EPHRELI 6-12, 2026
INGOMA 82 “Ukukhanya Kwenu Makukhanye”
Indlela Esingasiza Ngayo Izihlobo Zethu Ezingakholwa
“Masingayeki ukwenza okuhle.”—GAL. 6:9.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngokuthi singabulondoloza kanjani ubuhlobo obuhle nezihlobo zethu ezingakholwa nangokuthi singakhuluma kanjani nazo ngoJehova ngendlela enomusa uma zithanda ukusilalela.
1-2. Yini okungenzeka yaphazamisa ubuhlobo bethu nezihlobo zethu ngesikhathi siqala ukufunda iqiniso?
UJESU wathi endodeni eyayifuna ukuba umlandeli wakhe: “Hamba uye ekhaya ezihlotsheni zakho, uzibikele konke uJehova akwenzele kona.” (Marku 5:19) Ngokusho kanjalo, uJesu wabonisa ukuthi wayeqonda ukuthi kuyinto evamile ngabantu ukuba babe nesifiso sokuxoxela abantu ababathandayo izindaba ezinhle.
2 Uyakhumbula yini ukuthi wawuzizwa kanjani ngesikhathi uqala ukuzwa izindaba ezinhle? Cishe wawujabule kakhulu ufuna ukuxoxela izihlobo zakho ngezinto ezinhle owawuzifunda! Nokho kungenzeka izihlobo zakho zona kwakuzicasula ukuthi usutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Noma kungenzeka indlela owalethula ngayo iqiniso kuzo yabangela ingxabano phakathi kwakho nazo. Uma kunjalo, yini ongayenza ukuze ulondoloze noma uphinde ube nobuhlobo obuhle nezihlobo zakho ngaphandle kokwephula imithetho kaJehova?
3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
3 Kulesi sihloko, sizobona ukuthi: (1) Uzwela lungasenza kanjani sibonise izihlobo zethu ezingakholwaa ukuthi sinendaba nazo ngisho noma zingafuni ukufunda ngoJehova; (2) sizobona ukuthi yini esingayenza lapho izihlobo zethu zisho noma zenza izinto ezingabonisi umusa; (3) sizobona ukuthi ukuba nesineke nokuhlale sinethemba lokuthi izihlobo zethu zizomkhonza uJehova esikhathini esizayo kungazisiza kanjani ukuba zilibone iqiniso; (4) sizofunda nokuthi singabonisa kanjani ukuthi siyazithanda.
UZWELA MALUKWENZE UZISIZE IZIHLOBO ZAKHO
4. UJesu wabaphatha kanjani abantu ababengawuthandi umyalezo wakhe?
4 UJesu akazange asheshe ayeke ukuzama ukusiza labo ababengawuthandi umyalezo wakhe. Wazifanisa nesisebenzi sasensimini esenza konke esasingakwenza ukuze isihlahla samakhiwane esasingatheli sithele. (Luka 13:6-9) Ngesikhathi uJesu elandisa lo mfanekiso kwase kuphele iminyaka engaphezu kwemithathu ezama ukusiza amaJuda ukuba abe nokholo. Kungani uJesu ayelokhu ezama ukuwasiza? UJesu wayebazwela abantu futhi lokho kwamsiza waba nesineke.
5. Yini eyenza uJesu wawabonisa uzwela amaJuda?
5 UJesu wayewazwela amaJuda ngoba abaholi benkolo babehlulekile ukuwasiza ukuba abe nokholo kuNkulunkulu. UJesu wabona ukuthi abantu babefana ‘nezimvu ezingenamalusi.’ (Marku 6:34) Ngaphambi nje kokufa kwakhe, uJesu waze walikhalela iJerusalema ngoba wayazi ukuthi abantu abaningi ababehlala khona babezolahlekelwa ukuphila kwabo ngenxa yokungabi nalo ukholo. (Luka 19:41-44) Uma nathi sinozwela ngezihlobo zethu, siyoshukumiseleka ukuba sizisize.
