngibe sendaweni enophahla, kuzoba nophahla phezu kwekhanda lami!’ Kodwa safika esigangeni esinotshanyana obuyivukusi obase bubukhulu kangangokuba unyawo lwalushona uma unyathela. Onogada bathi: “Bonani ukuthi nihlala kanjani. Kulapha lapho nizohlala khona.”

Ezinye iziboshwa zakhala; ezinye zathuka uhulumeni. Angizange ngithuke muntu nakanye. Ngathandaza buthule, ngathi: “Jehova, Nkulunkulu wami, nguwe isiphephelo sami nenqaba yami. Yiba isiphephelo sami nalapha futhi.”

Indawo esasikuyo yabiyelwa ngendophi ngoba lwalungekho ucingo. Kwamiswa onogada. Njengokuvamile, onogada babehlale befunda, futhi bathi uma usondela kubo nize niqhelelane ngamamitha amabili, bazokudubula. Salala phezu kwalelo vukusi. Yasidinda imvula. Ngavuka ebusuku ngabuka laba bantu abangu-1 500, kodwa ngabona umusi nje ufuquka kubo. Ngavuka ekuseni uhlangothi lwami lusemanzini. Kwakunevukusi, kodwa futhi kwakunamanzi. Kwakungekho kudla. Satshelwa ukuba silungise indawo okwakuzokwehlela kuyo indiza lapho isilethele ukudla. Onogada bethu babenogandaganda okhethekile owawunamasondo amakhulu ukuze ungabhajwa. Wawuthwele ukudla kwabo, kodwa thina sasingatholi lutho.

Sasebenza izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu silungisa leyo ndawo okwakuzokwehlela kuyo indiza. Kwadingeka sicente ivukusi ukuze indiza ikwazi ukuhlala phansi. Kwafika indiza encane ilethe ufulawa. Baxova lo fulawa ngamanzi ashisayo, kwaba yikona kudla kwethu loko.

Umsebenzi wawuphula iqolo. Sasebenza sakha umgwaqo, sabeka nojantshi besitimela. Wawungathi siwumshini onebhande lokuhambisa izinto, sinikezelana amatshe asindayo. Ebusika kwakuhlale kumnyama futhi kubanda lokhu okushubisa umnkantsha.

Sasilala phandle, kungekho phahla phezu kwethu. Imvula yayiphelela phezu kwethu, siba manzi, sibulawa yindlala futhi sigodola; kodwa ngenxa yokuthi sasisebasha sasisenawo amandla. Onogada bathi masingakhathazeki, ngokushesha sizoba nophahla phezu kwethu. Ekugcineni, ugandaganda wamasosha waletha oseyili bokukhoselisa abantu abangu-400. Sawuvula useyili, sakha amatende, kodwa kwakusafanele silale phansi phezu kwalelo vukusi. Sonke saqoqa utshani sabufaka ematendeni esikhashana esasihlala kuwo, babola, baba umquba. Salala kuwo.

Kwabe sekuba nezintwala. Zona-ke zacishe zasibulala. Zazingekho nje emzimbeni kuphela, kodwa kuzo zonke izingubo zethu—ezinkulu nezincane. Kwakwethusa. Wawuthi uma ufika uvela emsebenzini uthi ukucambalala, bese zikutikatika, emva kwalokho uzozinwaya uzinwayile. Zazisho ukukuqeda uma ulele. Satshela imfolomane yethu: “Nazi izintwala zisiqeda bo!” Yathi: “Ngokushesha nje sizozibulala lezo zintwala zenu.”

Iziphathimandla zejele kwadingeka zilinde isimo sezulu size sithi ukufudumala ngoba njalo nje izinga lokubanda lalihlale lingu-30°C. ngaphansi kwezingaqhwa. Amakhaza athi ukudamba, zase zisilethela umahambanendlwana wetende elinezibulala-magciwane. Kodwa izinga lokubanda lalingu-20°C. ngaphansi kwezingaqhwa, netende lakhona lonke lidabukile. Satshelwa: “Khumulani, nizogeza. Khumulani. Sizochela izingubo zenu ngesibulala-magciwane.”

Sakhumula kuleso simo sezulu esasingu-20°C. ngaphansi kwezingaqhwa saba nqunu etendeni elalidabukile. Basinika amapulangwe sendlala wona phansi. Njengoba ngangihleli phezu kwalawo mapulangwe, ngazibuka umzimba. Wawethusa! Ngabuka insizwa eyayiseduze kwami. Nayo yayethusa. Kwakungekho zicubu kungekho lutho. Konke kwakushwabene. Sasingamathambo nje kuphela. Angikwazanga ngisho nokugibela emotweni yezimpahla. Ngangiyingcuba. Noma kunjalo ngafakwa esigabeni sokuqala—isisebenzi esisesincane nesiwumqemane.

Ngacabanga ukuthi akusensuku zatshwala ngife. Izinsizwa eziningi zafa. Manje ngathandaza ngaqinisa kuJehova ukuba angisize ngoba kwakubonakala kungenandlela yokuphuma. Abanye ababengebona oFakazi babesiyeka ngamabomu isandla sabo noma umlenze ube yiqhwa bese uyanqunywa ukuze bangasebenzi. Kwakunyantisa igazi, kuhlasimulisa umzimba.

Langa limbe ngangizimele eduze kwendawo kanogada, ngabona udokotela emi lapho. Ngangihambisane naye ngemva kokuboshwa futhi ngangiye ngafakaza kuye ngoMbuso kaNkulunkulu. Wayeyisiboshwa, kodwa wayesenikezwe ushwele. Ngasondela kuye ngambheka, ngempela wayebukeka sengathi usekhululiwe. Ngambiza ngegama; sengathi igama lakhe lalinguSasha. Wangibuka, wabe esethi: “Ivan, uwena lo?” Wathi angasho kanjalo, ngakhalisa okomfana omncane. Wathi: “Iya egunjini labagulayo khona manje.”

Ngaya egunjini labagulayo, futhi ngakhishwa esigabeni sokuqala sezisebenzi. Kodwa angikhishwanga ekamu. Njengoba manje ngase ngisesigabeni sesithathu, ngathunyelwa endaweni yalabo abadinga ukuphumula. Usigaxamabhande wathi: “Angikubizanga ukuba uze lapha. Uwena ozizele. Ziphathe kahle, wenze umsebenzi wakho.” Kancane kancane ngakujwayela ukuphila kwakuleyo ndawo. Ngangingasawenzi lowaya msebenzi ophula iqolo.

Ngadedelwa ngo-August 16, 1953. Kwathiwa: “Usungahamba manje.” Bathi ngingaya nomaphi lapho ngithanda ukuya khona. Ngaqale ngaya ehlathini ngayobonga uJehova ngokungilondoloza kwakhe. Ngangena kulelo hlashana, ngaguqa, ngambonga uJehova ngokuthi wayekulondolozile ukuphila kwami ekulondolozele isikhathi esizayo nomsebenzi wesikhathi esizayo wokukhazimulisa igama lakhe elingcwele.

[Amazwi acashunwe esihlokweni]

‘Sekusele kancane nje ngibe sendaweni enophahla, kuzoba nophahla phezu kwekhanda lami!’

[Amazwi acashunwe esihlokweni]

Ngangena kulelo hlashana, ngaguqa, ngambonga uJehova ngokuthi wayekulondolozile ukuphila kwami

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 155, 156]

Ingxoxo NoVolodymyr Levchuk

Wazalwa ngo-: 1930

Wabhapathizwa ngo-: 1954

Umlando wakhe: Waboshelwa ezombusazwe ngo-1946-54. Watholana noFakazi BakaJehova kwelinye lamakamu okusetshenzwa kanzima kuwo eMordvinia.

