MASHI 2-8, 2026
INGOMA 97 Ukuphila Kuncike EZwini LikaNkulunkulu
Qhubeka Uthembele Esiqondisweni SikaJehova
ISIHLOKO SETHU SONYAKA KA-2026: “Bayajabula abaqaphelayo ukuthi bayamdinga uNkulunkulu.”—MATH. 5:3.
AMAPHUZU ABALULEKILE
UJehova usinike isiqondiso esisenza sijabule ngempela. Sizobona ukuthi yini okudingeka siyenze ukuze sizuze kuso.
1. UJehova usidale sinaziphi izidingo? (Mathewu 5:3)
LAPHO uJehova edala abantu, wabadala benezidingo ezithile. Ngokwesibonelo, ukuze siphile, sidinga ukudla, izingubo zokugqoka nendawo yokuhlala. Uma singenazo lezi zinto eziyisidingo, ngisho okwesikhashana nje, ukuphila kuba nzima. Ngaphandle kokusidala nalezi zidingo, usenze saba nanesidingo sokumazi bese sincika kuye ukuze asiqondise. (Funda uMathewu 5:3.) Uma sifuna ukujabula ngempela, kudingeka sisiqaphele leso sidingo futhi siqhubeke sisanelisa.
2. Kusho ukuthini ‘ukuqaphela ukuthi uyamdinga uNkulunkulu’? Fanekisa.
2 Kusho ukuthini ‘ukuqaphela ukuthi siyamdinga uNkulunkulu’? NgesiGreki, le nkulumo ikwenza ucabange ngomuntu oyisinxibi. Cabanga ngomuntu ohlupheka kakhulu oyisinxibi. Lo muntu ugqoke izimpahla ezidabukile, uhlezi phansi emgwaqweni. Akanamandla ngenxa yendlala, abantu bayamziba ngenxa yendlela abukeka ngayo, emini ushiswa yilanga, kanti ebusuku uququdwa amakhaza. Lesi sinxibi sazi kahle ukuthi kuzodingeka sithole usizo uma sifuna impilo yaso ibe ngcono. Ngendlela efanayo, umuntu oqaphelayo ukuthi uyamdinga uNkulunkulu uyazi ukuthi uyaludinga usizo lwakhe ekuphileni kwakhe. Ngakho uyakulangazelela ukuzuza esiqondisweni uJehova asinika labo abamthandayo.
3. Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
3 Kulesi sihloko, sizoqale sixoxe ngalokho esingakufunda kowesifazane ongumFenike owancenga uJesu ukuba amsize. Le ndaba yowesifazane iveza izimfanelo ezintathu okumele babe nazo labo abaqaphelayo ukuthi bayamdinga uNkulunkulu. Sizobe sesixoxa ngezibonelo ezinhle esazibekelwa umphostoli uPetru nomphostoli uPawulu kanye neNkosi uDavide, bonke ababethembele esiqondisweni sikaNkulunkulu.
ISIBONELO SOKUTHOBEKA, UKUPHIKELELA NOKHOLO
4. Yini owesifazane ongumFenike ayeyifuna kuJesu?
4 Ngelinye ilanga, owesifazane ongumFenike waya kuJesu. Indodakazi yakhe ‘yayihlushwa yidemoni kabuhlungu.’ (Math. 15:21-28) Lona wesifazane waguqa ngamadolo, wancenga uJesu ukuba amsize. Lona wesifazane ongumFenike wabonisa izimfanelo eziphawulekayo lapho eya kuJesu. Cabanga ngezinye zazo.
