MEYI 18-24, 2026
INGOMA 35 “Niqiniseke Ngezinto Ezibaluleke Kakhulu”
Uzolwisana Kanjani Neziphazamiso?
“Qhubekani niqonda ukuthi iyini intando kaJehova.”—EFE. 5:17.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngalokho esingakwenza ukuze imisebenzi ehlobene nokukhonza uJehova ihlale iza kuqala ngisho nalapho kunezinto ezingase zisiphazamise.
1-2. Into ebalulekile ingaba kanjani yisiphazamiso?
WAGCINA nini ukulwisana nesiphazamiso? Mhlawumbe into ethile yakwenza wayeka ukunaka into owawuyenza futhi kwadingeka unqume ukuthi yini eyayibaluleke kakhulu. Ngokwesibonelo, ake sithi ifoni yakho iyakhala njengoba ushayela. Kungenzeka lolo cingo lubalulekile, kodwa uyaqaphela ukuthi njengoba ushayela luyisiphazamiso. Ukugxila ekushayeleni yikona okubaluleke kakhulu.
2 Ziningi izinto ezibalulekile okudingeka sizenze ekuphileni kwethu. Siyazi ukuthi ukugxila emisebenzini esiyenzayo ehlobene nokukhonza uJehovaa nokuyenza njalo kubaluleke kakhulu. (Math. 6:33) Njengabashayeli abashayela ngokucophelela, abantu bakaJehova bazama ukubona ukuthi yini engase ibaphazamise ekugxileni kulokho okubaluleke kakhulu.—IzAga 4:25; Math. 6:22.
3. Kungani kuzosisiza ukuxoxa ngokuthi singalwisana kanjani neziphazamiso?
3 Akekho phakathi kwethu okuhlela kusengaphambili ukuthi kube nezinto ezizomphazamisa ekubekeni uJehova kuqala. Noma kunjalo, sonke sibhekana nezimo ezingasiphazamisa kalula nje. (Luka 21:34-36) Ngakho, ukuze sikwazi ukugxila enkonzweni esiyenzela uJehova, ake sixoxe ngokuthi (1) yiziphi iziphazamiso esibhekana nazo, (2) uJesu walwisana kanjani nezinto ezazingase zibe yisiphazamiso, nangokuthi (3) singalwisana kanjani neziphazamiso namuhla.
YIZIPHI IZIPHAZAMISO ESIBHEKANA NAZO?
4-6. Yiziphi izinto ezingase zisiphazamise kalula nje?
4 Sonke sinezinto eziningi ezidinga isikhathi sethu ekuphileni kwethu. Ngokwesibonelo, kungenzeka sikhathazekile ngempilo yethu noma kungenzeka kunezinto okudingeka sizenzele imindeni yethu noma sizenzele thina. Yiqiniso ukuthi lezo zinto zibalulekile futhi zidinga isikhathi sethu. Kodwa kungenzeka yini zibe yisiphazamiso? Kungenzeka, uma sesihlale sicabanga ngazo futhi zidla sonke isikhathi sethu, zisishiya singenamandla okwenza ezinye izinto.
5 Ngaphezu kwalokho, iningi lethu lihlala ezindaweni ezikhungethwe udlame lwezepolitiki, ukuwohloka kwezomnotho, ukuqubuka kwezifo nezinxushunxushu ezingapheli, okubonisa ukuthi siphila ezweni elibi. (2 Thim. 3:1) Lapho sibhekana nezinto ezinjengalezi, singase sikhathazeke kakhulu size sizithole sesihlale sicabanga ngazo.
6 Mhlawumbe sazi abantu abaye babhekana nalezi zinto ezibuhlungu futhi ukuphila kwabo kwashintsha ngokuphelele. Kuyaqondakala ukuthi bacindezelekile ngokomzwelo ngenxa yezinto ababhekana nazo. Akukho ngokwemvelo ukuba abantu bacindezeleke isikhathi eside. Akumangazi ukuthi kungani abanye benomuzwa wokuthi bona bancishiwe ithuba lokuphila ukuphila okuvamile ngenxa yokukhuthazelela izinto ezinzima! Ngenxa yalokho, abanye bazama ukuqeda ukucindezeleka ngokuchitha isikhathi esiningi kwezokuzijabulisa noma kwezemidlalo. Yini esingayenza uma siqaphela ukuthi nathi sizizwa njengabo? Ake sixoxe ngokuthi yini esingayifunda kuJesu ezosisiza silwisane nezinto ezisiphazamisa ekukhonzeni uJehova.