Ngangingumshisekeli wobuzwe wase-Ukraine. Ngenxa yalokho, ngo-1946 amaKhomanisi angigweba iminyaka engu-15 ekamu eliyijele. KwakunoFakazi BakaJehova lapho. Bangishumayeza, futhi ngalibona ngokushesha iqiniso. Sasingenalo iBhayibheli ngoba sasisekamu elinesimiso sokulondeka seqophelo eliphezulu. Ngakho ngangifuna izicucu zamaphepha ngizigcine. Lapho sengiqoqe eziningana, ngenza incwajana engingabhala kuyo. Ngacela abazalwane ukuba bangitshele noma imiphi imibhalo ababeyikhumbula nalapho la mavesi ayetholakala khona eBhayibhelini. Ngabe sengiyibhala kule ncwadi. Ngabuza nalabo abafika kamuva. Uma kukhona owayazi okuthile ngesiprofetho esithile seBhayibheli, ngangikubhala phansi nako. Ngaqoqa amavesi amaningana eBhayibheli, futhi ngaqala ukuwasebenzisa emsebenzini wami wokushumayela.

Lapho ngiqala ukushumayela, baningi ababengangami, amabhungu nje. Yimi engangimncane kunabo bonke—ngangineminyaka engu-16 kuphela. Ngakhuluma nabo ngathi: “Sihluphekelé ize. Thina nabanye sifake ukuphila kwethu engozini ngeze. Azikho izimfundiso zezombusazwe eziyosilethela okuhle. Kumelwe nibe ngasohlangothini loMbuso kaNkulunkulu.” Ngacaphuna amavesi ayesencwadini yami engase ngiwabambe ngekhanda. Nganginenkumbulo enhle kakhulu. Ngasheshe ngabakholisa ontanga yami, futhi baqala ukuza ngakithi, oFakazi BakaJehova. Baba ngabafowethu.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 157]

Izijeziso Ezazinikezwa OFakazi BakaJehova

Ukudingiselwa Ngaphakathi: Abadingiswayo babethunyelwa endaweni ekude, ngokuvamile eSiberia, lapho kwakufanele bahlale futhi basebenze khona. Babengavunyelwe ukuhamba kule ndawo entsha ababehlala kuyo. Kanye ngesonto noma ngenyanga, kwakudingeka bayobhalisa emaphoyiseni alapho.

Ukuvalelwa Emajele: Iziboshwa ezintathu kuya kweziyishumi zazivalelwa esitokisini esihluthulelwayo. Zazithola ukudla kabili noma kathathu ngosuku. Kanye ngosuku noma ngesonto, zazivunyelwa ukuba zihambahambe egcekeni lejele. Zazingasebenzi.

Amakamu Angamajele: Amaningi ayeseSiberia. Amakhulu eziboshwa eziningi zazihlala ndawonye emabhalekisi (isakhiwo esisodwa sasivame ukuba neziboshwa ezingu-20-100). Zazisebenza okungenani amahora angu-8 ngosuku emagcekeni ekamu noma kwenye indawo. Kwakufiwa umsebenzi futhi lo msebenzi wawuhilela ukwakha izimboni, ukwenza ojantshi besitimela noma ukugawula imithi. Iziboshwa zaziphelezelwa onogada uma ziya noma zibuya emsebenzini. Ngemva kwesikhathi somsebenzi, iziboshwa zazivunyelwa ukuhambahamba ngokukhululekile ekamu.

[Isithombe]

ESiberia, eRussia: Izingane zoFakazi base-Ukraine abadingisiwe zicanda izinkuni zokubasa, kwakungo-1953

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 161, 162]

Ingxoxo NoFyodor Kalin

Wazalwa ngo-: 1931

Wabhapathizwa ngo-: 1950

Umlando wakhe: Wadingiswa ngo-1951-65. Wagqunywa ejele ngo-1962-5.

Ngesikhathi ngisejele ngiphenywa, uJehova wake wangenzela isimangaliso. Umphathi wama-KGB (IKomiti Lombuso Lezokulondeka) wafika nephepha. Umseshi wayehlezi phansi, umshushisi ehlezi eceleni kwakhe. Umphathi wama-KGB wathi kumseshi: “Mnike leli phepha! Makafunde ukuthi abafowabo baseMelika abalungile neze!”

Banginikeza lelo phepha. Kwakuyizwi lesinqumo elalithathwe emhlanganweni wesigodi. Ngalifunda okokuqala; ngaphinda ngalifunda kahle okwesibili. Umshushisi wayeseqala ukucikeka. Wathi: “Mnumzan’  uKalin! Uzama ukukubamba ngekhanda yini loko?”

Ngathi: “Empeleni, okokuqala ngivele ngagijimisa nje amehlo kulo. Ngifuna ukuthola umqondo wako.” Ngaphakathi, ngangikhala izinyembezi zenjabulo. Lapho ngiqeda ukufunda leli zwi lesinqumo, ngaliphindisela kubo ngabe sengithi: “Ngiyanibonga kakhulu, kodwa ngibonga uJehova uNkulunkulu ngokunenza ukuba nenze lokhu. Namuhla ukholo lwami luye lwaqina nakakhulu ngokufunda leli zwi lesinqumo! Ngivumelana nabo lab’ oFakazi, futhi angizukubanjwa yilutho ukuba ngidumise igama likaNkulunkulu. Ngizokhuluma ngaye kubantu abasekamu nasejele nomaphi lapho ngikhona. Yileso isabelo sami!

“Akunandaba ukuthi ningihlukumeza kangakanani, ngeke ningivale umlomo. Kuleli zwi lesinqumo, oFakazi abashongo ukuthi bafuna ukuvukela, kodwa banqume ukuthi kungakhathaliseki ukuthi behlelwa yini, ngisho nolunzima kangakanani ushushiso, bazomkhonza uJehova, ngoba bayazi ukuthi uyobasiza bahlale bethembekile! Ngithandaza kuJehova uNkulunkulu ukuba angiphe amandla kulesi sikhathi esinzima ukuze ngime ngiqine okholweni.

“Kodwa ngeke ngihlehle! Leli zwi lesinqumo lingiqinise kakhulu. Noma ningangincikisa odongeni ukuze ningidubule kwamanje, ngeke ngishintshe. UJehova usindisa ngisho nangovuko!”

Ngabona ukuthi abaseshi babephoxekile. Babazi ukuthi babenze iphutha elikhulu. Injongo yaleli zwi lesinqumo yayiwukuba lenze buthaka ukholo lwami, kodwa langiqinisa.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 167-169]

Ingxoxo NoMariya Popovych

Wazalwa ngo-: 1932

Wabhapathizwa ngo-: 1948

Umlando wakhe: Iminyaka eyisithupha wayesemajele nasemakamu okusetshenzwa kanzima kuwo. Usize abantu abangaphezu kweshumi ukuba bafunde iqiniso.

Ngesikhathi ngiboshwa ngo-April 27, 1950, nganginezinyanga ezinhlanu ngikhulelwe. Ngo-July 18 ngagwetshwa iminyaka eyishumi. Ngangiboshelwe ukushumayela, ukutshela abantu iqiniso. Sasingu-7 esagwetshwa, kungabazalwane abane nodade abathathu. Ngamunye wethu wagwetshwa iminyaka eyishumi. Indodana yami encane yazalwa ngo-August 13.