5. Yiziphi izimfanelo ezaboniswa owesifazane ongumFenike, futhi yini uJesu ayenza? (Bheka nesithombe.)
5 Owesifazane ongumFenike wabonisa ukuthi wayethobeke ngempela. Kungani sisho kanjalo? Kungenxa yokuthi akazange athukuthele lapho uJesu esebenzisa umfanekiso owawumfanisa nomdlwane, mhlawumbe isilwane esasifuywa yimindeni yabeZizwe. Wena wawuyosabela kanjani lapho uzwa amazwi kaJesu futhi ubona lokho ayekwenza? Ingabe wawuyozizwa uthukiwe bese uyayeka ukucela usizo lwakhe? Akenzanga kanjalo owesifazane ongumFenike. Akagcinanga nje ngokubonisa ukuthi wayethobekile, kodwa wabonisa nokuthi wayephikelela. Lokho sikubona endleleni aqhubeka encenga ngayo uJesu ukuba amsize. Yini eyamenza wenza kanjalo? Ukholo lwakhe kuJesu. Empeleni, ukholo lwalona wesifazane lwamthinta kakhulu uJesu kangangokuba waze wenza into emangalisayo. Nakuba ayesanda kuthi wayethunyelwe ukusiza ‘izimvu ezilahlekile zendlu ka-Israyeli’ kuphela, uJesu wawukhipha umoya omubi endodakazini yalona wesifazane ongoweZizwe.
Owesifazane ongumFenike kwakudingeka athobeke, aphikelele futhi abe nokholo ukuze athole usizo ayelufuna (Bheka isigaba 5)
6. Yini esiyifundayo endabeni yowesifazane ongumFenike?
6 Ukuze sizuze esiqondisweni sikaJehova, kumele sibe nezimfanelo ayenazo lona wesifazane. Kumele sithobeke, siphikelele, sibe nokholo oluqinile. Ngumuntu othobekile kuphela oyoqhubeka elokhu encenga uNkulunkulu ukuba amsize. Kumele sibe nokholo oluqinile nakuJesu Kristu, sethembe nalabo abasebenzisayo ukuze aqondise abafundi bakhe. (Math. 24:45-47) UJehova neNdodana yakhe bayakujabulela ukusiza nokuqondisa labo ababonisa lezi zimfanelo. (Qhathanisa noJakobe 1:5-7.) Manje, ake sibone ukuthi iyiphi indlela uJehova ayisebenzisayo ukuze asinike ukudla okungokomoya, izingubo zokugqoka nendawo yokuhlala. Sizobona ukuthi yini okudingeka siyenze ukuze sithole lezi zinto eziyisidingo ngokufunda ngesibonelo esasibekelwa umphostoli uPetru nomphostoli uPawulu kanye neNkosi uDavide.
NJENGOPETRU—QHUBEKA UZONDLA NGEZWI LIKANKULUNKULU
7. Yimuphi umyalo uJesu awunika uPetru, futhi yini enye okwakudingeka ayenze? Chaza. (Hebheru 5:14–6:1)
7 Cabanga ngesibonelo sikamphostoli uPetru. Wayephakathi kwamaJuda okuqala aqaphela ukuthi uJesu wayenguMesiya—lowo uJehova ayemsebenzisa ukuze ondle abantu bakhe ‘ngamazwi okuphila okuphakade.’ (Joh. 6:66-68) Ngaphambi kokuba uJesu ovusiwe anyukele ezulwini, wanikeza uPetru lo myalo: “Yondla amawundlu ami.” (Joh. 21:17) UPetru wawufeza ngokwethembeka lowo myalo futhi uJehova waze wamsebenzisa nokuba abhale izincwadi ezimbili ezafakwa eBhayibhelini. Kodwa uPetru naye kwakudingeka azondle ngokudla okungokomoya. Ngokwesibonelo, watadisha izincwadi eziphefumulelwe ezazibhalwe umphostoli uPawulu ngaphambilini. UPetru wavuma ukuthi ezinye izinto uPawulu abhala ngazo ‘kwakunzima ukuziqonda.’ (2 Pet. 3:15, 16) Kodwa kusobala ukuthi uPetru waphikelela, enokholo lokuthi uJehova wayezomsiza aziqonde futhi azisebenzise ekuphileni kwakhe lezo zinto ‘eziwukudla okuqinile’ uPawulu aphefumulelwa ukuba abhale ngazo ezincwadini zakhe.—Funda eyamaHebheru 5:14–6:1.
