IQINISO ELISEBHAYIBHELINI
Amanethi Okudoba Ngezikhathi ZeBhayibheli
Abafundi beBhayibheli bangakhumbula ukuthi abanye babafundi bakaJesu babengabadobi. (Marku 1:16-20) Babesebenzisa amanethi lapho bedoba oLwandle LwaseGalile.
Amanethi okudoba ayenziwa ngendophi, ngokuvamile eyayenziwa ngefilakisi noma ngentambo yelineni ukuze kwenziwe inethi. Ubukhulu benethi babuya ngokuthi umdobi ufuna ukubamba ufishi ongakanani. Ngokuvamile, amanethi amancane ayeba namatshe noma ezinye izinto ezinesisindo ukuze ziwenze ashone phansi emanzini, kuyilapho amanethi amakhulu ayeba nezinto ezisindayo ngaphansi nezinto eziwukhuni ngaphezulu.
Amanethi okudoba ayebiza kakhulu. Ayengase adatshulwe amatshe aphakathi olwandle noma isisindo sofishi omkhulu kakhulu obanjwe inethi. (Luka 5:6) IBhayibheli lithi lapho uJakobe noJohane “belungisa amanethi abo”—cishe babesebenzisa inaliti nentambo yelineni. (Math. 4:21) Cishe abadobi babelungisa amanethi abo njalo lapho beqeda ukuwasebenzisa. ULuka naye uchaza ukuthi abadobi ‘babegeza amanethi abo’ ukuze basuse ukungcola. (Luka 5:2) Ngemva kwalokho, abadobi babewaneka ukuze ome—cishe ukuze angaboli.—Hez. 47:10.
UJesu wamema amadoda ayejwayele ukusebenzisa amanethi ukuba abe “abadobi babantu.”