Nokho, ngesikhathi ngisejele angizange nakanye ngidikibale. EZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli, ngangifundile ukuthi uyojabula uma uhlushwa ngoba ungumKristu, hhayi ngoba ungumbulali noma isela. Ngangijabulile ngempela. Ngangithokozile enhliziyweni yami. Ngavalelwa ngedwa, ngangilokhu ngehla ngenyuka esitokisini ngicula.

Isosha lavula ifasitela elincane lathi: “Ucula kanjani usesimweni esinjé?”

Ngathi: “Ngijabulile ngoba angenzanga lutho olubi kunoma ubani.” Lamane lavala ifasitela. Angizange ngishaywe.

Bathi: “Lahla ukholo lwakho. Zibheke ukuthi usesimweni esinjani.” Babesho ukuthi ngangizobelethela ejele. Kodwa ngangijabulile ngoba babengigwebele ukuba nokholo eZwini likaNkulunkulu. Kwangenamisa. Ngangazi ukuthi angisona isigebengu. Ngangazi ukuthi ngikhuthazela ngenxa yokholo lwami kuJehova. Lokho kwangigcina ngijabulile ngaso sonke isikhathi. Kwakunjalo nje.

Kamuva, ngesikhathi ngisebenza ekamu, izandla zami zangenwa yiqhwa zaqina. Ngayiswa esibhedlela. Udokotela wesifazane owayelapho wayengithanda. Wathi: “Impilo yakho ayiyinhle. Kungani ungezi uzosebenzela mina?”

Umphathi wekamu akakuthandanga lokho. Wathi: “Kungani ufuna le nkosikazi ikusebenzele? Khetha omunye kwelinye iqembu.”

Udokotela wathi: “Angimfuni omunye—ngifuna abantu abaqotho nabathembekile esibhedlela sami. Futhi kulesi sibhedlela kulapho ezosebenza khona. Ngiyazi ukuthi ngeke antshontshe nokuthi ngeke aqale ukusebenzisa izidakamizwa.”

Babesethemba. Babebazisa ngokukhethekile abantu abanokholo. Babebona ukuthi singabantu abanjani. Kwasisiza lokho.

Udokotela wagcina emenze wavuma lo mphathi. Yena wayengafuni ngihambe ngoba ngangizisika kahle izingodo. Nomaphi lapho abantu bakaJehova babesebenza khona, babeyizisebenzi ezithembekile nezibuswa unembeza zikhathi zonke.

Phawula: Indodana kaMariya yazalelwa ejele eVinnitsa, e-Ukraine. Eminyakeni emibili eyalandela, yayigcinwe endaweni yezintandane ejele. Ngemva kwalokho, izihlobo zathumela ingane kuyise, yena owayesevele edingiselwe eSiberia. Lapho uDade Popovych ededelwa ejele, indodana yakhe yayineminyaka eyisithupha.

[Amazwi acashunwe esihlokweni]

“Ngijabulile ngoba angenzanga lutho olubi kunoma ubani”

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 175]

Ingxoxo NoMariya Fedun

Wazalwa ngo-: 1939

Wabhapathizwa ngo-: 1958

Umlando wakhe: Wadingiswa ngo-1951-65.

Ngemva kokuba sesihleli esitimeleni, namaphaphu esehlile, futhi sesiluqalile nohambo lwethu, yini enye esasingayenza? Sasizazi izingoma futhi saqala ukuhlabelela. Sazihlabelela zonke izingoma esasizazi ezaziseculweni.

Saqale sezwa umculo owawusenqoleni yethu kuphela, kodwa kamuva lapho isitimela sethu simela ezinye izitimela ukuba zidlule, sathola ukuthi kunezinye izitimela ezazithwele abafowethu. Sasiwuzwa umculo owawukwezinye izitimela. Kwakunabavela eMoldavia; kwabuye kwadlula abaseRomania ababevela eBukovina. Kwakungezitimela! Zazilokhu zidlulana ezindaweni ezihlukahlukene. Sabona ukuthi bonke babengabafowethu.

Ziningi izingoma esasizikhumbula. Izingoma eziningi zaqanjwa kulezo zinqola zezitimela. Zasikhuthaza futhi zasenza saba sesimweni esihle sengqondo. Lezo zingoma zasenza sacabanga ngoJehova.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 177]

Ingxoxo NoLydia Stashchyshyn

Wazalwa ngo-: 1960

Wabhapathizwa ngo-: 1979

Umlando wakhe: Uyindodakazi kaMariya Pylypiv, ongxoxo yakhe isemakhasini 208-9.

Ngesikhathi ngisemncane, umkhulu wayengumdala; engamele ibandla. Ngiyazikhumbula izinto ayezenza njalo: Wayevuka ekuseni, ageze, athandaze. Ngemva kwalokho wayevula iBhayibheli, bese sonke sihlala phansi ndawonye sifunde itekisi losuku naso sonke isahluko. Umkhulu wayevame ukungithuma ukuba ngihambise izincwadi ezibalulekile komunye umdala owayehlala emaphethelweni edolobha—zazisuke zisongiwe noma zisesikhwameni. Ukuze ngifike kwakhe, kwakudingeka ngikhuphuke igquma. Ngangingalithandi leliya gquma. Lalenyukela, futhi ukulikhuphuka kwakunzima. Ngangiye ngithi: “Mkhulu, angiyi! Ngicela ukungayi bandla?”

Umkhulu wayeye aphendule: “Kumelwe nakanjani uye. Uzozihambisa lezi zincwadi.”

Ngangiye ngicabange ngithi, ‘Ngeke ngiye! Uqamb’ eshilo!’ Bese ngibuye ngicabange, ‘Cha-bo, kumelwe ngiye ngoba mhlawumbe kunokuthile okubalulekile kuzo.’ Ngangihlale ngicabanga kanjalo. Ngangingafuni ngempela ukuzihambisa, kodwa ngangizihambisa. Ngangazi ukuthi akekho omunye owayezozihambisa. Wayengithuma njalo. Kwakuyitoho lami, umthwalo wami.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 178, 179]

Ingxoxo NoPavlo Rurak

Wazalwa ngo-: 1928

Wabhapathizwa ngo-: 1945

Umlando wakhe: Wahlala iminyaka engu-15 emajele nasemakamu angamajele. Manje ungumbonisi owengamele e-Artemovsk, empumalanga ye-Ukraine.

Ngo-1952, ngangisekamu elalilawulwa ngemithetho eqinile eKaraganda, e-U.S.S.R. Sasiyishumi kulelo kamu. Isikhathi sasihamba kancane kangangokuba kwakusinda kwehlela. Yize sasinentokozo nethemba, sasingenako ukudla okungokomoya. Sasihlangana ngemva komsebenzi sixoxe, sikhumbuzane konke esasikufunde ngaphambili ‘ngesigqila esithembekile nesiqondayo.’—Math. 24:45-47.

Nganquma ukubhalela udadewethu ngimchazele isimo sethu ekamu futhi ngimtshele ukuthi sasingenako ukudla okungokomoya. Njengoba iziboshwa zazingavunyelwe ukuthumela izincwadi ezinjalo, kwakunzima ukuyiposa. Kodwa udadewethu wagcina eyitholile incwadi. Wagoqa isinkwa esiqinile kanye neTestamente Elisha, wangiposela lelo phasela.

Imithetho yayiqinile. Iziphathimandla zazingaziniki njalo iziboshwa amaphasela. Ngokuvamile zaziwavula amaphasela. Yonke into yayiseshwa ngokucophelela. Ngokwesibonelo, zazibheka amathini ukuze zibone ukuthi akukho lutho yini olufihlwe ezinqeni zawo noma emaceleni. Zazihlola ngisho namabhanisi omile.