8. Yini uPetru ayenza lapho ethola isiqondiso esisha kummeleli kaNkulunkulu?
8 Ngokulalela isiqondiso asithola, uPetru wabonisa ukuthi wayenokholo kuJehova. Ngokwesibonelo, ngesikhathi esedolobheni laseJopha eliyitheku, uPetru wabona umbono abona kuwo ummeleli kaNkulunkulu emtshela ukuthi akahlabe adle izilwane ezazingahlanzekile ngokoMthetho KaMose. KumaJuda, ukuthola isiqondiso esinjalo kwakuyowashaqisa. Ekuqaleni, uPetru waphendula wathi: “Lutho neze Nkosi, ngoba angikaze ngidle noma yini engcolile nengahlanzekile.” Wabe esetshelwa la mazwi: “Yeka ukubiza izinto uNkulunkulu azihlanzile ngokuthi zingcolile.” (IzE. 10:9-15) UPetru walithola iphuzu. Sikwazi kanjani lokho? Ngokushesha ngemva kokubona lo mbono, kwafika amadoda amathathu ayethunywe uKorneliyu ongoweZizwe, amcela ukuba eze azokhuluma nenkosi yawo. Ngaphambi kokuba uPetru abone lo mbono, wayengeke avume nhlobo ukungena emzini womuntu ongoweZizwe. AmaJuda ayebheka abeZizwe njengabantu abangahlanzekile. (IzE. 10:28, 29) Kodwa ngokushesha uPetru wasamukela isiqondiso esisha uJehova ayemnike sona esebenzisa umbono. (IzAga 4:18) Washumayeza uKorneliyu nabendlu yakhe, wajabulela ukubabona bamukela iqiniso, bethola umoya ongcwele futhi bebhapathizwa.—IzE. 10:44-48.
9. Yiziphi izindlela ezimbili esizuza ngazo uma sikujabulela ukuzondla ngokudla okuqinile okungokomoya?
9 NjengoPetru, kumele sizondle njalo ngobisi noma ngamaqiniso ayisisekelo aseZwini likaNkulunkulu. Kumele sikujabulele nokuzondla ngokudla okuqinile okungokomoya—amaqiniso okungase kube nzima ukuwaqonda. Kudingeka sizinike isikhathi sokutadisha iZwi likaNkulunkulu ngokucophelela, sizimisele nokwenza umzamo wokuliqonda. Ukwenza kanjalo kuyosizuzisa. Ngaziphi izindlela? Okungenani ngezindlela ezimbili: Okokuqala, sifunda izinto ngoJehova ezisenza simthande nakakhulu futhi simhloniphe; okwesibili sikukhuthalela nakakhulu ukutshela abanye ngoBaba wethu osezulwini omangalisayo. (Roma 11:33; IsAm. 4:11) Isibonelo sikaPetru sisifundisa nesinye isifundo: Lapho sithola ushintsho endleleni esiqonda ngayo iZwi likaNkulunkulu, kudingeka sisheshe ukulungisa indlela esicabanga ngayo nesenza ngayo. Yileyo ndlela kuphela esiyokwazi ngayo ukuhlale sondlekile ngokomoya futhi siwusizo kuJehova.
NJENGOPAWULU—HLALE UGQOKE UBUNTU OBUSHA
10. Kuhlanganisani ukugqoka ubuntu obujabulisa uNkulunkulu? (Kolose 3:8-10)
10 Ukuze sijabulise uNkulunkulu, kumele silisebenzise ngokugcwele nelinye ilungiselelo likaJehova: ukugqoka ubuntu obujabulisa uJehova. Sisho ukuthini ngalokho? Umphostoli uPawulu wathi kumele ‘sihlubule ubuntu obudala’ sigqoke “ubuntu obusha.” (Funda eyabaseKolose 3:8-10.) Kuthatha isikhathi futhi kudinga umzamo ukuba nobuntu obujabulisa uNkulunkulu. Cabanga ngesibonelo sikaPawulu. Kusukela esemusha, wasebenza kanzima ukuze ajabulise uNkulunkulu. (Gal. 1:14; Fil. 3:4, 5) Kodwa wayengenalo ulwazi olunembile ngenjongo kaNkulunkulu futhi ngenxa yalokho wayesesimweni esingesihle ngokomoya. Ukungazinaki kwakhe izimfundiso zikaKristu, okuhambisana nokuqhosha, kwamenza waba ‘umuntu oweyisayo’ ogqoke ubuntu obungamjabulisi uNkulunkulu.—1 Thim. 1:13.