6. Kungani kufanele sizibonise umusa izihlobo zethu ezingakholwa? (Galathiya 6:9)
6 Funda eyabaseGalathiya 6:9. Ngisho noma izihlobo zethu zingakathandi ukuzwa ngezinkolelo zethu, kufanele sizibonise isineke, singayeki “ukwenza okuhle.” Siyazi ukuthi kuthatha isikhathi ukuba umuntu ashintshe izinkolelo zakhe ezimbelwe zajula nokuba nokholo kuJehova. Kungenzeka nawe wawufana nalabo ‘ababengenathemba bengenaye uNkulunkulu ezweni’? (Efe. 2:12) Uma kunjalo, akungabazeki ukuthi othile wakusiza ukuba ushintshe futhi ufunde ngoJehova. Lokho akukwenzi yini nawe ufise ukusiza izihlobo zakho zifunde ngoJehova uma kungenzeka?
ONGAKWENZA LAPHO IZIHLOBO ZAKHO ZISHO NOMA ZENZA IZINTO EZINGABONISI UMUSA
7. Yini okungenzeka yavimbela abafowabo bakaJesu ukuba babe nokholo kuye?
7 Cishe abafowabo bakaJesu bezwa ngezimangaliso uJesu azenza eGalile. (Luka 4:14, 22-24) Kodwa, ekuqaleni abazange babe nokholo kuye. (Joh. 7:5) Kungani? IBhayibheli alisho. Kodwa liveza okungenani izinto ezimbili ezenza amanye amaJuda akhetha ukungabi abafundi bakaJesu. Amanye ayesaba ukushushiswa umphakathi. (Joh. 9:18-22) Amanye ayemazi uJesu kusukela esemusha futhi ayehluleka ukumbheka njengommeleli kaNkulunkulu. (Marku 6:1-4) Kungenzeka abafowabo bakaJesu nabo babethonywe yileyo ndlela yokucabanga. Kungenzeka yini izihlobo zethu zithonywe yizinto ezifana nalezi?
8. Yini engenza izihlobo zethu zisho noma zenze izinto ezingabonisi umusa?
8 Cabanga ngokuthi kungani zisho futhi zenza izinto ezingabonisi umusa. Kungenzeka abafowabo bakaJesu babephakathi kwezihlobo ezake zathi “useyahlanya.” (Marku 3:21) Kungani babengase bafinyelele leso siphetho? Umongo ubonisa ukuthi uJesu wayematasa kakhulu ngokushumayela nangokuphulukisa abantu, kangangokuba wayengasenaso ngisho nesikhathi sokudla. (Marku 3:20) Ingabe izihlobo zakhe zazicabanga ukuthi ushiseka ngokweqile? Kungenzeka. Izihlobo zethu zingase zibe nomuzwa wokuthi siyithanda ngokweqile inkolo yethu. Uma zizizwa ngaleyo ndlela, siyobe senza kahle uma sibonisa ngezenzo ukuthi asibona abantu abeqisayo.
9. Yini engasiza izihlobo zethu zishintshe indlela ezizizwa ngayo ngathi? (1 Petru 3:1, 2) (Bheka nezithombe.)
9 Qhubeka uziphatha ngendlela ebonisa umusa nokucabangela. Amazwi ethu anomusa nezenzo zethu kungenza izihlobo zethu zishintshe indlela ezizizwa ngayo ngathi. (Funda eyoku-1 Petru 3:1, 2.) Kalula nje, umyeni ongakholwa angazizwa enganakiwe noma acasuke lapho umkakhe eya emihlanganweni yebandla noma enkonzweni yasensimini. Ngenxa yokuthi umkakhe akafuni umyeni wakhe azizwe ngaleyo ndlela, angase ashintshe isikhathi enza ngaso izinto ezingokomoya ukuze achithe isikhathi esengeziwe nomyeni wakhe. Ngokwesibonelo, angase ayoshumayela ngesikhathi umyeni wakhe amatasa ngaso noma angekho ngaso ekhaya. Ngokuba umuntu ovumelana nezimo nocabangelayo, inkosikazi engumKristu ingasiza umyeni wayo ashintshe indlela ababheka ngayo oFakazi BakaJehova.
