Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb98 kk. 162-209
  • IMartinique

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IMartinique
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1998
  • Izihlokwana
  • Umyalezo Wenkululeko Eyigugu
  • Ukuqala Umsebenzi Futhi
  • Ukwamukelwa Okungalindelwe
  • “To-To-To”
  • Abefundisi Babonisa Ukushaqeka
  • Ukuhambela Kwe-Notre Dame du Grand Retour
  • Umshado, Hhayi Ukuhlalisana Nje
  • Ukukhululeka Ekusebenziseni Kabi Utshwala
  • Izithelo Ezivela Enkabeni Yezwe
  • Abesifazane Balandisa Izindaba Ezinhle Ngokwethembeka
  • Amanzi Akhuphuka Izintaba
  • ‘Ukungakuyeki Ukubuthana Kwethu Ndawonye’
  • Ngenkathi Imihlangano Isemincane
  • Umyalezo Wenkululeko Uya Ogwini Olusenyakatho-mpumalanga
  • Izithombe Zaphahlazwa Zalahlwa Emgwaqweni
  • Umpristi Wayeyifunelani Incwadi IQiniso?
  • Ukuphumputha UNkulunkulu Nokumthola Ngempela
  • Abefundisi Bayahlasela
  • Esizindeni Sentaba-mlilo—Ingabe Bayolalela?
  • Bakhululiwe Ekwesabeni Umuntu
  • Usizo Olwengeziwe Eduze Kwentaba-mlilo
  • Ukuchitha Ubusuku Bonke Esihlahleni Sikamango
  • Ukukhululeka Ekukholelweni Ezeni Nakuyi-quimbois
  • Kugxilwa Eningizimu Yesiqhingi
  • Izindawo Zemihlangano Emikhulu
  • Amadrama EBhayibheli Ayaheha
  • Ukudiliza Nokwakha
  • Isinyathelo Esibalulekile
  • Usizo Olubalulekile Lwamadoda Angokomoya
  • ‘UJehova Uyababona Abathobekileyo’
  • Ukuzimisela Ukukhonza UJehova
  • Ukukhululeka Ekugqilazweni Izidakamizwa
  • Ekugcineni, IHholo Lethu LoMhlangano
  • Inhlangano Edumisa UJehova
  • “Si Bon Dié Lé”
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-1998
yb98 kk. 162-209

IMartinique

ABANTU abasezingxenyeni eziningi zomhlaba igama elithi Martinique libakhumbuza okuthile. Lingakukhumbuza ilanga, izingu ezinesihlabathi esimhlophe nolwandle oluluhlaza okwesibhakabhaka. Lingenza umuntu acabange ngezinto ezinoshukela ezikhona ekuphileni njengomoba, ubhanana ne-rum. Umfanekiso osengqondweni ungase uhlanganise nabantu bomdabu abanesikhumba esimnyama noma esinsundu abahleka kuvele elomhlathi, abanikeza izivakashi izithelo ngezingqwembe njengophawu lokuthi bayazamukela. Abanye, elithi Martinique libakhumbuza ukuqhuma kweMount Pelée ngo-1902, nokucekelwa phansi kwedolobha laseSaint Pierre, ngaleso sikhathi elaliyisizinda sezomnotho nempucuko yendawo.

Uma siqhathaniswa nezinye, lesi siqhingi siwubala nje. Singamakhilomitha angu-80 ubude namakhilomitha angu-35 kuphela ububanzi. Kodwa siye saba nendima enkulu ngaphezu kwaso ezindabeni zomhlaba. Phakathi nekhulu le-17 nele-19, imibuso yamakoloni yakulwela lapha ngonya ukuphatha amazwekazi aseMelika naseCaribbean. ISaint Domingue (iHaiti), iGuadeloupe, iMartinique, nezinye iziqhingi zaseWest Indies zaba nabaphathi abasha ngemva kwalezi zimpi.

Emashumini amaningi eminyaka iMartinique, nakuba iyisiqhingi esincane, yayiyisikhungo sokudayisa ngezigqila eCaribbean. Umuntu akanakukhuluma aqede ngabantu baseMartinique engazange akhulume ngamaketanga obugqila ayeyingxenye yomlando wayo futhi achaza okukhulu ngezimo zamanje zabantu.

Sikhuluma ngabantu abaziqhayisayo ngokukhululeka kwabo, ngemva kwesikhathi eside begqilaziwe. Kunezinto eziyindida ngalaba bantu. Banomhawu ngokukhululwa kwabo futhi bafuna lokhu kwaziwe. Ngesikhathi esifanayo, balandela impucuko yabantu baseFrance eyalethwa ngenkani ngenxa yokuthi babeyikoloni—impucuko ezimiso zayo nengcebo yayo ijatshulelwa abaningi ezicini eziningi. Abantu bathi bangabenkolo eyaphoqelelwa kubo amakhosi acindezelayo—ubuRoma Katolika. Okuhambisana nalokhu ukuthi baye bafundiswa ukukhulekela uNkulunkulu abangazi lutho kangako ngaye. Batshelwa ukuthi unguNkulunkulu osekela ukugqilazwa kwabantu abaNsundu ngoba kuthiwa waluqalekisa uhlanga lwabo. Kuthiwa unezimfanelo zothando nobulungisa, kodwa lezi zimfanelo zibonakala zifihleke ngendlela eyinqaba. Ngokuyisisekelo inkolo yabo isekelwe emikhubeni nasemasikweni lapho izinkolelo nokuhlaziywa kwezimfundiso zenkolo kungabalulekile khona. (Ngokufanayo, kungase kuphawulwe ukuthi abasesiqhingini esingumakhelwane iBarbados bona bathi bangabenkolo yaseSheshi ngoba babebuswa iBrithani.)

Njengoba leli khulu leminyaka selizophela, iningi labantu baseMartinique, nakuba lithanda ukuzibheka njengelikhululekile, ligqilazwa amakhosi amabili angomashiqela. Ngapha, licindezelwe isimiso senkolo semikhuba namasiko ahluleka ukwanelisa indlala yalo engokomoya. Kanti ngapha, likhandleka ngeze ukuze lanelise iphango elingapheli eladalwa ithonya elinamandla lendlela yokuphila kokuthanda izinto ezibonakalayo lempucuko yaseNtshonalanga.—UmSh. 5:10.

Umyalezo Wenkululeko Eyigugu

Kukulesi siqhingi esisezindaweni ezishisayo lapho umyalezo wenkululeko uye wamenyezelwa khona ngezinga elikhulayo phakathi nengxenye edlule yekhulu leminyaka. Lena inkululeko uJesu Kristu ayekhuluma ngayo lapho ethi: “Niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” (Joh. 8:32) Lokhu ukukhululeka ekugqilazweni amanga, ukukhululeka ebugqilini besimiso sezomnotho esixhaphaza abantu ngonya, futhi ukukhululeka esonweni nasekufeni.

Imbewu yaleli qiniso yaqala ukutshalwa ngo-1946 lapho uGeorges Moustache, waseGuadeloupe, echitha amasonto amabili efakaza eFort-de-France naseSaint Pierre. Eminyakeni emithathu kamuva, ngo-August 9, 1949, kulesi siqhingi kwafika izithunywa zevangeli ezine (umbhangqwana nodade ababili abasebasha), ezazithweswe iziqu e-Watchtower Bible School of Gilead. ZazingoDavid noCelia Homer, uMary Lolos noFrances Bailey. Zazingezase-United States futhi zikhuluma isiFulentshi, nakuba zazingasazi kahle. Nokho, ngemva konyaka nengxenye zase zihambise izincwadi ezingu-631 nezincwajana ezichaza iBhayibheli ezingaphezu kuka-200, futhi zaqala izifundo zeBhayibheli ezingu-32 nabantu ngabanye namaqembu emikhaya. Kodwa abefundisi bamaKatolika, ababesenethonya elikhulu ngaleso sikhathi futhi ababengazimisele ukuvumela igunya labo lingatshazwe, basebenzisa ithonya labo ukuze lezi zithunywa zevangeli zixoshwe kulesi siqhingi ngo-January 1951. Iminyaka engaphezu kwemithathu, ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle eMartinique kwama nsé.

Ukuqala Umsebenzi Futhi

Ngo-July 10, 1954, uXavier noSara Noll bafika bevela eMarseilles, eFrance. Bobabili babeyizikhonzi zesikhathi esigcwele, futhi uXavier wayekade engumbonisi webandla ebandleni laseMarseilles.

Basasikhumbula isikhathi abafika ngaso kulesi siqhingi ababesibona siyingxenye okuphela kuyo izwe, esiqhele ngamakhilomitha angu-7 000 ezweni lakubo. Abakakukhohlwa ukushisa nomswakama ababewuzwa lapho, bengawukhohliwe nomoya wokuthanda amadili, wokungenisa izihambi nomusa wabantu.

Kusukela ezinsukwini zokuqala, bafunda ukuphila ngokuciciyela. Ngemva kokungenisa izinsuku ezimbalwa emzini wendoda eyayibathanda oFakazi BakaJehova, bathola indlu entsha yamapulangwe, kodwa lokho kusho ukuthi kwakuyisakhiwo esinezindonga zamapulangwe nephansi lamapulangwe nje kuphela. Uphahla lwalwakhiwe ngothayela. Kwakungekho phahla lwangaphakathi nezindlu zangasese. Kwakuwumsebenzi kaMfoweth’ uNoll ukuchitha isikigi emhosheni. Lapho eqala ukuyosichitha kwakungu-July 14, iholide lesizwe laseFrance. Kwakudingeka adlule endaweni yomphakathi ebizwa ngokuthi iStalingrad, eyayiphithizela kwenziwa izinto ezihlobene naleli holide. Njengoba ayedabula kulendawo evulekile, isikigi sakhe sibonwa amaqembu ajabulile abantu ababezophumula futhi baphefumule umoya ohlanzekile, bacishe bafa insini. Kwakuqala ngqá! Babengakaze bambone umlungu enza umsebenzi onjalo!

Ukwamukelwa Okungalindelwe

Ekuseni ngalolo suku uMfoweth’ uNoll wayechithe amahora amaningi ehlela kahle izincwadi nezincwajana ezazishiywe izithunywa zevangeli lapho zixoshwa. Eziningi zazo zazonakaliswe izinambuzane, kodwa kwakunezanele ezazisesimweni esifanelekayo ukuba abakwaNoll bangazisebenzisa ekufakazeni kwabo kwasobala lapho beqala ngakusasa ekuseni.

Nazi izinto ezimbalwa uMfoweth’ uNoll azikhumbulayo ngalolo suku lokuqala enkonzweni: “Lapho siya emsebenzini wokushumayela ngokokuqala ngqá lapha, mina nomkami sasinexhala lokuhlangana nabantu, ukubazi, nokwazi ukuthi sizokwamukelwa kanjani. Okwenzeka kwakungaphezu kwesasikulindele. Saqala ukufakaza enkabeni yedolobha, ngaleso sikhathi eyayinabantu abangu-60 000. Ngalolo suku ekuseni, mina nomkami sahlangana kabili njengoba siphindela ekhaya siyogcwalisa izikhwama zethu zasensimini ngezincwadi ezithi ‘IQiniso Liyakunikhulula’ nethi ‘The Kingdom Is at Hand’ nezincwajana ezinjengethi ‘INkosi Yokuthula.’”

Abaninikhaya babevame ukuthi: “Incwadi yakho ngizoyithatha ukuze ngikhumbule ukuthi udlulile,” noma, “Uma ikhuluma ngoNkulunkulu, ngizoyithatha.” Phakathi namasonto amabili okuqala kwahanjiswa cishe izincwadi ezingu-200 namakhulu ezincwajana. Kwakulula ukuqala izingxoxo ngoba abantu babenelukuluku lokwazi futhi babezimisele ukwamukela abantu abangabazi. Yeka indlela okwakukhuthaza ngayo ukwamukelwa ngokufudumele kangako!

UMfowethu noDade Noll babezibuza ukuthi bazokwazi yini ukufundela abantu abaningi kangako! Kodwa ngokushesha bathola ukuthi kufanele bakwazi ukubona ababebonisa umoya wokungenisa izihambi ongokwemvelo nalabo ababenesifiso sangempela sokwazi nokusebenzisa iqiniso elivela kuNkulunkulu. Babekhona ababefuna ukufunda. UMfoweth’ uNoll uyakhumbula: “Umuntu owasibona sisafika eMartinique, wasethula ezisebenzini nakwababesafundela umsebenzi ebhizinisini lakhe lokwenza amakhabethe. Saqala isifundo ngalobo busuku, sathola nezinye ezimbili phakathi nesonto lokuqala.”