Ngelinye ilanga ngabona igama lami ohlwini lwalabo ababezothola amaphasela. Ngangijabule impela, nakuba ngangingacabangi neze ukuthi udadewethu wayengithumelele neTestamente Elisha kulelo phasela. Yisosha elalinesandla esiqine kakhulu kunawo wonke elalisemsebenzini; iziboshwa zazilibiza ngokuthi uKhandaliyashisa, phecelezi uHothead. Lapho ngifika ngizolanda iphasela lami, langibuza: “Ulindele iphasela elivelaphi?” Ngalitshela ikheli likadadewethu. Lathatha umgxala omfushanyana lavula ngawo ibhokisi.

Lapho lilivula, ngabona iTestamente Elisha phakathi kwebhokisi nokudla! Isikhathi enganginaso nje kwakungesokuthandaza buthule: “Jehova, ngicela unginike leli phasela.”

Ngamangala lapho isosha lithi: “Shesha, thatha leli bhokisi uhambe!” Angizange ngikholwe, ngavala ibhokisi ngalithatha ngaya nalo ezindlini zethu. Ngakhipha iTestamente Elisha ngalifaka kumatilasi wami.

Lapho ngitshela abazalwane ukuthi ngangithole iTestamente Elisha, akekho owangikholwa. Kwakuyisimangaliso sikaJehova! Wayesisekela ngokomoya ngoba esimweni esasikuso sasingakwazi kuthola lutho. Sambonga uBaba wethu osezulwini, uJehova, ngesihe sakhe nokusikhathalela kwakhe. Saqala ukufunda nokuziqinisa ngokomoya. Asive sambonga uJehova ngalokhu!

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 180, 181]

Ingxoxo NoLydia Bzovi

Wazalwa ngo-: 1937

Wabhapathizwa ngo-: 1955

Umlando wakhe: Wadingiswa ngo-1949-65.

Njengosemusha owayesanda kweva eshumini nambili, kwakungeve kubuhlungu ukungabibikho kukababa ekhaya. Njengezingane eziningi, sasimthanda ubaba. Angikwazanga ukumvalelisa. Mina no-Ivan asimbonanga esehamba. Sasisensimini sivuna amabele.

Lapho sifika sivela ensimini, umama wasitshela ukuthi ubaba wayeseboshiwe. Ngazizwa ngifelwe yizwe, ngaphatheka kabi. Kodwa asithukanga, asibanga nanzondo. Kwakuyinto eyayilindelekile. Sasihlala sikhunjuzwa amazwi kaJesu: “Uma beye bangishushisa mina, bayonishushisa nani.” (Joh. 15:20) Salifunda sisebancane impela leli vesi. Sasilazi njengoba sasazi umthandazo oyisibonelo. Sasazi nokuthi njengoba sasingeyona ingxenye yaleli zwe, izwe lalingeke lisithande. Lokho iziphathimandla ezazikwenza zazikwenziswa ukungazi.

Ngesikhathi ubaba engaphansi kweziphathimandla zaseRomania eMoldavia, wayazi ukuthi wayengazivikela enkantolo ecaleni lakhe. Savunyelwa ukuya enkantolo. Sasingajabule singajabule ngalolu suku.

Ubaba wanikeza ubufakazi obuhle kakhulu. Akekho owayenendaba nokulalela amacala umshushisi ayemmangalela ngawo, kodwa bonke abantu babekhamisile belalele ubufakazi bukababa. Wakhuluma ihora nemizuzu engu-40 elwela iqiniso. Wanikeza ubufakazi obucacile nobuqondakalayo. Kwahlengezela izinyembezi emehlweni ezisebenzi zasenkantolo.

Saziqhenya ngokuthi ubaba wayekwazile ukunikeza ubufakazi enkantolo, alwele iqiniso obala. Asizange neze siphele ithemba.

Phawula: Ngo-1943, iziphathimandla zaseJalimane zabopha abazali bakaDade Bzovi, zabagweba iminyaka engu-25 ejele ngoba zithi bayimisheshelengwane yamaSoviet. Ungakapheli unyaka, kwafika amabutho amaSoviet abakhulula. Ngemva kwalokho, iziphathimandla zamaSoviet nazo zabopha uyise. Ingu-20 isiyonke iminyaka ayihlala emajele.

[Amazwi acashunwe esihlokweni]

Njengezingane eziningi, sasimthanda ubaba. Angikwazanga ukumvalelisa

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 186-189]

Ingxoxo NoTamara Ravliuk

Wazalwa ngo-: 1940

Wabhapathizwa ngo-: 1958

Umlando wakhe: Wadingiswa ngo-1951. Wasiza abantu abangaba yikhulu ukuba bafunde iqiniso.

Le ndaba ilandisa ngoHalyna. Ngo-1958, enezinsuku ezingu-17 kuphela ubudala, abazali bakhe baboshwa. Yena nonina bayiswa ekamu eliyijele eSiberia. UHalyna wavunyelwa ukuba abe nonina, uma nje lwalusaphuma ubisi kuye, olwaphuma kwaze kwaba inyanga yesihlanu. Ngemva kwalokho, unina kwadingeka ayosebenza, umntwana wayiswa ekhaya elinakekela izinsana. Umkhaya wakithi wawuhlala esifundazweni esiseduze saseTomsk. Abazalwane babhalela ibandla lakithi incwadi bebuza ukuthi ukhona yini owayengakwazi ukuthatha le ntombazanyana kuleli khaya elinakekela izinsana, ayikhulise kuze kube yilapho abazali bayo bekhululwa. Lapho kufundwa le ncwadi, bonke abantu baquma. Kwakudabukisa futhi kuyishwa ukuthi kunosana olusesimweni esinjalo.

Basinika isikhathi sokucabanga ngale ndaba. Kwadlula isonto. Akekho owavolontiya ukumthatha. Izimo zazisimele kabi sonke. Ngesonto lesibili, umfowethu omdala wathi kumama: “Asiyithathe le ntombazanyana.”

Umama wathi: “Uthi senzeni, Vasia? Mina sengizigugele futhi ngiyagula. Kuwumthwalo omkhulu kabi ukuthatha ingane yomunye umuntu. Ingane ayisona isilwane. Ayiyona inkomo noma isithole. Umntwana. Kunjalo-nje ngumntwana womunye umuntu.”

Umfowethu wathi: “Yingakho kufanele simthathe mama. Akasona isilwane. Cabanga nje umntwana esesimweni esinjalo, esekamu! Usemncane, udinga usizo.” Wabe esethi: “Akufanele yini sicabange ukuthi kungase kufike isikhathi okuyothiwa kithi ngaso: ‘Ngangigula, ngangisejele, ngangilambile, kodwa aningisizanga’?”

Umama wathi: “Yebo, kungase kwenzeke lokho, kodwa kuwumthwalo omkhulu ukuthatha ingane yomunye umuntu. Uma ingehlelwa okuthile isahlala nathi, siyothini?”

Umfowethu wathi: “Kuthiwani uma yehlelwa okuthile lé lapho ikhona?” Wabe esengikhomba wathi: “Ukhona uTamara. Yena angahamba ngenkululeko ayolanda ingane. Sonke sizosebenza siyinakekele.”

Sadla amathambo ekhanda, sabonisana, kwathi ekugcineni sanquma ukuthi kufanele ngihambe. Ngaya-ke emakamu aseMariinski, ngiyolanda le ntombazanyana. Abazalwane bangiphathisa izincwadi okwakumelwe ngizishiye lapho. Banginika nekhamera ukuze ngithathe unina wale ngane isithombe, ukuze simbone ngoba sasingamazi. Ngenqatshelwa ukungena nekhamera ekamu, kodwa ngangena nezincwadi. Ngathenga ibhodwe, ngafaka izincwadi phakathi, ngabe sengithela amafutha ngaphezulu. Njengoba ngangidlula esangweni, unogada akazange abheke ukuthi kwakukhonani ngaphansi kwamafutha. Ngangena kanjalo nezincwadi ekamu.

Sabonana nonina wengane, uLydia Kurdas. Ngaze ngalala khona ekamu ngoba kwakudingeka kulungiswe amapheshana okudedela ingane. Ngabe sengimthatha uHalyna saya ekhaya. Wafika ekhaya enezinyanga ezinhlanu nezinsukwana. Sonke samphatha kahle, kodwa wagula wabangwa nezibi. Odokotela babefika kodwa bangatholi ukuthi unani.

Odokotela babecabanga ukuthi wayengumntanami, futhi babengithethisa bethi: “Uyinhloboni kamama wena? Awumncelisi ngani?” Sasesaba ukusho ukuthi lo mntwana wayevela ejele, futhi sasingazi ukuthi kumelwe senzenjani. Ngavele ngakhala ngangasho lutho. Odokotela bangikhaca; bakhakhabisa nomama, bethi ngangimncane kabi ukuba ngendiswe, bethi kwamina ngangisadinga ubisi. Ngangineminyaka engu-18 ubudala.

UHalyna wayebangwa nezibi, ecinene. Ngaya ngaphansi kwezitebhisi ngathandaza: “Nkulunkulu Jehova, Nkulunkulu Jehova, uma izofa le ngane, kungcono kufe mina esikhundleni sayo!”

Ingane yaqala ukubitoza odokotela bebhekile. Bathi: “Khohlwani—ngeke asinde, ngeke asinde.” Bakusho lokhu phambi kwami—phambi kukamama. Umama wayekhala. Mina ngangithandaza. Kodwa ingane yasinda. Yahlala nathi kwaze kwadedelwa unina. Yahlala nathi iminyaka engu-7, futhi ayibange isagula, ngisho nakanye nje.

UHalyna manje uhlala eKharkov, e-Ukraine. Ungudadewethu, iphayona elivamile.

[Amazwi acashunwe esihlokweni]

“Nkulunkulu Jehova, Nkulunkulu Jehova, uma izofa le ngane, kungcono kufe mina esikhundleni sayo!”

[Isithombe]

Kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla: UTamara Ravliuk (uMaBuriak), uSerhii Ravliuk, uHalyna Kurdas, uMykhailo Buriak, uMariya Buriak

[Isithombe]

Kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla: USerhii noTamara Ravliuk, uMykola noHalyna Kuibida (uMaKurdas), u-Oleksii noLydia Kurdas

[Ibhokisi ekhasini 192]

Umbiko Wombonisi Wesifunda, Ngo-1958

“Ukuthi kunzima kangakanani ngabazalwane kungaqondakala ngezinga elithile ngokwazi ukuthi cishe kunamalungu ayishumi enhlangano yentsha yamaKhomanisi ajutshwe ukuba yizinhloli ezigade umzalwane ngamunye. Ngaphezu kwalokho, kunomakhelwane abayizimpimpi; abazalwane abayizimbulu; inqwaba yamaphoyisa; izigwebo zenkantolo ezingafinyelela eminyakeni engu-25 emakamu noma emajele; ukudingiselwa eSiberia; ukufukuziswa ngenkani uze uyofa; ukuboshwa, ngezinye izikhathi ukuboshwa imindundu ezitokisini ezimnyama—konke lokhu kungenzeka kumuntu osho amazwi ambalwa nje ngoMbuso kaNkulunkulu.

“Noma kunjalo, abamemezeli abesabi. Uthando lwabo ngoJehova uNkulunkulu alunamkhawulo, banesimo sengqondo esifuze esezingelosi, futhi abacabangi ukuphonsa ithawula. Bayazi ukuthi umsebenzi ungokaJehova nokuthi kumelwe uqhubeke kuze kube sekunqobeni ekugcineni. Abazalwane bayazi ukuthi bagcina ubuqotho ngenxa kabani. Bayakujabulela ukuhlupheka ngenxa kaJehova.”

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 199-201]

Ingxoxo NoSerhii Ravliuk

Wazalwa ngo-: 1936

Wabhapathizwa ngo-: 1952

Umlando wakhe: Wahlala iminyaka engu-16 emajele nasemakamu angamajele. Waphoqeleka ukuba ashintshe indawo yokuhlala izikhathi ezingu-7. Wasiza abantu abangaba ngu-150 ukuba bafunde iqiniso. Emakhasini 186-9 kuxoxwa ngomkakhe, uTamara. Manje uSerhii ungumdala eBandleni LaseRohan, eduze kwedolobha laseKharkov.

Ngahlala iminyaka engu-7 eMordvinia. Yize kwakuyikamu elinesimiso sokulondeka seqophelo eliphezulu leli, ziningi izincwadi ezahanjiswa ngesikhathi ngilapho. Abanye onogada babegoduka nezincwadi, bazifunde, bese bezinikeza imikhaya nezihlobo zabo.

Ngezinye izikhathi unogada wayeza kimi lapho ngisebenza ishifu yesibili. Wayethi: “Kukhona onakho, Serhii?”

Ngangiphendula ngithi: “Ufunani?”

“Into engingayifunda.”

“Ingabe kuzoseshwa kusasa?”

“Yebo. Kuzoseshwa egumbini lesihlanu kusasa.”

“Kulungile, embhedeni othile ngaphansi kwethawula, kuzobe kune-Nqabayokulinda. Ungayithatha.”

Kwaseshwa futhi wayithatha INqabayokulinda. Kodwa azikho ezinye izincwadi abazithola onogada ngoba sasazé kusengaphambili ukuthi kuzoseshwa. Abanye onogada babesisiza ngaleyo ndlela. Babelithanda iqiniso kodwa babesaba ukuthi babezosuke baphelelwe umsebenzi. Phakathi neminyaka eminingi silapho, onogada bayibona indlela esasiphila ngayo. Abantu abahlakaniphile babekwazi ukubona ukuthi sasingenacala. Ukuthi nje babengenakusho lutho ngoba uma babengakhuluma, babengase babhekwe njengabachema noFakazi BakaJehova, bese bephelelwa imisebenzi. Ngakho umsebenzi wethu bawusekela ngezinga elithile. Bathatha izincwadi bazifunda. Lokho kwasiza kwadambisa umlilo woshushiso.

Ngo-1966 kwase kunabazalwane abangu-300 eMordvinia. Abaphathi babazi ukuthi iSikhumbuzo sasizoba nini. Base benquma ukusithikameza ngalowo nyaka. Bathi: “Niyayitadisha kakade INqabayokulinda yenu, kodwa sizosiqeda nyá lesi Sikhumbuzo. Ngeke nenze lutho.”

Amalungu amaqembu ahlukahlukene onogada kwakufanele ahlale emahhovisi awo kuze kunikezwe uphawu lokuthi asengakhululeka. Wonke ayesezindaweni zawo: abaseshi abagadayo, izisebenzi zasemahhovisi okuqondisa, nomlawuli wekamu.