UJESU WALWISANA KANJANI NEZINTO EZAZINGASE ZIMPHAZAMISE?
7. Yini eyayingase ibe yisiphazamiso kuJesu?
7 UJesu wayengase aphazanyiswe yizinto eziningi, njengezindaba zomphakathi nezepolitiki. Ngesikhathi ayephila ngaso, abantu abaningi babehlupheka futhi begula. (Math. 14:14; Marku 14:7) AmaRoma namanye amaJuda ayebaphatha ngendlela engenabulungisa. Lapho abantu bebona ukuthi uJesu wayenamandla okwenza izimangaliso, babefuna ukumenza inkosi yabo. (Joh. 6:14, 15) Ngaphezu kwalokho, uJesu walingwa uSathane, owathembisa ukumenza umbusi wezwe ngokushesha. (Math. 4:8, 9) Nomphostoli uPetru, omunye wabangani bakaJesu abaseduze, wake wamkhuthaza ukuba akhethe indlela elula, ethi: “Yiba nomusa kuwe, Nkosi.”—Math. 16:21, 22.
8. UJesu walwisana kanjani nezinto ezazingase zibe yiziphazamiso?
8 UJesu walwisana kanjani nezinto ezazingase zibe yiziphazamiso? Ngezindlela ezintathu. Okokuqala, walingisa indlela uJehova acabanga ngayo. (Joh. 8:28; 14:9) Okwesibili, waqhubeka ematasa ngokufundisa nangokushumayela. (Math. 9:35) Okwesithathu, wayekuqonda kahle lokho okwakubaluleke ngempela. (Joh. 4:34) Wazenqaba ngokuqinile izilingo zikaSathane futhi akazange amlalele noPetru lapho embonisa umusa ngezinhloso ezinhle kodwa ezazingahambisani nalokho okufunwa uJehova. (Math. 4:10; 16:23) UJesu akazange avumele lokho okwakucatshangwa abantu, izinto ababezisho noma ababezenza ukuba kumphazamise ekufezeni injongo kaNkulunkulu. Yiqiniso ukuthi singase sibhekane neziphazamiso ezihlukile kulezo uJesu abhekana nazo. Kodwa ngokufunda okwengeziwe, singakwazi ukulwisana neziphazamiso esibhekene nazo silingisa uJesu.
SINGALWISANA KANJANI NEZINTO EZIYISIPHAZAMISO KITHI?
9. Kusho ukuthini ‘ukuqhubeka uqonda ukuthi iyini intando kaJehova’? (Efesu 5:17)
9 Funda ukucabanga njengoJehova. Ukwenza kanjalo kungakusiza ‘uqhubeke uqonda ukuthi iyini intando kaJehova.’ (Funda eyabase-Efesu 5:17.) Singafunda ukuthi yini ejabulisa uJehova ngokufunda iZwi lakhe nangokuzindla ngalo. Lokho singakwenza ngisho noma indaba esiyifunda eBhayibhelini ingakhulumi ngesimo esibhekene naso ngaleso sikhathi. Kanjani? Ngokuzijwayelanisa nendlela kaJehova yokucabanga nangokuhlale sikulungele ukuqondiswa yiyo.
10. Singayifunda kanjani indlela uJehova acabanga ngayo?
10 Singafunda ngendlela uJehova acabanga ngayo ngokutadisha iBhayibheli nangokucabanga ngendlela asebenzelana ngayo nabantu. (Jer. 45:5) Njengoba sifunda izindaba ezikhuluma ngalokho, singazibuza imibuzo enjengokuthi: ‘Kungifundisani lokhu ngoJehova? Ngingakusebenzisa kanjani ukuze ngibheke izinto njengoJehova?’ Yiqiniso ukuthi indlela uJehova acabanga ngayo iphakeme kunendlela thina esicabanga ngayo. (Isaya 55:9) Ngakho kuyafaneleka ukuba sicele yena asifundise ukuthi singayenza kanjani intando yakhe. (IHu. 143:10) Sithandazela nokuba asisize siqonde indlela acabanga ngayo bese sicabanga njengaye futhi siyaqiniseka ukuthi uzosisiza.—1 Joh. 5:14.
11. Yini uJehova asifunela yona?
11 Njengoba sifunda ukucabanga njengoJehova, siyaqonda ukuthi ufuna sizigweme iziphazamiso ukuze ukuphela kwaleli zwe kusifice sikulungele. (Math. 24:44) Akafuni sikhungathekiswe yizinkathazo. (Math. 6:31, 32) Ngakho lapho sesihlale sikhathazekile ngenxa yokucabanga ngempilo yethu, umsebenzi, umuzi wethu noma ezinye izinto eziqondene nathi nomndeni wethu, uJehova uthi uzosisiza. Usicela ukuba sikucele kuye ukuhlakanipha namandla okubhekana nezinkinga zethu.—IHu. 55:22; IzAga 3:5-7.
12. Iyiphi indlela esingabhekana ngayo nokucindezeleka okubangelwa ukukhathazeka ngezenzakalo zezwe? (Mathewu 5:3)
12 Hlale umatasa enkonzweni kaJehova. Sonke ziyasicindezela ngezinga elithile izenzakalo zezwe esingenawo amandla okuzilawula. Ngakho, ukuze sigweme ukuphazanyiswa yilezo zinto, sigxila ekukhonzeni uJehova. Singajabula uma senza konke esingakwenza ukuze sanelise isidingo sethu esingokomoya—okuyisidingo uJehova asidale naso. (Funda uMathewu 5:3, mbhw.) Singanelisa leso sidingo ngokwazi uJehova, ngokutadisha iZwi lakhe iBhayibheli nangokwenza konke okusemandleni ethu ukuze simkhonze kunoma yiluphi uhlobo lwenkonzo esikwazi ukulenza. Ngokwenza kanjalo, siyobe sijabulisa noJehova ngoba siyobe sisisebenzisa ngokuhlakanipha isikhathi sethu.—IzAga 23:15.
13. ‘Singasisebenzisa kanjani kahle isikhathi sethu’?
13 NjengamaKristu, sizimisele ‘ukusisebenzisa kahle isikhathi sethu.’ (Efe. 5:15, 16) Siyaqaphela ukuthi iBhayibheli alisikhuthazi ukuba sisebenzise kahle isikhathi sethu ezintweni esizenza nsuku zonke kuphela. Kunalokho, lisinxusa ukuba sicabangisise ngokuthi sisisebenzisa kanjani isikhathi sethu ngaphambi kokuba uJehova aqede leli zwe elibi. Sisisebenzisa kanjani isikhathi sethu ngokuhlakanipha? Ukube besingachitha isikhathi esiningi sibukana nezindaba ezimbi, besingaphazamiseka, sidikibale futhi singabe sisashiseka ekukhonzeni uJehova. Kungcono kakhulu ukuba sizikalele ukuthi sizochitha isikhathi esingakanani lapho sibuka noma sifunda izindaba! Ngaleyo ndlela, siyogwema ukukhungatheka futhi siyokwazi ukuhlale simatasa ngemisebenzi engokomoya ekhuthazayo. Senza kahle nangokucabangela ukwenza okwengeziwe enkonzweni noma nini lapho kungenzeka, njengokukukhuthalela kakhudlwana ukubuyela kwesixoxe nabo. Siyakuqonda ukubaluleka kokusebenzisa wonke amathuba esiwatholayo ukuze sisize abantu ‘basindiswe futhi bathole ulwazi olunembile lweqiniso.’—1 Thim. 2:4.
14. Iyiphi indlela okusisiza ngayo ukuhlale simatasa ngemisebenzi kaJehova? (Bheka nesithombe.)
14 Lapho sihlale simatasa ngemisebenzi kaJehova, siba nombono ofanele ngesikhathi esiphila kuso. Njengoba sibona kulokhu kunodlame lwezepolitiki, ukuwohloka kwezomnotho nezifo ezithe chithi saka, asethuki. Siyabona ukuthi lezi zinto zimane ziwubufakazi bokuthi kugcwaliseka isiprofetho seBhayibheli. Kunokuba siphazanyiswe ukwesaba okungenasidingo, siyaqiniseka ngenjongo kaJehova ngekusasa lethu. Singahlala sizolile njengoba siqhubeka sithembela kuJehova ukuba asisize sikhuthazele.—IHu. 16:8; 112:1, 6-8.
Naphezu kwezenzakalo zezwe eziphazamisayo, hlale umatasa ngemisebenzi kaJehova (Bheka isigaba 14)b
15. ‘Ukuhluzeka engqondweni’ kuyosisiza ukuba senzeni? (1 Petru 4:7)
15 Hlale ukhumbula ukuthi yini ebaluleke ngempela. Abantu abaningi namuhla bagxile kwezokuzijabulisa, hhayi ekutheni leli zwe lizophela maduzane. Nakuba kungekubi ukuzijabulisa, kudingeka ‘sihluzeke engqondweni’ ukuze sigweme ukuthonywa umbono wezwe. (Funda eyoku-1 Petru 4:7.) Kusho ukuthini lokho kithi? Phakathi kwezinye izinto, kusho ukuba nokwahlulela okuhle ukuze sihlale sinombono olinganiselayo ngezokuzijabulisa futhi senze izinqumo ezihlakaniphile. Lezo zinqumo ziyobonisa ukuthi sicabanga njengoJehova futhi siyaqonda ukuthi yini ebaluleke ngempela.—2 Thim. 1:7.
16. Yini uJesu agxila kuyo njengoba ukufa kwakhe kwakusondela?
16 UJesu wayehlale ekhumbula ukuthi yini ebaluleke kakhulu. Phakathi namahora akhe okugcina anzima esemhlabeni ngaphambi kokufa kwakhe, wagxila ngokuphelele ekuhlaleni eqotho nasekufezeni intando kaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, wathandaza kaningi ngokusuka enhliziyweni. Ngokungefani noJesu, owahlale ephapheme, abafundi bakhe balala. ‘Babekhathele ngenxa yosizi.’—Luka 22:39-46; Joh. 19:30.
17. Kungani abantu abaningi besebenzisa izinkundla zokuxhumana, kodwa zingaba kanjani yisiphazamiso? (Bheka nesithombe.)
17 Njengabafundi bakaJesu, ngezinye izikhathi singase sicindezeleke ngokomzwelo. Izenzakalo ezibonisa ukuthi siphila esikhathini sokuphela zingasibangela ukukhathazeka. Abaningi namuhla bachitha isikhathi esiningi ezinkundleni zokuxhumana ukuze bakhohlwe yizinkinga zabo. Bazisebenzisela ukuxhumana nabangani nomndeni emhlabeni wonke nokuthumela izindaba, izithombe nokunye. Bazisebenzisela nokuthi babe nezinto abangazijabulisa ngazo ezihlezi zikhona. Kodwa bangazithola sebegxile kakhulu kulezo zinto, bechitha isikhathi sabo esiningi namandla abo ukuze bathole ezakamuva. Ukuze sibe nombono ofanele ngezinkundla zokuxhumana, singase sizibuze, ‘Ingabe indlela engisebenzisa ngayo izinkundla zokuxhumana ingenza ngiqabuleke noma ingenza ngingabe ngisabona kahle ukuthi yini ebaluleke ngempela?’
Ukwahlulela okuhle kusisiza sigweme ukuphazanyiswa yizinkundla zokuxhumana, ezokuzijabulisa nezemidlalo (Bheka isigaba 17)
18. Kungani kudingeka sibe nokwahlulela okuhle lapho sikhetha ezokuzijabulisa?
18 Ukwahlulela okuhle kuyadingeka nalapho sibuka amamuvi noma izinhlelo ze-TV eziwuchungechunge ezitholakala kuyi-inthanethi, lapho sibuka amavidiyo amafushane kuyi-inthanethi noma imidlalo yamavidiyo. Lezi zinto zingasijabulisa futhi zisisize sipholise ikhanda. Kodwa sidinga ukwahlulela okuhle lapho sikhetha uhlobo lwezinto esizozijabulisa ngazo nesikhathi esizosichitha kuzo. Imithombo yezinhlelo zamavidiyo ihlale isibonisa izinto ezintsha esingazibuka futhi ingasibonisa nezinto ezinobudlova noma ezinokuziphatha okubi. Yilokho okwenzeka komunye umfowethu wase-Asia. Waqale wabuka amavidiyo amafushane aveza amazwibela amamuvi kuyi-inthanethi. Njengoba ayeqhubeka ebuka la mavidiyo amafushane ayevezelwa wona, wazithola esebuka izigcawu ezinokuziphatha okubi. Ekugcineni, waqala ukubuka izithombe zocansi ezingcolile. Siyajabula ngokuthi abadala nabangani abaseduze bakwazi ukumsiza wathatha izinyathelo eziqinile zokuyeka ukwenza lokho—ukudilitha ama-app ayebuka kuwo lezo zinto nokuzikalela ukuthi uzochitha isikhathi esingakanani lapho esebenzisa ifoni yakhe. Le ndaba ikuveza kahle ukuthi kungani kudingeka sibe nokwahlulela okuhle lapho sikhetha ezokuzijabulisa.
19. Yini engenzeka uma ukuphila kwethu kugxile kwezokuzijabulisa?
19 Kungase kudingeke sibe nokwahlulela okuhle uma kuziwa endabeni yokuzijabulisa nasemaholidini esiwakhethayo. Sonke siyakudinga ukuphumula nokuthatha ikhefu ngezikhathi ezithile—kuyasisiza futhi kusigcina sinempilo enhle. Kodwa uma sigxila kakhulu kwezokuzijabulisa, sizibeka engcupheni yokuba abantu abangalinganiseli nabasebenzisa isikhathi engabe basisebenzisa ezintweni ezibaluleke kakhulu. (Fil. 1:10) Sonke kumele sizinqumele ukuthi yini esizoyenza nokuthi sizochitha isikhathi esingakanani senza leyo nto. Lapho wenza izinqumo ezinjalo, zibuze: ‘Ingabe isikhathi engisichitha kwezokuzijabulisa nasemaholidini sibonisa ukuthi nginokwahlulela okuhle? Ingabe engikwenzayo kuyobonisa ukuthi ngiyaqikelela ukuthi ngikubeka kuqala lokho okubaluleke ngempela futhi ngikulungele “ukuphela kwezinto zonke”?’
20. Sizuza kanjani ngokulwisana neziphazamiso?
20 Siyazuza lapho silwisana nezinto ezisiphamisa ekwenzeni imisebenzi ehlobene nokukhonza uJehova nasekuyenzeni njalo. (Isaya 48:17) Ngosizo lukaJehova, siyokwazi ukuzikhuthazelela kangcono izinselele esibhekene nazo ekuphileni. Ngeke sithuswe izenzakalo zezwe. Siyokugwema nokuchitha isikhathi esiningi kakhulu kwezokuzijabulisa. Ngakho, masiqhubeke senza konke esingakwenza ukuze sicabange njengoJehova, sihlale simatasa enkonzweni yakhe futhi sihlale sikhumbula ukuthi yini ebaluleke ngempela. Ngokwenza kanjalo, ngeke sigcine ngokulwisana nezinto eziyisiphazamiso, kodwa ‘siyobambisisa nokuphila kwangempela.’—1 Thim. 6:19.
INGOMA 129 Masiqhubeke Sikhuthazela
a INCAZELO YAMAGAMA: Imisebenzi ehlobene nokukhonza uJehova esiyenzayo ibhekisela kunoma yini ehlobene nokukhonza uJehova—njengokutadisha iBhayibheli, ukuya emihlanganweni yebandla, ukwenza ukukhulekela komndeni nokuya enkonzweni yasensimini. Sisuke sikhonza uJehova nalapho senza umsebenzi wokwakha nowokulungisa izindawo esihlangana kuzo ukuze simkhonze, sisiza lapho kunezihlekelele, sivolontiya emihlanganweni yethu emkhulu noma sikhonza eBethel.
b INCAZELO YESITHOMBE: Indoda nomkayo baqhubeka bematasa nomsebenzi wokushumayela ngoMbuso kunokuba baphazanyiswe yizenzakalo zezwe.