11. Yibuphi ubuthakathaka uPawulu okwadingeka asebenze kanzima ukuze abunqobe? Chaza.
11 Ngaphambi kokuba abe umKristu, uPawulu wayeshesha ukuthukuthela. Ukulandisa okusencwadini yezEnzo kuthi uPawulu wathukuthelela abafundi bakaJesu kangangokuba ‘wabasongela . . . futhi wayefuna ukubabulala.’ (IzE. 9:1) Ngemva kokuba umKristu, akungabazeki ukuthi uPawulu wasebenza kanzima ukuze ahlubule ubuntu obudala. (Efe. 4:22, 31) Noma kunjalo, ngesikhathi uPawulu noBarnaba bexabana, “kwaqhuma intukuthelo enkulu.” (IzE. 15:37-39) Yaphinde yabuya inkinga kaPawulu endala, kodwa akazange ayeke ukulwisana nayo. Waqhubeka ‘ewutuba umzimba wakhe’—elwisana nobuthakathaka bakhe—ukuze ahlale ejabulisa uJehova.—1 Kor. 9:27.
12. Yini eyasiza uPawulu ukuba akwazi ukuhlubula ubuntu obungebuhle?
12 UPawulu wakwazi ukuhlubula ubuntu obungebuhle, wagqoka ubuntu obusha ngoba wayengathembele emandleni akhe. (Fil. 4:13) NjengoPetru, uPawulu wayencike “emandleni anikezwa nguNkulunkulu.” (1 Pet. 4:11) Noma kunjalo, ngezinye izikhathi uPawulu wayezizwa njengesehluleki. Kodwa lapho edikibele, wayecabanga ngezinto ezinhle uBaba wakhe osezulwini ayemenzele zona futhi lokho kwamenza wazimisela nakakhulu ukuqhubeka ezama.—Roma 7:21-25.
13. Singamlingisa kanjani uPawulu?
13 Singalingisa uPawulu ngokuqaphela ukuthi kungakhathaliseki ukuthi sesimkhonze isikhathi eside kangakanani uJehova, kudingeka siqhubeke sisebenza kanzima ukuze sihlubule ubuntu obudala, sigqoke ubuntu obusha—ubuntu esiba nabo ngenxa kaNkulunkulu. Uma kwenzeka siphinda iphutha elifanayo—njengalapho sithukuthela noma sisho into engabonisi umusa kothile—akudingeki sizibheke njengezehluleki. Kunalokho, kufanele siqhubeke silwela ukufeza umgomo wethu wokushintsha indlela esicabanga ngayo nesenza ngayo. (Roma 12:1, 2; Efe. 4:24) Kodwa njengoba senza kanjalo, nakhu okubalulekile okumele sikukhumbule: Ngokungafani nezingubo zokugqoka ezingase zincishiswe noma zenziwe zibe nkulu ukuze zisilingane, yithina okumele senze ushintsho ukuze sibe nobuntu obujabulisa uJehova. Kumane kunengqondo ukuba sishintshe umuntu esinguye ukuze senze ngokuvumelana nalokho okufunwa uNkulunkulu.
NJENGODAVIDE—HLALE UNGAPHANSI KWESIVIKELO SIKAJEHOVA
14-15. Yiziphi izindlela uJehova abavikela ngazo ngokomoya abantu bakhe? (IHubo 27:5) (Bheka esisekhasini 1.)
14 Ukuze sijabule ngempela, asidingi nje kuphela ukudla okungokomoya nokugqoka ubuntu obusha. Sidinga nokuba uJehova asivikele ngokomoya. Kusho ukuthini lokho futhi yini esingayenza ukuze siqikelele ukuthi sihlale singaphansi kwesivikelo sakhe?