Ngakho sonke saphumela emgwaqweni, eshashalazini esasihlangana kulo zonke izinsuku lapho kubizwa amagama ethu, ekuseni nakusihlwa. Sabe sesiqoqana ngokwamabandla noma ngamaqembu, sazihambahambela kuleli shashalazi. Eqenjini ngalinye, umzalwane wayenikeza inkulumo njengoba sihambahamba; abanye belalele.

Sasingenazo izifanekiselo, ngakho kwaba nenkulumo kuphela. Ngaleso sikhathi babengekho abagcotshiwe ekamu. Ngo-9:30 kusihlwa, yonke into yayisiphelile, wonke amaqembu ayeseqedile ukugubha lo mkhosi elokhu ehambahamba emgwaqweni.

Ingoma yona sasifuna ukuyicula ndawonye. Ngakho saqoqana ndawonye eduze kwendlu yokugezela, eyayisekhoneni elikude lé uma usuka esangweni okwakuseshwa kulo. Cabanga amadoda angu-300, angu-80 kuya ku-100 awo ecula ebusuku ehlathini lezihlahla zohlobo lukaphayini! Cabanga nje ngokunkeneneza kwaleyo ngoma! Ngiyakhumbula ukuthi sacula ingoma 25, enesihloko esithi “Nganifela,” eculweni elidala. Sonke sasiyazi leyo ngoma. Ngezinye izikhathi ngisho namasosha ayesuke emi emibhoshongweni ayesimemeza, athi: “Sicela nicule iNgoma 25!”

Sathi singaqala nje ukucula ngalobo busuku, zonke izisebenzi zaphuma zigijima emahhovisi azo zize endlini yokugezela zizosithulisa. Kodwa lapho zifika, azikwazanga ukusithulisa ngoba bonke abazalwane ababengaculi babenze isiyingi bezungeze ababecula. Onogada bagijima bazungeza kwaba nhlanga zimuka nomoya, saze saqeda ukucula. Lapho isiphelile ingoma, bonke bahlakazeka. Onogada babengazi ukuthi obani abaculile nabangaculanga. Babengeke bakwazi ukuvalela umuntu ngamunye esitokisini sakhe yedwa.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 203, 204]

Ingxoxo NoVictor Popovych

Wazalwa ngo-: 1950

Wabhapathizwa ngo-: 1967

Umlando wakhe: Wazalelwa ejele, uyindodana kaMariya Popovych, okukhulunywe ngaye ekhasini 167-9. Waboshwa ngo-1970, wagqunywa ejele iminyaka emine ngenxa yomsebenzi wokushumayela. Phakathi nezinsuku ezintathu zokuqulwa kwecala enkantolo, bangu-35 abantu abafakaza ukuthi uMfoweth’ uPopovych wayebashumayezile.

Isimo ababezithola bekuso oFakazi BakaJehova akufanele sibhekwe nje ngokweso lezokuphathwa kwabantu kuphela. Ukusola uhulumeni ngeke kukuchaze ngokuphelele ukushushiswa kwabantu bakaNkulunkulu. Iziphathimandla eziningi zazimane zenza umsebenzi wazo. Lapho uhulumeni eshintsha, kwakushintsha nokwethembeka kweziphathimandla, kodwa thina asizange sishintshe. Sasazi ukuthi umthombo wangempela wezinkinga zethu wembuliwe eBhayibhelini.

Asizange sizibheke njengezisulu ezingenacala zabantu abacindezelayo. Okwasisiza sakhuthazela kwakuwukuqonda kwethu ngokucacile impikiswano eyaphakanyiswa ensimini yase-Edene—impikiswano ephathelene negunya likaNkulunkulu lokubusa. Kuyimpikiswano engakaxazululwa. Sasazi ukuthi sasithole ithuba lokusekela uhlangothi lukaJehova lokubusa. Sakhetha uhlangothi lwempikiswano engahlangene nje kuphela nezithakazelo zabantu kodwa ehlangene nezithakazelo zoMbusi wendawo yonke. Sasiziqonda kahle kakhulu izimpikiswano ezazihilelekile. Lokhu kwasiqinisa futhi kwasenza sakwazi ukugcina ubuqotho bethu ngisho nangaphansi kwezimo ezinzima kakhulu. Sabheka ngalé kwezimiso zokuphathwa kwabantu.

[Amazwi acashunwe esihlokweni]

Ukusola uhulumeni ngeke kukuchaze ngokuphelele ukushushiswa kwabantu bakaNkulunkulu

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 208, 209]

Ingxoxo NoMariya Pylypiv

Wazalwa ngo-: 1934

Wabhapathizwa ngo-: 1952

Umlando wakhe: Waya eSiberia ngo-1951 eyovakashela udadewabo owayedingiselwe lapho. UMariya walithola eSiberia iqiniso, kamuva washada nomzalwane owayedingiselwe khona.

Ngesikhathi kushona ubaba, kwafika amaphoyisa kithi. Afika emaningi. Ayevela eMkhandlwini Wedolobha naseMkhandlwini Wesifunda. Asidonsa ngendlebe athi singalokothi sicule noma sithandaze. Sawatshela ukuthi akukho mthetho ovimbela ukuthandaza. Abuza ukuthi uzoba nini umngcwabo. Sawatshela, abe esehamba.

Abazalwane basheshe bafika. Abantu babengavunyelwe ukuba babuthane ndawonye, kodwa babengaya emngcwabeni. Sasheshe saqala ngoba sasazi ukuthi amaphoyisa ayezofika. Kwathi angaqala nje ukuthandaza omunye umzalwane, latheleka iloli eligcwele amaphoyisa. Umzalwane waqedela ukuthandaza, sabe sesilibangisa emathuneni.

Asilandela, asivumela ukuba singene emathuneni. Lapho umzalwane ephinda ethandaza, amaphoyisa azama ukumbopha. Kodwa thina bodade sasinqumile ukuthi ngeke sivume amthathe. Kwakunenqwaba yamaphoyisa, ngakho senza isiyingi sazungeza lo mzalwane. Esiphithiphithini esasuka lapho, omunye udade wadonsa lo mzalwane waphumela naye ngaphandle kwamathuna, nampaya benqamula phakathi kwezindlu, baze bayongena edolobheni. Dukuduku, kwaqhamuka imoto eyayihamba umuntu owayemazi lo mzalwane, wabe esengena emotweni wahamba. Amaphoyisa amcinga emcingile kodwa angamthola. Ajokola ahamba.

Izikhathi eziningi odade babevikela abazalwane. Ngokuvamile, ngabazalwane abavikela odade, kodwa kwakumelwe izinto zigaye ngomunye umhlathi ngaleso sikhathi. Odade kwakudingeka bavikele abazalwane. Ziningi iziwombe okwenzeka kuzo lokho.

[Amazwi acashunwe esihlokweni]

Kwakumelwe izinto zigaye ngomunye umhlathi ngaleso sikhathi. Odade kwakudingeka bavikele abazalwane

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 220, 221]

Ingxoxo NoPetro Vlasiuk

Wazalwa ngo-: 1924

Wabhapathizwa ngo-: 1945

Umlando wakhe: Wadingiswa ngo-1951-65. Ngemva nje kokudingiswa kukaMfoweth’ uVlasiuk, indodana yakhe yagula futhi yashona. Ngonyaka olandelayo, ngemva kokubeletha omunye umfana, umkakhe waba nezinkinga zempilo futhi ekugcineni washona. UMfoweth’ uVlasiuk wasala nengane encane. Ngo-1953 waphinde washada, futhi umkakhe omusha wasiza ngokunakekela le ngane.

