I-Argentina
I-Argentina, ibanzi ngamakhilomitha angu-4 000 engxenyeni esezansi eningizimu-mpumalanga yeNingizimu Melika, futhi iyizwe elinezinto ezinhlobonhlobo ngokumangalisayo. Omunye wemingcele yayo yi-Andes Mountains emangelengele, ephakeme ngamamitha angaphezu kuka-6 000. Enyakatho kunamahlathi aluhlaza anezilwane ezinjengezingwe nezingulube. Emanzini aqanda qá akude neTierra del Fuego, eningizimu, kudlala ama-“penguin” nemikhomo, amagagasi wona aphakama aze abe ngamamitha angu-30. Laphaya emathafeni, ama-“gaucho” (ama-cowboy ase-Argentina) ahamba ngamahhashi agade odedangendlale bezibaya zezinkomo.
Nomaphi lapho uya khona kuleli zwe, uzobathola oFakazi BakaJehova. Bakuwo wonke amadolobha amancane namakhulu ezweni lonke. Njengoba bengaphezu kuka-120 000, bashumayela ezintabeni, emahlathini, emathafeni nasogwini. Batholakala ezakhiweni eziphakeme ezisenhloko-dolobha nasezigodini ezikude le emaphandleni. Ukuhlukahluka kwendawo akukuphazamisanga ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle—kungaphazanyiswanga nayizithiyo ezingamasiko, ulimi nokuntengantenga komnotho. Izindaba ezinhle ziyashunyayelwa, njengoba nje uJesu athi kuyoba njalo.—Marku 13:10.
Akuzange nje kuzenzakalele lokhu. Amadoda nabesifazane abazinikele, abagcwele intshiseko nokholo baye babonisa ukuthi bazimisele ukumemezela isigijimi seBhayibheli ngaphansi kwanoma iziphi izimo. Baye balalela iseluleko somphostoli uPawulu kuThimothewu: “Shumayela izwi, ube kulo unomuzwa wokuphuthuma ngenkathi evumayo, ngenkathi enzima.” (2 Thim. 4:2) Kodwa abazishayi isifuba ngalokho okufeziwe. Bayaqaphela ukuthi kufezwe ngomoya kaJehova kuphela.—Zak. 4:6.
Kubekwa Isisekelo
Isisekelo somsebenzi owenziwa lapha sabekwa eminyakeni eminingi edlule. Umlando wokufinyelela kweqiniso ezindaweni ezikude kakhulu zaleli zwe uqinisa ukholo ngempela. Ngo-1923, uGeorge Young waseCanada, watheleka eNingizimu Melika. Ngemva kokushumayela ezindaweni eziningi eBrazil, wabhekisa amabombo e-Argentina. Kungakapheli zinyanga ezingaki, wayesehambise izincwadi ezingu-1 480 nezinye izincwadi zeBhayibheli ezingu-300 000 emadolobheni amakhulu namancane angu-25 e-Argentina. Engakaqhubeki nohambo lwakhe lokushumayela kwamanye amazwe aseNingizimu Melika, waphawula: “Kuye kwabonakala ngokucacile ukuthi uJehova uyayisekela imizamo yokusakaza isigijimi sombuso.”
Ngo-1924, uJ. F. Rutherford, owayengumongameli we-Watch Tower Society ngaleso sikhathi, wathumela umlisa waseSpain uJuan Muñiz ukuba ayokhonza e-Argentina. Ngemva kweminyaka emibili uMfoweth’ uMuñiz wamisa ihhovisi legatsha le-Watch Tower Society eBuenos Aires ukuze linakekele umsebenzi wokushumayela ngoMbuso e-Argentina, eChile, eParaguay nase-Uruguay.
UMfoweth’ uMuñiz waqaphela ukuthi kwakunabantu abaningi abakhuluma isiJalimane e-Argentina, ngakho wacela usizo ukuze nabo bezwe izindaba ezinhle. UMfoweth’ uRutherford wabe esethumela uCarlos Ott, isikhonzi sesikhathi esigcwele esingumJalimane, ukuba ayosiza lelo qembu.
Ayemaningi namaGreki kuleli zwe. Ngo-1930, uNicolás Argyrós, ongumGreki ngokuzalwa, wafunda isigijimi seBhayibheli futhi waqala ukushumayeza amaGreki amaningi endaweni yaseBuenos Aires. Kamuva, lapho esesazi kangcono iSpanishi, wasakaza imbewu yeZwi likaNkulunkulu ezifundazweni ezingu-14 kwezingu-22 e-Argentina, egxile engxenyeni esenyakatho yezwe.
Cishe ngaso leso sikhathi, umlisa wasePoland, uJuan Rebacz, waba uFakazi KaJehova, futhi yena nomunye uFakazi wasePoland, bangenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Behamba nezinye izikhonzi ezimbili zesikhathi esigcwele, bahlanganisa insimu esengxenyeni eseningizimu ye-Argentina.
Umbiko ka-1930 ubonisa ukuthi kwasakazwa izinkulungwane zezincwadi, hhayi nje ngesiJalimane, isiGreki neSpanishi kuphela, kodwa nangesi-Arabhu, isi-Armenia, isiCroatia, isiFulentshi, isiHungary, isiLettish, isiLithuania, isiNgisi, isiNtaliyane, isiPolish, isiPutukezi, isiRussia, isi-Ukraine nesiYiddish.
Kwenzeka kanjalo-ke ukuba eminyakeni engu-7 nje kuphela, umsebenzi wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi ube usunezimpande phakathi kwabantu abakhuluma iSpanishi nezinye izilimi. Ngempela kwakuyinkathi evumela ukwanda okuqhubekayo.
Insimu Enkulu Ayisona Isithiyo
Insimu okwakufanele ihlanganiswe yayinkulu, ithi ayilingane nengxenye eyodwa kwezintathu ze-United States of America. Kodwa ubukhulu bayo abubathiyanga oFakazi ukuba basakaze isigijimi soMbuso. Abanye babehamba ngezinyawo, abanye ngamabhayisikili, ngezitimela noma ngezinqola zamahhashi.
Ekuqaleni kwawo-1930, u-Armando Menazzi, wasesifundazweni esimaphakathi saseCórdoba, wayeqiniseka ukuthi uthole iqiniso. Wadayisa indawo yakhe yokukhanda izimoto ukuze abe isikhonzi sesikhathi esigcwele. Kamuva, wathenga ibhasi elidala walishintsha laba imoto angalala nakuyo, okwenza abamemezeli abayishumi noma ngaphezulu bakwazi ukuhamba ndawonye besakaza izindaba ezinhle. Uhambo lwabo lwabayisa ezifundazweni okungenani eziyishumi enyakatho ye-Argentina.
Ngawo-1930, i-Argentina yayisinojantshi wesitimela ophelele eLatin America, ungamakhilomitha angaphezu kuka-40 000 ubude. Waba usizo olukhulu ekwandiseni umsebenzi wokushumayela. Amanye amaphayona abelwa ukuba ayoshumayela ezindaweni zokuhlala ezazimalungana nojantshi. Ngokwesibonelo, insimu kaJosé Reindl kwakuyiyo yonke indawo eseNtshonalanga kajantshi, kusukela eSifundazweni SaseBuenos Aires esikuyi-Atlantic Coast kuze kuyoshaya eSifundazweni SaseMendoza emngceleni weChile, indawo engamakhilomitha ayinkulungwane ububanzi!
OFakazi BakaJehova ababesebenza ezitimeleni bawasebenzisa kahle amathuba okuyisa isigijimi seBhayibheli ezindaweni ezikude ze-Argentina. U-Epifanio Aguiar, owathola iqiniso esifundazweni sasenyakatho-mpumalanga iSanta Fe, washintshwa uloliwe wamyisa kude enyakatho eChaco. Wathi angafika nje waqala ukushumayela. Ngesikhathi umsebenzi wakhe udinga ukuba ahambe amakhilomitha angu-2 000 aye eningizimu eChubut futhi kamuva abuyele enyakatho eSantiago del Estero, wasakaza isigijimi soMbuso kulezo zifundazwe.
UDade Rina de Midolini, iphayona elishisekayo, washumayela eMédanos, idolobha elincane eliqhele ngamakhilomitha angu-50 edolobheni elikhulu iBahía Blanca. Wayegibela nebhayisikili lakhe esitimeleni futhi alisebenzise uma esefike lapho ayeya khona. Abantu babembiza ngokuthi intokazi yeBhayibheli ehamba ngebhayisikili. Wayaziwa kakhulu kangangokuba ngolunye usuku lapho umshayeli wesitimela ebona ukuthi akakafiki, wasimisa kancane isitimela wamlinda!
Kufika Izithunywa Zevangeli Eziqeqeshwe EGileyadi
OFakazi bakuqala bahamba izindawo eziningi futhi bahambisa nenqwaba yezincwadi, betshela abantu ngethemba loMbuso kaNkulunkulu. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, kwahlaluka ukuthi kwakunesidingo semfundo yeBhayibheli ehlelekile nokuthuthukiswa kokuhlela izinto. Ngo-1945, uNathan H. Knorr, owayengumongameli we-Watch Tower Society ngaleso sikhathi, wavakashela i-Argentina futhi watshela amabandla ukuba aqale iMfundo YeNkonzo Engokwasezulwini (iSikole SeNkonzo Esingokwasezulwini) ngeSpanishi. Wakhuthaza nabazalwane base-Argentina ukuba bangenele inkonzo yokuphayona futhi bazibekele umgomo wokuya e-Watchtower Bible School of Gilead.
Ngokushesha, abantu ababili base-Argentina baya eSikoleni SaseGileyadi, babuyela e-Argentina ngo-1946. Ngo-1948 balandelwa izithunywa zevangeli ezazivela kwamanye amazwe. Phakathi kwazo kwakunoCharles noLorene Eisenhower, uViola Eisenhower, uHelen Nichols noHelen Wilson basekilasini lokuqala laseGileyadi kanye noRoberta Miller wasekilasini lesine. Kamuva kwafika uSophie Soviak, u-Edith Morgan, u-Ethel Tischhauser, uMary Helmbrecht, nabanye abaningi. Eminyakeni edlule, zingu-78 izithunywa zevangeli ezathunyelwa e-Argentina. Umoya wazo wobuvangeli ukhuthaze noFakazi balapha ukuba bazilingise. Njengoba kwakunamaphayona angu-20 ezweni lonke ngo-1940, ngo-1960 leli nani lase likhuphuke laba ngu-382. Namuhla, kunamaphayona angaphezu kuka-15 000 e-Argentina.
Ukubhekana Nezikhathi Ezinzima
Kwase kuyiminyaka eminingi inkathi yokushumayela e-Argentina ivuma. Kodwa, njengoba uJesu abikezela, akubona bonke ababeyowushayela izandla umsebenzi wabalandeli bakhe. (Joh. 15:20) Ngakho, ngesikhathi uMfoweth’ uKnorr evakashele e-Argentina ngo-1949, amaphoyisa avele enqaba nemvume yokuba kube nomhlangano ehholo elihle eBuenos Aires. Lo mhlangano wabe usuqhutshelwa eHholo LoMbuso, kodwa kwaba neziphazamiso. Ngo-4:40 ngeSonto ntambama, amaphoyisa aphazamisa inkulumo kaMfoweth’ uKnorr futhi ambopha kanye nababekhona. Amaphoyisa awazange asho ukuthi baboshelwani. Iziphathimandla zamisa laba bazalwane egcekeni elikhulu amahora amaningi kwaze kwaba ngakusasa ekuseni. Base bededelwa.
Ngokusobala, kwase kuqale igagasi lokuphikiswa kwabakhulekeli bakaJehova e-Argentina. Ngenxa yethonya leSonto LamaRoma Katolika, ngawo lowo nyaka kwakhishwa umthetho othi zonke izinkolo mazibhalise kuyi-Department of Cults of the Ministry of Foreign Affairs. Ngonyaka olandelayo, uhulumeni kaJuan Domingo Perón wawuvala ngokusemthethweni umsebenzi woFakazi BakaJehova e-Argentina. Lesi sinqumo savimbela imihlangano yeningi yoFakazi BakaJehova kanye nomsebenzi wabo wokushumayela. Nokho, ihhovisi legatsha le-Watch Tower Society alizange livalwe.
Iziphathimandla zaziye zibayeke oFakazi baqhubeke nomsebenzi wabo ngaphandle kobunzima obutheni. Kodwa izikhulu zikahulumeni zazivame ukubonisa ukuthi umsebenzi uvinjelwe ngokukhansela umhlangano noma ngokuvala iHholo LoMbuso. Ngezinye izikhathi oFakazi babeboshwa futhi bahlukunyezwe lapho beqhuba imihlangano emizini yabazalwane noma besenkonzweni yasobala.
Ngenxa yalokho, oFakazi bazama ‘ukuba abaqaphe njengezinyoka.’ (Math. 10:16) Lapho beshumayeza abanye, babesebenzisa iBhayibheli kuphela. Amabandla ahlelwa aba amaqembu amancane abamemezeli abangu-8 kuya ku-12. Eminyakeni yokuqala embalwa yokuvinjelwa, izindawo zemihlangano zazishintshwa njalo. Abazalwane babethola izindawo zokuqhubela imihlangano ezicashile—kwakungaba ishede lokusengela, indlu efulelwe ngotshani, ixhiba, ngisho nangaphansi kwesihlahla. Into ebalulekile kwakuwukuba bahlangane ndawonye.—Heb. 10:24, 25.
Ukuze akhuthaze abazalwane, uMfoweth’ uKnorr waphinde wavakashela e-Argentina, esehamba noMilton Henschel, ngo-1953. Ngenxa yokuvinjelwa, abakwazanga ukuba nomhlangano omkhulu, ngoba wawuzodonsa amehlo omphakathi. Yize kunjalo, bahlela ukuba kube nomhlangano wezwe lonke. UMfoweth’ uKnorr wafika eMendoza ngendiza evela eChile, uMfoweth’ uHenschel yena wafika evela eParaguay. Njengoba babehamba ngokwehlukana, banikeza izinkulumo “emihlanganweni” eyayisezindaweni ezingu-56. Eminye yale mibuthano yayiqhutshwa sengathi yipikiniki emapulazini oFakazi bendawo. EBuenos Aires bobabili laba bazalwane bahambela oFakazi ababebuthene lapho, baqhuba umhlangano wamahora amabili eqenjini ngalinye. Ngosuku olulodwa kwaqhutshwa imihlangano engu-9. Ingqikithi yabangu-2 505 yaba khona kulo mhlangano ongavamile.
Ukuvinjelwa Kuthí Gozololo
Ngesikhathi uqunjwa phansi uhulumeni kaJuan Perón ngo-1955, kwakhiwa amaqembu amakhudlwana. Uma amabandla eneHholo LoMbuso, ayekhuthazwa ukuba ahlanganyele kulo, nakuba lwalungafakwa uphawu olubhalwe kanjalo. Ngesibusiso sikaJehova, inani lamabandla nelabamemezeli lakhula kancane kancane, naphezu kokuba iziphathimandla zazibahlukumeza ngezinye izikhathi.
Ngo-1956 igatsha lanquma ukuba kuqhutshwe imihlangano emincane ezingxenyeni ezihlukahlukene zezwe. Owokuqala wawusedolobheni lasePlata, eliqhele ngamakhilomitha angu-60 eBuenos Aires. Ababekhona abangu-300 balicula ngobunzima iculo lokuqala elithi—“Jabulani, Nina-bezizwe!” Babegajwe umunyu. Babeqala ngqá eminyakeni eyisithupha ukuhlangana namanye amakholwa futhi bahlabelele ndawonye.
Nokho, umsebenzi wawusavinjelwe. Lapho kwenziwa umzamo wokuqhuba umhlangano wezwe lonke ehholo lase-Ambassadeurs eBuenos Aires ngo-December 1957, amaphoyisa alivala ihholo lapho kufika izihambeli. Amaphoyisa abopha abazalwane abane futhi abamangalela ngokuthi baqhuba umhlangano ngaphandle kwemvume yawo.
Ngenxa yokuthi uMthetho-sisekelo wase-Argentina unikeza inkululeko engokwenkolo neyokuqhuba imihlangano, abazalwane bayisa lolu daba enkantolo. Ngo-March 14, 1958, kwakhishwa isinqumo esivuna oFakazi! Kwakuwukunqoba koFakazi BakaJehova kokuqala kwezomthetho e-Argentina.
Uhulumeni wabuye washintsha ngo-1958. Manje kwabonakala sengathi umsebenzi woFakazi BakaJehova e-Argentina wawusungaqashelwa ngokomthetho. Kwabhalwa incwadi ekhethekile echaza imisebenzi yoFakazi BakaJehova nesimo sabo e-Argentina yathunyelwa kuzo zonke izishayamthetho, abahleli, amasekela namajaji. Nakuba kwanikezwa ubufakazi obuhle, ayikhishwanga imvume yokuqaphela umsebenzi wethu ngokomthetho.
OFakazi abadikibalanga. Ngonyaka olandelayo kwenziwa isicelo senkululeko engokwenkolo futhi sathunyelwa kuhulumeni. Sasisayinwe ngabantu abangu-322 636. UCharles Eisenhower, njengoba ayengummeleli wegatsha, waya kwabayiziphathimandla zikahulumeni. Phesheya kwezilwandle abantu abangaphezu kuka-7 000 bacela ukuba umsebenzi wethu uqashelwe ngokomthetho. Yize kunjalo, ayikhishwanga imvume yokuba siqashelwe ngokomthetho. Kodwa isimo sengqondo sikahulumeni ngoFakazi sathuthuka kakhulu. Ngenxa yalokho, abazalwane bayisebenzisa kahle le nkathi evumayo, baqinisa amabandla ngokomoya.
Ngo-1961 kwahlelwa ukuba kube neSikole SeNkonzo SoMbuso sokuqeqesha ababonisi abajikelezayo kanye nabamabandla. Ekuqaleni, le mfundo eyathatha inyanga yonke yayisemaHholo OMbuso maphakathi neBuenos Aires. Kamuva, lesi Sikole sathuthelwa ehhovisi legatsha. Njengoba kwase kunababonisi abengeziwe abafanelekela ukunakekela umhlambi kaNkulunkulu, inani labamemezeli namaphayona landa minyaka yonke phakathi nawo-1960, lafinyelela kubamemezeli abangu-18 763 namaphayona angu-1 299 ngo-1970.
Ukunwetshwa Kwegatsha
Ukwanda kwabamemezeli boMbuso e-Argentina kwasho ukwandiswa kwehhovisi legatsha. Kusukela ngo-1940, ihhovisi legatsha le-Watch Tower Society laliku-5646 Honduras Street eBuenos Aires. Leso sakhiwo sabhidlizwa, kwathi ngo-October 1962 isakhiwo esisha nesikhudlwana, esasakhiwe kuyo le ndawo, sase sikulungele ukwamukela abantu abazohlala kuso.
Ekupheleni kwawo-1960, igatsha lase liphinde laba lincane ukuba lingahlangabezana nokwanda. Kwathengwa isiza ngemuva kwalesi sakhiwo, futhi oFakazi balapha bakha isakhiwo sokuhlala nehhovisi elisha. Kwabuye kwathengwa isakhiwo esasikuFitz Roy Street, esasiseduze negatsha elidala nesiza esisha. Ukubhidlizwa kwesakhiwo segatsha elidala kwaqala ngo-October 1970, futhi oFakazi balapha abangabakhi yibona ababebaningi. Izisebenzi zasegatsheni zazifika zizosiza uma sezishayisile emsebenzini wazo ovamile. Ngezimpelasonto, kwakufika noFakazi BakaJehova basemabandleni aseduze.
Ekugcineni, lezi zakhiwo ezintathu zaxhunywa, zaba isakhiwo esisodwa. UF. W. Franz, owayeyiphini likamongameli we-Watch Tower Society, wabeka inkulumo yokunikezela ngo-October 1974. Abazalwane base-Argentina babecabanga ukuthi nakanjani lesi sakhiwo segatsha esisha sasiyokhonza izidingo zensimu kuze kufike i-Armagedoni. Babengazi ukuthi kwakumane kuyisiqalo nje lesi.
Ngonyaka elanikezelwa ngawo igatsha, iNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova yanquma ukuthi INqabayokulinda ne-Phaphama! kunyatheliswe khona lapha. Njengoba ngaleso sikhathi oFakazi BakaJehova babengakaqashelwa ngokomthetho njengenkolo e-Argentina, kwabunjwa i-Asociación Cultural Rioplatense (River Plate Cultural Association) ngo-December 1974 ukuze ibe inhlangano engokomthetho eyayingangenisa imishini yokunyathelisa ivela ngaphandle. Umshini wokunyathelisa wavela eFrance, umshini wokusika amaphepha wavela eJalimane, owokuhlanganisa izincwadi wavela e-United States. Yonke yayiyizipho.
Kodwa izisebenzi ezazisebenza lapho kunyatheliswa khona zasheshe zabona ukuthi ukuba nemishini nokusebenza ngayo kuyizinto ezimbili ezingafani. Nakuba kwadingeka zinqobe izinkinga eziningi, azive zajabula lapho INqabayokulinda ka-April 15, 1975, iphuma emshinini wokunyathelisa oyi-web offset owawungowokuqala ngqá owasetshenziswa i-Watch Tower Society emhlabeni! Kwakuyingqopha-mlando emlandweni wokunyathelisa woFakazi BakaJehova.
Imihlangano Yezizwe ‘Yokunqoba Kwaphezulu’
Ekuqaleni kuka-1974, oFakazi BakaJehova e-Argentina bajabulela imihlangano yezizwe eyayiseRío Ceballos naseBuenos Aires, eyayinesihloko esithi “Ukunqoba Kwaphezulu.” Kwafika izihambeli ezibalelwa ku-15 000.
Ukulungiselela izindawo zokulala zezihambeli eziningi kangaka kwaqala kusasele izinyanga eziningi. Abantu abaningi abangebona oFakazi bamukela izivakashi, zona ezanikeza ubufakazi obuhle bothando, hhayi “ngezwi” kuphela, kodwa ‘nangezenzo.’ (1 Joh. 3:18) Iziphathimandla zavuma ukuba kusetshenziswe udedangendlale wesiganga okwakhiwa kuso idolobha lamatende, elalinamatende nezinqola ezihlelwe kahle ngolayini, linemigwaqo enamagama asemBhalweni. Konke lokhu kwaba nethonya elihle emphakathini.
Kufufusa Ifu Elimnyama
Nakuba abazalwane babejabulela inkululeko eyandayo yokukhulekela, kwakuseza izikhathi ezinzima. Ngo-June 1973, uJuan Perón wabuya ngezinkani ekudingisweni kwakhe kweminyaka engaphezu kuka-17 futhi wathatha isikhundla sokuba umongameli. Izimpi zabashokobezi phakathi kwamaqembu asekela uPerón nangamsekeli zazilidwengula izwe. Udlame lwezombusazwe lwashuba, kwathi ngo-March 24, 1976, ibutho lezempi lathatha izintambo.
Uhulumeni wezempi waqeda iSishaya-mthetho, futhi waqala umkhankaso wokuqeda bonke abamelene nawo. I-World Book Encyclopedia iyachaza: “Phakathi naleso sikhathi, wephula amalungelo abantu abaningi. Abantu abayizinkulungwane bagqunywa ejele kungathethwanga macala, bahlukunyezwa futhi babulawa. Eziningi kulezi zisulu azikaze zitholakale. Zibizwa ngokuthi ama-los desaparecido (abanyamalala).” Ukugada kwamaphoyisa izakhamuzi kwanda. Yize oFakazi BakaJehova balondoloza ukungathathi hlangothi kwabo phakathi nezinxushunxushu zezombusazwe, ngo-July 1976 umagazini i-Gente washicilela isihloko esasinezithombe zezingane, okwathiwa ezoFakazi BakaJehova, zifulathela ifulege. Kwakuwukuhlanekezelwa kweqiniso okubi kabi! Izingane zoFakazi ezine zakuleyo ndawo zazingayanga ngisho nasesikoleni ngosuku okuthiwa kwathathwa ngalo lesi sithombe. Ngaphandle kwalokho, oFakazi BakaJehova abazideleli neze izimpawu zezwe. Noma kunjalo, ngenxa yenkulumo-ze enjalo, abaningi baqala ukubaxwaya oFakazi.
Kusobala ukuthi iziphithiphithi ezazisemphakathini zenza uhulumeni wesaba noma yini engase idale ukungezwani. Ngalesi sikhathi uCarlos Ferencia, owayengumbonisi ojikelezayo, wayehambele ibandla elalisendaweni eyingozi kakhulu. Wayesanda kuthola incwadi evela ehhovisi legatsha imtshela ngokuvinjelwa komsebenzi woFakazi BakaJehova okwakusondela e-Argentina. Njengoba uCarlos ayezihambela futhi ecabanga ngale ncwadi, kwadlula imoto, yabe isijika, yaqonda ngqo kuye. Kwehla amadoda amathathu amkhomba ngezibhamu. Enye yala madoda yamkhakhabisa ithi akaveze ipasi lakhe. UCarlos wachaza ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova. Noma kunjalo, amyisa esiteshini samaphoyisa. Wathandaza kuJehova ecela ukuba amaphoyisa angayiboni le ncwadi.
Amaphoyisa afaka uCarlos egunjini elalingakhanyi kahle, amhlaba ngokukhanya okuxhophayo ebusweni, elinye lawo lase libhavumula: “Kukhonani kuleso sikhwama?” Kwakhishwa konke okwakusesikhwameni sakhe sezincwadi—iBhayibheli, omagazini nale ncwadi!
Elinye kula maphoyisa lathi: “INqabayokulinda! INqabayokulinda! Ivukela-mbuso, ivukela-mbuso!”
Kodwa isikhulu esiphethe saliphoxa, sathi: “Thul’ umsindo wena. Uyaqala yini ukubona INqabayokulinda, siphukuphuku ndini?”
Ngaleso sikhathi uCarlos wayezama ukungawuphakamisi umoya futhi abonise inhlonipho. Ngemva kokuba amaphoyisa esezibhekabhekile izincwadi, athi makaziqoqe. Kodwa elinye langenela, lathi: “Kukhonani kuleyo mvilophu?”
UCarlos wanikeza iphoyisa imvilophu eyayinencwadi yeNhlangano, walinda imizuzwana, wabe esethi: “Uxolo, ngingasho okuthile?”
“Khuluma,” kuphendula iphoyisa, liphakamisa ikhanda.
UCarlos waqhubeka: “Ngizwa sengathi nibheke ukuphepha komphakathi.” Lawo mazwi adonsa isithakazelo sephoyisa. UCarlos wabe esechaza ngeBhayibheli ukuthi isimo sangaleso sikhathi sodlame sasigcwalisa iziprofetho zeBhayibheli.
Lapho eseqedile, iphoyisa lathi: “Ngiyakuzwa, mhlobo wami.” Labe selimbuyisela incwadi lingayifundanga.
Ukuvinjelwa Komsebenzi Owawusuvinjelwe Kakade
Ihhovisi legatsha lalazi kanjani ukuthi kwase kusondele ukuvinjelwa komsebenzi? Ekupheleni kuka-August 1976, amaphoyisa ayeseshe igatsha leNhlangano. Isikhulu samaphoyisa sathi babelunywe indlebe ngokuthi kunezibhamu egatsheni. UHumberto Cairo, owayeyilungu leKomiti Yegatsha ngaleso sikhathi, wawayisa endaweni egcina izincwadi. Njengokulindelekile, zazingekho izibhamu. Okuwukuphela kwezibhamu ezazikhona yilezo amaphoyisa ayekhombe ngazo uHumberto! Amaphoyisa amyisa esitezi sesibili ehhovisi likaMfoweth’ u-Eisenhower, umqondisi weKomiti Yegatsha. Lapho, umphathi wamaphoyisa wabhala umbiko ngophenyo futhi wathi abazalwane abawusayine. Wabe esebatshela ukuthi uhulumeni wawuphezu kokwenza umthetho ophathelene noFakazi BakaJehova. Ngokushesha, iKomiti Yegatsha yabhala incwadi itshela ababonisi abajikelezayo ukuba balungiselele ukuvinjelwa uhulumeni.
Kodwa umsebenzi woFakazi BakaJehova e-Argentina wawulokhu uvinjelwe kusukela ngo-1950. Kwakungenzeka yini ukuba kuvinjelwe umsebenzi owawusuvinjelwe kakade? Impendulo yasheshe yatholakala. UTomás Kardos, ilungu leKomiti Yegatsha, ukhumbula okwenzeka ngo-September 7, 1976, usuku okwaqala ngalo lokhu kuvinjelwa okusha. “Ngehora lesihlanu ekuseni, savuswa umsindo owawusemgwaqweni. Ukukhanya okubomvu kwahlaba ezihenqweni zamafasitela. Umkami wavuka isigubhukane, walunguza efasiteleni, wangibheka, wayesethi: ‘Asefikile’”
Amaphoyisa amane ayehlome eyizingovolo aphuma evenini yamaphoyisa. Ngokushesha amahhovisi nefektri kwase kugadwe abaqaphi. UMfoweth’ uKardos uyaqhubeka: “Sabuza ukuthi sasingalifunda yini itekisi losuku njengokuvamile bese sidla ukudla kwasekuseni. Amaphoyisa avuma. Ngakho ngalolo suku ekuseni, saxoxa ngevesi leBhayibheli kunephoyisa elihlomile eligade komunye umnyango, elinye lihlezi ngenhlonipho etafuleni. Sonke sasizibuza, ‘Kazi kuzokwenzekani?’”
Isinqumo sango-August 31, 1976, sawenqabela umsebenzi woFakazi BakaJehova ezweni lonke—okwafana nokuvimbela umsebenzi owawulokhu uvinjelwe kakade kusukela ngo-1950. Amaphoyisa avala ihhovisi legatsha nendawo yokunyathelisa. Ngokushesha nje ngemva kwalokho, wonke amaHholo OMbuso kuleli zwe avalwa.
Naphezu kwalesi simo, abazalwane bazimisela ukulandela isibonelo sabaphostoli bakaJesu ngokulalela uNkulunkulu njengombusi kunabantu. (IzE. 5:29) OFakazi base-Argentina baqhubeka beshumayela isigijimi seBhayibheli “ngenkathi enzima.”—2 Thim. 4:2.
Ukunqoba Ubunzima
Kusukela ihhovisi legatsha livalwe ngokomthetho, iKomiti Yegatsha yanquma ukuwathutha amahhovisi nemishini yokunyathelisa. Kwadingeka ukuba uHumberto Cairo ayishintshashintshe indawo yehhovisi lakhe—njalo ngenyanga—esebenzela ezindlini zokuhlala, ezindaweni zamabhizinisi, noma emahhovisi amanye amakholwa. UCharles Eisenhower wake wasebenzela nasesitolo somzalwane sewayini. IKomiti Yegatsha yayiqhuba imihlangano yayo emagalaji edolobheni laseBuenos Aires.
Izindlu zokuhlala zomkhaya waseBethel azivalwanga zona, ngakho izisebenzi zasegatsheni zazidlela eKhaya LaseBethel futhi zilala khona, zixoxe nangetekisi losuku ndawonye njengomkhaya. Ngemva kwalokho zaziya lapho zazisebenzela khona. Lezo ezazinamahhovisi eduze kweBethel zazibuyela khona zidle ukudla kwasemini namalungu omkhaya ayenakekela ikhaya.
Amaphoyisa ayenezinsolo ngalabo ababehlala eBethel. Iziwombe eziningi, wonke umkhaya waseBethel wabantu abangaba yishumi wawuyiswa esiteshini esikhulu samaphoyisa uyophenywa ngemibuzo. Amaphoyisa ayefuna ukwazi ngomsebenzi woFakazi BakaJehova e-Argentina. Obani ababenakekela amabandla, babehlalaphi? UMfoweth’ u-Eisenhower uzikhumbula kahle lezo ziwombe: “Kwakudingeka sikhulume iqiniso kodwa singafaki umsebenzi nabafowethu engozini. Kwakunzima ngempela ngoba iziphathimandla zazifundekela ngemibuzo yazo.”
“Alime Itiye”
Ungakavinjelwa umsebenzi ngo-1976, iNhlangano yayihlele ukuba kusakazwe i-Kingdom News ekhethekile emhlabeni wonke. Kwakuzokwenziwani uma uhulumeni eqhubeka ewubekela imingcele umsebenzi woFakazi BakaJehova? UPablo Giusti, owayengumbonisi ojikelezayo ngaleso sikhathi, uyakhumbula: “Njengoba sasingenayo impendulo, kwadingeka sibuze igatsha. Uma igatsha licabanga ukuthi kwakuzoba ukuhlakanipha ukuwuhlehlisa lo mkhankaso, abadala babezothola incwadi yocingo enalo myalezo, ‘Alime itiye.’ Sasingazange sicabange ngokudideka okwakuzodalwa yilesi siqondiso!”
Ngokushesha nje ngemva kokuba isinqumo sikahulumeni siqalile ukusebenza, uMfowethu noDade Giusti bahambela iBandla LaseMalargüe ngokokuqala ngqá. Laliseningizimu yeMendoza, lapho kwakukhona khona indlunkulu yamaphoyisa omngcele. AbakwaGiusti babenekheli lomdala owayehlala futhi esebenzela iNational Highway Service emaphethelweni edolobha. Lo mdala wayengekho lapho, kodwa isisebenzi esithile sathi kungenzeka ukuthi usehlathini eliseduze, lapho ayevame ukuzivocavoca khona. Lapho behla ngendledlana, uMfoweth’ uGiusti waphawula ukuthi le ndawo yayicashile futhi ingenabantu. Wacabanga ukuthi iyindawo ekahle okungaqhutshelwa kuyo imihlangano abantu bangasoli lutho. Njengoba kwakuyiSonto, wacabanga ukuthi kungenzeka azithele phezu kwebandla lindawonye liqhuba umhlangano. Kodwa lo mzalwane wayeyedwa, ezivocavoca. Kukhulu ababezokuzwa abakwaGiusti!
Ngemva kokuzethula, uPablo wabuza ngebandla. Lo mzalwane wathi: “Oh, thina lapha eMalargüe simise yonke into.”
UPablo waphendula: “Ush’ ukuthini uma uthi yonke into?”
Impendulo yayiqondile futhi ilula: “Sithole incwadi yocingo ethé ‘Alime itiye,’ ngakho sayimisa imihlangano, umsebenzi wokushumayela . . . sakumisa konke nje.” Ngenhlanhla, yileli bandla kuphela elalenze lokho.
Ukuhambela Okusheshayo
Ngesikhathi igatsha selivaliwe, amalungu eKomiti Yegatsha ahlangana nababonisi abajikelezayo ukuze abanikeze iziyalezo zokwenza umsebenzi wabo. Kwathiwa mabazifunele umsebenzi wokuziphilisa futhi babe nendawo eqondile yokuhlala ukuze banciphise izinsolo ngemisebenzi yabo. Abaningi babedayisa imikhiqizo ehlukahlukene ekuseni bese bekhonza amabandla ntambama.
Ababonisi abajikelezayo babehambela izifunda zabo ngendlela esheshayo beneziyalezo ezazivela egatsheni. Ngesonto elilodwa nje, kwakuhanjelwa abadala besifunda ngasinye esinamabandla angaba ngu-20. Ababonisi abajikelezayo babenikeza iziqondiso zokuqhuba imihlangano nokushumayela njengoba izimo zase zishintshile. Abadala batshelwa nokuthi ukuhambela kombonisi wesifunda kwakungeke ngempela kuthathe isonto lonke, kodwa kwakuyoxhomeka ekutheni mangaki amaqembu esifundo sencwadi ebandleni. Imihlangano yayizoqhutshelwa emizini yabanye, iqembu ngalinye likhonzwe usuku olulodwa.
Ngesikhathi sokuvinjelwa, ababonisi besifunda bafeza indima ebalulekile ekugcineni abamemezeli bendawo bexhumene neKomiti Yegatsha. UMario Menna, owayengumbonisi wesifunda ngesikhathi sokuvinjelwa, uyakhumbula: “Kwakuyilungelo ngempela ukukhonza amabandla nokududuza abazalwane kuleyo minyaka. Sasizama ukubakhuthaza ngokubadlalela izimiso zomhlangano eziqoshiwe, sibanikeze izincwadi ezintsha esasizithole emazweni aseduze, noma okuhlangenwe nakho okwakhayo.”
Zazizokwenzenjani Izithunywa Zevangeli?
Izinxushunxushu emphakathini zaziya ziba zimbi. Njengoba izifiki zazixwaywa, izithunywa zevangeli zanikezwa ithuba lokuthatha ezinye izabelo. Ezinye zakwamukela lokho futhi zakhonza ngokwethembeka ezabelweni zazo ezintsha.
Ezinye zasala e-Argentina. UMary Helmbrecht, wekilasi le-13 laseGileyadi, wayekhonza eRosario, eSanta Fe. Ekuseni ngosuku okwaqala ngalo ukuvinjelwa, waya emzini othile, wangqongqoza. Kwakusehlobo, kusekuseni futhi kushisa, umnyango uvuliwe. Umsakazo wawukhuza phezulu. Kungazelelwe, uMary wezwa izindaba zithi umsebenzi woFakazi BakaJehova wawusuvinjelwe e-Argentina! UMary uthi: “Lapho owesifazane eza kimi emnyango, ngazibamba futhi ngashumayela njengenjwayelo. Saqhubeka sishumayela sonke isikhathi sasekuseni njengoba kwakuhleliwe. Saba nomuzwa wokuthi lapho sasikhona zazingekho izinkinga ezinkulu, ngakho sanquma ukuhlala. Sajabula ngokuthi sahlala. Abamemezeli ababesaba ukushumayela babona ukuthi akwenzekanga lutho kithina, nabo ngokushesha bahlanganyela nathi.”—1 Thes. 5:11.
Ingcebo Efihliwe
OFakazi balapha babonisa isibindi namasu kulezi zikhathi ezinzima. URobert Nieto uyalandisa: “Imantshi enozwela yasiluma indlebe yathi amaHholo OMbuso ayezovalwa nokuthi izincwadi zazizothathwa. Ngaso leso sikhathi sahamba ngezimoto ezimbili saya eHholo LoMbuso siyolanda inqwaba yezincwadi ezazilapho. Njengoba sasisuka eHholo, ngemuva kwethu sabona amaphoyisa nebutho lempi lifika lizokwenza elalikuthunyiwe, ukuvala iHholo LoMbuso futhi lithathe nezincwadi. Kodwa lakwazi ukwenza ingxenye yokuqala kuphela yalokho elalikuthunyiwe, ngoba okuwukuphela kwezincwadi ezazisele ehholo kwakuyilezo ezazisemtapweni wezincwadi.”
Kwenye indawo, abadala bebandla bangena ngokuqapha eHholo LoMbuso labo ebusuku futhi bathatha izincwadi zabo. Kamuva, bazibopha zaba amaphasela amancane babe sebezinikeza abazalwane.
ETucumán, uNérida de Luna wazifihla kwakhe izincwadi. Uyalandisa: “Izincwadi sasizifihla ezitsheni ezinkulu zezimbali nasemaketeleni amakhulu, kuthi phezu kwawo sibeke izimbali zokwakhiwa, bese sifihla amabhokisi ezincwadi endlini yokuwashela. Ngolunye usuku ekuseni, amasosha amabili asesha yonke indlu kanye naleyo esasiwashela kuyo ngesikhathi thina simile sithandaza ngokusuka enhliziyweni. Awatholanga lutho.”
Ukukhipha Ukudla Okungokomoya
Yiqiniso, noma iziphi izincwadi abazalwane ababezitholile bazifihla zasheshe zaphela. Kodwa uJehova waqhubeka ebanikeza ukudla okungokomoya. Nakuba indawo yokunyathelisa eyayikuFitz Roy Street yayivaliwe, ukunyathelisa kwaqhubeka kwezinye izindawo eBuenos Aires. Omagazini babenyatheliswa nasezifundazweni zaseSanta Fe naseCórdoba. Osekunyathelisiwe kwakuthunyelwa kwezinye izindawo kuyohlanganiswa. Ekuqaleni, iqembu lesifundo sencwadi ngalinye ebandleni lalithola umagazini owodwa, kodwa kamuva ummemezeli ngamunye wayesethola umagazini owodwa. Enye yalezi zindawo zokunyathelisa yayisegunjini eliphezulu lomuzi oqhele ngemigwaqo emibili nje emahhovisi kamongameli.
URubén Carlucci, owayenesandla ekunyatheliseni nasekuthumeleni izincwadi ngesikhathi sokuvinjelwa, ukhumbula ngesikhathi umninindlu ababenyathelisela kuyo efika ezobaxwayisa ngokuthi amaphoyisa ayesesha indlu nendlu. Ngaso leso sikhathi, abazalwane bayeka ukunyathelisa futhi ngokushesha balayisha zonke izinto elolini, kwasala umshini wodwa. URubén uyakhumbula: “Loku kusesha kwakukukhulu kangangokuba sasikakiwe singakwazi nokuthí nyaka. Sabona isitolo sokudlela eduzane, saya kuso, salinda kwaze kwaphela ukuseshwa kwemizi. Kwadingeka silinde amahora amane, kodwa asizisolanga ngoba abafowethu bazithola izincwadi zabo eziyigugu.”
“Umdubuli UPepita”
INqabayokulinda ne-Phaphama!, yake yahlanganiselwa esakhiweni esasisakhiwa enhloko-dolobha. Ekuqaleni kwakuhloswe ukuba lesi sakhiwo sibe iHholo LoMbuso. ULuisa Fernández, owayesenesikhathi eside eyilungu lomkhaya waseBethel, wayenesandla kulo msebenzi. Langa limbe ekuseni, lapho uLuisa nayesebenza nabo beqala ukusebenza, kwangqongqoza umuntu emnyango. Kwakuyiphoyisa! Labatshela ukuthi omakhelwane babefake isikhalo ngomsindo owawenziwa yimishini. “Sakuqonda kahle nje lokho ngoba umshini wokuhlanganisa izincwadi wawunomsindo kangangokuba sawetha igama elithi Pepita la Pistolera (Umdubuli uPepita),” kusho uLuisa.
Kusenjalo kwafika ilungu leKomiti Yegatsha, labe selichaza umsebenzi wethu. Leli phoyisa lathi: “Uma ngifika kungasekho muntu lapha ntambama, ngiyothi angibonanga lutho.” Abazalwane babe sebeqala ukulayisha zonke izinto emalolini. Ngemva kwamahora amabili, wawungeke usasho ukuthi kwakuke kwahlanganiswa omagazini lapha.
Bayisaphi imishini? Yize indawo yokunyathelisa yayivaliwe egatsheni, kwakungeneka esakhiweni ngomnyango wangemuva. ULuisa nabanye bangenisa zonke izinto endaweni endala yokunyathelisa yaseBethel, futhi baqhubeka bebahlanganisela lapha omagazini, bengabonwa!
Ingcono Kunemboni Yamakhekhe
Ukuze kunyatheliswe futhi kudilivwe omagazini kulo lonke elase-Argentina, kwadingeka kumiswe ezinye izikhungo zokuhlanganisa omagazini nakwezinye izingxenye zezwe. ULeonilda Martineli, obelokhu eyiphayona elikhethekile kusukela ngo-1957, waba nesandla kulo msebenzi eRosario. Lapho osekunyathelisiwe kufika kuzohlanganiswa, abazalwane nodade ababelwe babemisa amatafula amaningi ababebeka kuwo amakhasi ngononina. Ngemva kwalokho, isisebenzi ngasinye sasiqala ekuqaleni sihlanganise amakhasi size sifike ekugcineni. Lapho inqwaba yomagazini asebehlanganisiwe isilakanyisiwe, kwakudingeka bacindezelwe ukuze kungene omagazini abengeziwe ebhokisini. Njengoba wawungekho umshini wokubacindezela, udade oyisidudla wathi uzosiza kulo msebenzi. Kwakuthi lapho isitaki sesilungile, ahlale kuso size sibe yisicaba. Omunye wayebe esebapakisha kahle emabhokisini. Le ndlela yasebenza kahle kangangokuba izisebenzi zathi lo dade angawehlisi umzimba!
Edolobheni laseSanta Fe, umkhaya wakwaGaitán wavuma ukuba umuzi wawo usetshenziselwe ukuhlanganisa omagazini. Yize abazalwane babeqaphile, omakhelwane babewabona amabhokisi ephuma engena kulo muzi. Babecabanga ukuthi lo mkhaya wenza amakhekhe. Kamuva, ngo-1979, igatsha lawuthuthela kwenye indawo lo msebenzi. Omakhelwane baxakeka, kamuva babuza ukuthi imboni yamakhekhe yayisivaliwe yini. UDade Gaitán uyakhumbula: “‘Amakhekhe’ esasiwenza ayehla esiphundu futhi enomsoco ngaphezu kokuba omakhelwane babeqaphela!”
Ukudiliva Izincwadi
Ukudiliva omagazini nezincwadi kubazalwane nakho kwakungenye inselele. Engxenyeni enkulu yeBuenos Aires, kwavulwa indlela yokuhambisa omagazini emadepho ayemiswe ezindaweni ezifanelekayo. Ngelinye ilanga uRubén Carlucci wayediliva omagazini futhi esesalelwe indawo eyodwa okwakumelwe aye kuyo lapho emiswa iphoyisa. URubén, owayethuke kwaphela nasozwaneni, wama, elokhu ethandazela usizo kuJehova. Lapho ebuyela eceleni futhi ema, iphoyisa leza emotweni yakhe lathi: “Ungangiphushisa imoto yami? Ayifuni ukuduma.” Kwathí gidi kuRubén, wavumela phezulu, wenza lokho okwakucelwa. Wabe esehamba ngenjabulo eyoqedela ukudiliva!
UDante Doboletta, owayengumbonisi wesifunda eRosario, eSanta Fe, wayelanda omagazini lapho babehlanganiswa khona, abayise kuwo wonke amabandla asesifundeni sakhe. Lokhu kwakusho uhambo olungamakhilomitha angaba ngu-200 ukuya nokubuya, okungenani kabili ngenyanga. Ukuze angabonwa, wayehamba ebusuku impela, asuke lapho eqeda ukukhonza ibandla futhi ngezinye izikhathi aze abuye ekuseni. Ngesinye isikhathi wabona ujenga lwezimoto zimi lapho amasosha angaphezu kuka-30 ayehlome eyizingovolo ayesesha khona ipasi nezimpahla zomuntu ngamunye. Elinye isosha labuza uDante: “Kukhonani emotweni?”
“Kukhona izinto zami,” kuphendula uDante.
Lase lithi: “Shesha, shesha uvule ngemuva.”
UDante wabe esethi: “SingoFakazi BakaJehova. Yini nje esingayiphatha kodwa?”
Elinye isosha lezwa le ngxoxo labe selithi: “Badedele bahambe. OFakazi BakaJehova abaziphathi nanini izibhamu nezimpahla ezishushumbiswayo.” Kwaze kwaphela iminyaka emibili uDante ediliva izincwadi engaseshwa.
Ukungakuyeki Ukuhlangana
Kusukela ngesonto owavinjelwa ngalo umsebenzi, oFakazi BakaJehova e-Argentina ‘abazange bakuyeke ukubuthana ndawonye.’ (Heb. 10:25) Njengoba babehlangana ngamaqembu amancane, babeyishintsha njalo indawo nesikhathi semihlangano. Lokhu kwakusho umsebenzi owengeziwe ngabadala, okwakudingeka baqhube umhlangano ofanayo kaningi emizini ehlukahlukene.
Edolobheni elincane laseTotoras, okuwukuphela komuzi okwakungaqhutshelwa kuwo imihlangano wawusenkabeni yedolobha. Ngakho oFakazi balapha bathatha izinyathelo ezengeziwe zokuqapha. Umnikazi womuzi, uMfoweth’ uReverberi, wakha itafula elivamile elalineshalofu lokufaka izinto ezihlukahlukene. Kodwa lalivuleka phezulu, futhi ngaphakathi linendawo yokufihla izincwadi nomagazini. Uma kungqongqoza umuntu, zonke izincwadi zazifihlwa ngokushesha kuleli tafula!
Abamemezeli babezigqokela izinto ezipholile emihlanganweni. Ngezinye izikhathi odade babefaka ama-roller emakhanda, bagqoke amabhulukwe futhi baziphathele izikhwama okungezona ezensimu. Le mihlangano yayaziwa ngokuthi ama-mateada. I-maté itiye eliphuzwa namakhekhe. Kuwumkhuba ovamile e-Argentina ukuhlangana ndawonye ngenjongo yokuphuza i-maté, ngakho ukwenza kanjena kwakwenza kungabonakali ukuthi lena kwakuyimibuthano yezinto ezingokomoya.
Nokho, zazikhona nezikhathi ezaziphakamisa amaphaphu. UTeresa Spadini wayengudade othembekile nonomoya wokungenisa izihambi, owayenedumela elihle kakhulu emphakathini. Lapho kuhambele umbonisi wesifunda, iqembu labangu-35 lahlangana kwakhe lizoqhuba umhlangano. Kungazelelwe, kwama imoto yamaphoyisa phambi kwendlu, kwabe sekungqongqoza iphoyisa emnyango. Umzalwane owayenikeza inkulumo wavele wahlala phansi kanye nabo bonke abanye. Lapho uTeresa evula umnyango, iphoyisa lathi: “Teresa, ngingalusebenzisa ucingo lwakho?”
Lapho iphoyisa libheka leli qembu elalibuthene lapho, uTeresa wachaza: “Sibungaza izihlobo.” Njengoba leli phoyisa lishaya ucingo lishayela esiteshini samaphoyisa, labo ababekuleli qembu babamba umoya, becabanga ukuthi lizocela iveni yamaphoyisa izobalanda bonke. Kodwa kwathí gidi lapho bezwa ukuthi lalikhuluma ngodaba oluseceleni. Lapho liqeda, laphendukela kuTeresa lambonga. Labe selibheka leli qembu lathi: “Ngiyaxolisa ngokuniphazamisa. Nikujabulele ukubungazana kwenu.”
Ukubhekana Nokuseshwa Amaphoyisa
Lapho iqembu elithile lihlangene ngenjongo yokubhapathiza abanye, umakhelwane wabikela amaphoyisa ngalo mhlangano. Njengoba abazalwane base behlelile vele ukuba babe ne-asado, noma izoso, ukuze ingabonakali injongo yangempela yalo mbuthano, baqhubeka njengoba babehlelile. Inyama eyosiwe ayive ithandwa e-Argentina, ngakho bonke bakujabulela lokhu. Ngesikhathi kufika “izivakashi” ezazingamenyiwe ngeloli lamasosha, abazalwane nodade babonisa umoya wokungenisa izihambi, bawamema nawo kulo mbuthano omnandi. Amasosha enqaba, futhi ahamba engasabonanga ukuthi “uphudingi” kwakuzoba yini!
Ngezinye izikhathi amagama asetshenziswa oFakazi BakaJehova uma bebodwa ayeba isivikelo. Kwathi lapho omakhelwane beshayela iziphathimandla ucingo bezitshela ngomhlangano owawusemzini womzalwane, amaphoyisa afika sekuhambe wonke umuntu, sekusele abadala kuphela. Amaphoyisa angqongqoza, udade owayehlala lapho waphendula: “Sebehambe bonke, kusele izinceku zodwa.”
Amaphoyisa aphendula: “Hhayi asifuni izinceku thina. Sifuna abaphethe!” Abuyela emuva elambatha.
Ukushumayela Ngaphansi Kokuvinjelwa
Naphezu kwemingcele, umsebenzi wokushumayela waqhubeka. Yebo, ngaphansi kwalezo zimo ezinzima, abazalwane babeqaphile. Ngokuvamile insimu yayingasetshenzwa neze oFakazi abangaphezu kwababili ngesikhathi. USara Schellenberg ukhumbula indlela ayebahambela ngayo abantu eBuenos Aires. Uthi: “Senza amabalazwe ensimu amancane ayenela esandleni. Ngemuva kwakunephepha elaligoqwe laba ikositini linohlu lwezinombolo zayo yonke imizi. Sasihambela umuzi owodwa kuphela kulayini ngamunye wemizi bese siyawuphawula ephepheni ukuze ummemezeli olandelayo ozosebenza le nsimu angawuphindi. Sasibe sesisebenza komunye ulayini wemizi, siye komunye umuzi olandelayo.”
Isanda kuqalwa nje ukusetshenziswa le ndlela, uCecilia Mastronardi wayeshumayela yedwa. Lapho engqongqoza emnyango, kwathí thushu iphoyisa lihamba ngesithuthuthu. “Langibuza ukuthi ngangifunani lapho,” kusho uCecilia. “Into eyafika nje ukuba ngilishumayeze futhi ngilihambisele incwadi ethi Did Man Get Here by Evolution or by Creation? Layithatha, langinikeza umnikelo wayo, labe selivalelisa ngomusa. Ngabe sengiyathola ukuthi lalingeve limele ukungibopha. Lalihlala kulo muzi engangingqongqoza kuwo!”
Kwakusetshenziswa izindlela ezihlukahlukene ukuze kufihlwe umsebenzi wokushumayela. Ngamabomu, omunye udade waqala ukusebenzela inkampani yezimonyo ukuze akwazi ukuhamba indlu ngendlu akhulume namakhasimende akhe. UMaría Bruno, oneminyaka engu-86 ubudala manje, neminyaka engu-29 eyiphayona elivamile, wayephatha isikhwama esasinezimbali ezilunguze ngaphandle, zikhanga omama bemizi ababenesithakazelo ekuxoxeni ngokutshala. Ngale ndlela wayekwazi ukuqala izingxoxo ezaziholela ekutshaleni imbewu yeqiniso.
UJuan Víctor Buccheri, umninisitolo owabhapathizwa ngemva nje kokuba ukuvinjelwa kuqalile, naye wayefuna ukutshela abanye ngezindaba ezinhle ayezifundile. Ezindongeni zesitolo sakhe kwakulenga izithombe zenkolo nezezilomo zemidlalo nezikaqed’ isizungu. Wabe esezisusa wagaxa izithombe ezinezindawo ezinhle nemibhalo yeBhayibheli ngezansi. Bamangala abathengi! UMfoweth’ uBuccheri wayefakaza kulabo ababebuza ngalezi zithombe noma izingcaphuno zemibhalo, futhi ngokwenza kanjalo, waqala izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kweshumi. Abanye balamukela iqiniso futhi namanje basengabazalwane abathembekile.
Abantu BeBhayibheli Eliluhlaza Okotshani
Ubunzima bangesikhathi sokuvinjelwa baqeqesha abamemezeli base-Argentina ukuba babe izikhonzi ezingcono. Njengoba ukuhambela kokuqala babekwenza bephethe iBhayibheli lodwa, baba ompetha ekutholeni imibhalo yeBhayibheli ukuze banqobe ukuphikiswa futhi baduduze abantu.
Ukuze abantu bangaxwayi, ngezinye izikhathi babesebenzisa elinye iBhayibheli okungeyona INguqulo Yezwe Elisha. Lapho omunye umzalwane esebenzisa i-Torres Amat, iBhayibheli lamaKatolika elibhalwe ngeSpanishi sakudala, wathola ukusabela ayengakulindele. Ngemva kokulalela imibhalo eyayifundwa kodwa engayizwa, umninikhaya wasikisela ukuba anikeze lo mzalwane iBhayibheli elalizwakala kalula. Wamangala lo mzalwane lapho umninikhaya ebuya ne-Nguqulo Yezwe Elisha!
Kuleyo minyaka, i-Nguqulo Yezwe Elisha yayinesembozo esiluhlaza okotshani. Umphakathi wawuxwayiswe ukuba ungabalaleli abantu abaphatha iBhayibheli eliluhlaza. Kodwa njengoba babembalwa ababevumelana nemingcele eyayibekwe uhulumeni, lowo mthetho ovimbelayo wamane wavusa ilukuluku labantu. Omunye umninikhaya wabuza udade othile ukuthi iBhayibheli lakhe lalimbala muni. Lapho udade esho ukuthi liluhlaza, le ntokazi yathi: “Awuboni-ke, ngifuna ukuzwa ukuthi bathini laba bantu beBhayibheli eliluhlaza.” Lo dade wangeniswa endlini futhi kwaba nengxoxo evuthayo.
Zikubani Izincwadi?
OFakazi base-Argentina bake bathi ukuqhubeka isikhashana beshumayela ngezincwadi ababezifihlile. Kodwa ngemva kwesikhathi, lezo zincwadi zaphela, futhi kwakuyinto engenakwenzeka ukuthola ezintsha ngaphandle. Kodwa endaweni yokugcina izimpahla egatsheni kwakuvalelwe izincwadi ezingu-225 000.
Amaphoyisa anquma ukuzithatha lezi zincwadi ayezivalele azidayisele inkampani eyayisebenzisa amaphepha asesebenzile. Kwaqashwa inkampani ethuthayo ukuba iye eBethel, ithathe izincwadi iziyise embonini esebenzisa amaphepha asesebenzile. Kanti umshayeli lona wayeke wafunda iBhayibheli nomakhelwane owayengomunye woFakazi BakaJehova. Lapho ebona lokho ayezokuthutha, wabuza lo owayekade engumakhelwane wakhe ukuthi oFakazi BakaJehova bangathanda yini ukuzithenga kuye lezi zincwadi. Kwenziwa amalungiselelo ayedingeka, futhi ngemvume yamaphoyisa lezi zincwadi zathuthelwa endaweni eyayishiwo igatsha! Ngakho, naphezu kokuvinjelwa, kwatholakala izincwadi ezingu-225 000 ukuze zisetshenziswe ngendlela ehluke kakhulu kuleyo iziphathimandla ezaziyilindele!
UJehova wabuye wanikeza abantu bakhe usizo ngabazalwane abanesibindi ababevolontiyile ukuba balethe izincwadi zeNhlangano zivela kwamanye amazwe. UNorberto González, iphayona elivamile, uyalandisa: “Ilungu leKomiti Yegatsha lase-Uruguay lake lasiphathisa amakhophi ayikhulu encwadi yeSikole SeNkonzo SoMbuso ukuba anikezwe abazalwane abanemithwalo yemfanelo e-Argentina. Sakwazi ukungena nalezi zincwadi kuleli zwe. Sonke sagxuma ngenxa yenjabulo lapho sesidlule ngaphandle kwezithiyo emngceleni.” Mhlawumbe umzalwane ongakwazanga ukugxuma kanjalo yilowo owayefihle lezi zincwadi emlenzeni wakhe wokhuni!
OFakazi base-Argentina bafunda ukuzazisa izincwadi ezazinyatheliswa yi-Watch Tower Society kunanini ngaphambili. Lapho ukuvinjelwa kuqala, iqembu lesifundo ngalinye lalithola INqabayokulinda eyodwa. Bonke abamemezeli babeshintshana ngalo magazini owodwa, bakopishe imibuzo nezimpendulo ukuze bakwazi ukuphendula esifundweni. (Fil. 4:12) Isembozo se-Nqabayokulinda sasingabhalwe lutho ukuze kungabonakali ukuthi iquketheni, kodwa ukudla okungokomoya okwakuphakathi kwakwehla esiphundu. La malungiselelo akhethekile ayebaqinisa futhi abenze babe nobunye abazalwane.
Indlela Yokufihla Umhlangano
Abazalwane base-Argentina babondliwa ngokomoya ngokuhlangana ngamaqembu amancane besebenzisa noma iziphi izincwadi ezazitholakala, kodwa babengazuza kanjani emihlanganweni emikhulu emithathu yaminyaka yonke oFakazi BakaJehova bakwamanye amazwe ababeyijabulela? Imihlangano yokuqala emikhulu eyaba khona ngemva kokuvinjelwa yayibizwa ngokuthi imihlangano eyisandulela. Kwakuba khona abadala nemikhaya yabo kuphela. Kamuva abadala babesiphinda emabandleni akubo lesi simiso. UHéctor Chap, osekhonze ngokungakhathali njengombonisi ojikelezayo iminyaka eminingi, uthi: “Ngezinye izikhathi sasikwazi ukuqhuba imihlangano emikhulu emasimini. Kude lé emaphandleni sasizungezwe izilwane zasemapulazini. Sasingaziboni nakuzibona ngoba sasigxile kulokho esasikulalele. Abazalwane abaningi babesiqopha isimiso beqophela ababengekho. Kamuva babefa insini—izinkulumo zaziphelezelwa ukubhonga kwezinkomo, ukukikiliga kwamaqhude nokukhala kwezimbongolo.”
Abazalwane babebiza le mihlangano ngokuthi “amapikiniki” ngoba ngokuvamile yayiba semaphandleni. Indawo eyayithandwa kakhulu esifundazweni saseBuenos Aires kwakuyindawo esemaphandleni eseduze nomngcele waseSanta Fe, ebizwa ngokuthi iStrago Murd. Le ndawo yayikahle ngoba yayizungezwe izihlahla, ezazenza indawo enhle yokucasha. Kodwa labo ababeze “epikinikini” bashaqeka ngelinye ilanga lapho bethola ukuthi lezi zihlahla ezinhle zazigawuliwe! Nakuba yayingasekho into eyayizobasitha, baqhubeka ‘nepikiniki’ yabo, basebenzisa esinye isiqu somuthi njengendawo yesikhulumi, ezinye zaba izigqiki zabo bonke ababekhona.
Enye indawo abazalwane ababeyisebenzisela imihlangano emikhulu kwakuyimboni yomunye uFakazi KaJehova. Umnikazi wale mboni wayeneloli elikhulu elivalekile futhi wayelisebenzisela ukulanda abantu ababefuna ukuya emhlanganweni. Umshayeli wayeya ezindaweni ezihlukahlukene, alayishe abazalwane abangu-10 kuya kwabangu-15 elolini, abuyele kule mboni, abehlise phakathi egalaji kuvalwé iminyango. Ngaleyo ndlela abantu abayikhulu babekwazi ukubuthana ndawonye bangabonwa omakhelwane namaphoyisa. Abanye oFakazi base-Argentina babeya eBrazil nase-Uruguay ngaleyo minyaka ukuze bazuze emalungiselelweni angokomoya emihlanganweni emikhulu.
Imihlangano Ejele
Ngisho nangaphambi kokuvinjelwa kwango-1976, abafowethu abaningi abayizinsizwa babebhekana nokuvivinywa kobuqotho babo ngenxa yokungathathi hlangothi kobuKristu. Ngenxa yokuthi babelandela isimiso seBhayibheli esiku-Isaya 2:4 sokungabe ‘besayifunda impi,’ abaningi bagwetshwa iminyaka esuka kwemithathu kuya kweyisithupha ejele.
Ngisho nasemajele basungula izindlela zokutadisha iBhayibheli nokuqhuba imihlangano. Babesishumayela nangentshiseko isigijimi soMbuso phakathi emajele. Abadala emabandleni aseduze babezivakashela ngokuzithandela lezi zinsizwa ezithembekile ukuze bazikhuthaze futhi bazinike ukudla okungokomoya okubalulekile.
U-Omar Tschieder, obelokhu ekhonza eBethel kusukela ngo-1982, waboshwa ngo-1978 kuya ku-1981 ejele lezempi laseMagdalena esifundazweni saseBuenos Aires. Wayeboshelwe ukwenqaba ukugqoka iyunifomu yempi. Leli jele lalinezingxenye eziningi, linezitokisi ezingu-20 ezazibheke iphasishi elilodwa, isitokisi ngasinye singamamitha amabili ubude namathathu ububanzi. OFakazi ababoshiwe babeqhubela imihlangano ezitokisini ezintathu ezazingasekugcineni kwephasishi. Babeyishumi noma beyishumi nambili ababengahlangana ndawonye ngesikhathi, ngakho kwakuvame ukuba kube nemihlangano engu-8 kuya kwengu-14 isonto ngalinye.
Abazalwane babehlela ukuba omunye wabo agade ngembobo yesicabha futhi axwayise abanye uma kukhona ozayo. Babenza izimpawu eziningi zokuxwayisa abanye. Ngezinye izikhathi umlindi wayevele ashaye udonga. Ngezinye izikhathi kwakuboshelwa intambo kumlindi nakothile ezilalelini. Lapho kukhona okushaya amanzi, umlindi wayedonsa le ntambo, bese lona ongalé axwayise abanye. Enye indlela kwakuwukusho inkulumo ethile eyeqiselayo. Ngokwesibonelo, umlindi wayengase amemeze athi: “Ukhona onemvilophu?” Lapho bezwa igama elithi “imvilophu,” abazalwane babecasha. Ngamunye wayenendawo yakhe yokucasha—ngaphansi kombhede, ngemva kwesicabha—nomaphi lapho unogada ayengeke ababone khona uma elunguza ngembobo yesicabha. Lobu butatata babenzeka ngokuthula ngomzuzwana nje. Kwakudingeka bahleleke kahle!
Langa limbe ngesikhathi umhlangano usephakathi, abazalwane bacasha ngokushesha ngemva kokuxwayiswa ngokuthi kukhona umuntu owayengena engxenyeni ethile yesakhiwo. Isiboshwa esasingeyena uFakazi KaJehova savula umnyango sabeka okuthile etafuleni. Lapho sesiphuma, saphenduka sabuza, “Nicasheleni?” Singakaligwinyi nje, unogada washaya indweba, efuna amavolontiya okuhlanza indawo ethile. Ngakho abazalwane baphendula, “Sicashele yena.” Lesi sivakashi sabazwela sabe sesishesha sihamba. Abazalwane baqedela umhlangano wabo ngaphandle kokuphazanyiswa.
Umtapo Wasejele Oyimfihlo
Ukuziphatha okuhle koFakazi kwaphumela ekubeni baphathiswe imisebenzi eyengeziwe ejele. Abazalwane babesebenza ngemishini yasejele yokunyathelisa, futhi bephethe indawo yebhayisikobho, isibhedlela nalapho kwakugundwa khona izinwele. Ukuze baqhubezele phambili izithakazelo zoMbuso, bawasebenzisa kahle amalungelo abo ababewathole kufanele. Ngokwesibonelo, imifanekiso yejele laseMagdalena yabonisa ukuthi izindonga ezibhekene zesakhiwo samabhayisikobho zazilingana, yize amakhona ezindonga ayeyindilinga. Ngakho ngemva kwezindonga kwakunomgodi owawuphakeme ngamamitha angu-2,4, ubanzi ngamamitha angu-1,8, futhi ujule ngamamitha angu-1,2. Wawukahle kakhulu ukuba ube umtapo wezincwadi, ugcwele amaBhayibheli nezincwadi ze-Watch Tower Society!
UHéctor Varela, owadonsa iminyaka emithathu kulelo jele, uthi abazalwane babengena kule ndawo ngokugudluza ingxenye equkulekayo yodonga egunjini lomshini we-projector bese begibela phezu kwebhentshi. Izincwadi zazifihlwa nasemakhabetheni emagunjini okudlela.
Abazalwane babeye banikezwe imvume yokuthí qu emakhaya bavakashele imikhaya yabo. Laba bazalwane babesebenzisa leli thuba ukuze babuye nomagazini abasha be-Nqabayokulinda ne-Phaphama! URodolfo Domínguez, manje ongumbonisi ojikelezayo, uxoxa ngokwenzeka ngesinye isikhathi. Uthi: “Sasifake INqabayokulinda ne-Phaphama! ngaphansi kwezingubo zethu. Lapho sifika ejele, abantu babeshaye ujenga ngoba onogada babebasesha. Sasilokhu sisondela kancane kancane endaweni okwakuseshelwa kuyo. Kwathi nje sekuyithuba lethu, onogada bashintsha, kwase kuyayekwa ukusesha!”
“Yonke imihlangano yebandla sasiyiqhubela ejele,” kuqhubeka uMfoweth’ uDomínguez. “Eqinisweni, inkulumo yami yokuqala yeningi ngayinikeza khona.” OFakazi ababeboshiwe babedlala ngisho namadrama eBhayibheli agqokelwa izingubo zakhona, okwakwenzeka ngoba babebuya nezinto ezithile uma bevakashele emakhaya. Kwakungabasolisi onogada ukuthi zizokwenziwani izimbadada, izingubo ezinkulu nezinde nokunye okunjalo.
Ukwenza Abafundi Ejele
Umsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi wachuma ngisho nasejele. Omunye wabazuza entshisekweni nasekuziphatheni okuhle kwabazalwane uNorberto Hein. Wayesemabuthweni empi ase-Argentina ngesikhathi eboshelwa izidakamizwa. Emajele amaningi wayehlangana nezinsizwa ezingoFakazi ezaziboshwe ngenxa kanembeza. Samhlaba umxhwele isimo sabo sengqondo, futhi ngesikhathi esejele lasePuerto Belgrano, wacela isifundo seBhayibheli. Ngenyanga eyodwa nje wayeseqedile ukufunda incwadi ethi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade. Kamuva, washintshelwa ejele laseMagdalena, futhi ngo-1979 wabhapathizwa ejele.
“Inkulumo yobhapathizo yanikezwa ngeSonto cishe ngehora lesi-9 ebusuku,” kukhumbula uNorberto. “Sasiyishumi sesisonke, yize abanye abazalwane babengaphandle kwesitokisi begadile. Ngemva kwenkulumo, mina nabazalwane ababili saya endlini yokudlela lapho kwakukhona khona ubhavu omkhulu wokugezela amabhodwe namapani.” Lo “bhavu wokubhapathizela” wawugcwele amanzi abandayo, lawo uNorberto awakhumbula kahle ngoba kwakusebusika!
Naphezu kokushushiswa ngenxa yokuhlangana noFakazi BakaJehova, waqhubeka egxilile ekukhonzeni uJehova. (Heb. 11:27) UNorberto nomkakhe, uMaría Esther, sebeneminyaka engaphezu kwengu-15 bekhonza ngokwethembeka eBethel.
‘Ungamceli UNkulunkulu Ukuba Angijezise’
Yize izikhulu eziningi zejele zazibabekezelela oFakazi, ezinye zazingenjalo. Ejele lezempi omunye unogada omkhulu wayencisha abazalwane ukudla nezingubo zokulala njalo lapho kunguyena obagadile. Lo nogada wayenesihluku. UHugo Coronel uyalandisa: “Ngelinye ilanga ekuseni kusempondo zankomo, lo nogada wakhahlela isicabha sesitokisi sami, wangihudulela ngaphandle, futhi wangitshengisa amasosha amahlanu ayehlomile, wangitshela nokuthi lase lingishonele. Wazama ukungenza ngisayine iphepha elilahla ukholo lwami. Lapho ngenqaba, wathi angibhalele umama incwadi ngoba ngase ngizofa. Ethukuthele engqangqa, wangincikisa odongeni lwezitini, watshela amaphoyisa ukuba akhokhe izibhamu, wabe esekhipha isiqondiso esithi ‘Dubulani!’ Ngezwa izinsinjani ezincane nje zithi qhu. Izibhamu zazingahlohliwe. Kwakumane kuyiqhinga nje lokuphula ubuqotho bami. Lo nogada, ecabanga ukuthi ngizobe ngiphelile uvalo, weza kimina. Ebona ukuthi angitatazeli, wahluleka ukuzibamba waqala ukumemeza. Ngaphindiselwa esitokisini sami, ngiqhaqhazela kancane kodwa ngijabulile ngokuthi uJehova wayeyiphendulile imithandazo yami yokuma ngigxilile.”
Sekusele izinsuku ezimbalwa nje uHugo ayiswe kwelinye ijele, unogada omkhulu wamemezela kuyo yonke inkomponi ukuthi ngakusasa, wayezophoqa uHugo ukuba agqoke iyunifomu. Lo nogada wathi ngisho noJehova wayengeke amvimbe. Kwabe sekwenzekani? “Ngakusasa,” kusho uHugo, “sezwa ukuthi lo nogada wayenqamuke ikhanda engozini yemoto enyantisayo. Kwabathinta kakhulu bonke abantu ejele. Abaningi baba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu wayelijezisile leli sosha ngenxa yokubukisa kwalo nezinsongo zalo. Eqinisweni, unogada owangiyisa esitokisini sami ngalobo busuku wangincenga ukuba ngingamceli uNkulunkulu ukuba amjezise naye!” Manje uHugo ungumdala eVilla Urquiza, eMisiones.
Iyodwa into esiqiniseka ngayo—lezi zinsizwa ezenqaba ukuya empini zagcina ubuqotho ngaphansi kwezimo ezinzima kakhulu. Iziphathimandla zejele zazisongela ngokubadubula abanye. Ezinye zazibashaya, zibancishe ukudla noma zibavalele ngabodwa. Naphezu kwempatho ababeyithola laba bazalwane, ukholo nobuqotho babo banikeza ubufakazi obunamandla ezikhulwini zempi nakwezinye iziboshwa.
Ukuzuza Esifundweni Somkhaya Esiqhutshwa Njalo
Izingane nazo kwadingeka ‘zivikele phambi kwabo bonke ababefuna ngenkani isizathu sethemba elikuzo.’ (1 Pet. 3:15) Lapho amadodana kaJuan Carlos Barros, ayeneminyaka engu-7 no-8 ngaleso sikhathi, esesikoleni, uthishanhloko waphoqa indodana endala ukuba ishayele ifulege indesheni phambi kwalo lonke ikilasi. Lapho inqaba, wayithethisa, wayishaya futhi wayisunduzela kulo ifulege. Noma kunjalo yenqaba ukulishayela indesheni. Wabe esebathatha bobabili laba bafana wabayisa ehhovisi lakhe, wazama ukubaphoqa ihora lonke ukuba bacule izingoma zobuzwe. Lapho imizamo yakhe ihluleka, wanquma ukubaxosha.
Leli cala lafika enkantolo ephakeme. Ngesikhathi sokuqulwa kwecala, ijaji labizela abafana eceleni labaphonsa imibuzo. Izimpendulo zabo ezisheshayo zalicasula kabi kabi ijaji kangangokuba laqala ukuqhaqhazela, lashaya itafula ngenqindi, laphuma. Labuya ngemva kwemizuzu engu-15 kodwa lisabonakala ukuthi lithikamezekile. Noma kunjalo, isinqumo sabavuna oFakazi! Ngemva kokukhipha isinqumo esivunayo, ijaji lathi kuMfoweth’ uBarros: “Awuve unomkhaya okahle! Ukube yonke imikhaya ibinezimiso eziphakeme kanje, izwe ngabe lingcono.” UMfoweth’ uBarros uthi: “Lesi sigameko sagcizelela kimi indlela okuzuzisa ngayo ukuqhuba isifundo somkhaya njalo ukuze izingane zethu zihlale zikulungele ukuma ziqine.” Ekugcineni, ngo-1979, iNkantolo Ephakeme Yase-Argentina yanquma ukuthi lezi zingane zinelungelo lokuthola imfundo.