Esinye salezo zifundo sasiqhutshelwa umbhangqwana osemusha uPaul noNicole Jacquelin. Wawufunda kathathu ngesonto futhi uthuthuka kahle. Ngokushesha wahlanganyela nabakwaNoll ekufakazeni endlini ngendlu. Njengoba sekunalaba bamemezeli abasha, umsebenzi wokushumayela waqala ukwenziwa abantu bendawo.

“To-To-To”

Uma ufika emzini othile, wawumemeza uthi, “To-to-to, kukhona okhona?” Izwi elingaphakathi ngokuvamile laliphendula: “Ubuzelani?” Ngemva kokuba ummemezeli esememezile futhi ukuze azethule, umninikhaya wayephendula, “Ngena uhlale phansi.” Kwakulandela ingxoxo emnandi.

Ngokuvamile, abantu babekuthanda ukuxoxa. Ukucindezeleka kwakungaziwa eMartinique ngalezo zinsuku. Babeyindlala ababesho lokho esivame ukukuzwa namuhla: “Anginasikhathi.” Nokho, isiphetho esasivamile sasiwukuthi: “Ngiyakuqonda konke okushoyo, kodwa ngeke ngiyishiye inkolo yabazali bami nokhokho bami.” Ngisho nalapho kwakubonakala kunesithakazelo khona kangangokuba abamemezeli baze babuze bathi, “Singabuya sizokubona ngokushesha?” ngokuvamile impendulo yayithi: “Uma kuyintando kaNkulunkulu.”

Iningi labantu lalibonisa inhlonipho enkulu ngeBhayibheli. Kodwa babembalwa ababenalo. Abefundisi bamaKatolika babezame konke ukuze bavimbele abantu ukuba bathole iBhayibheli. Nokho, abantu abambalwa babekwazile ukuthola inguqulo yesiFulentshi yamaProthestani eyahunyushwa uLouis Segond. Abanye babelithole kwababehambe bethengisa, abanye komakhelwane ababengamaSabatha, kanti abanye, nakuba kwakungavamile, babelithole kubaVangeli.

Abefundisi Babonisa Ukushaqeka

Ngemva kwezinyanga ezinhlanu oFakazi BakaJehova beqale kabusha umsebenzi wabo wokushumayela eFort-de-France, iphephandaba elalinyatheliswa iSonto LamaKatolika labuza umbuzo “Bangobani OFakazi BakaJehova?” Labhala ingxoxo eyayiphakathi kompristi nelungu lesonto: “Uyamazi uJehova, Fata?” “Yebo! Usukhuluma isiHeberu yini manje?” Kwabe sekulandela indaba ende enyundela oFakazi BakaJehova nokuvezwa kabi okunenzondo kwezimfundiso zabo. Kwaze kwavezwa nopopayi owuDade Noll epheshaneni lesonto.

Esikhathini esithile kamuva, nakuba kwakunengcosana yoFakazi kulesi siqhingi, umpristi ngokusobala owayekhathazekile ngenxa yentshiseko yalaba bamemezeli boMbuso, wathi: “Izinkulungwane zabantu abalungile ziphokophele ekubeni oFakazi BakaJehova ngoba abayazi kahle inkolo yabo.” Kwakunjengoba uJesu Kristu ayebonisile emfanekisweni wakhe wesicebi noLazaru. Abantu abavamile babelangazelela izimvuthuluka ezingokomoya eziwa etafuleni labefundisi ababechuma.—Bheka uLuka 16:19-31.

Ukuhambela Kwe-Notre Dame du Grand Retour

Eminyakeni embalwa ngaphambili, ngo-1948, ukholo lwamaKatolika amaningi lwaluzanyazanyisiwe. Isigungu sababhishobhi sakha iqhinga elikhulu lokukhohlisa. Umfanekiso obunjiwe kaMariya walethwa lapha uvela eFrance uhambisana nomkhosi omkhulu. Wazungeziswa kulo lonke elaseMartinique futhi wakhulekelwa abantu ngezinga elingenakulinganiswa kuze kube namuhla. Isithombe “seNcasakazi” sabekwa esikebheni esincane esinamasondo, sase sizungeziswa emigwaqweni. Endleleni, abantu babegcwalisa leso sikebhe ngemali nangezinto zokuhloba “zikaMadonna” (iNcasakazi). Ngaleso sikhathi abaseMartinique, kungakhathaliseki ukuthi bacebile noma bampofu, babehloba ngegolide kuphela. Ngenxa yalokho, okwaqoqwa kwaba isamba esikhulu semali.

Baningi abasakukhumbula kahle okwenzeka. UMarthe Laurent, manje osengomunye woFakazi BakaJehova, ukhumbula ukufika “kukaMadonna.” Uthi: “kwakunguMgqibelo ebusuku ekuqaleni kuka-March 1948, endaweni yomphakathi evulekile ezungeze iSavannah eFort-de-France. Lendawo yayigcwele abantu, lapho ngokungazelele, sibona ukukhanya okulokozayo olwandle, egqumeni laseLa Pointe des Nègres. Isixuku esikhulu sasigcwele injabulo; ‘iNcasakazi’ yayifika ngesikebhe!” UPierrette Hantoni waya ephindelela eyofaka umnikelo. Yena nomyeni wakhe babehlobise umuzi wabo ngezimbali futhi belengise uqwembe olwalubhalwe ukuthi Chez Nous Soyez Reine (Kwangathi INdlovukazi Ingaba Semzini Wethu). Esimweni esinjalo, abantu bathatheka futhi bapha ngokukhululekile, becabanga ukuthi “iNcasakazi” izokwenza izimangaliso. Ngokwesibonelo, kwakunendoda endodakazi yayo yayihlushwa isifo semisipha. Iguqe ngamadolo, yalandela isikebhe esincane esinamasondo, ithemba ukuthi “iNcasakazi” izokwelapha indodakazi yayo.

Ngokuhamba kwesikhathi kwabikwa ukuthi leso sithombe sasiphindele eFrance, kodwa lokho kwakungamanga. Kwatholakala kamuva ukuthi leso sithombe sasifihlwe endlini yokugcina impahla. Ngokwamahemuhemu endawo, indiza eyanyamalala olwandle esikhathini esithile kamuva yayithathe imali nezinye izinto ezaziqoqiwe kanye nabasunguli beqhinga lokukhohlisa. Ezingqondweni zabaningi, lokho kwakuyisijeziso esasivela kuNkulunkulu. Ngisho nanamuhla, lapho abantu bekhuluma ngalesi senzakalo, oFakazi BakaJehova baba nethuba lokubabonisa lokho iBhayibheli elikushoyo ngokukhonza izithombe.—Eks. 20:4, 5; IHu. 115:4-8; 1 Joh. 5:21.

Umshado, Hhayi Ukuhlalisana Nje

Ubugqila abuzange buwaqede amanye amasiko ase-Afrika futhi iSonto LamaKatolika lawamukela uma nje abawenzayo babebuye benze imikhuba yamaKatolika. Kulesi simo, ukuhlalisana kwabantu abangashadile kwakuyinto evamile. Njengoba uDade Noll ayehlanganyela enkonzweni, abantu babembuza: “Unazo izingane?” Uma ephendula ethi “Cha,” babebuza, “Umyeni wakho?” Kwakungesona isimanga ukuthola indoda enezingane nowesifazane ongeyena umkayo ongokomthetho. Labo ababefuna ukuba amaKristu eqiniso kwakumelwe bayishiye imikhuba enjalo engasekelwe ngokomBhalo.—Heb. 13:4.

Umuntu wokuqala eMartinique okwadingeka enze lokhu kwakungowesifazane owayenezingane eziyisithupha ayezithole emadodeni amathathu ahlukene futhi ehlala noyise wengane yakhe yokugcina lapho eqala ukutadisha iBhayibheli. UMarguerite Lislet washeshe waziqaphela izinguquko ezinkulu okwakumelwe azenze ukuze ajabulise uJehova. (1 Kor. 6:9-11) Wacela umasihlalisane wakhe ukuba ahambe, futhi naphezu kokuba ayenezinkinga zempilo, wabhekana nobunzima bezimali ngesibindi ukuze anakekele izingane zakhe eziyisithupha. Wabhapathizwa ngo-1956. Kamuva, waba iphayona elikhethekile lokuqala laseMartinique.

UJeanne Maximin, owayezalele umasihlalisane wakhe izingane, naye wayefuna ukubhapathizwa. Umasihlalisane wayehlale emthembisa ukuthi ngaphambi komhlangano olandelayo uzobhalisa umshado wabo ngokomthetho, kodwa engasigcini leso sithembiso. Ekugcineni, ngo-1959, lapho kusondela omunye umhlangano, uJeanne wathutha ngesikhathi umyeni wakhe engekho. Lapho ebuya, yeka indlela amangala ngayo lapho ebona ukuthi uhambile futhi impahla eningi yasendlini ingekho! Omakhelwane bamphuthuma bamtshela ukuthi ukuphi. Wamncengisisa ukuba abuyele ekhaya futhi wathembisa ukuthi bazoshada ngemva kwamasonto amabili, okwakuyothi phakathi nawo enze amalungiselelo adingekayo. Impendulo yakhe yayicacile: “Ngiyobuya mhlazane sishada, hhayi ngaphambi kwalokho.” Kwenziwa amalungiselelo adingekayo, futhi bashada ngokomthetho zingakapheli izinsuku eziyishumi. Odadewethu abaningi baye badlula ezimweni ezifanayo.

OFakazi BakaJehova baye baba nedumela lokuba senkolweni ebheka umshado njengelungiselelo laphezulu. Isikhulu senkonzo yomphakathi edolobhaneni laseLe Vauclin samangala lapho sibona ukuthi ngesikhathi esifushane, uJacques noPierrette Nelson, amaphayona akhethekile endawo, baba ofakazi emishadweni yemibhangqwana emibili eyayisineminyaka eminingi ihleli ingashadile. Leso sikhulu kakade sase sinencwadi ethi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise, kodwa manje sathembisa ukuthi sizophinda siyifunde ngoba isimo saso sase sifana nesalabo esasisanda kubashadisa. Ngaphambi kokuphetha ingxoxo yabo, ngomoya ophansi wathi kofakazi bakithi ababili: “Jamais deux sans trois” (“Akubi ababili, baba bathathu”). Lokhu kwaba yiqiniso kulesi simo, ngoba ngokushesha ngemva kwalokho lamaphayona aphinde ama phambi kwaso, ezoba ofakazi bombhangqwana wesithathu ayewufundele.

Ukukhululeka Ekusebenziseni Kabi Utshwala

IMartinique yaziwa kakhulu nge-rum. Lolu phuzo oludakayo olwenziwa ngomoba lutholakala kuso sonke lesi siqhingi. Abaningi bayaluthanda, kodwa lungaba ingozi kakhulu uma luphuzwa ngokweqile. Ngawo-1950 umuntu wayevele aye eshibhini azithengele ingilazi ye-rum egcwele nswí ngama-centime angu-50 kuphela (amasenti acishe abe yishumi). Ibhodlela le-rum, ibhodlela le-syrup nezingcezu zikalamula oluhlaza wasendaweni konke kwakubekwa phambi kwekhasimende, bese kuthiwa alizixubele.

Ingabe iqiniso leBhayibheli lalingabasiza abantu ababezitika njalo ngokweqile nge-rum? Yebo, ngokuqinisekile! (1 Pet. 4:3) Owokuqala kwaba owesifazane owayephuza njalo kuze kube seqophelweni lokuba kungathandeki ukuhlala phambi kwakhe futhi ukhulume naye. Ngaphezu kwalokho, wayehlala nendoda ayengashadile nayo futhi eyayiyisigqila sotshwala njengaye. Ngezinyanga ezimbalwa, ngenxa yalokho ayekufunda esifundweni seBhayibheli sasekhaya, wayeka ukuphuza futhi washiya nomasihlalisane wakhe. Bonke ababemazi baziphawula izinguquko. Impilo yakhe yaba ngcono. Ukuphila kwakhe kwasemsebenzini kwathuthuka, futhi waqashwa njengelungu eligcwele lezisebenzi zomphakathi. Lapho ethola imali eyayiyiholo lezinyanga ayengakaqashwa ngokugcwele ngazo, wayisebenzisela ukuya eMhlanganweni Wezizwe WoFakazi BakaJehova Wentando Yaphezulu eNew York ngo-1958. Nanamhlanje, nakuba u-Elisa Lafine eseneminyaka engu-90 ubudala, usahlanganyela njalo ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso. Futhi uyisibonelo sokuziphatha okuhle kobuKristu. IZwi likaNkulunkulu lingamkhulula ngempela umuntu ekubeni isigqila sotshwala.