Ngangiphakathi kwalabo abadingiselwa eSiberia besuka e-Ukraine ngo-1951. Uyazi, sasingesabi neze. UJehova wafaka kubazalwane umoya owabenza baba nokholo, futhi babekhuluma ngendlela eyayibonisa lolo kholo. Akekho umuntu owayengazikhethela ukuyoshumayela kulesi sabelo. Kusobala ukuthi uJehova uNkulunkulu wasebenzisa uhulumeni ukuba asithuthe asiyise lapho. Kamuva iziphathimandla zathi: “Senze iphutha elikhulu.”

Abazalwane bathi: “Nilenze kanjani?”

“Ngokuniletha lapha, seniguqula abantu nakhona la futhi!”

Abazalwane bathi: “Nisazophinda nenze elinye iphutha.”

Iphutha lazo lesibili elikhulu zalenza ngemva kokusidedela, ngemva kokusinika ushwele zenqaba ukuba siphindele emakhaya. Zathi: “Ningaya nomaphi kodwa ningayi emizini yenu.” Zasanguluka ngemva kwendaba zabona ukuthi zazenze iphutha. Ngenxa yaleso senzo, izindaba ezinhle zasakazeka kulo lonke elaseRussia.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 227]

Ingxoxo No-Anna Vovchuk

Wazalwa ngo-: 1940

Wabhapathizwa ngo-: 1959

Umlando wakhe: Wadingiswa ngo-1951-65. Wayeneminyaka eyishumi ubudala lapho ethunyelwa eSiberia. Kusukela ngo-1957 kuya ku-1980 wasebenza ngomshoshaphansi enyathelisa izincwadi zeBhayibheli.

Ama-KGB ayevame ukusenza sidalule abafowethu. Ayesikhombisa izithombe. Ngangiye ngithi: “Nina, khohlwani, angazi lutho. Angazi muntu.” Sasiwaphendula kanjalo. Kamuva, lapho ngisanda kushada, ngangiziyela edolobheni ngesikhathi nginqwamana nomphathi wakule ndawo wama-KGB e-Angarsk. Wayevame ukungibiza azongiphenya ngemibuzo, ngakho wayengazi kahle.

Wathi kimi: “Angithi wena wangitshela ukuthi awumazi uStepan Vovchuk. Kwenzeke kanjani pho ukuba manje ushade naye?”

Ngaphendula ngathi: “Akuwena yini owangibonisa yena ezithombeni owawuziphethe?”

Washaya izandla ebabaza: “Kahleni bo! Kuseyithina esinecala futhi!”

Sahleka sobabili. Kwakuwumzuzu omnandi nojabulisayo ekuphileni kwami lowo.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 229, 230]

Ingxoxo NoSofiya Vovchuk

Wazalwa ngo-: 1944

Wabhapathizwa ngo-: 1964

Umlando wakhe: Wadingiswa ngo-1951-65. Wayeneminyaka engu-7 ngesikhathi yena nonina, nodadewabo nomfowabo bethunyelwa eSiberia.

Ngesikhathi besiyisa eSiberia basitshela ukuthi siyohlala khona unomphela. Sasingacabangi ukuthi siyoke sikhululeke. Uma sifunda INqabayokulinda sizwa ngemihlangano yesigodi eyayiqhutshwa kwamanye amazwe, sasithandaza sicele kuJehova ukuba sithole ithuba lokuya kanye nje emhlanganweni wesigodi ofuze leyo eyayiba khona kwamanye amazwe. Njengokulindelekile, uJehova wasibusisa. Ngo-1989 sakwazi ukuya emhlanganweni wezizwe woFakazi BakaJehova ePoland. Anginawo amazwi okuchaza intokozo, nenjabulo engakaya esaba nayo ngokuba lapho.

Abafowethu basePoland basamukela ngezandla ezimhlophe. Sahlala izinsuku ezine khona. Saya emhlanganweni! Kwakungemnandi kungemnandi ukufunda okwengeziwe ngoJehova nokwamukela imfundo evela eZwini likaNkulunkulu. Sasijabule kakhulu. Sasixoxela bonke abantu izinto ezazisehlele. Yize kwakunezizwe eziningi, zonke zazingabafowethu! Njengoba sasihambahamba enkundleni, kwakuheleza umoya omnandi wokuthula. Ngemva kwako konke—ngemva kokuvinjelwa isikhathi eside kangaka—kithina kwaba sengathi sesisezweni elisha kakade. Asizwanga nhlamba, konke kwakuhlanzekile kukuhle. Sasichitha isikhathi ndawonye ngemva kwesimiso. Sasingasheshi sigoduke; sasibungazana nabazalwane, sidle ingevu. Kwakunabahumushi uma singaluzwa ulimi. Ngisho nalapho singezwani ngolimi, sasiqabulana. Sasijabulile.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 243, 244]

Ingxoxo NoRoman Yurkevych

Wazalwa ngo-: 1956

Wabhapathizwa ngo-: 1973

Umlando wakhe: Wahlala iminyaka eyisithupha emakamu angamajele ngenxa yokungathathi hlangothi. Kusukela ngo-1993 ubekhonza eKomitini Yegatsha yase-Ukraine.

Iqiniso lishukumisa umuntu ukuba asize abanye futhi abasekele. Sakubona ngokukhethekile lokhu ngo-1998 ngesikhathi kunezikhukhula ezinkulu eTranscarpathia, amakhulukhulu abantu alahlekelwa imizi yawo nazo zonke izimpahla zawo ngobusuku obubodwa.

Zingakapheli izinsuku ezimbili kwafika iqembu labazalwane lakha amakomiti okunikeza usizo. Anquma ukuthi yiluphi usizo olwaluzonikezwa umkhaya ngamunye, nedolobhana ngalinye. Ikakhulukazi mabili amadolobhana ayethinteke kakhulu, iVary neVyshkove. Ngezinsuku ezimbili noma ezintathu, kwahlelwa ukuthi yimuphi umkhaya ozothola luphi usizo nokuthi obani abazowusiza. Kwabe sekufika abafowethu ngamaloli baqala ukususa ngamahalavu udaka olwaluluningi.

Basilethela izinkuni ezomile, okuyinto eyenza wonk’ umuntu kule ndawo wakhexa umlomo. Abangebona oFakazi bona babamba ongezansi. Udade mumbe waseVyshkove wayelapho iqembu labazalwane lalisusa khona udaka. Intatheli ethile yaya kuye yambuza, yathi: “Uyabazi laba bantu?”

Waphendula: “Angibazi kahle, kwazise sikhuluma izilimi ezingefani—isiRomania, isiHungary, isi-Ukraine nesiRussia. Kunye engikwaziyo: Ngabafowethu nodadewethu laba, futhi bayangisiza.”

Zingakapheli izinsuku ezimbili noma ezintathu, abazalwane base bethumele usizo futhi banakekela nale mikhaya, eyayisithuthelwe kwezinye izindawo. Kodwa ngemva kwezinyanga eziyisithupha, cishe yonke imizi yoFakazi yayisiyakhiwe, futhi oFakazi baba abokuqala kuleyo ndawo abaphindela beyohlala emizini yabo emisha.