Amazwi ethu nezenzo zethu ezibonisa umusa kungashintsha indlela umuntu esishade naye ongakholwa azizwa ngayo ngoFakazi (Bheka isigaba 9)g
10. Lapho abanye besigxeka, singamlingisa kanjani uJesu?
10 Ungabi nomuzwa wokuthi kufanele usho okuthile njalo lapho izihlobo zakho zikugxeka. Ngesikhathi uJesu emangalelwa ngamanga kuthiwa udla kakhulu futhi uphuza kakhulu, akazange azame ukuzivikela. Kunalokho, wakhuthaza abantu ukuba babheke indlela ayenza ngayo bese bayazinqumela ukuthi kuyiqiniso yini lokho okwakushiwo ngaye. (Math. 11:19) Wabonisa nangendlela ayenza ngayo ukuthi wayenombono olinganiselayo ngokuphila. (Qhathanisa noJohane 2:2, 6-10.) Ngendlela efanayo, ungabi nomuzwa wokuthi kufanele usho okuthile njalo lapho ugxekwa. Kunalokho, bonisa izihlobo zakho ngalokho okwenzayo ukuthi ungumuntu olinganiselayo nojabule, uziyeke kube yizo ezinqumayo ukuthi ungumuntu onjani. Lokho kungazenza zingavumelani nezinto ezingamanga ezizwe abantu bezisho ngathi.
HLALE UNESINEKE, UNGALILAHLI ITHEMBA NGEZIHLOBO ZAKHO
11. UJesu wabaphatha kanjani abafowabo abangakholwa?
11 Ukulandisa kwamaVangeli kubonisa ukuthi uJesu akayekanga ukubabonisa isineke abafowabo. Ngokwesibonelo, nabo babekhona eKhana ngesikhathi uJesu enza isimangaliso sakhe sokuqala. (Joh. 2:11, 12) Njengoba kubonisiwe ekuqaleni, abafowabo bakaJesu abazange babe nokholo kuye. Noma kunjalo, uJesu akayekanga ukubakhathalela. IBhayibheli liveza ukuthi ngemva kweminyaka ecishe ibe mithathu enze isimangaliso sakhe sokuqala eKhana, uJesu wayekhuluma nabafowabo ngendlela enomusa.—Joh. 7:5-8.
12. Yini engasisiza singalilahli ithemba lokuthi ezinye izihlobo zethu zingase zifise ukukhonza uJehova ngelinye ilanga?
12 Ukusiqonda kahle isihe sikaJehova kungasisiza ukuba singalilahli ithemba. Lapho inkolo yamanga ibhujiswa, izihlobo zethu zingase zikhumbule ukuthi sasizitshelile ukuthi lokho kwakuyokwenzeka.b (IsAm. 17:16) Zingase zinqume nokukhonza uJehova kanye nathi ngendlela emsulwa ngemva kokuqala kosizi olukhulu. Uma izihlobo zethu zibhekene nezimo ezinzima manje, nakanjani siyokwenza konke esingakwenza ukuze sizisize. Mhlawumbe zingase zithande ukulalela amaqiniso eBhayibheli njengoba zibona ukuthi sizithanda ngempela futhi umusa esizibonisa wona usuka enhliziyweni.
ZIBONISE UKUTHI UYAZITHANDA
13. Nakuba simatasa enkonzweni kaJehova, yini okufanele siyiqaphe?
13 Nakuba simatasa enkonzweni kaJehova, asifuni izihlobo zethu zicabange ukuthi asinaso isikhathi sazo noma ukuthi asisazithandi. (Math. 7:12) Singazibonisa kanjani ukuthi siyazikhathalela? Cabanga ngalezi zindlela ezimbalwa.
14-15. Iyiphi enye indlela esingabonisa ngayo ukuthi siyazithanda izihlobo zethu ezingakholwa? Nikeza isibonelo.
14 Khuluma nezihlobo zakho njalo futhi uzibonise ukuthi uyazithanda. Sibonisa ukuthi siyazithanda izihlobo zethu ngokukhuluma nazo njalo sizitshele ukuthi siqhuba kanjani. Ngokwesibonelo, singazithumelela umyalezo ohambisana nezithombe ezimbalwa esizishuthe ngesikhathi siseholidini, sisohambweni oluthile noma ngesikhathi sinabangani bethu. Kungenzeka ukuthi okudingekayo nje ukuze sithuthukise ubuhlobo bethu nazo ukuba sizithengele isipho esikahle esingabizi kakhulu noma sizibhalele incwadi emnandi. Ukuthatha isinyathelo kuqala ezintweni ezinjengalezi kuyindlela esitshela ngayo izihlobo zethu ukuthi siyazithanda.
15 Cabanga ngesibonelo sika-Anna, udade wase-Armenia. Umndeni wakubo uchitha isikhathi esiningi ndawonye, ikakhulukazi ngezinsuku zawo zokuzalwa nangamaholide. Ngesikhathi u-Anna amukela iqiniso, izihlobo zakhe zaqala ukukhathazeka ngokuthi inkolo yakhe entsha yayizobuthinta kanjani ubuhlobo bazo naye. Zazikhathazekile nangokuthi isinqumo sakhe sokuba uFakazi sasizolithinta kanjani ikusasa lakhe. Yini u-Anna ayenzayo ukuze asize izihlobo zakhe zingakhathazeki kakhulu? Uthi, “Lapho ngivakashele izihlobo zami ngizixoxela ngokuphila kwami, ngizitshele nokuthi yini engizigcina ngimatasa ngayo. Ngizicela nokuba zingivakashele la engihlala khona, ngizibonise nabangani bami. Ngenxa yalokho, izihlobo zami eziningi sezibajwayele abantu engisondelene nabo futhi ziyakhululeka lapho zinabo.” Uyenezela: “Izihlobo zami eziningi zithe ziyayibona indlela engijabule ngayo futhi azisakhathazekile ngami.”
16. UJesu wabonisa kanjani ukuthi wayenendaba nomfowabo uJakobe? (Bheka nombhalo waphansi.)
16 Bonisa ukuthi unendaba nalokho okwenzeka ekuphileni kwazo. Ngemva kokuba uJesu evusiwe, wabonisa ukuthi wayenendaba nomfowabo uJakobe ngokuthi abonakale kuye. (1 Kor. 15:7) Kumele ukuba uJakobe wayejabule ngempela lapho ebona ukuthi uJesu wayesamthanda. Cishe ukuphinde bahlangane kwenza uJakobe waqiniseka ukuthi uJesu wayenguMesiya. Ngemva kwalokho kuhlangana, kungenzeka uJakobe wasiza amanye amalungu omndeni wakubo ukuba aqonde ukuthi uJesu wayenguMesiya.c—IzE. 1:14.
17. Singasisebenzisa kanjani iseluleko esitholakala kweyabaseRoma 12:15? (Bheka nesithombe.)
17 Funda eyabaseRoma 12:15. Uma sibonisa ukuthi sinendaba nezihlobo zethu ngezikhathi ezisidinga ngaso kakhulu—ngezikhathi ezimnandi nangezikhathi ezinzima—singazisiza zishintshe indlela ezisibheka ngayo.d Ngokwesibonelo, singazihalalisela lapho kuzalwa umntwana wazo, siziphe nesipho ukuze sibonise ukuthi sijabula kanye nazo. Lapho zishonelwa umuntu ezimthandayo, singakhuluma nazo ngendlela eduduzayo, sizisize lapho zidinga khona usizo, noma sizithumelele ikhadi elinamazwi aduduzayo. Yiqiniso nokuthi singakwazi ukuzihlola njalo izihlobo zethu, ikakhulukazi lapho zibhekene nezimo ezinzima.
Uma ubonisa ukuthi uyazikhathalela izihlobo zakho lapho zikudinga kakhulu lokho, zingase zishintshe indlela ezikubheka ngayo wena nezinkolelo zakho (Bheka isigaba 17)h
18. Singamlingisa kanjani umfundi u-Andreya?
18 Yethula izihlobo zakho kwabanye okholwa nabo. Ngesikhathi umfundi u-Andreya, ethola ukuthi uJesu wayenguMesiya, ngenkulu injabulo u-Andreya wethula umfowabo uPetru kuJesu. (Joh. 1:40-42) Singakwenza yini nathi okufanayo? Ngokwesibonelo, ngezikhathi ezithile singasimemela yini isihlobo sethu emhlanganweni webandla, noma sisimemele ukuba sizojabulela isidlo nabangani bethu? Njengoba sisethula kwesikholwa nabo, isihlobo sethu sizobona ukuthi oFakazi bangabantu abavamile futhi bangabantu abakahle.
19. Kufanele siziphathe kanjani izihlobo zethu ngisho noma zingaziqondi ngokugcwele zonke izinkolelo zethu? (1 Petru 3:15)
19 Funda eyoku-1 Petru 3:15. Izihlobo zethu zingase zingakuqondi ngokugcwele ukuthi kungani singazenzi izinto ezithile, kodwa ziyohlale ziwukhumbula umusa nenhlonipho esizibonisa yona. Kungazijabulisa nokubona umzamo esiwenzayo ukuze sichithe nazo isikhathi njengoba singeke sikwazi ukugubha nazo imikhosi ethile. Ngokwesibonelo, ngeke sikwazi ukugubha imikhosi namasiko angahambisani neBhayibheli, kodwa singakwazi ukuzivakashela, sijabulele isidlo nazo, siziphe nezipho ngezikhathi ezithile.
UNGALOKOTHI ULAHLE ITHEMBA NGEZIHLOBO ZAKHO
20. Kungani sisikhuthaza isibonelo sikaJakobe?
20 UJakobe waphunyukwa ithuba lokuhamba noJesu phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, kodwa ekugcineni waba umfundi kaJesu. (Gal. 1:18, 19; 2:9) Nakuba uJakobe engasheshanga ukuba umfundi kaJesu, kusobala ukuthi wayezithanda izimfundiso zikaJesu futhi ephila ngazo. Ngokwesibonelo, ephefumulelwe wabhala incwadi eyayinezimfundiso ezifana nalezo ezazifundiswa uJesu eNtshumayelweni YaseNtabeni.e
21. Kungani kungafanele siyeke ukusiza izihlobo zethu ezingakholwa?
21 Naphezu kwayo yonke imizamo esiyenzayo, izihlobo zethu ezingakholwa zingase zingalithandi iqiniso noma zingase zenze izinto ezingabonisi umusa lapho sizibonisa ukuthi sinendaba nazo. Kungani kufanele siqhubeke sizibonisa umusa? Kungenxa yokuthi isikhathi ngasinye lapho sibonisa izihlobo zethu umusa, siyobe silingisa uNkulunkulu wethu onesihe, uJehova, neNdodana yakhe uJesu. (Luka 6:33, 36) Ngokuhamba kwesikhathi, uthando esilubonisa izihlobo zethu lungazenza zishintshe indlela ezizizwa ngayo ngathi. Zingase zikhumbule ngisho nezinkolelo zethu esazixoxela ngazo esikhathini esidlule. Uma singayeki ukuzama ukuzisiza, singase sibe nenjabulo enkulu yokubona ezinye zezihlobo zethu zikhonza uJehova ngeqiniso kanye nathi!
INGOMA 60 Kusho Ukuphila Kwabo
a INCAZELO YEGAMA: Njengoba lisetshenziswe eBhayibhelini, igama elithi “ongakholwa” alibhekiseli kumuntu ongenazo izinkolelo ezithile noma inkolo, okanye umuntu ongakholelwa kuNkulunkulu. (1 Kor. 7:12) Njengoba lisetshenziswe kulesi sihloko, leli gama libhekisela kumuntu ongamkhonzi uJehova uNkulunkulu ngendlela oFakazi BakaJehova abamkhonza ngayo.
b Bheka isihloko esithi “Yini Esiyaziyo Ngezahlulelo ZikaJehova Zesikhathi Esizayo?” kuyi-Nqabayokulinda, kaMeyi 2024, k. 11, izig. 11-13.
c Okungenani abafowabo bakaJesu ababili azalwa nabo, uJakobe noJude, baba amaKristu ngemva kokufa kukaJesu nokuvuswa kwakhe.
d Bheka ibhokisi elithi “Uzoya Yini Emshadweni Noma Emngcwabeni?”
f Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokuthi ungazisingatha kanjani izindaba ezifana nalezi, bheka isihloko esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda kaMeyi 15, 2002 nekaNovemba 15, 2007.
g INCAZELO YEZITHOMBE: Ngaphambi kokuba ayoshumayela, udade ulungisela umyeni wakhe ukudla futhi ujabule njengoba elungisa ukudla.
h INCAZELO YESITHOMBE: Udade ofanayo uvakashela umamezala wakhe ongeyena uFakazi.