Izithelo Ezivela Enkabeni Yezwe

Ebalazweni laseMartinique, lesi siqhingi sibonakala sizungeza itheku laseFort-de-France. Ngokungangabazeki, inkaba yensimu ilapha. Malungana nohlangothi olusenyakatho lwetheku, kunamadolobha amathathu akhelene—iFort-de-France, iSchoelcher neLe Lamentin. Cishe ingxenye yabantu baseMartinique ihlala kulendawo. Ngaphandle kwemisebenzi yezolimo, imisebenzi eminingi yakulesi siqhingi yenziwa lapha. Ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle kwaqala kulendawo, futhi ngaphandle kwabantu abambalwa, abamemezeli bokuqala batholakala lapha.

Emuva ngo-1955, uMfowethu noDade Noll baqala ukuthatha uhambo oluphumela ngaphandle kwenhloko-dolobha beyosakaza isigijimi soMbuso. Babechitha usuku lonke beshumayela bese bephindela ekhaya kusihlwa. Ngelinye isonto, ngoLwesihlanu, babeya eLe Lamentin. Ngesonto elilandelayo, babeya edolobhaneni laseLe François, eduze nogu lwasempumalanga. Kancane kancane, abantu baqala ukwamukela iqiniso. Phakathi kwabokuqala eLe Lamentin kwakunoJeanne Marie-Annaïs, uSuzanne Guiteaud, uLiliane Néral noPaulette Jean-Louis. ELe François, kwakunomkhaya wakwaGodard nowakwaCadasse kanye noPierre Loiseau. Ngemva kwesikhathi esithile, kwathunyelwa amaphayona akhethekile eLe Lamentin. Phakathi kwawo kwakunoValentin Carel noNicolas Rénel. (UMfoweth’ uCarel kamuva waba ilungu leKomiti Yegatsha.) Manje sekunamabandla angu-7 kulezo zindawo nakwezingaseningizimu.

Abanye babonakala beqala kahle kodwa kamuva bawushiya umgwaqo onyinyekile. Banqotshwa iminako yokuphila, ukuthanda izinto ezibonakalayo nokuziphatha okubi. Abanye abaningi bamukela izwi loMbuso langena ezinhliziyweni ezaba njengenhlabathi ekahle eyathela izithelo iminyaka eminingi. (Math. 13:18-23) Iningi lalabo ababa abokuqala ukwamukela ukukhulekela kweqiniso lisakhonza uJehova ngokwethembeka. Phakathi kwalaba kunabazalwane ababhapathiswa eMartinique eminyakeni engaphezu kuka-30 edlule: uLeon noChristian Bellay, uJules Nubul, uGermain Bertholo, uVincent Muller, uRoger Rosamond, u-Albert Nelson, uVincent Zébo, noPhilippe Dordonne. Bonke babonisa uthando olukhulu ngoJehova njengoba babenikela ngobusha babo enkonzweni yakhe. Sebekhulile manje, kodwa bonke basaqhubeka bekhonza njengabadala emabandleni. Abanye sebashona—phakathi kwabo kunoToussaint Lada, okhunjulwa asebekhulile ngomoya wakhe ophansi nangokumomotheka okunothando. Baningi abanye abangase banezelwe ohlwini lomakad’ ebona ababeyizibonelo ezinhle zokholo nentshiseko noma abayizo namanje. Isizukulwane esisesisha silandela ezinyathelweni zabo, futhi kwasebekhulile, lokhu kuyisizathu esikhulu sokujabula.

Abesifazane Balandisa Izindaba Ezinhle Ngokwethembeka

Ngalezo zinsuku zakudala, odade abaningana ababengothisha eMnyango Wezemfundo Wesizwe babenza umsebenzi omuhle kakhulu nanjengabafundisi beZwi likaNkulunkulu. Phakathi kwabo kwakunoStella Nelzy. Wayengowokuqala kuleli qembu owabhapathizwa, futhi waqhubeka eshiseka enkonzweni nakuba ayenakekela unina owayesekhulile, owafa eneminyaka engu-102 ubudala. Kwakukhona no-Andrée Zozor, owayenguthishanhloko futhi owalivikela ngokuphumelelayo iqiniso leZwi likaNkulunkulu, noDade Victor Fousse (manje ongowakwaLasimant), owahlala eqinile naphezu kokuphikiswa okukhulu emkhayeni. Isibonelo esihle sikaDade Fousse saba nethonya elihle ezinganeni zakhe. Ngenxa yalokho, enye yamadodana akhe ibilokhu ikhonza njengomdala iminyaka eminingi, futhi indodakazi yakhe, uMarlène, iyisithunywa sevangeli eMali.

Abanye sebewuqedile umncintiswano wabo wobuKristu ngenxa yokuguga nokugula. Siye saba njalo isimo sikaLéonide Popincourt, owayesheshe wathatha umhlalaphansi futhi waphayona iminyaka engu-16. Nakuba uDade Popincourt ashona ngo-1990, indodakazi yakhe uJacqueline ikhonza njengesithunywa sevangeli eFrench Guiana. U-Emma Ursulet naye wabeka isibonelo esihle ngokuvikela iqiniso leBhayibheli, futhi wazama ngokukhethekile ukusiza izingane zakhe ukuba zihambe ezindleleni zikaJehova. Amadodakazi akhe amathathu angenela inkonzo yamaphayona, kanti indodana yakhe uHenri ikhonza njengelungu leKomiti Yegatsha YaseMartinique.

USara Noll, owafika eMartinique eyiphayona elikhethekile eminyakeni engu-43 edlule, usashiseka enkonzweni yesikhathi esigcwele, useneminyaka engu-82 ubudala. Nakuba insimu isetshenzwa njalo, uyaqhubeka ephumelela ngendlela emangalisayo ekuhambiseni INqabayokulinda ne-Phaphama! Esebenzisa ukusikisela kweNhlangano okuphathelene nokusebenza amasimu amabhizinisi, uye wakwazi ukungena emahhovisi amaningi kahulumeni. Unemizila kamagazini ehlanganisa abantu abasebenza ehholo lomphakathi, emaphoyiseni, eMnyango Wemisebenzi Yomphakathi neminye eminingi. Ngezinye izinyanga uhambisa omagazini abangaba ngu-500. Phakathi neminyaka ayichithe eMartinique, uye wahambisa omagazini abangaphezu kuka-111 000.

Amanzi Akhuphuka Izintaba

IMartinique inezintaba eziningi. Kuthiwa isikhulu esiyiNgisi esasifuna ukuchazela iNkos’ uGeorge II ukuthi leli lizwe limi kanjani sathatha iphepha, salifonyoza, sabe sesiliphonsa etafuleni. Sathi: “Mnumzane, iMartinique le.” Kunesaga sesiCreole esithi, “D’lo pa ka monté morne” (“Amanzi awakwazi ukukhuphuka izintaba”). Kodwa eMartinique, kunamanzi akwaziyo ukukhuphuka izintaba. Idolobha elidala laseFort-de-France lisendaweni ephansi kodwa liphahlwe amagquma amaningi. Amanzi eqiniso leBhayibheli aye akhuphuka kulawo magquma.—IsAm. 22:17.

Ngo-1956, nakuba kwakunabamemezeli abayisikhombisa namaphayona amathathu kuphela kulesi siqhingi, kwahanjiswa izincwadi ezingu-5 000, omagazini abangaphezu kuka-9 000 nezincwajana eziningi. Eziningi zalezo zincwadi zazihanjiswa ezikhumulweni zamabhasi kubagibeli ababefika nababehamba beya kuzo zonke izingxenye zesiqhingi. UMfowethu noDade Noll babeya nasezimakethe zezinhlanzi nezemifino beyohambisa omagazini, futhi beshumayela nasemashibhi amaningi ayeseduze kwezimakethe. Ngalendlela, abantu basemadolobheni amancane babephindela emizini yabo phezulu emagqumeni nangalé kwawo benezincwadi zeBhayibheli eziyigugu ezikhwameni zabo.

‘Ukungakuyeki Ukubuthana Kwethu Ndawonye’

Ngemva nje kwamasonto ambalwa befikile eMartinique, uMfowethu noDade Noll baqala ukukhuthaza ababefundelwa ukuba beze emihlanganweni. (Heb. 10:23-25) Ngenxa yalokho, abambalwa babehlangana egumbini lokuphumula lendlu yamapulangwe eMorne Pichevin eFort-de-France. Leli kamelo lalithatha abantu abangaba yishumi kuphela. Njengoba abakwaNoll babehlanganyela enkonzweni, abantu babevame ukubabuza ukuthi ikuphi indawo yemihlangano ababengeza kuyo. Lezi zithunywa zevangeli zazifisa ukuba nendawo engconywana.

Kwase kuthi umphathi wehhotela eFort-de-France, owayesazikhumbula izithunywa zevangeli zokuqala ezingoFakazi (ezazihlale ehhotela lakhe okwesikhashana), wathi abasebenzise ihholo lokudlela lesitolo sakhe sokudla ngamaSonto ntambama, ngoba lesi sitolo sasingavulwa ngalolo suku. SasikuSchoelcher Street—umgwaqo owethiwa ngesazi sezombangazwe saseFrance esabhala umthetho ngo-April 27, 1848, owawuchaza izizathu zokuqedwa kobugqili. Kwakunesonto kuwo lowo mgwaqo. Manje njengoba base benendawo ekahle yemihlangano, oFakazi bacabanga ukuthi kuzofika abantu abaningi. Nokho, kwaba isikhathi esithile kulokhu kufika abantu abahlanu kuya kwabayishumi, ehholo elalingathatha abantu abangaphezu kwekhulu. Lapho bemema abanye ukuba beze, babevame ukuphendula bathi: “Ngizofika uma kuyintando kaNkulunkulu.” Kodwa kwakuqabukela ngempela noma ubani ekucabangele ngokungathi sína lokho iBhayibheli elithi kuyintando kaNkulunkulu kulendaba.

Nakuba kunjalo, uNkk. Marceau, uthisha owayesethathe umhlalaphansi, wayeqale aye ezinkonzweni zesonto esontweni abese eza njalo ezolalela umyalezo weBhayibheli. U-Alice Lassus, owayehlanza isonto, naye wayeba khona emihlanganweni. Bobabili baba oFakazi BakaJehova abathembekile. Kodwa empeleni oFakazi babedinga indawo yemihlangano eyayilingana neqembu labo.

Ngemva kwezinyanga ezimbalwa, bathuthela imihlangano yabo e-Villa Ma Fleur de Mai (Villa My Mayflower), eClairière eFort-de-France, ngaleso sikhathi eyayisetshenziswa njengekhaya lezithunywa zevangeli. UStella Nelzy, owaqala ukuba khona emihlanganweni, wamangaliswa into eyashiwo lapho ngesinye isikhathi. Kamuva wakhumbula: “Usihlalo wathi: ‘Lena indlu ebaluleke kunazo zonke kulo lonke elaseMartinique!’” Kodwa uStella wanezela: “Ngokushesha ngemva kwalokho ngabona ukuthi uqinisile. Lendlu yayingesona isimanga futhi inamabhentshi akhiwe ngamapulangwe ayekade akhe amabhokisi, ayesembozwa ngezingqwembe. Nokho, kuleyondlu umuntu wayefunda ngenjongo emangalisayo kaJehova uNkulunkulu, intando yakhe nobuntu bakhe obungenakuqhathaniswa kanye nobeNdodana yakhe, uJesu Kristu. Yebo, ngempela kwakuyindlu ebaluleke kunazo zonke!”

Ngo-1960 inani labamemezeli lase lenyuke laba ngu-47. Kwaphinde kwadingeka kutholakale enye indawo yemihlangano enkudlwana. U-Adrienne Rudier wasinikeza amakamelo amabili ayengaphansi endlini yakhe eBellevue. Ngemva kweminyaka emibili wasikisela ukuba sibhidlize udonga ukuze kuvuleke indawo yokuhlanganyela bese yena ethuthela ngaphezulu. Inani labamemezeli lase liphindeke kabili ngeminyaka emibili nje kuphela. Manje base bengu-94, futhi kwakuqhutshwa izifundo zeBhayibheli zasekhaya ezingu-177. Njengoba abanye abamemezeli babevela ngalé kweFort-de-France, kwabonakala kuwukuhlakanipha ukwakha iqembu lesibili. Leli lalihlangana emzini ka-Inoër Puisy eSainte Thérèse, indawo encane engxenyeni eseningizimu yeFort-de-France.

Ukwanda kwaqhubeka. Ngo-1964 saba nesilinganiso sabamemezeli abangu-157. Ukuze labo ababeza emihlanganweni banele, kwathengwa indlu eFort-de-France endaweni yaseBellevue yabe seyenziwa iHholo LoMbuso. Ngemva kweminyaka emihlanu kwakhiwa iHholo LoMbuso elisha kwenye ingxenye yedolobha. UCesaire no-Elvíre Quasima ngomusa babethe bangalisebenzisa ingaphezulu lendlu yabo eyayinophahla lukakhonkolo oluyisicaba, kwabe sekwakhiwa iHholo LoMbuso phezu kwalo.

Ngenkathi Imihlangano Isemincane

Umhlangano wokuqala wawungo-1955. Waba semzini kaMfowethu noDade Noll. OFakazi abangu-27 baseGuadeloupe bathatha uhambo lokuyokhuthaza abahlanu eMartinique. Ingqikithi yababekhona ayifikanga ku-40. Kodwa isimiso somhlangano sanikeza insada yokudla okungokomoya. Yeka injabulo okwaba yiyo ukuba ndawonye kunomoya ongokomoya nowobungane!

Ngalezo zinsuku kwakunzima ukuqala imihlangano ngesikhathi. Lapho abantu bephuza ukufika, kwakuye kwenzeke izinto ezihlekisayo. Phakathi nomhlangano ngo-1956, umboniso othile wawubonisa umpristi, edlubhe ezakhona, eya emzini wothile ukuze amyekise ukufunda izincwadi zoFakazi BakaJehova. Omunye umzalwane owayenentshebe ngaleso sikhathi wagqoka ingubo eshaya emaqakaleni ukuze adlale indima yompristi. Umuntu othile othakazelayo owephuza ukufika akaqaphelanga ukuthi kwakungumboniso nje lona. Ngemva komhlangano, efudumele impela wathi: ‘Angihambisani nalokhu okwenziwe umpristi. OFakazi BakaJehova abayi esontweni bayosusa uthuthuva, nalompristi akufanele eze lapha azophazamisa!’

Umyalezo Wenkululeko Uya Ogwini Olusenyakatho-mpumalanga

Ngokuhamba kwesikhathi, izingxenye zesiqhingi eziqhelile enhloko-dolobha kwadingeka zithi ukunakwa ngokwengeziwe. Ugu lweMartinique olungasentshonalanga luzungezwe iCaribbean Sea kanti olungasempumalanga luzungezwe i-Atlantic Ocean. Ngenxa yalokho, ugu olungasempumalanga lubhulwa imimoya evunguza njalo, kube nezimvula ezinkulu nomswakama omkhulu. Emagqumeni nasemathafeni alapho anamanzi amaningi, kumila yonke into—umoba, imifino eluhlaza, ubhanana nezinye izithelo. Amadolobhana amakhulu, amaningi awo amalungana nogu, nawo athembele ekudobeni.

Lena futhi indawo enomlando wokuthengiswa kwezigqila nokukhululeka kwazo. Edolobhaneni laseLe Lorrain, amagama ezinye izindawo akukhumbuza leyo nkathi, ngokwesibonelo, elithi Fond-Gens-Libre (Isigodi Sabantu Abakhululiwe) nelithi Fond-Massacre (Isigodi Okwabulawelwa Kuso). Nakuba ubugqili sebaqedwa, lapho oFakazi BakaJehova beyisa isigijimi soMbuso kaNkulunkulu kulendawo, bathola abantu besadinga ukukhululwa. Abantu babedinga ukukhululwa enkolweni yamanga nasekukholelweni ezeni okungenziwa ukwamukela iqiniso leBhayibheli kuphela.

Izithombe Zaphahlazwa Zalahlwa Emgwaqweni

Uhambo lokuqala lwezithunywa zevangeli olwaluya eBasse Pointe, ogwini olungasenyakatho, oluqhele ngamakhilomitha angu-50 eFort-de-France, lwalungo-November 1, 1954. Umgwaqo oya kuleli dolobhana labantu abadobayo nabalimayo wawumangelengele. Wawumagebhugebhu, ikakhulu ngemva kwezimvula, futhi kwezinye izindawo kwakudingeka izithunywa zevangeli zehle emabhayisikilini azo asazimoto ziwadudule.

Zazifuna ukuhambela uthishanhloko kuleli dolobhana. Wayeke wathintana noFakazi BakaJehova eFrance futhi enesikhokhelo se-Phaphama!, kodwa manje isikhokhelo sakhe sase sinqamukile. Lokhu kuhambela kwaba yinzuzo kakhulu. Lona wesifazane wachaza ukuthi nakuba ayefundisa ikhathekizimu, wayengasayi esontweni ngemva kokuba umpristi ekhulume ngokwedelela ngelungiselelo lomshado. Wabonisa isithakazelo kulokho okushiwo iBhayibheli ngomphefumulo nangokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi. Ngokushesha ngemva kwalokho, wabuyela eFrance, futhi lapho wazinikezela kuJehova wabhapathizwa.

Lapho eseseMartinique, wayebhekwa njengomuntu ovelele emphakathini futhi aziwa njengomKatolika ozinikele. Ake ucabange isidumo esasuka lapho, ngemva kokubuyela eMartinique, ephihliza zonke izithombe zakhe, ezincane nezinkulu, ezilahla phambi komuzi wakhe ukuze zithathwe abathutha izibi. (Qhathanisa noDuteronomi 9:16, 21.) Umpristi wathukuthela wathelwa ngamanzi, ngakho wahlela futhi wanikeza izintshumayelo ezivuthayo ezigxeka ukuziphatha kwalona owayengumKatolika. Ngenxa yalokho, wonke umuntu wayekhuluma ngalokho ababekubiza ngokuthi inkolo kaNkk. Cressan. Sekuyiminyaka engu-42 manje uGabrielle Cressan, njengomunye woFakazi BakaJehova futhi eneminyaka engu-88, ezikhandla ukuze afeze isifiso sakhe esisuka enhliziyweni: “Kwangathi ngakunye ukushaya kwenhliziyo yami kungaba udumo kuJehova.”

Omunye wesifazane ongumKatolika, umakhelwane owezwa umpristi ekhuluma ngendelelo enjalo ngoDade Cressan, wanquma ukubuza uDade Cressan ukuthi kwakwenzenjani. KwakunguLeónie Ducteil, onezingane ezingu-11 futhi oshade nomuntu owayediliva iposi lendawo. Egculisekile ukuthi kuyiqiniso lokho ayekufunda kuDade Cressan, waqala ukufunda iBhayibheli nezingane zakhe. Eminyakeni eyalandela, yena nezingane zakhe ezingu-9 baba oFakazi abazinikezele futhi babhapathizwa. Ngemva kweminyaka eminingana, enye yamadodakazi akhe, u-Edgard, yashada noGérard Trivini, ngokuhamba kwesikhathi owaba ilungu leKomiti Yegatsha.

Eminyakeni eyishumi ngaphambi kokuba uLeónie Ducteil afunde iqiniso ngosizo lukaDade Cressan, omunye womakhelwane, uGeorgette Josephe, wayezwé igama elithi Jehova engomeni ethile eyayiculwa emkhosini owawusesontweni lamaSabatha. Leli gama laliye ladonsa ukunaka kwakhe, futhi manje umakhelwane wakhe, uNkk. Ducteil, wayemxoxela ukuthi enye intokazi yayisanda kumchazela ngeZwi likaJehova. Ngaso leso sikhathi wafuna ukwazi okwengeziwe. Yena nezingane zakhe ezingu-8, kamuva nomyeni wakhe, bonke baba oFakazi BakaJehova.

Leyo mikhaya embalwa yakha umgogodla wabakhulekeli beqiniso ogwini olungasenyakatho lwengxenye yesiqhingi ese-Atlantic. Eminyakeni eyalandela, kusuka eBasse Pointe, imbewu yeqiniso yatshalwa kuwo wonke amadolobha namadolobhana ase-Atlantic Coast. Yakhula futhi yaqhakaza eLe Lorrain, eMarigot, eSainte Marie, eTrinité naseLe Robert, nase-Ajoupa Bouillon, eVert Pré naseGros Morne, ngaphakathi kwesiqhingi.

Amaphayona ashisekayo aba nesandla ekusakazekeni kweqiniso ngasogwini olusempumalanga. U-Osman Léandre, umfelokazi, wathuthela eSainte Marie ngo-1965 futhi wavula ikhaya lakhe ukuze kuqhutshelwe kulo imihlangano. U-Arcade Bellevue noMaryse Mansuéla, amaphayona akhethekile aseGuadeloupe, afika eLe Robert ngo-December 1967 futhi aphikelela naphezu kokuphikisa kompristi wamaKatolika endaweni. Ngo-1970, u-Aline Adélaïde noJacqueline Popincourt baqala ukufakaza eLe Lorrain, lapho u-Aline akwazi khona ukusebenzisa imiBhalo ukuze asize owayengumthakathi ukuba agqashule emademonini. Ngemva kweminyaka emithathu kwafika amanye, uMichèle noJeanne Ursulet noJosette noMérine. Lamaphayona aseLe Lorrain ayeka umsebenzi wobuthisha ukuze ahlanganyele emsebenzini wokufundisa obaluleke kunayo yonke—ukufundisa iqiniso eliholela ekuphileni okuphakade.

Umpristi Wayeyifunelani Incwadi IQiniso?

UJeanne Ursulet uyalandisa: “Ngo-1974 iNhlangano yasithumelela incwadi eyayivela kothile owayehlala eLe Lorrain. Lomuntu wayenesithakazelo esikhulu sokuthola izincwadi zoFakazi BakaJehova ikakhulu incwadi ethi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade, ayeyibone emzini wothile. Ngakusasa ekuseni saya komfuna. Igama lakhe lalingajwayelekile futhi kwadingeka sibuze umuntu weposi. Yeka indlela esamangala ngayo lapho sithola ukuthi lencwadi yayithunyelwe umpristi eNhlanganweni!

“Singazi ukuthi sizokwamukelwa kanjani, saya emzini wompristi. Lendoda yazethula yabe isisitshela ngokunganaki ukuthi ayithandi ukukhuluma nathi, imane nje ithanda izincwadi. Savele sadideka. Nokho, ngemva kwesikhathi esithile siyivakashele, abantu emphakathini babevame ukusitshela ukuthi umpristi uye wabachazela izinto ezithile ngendlela esizichaza ngayo. Ngakho saphetha ngokuthi kumelwe ukuba usebenzisa izincwadi zethu lapho elungiselela izintshumayelo zakhe.”

Ukuphumputha UNkulunkulu Nokumthola Ngempela

Ngo-1967, amanye amaphayona akhethekile amane—u-Octave Thélise, umkakhe u-Alvina, u-Elie noLucette Régalade—aqala lokho kamuva okwaba iBandla LaseTrinité. U-Elie Régalade waya koshumayela ngemva kosuku olulodwa efikile. Waqalaphi? Edlula izindlu ngapha nangapha, waqonda ngqó emzini kaNkk. Moutoussamy, wangqongqoza. Wayengakaze ambone ngaphambili, futhi akekho owayemnikeze ikheli lakhe. Kodwa ake simdedele alandise indaba yakhe:

“Kusukela ebuntwaneni, ngangiyithanda kakhulu inkolo yami yobuKatolika. Ngasebenza iminyaka eminingi esikhungweni sokunakekela izingane esasiphethwe abapristi. Kodwa ubuzenzisi basesontweni bangidumaza. Ukuyithanda kwami kwaya kuncipha usuku nosuku. Lapho kufika isikhathi sokuba ngibhalise amadodana ami amabili amadala ezifundweni zobuKatolika, ngangimanqikanqika ngenxa yokucindezela kwabasemzini abangamaKatolika, ukuphikisa komyeni wami oyiKhomanisi nethonya likadadewethu ongumSabatha. Ngangingazi ukuthi kumelwe ngenzeni. Ngachitha isikhathi esiningi ebusuku ngithandazela usizo lokuthola ikhambi kuNkulunkulu. Ngakusasa ekuseni uMfoweth’ uRégalade wangqongqoza kwami, wathi ungomunye woFakazi BakaJehova. Wayevele waqonda ngqó emzini wami. Ngangiwumuntu wokuqala axoxa naye eTrinité.”

ULisette Moutoussamy kanye nomyeni wakhe owayeyiKhomanisi babhapathizwa ngemva kwezinyanga ezingu-8. Namuhla, ngemva kweminyaka engaphezu kuka-30, basaqhubeka bekhonza uJehova nawo wonke umkhaya wabo. Amadodana abo amathathu angabadala. Yiqiniso, uma abantu bemphumputha ngobuqotho uNkulunkulu weqiniso, bayomthola, njengoba nje iBhayibheli lisho.—IzE. 17:26, 27.

Lensimu yabonakala inezithelo futhi amabandla anda. Elinye laba seTrinité, lona lazala amanye ayisithupha—amabili eLe Robert, elinye eSainte Marie, elinye eGros Morne, elinye eVert Pré, nelinye eTrinité. Wonke ayaqhubeka anda, eletha udumo kuJehova.

Abefundisi Bayahlasela

Kuyo yonke indawo yaseMartinique ukuncipha kwethonya labefundisi kubantu ababebaphuphuthekisile kwakubathukuthelisa. Omunye umpristi wesifunda wakhipha isibhongo lapho ehlangana namantombazanyana amabili ayevakashele izihlobo zikamakhelwane owayeshonile eBasse Pointe, ngo-1956. Njengoba ayazi ukuthi lamantombazane ayefunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova, wawajivaza ngokuthi ayizihlubuki futhi wawethusa ngesihogo somlilo ngoba ayengasayi eMiseni. Lapho enye yalamantombazane imphendula ngokuqinile, wayibhokloza futhi njengoba ayesengqangqa intukuthelo, wakhwela emotweni yakhe wahamba.

ELe Robert, ngemva kokufika kodade ababili abangamaphayona ngo-1967, umpristi wabenqabela abantu besonto ukuba babangenise. Langa limbe, ethukuthele egane unwabu, wacishe wabashayisa ngemoto. Izixwayiso zenzondo nezentukuthelo zanda emapheshaneni ayekhishwa ngabantu besonto, kanti emapulupiti, abapristi babesho iziqalekiso ezihlabayo ngalabo ababebachaza ngokuthi ‘amanxusa kaSathane ayefikele ukuzophazamisa ukuthula kwamaRoma.’

Amanye amaqembu enkolo ahlanganyela kulokhu kuhlasela. Ikakhulukazi izinkolo zobuVangeli zasimangalela ngamanga zithi asikholelwa kuJesu Kristu. AmaSabatha asijivaza ethi asilihloniphi iSabatha, kuyilapho iningi lawo lalilihlonipha nje ngomlomo. Okwesikhathi esithile abazalwane bavuma ukuhileleka ezingxoxweni ezingapheli nabefundisi balezo zinkolo. Ngokuvamile lezi zingxoxo zaziphela phakathi kwamabili futhi zingafezi lutho. Ngosizo lwesigqila esikholekile nesiqondayo, kancane kancane safunda ukusebenzisa isikhathi sethu sifuna futhi sithola abanjengezimvu abakujabulela ngempela ukulalela izwi likaMalusi Omuhle.

Naphezu kwalokho, lezo zingxoxo zawavula amehlo abambalwa abanjengezimvu. Kwaba njalo ngoJules Nubul eFort-de-France. Waphawula ukuthi umfundisi wayenza sengathi ucaphuna iBhayibheli—kanti uyaziqambela amavesi—ezama ukusekela imfundiso yokuthi amaKristu kumelwe agcine iSabatha. (Qhathanisa neyabaseRoma 10:4; Kolose 2:13-16.) Manje uMfoweth’ uNubul ungumdala koFakazi BakaJehova. UGertrude Buval waseTrinité, owayengumSabatha, wabona ukungethembeki komfundisi wakhe phakathi nengxoxo ayenayo no-Octave Thélise, owayekhonza lapho njengephayona elikhethekile nomkakhe u-Alvina. Ngemva kweminyaka eminingi, naphezu kokukhula ngeminyaka nempilo ebuthaka, uDade Buval usalokhu enamathele enhlanganweni kaJehova ngokwethembeka.

Esizindeni Sentaba-mlilo—Ingabe Bayolalela?

Engxenyeni esenyakatho-ntshonalanga yalesi siqhingi, amadolobha aseSaint Pierre, eLe Prêcheur, eLe Carbet naseLe Morne Rouge wonke azungeze iMount Pelée, eyaduma kabi ngokubhubhisa kwayo iSaint Pierre nezakhamuzi ezingu-30 000 ngo-1902.

Ngokuqondene nalokho kuqhuma ngo-May 8 walowo nyaka, abantu bakhumbula ikakhulu ukuthi izakhamuzi zaseSaint Pierre zazishaya indiva izixwayiso futhi zenqaba ukubaleka. Kwaze kwaphela inyanga intaba-mlilo ithunqisa intuthu, umlotha nezingcezu zamatshe. ISaint Pierre yayimbozwe umlotha. Abantu abangu-25 base bebulawe udaka. Abantu babekhathazekile kodwa nokho ababalekanga. Phakathi kokunye, kwakungenxa yesimo sabo sengqondo sokuthi izinto zidalelwe; kanti futhi kwakungenxa yokuthi abaholi babantu kuhlanganise nabefundisi, bathi bangahambi. Zona lezo zici zithonya indlela abaningi abasabela ngayo esixwayisweni sokusondela kosuku lukaJehova olwesabekayo.—Joweli 2:31, 32.

Abantu abaningi baseMartinique bakholelwa ukuthi okwenzekile kusuke kudaliwe, futhi lapho bebhekene nobunzima, bavele baqhikizise amahlombe, bathi: “Kuyintando kaNkulunkulu.” Ngokuvamile siye sizame ukubasiza bacabange ngalendaba ngokuxoxa nabo ngalokho okwenzeka ngesikhathi kuqhuma iMount Pelée. Siyaye sibabuze: “Uma izigigaba ezinjalo ‘ziyintando kaNkulunkulu,’ kungani pho kwasinda isiboshwa esasivalelwe sodwa emgodini wejele, kanti wonke ‘amaKristu aqotho’ namasonto ‘nezithombe’ zawo kwaphela nyá?”

Ekuqaleni kwawo-1960, abamemezeli baseFort-de-France baqala ukuya njalo emiphakathini eseduze nentaba-mlilo beyihambisela isigijimi soMbuso. Nokho, abantu babebanjwe ukwesaba. Babezibuza, “Bazothini abantu?” Ngenxa yokwesaba ukukhishwa inyumbazane omakhelwane, akekho owayefuna ukuzihlanganisa noFakazi BakaJehova. Ngo-1962 umkhaya wakwaCharpentier eFrance wathuthela eLe Morne Rouge, enyakatho-mpumalanga yeSaint Pierre. Inkosikazi, uMadeleine, yayiyiphayona elikhethekile. Kwaba iminyaka eminingi yena nomyeni wakhe, uRené, behlwanyela imbewu yeqiniso loMbuso kulendawo.

Nakuba kunjalo, ithonya lesonto lisenamandla engxenyeni esenyakatho yalesi siqhingi. Kunodedangendlale bamasimu abanikazi bawo abacaphuna kusale, inzalo yezifiki zokuqala, futhi bangamathe nolimi nabefundisi bamaKatolika. Kulo lonke elaseMartinique, lincane kakhulu inani lalaba belungu bendawo abamukele iqiniso.

Bakhululiwe Ekwesabeni Umuntu

Nakuba iningi lomphakathi laliba mathintanyawo ukuhlanganiswa noFakazi BakaJehova, maphakathi nawo-1960 indoda ethile nomkayo, uYoland noBernadette Hortance, bashukunyiswa ngokujulile uthando ngoJehova neZwi lakhe. Babhekana nakuphi ukuvivinywa kokholo? Bayalandisa: “Njengoba sasingabokuqala ukwamukela ‘lenkolo entsha,’ sazithola sesinyamanambana emphakathini. Sabhekana nezikhathi ezivivinyayo. Ngonyaka owodwa nje, sashonelwa izingane ezimbili engozini, okwenza abantu bathi uNkulunkulu uyasijezisa ngokushiya inkolo yobuKatolika. Kodwa lokho esase sikufundile ngoJehova kwasisiza sahlala siqinile.”

Ngemva kwakho konke lokho, umqashi kaYoland, i-béké (umlungu wendawo), ehlohlwe umpristi, wamsongela ngokuthi uzomxosha uma engabuyeli esontweni. Naphezu kwalokho, uYoland wama waqina, futhi ngenxa yokuthi umfowethu wayeyisisebenzi esiqotho, umqashi wakhe akazange amxoshe. Nakuba bobabili beye badlula kwezinye izikhathi ezinzima, uMfowethu noDade Hortance bayaqhubeka beyizinceku zikaJehova ezithembekile.

Ngo-1968 umkhaya wakwaPalvair wathuthela eLe Morne Rouge usuka eFort-de-France. Kancane kancane, nabanye bakwamukela ukukhulekela kweqiniso. Namuhla kunebandla elinabamemezeli abangu-60 eLe Morne Rouge.

Usizo Olwengeziwe Eduze Kwentaba-mlilo

Kusukela ngo-1972, odade ababili abangamaphayona akhethekile, u-Anne-Marie Birba no-Arlette Girondin, basebenza ngesibindi ukuze basize abantu baseSaint Pierre, eLe Carbet, naseLe Prêcheur. Nakuba babeletha umyalezo wokuthula, ngezinye izikhathi abantu babebajikijela ngamatshe futhi babashaye ngemishanelo. Kuleyo ndawo, abesifazane abaningi abamukela iqiniso baphikiswa kanzima abayeni babo, kodwa ngenxa yokuziphatha okuhle komkabo, kancane kancane abayeni bababekezelela ngokwengeziwe.—1 Pet. 3:1, 2.

UFakazi osekhulile, uJules Martinon, wayeyisibonelo sokubekezela, ekhonza eSaint Pierre iminyaka engaphezu kuka-20. Phakathi nawo-1960 nawo-1970, imihlangano kulendawo yayiqhutshelwa ezakhiweni ezazingconywana. Nokho, abazalwane abazinikele njengoJohn Chavigny, futhi kamuva nomkhaya wakwaLemoine nowakwaPapaya, basiza ekwakheni ibandla elikahle eSaint Pierre. IHholo LoMbuso elihle elikwazi ukuthatha abantu abangu-200 liwubufakazi bokuthi oFakazi BakaJehova bazinzile kwelentaba-mlilo.

Ukuchitha Ubusuku Bonke Esihlahleni Sikamango

Isigijimi soMbuso sasesifinyelele eLe Lamentin ngo-1955, kodwa labo ababefuna ukukhulekela uJehova uNkulunkulu lapho babhekana novivinyo olunzima. Lwalungabangelwa abefundisi kuphela. Amadoda aseMartinique ngokuvamile ayazidla ngobudoda bawo, futhi amaningi ayabaqinela omkawo. Lapho owesifazane efuna ukukhulekela uJehova, ngokuvamile kwakudingeka abhekane nobudlova bomyeni wakhe.

Omunye wodadewethu eLe Lamentin uyalandisa: “Lapho kufika isigijimi soMbuso kwami ngo-1972, kwakufezeka izifiso zami. Kodwa umyeni wami wanginqabela ukuba ngifundelwe. Nokho, ngaqhubeka ngifunda ngasese. Lapho engibamba, washisa iBhayibheli lami nencwadi yami futhi wangishaya. Wanquma ukuba sithuthe, ecabanga ukuthi lokho kuzoqeda isithakazelo enganginaso eBhayibhelini.

“Lapho sengiqale ukuya emihlanganweni, wayengikhiyela ngaphandle. Ngangivame ukulala emphemeni wendlu. Wabe esebhidliza yonke into engangingase ngikhosele kuyo, kuhlanganise nehhoko lezinkukhu. Wayengishaya njalo, futhi izikhathi eziningi ngangilala ngingadlile. Wake wangijaha ebusuku ngentshumentshu! Ukuze ngimbalekele, kwadingeka ngidabule ehlozini ngigibele esihlahleni sikamango ngokushesha okukhulu. Ngasinda, kodwa ngasindiswa ukuthi ithoshi lakhe lacisha. Wangifuna amahora amaningi, edlula eduze kwalapho ngangicashe khona, ngigoqene esihlahleni futhi ngithandaza. Bonke lobo busuku ngabuchitha esihlahleni sikamango.” Naphezu kwalokho, wabhapathizwa ngo-1977. Kamuva indodakazi yakhe nayo yaba ngasohlangothini lukaJehova.

Ukukhululeka Ekukholelweni Ezeni Nakuyi-quimbois

Njengoba abantu befunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi bekusebenzisa abakufundayo, bathola inkululeko ngezindlela ezihlukahlukene. Izinkolelo namasiko amaningi kwabantu baseMartinique kusuka emasikweni nasekukholelweni ezeni okwavela e-Afrika futhi zatshalwa emhlabathini ovundile wobuRoma Katolika. Labo ababa oFakazi BakaJehova eminyakeni edlule basazikhumbula izinkolelo-ze abakhululwa kuzo.

Bayakhumbula ukuthi ngo-Good Friday, ngaphambi kokuba benze noma yini, kwakulindeleke ukuba baqabule isiphambano. Ngalolo suku kwakungavunyelwe nhlobo ukusebenzisa izipikili nezando, kukhunjulwa uKristu. Kwakungavunyelwe nokumba emhlabathini ngehalavu noma ngemfologo ngoba ngokwalokho ababekufundisiwe, “umhlaba wawuzokopha.” Ngakusasa, ngoMgqibelo ekuseni, ukukhala kwezinsimbi zesonto lamaKatolika kwakuthiwa kulethela wonk’ umuntu isibusiso. Ukuze basithole, ngemva kokuba sezikhalile, kwakulindeleke ukuba abantu bagxambukele emanzini—emfuleni noma olwandle. Babegeza izingane zabo ezigulayo, banyakazise labo ababenesifo esithambisa umhlandla namathambo ukuze baqikelele ukuthi nabo bayazuza.

Abanye bakhumbula “imbizo” okwakuvame ukuyiwa kuyo lapho kushone othile. Kwakuba umlindelo oxokozela kabi, kushaywa izigubhu, kusinwa, kuculwa, kuxoxwa nanezinganekwane zesiCreole. Abantu babekholelwa ukuthi lokhu kuzovimbela umphefumulo wofileyo ungahlali endlini futhi uzulazule kuyo.

Nakuba abantu babeqabukela befunde iBhayibheli, abaningi babelibheka njengento engcwele. Babelibeka livulwe ehutsheni elithile, bafake isikele. Kwakucatshangwa ukuthi lokhu kuzovikela umuzi emimoyeni emibi.

Abawakhohliwe namakhubalo ayenziwa izinyanga. Elithi quimbois igama lesiCreole, ngokusho kwabanye, elivela enkulumweni yesiFulentshi ethi “Tiens, bois!” (“Mí, phuza!”) Lokhu kubhekisela ekutheni izinyanga zivame ukuphuzisa abeze kuzo amakhubalo anomlingo. Nakuba lamakhubalo engenamandla omlingo, izinyanga eziningi ziyaceba ngokuwadayisa. Ukwamukela ukukhulekela kweqiniso kuye kwasho ukukhululeka kuzo zonke izinkolelo-ze ezinjalo.

Kugxilwa Eningizimu Yesiqhingi

Ngalé ngaseningizimu yalesi siqhingi kunamadolobhana asogwini iLe Marin, iSainte Anne neLe Vauclin, kanti uma uthi ukungena maphakathi kuneRivière Pilote. Lezi izindawo eziye zenza izivakashi zabheka iMartinique njengesiqhingi esinezingu ezimhlophe nezilwandle zama-coral eziluhlaza. Ziyizindawo eziye zaveza nabadumisi bakaJehova.

Idolobhana lokuqala kulawa elathola ofakazi yiRivière Pilote. Labathola kanjani? Udokotela Maguy Prudent wayesanda kuphothula izifundo zakhe zokwelapha eFrance. Ngaphambi kokuba abuyele eMartinique, oFakazi BakaJehova baxoxa naye ngenjongo kaNkulunkulu yothando ngesintu. Ngakho, lapho efika eMartinique, wathintana noFakazi futhi uSara Noll wamqhubela isifundo seBhayibheli. Ngo-1959 wabhapathizwa. Emsebenzini wakhe wokwelapha, uDade Prudent wayexhumana nabantu abaningi, ngisho nalabo ababevela amadolobhaneni aseduze, futhi wahlanganyela nabo amaqiniso ayewafunde eZwini likaNkulunkulu.

Abamemezeli baseFort-de-France nabo babefika kulendawo bezonikeza ubufakazi. Ngalezo zinsuku babembalwa impela oFakazi ababenezimoto, ngakho babeye baqashe “igogogo” (ibhasi elincane), laqanjwa kanjalo ngoba lalimise okwegogogo lamafutha. Babeqala uhambo lwabo losuku lonke ngokufakaza kubantu kulamadolobhana bese beya kulabo abasemiqanseni. Umsebenzi wosuku wawuphethwa ngeSifundo Se-Nqabayokulinda emthunzini wesihlahla sikamango.

Kamuva, amaphayona akhethekile athunyelwa kulensimu. Phakathi kwawo kwakukhona uMarie Démas, owayeneminyaka engu-70 ubudala, evela eFrance enezizwe eziningi. Isibindi sakhe nokuba namahlaya kwakhe kwabekela abasebasha isibonelo esihle sokusilandela. Ngo-1963, kwafika uSéphora Martinon noGeorgette Charles, amaphayona akhethekile, bezosiza abamemezeli abambalwa. Nokho, kwaze kwaba ngawo-1970 lapho amaphayona akhethekile emadolobhaneni aseduze aseLe Vauclin, eLe Marin, naseSainte Anne aqala khona ukuvuna izithelo zokuzikhandla kwawo, futhi lokho kwenzeka ngemva kweminyaka eminingi etshala futhi ehlakula. Kulawo maphayona kwakunoStéphanie Victor noMonique no-Eugènie Coutinard eLe Vauclin. Siyaphawuleka isibindi esaboniswa u-Eugènie, owakhubazeka ngokomzimba ngemva kokuhlinzwa okukhulu. Wayehamba ngezinduku futhi ekhuluma kanzima, nokho waqhubeka ekhonza njengephayona elivamile.

Ngo-1966, amaphayona akhethekile amabili athunyelwa eRivière Pilote—u-Anne-Marie Birba no-Arlette Girondin—futhi ingakapheli iminyaka emibili kwase kwakhiwe ibandla. Ngo-1970, amanye amabili athunyelwa eLe Marin—uHélène Pérasie noThérèse Padra. Kuze kube ngo-1975 abazalwane nodade abambalwa ababevela kulendawo kwakudingeka bahambe lishone beya emihlanganweni eRivière Pilote. Ngenxa yesibusiso sikaJehova kulomsebenzi, kamuva kwakhiwa amabandla eLe Marin ngo-1979, eLe Vauclin ngo-1984, eSainte Luce ngo-1993 naseSainte Anne ngo-1997. Abazalwane bakulamadolobhana manje bahlanganyela emaHholo OMbuso amahle, futhi amabandla akhulayo anakekela izidingo ezingokomoya zabantu kulezi zindawo.

Izindawo Zemihlangano Emikhulu

Kwasheshe kwadingeka ukuba kube nendawo efanelekayo yemihlangano yesifunda neyesigodi. Amahholo amakhulu ayekhona ngaleso sikhathi kwakungawomdanso abizwa ngokuthi ama-paillote (izindlu zotshani) ngoba zazakhiwe ngamacembe alukiwe ezihlahla zikakhukhunathi. Asebemnkantshubomvu bayawakhumbula amahholo omdanso ayeseKerlys naseSerge Rouch, lapho kwakuqhutshelwa khona imihlangano yethu yesigodi iminyaka eminingi. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi lolu hlobo lwehholo lwalungasafaneleki.

Abafowethu bakha isakhiwo sensimbi esithwalwayo futhi sasenza sakwazi ukuqhuba imihlangano kuzo zonke izingxenye zesiqhingi. Idolobhana ngalinye linenkundla yebhola likanobhutshuzwayo. Ngakho, eminyakeni eminingi ngesikhathi somhlangano wesifunda, sasiye sigxumeke iHholo lethu loMhlangano elithwalwayo ezinkundleni zemidlalo ezihlukahlukene kulesi siqhingi. Yeka ubufakazi obuhle obabunikezwa! Futhi yeka ukuthi kwabakhuthaza kanjani oFakazi imihlangano eyayiqhutshelwa emadolobhaneni abo!

Ngemihlangano yesigodi sasisebenzisa isakhiwo sezemidlalo esivalekile iLouis Achille Stadium eFort-de-France. Sisawukhumbula uMhlangano Wezizwe “Wokholo Olunqobayo” ngo-1978, lapho sabusiswa khona ngokuba noJohn C. Booth, ilungu leNdikimba Ebusayo, njengesikhulumi esiqavile. Kwenye inkulumo yakhe, uMfoweth’ uBooth wathi: “Asinaso nesincane isizathu sokuphelelwa ukholo enhlanganweni kaJehova,” wabe esenezela: “Ukholo lwethu olunganyakaziswa luyovuzwa lapho sinqoba ngokunqoba okukhulu. UJehova akasoze azidumaza izinceku zakhe ezithembekile.” Leso simiso sabakhuthaza kakhulu abantu abangu-2 886 ababekhona.

Amadrama EBhayibheli Ayaheha

Asisoze sayilibala idrama yokuqala eyayingo-1966. Zazingekho izidlala-makhasethi okwakuzodlalwa kuzo amakhasethi edrama. Abadlali kwakudingeka bazazi ngekhanda izingxenye zabo futhi bazisholo zona. Leyo drama eyayikhuluma ngoJeremiya, yathatha cishe amahora amabili! Kwakudingeka sivumelanise ukunyakaza kwabadlali abahlukahlukene nokusebenzisa kwabo imibhobho eminingi ezindaweni ezihlukahlukene. Ngalé kwalokhu, ngenxa yenani elincane loFakazi eMartinique ngaleso sikhathi, abanye kwakudingeka badlale izindima ezingaphezu kweyodwa, bashintshe izingubo phakathi nezigcawu kuye ngokwalowo mlingiswa abammelelayo. Zazibuya! Kodwa izilaleli zazeqiwe injabulo.

Kwakube sekuba yindaba yemisindo. Ngemva kwesiteji, umzalwane wayeshaya uthayela enza sengathi liyaduma. Phezulu esiteji, ngesikhathi zicishiwe izibani ehholo, omunye umzalwane wayesebenzisa i-flash yekhamera enza sengathi liyabanika. Izindaba azihlali phansi esiqhingini. Lapho umphakathi uzwa ngamadrama eBhayibheli esasiwenza, isiteshi sethelevishini sathumela izintatheli zaso ukuba zizosithwebula lapho siprakthiza. Ukusakaza kwabo lezi zithombe kwenza yaziwa kahle lemihlangano yethu.

Ukudiliza Nokwakha

Akungabazeki ukuthi iqiniso leZwi likaJehova ladiliza izinqaba eziningi zamanga nezenkolelo-ze eMartinique. Izinceku zikaJehova ezigcotshiwe, njengomprofethi uJeremiya, zithunywe uNkulunkulu ukuba ‘zisiphule zidilize, zichithe zibhubhise zibuye zakhe zitshale.’ (Jer. 1:10) Ngakho, ngalé kokwambula lokho iZwi likaNkulunkulu elikulahlayo, oFakazi BakaJehova basebenzisa lelo liZwi ukuze basize abathobekileyo ukuba ‘bagqoke ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokwethembeka.’—Efe. 4:24.

Njengoba inani labantu ababesabela ngokwazisa eZwini likaNkulunkulu lalanda, kwadingeka nomunye umsebenzi wokwakha. Inani loFakazi BakaJehova eMartinique lalanda—lisuka ku-1 000 ngo-1975 liya ku-1 500 ngo-1984, laya ku-2 000 ngo-1986. Ababa khona emihlanganweni ngokuvamile bayinani eliliphinda kabili elabamemezeli, futhi baba nangaphezu kwalokho eSikhumbuzweni saminyaka yonke. Ukuze labo ababeza emihlanganweni bathole indawo, kwakudingeka amaHholo OMbuso engeziwe. Sekwakhiwe angu-20, ngalinye lithatha abantu abangu-250 kuya ku-300. Kwakudingeka nezakhiwo ezifanelekayo zehhovisi legatsha.

Isinyathelo Esibalulekile

Ngemva kweminyaka yokufunisisa, abazalwane bathola indawo kwelinye lamagquma abhekene nenkaba yedolobha iFort-de-France futhi eliyindawo enhle yokubuka itheku. Kwakuqopheka umlando eMartinique.

Lalilincane kakhulu inani labantu abazi imisebenzi ethile kubazalwane bendawo ababengazenza batholakale isikhathi esigcwele. Ngakho iNdikimba Ebusayo yagunyaza ilungiselelo lokuba oFakazi abafanelekayo baphesheya basize. Owokuqala owafika ngo-February 1982, kwakunguRobert Weinzaepflen, umklami wezakhiwo waseFrance. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa kwafika uSylvain Théberge evela eCanada ezoqondisa esakhiweni. Leli qembu laphelela ngemva kwamasonto ambalwa lapho kufika abanye abazalwane nodade abangu-20 baseCanada nezinye izisebenzi zokuzithandela zaseMartinique. Abazalwane bendawo abawusekelanga nje kuphela lomsebenzi wokwakha ngokusebenza ngokuzinikela kodwa futhi nangeminikelo yabo, kuye ngokwamandla omuntu, abanye baze banikela nangokokuhloba kwabo kwegolide. Yeka ubufakazi obuhle obanikezwa ngenxa yentshiseko, ubunye nothando olwaboniswa kulomsebenzi!

Ingabe umzamo owawuqondiswe esakhiweni wakuphazamisa ukushumayela obala izindaba ezinhle eMartinique ngaleso sikhathi? Cha, kunalokho kwaba nokwanda okuphawulekayo. Ngo-March 1982, kwakunabamemezeli abangu-1 267 ababekhuthele enkonzweni yasensimini, abangu-19 bengamaphayona avamile kanti abanye abangu-190 bengamaphayona asizayo. Njengoba umsebenzi wawusuzophela ngo-1984, inani labamemezeli lase lande lafinyelela ku-1 635, abangu-491 bengamaphayona asizayo ngo-April. Kwakusobala ukuthi uJehova uyayibusisa imizamo yethu.