[Ishadi ekhasini 254]

(Bheka encwadini)

Amaphayona Avamile E-Ukraine (1990-2001)

10 000

8 000

6 000

4 000

2 000

0

1990 1992 1993 1994 1995 1996 1997 1998 1999 2001

[Ishadi ekhasini 254]

(Bheka encwadini)

OFakazi BakaJehova E-Ukrainea (1939-2001)

120 000

100 000

80 000

60 000

40 000

20 000

0

1939 1946 1974 1986 1990 1992 1994 1996 1998 2001

[Umbhalo waphansi]

a Izibalo zeminyaka ka-1939-90 ziwukulinganisela

[Amabalazwe ekhasini 123]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

UKRAINE

VOLYN’

HALYCHYNA

Lvov

TRANSCARPATHIA

BUKOVINA

KIEV

Kharkov

Dnepropetrovsk

Luhans’k

Zaporozh’ye

Donetsk

Odessa

CRIMEA

BLACK SEA

TURKEY

BULGARIA

ROMANIA

MOLDOVA

POLAND

BELARUS

RUSSIA

[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 118]

[Isithombe ekhasini 127]

UVojtech Chehy

[Isithombe ekhasini 129]

Umhlangano wokuqala edolobheni laseHalychyna, iBorislav, ngo-August 1932

[Isithombe ekhasini 130]

Umhlangano eSolotvyno, eTranscarpathia, ngo-1932

[Isithombe ekhasini 132]

UMariya no-Emil Zarysky basifeza ngokwethembeka isabelo sabo sokuhumusha iminyaka engu-40

[Isithombe ekhasini 133]

Idepho yezincwadi yokuqala e-Ukraine yayikule ndlu ese-Uzhgorod kusukela ngo-1927-31

[Isithombe ekhasini 134]

Iqembu selilungele ukuhamba ngebhasi liye ensimini eseRakhiv eziNtabeni ZaseCarpathos, ngo-1935: (1) UVojtech Chehy

[Isithombe ekhasini 135]

Irekhodi legilamafomu lakuqala elalithi “Inkolo NobuKristu,” ngesi-Ukraine

[Isithombe ekhasini 136]

IBandla LaseKosmach ngo-1938: (1) UMykola Volochii wadayisa ihhashi lakhe elilodwa kwamabili ukuze athenge igilamafomu

[Isithombe ekhasini 137]

ULudwik Kinicki, abaningi abamkhumbula kahle ngokuthi wayeyisikhonzi esishisekayo, wafa ethembekile kuJehova ekamu lokuhlushwa lamaNazi

[Izithombe ekhasini 142]

U-Illia Hovuchak, (phezulu, kwesobunxele) ubonakala lapha ehamba no-Onufrii Rylchuk beyoshumayela ezintabeni, kanti (kwesokudla) unomkakhe, uParaska, wabulawa amaGestapo ngemva kokukhashelwa ngumpristi ongumKatolika

[Isithombe ekhasini 146]

U-Anastasiya Kazak (1) nabanye oFakazi basekamu lokuhlushwa laseStutthof

[Izithombe ekhasini 153]

U-Ivan Maksymiuk (ovezwe lapha nomkakhe uYevdokiya) nendodana yakhe uMykhailo (kwesokudla) benqaba ukwephula ubuqotho babo

[Isithombe ekhasini 158]

Izincwadi zokuqala zeBhayibheli ngesi-Ukraine

[Isithombe ekhasini 170]

Eneminyaka engu-20 ubudala, uHryhorii Melnyk wabe esenomthwalo wemfanelo wokunakekela abafowabo ababili abancane nodadewabo oyedwa

[Isithombe ekhasini 176]

UMariya Tomilko wakhuthazelela iminyaka engu-15 yokugqunywa ejele kodwa uye wahlala ethembekile

[Isithombe ekhasini 182]

UNutsu Bokoch ubonana isikhashana nendodakazi yakhe ejele, ngo-1960

[Izithombe ekhasini 185]

ULydia no-Oleksii Kurdas (ngenhla), baboshwa futhi bagqunywa emakamu ahlukene ngesikhathi indodakazi yabo uHalyna inezinsuku ezingu-17 ubudala; uHalyna Kurdas, eneminyaka emithathu (kwesokudla): Lesi sithombe sathathwa ngo-1961 ngesikhathi abazali bakhe besejele

[Isithombe ekhasini 191]

Ngobusuku obandulela usuku lomshado wabo, uHanna Shyshko noYurii Kopos baboshwa futhi bagwetshwa iminyaka eyishumi besekamu eliyijele. Bashada ngemva kweminyaka eyishumi

[Isithombe ekhasini 191]

UYurii Kopos wachitha cishe ingxenye eyodwa kwezintathu yekhulu leminyaka emajele amaSoviet nasemakamu okusetshenzwa kanzima kuwo

[Isithombe ekhasini 194]

UPavlo Ziatek wanikela konke ukuphila kwakhe enkonzweni kaJehova

[Isithombe ekhasini 196]

Incwadi yangomhla ka-May 18, 1962 eyayivela kuNathan H. Knorr iya kubazalwane base-U.S.S.R.

[Isithombe ekhasini 214]

Izincwadi zase-Ukraine nakwezinye izindawo zaseSoviet Union zazinyatheliswa ezindlini ezingaphansi komhlaba njengale esempumalanga ye-Ukraine

[Isithombe ekhasini 216]

Phezulu: Igquma elisehlathini kude lé phakathi kweziNtaba ZaseCarpathos lapho u-Ivan Dziabko ayesebenza khona endlini engaphansi komhlaba

[Isithombe ekhasini 216]

Ngenhla: UMykhailo Dioloh uhlezi eceleni kwalokho okwakungumnyango ongena endlini engaphansi komhlaba lapho ayenikeza khona u-Ivan Dziabko iphepha

[Isithombe ekhasini 216]

Kwesokudla: U-Ivan Dziabko

[Isithombe ekhasini 223]

UBela Meysar wahlala iminyaka engu-21 ejele, phakathi nayo umkakhe othembekile uRegina wayevame ukuhamba amakhilomitha angaphezu kuka-140 000 eyomvakashela

[Isithombe ekhasini 224]

UMichael Dasevich wamiswa njengenceku yezwe ngo-1971

[Isithombe ekhasini 233]

Ukubhaliswa koFakazi BakaJehova e-Ukraine, ngo-February 28, 1991, kwakuwukubhaliswa kokuqala okunjalo endaweni ye-U.S.S.R.

[Izithombe ekhasini 237]

Emhlanganweni wezizwe eKiev ngo-1993, kwabhapathizwa abangu-7 402, okuyinani elikhulu kunawo wonke labantu ababhapathizwa emhlanganweni owodwa emlandweni wanamuhla wabantu bakaNkulunkulu

[Isithombe ekhasini 246]

Ikilasi lokuqala leSikole Sokuqeqeshela Inkonzo eLvov lithweswa iziqu ekuqaleni kuka-1999

[Isithombe ekhasini 251]

Phezulu: Isakhiwo samaHholo OMbuso awuxhaxha umkhaya waseBethel owawusebenzela kuso kusukela ngo-1995 kuya ku-2001

[Isithombe ekhasini 251]

Phakathi nendawo: Indlu eyayisetshenziswa umkhaya waseBethel ngo-1994-5

[Isithombe ekhasini 251]

Ngezansi: IHholo LoMbuso edolobheni laseNadvirna—okungelokuqala elakhiwa ngaphansi kohlelo olusha lokwakha amaHholo OMbuso e-Ukraine

[Izithombe ekhasini 252, 253]

(1-3) Igatsha elisanda kunikezelwa e-Ukraine

[Isithombe ekhasini 252]

(4) IKomiti Yegatsha, kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla: (abahlezi) UStepan Hlinskyi, uStepan Mykevych; (abamile) u-Andrii Semkovych, uRoman Yurkevych, uJohn Didur, noJürgen Keck

[Isithombe ekhasini 253]

(5) UTheodore Jaracz unikeza inkulumo ngesikhathi kunikezelwa igatsha lase-Ukraine ngo-May 19, 2001

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela