Izenzo ZoFakazi BakaJehova Ezikhathini Zanamuhla
IJapane
IJapane ingelinye lamazwe anesinyokotho sabantu emhlabeni. Yaziwa ngesimo sabantu bakhona abamnene. Yaziwa nangokuthi ingumakhonya kwezezimboni. Kanti koFakazi BakaJehova, inedumela lokuba nesilinganiso esiphakeme kunazo zonke soFakazi abayizikhonzi ezingamaphayona. Thola isizathu salokho njengoba ufunda lombiko othakazelisayo.
IMartinique
Amaketanga obugqila aye aba nethonya elikhulu emlandweni waseMartinique. Kodwa sekuyiminyaka engu-50 isigijimi senkululeko simenyezelwa ngomfutho owandayo. Njengoba ufunda lendaba, uzobazi abantu baseMartinique—indlela abacabanga ngayo, amasiko abo nendlela yabo yokuphila. Funda indlela iqiniso leBhayibheli eliye labathonya ngayo bonke.
IParaguay
Sekungamashumi eminyaka ukufakaza eParaguay kuhilela ukubhekana nethonya elinamandla labefundisi bamaRoma Katolika. Leso simo sesiyashintsha. UbuRoma Katolika abuseyona inkolo yoMbuso. Akusakhulunywa iSpanishi sodwa. Iningi labantu likhuluma isiGuarani. Abanye bakhuluma izilimi zaseYurophu noma e-Asia. Zifika kanjani izindaba ezinhle kubo?