Kodwa ukwanda kuyaqhubeka. Esimisweni sokunikezela, ngo-August 22, 1984, uJohn Barr, ilungu leNdikimba Ebusayo, wakhuluma ngesihloko esithi “Ukuqhubekela Phambili Nenhlangano KaJehova.” Wachaza ihhovisi legatsha elisha elinezitezi ezine neKhaya LaseBethel ngokuthi “ithuluzi elihle kakhulu lokubhekana nokwanda nokukhonza kangcono izimvu zikaJehova.” Phakathi kwalezo zilaleli ezazivela emazweni amaningi zizolalela isimiso, kwakunezithunywa zevangeli ezine ezazixoshwe eminyakeni ecishe ibe ngu-34 ngaphambili futhi ezazijabulile ngokubona isibusiso sikaJehova ezincekwini zakhe kulesi siqhingi esincane saseCaribbean.

Usizo Olubalulekile Lwamadoda Angokomoya

Yebo, usizo olwanikezwa kwakungelona olokwakha kuphela. Kwanikezwa nokuqondisa kothando. Kwase kuyiminyaka eminingi, kwaze kwaba ngo-1977, umsebenzi wokushumayela eMartinique ungaphansi kokuqondisa kwegatsha laseGuadeloupe. Phakathi nalesi sikhathi, ababonisi abajikelezayo, abelusi abangokomoya, bathunyelwa bevela kuleso siqhingi. Izimpunga ziyamkhumbula uPierre Jahnke noNicolas Brisart. Kwase kuthi kusukela ngo-1963, amabandla ahanjelwa njalo u-Armand Faustini.

Ngemva kwabo, abanye ababonisi abajikelezayo, nezindlela zabo ezihlukene zokwenza izinto nobuntu babo obungafani, baba neqhaza ekwakheni amabandla ngokomoya. UXavier Noll wahlanganyela iminyaka eminingi kulenkonzo. KwakunoJean-Pierre Wiecek nomkakhe, uJeanine. UDavid Moreau nomkakhe uMarylène, nabo bahambela amabandla alapha nawaseFrench Guiana, ngaleso sikhathi eyayingaphansi kwegatsha laseMartinique. Lapho kumiswa igatsha eFrench Guiana, uMfoweth’ uMoreau, owayeqeqeshwe egatsheni laseMartinique, wamiswa njengomqondisi weKomiti Yegatsha eFrench Guiana. UClaude Lavigne nomkakhe, uRose Marie, babekhonza njengezithunywa zevangeli eKourou eFrench Guiana lapho ekhethelwa umsebenzi wesifunda eMartinique, futhi manje bakhonza njengezithunywa zevangeli eRepublic of Guinea. Abanye nabo bakhonza isikhathi esifushane emsebenzini wesifunda, kodwa bonke bakhunjulelwa ukuzikhandla kwabo nomoya wabo wokwethembeka. Kulabo ababeshadile, omkabo babengabangane abayigugu futhi beyizibonelo ezinhle kodade emabandleni. Manje u-Alain Castelneau noMoïse Bellay, behamba nomkabo, bahambela amabandla ezifundeni ezimbili, amabandla anesilinganiso sabadala abahlanu nezinceku ezikhonzayo eziyisikhombisa.

Nakuba iMartinique iyisiqhingana nje esincane, amalungu eNdikimba Ebusayo aye anikeza ukuqondisa kothando ezincekwini zikaJehova ezilapha. Kuye kwafika u-Ewart C. Chitty, uDaniel Sydlik, uKarl Klein, uWilliam K. Jackson, uLloyd Barry noMilton Henschel, kanye nabanye ababonisi bamagatsha. Abazalwane nodade abangu-12 abahlala futhi basebenze eKhaya LaseBethel, kanye nabo bonke oFakazi BakaJehova eMartinique, bakwazisa kakhulu lokho kuhanjelwa.

‘UJehova Uyababona Abathobekileyo’

Umhubi uDavide wabhala: “UJehova uphakeme nokho [othobekile uyambona, NW].” (IHu. 138:6) Kanti nomfundi uJakobe wanezela ukuthi uNkulunkulu ‘upha abathobekileyo umusa ongafanelwe.’ (Jak. 4:6) Labo uJehova aye wabadonsela kuye eMartinique bawubufakazi obukhulu balokhu.

UChristian Bellay nomkakhe, uLaurette, ababehlala eFort-de-France ngaleso sikhathi, baye bathola umusa ongafanelwe onjalo. Kwakubadida ukuba khona kwezinkolo ezihlukahlukene eMartinique. Iyiphi eyayivunyelwe uNkulunkulu? Lapho uChristian Bellay efunda isAmbulo 22:18, 19 waba nomuzwa wokuthi wayeyitholile impendulo yalowo mbuzo. Iyiphi inkolo enganezeli lutho futhi engasusi lutho eZwini likaNkulunkulu? Ngemva kokuhlola amaqiniso, wagculiseka ukuthi oFakazi BakaJehova. Waqaphela nokuthi kudingeka asebenzise wona lomthetho ekuphileni kwakhe—anganezeli lutho futhi angasusi lutho eZwini likaNkulunkulu, angalahli lutho noma ashaye indiva noma iyiphi ingxenye yalo. Kuze kube yileso sikhathi wayekipitile, kodwa ngo-1956 wabhalisa umshado wakhe noLaurette ngokomthetho. Inkulumo yomshado eyanikezwa ngaleso sikhathi kwakungeyokuqala eyanikezwa uFakazi eMartinique. Ngonyaka owalandela, babhapathizwa eMfuleni iMadame eFort-de-France. Umfowabo uLeon, uyise, unina nomfowabo kaLaurette u-Alexandre, bonke balamukela iqiniso. UMoïse Bellay, enye yamadodana kaChristian noLaurette, ukhonza njengombonisi wesifunda manje. Yeka ubukhulu bomusa ongafanelwe ovela kuJehova oye watholwa yilomkhaya!

Izenzo ezincane zomusa ezincekwini zikaJehova zingalethela abanezinhliziyo ezinhle izibusiso. (Math. 10:42) Kwaba njalo ngo-Ernest Lassus, owayenesitolo sezinto zokuhloba eFort-de-France. Wayewuthatha njalo umagazini i-Phaphama!, hhayi ngoba enesithakazelo kodwa ngoba ebonisa umusa. Langa limbe uFakazi owayemlethela omagazini wamchazela ukuthi uJesu Kristu kuphela, iNkosi yokuThula, oyokwazi ukwenza ubulungisa buvame emhlabeni. Yilokho ayekufuna u-Ernest Lassus. Wavuma ukuba uFakazi amvakashele kwakhe. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli. Uthi: “Manje nginakho konke engikufunayo. Izingane zami eziningi ziseqinisweni; enye yamadodakazi ami iyaphayona, indodana yami eyiphayona ingumdala futhi, kanti indodana endala iyilungu lomkhaya waseBethel yaseMartinique.”

Ukuzimisela Ukukhonza UJehova

Kuyakhuthaza ukubona abancane bemelela uJehova futhi bebonisa ukwazisa kwabo ngesiqondiso sakhe sothando. Abaningi badunyazwa ukungabi bikho kwesiqondiso esinengqondo ezweni. Kodwa iZwi likaNkulunkulu liyabasiza bafunde injongo yangempela yokuphila. (UmSh. 12:13) Njengoba beya bekwazi okuqukethwe iBhayibheli, baqala ukuqonda ukuthi inzuzo yangempela itholakala ngokulalela iseluleko esiku-Isaya 30:21, esithi: “[Izindlebe] zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: Nansi indlela; hambani ngayo.”

Omunye wabo intombazane eneminyaka eyishumi, uClaudia, yabuza imibuzo eminingi ngoFakazi owayehambela umkhaya wakubo. Ngenxa yokugula kukayise, unina akabange esafunda njalo, kodwa lentombazane yaqhubeka ifunda futhi isebenzisa izeluleko zeBhayibheli eyayizifunda. Yalishisa ikhathekizimu layo nencwadi yayo yemisa, yalahla nezithombe zayo zenkolo. Ngemva kokushona kukayise, yenqaba ukugqoka inzilo futhi yafakaza kulabo ababefuna ukuthandazela umphefumulo kayise. Ibonisa umoya onjengowentombazane engumIsrayeli eyayiyincekukazi yomkaNahamani, yakhuthaza unina ukuba aye emihlanganweni yebandla. (2 AmaKh. 5:2-4) EHholo LoMbuso yafike yabhalisa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini. Ngokushesha yayisihlanganyela enkonzweni yasensimini, kwathi ngo-1985, ineminyaka engu-12 ubudala, yabhapathizwa kanye nonina. Unina akananazi ukuvuma ukuthi indodakazi yakhe yaba nesandla esikhulu entuthukweni yakhe ngokomoya.

Enye intsha ibamba amathuba ngokungesabi ukuze ifakaze esikoleni. Uthisha ongumFulentshi eLe François watshela abafundi ukuba benze ucwaningo ngezinkolo ezihlukahlukene eMartinique. URoselaine, owayeneminyaka engu-18 ubudala ngaleso sikhathi kanye nayefunda naye esikoleni bathola ithuba lokunikeza ubufakazi obuhle besebenzisa incwadi ethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu. Bahambisela othisha nabafundi izincwadi ezingaba ngu-20.

Nakuba izindaba okuxoxwa ngazo esikoleni zibhekwa njengezivusa impikiswano kakhulu, oFakazi abasebancane lapha eMartinique baye bakhuluma ngesibindi ukuze bacacise izindinganiso eziphakeme zeZwi likaJehova. UMary-Suzon Monginy ulandisa indaba yakhe: “Ngolunye usuku, lapho sixoxa ngezinkinga zobuningi babantu ngokweqile, uthisha wakhuluma ngezindlela zanamuhla zokuvimba inzalo. Kwabe sekuphakama indaba yokukhipha isisu futhi ngokushesha yavusa impikiswano eshubile. Ngacela kuthisha ukuba ngakusasa ngethule ukwaziswa okuthile okwakuzoveza umbono wami ngalendaba. Wavuma futhi saba nengxoxo eyathatha cishe amahora amabili nekilasi lonke.” Ukwaziswa kwakuthathwe kumagazini wesiFulentshi i-Phaphama! ka-August 22, 1980 enesihloko esithi “Izenzakalo Zezinsuku Zomntwana Ongakazalwa.” Umphumela waba ukuthi ikilasi lalungisa isimo salo sengqondo ngoFakazi BakaJehova.

IMartinique inabantu abasha. Ngokuvamile intsha icwile esimisweni sezentengiselwano esigcizelela ngokungenangqondo izinto ezibonakalayo. Kodwa intsha engoFakazi iye yakubona ukubaluleka kwezinto ezingokomoya. Kuthinta inhliziyo ukubona amaHholo OMbuso eMartinique egcwele intsha efuna ukwazi uJehova nezindlela zakhe.

Ukukhululeka Ekugqilazweni Izidakamizwa

Njengoba kunjalo kwamanye amazwe lapho ukuthanda izinto ezibonakalayo kucinanisa izindanganiso ezingokomoya, intsha eningi eMartinique iye yalimaza impilo yayo futhi yonakalisa ukuphila kwayo ngokusebenzisa i-crack noma eminye imilaliso eluthayo. Nakuba kunjalo, ubuKristu beqiniso buye bakhulula abanye kulemikhuba eyonakalisayo. UPaul-Henri noDaniel baseFort-de-France, babeyingxenye yomphakathi wamaRasta, lapho babezitika khona ngensangu. AmaRasta ayeneyawo incazelo yalokho isAmbulo esikubiza ‘ngamaqabunga okwelapha izizwe.’ Kodwa ayengazami nakuzama ukuchaza yonke ingxenye yaleyo ncwadi yeBhayibheli. Kodwa uPaul-Henri noDaniel babefuna ukuyiqonda futhi oFakazi BakaJehova bathi bazobasiza.

UPaul-Henri noDaniel bathi: “Sasiye sibe mathintanyawo ukuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova, sesaba ukungemukelwa kahle ngenxa yendlela esasibukeka ngayo, eyayenyanyeka.” Kodwa bathi bangaya, bamangazwa umusa, imfudumalo nokungazenzisi kwalabo abababona eHholo LoMbuso. Ngesonto elalandela bagunda izinwele futhi baqala ukugqoka ngendlela ebukekayo. Ngesikhashana nje, bayeka nokubhema. Ngokushesha nabo base behlanganyela izindaba ezinhle nabanye.