Inkathi Evumayo Futhi
Kusukela ngo-1950, igatsha belilokhu lethula kuhulumeni omusha isicelo sokuba oFakazi BakaJehova baqashelwe ngokomthetho njengenkolo. Ukuqashelwa ngokomthetho kwakuhilela izinyathelo eziningana. Esokuqala, kwakudingeka kwakhiwe indikimba engokomthetho enenani elithile lamalungu, futhi ibe nemigomo yezenhlalo neyezenkolo, njengokufundisa abantu iBhayibheli. Esilandelayo, kwakudingeka ukuba leyo ndikimba engokomthetho ibhaliswe. Kwakudingeka ukuba uhulumeni avume ukuthi imigomo ingokomthetho. Uma uhulumeni evuma, kwakube sekukhishwa inombolo yokubhalisa. Kwakusetshenziswa le nombolo ekufakeni isicelo sokuqashelwa ngokomthetho njengenhlangano engokwenkolo. Kuze kube ngu-1981, oFakazi BakaJehova babenqatshelwa ngoba kuthiwa imigomo yabo yezenhlalo neyenkolo ayikho emthethweni ngoba umsebenzi wabo wawuvinjelwe.
Ngo-November 1976, ngemva nje kwezinyanga ezimbili umsebenzi woFakazi BakaJehova uphinde wavinjelwa, ihhovisi legatsha lanxusa inkantolo yezwe lase-Argentina ukuba iwuvule. Ngaphezu kwalokho, leli gatsha ladlulisa amacala ayehilela ukuxoshwa kwezingane zoFakazi esikoleni ngenxa yokwenqaba ukuhlanganyela emikhosini yokushisekela izwe, ukuboshwa kwabazalwane ngenxa kanembeza nokuthathwa kwezincwadi ze-Watch Tower Society.
Ngo-October 10, 1978, lezi zikhalazo zethulwa naku-Inter-American Human Rights Commission. Le khomishane yanquma ukuthi uhulumeni wawephule amalungelo oFakazi BakaJehova futhi yasikisela ukuba umsebenzi uvulwe.
Ngo-December 12, 1980, umbuso wezempi wakwamukela ukusikisela kwe-Inter-American Human Rights Commission futhi wawuvula umsebenzi. Umphumela waba ukuthi abantu bakaJehova e-Argentina bakwazi ukuhlangana ngenkululeko. Yeka injabulo ababa nayo abazalwane! Nakuba imisebenzi yoFakazi BakaJehova yayingasavinjelwe, kodwa inhlangano yabo engokwenkolo yayingakaqashelwa ngokomthetho.
Ekugcineni, ngo-March 9, 1984, uhulumeni wayiqaphela iNhlangano YoFakazi BakaJehova njengeyinkolo. Yayisiphelile iminyaka eminingi yokulwela ukuqashelwa ngokomthetho. Ekugcineni, emaHholo OMbuso ayesengafakwa amabhodi abhalwe kanjalo! Kwakungekona ukujabula kwabazalwane base-Argentina lokhu! Bonke benanela amazwi omhubi: “UJehova wenze into enkulu ngakwenzile kithi.”—IHu. 126:3.
Kodwa ukuqashelwa ngokomthetho kwakusho okungaphezu nje kokufakwa kwebhodi elibhalwe ukuthi iHholo LoMbuso. UCiríaco Spina, umdala ongumKristu eBuenos Aires, wathi: “Lapho umsebenzi usuvuliwe futhi sesikwazi ukuqhuba imihlangano emikhulu, sasifuna ukusebenzisa indawo enhle kunazo zonke eyayikhona ukuze sidumise uNkulunkulu wethu, uJehova. Sase sizame kaningana ukusebenzisa iCity Stadium entsha yaseMar del Plata, kodwa ngenxa yokuthi sasingakaqashelwa ngokomthetho, sasingakaze sivunyelwe ukuyisebenzisa. Kwabe sekuthi ngo-1984, ngosizo lukaJehova, oFakazi bathola ukuqashelwa ngokomthetho. Manje sesisebenzisa iCity Stadium, futhi muva nje, sisebenzisa neSports Center entsha ukuze siqhubele kuyo imihlangano yethu yesifunda.”
Kwase kudlule iminyaka eminingi abazalwane bagcina ukujabulela isikhuthazo esitholakala embuthanweni omkhulu, ngakho igatsha lathi nje sibonwa yini njengoba kwakuzofika umbonisi wamagatsha, uFred Wilson. Kwathatha isikhathi esingaphansi kwamasonto amabili ukwenza amalungiselelo okuhlalisa abazalwane baseGreater Buenos Aires ababeze eVélez Sarsfield Stadium, emhlanganweni wokuqala omkhulu selokhu umsebenzi wavulwa. Naphezu kokuthi babetshelwe sekusele isikhathi esincane, isixuku esingaba ngu-30 000 saba khona “emkhosini” omnandi nongokomoya ngo-February 15, 1984.—IHu. 42:4.
Umphumela Wokuvinjelwa
Ngaphansi kombuso wezempi, abantu abayizinkulungwane balahleka futhi babulawa. Kuyamangalisa ukuthi naphezu kokungabafuni kukahulumeni oFakazi BakaJehova, akekho noyedwa uFakazi owanyamalala.
Akukona nje ukuthi basinda kodwa ukuvinjelwa kwabenza baziwa kangcono. Ngaphambi kokuvinjelwa, labo ababebuza oFakazi ukuthi bakuyiphi inkolo, babevele badideke nje uma bebezwa bethi “singoFakazi BakaJehova.” Akubanga njalo ngemva kokuvinjelwa. USusana de Puchetti, oseneminyaka engu-37 eyisikhonzi sesikhathi esigcwele, wathi: “Lapho umsebenzi uvulwa, sasingasabizwa ngokuthi Amadodana KaJehova noma Abantu BakaJehova; futhi sasingasadidaniswa nezinye izinkolo. Ngesikhathi sokuvinjelwa, igama lethu okuyilona lona lalibizwa kaningi emsakazweni nasemaphephandabeni. Kwaba nomphumela ojabulisayo—ekugcineni abantu balazi igama elithi oFakazi BakaJehova.”
Ukukhululeka Ngokomthetho Enkonzweni Yezempi
Cishe ngaso lesi sikhathi, uDkt. María T. de Morini, isekela likanobhala wezenkolo owayethathe isinqumo sokuqaphela iNhlangano YoFakazi BakaJehova njengenkolo, wahlela ukuba kube nomhlangano obalulekile wabameleli beNhlangano YoFakazi BakaJehova, unobhala nongqongqoshe wezokuvikela. Injongo yalo mhlangano kwakuwukucabangela ukukhulula oFakazi BakaJehova enkonzweni yezempi. IKomiti Yegatsha yayifisa ukuba amaphayona avamile akhululwe enkonzweni yezempi, kodwa iziphathimandla zazifuna nokwenza okwengeziwe.
Iziphathimandla zazizimisele ukukhulula noma ubani ongumfundi, futhi bonke ababebhalise eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini babebhekwa njengabafundi bezenkolo. Lapho umzalwane obhapathiziwe efinyelela eminyakeni engu-18 ubudala futhi ebizelwa ukuba aye empini, abadala bebandla lakubo babegcwalisa ifomu elifakazela ukuthi uziphethe kahle futhi balisayine. Lalibe selithunyelwa ehhovisi legatsha ukuze lisayinwe bese lithunyelwa emnyango wezenkolo. Wona wawube usukhipha isitifiketi lo mzalwane ayezosinikeza iziphathimandla zezempi ukuze zimkhulule kule nkonzo. Le ndlela eyayiphumelela yasebenza kwaze kwaba yilapho kuyekwa ukubuthwa kwabantu ngempoqo ngawo-1990.
Ukwanda Okumangalisayo Yonke Indawo
Phakathi kuka-1950 no-1980, uhulumeni wawuwuvimbele umsebenzi woFakazi BakaJehova. Abazalwane baqhubeka ngentshiseko beshumayela izwi phakathi naleyo nkathi enzima. Ngenxa yalokho, uJehova wababusisa ngokwanda. Ngo-1950 kwakunabamemezeli abangu-1 416 e-Argentina. Ngo-1980 base bengu-36 050!
Ukuqashelwa ngokomthetho kwaletha okunye ukwanda ngokuvumelana no-Isaya 60:22, othi: “Omncane uyoba yinkulungwane, umuntukazana abe yisizwe esinamandla. Mina, Jehova, ngiyokusheshisa ngesikhathi sakho.” Ukubhekabheka imibiko evela kuwo wonke amazwe kubonisa ukuba iqiniso kwala mazwi. Ngokwesibonelo, kusukela umsebenzi wavulwa, abamemezeli abangu-70 eBandleni LaseFrancisco Solano eGreater Buenos Aires baye banda baba ngu-700 manje emabandleni angu-7.
U-Alberto Pardo, ongumdala eCinco Saltos, eRío Negro, ukhumbula ngesikhathi besengu-15 kuphela abamemezeli eCinco Saltos. Manje kunamabandla amathathu anabamemezeli abangu-272 sebebonke, futhi uFakazi ngamunye kumelwe ashumayeze abantu abayikhulu. UMarta Toloza waseBandleni LaseCarmen de Patagones eBuenos Aires uthi: “Kuyamangalisa uma ucabanga ngeqembu elincane elalihlangana ekamelweni elincane emuva ngo-1964 bese uliqhathanisa nabazalwane nodade abangu-250 abasemaHholo OMbuso amathathu namuhla.”
Ngenxa yokwanda okusheshayo ePalmira nasemadolobheni amancane aseduze, kwadingeka ukuba inkulumo yeningi neSifundo Se-Nqabayokulinda kuqhutshwe kabili ngempelasonto ngayinye ukuze abazalwane nodade bangacinani eHholo LoMbuso. Ngesikhathi seSikhumbuzo kwaqashwa ihholo elikhudlwana ngoba inani lababeba khona laliqhubeka liba ngaphezu kuka-250. Kusukela ngo-1986, kuye kwamiswa amabandla emadolobheni amane ayekade ehlanganyela neBandla LasePalmira ekuqaleni.
IBandla LaseJosé León Suárez elingelokuqala eGreater Buenos Aires, elalinabamemezeli abangu-33 liye lakhula laba amabandla amahlanu. UJuan Schellenberg, umdala walapha, uthi: “Njalo lapho simisa ibandla elisha, insimu yethu yayincipha. Manje sesinesiqeshana nje sensimu. Insimu yethu siyihlanganisa kanye noma kabili ngesonto. Abantu abaningi esibatholayo abanandaba, kodwa sisakuthola okuhlangenwe nakho okumnandi futhi sisakwazi ukuqala izifundo zeBhayibheli. IHholo LoMbuso liphakathi nendawo, ngakho abamemezeli abaningi kwabayikhulu bayakwazi ukuzihambela baye esifundweni.”
Umoya Wokuphayona Uyanda
Ngokuvulwa komsebenzi, kwavuleka insimu enkulukazi. Zaziziningi izindawo ezazinesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso.
Ngo-December 1983 imibhangqwana eyishumi engamaphayona akhethekile esikhashana yathunyelwa izinyanga ezintathu ezindaweni oFakazi BakaJehova ababengafiki kuzo njalo ukuba iyoqala umsebenzi wokushumayela. Kwakhethwa imibhangqwana eyayisivele ingamaphayona avamile noma asizayo futhi yatuswa ababonisi besifunda. Umgomo wawuwukuhlanganisa insimu enkulu ngokuhambisa izincwadi nokulwela ukuqala izifundo zeBhayibheli. Ababebonisa isithakazelo babezonakekelwa abamemezeli basemabandleni aseduze noma ngokubabhalela izincwadi. Lo mkhankaso waba nemiphumela emihle kakhulu. Manje emadolobheni ayisishiyagalolunye kwayishumi kunamabandla lapho la maphayona ayekhonza khona.
U-Argentina de González wayengomunye wamaphayona akhethekile esikhashana. Yena nomyeni wakhe babelwa e-Esquina. Bafika khona nezingane zabo ezine. Kathathu ngesonto, elinye lamakamelo okulala lomuzi wabo lalenziwa indawo yokuhlanganyela. Njengoba babehamba indlu ngendlu, cishe babemukelwa kuyo yonke imizi. Okokuqala, umninindlu wayeye afune ukwazi ukuthi babevelaphi, banezingane ezingaki nokuthi babehlalaphi. “Lapho sebanelisekile,” kusho u-Argentina, “babeye bathande ngempela ukulalela isigijimi sethu. Ngakwazi ukuqala izifundo zeBhayibheli ezingu-7, esinye ngangisiqhubela inkosikazi ethile nezingane zayo ezine. Baqala ngaleso sikhathi ukuba khona ezifundweni futhi abaphuthanga nakanye. Ngezinyanga ezimbalwa nje, lo mama wabhapathizwa kanye nendodakazi yakhe, kamuva eyaba iphayona. Kuyangijabulisa ukuthi bonke basakhonza uJehova ngokwethembeka.”
Babenelisekile Ngaphansi Kwanoma Yiziphi Izimo
Abanye ababenomoya wokuzidela babezimisele ukuphila esimweni sezulu esibi, ukuhlala ngabodwa nokuphila ukuphila okuyisidala. Ngesikhathi uJosé no-Estela Forte bethunyelwa eRío Turbio esifundazweni saseSanta Cruz, njengamaphayona akhethekile, babengekho oFakazi noma abantu abafundelwa iBhayibheli kule ndawo. Okwenezela kule nkinga ukuthi iRío Turbio iphansi lé eningizimu ye-Argentina lapho izinga lokubanda lehla lize libe ngu-18°C. ngaphansi kwezinga-qhwa.
AbakwaForte babehlala egunjini elincane emzini wezihlobo zoFakazi abathile, futhi babehamba amakhilomitha angu-300 beya ebandleni eliseduze eRío Gallegos. Ngelinye ilanga njengoba bebuya esifundweni, injini yemoto yashisa ngokwedlulele emgwaqweni omkhulu ongenazimoto, ngenxa yokuthi kwakuvuze amanzi kuyi-radiator. Amakhaza ayeshubisa umnkantsha, futhi baqala ukuzwa lokho abantu balapha abakubiza ngokuthi i-sueño blanco, ubuthongo obunamandla obungambulala umuntu. Bathandaza kuJehova ukuba bangazumeki. Abeve bajabula lapho befika epulazini eliseduze, lapho bakwazi khona ukuzifudumeza nokugcwalisa amanzi kuyi-radiator!
Ekuqaleni, abakwaForte bashumayela ikakhulukazi endaweni eyayinabantu abaningi futhi ngokushesha base benezifundo zeBhayibheli ezithuthukayo ezingaphezu kuka-30. Kungakabiphi, kwamiswa iqembu kuleli dolobha elincane. Kwabe sekwenziwa imizamo yokufinyelela abantu ezintabeni nasemaphandleni. Kanye ngonyaka uJosé wayethatha uhambo lokuyoshumayela lwezinsuku ezingu-6 noma ezingu-7 ehamba ngehhashi. Yena nomngane wakhe bake bafika kwelinye ipulazi abathola kulo owesifazane owayenenja eyayibaba há. Lapho bezethula ngokuthi bangoFakazi BakaJehova, lona wesifazane wababuka, wavele wahleka. Wathi: “Nalapha pho!” Ebuzwa ukuthi kungani ayesho kanjalo, wachaza ukuthi wayekade ehlala eduze nje neBethel eBuenos Aires. Wanezela: “Angikaze ngicabange ukuthi oFakazi BakaJehova bangafika endaweni eqhele kangaka, futhi ngaphezu kwalokho, bevunule njengama-gaucho.” Lona wesifazane wabangenisa endlini wabapha okuya ngasethunjini, futhi baba nengxoxo yeBhayibheli eshisayo. Imizamo ephikelelayo yabakwaForte yathela izithelo; sikhuluma nje kunebandla elithuthukayo labamemezeli abangu-31 eRío Turbio.
IHholo LoMbuso Elintantayo
Bezimisele ukuyisebenzisa ngokunenzuzo inkathi evumayo yokushumayela, abanye bamukela inselele yokushumayeza abahlala eziqhingini eziseduze noMfula iParaná, eduze neBuenos Aires. Ukufakaza lapho umfula ungenela khona olwandle akuyona into encane ngenxa yokuqhelelana kweziqhingi, izinto zokuhamba ezitholakalayo nesimo sezulu esishintshashintshayo. Ukuhamba ngezikebhe eziqashwayo kuyabiza, futhi kungaba yingozi. Nokho, ukuphikelela kwaveza imiphumela emihle. Ngo-1982 kwamiswa iqembu elingalodwa laba ingxenye yeBandla LaseTigre.
Ukuze anciphise izindleko, u-Alejandro Gastaldini, umzalwane waseBandleni LaseTigre, wakha i-Carpincho, isikebhe sepulasitiki elula, esingamamitha angu-7 esinenjini kaphalafini. Cishe ngaso lesi sikhathi, uRamón Antúnez waseBuenos Aires nomkhaya wakhe banikela ngesikebhe sabo ukuze kuthuthukiswe izithakazelo zoMbuso kule ndawo. Laba bazalwane abashisekayo kwakuyibo phambili, bamema abamemezeli bakwamanye amabandla ukuba babasekele enkonzweni ngezimpelasonto. Izifundo zaqala ukuthuthuka nokukhiqiza izithelo lapho imikhaya ephelele yamukela iqiniso.
Njengoba babembalwa ababenezikebhe kulezi ziqhingi futhi izinto zomphakathi zokuhamba ziyindlala, kwakunzima ngabantu abaningi abathakazelayo ukuya ezifundweni. Ngakho abazalwane basizana ukuze bahlangane ndawonye futhi baqinisane ngokomoya. Ngokwesibonelo, ukuze bonke bakwazi ukuba khona eSikhumbuzweni, isikebhe sasihamba sithatha oFakazi ababhapathiziwe nabantu abathakazelayo ukuze bagubhe iSikhumbuzo esikebheni.
Kamuva, uCarlos Bustos, umkakhe u-Ana nendodakazi yabo uMariana babelwa kule ndawo njengamaphayona. Igatsha lasiza ngokuthenga isikebhe esibizwa ngokuthi i-Precursor I, esinekhishi, indlu yangasese nendawo yokulala abantu abathathu. Umbhede kaMariana owawungemuva esikebheni wawubizwa ngokuthi i-sarcófago ngoba wawumcane njengebhokisi lomngcwabo!
Okwamanje, bangu-20 abamemezeli abahlala kule ndawo, bakhonza uJehova njengengxenye yeBandla LaseTigre. Abazalwane abaningi manje sebenezikebhe futhi sebekwazi kangcono ukufeza izabelo zabo ezingokwasezulwini. Nokho, iphupho lokwakha iHholo LoMbuso elithi bona lalibonakala lingenakufezeka. Ngani?
Ngenxa yezikhukhula ezingapheli kule ndawo, indawo okungase kwakhiwe kuyo imba eqolo. Lesi sithiyo kwakubonakala lingenakusinqoba iqembu elincane elingenamali etheni. Nokho, nakuba indawo yayingatholakali, amanzi ayemaningi. Pho kungani kungenakwakhiwa iHholo LoMbuso elintantayo? Igatsha lahola ekwakhiweni kwaleli Hholo LoMbuso, futhi laqedwa ngo-June 1999. Manje abadala beBandla LaseTigre bayashintshana ngokuqhubela leli qembu imihlangano yamasonto onke kuleli Hholo LoMbuso.
Bafinyelela Abantu BaseKorea
OFakazi BakaJehova e-Argentina abazami nje kuphela ukufinyelela abantu ezindaweni ezihlukahlukene kodwa benza nemizamo yokushumayeza abantu bezinye izizwe. Ngaphambi kokuvinjelwa komsebenzi kwesibili, umzalwane waseKorea, uHwang Yong Keun, nomkhaya wakhe bathuthela e-Argentina ngo-1971 futhi baqala ukuhlanganyela nebandla leSpanishi. Ukukhiqiza kwamaKorea emsebenzini wokwenza abafundi, nokufika koFakazi abengeziwe bevela eKorea kwaholela ekumisweni kweqembu lesiKorea eMorón, esifundazweni saseBuenos Aires. Ngokushesha base beyiqhuba yomihlanu imihlangano yebandla njalo ngesonto, okwaholela ekumisweni kwebandla lokuqala lesiKorea e-Argentina ngo-1975. Ngemva konyaka, banikezela kuJehova iHholo LoMbuso labo lokuqala.
Ngesikhathi umsebenzi uvinjelwe, leli bandla lesiKorea lahlukaniswa laba amaqembu amancane. Njengoba abazalwane abangamaKorea babefisa ukuhlangana ndawonye njengebandla, kwahlelwa ukuba bahlangane epaki kanye ngenyanga, balalele inkulumo yeningi neSifundo Se-Nqabayokulinda. Njengoba amaphoyisa ayengasazi nhlobo isiKorea, ayengazi ukuthi lo mbuthano owenkolo!
Ngemva kokuvulwa komsebenzi, insimu yesiKorea yanda kancane kancane. Njengoba amaKorea ethé chithi saka kuleli zwe, ukuwashumayeza ngokuvamile kudinga ukuba kuhanjwe amakhilomitha amaningi kufunwa abafanelekayo. Kabili noma kathathu ngonyaka, oFakazi abangamaKorea babeya ezifundazweni ezikude bezama ukuthola abadayisi abangamaKorea. UJehova uyibusisile inkuthalo yabo. Namuhla, abamemezeli abangamaKorea abangaba ngu-288 emabandleni amane bashumayela izwi ngentshiseko.
Kuze kube muva nje, amabandla esiKorea ayehanjelwa umbonisi wesifunda okhuluma iSpanishi okwakudingeka ahunyushelwe emihlanganweni, ensimini nasekuhambeleni kokwalusa. Kodwa ngo-1997, uSteven noJune Lee (Yi Sung Ho noKim Yun Kyeong), abafundi baseGileyadi bekilasi lika-102, babelwa ukukhonza amabandla esiKorea e-Argentina, eBrazil naseParaguay. Njengoba abakwaLee bengamaKorea ngokuzalwa futhi belukhuluma kahle lolu limi, abazalwane bazuza kakhulu ngokuhambela kwabo. Bonke bayalijabulela leli lungiselelo lothando likaNkulunkulu wethu ongakhethi, uJehova.—IzE. 10:34, 35.
AbakwaLee kumelwe bazivumelanise njalo nje nesimo sezulu, amanzi nokudla kwakula mazwe amathathu. Ezinyangeni eziyisithupha, baba se-Argentina izinyanga ezintathu, eBrazil izinyanga ezimbili naseParaguay inyanga eyodwa. Yize bekhonza amabandla esiKorea, kuyadingeka bakhulume izilimi zendawo. Ngaphandle kokukhuluma isiPutukezi eBrazil, abakwaLee kudingeka bazijwayelanise nezindlela ezimbili zokukhuluma iSpanishi. Kodwa bayasijabulela lesi sifunda esinabantu abahlukahlukene kangaka. Ngemva kweminyaka emibili, inani lamaphayona kulesi sifunda landile lafinyelela ku-60, lisuka ku-10!
Izithulu Zidumisa UJehova
Ngawo-1970, kwabonakala elinye iqembu elinezidingo ezikhethekile lapho izithulu ziqala ukuza ezifundweni. Ukuze zizuze, kwakudingeka abazohumusha ngolimi lwezandla. Ngo-1979 kuneqembu elalihlangana emzini kaCoco noCoca Yanzon, umbhangqwana oyizithulu waseVilla Devoto eBuenos Aires. Kwakuseyisiqalo nje lesi.
Inani lezithulu ezamukela iqiniso laqhubeka landa ngesikhathi sokuvinjelwa kanye nangawo-1980 nawo-1990. Ngawo-1980, abazalwane nodade abayizithulu, kanye nababebahumushela babelwa emabandleni athile eGreater Buenos Aires. Izithulu zazihunyushelwa sonke isimiso, okwakwenza zizuze esifundweni.
Kodwa izithulu zazifisa ukuba nengxenye eyengeziwe ebandleni. Ngakho ngo-1992 igatsha lanquma ukuzihlanganisa ndawonye nabazihumushelayo ebandleni elilodwa labakhuluma ngezandla. Ngale ndlela, abamemezeli abayizithulu baqala ukuhlanganyela ngenkuthalo ekufundiseni, ekuphenduleni nasekushumayeleni ngolimi lwabo.
“Ibandla lolimi lwezandla laliyimpendulo yemithandazo yami,” kusho uSilvia Mori, udade oyisithulu ongumzali ongayedwa. “Ngijabula kakhulu ngokuba nabafowethu nodade abayizithulu njalo. Ngaphambili, besihlukanisiwe sisemabandleni abantu abezwayo futhi sibonana kanye ngesonto kuphela.”
U-Elba Basani, omunye udade oyisithulu, uthi: “Ngesikhathi lingekho ibandla lolimi lwezandla, ngangiye ngidikibale, kodwa manje ngijabula kakhulu ngoba ngiyakwazi ukuba iphayona elisizayo, ngibe matasa enkonzweni kaJehova, futhi ngibabona njalo abafowethu abangokomoya. Ngimbonga angiqedi uJehova.”
Njengoba ulimi lwezandla luzwakala ngokulubuka, ama-video eNhlangano aphumelela ngendlela ekhethekile. I-video ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name isikhona ngolimi lwezandla lwase-Argentina. Ngaphezu kwalokho, kwenziwa i-video yencwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi? nezinye izincwadi. Manje kunamabandla amane olimi lwezandla kulo lonke elase-Argentina, anabamemezeli abangu-200 sebebonke, kanye nabazalwane abayizithulu abangu-38 abangabadala nezinceku ezikhonzayo.
Usizo Lwabakhuluma IsiNgisi
Ngasekupheleni kuka-1993, kwavulwa izinkampane zaphesheya e-Argentina. Ezinye izisebenzi ezathunyelwa e-Argentina zazingoFakazi ababhapathiziwe ababengasazi kahle iSpanishi kodwa besazi isiNgisi. Ukuze kunakekelwe izidingo zabo ezingokomoya futhi kufinyelelwe abantu abasensimini yesiNgisi eyayanda, kwamiswa ibandla lokuqala lesiNgisi kuleli zwe, eBuenos Aires. Abanye abantu base-Argentina ababesifundile isiNgisi bazenza batholakala ukuze basekele leli bandla elisha.
Selokhu lamiswa leli bandla ngo-June 1994, sekubhapathizwe abantu abayishumi, kanti nabanye abaningi abase-Argentina okwesikhashana bangaya ezifundweni eziqhutshwa ngolimi abaluzwayo futhi bazuze kuzo.
UmMapuche Osemncane Uvula Umnyango
Ukusiza “zonke izinhlobo zabantu zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso” kuhilela nokuya emaNdiyeni ahlala ezabelweni. (1 Thim. 2:4) Esifundazweni esiseningizimu-ntshonalanga yeNeuquén, kunesabelo samaNdiya angamaMapuche lapho inkosi yendawo yayingabavumeli oFakazi ukuba bangene khona ngenxa yokuziphatha kwamaqembu enkolo ayelapho ngaphambili. Intombi engumMapuche, uPatricia Sabina Guayquimil, yathola izincwadi ezithile kunina, yena owazithola ngesikhathi esasebenza kude nasekhaya. UPatricia wabhalela igatsha ecela ukwaziswa okwengeziwe. UMónica López, udade okwathiwa akamphendule, wathumelela uPatricia incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni futhi wachaza ilungiselelo lesifundo seBhayibheli. UPatricia walamukela, futhi bafunda ngeposi unyaka wonke bengakaze babonane.
Langa limbe kwangqongqoza othile kwaMónica. Wajabula kakhulu lapho ebona uPatricia, owayefike kuleli dolobha ngemoto yeziguli, ephelezela udadewabo owayesezobeletha. Ngesikhashana nje abasichitha ndawonye, uMónica wamtshengisa iHholo LoMbuso, wamchazela indlela okuqhutshwa ngayo imihlangano futhi wammema ukuba abe khona ngesonto lokuhambela kombonisi wesifunda.
Esephindele ekhaya, uPatricia waqhubeka ethuthuka kahle kakhulu. Eqinisweni, ngelinye ilanga ekuseni njengoba itekisi losuku laligcizelela ukubaluleka kokushumayela, wagibela ihhashi lakhe lensikazi, wayoshumayeza omakhelwane bakhe kusukela ngo-7 ekuseni kwaze kwayohwalala. Umsebenzi wakhe wokufakaza wavulela oFakazi BakaJehova bangaphandle indlela yokushumayela kulesi sabelo. UPatricia wabhapathizwa ngo-1996, futhi uyaqhubeka ehambisa ‘izindaba ezinhle zensindiso’ emphakathini wamaNdiya. (IHu. 96:2) OFakazi bazihambela njalo nezinye izabelo zamaNdiya.
Kudingeka AmaHholo OMbuso
Njengoba oFakazi BakaJehova e-Argentina babewandisa ngomfutho umsebenzi wabo wokushumayela ngenkathi evumayo ngemva kokuvulwa komsebenzi, kwakunesidingo samaHholo OMbuso afanelekayo. Amanye amaHholo OMbuso ayakhiwe kabi. Ngokwesibonelo, izindonga zehholo elalisesifundeni sasenyakatho iSantiago del Estero zazakhiwe ngamapulasitiki. ULuis Benitez, oseneminyaka eminingi esemsebenzini wokwakha amaHholo OMbuso, uyalandisa: “Ngesikhathi mina noMfoweth’ u-Eisenhower siya eFormosa sathola abazalwane behlanganyela esakhiweni esasinezindonga eziphakeme ngamamitha angu-1,2 kodwa singenaluphahla, singenazicabha namafasitela. Abazalwane babehlala emapulangweni ayesekelwe izitini. Lapho sibabuza ukuthi benzenjani uma lina, bathi, ‘Abanye beza nezambulela, abanye banethwe.’”
Ngemva kokuvulwa komsebenzi ngo-1980, abadala bebandla laseTrelew, esifundazweni saseChubut, basheshe babona ukuthi babengenayo indawo enkulu ngokwanele ukuthatha inani elikhulu labantu ababezothola imfundo engokomoya. Udade owayesebenzela umkhaya owawunehholo wacela imvume yokulisebenzisela ukuqhuba imihlangano. Wavuma lo mkhaya, futhi ibandla lahlanganyela ehholo mahhala izinyanga ezingu-7 noma ezingu-8. Babe sebesebenzisa ishabhu lomzalwane othile. Kodwa, ibandla lalingenakuyisebenzisa njalo le ndawo, ngakho kwadingeka lihlele ukuba lihlangane ngamaqembu amancane emizini yabazalwane. Kwacaca ukuthi babedinga indawo ababengahlanganyela kuyo njalo. Amalungu ebandla ayezimisele ukwakha iHholo LoMbuso lawo lokuqala. Ngemva kweminyaka eyisihlanu befuna indawo yokuhlanganyela, oFakazi BakaJehova eTrelew bagcina sebenalo iHholo LoMbuso abalinikezela kuJehova. Kodwa kungakabiphi, ukwanda kwabamemezeli kwaphinde kwaphakamisa isidingo sokwakha elinye iHholo LoMbuso.
Ezweni lonke, amabandla ayedinga amaHholo OMbuso. Kwakudingeka kwenziwe okuthile ukuze kube nezakhiwo ezikahle zokukhulekela kweqiniso.
Igatsha Liyayilamula
Igatsha lathatha isinyathelo ngenxa yalesi sidingo, lamisa uhlelo lokwakha amaHholo OMbuso. Ngalolu hlelo amabandla akwazi ukuboleka imali yokwakha nokuthola amapulani amahholo akahle, okulula ukuwakha nakahle. Kwabuye kwanikezwa nokusikisela kokuhlela umsebenzi wokwakha. Abazalwane abanolwazi babelwa ukuba basize. Ngalolu hlelo, kwakhiwa amaHholo OMbuso ngezinyanga ezimbili, kwathi kamuva, akhiwa ngezinsuku ezingu-30 kuphela.
Amabandla aseTrelew ayedinga elinye iHholo LoMbuso azuza kulolu hlelo lokwakha olwenziwe lula. Ngemva nje kwezinsuku ezingu-60 isakhiwo siqaliwe, ajabulela ukuhlanganyela ehholo lawo elisha. Lanikeza ubufakazi obukhulu kubantu bakule ndawo, ababebona isiganga nje ababengatshinga kuso udoti sihlotshiswa yiHholo LoMbuso elihle. Abakhi balapha bahlabeka umxhwele kangangokuba babefuna ukuqasha abazalwane!
AmaHholo OMhlangano Emibuthano Emikhudlwana
Phakathi naleso sikhathi, abazalwane base-Argentina basiqaphela nesidingo samaHholo OMhlangano okwakungaqhutshelwa kuwo imibuthano emikhudlwana. E-Oberá esifundazweni saseMisiones esisenyakatho, umkhaya othile wanikela ngendawo, abazalwane balapha bakha kuyo isakhiwo esinophahla kodwa esingenazindonga. Ngo-1981 kwaqhutshelwa umhlangano omkhulu kuso, kwaba khona abangu-300. Kuyo le ndawo, manje kunesakhiwo esithatha abantu abangu-2 200.
Ngemva kokubhaliswa kweNhlangano YoFakazi BakaJehova ngo-1984, kwanikezelwa amaHholo OMhlangano amabili kuJehova eBuenos Aires—elinye lanikezelwa ngo-1986 eMoreno, elinye ngo-1988 eLomas de Zamora. EliseLomas de Zamora lalikade liyifektri nendawo yokugcina izimpahla engasasebenzi. Ngo-July 9, 1985, kwafika izisebenzi zokuzithandela ezingaba ngu-1 500 zizoqala umshawushile womsebenzi onzima wezinsuku ezingu-18. Bahlanza isakhiwo futhi bashintsha ingxenye yefektri yaba ihholo elithatha abantu abangu-1 500. Abanye basebenza ubusuku bonke belungisa ihholo ukuze lilungele umhlangano wokuqala owaba ngo-July 27, 1985. Namuhla kunamaHholo OMhlangano amane, kuhlanganise nelanikezelwa eCórdoba ngo-1993.
Ingaqhutshelwaphi Imihlangano Yesigodi?
Ngenxa yokwanda okwakulokhu kuqhubeka, kwaya kuba nzima ukuqasha izindawo ezanele zemihlangano yesigodi. Kwakubiza ukuqasha amahholo, futhi abaphathi bawo babevame ukungazihloniphi izivumelwano zokuqashisa. Kwakunzima ukuthutha nokuhlanganisa imishini ye-sound nezinye izinto ezazidingeka. Ngaphandle kwalokho, ezinkundleni ezivulekile, izilaleli zazishiswa ilanga, zinethwe nayimvula, okwakwenza kube nzima ukuzuza ngokugcwele esimisweni.
Ukuze kuxazululwe lezi zinkinga, kwathengwa indawo eCañuelas, emaqaqasini aseningizimu-ntshonalanga yenhloko-dolobha. Kwakuzokwakhiwa iHholo LoMhlangano Wesigodi futhi lisetshenziselwe imihlangano yesigodi kanye neminye emincane. Lalizolekelela amaHholo OMhlangano ayesekhona kakade kuleli zwe.
IHholo LoMhlangano Wesigodi elihlala abantu abangu-9 400 lase lilungele umhlangano wokuqala wesigodi ngo-October 1995, zingakapheli izinyanga eziyisithupha siqaliwe isakhiwo. (Joweli 2:26, 27) Ngo-March 1997 lesi sakhiwo sanikezelwa kuJehova. UCarey Barber weNdikimba Ebusayo wanikeza inkulumo evuthayo yokunikezela, futhi ngakusasa waba nengxenye emhlanganweni okhethekile owawusenkundleni enkulu iRiver Plate Stadium. Le nkundla yayigcwele pháma abazalwane abangu-71 800 bevela kulo lonke izwe, kuhlanganise neqembu lasePatagonia elalihambe amakhilomitha angu-3 000.
Izakhiwo Ezintsha Zegatsha
Ngo-December 1984 kwaba nenani elisha eliphakeme labamemezeli boMbuso abangu-51 962. Lokhu kwanda kwenza kwadingeka izincwadi ezengeziwe, nazo zenza kwadingeka indawo enkudlwana yokunyathelisa. Ukuze kufezwe lokhu, kwathengwa isakhiwo esikhulu esasiku-1551 Caldas Street eBuenos Aires, salungiswa ukuze kwandiswe ifektri namahhovisi. Igatsha labuye lathenga nefektri yama-tile eyayingasasebenzi eyayiku-3850 Elcano Avenue, eBuenos Aires, layidiliza futhi lakha isakhiwo sokuhlala esisha esihle.
Zingu-640 izisebenzi ezazisebenza isikhathi esigcwele esakhiweni, kuhlanganise nezisebenzi zokwakha ezingu-259 zakwamanye amazwe. Kanti abanye abaningi babefika ngezimpelasonto bezosiza. Ukuba khona kwezisebenzi zokuzithandela zaphesheya ezingaphezu kuka-200 esakhiweni kwakuthakazelisa. Omunye umzalwane wabhala ifomu lokucela okuthile wacela ama-palomo (amajuba eduna) amhlophe angu-12. Umqondisi woMnyango Wokuthenga waxakeka nje ukuthi kungani kwakucelwa izinyoni. Kanti umzalwane lona wayedinga ama-pomo (amashubhu) angu-12 kapende omhlophe!
Ngesikhathi kwenziwa lo msebenzi, ayehle kakhulu amandla emali e-Argentina. Ngezinye izikhathi amanani ezinto zokwakha ayenyuka kathathu ngosuku, okwakubadalela izinkinga labo ababesemnyangweni wokuthenga. Ngalesi sikhathi, abazalwane esakhiweni babengakhohliwe umsebenzi obaluleke kunayo yonke—wokushumayela izwi. Omunye umdayisi wayevame ukuthumela abameleli benkampani esakhiweni; njalo nje babenikezwa ama-oda kanye nobufakazi obungashwampuluzi. Omagazini abangu-20 nezincwadi ezinhlanu abagcina behanjiselwe izisebenzi zale nkampani, futhi ehhovisi lomnikazi wenkampani, kwakubekwe omagazini.
Isakhiwo ngokwaso sanikeza ubufakazi. Abazalwane basebenzisa indlela yokwakha ebizwa ngokuthi i-tilt-up, lapho ukhonkolo nezindonga zensimbi kuhlanganiswa khona phansi bese kamuva kufukulwa ngomshini kufakwe ezikhaleni zakhona. Kwakuyindlela yokwakha engavamile futhi yabakhanga abakhi balapha. NgeMigqibelo ekuseni, abafundi basekolishi lokuklama izakhiwo babefika bezobukela futhi babebukiswa nendawo.
Ngo-October 1990 lesi sakhiwo esihle sanikezelwa kuJehova. UTheodore Jaracz weNdikimba Ebusayo wanikeza inkulumo yokunikezela eshukumisayo eyayisekelwe ku-Isaya 2:2-4. Abaningi ababehlanganyele ekutshaleni imbewu yeqiniso e-Argentina, kanye nezimenywa zakwamanye amagatsha, babekhona kulo mcimbi ojabulisayo.
Ukwanda Okwengeziwe
Zathi zinganikezelwa nje izakhiwo zegatsha kwaqala ukwandiswa ifektri eyayikuCaldas Street. Esizeni esincikene nale ndawo, kwakhiwa isakhiwo esinezitezi ezintathu esinendawo yokugcina izincwadi ngaphansi. Iqembu lezisebenzi zokuzithandela ezingu-25 laqeda lo msebenzi ngezinyanga ezingu-8.
Lapho kuphakama isidingo samahhovisi engeziwe, kwatholakala ukuthi isakhiwo esingekude nekhaya laseBethel sasidayiswa. Njengoba leli dolobha laliya liqinisa imithetho yokukhipha izimvume zokwakha, ukuthola indawo enesakhiwo esiphelile kwaba umqondo omuhle. Yize lesi sakhiwo sase sineminyaka engu-30 sikhona, sasakhiwe ngezinto zokwakha zeqophelo eliphezulu, ngaphakathi sakhiwe ngokhuni, ngaphandle selekwe ngemabuli (marble). Lesi sakhiwo sathengwa, salungiswa futhi manje sinamahhovisi okuqondisa kanye nomnyango wokuThenga, weNkonzo, woKwakha noweziMali. Sanikezelwa ngasikhathi sinye neHholo LoMhlangano Wesigodi LaseCañuelas ngo-1997.
Kusizwa Izwe Elingumakhelwane
Ngesikhathi sokuvinjelwa, oFakazi BakaJehova emazweni angomakhelwane, njengeBrazil ne-Uruguay, basiza abazalwane base-Argentina ukuba bathole ukudla okungokomoya. Manje igatsha lase-Argentina lisiza iChile engumakhelwane. Kusukela ngo-January 1987, omagazini bebelokhu bethunyelwa eChile, okokuqala kwakusetshenziswa inkampane yezwe, kwase kuthi kusukela ngo-1992 kwasetshenziswa amaloli eNhlangano.
Uhambo lokuya eChile lunqamula izintaba zase-Andes eziphakeme ngamamitha angu-3 100. Umqhubi kufanele abe nekhono elihle ukuze akwazi ukujikisa inqola enkulu ezintabeni ezimbozwe iqhwa emgwaqweni omazombezombe; enye indawo inamajika acijile ayingozi angu-31. Kodwa lolu hambo olude lunomvuzo ngoba abazalwane baseChile babathola ngesikhathi omagazini babo.
Omagazini Abanemibala Emine Bakhanga Ngokwengeziwe
Njengoba izwe laliya lithanda izithombe, iNhlangano yacabangela ukunyathelisa INqabayokulinda ne-Phaphama! ngombala ophelele. Umgomo wawuwukunyathelisa omagazini abahle ngendlela eyongayo. I-Watch Tower Society e-United States yathumela umshini olungisiwe wakwaHarris okwazi ukunyathelisa ngemibala emine we-web offset egatsheni lase-Argentina. Lo mshini kwadingeka uqaqwe, upakishwe futhi uposwe usuka eWallkill, eNew York. Ngesikhathi le mpahla eyigugu ifika eBuenos Aires ngo-October 10, 1989, kwadingeka ihlanganiswe futhi. Abazalwane basendlunkulu abanolwazi ngawo baya e-Argentina beyokwengamela lo msebenzi futhi baqeqeshe ababezowusebenzisa.
Ukunyathelisa ngemibala emine kwabandisa kakhulu omagazini ababehanjiswa. Ngokwesibonelo, ngo-1991, unyaka okwaqala ngawo ukunyathelisa ngemibala emine, omagazini abahanjiswa banda cishe ngesigidi, besuka ku-6 284 504 beya ku-7 248 955!
IMihlangano Yezizwe Ivula Ithuba Lokukhuthazana
Ngemva kokuvinjelwa iminyaka eminingi kangaka, oFakazi base-Argentina babelambele ithuba lokuba kube nomunye umhlangano wezizwe ezweni labo. Ekugcineni, ngo-December 1990 bakwazi ukwamukela izihambeli ezibalelwa ku-6 000 zasemazweni angaphezu kuka-20 ezazize eMhlanganweni Wezizwe ‘Wolimi Oluhlanzekile’ eBuenos Aires. Kwakukhona uJohn Barr noLyman Swingle beNdikimba Ebusayo futhi banikeza izinkulumo ezikhuthazayo. Isimiso sezinsuku ezine sanikezwa enkundleni yaseRiver Plate neyaseVélez Sarsfield, kwaba khona ingqikithi yabangaphezu kuka-67 000.
Yize babemunye ekukhulekeleni, ukuhlukahluka kwamasiko ezihambeli kwabonakala ngokucacile. Wawungabona odade baseSpain befake imvunulo enhle yendabuko, abesifazane baseJapane besho ngama-kimono abo, nezihambeli zaseMexico zigqoke amasudi amnyama nezigqoko ezinompheme obanzi.
Lapho usuphelile umhlangano, akekho owayefuna ukuhamba. Zonke lezi zizwe zaqala ukucula kanye kanye izingoma zoMbuso ngezilimi zazo, zivayizisa amaduku. Lokhu kwaqhubeka cishe ihora lonke ngaphambi kokuba izihambeli zomhlangano zigoduke. Umlisa othatha izithombe zephephandaba wathi: “Akukaze kwenzeke okunje e-Argentina . . . Uthando nemfudumalo engaka!”
Cabanga ngentokozo yabase-Argentina lapho bemenyelwa emhlangaweni wezizwe kwelinye izwe! Kwenzeka ngo-1993. Babezoyaphi? ESantiago, eChile. Kwahamba abangaphezu kwenkulungwane besuka e-Argentina. Amabhasi aqashiwe angu-14 athatha uhambo lwamakhilomitha angu-1 400 esuka eBuenos Aires eya eSantiago. Ngisho nobuhle bendawo izihambeli ezazibujabulela lapho zidlula i-Andes Mountains ohambweni lwazo lwamahora angu-26, abufikanga nakufika entokozweni yokuba kanye namaKristu angu-80 000 ayevela emazweni angu-24 eMhlanganweni Wesigodi “Wokufundisa Kwaphezulu.”
Kamuva, ngo-1998, igatsha lase-Argentina lacelwa ukuba lithumele izihambeli zomhlangano eSão Paulo, eBrazil, naseSan Diego, eCalifornia eMhlanganweni Wezizwe ‘Wendlela KaNkulunkulu Yokuphila.’ USara Bujdud, osenesikhathi eside eyiphayona elikhethekile, wawujabulela kakhulu umhlangano waseSan Diego ekanye nezihambeli zase-Argentina ezingaphezu kuka-400. Uthi: “Ilungiselelo leNdikimba Ebusayo lokusihlalisa nabazalwane lalibonisa uthando olukhulu. Lasinikeza umbono omncane wokuthi ukuphila kuyoba njani ezweni elisha lapho kungasekho zithiyo zobuhlanga nezolimi.”
“Ulimi Lwabafundisiweyo”
Ngenxa yokushumayela ngentshiseko kwabazalwane nesimiso esingokomoya, kuhlanganise nemihlangano yezizwe, abaningi balamukela iqiniso futhi bangena ezinhlwini ezandayo zabamemezeli. Ngo-1992 kwaba nenani eliphakeme labangu-96 780. Inani loFakazi lase liphindeke kabili kusukela babhaliswa ngokomthetho ngo-1984.
Ngokusobala, kwakunesidingo sabelusi abengeziwe bokunakekela umhlambi owandayo wezimvu zikaJehova. (Isaya 32:1, 2; Joh. 21:16) Ngakho, uJehova walungiselela uhlelo lokuqeqesha abadala nezinceku ezikhonzayo ezingashadile ukuba banakekele amabandla—iSikole Sokuqeqeshela Inkonzo. Leso sikole saqala ngo-1987 e-United States, ngo-November 1992 savulwa e-Argentina. Isakhiwo esidala seBethel saba indawo ekahle yokuqhubela lesi sikole.
Abafundi abangu-375, kanye nabangu-91 basemazweni angomakhelwane, baye babonisa ukuthi balazisa ngendlela emangalisayo leli lungelo. Kwakunzima ukuthatha izinyanga ezimbili emsebenzini wokuziphilisa ukuze baye eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo. Abanye badela imisebenzi yabo noma yabalahlekela. Kodwa uJehova ubavulela isandla labo ababeka izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni kwabo. Abaningi babusiswa ngemisebenzi eholela kangcono nenezinzuzo ezingcono kunababenayo ngaphambili.—Math. 6:33.
UHugo Careño wayesebenzela ibhange ngesikhathi emenyelwa ekilasini lokuqala. Wayehola kahle futhi izikhathi zomsebenzi zazimenza akwazi ukuphayona. Wathandaza ngokusuka enhliziyweni kuJehova wabe eseya kumqashi wakhe, kodwa watshelwa ukuthi wayengeke anikwe isikhathi sokuya kulesi sikole. UHugo wabe esethi: “Kumelwe ngiye nakanjani, kodwa ngingabonga uma ningangigcinela umsebenzi wami ngize ngiqede esikoleni.”
Ngemva kokuba ibhodi yabaqondisi ilucabangele lolu daba, wanikezwa isikhathi sokuya esikoleni. Lapho ephothula, uHugo wamiswa njengephayona elikhethekile, okwakusho ukuchitha amahora angu-140 ngenyanga enkonzweni. UHugo wathandaza ngokujulile ngaphambi kokutshela umqashi wakhe ukuthi uyashiya. Wathini umqashi? Wathi: “Sidabuka kakhulu ngokuthi uyahamba, kodwa sikufisela okuhle kulokhu ozokwenza manje.” UHugo, ongumbonisi ojikelezayo manje, wathi: “Ngiye ngabona ukuthi uJehova uyasisekela lapho sikhetha ukubeka inkonzo yakhe kuqala ekuphileni kwethu.”
Laba bafundi bakha amabandla ababelwe kuwo futhi bafakazela ukuba yiqiniso kwamazwi kaJesu: “Ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako.” (Math. 11:19) Izinga lemihlangano lithuthukile, okuholela ekwandeni kwabantu abeza ezifundweni. Besebenzisa ukuqeqeshwa abakuthola, laba bazalwane bazama ukuthola ukuthi ‘bangamphendula kanjani okhathele ngezwi’ lapho besemsebenzini wokwalusa umhlambi kaNkulunkulu. (Isaya 50:4) Abanye abafundi bangababonisi besifunda, kanti abanye abaningi bangababambeli bababonisi besifunda.
Usizo ‘Lokuqhubeka Bededa Egazini’
Njengoba abamemezeli babanda, banda noFakazi ababedinga ukwelashwa. Ngenxa yokuthi balwela ukuphila ngomyalo weBhayibheli ‘wokuqhubeka bededa egazini,’ kwabonakala kuzoba usizo ukumisa uhlelo lokubasekela.—IzE. 15:29.
Izisebenzi zokwelapha zazimanqikanqika ukungalifaki igazi uma zibona ukuthi liyadingeka. Ngaphezu kwalokho, kwakulula ngamajaji amaningi ukuba agunyaze ukuba iziguli ezingoFakazi zimpontshelwe igazi ngenkani. Ijaji lake lakhipha umyalo wokuba kumpontshelwe igazi esigulini esasinekhadi elingokomthetho elisho ukuthi asilifuni igazi ngaphansi kwanoma iziphi izimo.
Ngo-February 1991 kwaba nengqungquthela yamazwe yokusungula uhlelo lweKomiti Yokubonisana Nezibhedlela [Hospital Liaison Committee (HLC)] eBuenos Aires. Abazalwane abathathu be-Hospital Information Services eBrooklyn bafundisa abazalwane abangu-230 base-Argentina, eBolivia, eChile, eParaguay nase-Uruguay. Ababekhona kule ngqungquthela bafunda indlela yokubona izidingo zeziguli ezingoFakazi nendlela yokusiza odokotela ngokwaziswa kokwelapha ngaphandle kwegazi.
Namuhla, ama-HLC angu-17, akhiwe abadala abangu-98 asebenza emadolobheni amakhulu kulo lonke elase-Argentina, anikeza izisebenzi zokwelapha ukwaziswa okubalulekile futhi abasekela ngothando oFakazi BakaJehova. Alekelelwa abadala abaningi abazidelayo abakha amaQembu Avakashela Iziguli ahambela iziguli ezingoFakazi ukuze azisize futhi azikhuthaze. Sikhuluma nje e-Argentina kunodokotela abangaba ngu-3 600 abavuma ngomusa ukwelapha oFakazi BakaJehova ngaphandle kwegazi.
Umsebenzi Wokusiza Oshukunyiswa Uthando
Yebo, i-Argentina ayizigonyelwe izinhlekelele zemvelo. OFakazi BakaJehova babhekana kanjani nobunzima obunjalo? Ngo-November 23, 1977, ukuzamazama komhlaba okwaba u-7,4 esikalini sika-Richter kwenza umonakalo omubi kabi engxenyeni esentshonalanga ephakathi ye-Argentina. Yize umsebenzi woFakazi BakaJehova wawuvinjelwe ngaleso sikhathi, ngokushesha abazalwane bahlela umsebenzi wokusiza. Beshukunyiswa uthando, oFakazi ababeseduze bafaka isandla kulo msebenzi, naphezu kwezinkinga ezazihilelekile.—1 Thes. 4:9.
Ngosuku okwenzeka ngalo le nhlekelele, oFakazi basezifundazweni ezingomakhelwane iMendoza neSan Luis balibangisa kule ndawo eyayithintekile behamba ngazo zonke izinhlobo zezimoto. Ngenxa yokubhodlozwa kwemigwaqo ukuzamazama komhlaba, iziphathimandla zayivala cishe yonke imigwaqo eya edolobheni laseCaucete, idolobha elalivithikile. Behamba ngezinye izindlela ezinqamula emadolobheni amancane aseduze, oFakazi babephethe ukudla, izingubo nezinto zokwelapha. Njengoba besondela kuleli dolobha, babona kukhuphuka into abacabanga ukuthi umusi, kodwa empeleni kwakuwuthuli olwalubangelwe ukuzamazama. Ngomzuzwana nje abantu base belahlekelwe imizi yabo nezimpahla, abanye belahlekelwe ukuphila kwabo. Isililo sasiqhuma phezulu. ECaucete, imizi engaphezu kwenkulungwane yabhidlika yaphela, kuhlanganise nayo yonke imizi yabazalwane. OFakazi bazakha ngokushesha izindawo zokukhosela zesikhashana. OFakazi abangaba ikhulu bafaka isandla kulo msebenzi.
UMaría de Heredia, iphayona elivamile eBandleni LaseCaucete, uyalandisa: “Indodakazi kamakhelwane wami yayisizobeletha futhi yayisisikwa. Abazalwane bagxumeka itende elikhulu lokukhosela egcekeni likamakhelwane. Ngabo lobo busuku kwaba nesiphepho esibi kakhulu. Umakhelwane wami onokwazisa wathi: ‘Akukholeki ukuthi akufikanga muntu wasesontweni lethu ezobheka ukuthi siyaphila noma sifile. OFakazi BakaJehova basisizile lapho sidinga indawo yokukhosela!’”
Ngo-April 1998 oFakazi baphinda benza umsebenzi wokusiza. Imvula enesiphepho yadala izikhukhula ezinkulu enyakatho ye-Argentina, ikakhulu esifundazweni saseCorrientes, eFormosa, eChaco naseSanta Fe. Phakathi namahora angu-72, idolobha laseGoya, eCorrientes, lase lithole imvula engamasentimitha angu-60. Amanzi akhukhula izindlu futhi onakalisa impahla yoFakazi BakaJehova abangamaphesenti angu-80 kule ndawo. Izikhukhula zakhukhula izitshalo nezilwane kanye namabhuloho nemigwaqo emikhulu, kwangabe kusangeneka kuleli dolobha. UMfoweth’ uHeriberto Dip, umbonisi wesifunda kule ndawo eyayithintekile, wasebenza nabadala balapha, bahlukanisa le ndawo yaba izingxenye ezincane, futhi bahlola abazalwane emizini yabo. Abanye batakulwa ngezikebhe bayiswa eHholo LoMbuso. Bonke banikezwa ukudla, izingubo nemithi.
Lapho oFakazi BakaJehova esifundazweni esiseduze sase-Entre Ríos bezwa ngosizi lwabakholwa nabo eGoya, bathatha isinyathelo masinyane. Ngezinsuku ezimbili nje, amabandla angu-12 eParaná, esifundazweni sase-Entre Ríos, aqoqa izingubo nokudla okungaboli okulinganiselwa emathanini amane, akulayisha elolini ayeliboleke kuyiHighway Department.
Ukudiliva lezi zimpahla zosizo kwakungelula neze. Amabhuloho amabili ayekhukhulekile. Endaweni yokuqala ibhuluho elalikhukhuleke kuyo, abazalwane bama basiza izisebenzi zomgwaqo ezazibeka amasaka amaningi anesihlabathi. Base bethula izimpahla, baziwelisa umfula, bazilayisha emalolini ayelinde ngaphesheya.
Ngemva kwalokho kwadingeka bahambe emgwaqweni owawunesikhukhula samanzi kangangokuba kwakunzima ukushayela amaloli. Bafika sekuhwalele endaweni yesibili ababezowela kuyo, lapha amasosha anesikebhe esikhulu avuma ukubawelisela izimpahla, ezithutha ephindelela.
Ekugcineni izisebenzi ezaziletha usizo zabonana nabazalwane baseGoya futhi zahamba nabo. Uthando nokuzimisela kwabazalwane abakholwa nabo kwabathinta ngempela abazalwane baseGoya, kanti abaseParaná bakhuthazwa ukukhuthazela okuqinile kwezisulu zesikhukhula.
Amabandla asendaweni enezikhukhula nawo anikeza ubufakazi ngezenzo zawo zothando ezingapheli. Umyeni ongakholwa kadade othile wayekhathazeke kakhulu futhi edabukile ngenxa yesimo sezomnotho esinzima esasidalwe imvula. Udade wamqinisekisa ukuthi ibandla lalizobasiza. Ngakusasa, ukudangala kwakhe kwaphenduka injabulo lapho abadala befika emzini wabo bephethe izimpahla eziningi! Zathi ziqambe zifika kubantu izimpahla zikahulumeni zosizo, oFakazi base beluthole kane noma kahlanu usizo.
Umoya Wokuphayona Awudambile
Yize abazalwane ababethintwe izikhukhula babelahlekelwe izinto ezibonakalayo, babezimisele ukushumayela izwi. Abamemezeli abaningi endaweni eyayinezikhukhula bawandisa umsebenzi wabo wokushumayela. Kwelinye ibandla, abaningi babhalisa njengamaphayona asizayo, nakuba indawo yabo engamaphesenti angu-80 yayigcwele amanzi!
Amabandla ahlela ukuba ashumayele ezindaweni zamabhizinisi, ezibhedlela, ezikhumulweni zamabhasi nasezakhiweni okungangeneki kalula kuzo. Nakuba laliqhubeka lina, amaphayona akwazi ukusebenza kulezo zindawo kodwa anganethwa. Amaphayona asizayo afunda nokusebenza njengeqembu, esekela amalungiselelo ensimu futhi ebonisa umoya omuhle. Ngenxa yokubona ukunakekela kukaJehova kothando phakathi nezikhathi ezinzima, abaningi kubo manje bangamaphayona avamile.
Isimo Sezwe Siyashintsha
Liqaphela ukuthi “isimo salelizwe siyashintsha,” igatsha lase-Argentina lakhuthaza ababonisi besifunda ukuba balungise izimiso zabo zenkonzo ukuze bathintane nabantu abaningi. (1 Kor. 7:31) Kwezinye izindawo abantu abatholakali kalula emini ngoba abaningi bayasebenza. Ngakho kwasikiselwa ukuba ukufakaza emigwaqweni nasezindaweni zamabhizinisi kwenziwe ekuseni ukuze umsebenzi wendlu ngendlu wenziwe kusihlwa. Kugcizelelwa nokuba kufakazwe ngocingo nangokwethukela. Abamemezeli bakhuthazwa ukuba baphaphamele wonke amathuba okuxoxa nabantu.
Ngesikhathi eshumayela endlini ngendlu, udade mumbe wabona indoda idlala nezingane zayo epaki elingaphesheya komgwaqo. Nakuba babemadolonzima, yena nayehamba naye baya kuyo. Baqala ukuxoxa nayo futhi yabamangalisa indlela eyasabela kahle ngayo. Le ndoda yabanikeza ngisho nekheli layo. Lo dade nomyeni wakhe bayivakashela futhi bathola yona nomkayo bebalindele ngamehlo abomvu. Ngemva kwezingxoxo eziningana, kwaqalwa isifundo seBhayibheli. OFakazi BakaJehova babeye bafike emzini wabo, kodwa inkosikazi yayingaze ingaba nesithakazelo. Lo mkhaya uthuthuka kahle manje, uyaya ezifundweni futhi uphendule.
Esifundazweni saseSanta Cruz esiseningizimu, uClaudio, Julian Bórquez usisebenzisa kahle isikhundla sakhe sokubonisa abantu indawo, afakaze ngokwethukela kubantu abasuke bevakashele eGlaciers National Park. Kuleli paki kunezinguzunga ezingu-13 zeqhwa, kanye nePerito Moreno engamakhilomitha amahlanu, edonsa abantu bakuwo wonke umhlaba. Lapho izivakashi zimangazwa ubuhle balezi zinguzunga zamaqhwa, lo mzalwane uvele azitshele ngoMdali futhi azihambisele izincwadi ngezilimi ezihlukahlukene. Yebo, oFakazi BakaJehova e-Argentina babamba wonke amathuba okushumayela izwi kuzo “zonke izinhlobo zabantu.”—1 Thim. 2:4.
Ukufakaza emgwaqweni kungenye indlela yokuxoxa nabantu ngesigijimi seBhayibheli. UVictor Buccheer, okukhuthalele kakhulu ukufakaza emgwaqweni, wacela ummemezeli ongaphumi njalo ukuba ahambe naye. Lo mmemezeli kwakudingeka abe semsebenzini ngo-8:30 ekuseni, ngakho banquma ukuqala ngo-5:30 ekuseni. Lo msebenzi wasekuseni wasiza lo mmemezeli nomkhaya wakhe wabantu abangu-9 ukuba baphume njalo enkonzweni. Bakwazi ukuqala izifundo zeBhayibheli nokuhambisa omagazini abangu-176 ngenyanga. Kwakhuthaza nabanye ukuba bayofakaza ekuseni emigwaqweni.
Izithunywa Zevangeli Esezidonsile—Namanje Ziseyizikhonzi Ezikhuthele
Eminyakeni edlule, ziningi izithunywa zevangeli eziye zakhonza e-Argentina, zafunda ulimi olusha, zajwayela amasiko amasha, zakhuthazelela izinkinga zempilo futhi zabhekana nobunzima ngesikhathi sokuvinjelwa. Ezinye kuye kwadingeka zihambe ngenxa yokushintshwa kwezabelo, izinkinga zempilo noma imithwalo yemfanelo yemikhaya. UGwaenydd Hughes, umzalwane wasekilasini lesithupha laseGileyadi, kamuva washada futhi wakhulisa abafana ababili; waqhubeka ekhonza uJehova ngokwethembeka waze wafa. Ezinye, njengo-Ofelia Estrada noLorene Eisenhower, zafa zisezabelweni zazo. Ezinye izithunywa zevangeli eziningi ezizinikele zasemakilasini okuqala aseGileyadi zisakhuthele ezabelweni zazo.
UHelen Nichols noHelen Wilson, bekilasi lokuqala laseGileyadi, babelwa e-Argentina ngo-1948. Ngo-1961 bathunyelwa esifundazweni saseTucumán esisenyakatho-ntshonalanga. Ngaleso sikhathi, kwakunebandla elilodwa elincane edolobheni laseSan Miguel de Tucumán. Namuhla, kunamabandla angu-13 namaHholo OMbuso angu-7 kuleli dolobha, namanye amabandla angu-5 endaweni eseduze. Yeka injabulo ezibe nayo lezi zithunywa zevangeli ngokuba nengxenye kulokhu kwanda!
UCharles Eisenhower, wekilasi lokuqala laseGileyadi, waqala inkonzo yakhe yezithunywa zevangeli eCuba, lapho akhonza khona kusukela ngo-1943 kuya ku-1948 futhi wabona abamemezeli banda besuka ku-500 baya ku-5 000. Wabe esethunyelwa e-Argentina, lapho akhonza khona njengesithunywa sevangeli, umbonisi wesifunda nombonisi wesigodi kwaze kwaba ngo-April 1953. Ngaleso sikhathi, wabelwa ukuba abe umbonisi wegatsha. Uye waba nelungelo lokubona abamemezeli base-Argentina banda besuka ku-900 baya ngaphezu kuka-120 000. UMfoweth’ u-Eisenhower, okhonza njengomqondisi weKomiti Yegatsha, uthi: “Akukho lutho olunganikeza izinsizwa nezintombi injabulo edlula ukunikela ngokuphila kwazo ngokugcwele enkonzweni kaJehova.”
Injabulo Yokukhonza UJehova
OFakazi base-Argentina abangenele inkonzo yesikhathi esigcwele nabo bayakujabulela ukusebenzisa ukuphila kwabo bekhonza uJehova. UMarcelo noMaría Oliva Popiel babhapathizwa ngo-1942 omunye ngo-1946. Bobabili sebeneminyaka engu-44 bengamaphayona akhethekile. AbakwaPopiel babengakuqabuki ukuvinjelwa komsebenzi ngo-1976, ngoba umsebenzi wabo wawubekelwe imingcele ngemva kokuvinjelwa ngo-1950. Basiza ababesanda kuhlanganyela ukuba bakwazi ukubekezelela imingcele eyayibekiwe ngenxa yokuvinjelwa kabusha, futhi bebakhuthaza ukuba baqhubeke nenkonzo yabo ngokwethembeka. UMarcelo uyayijabulela iminyaka asekhonze ngayo uJehova. Uthi: “Kuyangijabulisa ukuthi ngiye ngakhonza uJehova ngokwethembeka. Simbonga kakhulu uJehova ngokusinikeza ilungelo lokumkhonza nokusivumela ukuba sichithe iminyaka yobusha bethu senza umsebenzi onenjongo yangempela.”
UPietro Brandolini, owabhapathizwa ngo-1957 noseneminyaka cishe engu-40 eyiphayona elikhethekile, unomuzwa ofanayo. Uyajabula ngokuthi uchithe ukuphila kwakhe enkonzweni yesikhathi esigcwele, ngoba uthole izibusiso eziningi kunalokho ayengakucabanga. Usho anganqeni ukuthi uJehova ubelokhu emnakekela njalo, ngokomoya nangokwenyama.
UPietro uneminyaka engaphezu kuka-70, futhi ngezinye izikhathi uhlushwa impilo. Kodwa useyiphayona elikhethekile elikhuthele. Usanda kuhlangana nendoda enguthisha esikoleni samaKatolika. UPietro wacela ukumqhubela isifundo seBhayibheli futhi lo thisha wavuma. Ngemva kwesifundo sesine le ndoda yatshela uPietro ukuthi iyakholelwa ukuthi ifunda iqiniso. UPietro wayixwayisa ngokuthi uma abapristi esikoleni bethola ukuthi ifunda noFakazi BakaJehova, ingase ilahlekelwe umsebenzi. Kodwa le ndoda yathi ayinandaba, ngoba ingawuthola umsebenzi kwenye indawo. Akeve ajabula uPietro uma ezwa ukuthi lo thisha ubheka iqiniso leZwi likaNkulunkulu njengento eyigugu kangako!
Bashisekela Imisebenzi Emihle
Nabanye abaningi baye bakuqaphela ukuphuthuma kwesikhathi futhi babonisa ukuthi ‘bayayishisekela imisebenzi emihle.’ (Thithu 2:14) Okwamanje kunabamemezeli abangaphezu kuka-120 000 e-Argentina, futhi abangaphezu kuka-7 000 kulaba baye bangenela inkonzo yamaphayona avamile. UHernán Torres ungomunye wabo. Njengoba ecela eminyakeni engu-70 ubudala, eyimpumputhe futhi ehamba ngesihlalo sabakhubazekile, kudingeka enze umzamo okhethekile ukuze agcwalise amahora amaphayona. Ngezinye izinsuku, uvuka kusesekuseni kakhulu aye endaweni ethile ekulesi sikhungo esinakekela abagulayo ahlala kuso. Lapho, uye axoxe nabanye ngeBhayibheli, enze izimpindelo, futhi abahambisele nomagazini abantu abahlala lapha abasemzileni wakhe kamagazini. Uma izulu likahle, uhlala phandle kwalesi sikhungo, ashumayeze abadlulayo. Ngezinye izinsuku, uhamba nomzalwane noma nodade enkonzweni yendlu ngendlu. Njengoba engaboni, ummemezeli ahamba naye uye amtshele ukuthi uxoxa nobani. Uma kuyindoda evula umnyango, ummemezeli umthinta kanye ehlombe. Uma kungowesifazane, umthinta kabili. Uma kuyingane, umthinta kathathu.
Elinye iphayona elivamile, uRolando Leiva, lingumgundi wezinwele. Lapho egundela khona izinwele, ubeke izincwadi ze-Watch Tower Society. Amakhophi amuva e-Nqabayokulinda ne-Phaphama! ahlala ngaphezulu. Amakhasimende asejwayele ukuthi izincwadi ze-Watch Tower kuphela angazifunda lapha. “Ngenxa yokuthi angibizi kakhulu uma ngibagunda, amakhasimende ayahambisana nalo mbandela,” kusho uRolando. Lapho egunda ikhasimende, uye abuke amakhasimende asalindile esibukweni. “Uma ngibona othile efunda umagazini ngesithakazelo, ngiye ngiqale ingxoxo lapho sengimgunda.” Ngokwenza kanjalo, uRolando wathola izikhokhelo ezingu-163 ngomunye unyaka wenkonzo! Uqale nezifundo zeBhayibheli eziningi namakhasimende akhe. Izifundo ezingu-8 aziqhuba manje wazithola ngokufakaza ngokwethukela lapho esebenzela khona.
Izingane nazo zibonisa intshiseko yokushumayela izwi. U-Elber Heguía, umzalwane oneminyaka engu-13, sekuyiminyaka emibili ephayona eBandleni LaseCentro eSan Pedro, esifundazweni saseJujuy. Lapho udade mumbe emnikeza ikheli lendoda ayexoxe nayo lapho efakaza emgwaqweni, u-Elber waya kule ndoda futhi wamangala lapho ethola ukuthi le ndoda ifundisa izifundo zokuzivikela. Waya kulo thisha wamchazela ayehamba ngako, le ndoda yabe isithatha incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Yayijabulela le ncwadi futhi yacelela abantu ebafundisayo amakhophi. Ngenxa yalokho, u-Elber wahambisa izincwadi ezingu-50, izincwajana ezingu-40 nomagazini abaningi. Waqala isifundo seBhayibheli nalo thisha nabantu abafundisayo abangu-25. Abanye bayathuthuka.
OFakazi Abaya Nabavela Ezingxenyeni Ezikude Zomhlaba
Abamemezeli abashisekayo bafika okokuqala nezindaba ezinhle e-Argentina bevela kwamanye amazwe, futhi abazalwane base-Argentina baye bawulingisa umoya wabo wokuzidela. Umkhaya waseBethel sewandile waba namalungu angu-286. Abanye abazalwane nodade abangu-300 basemkhakheni othile wenkonzo yesikhathi esigcwele.
Abanye bazenza batholakalela ukukhonza emazweni okunendingeko enkulu kuwo. (Isaya 6:8) Ngokwesibonelo, ngawo-1980 iNdikimba Ebusayo yahlela ukuba abazalwane abangu-20 base-Argentina bakhonze njengezithunywa zevangeli eParaguay bengazange baye eSikoleni SaseGileyadi. Muva nje, ibutho lodade abangashadile, kanye nabanye, liye lathuthela khona liyokhonza lapho kunendingeko enkulu khona. Ngokuzithandela baye bazivumelanisa nesimo sezulu esishisayo nesinomswakama ukuze bamemezele izindaba ezinhle. Abazalwane nodade base-Argentina abaningi kwabangu-73 abakhonza eParaguay manje bazama ukufunda ulimi lwalapha lwesiGuarani ukuze bakwazi ukuxoxa nabantu abaningi.
Kule minyaka edlule, abaningi baye kokhonza eBolivia naseChile njengamaphayona nababonisi abajikelezayo. Lapho kuvuleka umsebenzi eMpumalanga Yurophu, umzalwane wase-Argentina okhuluma isiHungary wazenza watholakala futhi manje ukhonza eHungary njengombonisi wesifunda. Umbhangqwana oshadile wabuza ukuthi ungathutha yini uyosiza emsebenzini wokushumayela eBenin, e-Afrika, futhi wathunyelwa lapho njengezithunywa zevangeli. Uthando lwawo lubonisa isimo sengqondo sabo bonke abantu bakaJehova abahlala epharadesi elingokomoya, lapho kungekho khona mingcele yobuzwe.
Abamemezeli bezindaba ezinhle zoMbuso abashisekayo e-Argentina bebelokhu bezimisele ‘ukushumayela izwi, babe kulo benomuzwa wokuphuthuma, ngenkathi evumayo nangenkathi enzima.’ (2 Thim. 4:2) Ngenxa yemizamo yabo ephikelelayo, abantu base-Argentina abangaphezu kuka-120 000 badumisa uJehova namuhla futhi bajabulela isibusiso sakhe esicebile.—IzAga 10:22.
[Amagrafu/Isithombe ekhasini 186]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
UKWANDA KWENANI LOFAKAZI PHAKATHI NEMINYAKA YOKUVINJELWA
1950 1960 1970 1980
1 416 7 204 18 763 36 050
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 148]
[Izithombe ekhasini 150]
Basiza ekubekeni isisekelo sokushumayela izindaba ezinhle e-Argentina: (1) UGeorge Young, (2) UJuan Muñiz, (3) UCarlos Ott, (4) UNicolás Argyrós
[Isithombe ekhasini 152]
Esebenzisa leli bhasi, u-Armando Menazzi kanye nabanye oFakazi abashisekayo bashumayela kabanzi ezifundazweni okungenani eziyishumi
[Isithombe ekhasini 156]
UMfoweth’ uKnorr (kwesokudla) komunye wemihlangano eyaba ngo-1953 ngesikhathi sokuvinjelwa
[Isithombe ekhasini 161]
Umshini wokuqala wokunyathelisa oyi-“web offset” owasetshenziswa oFakazi BakaJehova
[Isithombe ekhasini 162]
UMhlangano Wezizwe ‘Wokunqoba Kwaphezulu’ eRío Ceballos, ngo-1974
[Isithombe ekhasini 178]
Umhlangano owaqhutshelwa emahlathini ngezikhathi ezinzima
[Isithombe ekhasini 193]
IHholo LoMbuso elintantayo lasendaweni eseduze noMfula iParaná
[Isithombe ekhasini 194]
USteven noJune Lee bakhonza isifunda samaKorea esinezilimi eziningi
[Isithombe ekhasini 200]
Elinye lamaHholo OMbuso akhiwe ngokushesha eliphansi eningizimu e-Ushuaia, eTierra del Fuego
[Izithombe ekhasini 202]
AmaHholo OMhlangano e-Argentina: (1) elaseMoreno, (2) eCórdoba, (3) eLomas de Zamora (4) nelaseMisiones
[Isithombe ekhasini 204]
IHholo LoMhlangano Wesigodi LaseCañuelas
[Izithombe ekhasini 208, 209]
Umhlangano wezizwe ka-1990
[Isithombe ekhasini 215]
Izikhukhula ezinamandla enyakatho ye-Argentina zashiya abaningi bengenamizi
[Izithombe ekhasini 218]
Izithunywa zevangeli zakuqala ezisakhonza e-Argentina: (1) UFilia Spacil (2) U-Edith Morgan (3) USophie Soviak (4) UHelen Wilson (5) UMary Helmbrecht (6) UCharles Eisenhower
[Izithombe ekhasini 223]
(1) IKomiti Yegatsha (kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla): UM. Puchetti, uN. Cavalieri, uP. Giusti, uT. Kardos, uR. Vázquez, noC. Eisenhower
Izakhiwo zegatsha: (2) amahhovisi, (3) indawo yokunyathelisa, (4) IKhaya LaseBethel