15 INkosi uDavide yakhuluma nangendlela uJehova asivikela ngayo ngokomoya. (Funda iHubo 27:5.) UJehova uvikela abantu bakhe kunoma ubani nakunoma yini engaqeda ukholo lwabo kuye. UJehova uzivikela kanjani izinceku zakhe ezintweni ezingase zizilimaze? Uthembisa ukuthi asikho isikhali esenzelwe ukulwa nazo esiyoke siphumelele. (IHu. 34:7; Isaya 54:17) Nakuba uSathane nabameleli bakhe benamandla, uJehova unamandla kunabo. Ngisho noma besibulala, uJehova uyosivusa. (1 Kor. 15:55-57; IsAm. 21:3, 4) UJehova usisiza nokuba sikwazi ukubhekana nezinto ezisicindezelayo noma ezisikhathazayo, ezingase zisenze siyeke ukumkhonza. (IzAga 12:25; Math. 6:27-29) UBaba wethu onothando usinike nomndeni ongokomoya wabafowethu nodadewethu osisekelayo nabadala abaselusayo. (Isaya 32:1, 2) Lapho sihlangene ndawonye, ngokuvamile sikhunjuzwa izindlela ezingokoqobo esingavumela ngazo uJehova ukuba asisize futhi asivikele.—Heb. 10:24, 25.
Udade uvumela uJehova ukuba amsize ngokuba semihlanganweni yebandla nabafowabo nodadewabo (Bheka izigaba 14-15)
16. UJehova wamvikela ngaziphi izindlela uDavide?
16 Lapho uDavide elalela uJehova, wayemvikela ezintweni ezehlela labo abenza isono ngamabomu. (Qhathanisa nezAga 5:1, 2.) Kodwa lapho uDavide ayengayinaki imithetho kaNkulunkulu, uJehova wayengamvikeli emiphumeleni yezenzo zakhe. (2 Sam. 12:9, 10) Kodwa kuthiwani ngezikhathi uDavide ayezwa ngazo ubuhlungu ngenxa yokuphathwa kabi abanye? UDavide wathandaza kuJehova wamthululela isifuba sakhe, uJehova wamduduza uDavide ngokumqinisekisa ukuthi wayemthanda kakhulu futhi wayezomnakekela.—IHu. 23:1-6.
17. Singamlingisa kanjani uDavide?
17 Singalingisa uDavide ngokufuna iseluleko sikaJehova lapho senza izinqumo. Siyaqaphela nokuthi ngezinye izikhathi singase sibhekane nobunzima, hhayi ngoba uJehova ehlulekile ukusivikela, kodwa ngenxa yezinqumo ezingezinhle esizenzile. (Gal. 6:7, 8) Lapho sibhekana novivinyo ngenxa yezenzo zabanye, sithandaza kuJehova sithululele isifuba sethu kuye, siqiniseka ukuthi uyoqapha izinhliziyo zethu nemicabango yethu.—Fil. 4:6, 7.
QHUBEKA UTHEMBELE ESIQONDISWENI SIKAJEHOVA
18. Iyiphi inselele esibhekene nayo, futhi yini esingayenza ukuze siqhubeke sanelisa isidingo sethu esingokomoya? (Bheka nezithombe.)
18 Isihloko sethu sonyaka ka-2026, sithi: “Bayajabula abaqaphelayo ukuthi bayamdinga uNkulunkulu.” Ukuba yiqiniso kwala mazwi sikubona kakhulu namuhla kunanini ngaphambili. Kungani sisho kanjalo? Kungenxa yokuthi sizungezwe abantu abaningi abangajabule, abaphikayo ukuthi bayamdinga uNkulunkulu noma abazama ukwanelisa leso sidingo ngendlela yabo, ngenkolo yamanga noma ngezimfundiso zabantu. Kumele sigweme ukuthonywa yisimo sabo sengqondo. Kanjani? Ngokuzondla ngokudla okungokomoya esikunikwa uJehova, ngokugqoka ubuntu obusha, nangokuhlale singaphansi kwesivikelo sakhe.
Kumele siqhubeke sithembele esiqondisweni sikaJehova, sigqoke ubuntu obusha futhi sihlale singaphansi kwesivikelo sakhe (Bheka isigaba 18)a
INGOMA 162 Isidingo Sokwazi UJehova
a INCAZELO YEZITHOMBE: Udade ovezwe esithombeni esidlule uzondla ngokudla okungokomoya ngokutadisha iNqabayokulinda, ngokubonisa abanye umusa njengoba esegqoke ubuntu obusha, nangokucela usizo kubadala abamelusa ngothando.