UPaul-Henri uyenezela: “Ngelinye ilanga lapho ngifakaza emgwaqweni, umphathi wamaphoyisa, engake ngahilizisana naye ngenxa yokusebenzisa kwami imilaliso, wamemeza emangele: ‘Ngoba ngithi uGrosdésormaux nje lo!’ Esikhwameni sami angikhiphanga imilaliso, kodwa iBhayibheli nomagazini abathatha ngenjabulo, engitusa futhi engikhuthaza ukuba ngiqhubeke. Ngaqhubeka. Ngabhapathizwa ngo-1984 futhi ngangenela izinhlu zamaphayona avamile ngo-1985. Namhlanje ngishadile futhi ngiyinhloko yekhaya, ngiwumdala ebandleni lendawo. Umngane wami uDaniel naye wenza intuthuko efanayo eqinisweni.”

Akuyona intsha kuphela efuna izimpendulo zemibuzo yokuphila. Nabadala. Licabangela ukusiza bonke ababezimisele ukufunda, phakathi kuka-April no-May 1995, igatsha lenza amakhophi e-Kingdom News angu-250 000 anesihloko esithi “Kungani Ukuphila Kugcwele Izinkinga Kangaka?” ayezohanjiswa. Njengoba kunabantu abangu-330 000 kuphela kulesi siqhingi, kwakusho ukuthi bonke abantu abadala nentsha babeyokwazi ukuzuza kulomyalezo obalulekile. Kwavula ithuba lezingxoxo eziningi ezathela izithelo.

Umbonisi wesifunda wabika ukuthi owesifazane othile wasemaphandleni wazama ukushayela igatsha leNhlangano ucingo ngemva kokufunda leli pheshana. Ngenxa yokuthi wayephuthuma, washaya inombolo okungeyona, kodwa nokho yayisalungile nayo. Ucingo lwaqonda eHholo LoMbuso eFort-de-France. Ngaleso sikhathi abamemezeli babelungiselela ukuya ensimini nombonisi wesifunda. Wathi: “Ngicela nithumele omunye woFakazi BakaJehova ngokushesha ngangokunokwenzeka. Ngifuna ukufunda iBhayibheli.” Ngakusasa wathola usizo ayelufuna.

Ekugcineni, IHholo Lethu LoMhlangano

Ukuthola izindawo zokuqhubela imihlangano yethu kwakuya kuba inkinga enkulu. Inani lababeba khona lalilokhu landile. Ngaphezu kwalokho, ihholo lemidlalo ezinkundleni esasizisebenzisela imihlangano lalingasafaneleki. Yini eyayingase yenziwe?

Ngalesi sikhathi umdala othile waseBandleni LaseRivière Salée wayefuna indawo yokwakha iHholo LoMbuso. Ngokumangalisayo wanikezwa isiza esingamahektare ayisithupha—sisikhulu kakhulu kunesasifunelwa iHholo LoMbuso! Ngenhlanhla, sasimaphakathi nesiqhingi. Kulendawo kwakuneshede elidala elakhiwe ngezinsimbi elalingase lisetshenziswe njengendawo yomhlangano yesikhashana, nakuba lase lilidala. Ngo-1985 saba nomhlangano wethu wokuqala khona. Kwaba khona abangu-4 653, bengaphezu kwabangonyaka ongaphambili ngabantu abangu-600.

Umsebenzi wesakhiwo esisha waqala ngo-1992. Kwafika abazalwane nodade abaningana bevela e-Italy bezosiza esakhiweni, behamba ngezindleko zabo. OFakazi bendawo banikela ngesikhathi sabo nangezimali. Sesiphelile lesi sakhiwo manje. Leli Hholo LoMhlangano elihle lithatha abantu abangu-5 000. Eqinisweni ihholo elikhulu kunawo wonke eMartinique.

Akusadingeki sihlehlise imihlangano yethu—ngokuvamile ngomzuzu wokugcina—ngenxa yomdlalo webhola lezinyawo osuke uhlelwe sekwephuzile. Ngaphezu kwalokho awusekho nomsebenzi onzima wokwakha, ukudiliza, ukuthutha nokubeka izakhiwo ezithwalwayo zensimbi. IHholo lethu loMhlangano, elizungezwe izimbali, amasundu nezihlahla ezinkulu ezinezimbali ezisawolintshi, linikeza uJehova udumo.

Inhlangano Edumisa UJehova

UJehova uye waqikelela ukuthi eminyakeni engaphezu kwengu-50 edlule, ukukhulekela kweqiniso kuye kwagxila futhi kwachuma eMartinique. Ngenhlangano yakhe, uye waqeqesha labo abaphathiswe ukwengamela. UXavier Noll kanye nomkakhe baqeqeshwa njengezithunywa zevangeli ekilasini lama-31 eGileyadi. Kamuva, uMfoweth’ uNoll waqeqeshwa izinyanga eziyishumi eGileyadi ngo-1964. Lokhu kuqeqeshwa kwaba yinzuzo kakhulu lapho iNdikimba Ebusayo inquma ukumisa ihhovisi legatsha le-Watch Tower Society eMartinique ngo-February 1977.

Amalungu okuqala eKomiti Yegatsha kwakunguXavier Noll, umqondisi, uValentin Carel noGérard Trivini. Kamuva, kwamiswa no-Armand Faustini, osechithe iminyaka eminingi engumbonisi ojikelezayo. Ngemva kokushona kukaMfoweth’ uTrivini noMfoweth’ uCarel esethuthele eFrance, kwafakwa uHenri Ursulet ngo-September 1989 ukuba abe ilungu lesithathu leKomiti Yegatsha. Wazalwa ngo-1954, unyaka uXavier noSara Noll abafika ngawo bezozinikela enkonzweni eMartinique bevela eFrance. Kusukela ewusana, uHenri wayeye wazuza esibonelweni sikanina sokholo, njengoba kwakunjalo ngoThimothewu, umngane kamphostoli uPawulu.—2 Thim. 1:5.

Ngo-1975, kwakunabamemezeli abangu-1 000 namabandla angu-15 kulesi siqhingi. Ngo-1997 kwafinyelelwa inani eliphakeme labamemezeli abangu-4 000. Bonke bakhonza emabandleni angu-46. Phakathi neminyaka engu-20 edlule, siye sathola isilinganiso sokwanda kwaminyaka yonke esingamaphesenti angu-7.

Kakade kunoFakazi oyedwa kubantu abangu-90 eMartinique. Izinkulungwane zabathakazelayo ziqhutshelwa izifundo zeBhayibheli. Umsebenzi kaJehova waziwa kuso sonke isiqhingi. OFakazi bakhe nabo bayaziwa impela. Kuya kuba nzima ngabanye ukukhuluma kabi ngoFakazi ngoba kuhlale kunothile eduze ozokhuza lowo onyundelayo. Ukufakaza okwenziwa emigwaqweni, ezindaweni zomphakathi, ezimakethe nasezindaweni zokupaka zezibhedlela nezezitolo ezinkulu kwenza abantu bahlale besizwa isigijimi soMbuso. Futhi lapho abantu ekhaya bezwa othile ethi “To-to-to, il y a du monde?” (“Sanibona, kukhona okhona?”) bavele bazi ukuthi oFakazi BakaJehova sebezoxoxa nabo ngoMbuso kaNkulunkulu.

Kwezinye izingxenye zesiqhingi, kuvamile ukuba amasimu asetshenzwe masonto onke. Lapho abamemezeli bephuma beya enkonzweni yasensimini, kungenzeka babelwe izindlu ezingu-10 noma ezingu-15 ukuba bazisebenze. Ezindaweni ezinjalo, basuke befakaza kubantu asebesizwe kaningi isigijimi. Lokhu kudinga ukuba abamemezeli bashintshashintshe izingeniso zabo nezihloko abaxoxa ngazo nabaninikhaya. Kudingeka bazisebenzise ngokuphumelelayo izincwadi nokusikisela okunikezwa isigqila esikholekile nesiqondayo. Kuze kube muva nje, ukufakaza emgwaqweni kwakungenziwa njalo emasimini esiFulentshi, kodwa manje kuya kuba isici senkonzo esithakazelisayo nesikhiqizayo.

“Si Bon Dié Lé”

Abantu baseMartinique baye bathi uma bekhuluma bathi “Si bon Dié lé” (“Uma kuyintando kaNkulunkulu”). Yebo, intando kaNkulunkulu ishiwo ngokucacile eBhayibhelini. IHubo 97:1 lithi: “UJehova uyinkosi; umhlaba mawethabe, zijabule iziqhingi eziningi.” IHubo 148:13 liyenezela: “Mabadumise igama likaJehova.” Futhi ngomprofethi wakhe u-Isaya, uJehova udlulisela lesi simemo esincengayo: “Sengathi nga ulalele imiyalo yami . . . ukuthula kwakho kwakuyakuba-njengomfula.” (Isaya 48:18) Ngenxa yobuhle bakhe, intando kaNkulunkulu iwukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thim. 2:4) Intando kaNkulunkulu iwukuba abuye akhulule indalo yakhe, agqashule amaketanga ayo futhi enze wonke umhlaba ube ipharadesi elihlala abantu bazo zonke izinhlanga nemibala abamunye ekukhulekeleni uMdali wabo. (Roma 8:19-21) Abantu baseMartinique basenalo ithuba lokuzuza kuleyo njongo yothando.

IMartinique ishintshe kakhulu kuleminyaka eyishumi edlule, njengoba neplanethi ishintshile. Imilaliso, ukuthanda izinto ezibonakalayo nokuwohloka kokuziphatha kuye kwashintsha indawo eyayifana nepharadesi. IZwi likaNkulunkulu labikezela ukushintsha kwezimo zengqondo zabantu okuye kwabangela lezi zimo. (2 Thim. 3:1-5) Kodwa izimo ezinjalo aziyona intando kaNkulunkulu. Kunalokho, uJehova uyaqhubeka ekhipha abantu abachaza ngokuthi “okunxanelekayo” futhi abalungiselele ukuphila beyingxenye yomphakathi wembulunga yonke yabantu bakhe abayohlala ePharadesi. (Hag. 2:7) Laba akubona abantu abazithela ngabandayo bangenzi senzo ngoba nje bekholelwa ukuthi uma kuyintando kaNkulunkulu, vele kuzokwenzeka. Kunalokho, bangabantu abahlolisisa imiBhalo ukuze bathole ukuthi iyini intando kaNkulunkulu bese bezenza ngentshiseko izinto ezizomjabulisa, beqhutshwa uthando.—IzE. 17:11; Thithu 2:13, 14.

[Isithombe ekhasini 192]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Amabandla angu-46 asakazeke ezindaweni ezishiwo ngamagama

SAINT PIERRE

CASE PILOTE

SCHOELCHER (2)

FORT-DE-FRANCE (14)

LES TROIS ÎLETS

AJOUPA BOUILLON

LE MORNE ROUGE

GROS MORNE

VERT PRÉ

SAINT JOSEPH (2)

LE LAMENTIN (3)

DUCOS

SAINT ESPRIT

RIVIÈRE SALÉE

RIVIÈRE PILOTE

SAINTE LUCE

BASSE POINTE

LE LORRAIN

MARIGOT

SAINTE MARIE

TRINITÉ (2)

LE ROBERT (2)

LE FRANÇOIS (2)

LE VAUCLIN

LE MARIN

SAINTE ANNE

[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 162]

[Isithombe ekhasini 167]

UXavier noSara Noll, ngonyaka abafika ngawo eMartinique

[Isithombe ekhasini 175]

Izinceku zikaJehova ezithembekile, ezinesikhathi eside:

(1) ULeon Bellay, (2) uJules Nubul, (3) uGermain Bertholo, (4) uPhilippe Dordonne, (5) uRoger Rosamond, (6) uChristian Bellay, (7) u-Albert Nelson, (8) uVincent Zébo, (9) uVincent Muller

[Isithombe ekhasini 177]

Abesifazane ababeka izibonelo ezinhle njengabafundisi beZwi likaNkulunkulu: (1) UStella Nelzy, (2) uVictor Fousse (manje ongowakwaLasimant), (3) uLéonide Popincourt, (4) u-Andrée Zozor, (5) u-Emma Ursulet

[Isithombe ekhasini 183]

IHholo LoMbuso lokuqala elalithi bona (eFort-de-France)

[Isithombe ekhasini 186]

Umkhaya wakwaMoutoussamy, wonke uhlanganyela nebandla lobuKristu

[Isithombe ekhasini 191]

IMount Pelée neSaint Pierre igudle amanzi

[Isithombe ekhasini 199]

Umkhaya waseBethel yaseMartinique

[Isithombe ekhasini 207]

Ekugcineni, iHholo LoMbuso—eRivière Salée

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela