Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w25 Disemba kk. 26-30
  • Nina Esenikhulile—Niyigugu Ebandleni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Nina Esenikhulile—Niyigugu Ebandleni
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • LOKHO UJEHOVA AKULINDELE KUWE
  • UNGABAZUZISA KAKHULU ABANYE
  • UJEHOVA UYAJABULA NGOKUMKHONZA KWAKHO NGOKWETHEMBEKA
  • UNGAYEKI UKUSIZA ABANYE NGOKWALOKHO OKUSEMANDLENI AKHO
  • Kwafezeka Isifiso Senhliziyo Yakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • UJehova Uzikhathalela Ngesisa Izinceku Zakhe Esezikhulile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Thola Injabulo Ngokwenzela UJehova Konke Okusemandleni Akho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Babheke Njengabayigugu Asebekhulile Abathembekile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
w25 Disemba kk. 26-30
Esikubona ezithombeni: Abafowethu nodadewethu asebekhulile bajabulela inkonzo abayenzela uJehova. 1. Umzalwane uyamamatheka njengoba ecabanga ngesikhathi esizayo ngokuqiniseka. 2. Udade ohamba ngesihlalo sabakhubazekile unika unesi ipheshana. 3. Udade uyaphendula emhlanganweni webandla. 4. Udade ubambelele engalweni yomzalwane osemusha njengoba beshumayela ndawonye enkonzweni yasensimini. 5. Umzalwane uchitha isikhathi nezingane ezimbili nomama wazo eHholo LoMbuso.

Nina Esenikhulile—Niyigugu Ebandleni

“Uma ngibheka emuva, kuyangimangaza ukuthi ziningi kangakanani izinto engangikwazi ukuzenza. Manje njengoba sengikhulile, angisakwazi ukwenza ezinye izinto engangikwazi ukuzenza.”—UConnie, oneminyaka engu-83.

Mhlawumbe nawe ngenxa yokukhula awusakwazi ukwenza ezinye izinto owawukwazi ukuzenza. Nakuba sewukhonze uJehova ngokwethembeka iminyaka eminingi, kungase kukudumaze ukuthi awusakwazi ukwenza izinto owawukwazi ukuzenza. Ngokwesibonelo, ungase uzithole usuvame ukuqhathanisa lokho okwenzayo njengamanje nalokho owawukwenza esikhathini esidlule. Uma kunjalo, yini ongayenza ukuze ulwisane nemicabango enjalo?

LOKHO UJEHOVA AKULINDELE KUWE

Zibuze, ‘Yini uJehova ayilindele kimi?’ Angakududuza amazwi akuDuteronomi 6:​5, athi: “Kumele uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangawo wonke amandla akho.”

Ngokwalelo vesi, uJehova ulindele ukuba umkhonze ngenhliziyo yakho yonke, ngomphefumulo wakho wonke nangamandla akho wonke. Lelo qiniso lingakusiza ukuba ugweme ukuziqhathanisa nabanye—noma ukuqhathanisa lokho okwazi ukukwenza njengamanje nalokho owawukwazi ukukwenza esikhathini esidlule.

Cabanga ngalokhu: Ngesikhathi usemusha, yini owawuyenzela uJehova? Iningi labantu bakaJehova lingathi lalenzela uJehova okungcono kakhulu. Kuwe, lokho owawukwenza kwakungcono kakhulu ngaleso sikhathi njengoba kwakuhambisana nezimo zakho. Yini okwazi ukuyenzela uJehova njengamanje? Cishe umenzela okungcono kakhulu ngokwezimo zakho namuhla, wenza lokho onamandla okukwenza njengamanje. Uma uzibheka ngaleyo ndlela izinto, ungaphetha ngokuthi lokho omenzela kona uJehova kuyafana nalokho owawumenzela kona esikhathini esidlule. Wawumenzela okungcono kakhulu ngaleso sikhathi futhi namanje umenzela okungcono kakhulu.

Esikubona ezithombeni: Udade usekhonze uJehova ngokwethembeka iminyaka eminingi. 1. Isithombe esibonisa okwenzeka emashumini eminyaka edlule, udade osemusha ukhuluma nowesifazane enkonzweni yendlu ngendlu. 2. Manje, lo dade usekhulile, ushumayela ngocingo nodade osemusha.

Uma wenzela uJehova okungcono kakhulu njengoba usukhulile, wenza lokho kanye owawukwenza ngesikhathi usemusha

UNGABAZUZISA KAKHULU ABANYE

Nayi enye indlela ongayibheka ngayo le ndaba: Kunokuba ubheke ukukhula kwakho ngeminyaka njengento ekuvimba ukuba wenze ezinye izinto, ungazama ukucabanga ngamathuba amaningi onawo okusiza abanye njengomuntu osekhulile. Ngempela, njengomKristu osekhulile ungenza ezinye izinto owawungeke ukwazi ukuzenza ngesikhathi usemusha. Ngokwesibonelo, ungenza lezi zinto ezilandelayo:

Ungaxoxela abanye ngezinto ozifundile ekuphileni. Cabanga ngalokho iBhayibheli elikushoyo kula mavesi alandelayo:

INkosi uDavide: “Ngake ngaba musha, manje sengikhulile, kodwa angikaze ngimbone olungile eshiywe dengwane, noma izingane zakhe ziswele ukudla.”—IHu. 37:25.

UJoshuwa: “Manje sengizokufa, futhi nazi kahle ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu ukuthi akukho nesisodwa isithembiso kuzo zonke izithembiso ezinhle uJehova uNkulunkulu wenu anithembise zona esingafezekanga. Zigcwaliseke zonke. Asikho nesisodwa esingagcwalisekanga.”—Josh. 23:14.

Mhlawumbe nawe wake washo amazwi afana nalawo ashiwo uDavide noJoshuwa. Ngamunye wabo washo la mazwi ngenxa yalokho okwakwenzeke ekuphileni kwakhe. Ngenxa yokuthi lezi zinceku zikaJehova ezithembekile zaziveza lokho ezazikubonile nezazikuzwile phakathi namashumi eminyaka, amazwi azo ayenamandla ngempela.

Uma usukhonze uJehova isikhathi eside, nawe ungakhuluma ngalokho okubonile ngezinzuzo zokumkhonza. Sikhona yini isikhathi osikhumbulayo owabona ngaso uJehova ebusisa abantu bakhe ngendlela ekhethekile? Uma sikhona, zizwe ukhululekile ukuxoxela abanye ngalokho okwenzeka! Kungabakhuthaza ukukuzwa, njengoba nje nawe kwakukhuthaza ukukubona kwenzeka. Ngakho, lapho abanye bezwa ngalokho okwenzeke ekuphileni kwakho njengoba ukhonza uJehova, ungaba yisikhuthazo esikhulu kubo.—Roma 1:​11, 12.

Enye indlela ongakhuthaza ngayo abanye ukuba ube khona ngokoqobo emihlanganweni yebandla, ngezinga ongakwazi ngalo. Emihlanganweni yebandla ungazuzisa wena nokholwa nabo. UConnie, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Ukuya emihlanganweni yebandla ngokoqobo kungisiza ukuba nginganqotshwa ukudikibala. Ngingadangala kanjani nje kube kunabantu abaningi kangaka abangibonisa uthando eHholo LoMbuso? Ngiyazama ukubonisa abanye ukuthi ngibabonga kangakanani ngokubapha izipho ezincane. Ngiyaqikelela nokuba ngiqhubeke ngenza izinto ezingokomoya nabafowethu nodadewethu.”

UJEHOVA UYAJABULA NGOKUMKHONZA KWAKHO NGOKWETHEMBEKA

ImiBhalo inezibonelo eziningi zabantu izimo zabo ezazingabavumeli ukuba benze okwengeziwe, kodwa ababethandwa uJehova. Cabanga ngoSimeyoni, umIsrayeli osekhulile, owayephila ngesikhathi uJesu ezalwa. Ngesikhathi uSimeyoni evakashele ethempelini, cishe wayebona izinsizwa zenza umsebenzi obalulekile ethempelini. Kodwa kuthiwani ngoSimeyoni? Ngokombono womuntu, wayengase azitshele ukuthi njengoba ayesekhulile wayengabalulekile kangako kuJehova. Kodwa uJehova wayengambheki ngaleyo ndlela. Wayebheka uSimeyoni njengomuntu ‘olungile nowayemesaba’ futhi wambusisa ngelungelo lokubona uJesu owusana. UJehova waze wasebenzisa uSimeyoni ukuba abikezele isiprofetho esasiphathelene noMesiya owayethenjisiwe! (Luka 2:​25-35) Kusobala ukuthi uJehova wabuka ngale komzimba kaSimeyoni owayesekhulile, wabona indoda enokholo oluqinile, ‘umoya ongcwele owawuphezu kwayo.’

UJosefa noMariya bajabule njengoba bebonisa uSimeyoni uJesu owusana.

UJehova wabusisa uSimeyoni ngelungelo lokubona uJesu owusana nangokumenza abikezele ukuthi wayeyoba uMesiya othenjisiwe

Nawe ungaqiniseka ukuthi uJehova uyajabula ngokuthi umkhonza ngokwethembeka nakuba kungenzeka kunezinto ongasenawo amandla okuzenza. KuJehova, ukuzidela kwakho “kwamukeleka ngokukhethekile ngokwalokho umuntu anakho, hhayi ngokwalokho umuntu angenakho.”—2 Kor. 8:12.

Unalokho engqondweni, gxila kulokho onamandla okukwenza. Ngokwesibonelo, yiziphi izinhlobo zokushumayela osengakwazi ukuzenza—ngisho noma uzenza isikhashana nje? Ungakwazi yini ukusiza abanye ngokubafonela isikhashana noma ngokubabhalela ikhadi? Izenzo ezincane zothando zingaba namandla kakhulu kokholwa nabo, ikakhulukazi uma lezo zenzo zenziwa inceku kaJehova esimkhonze isikhathi eside.

Abanye abasenawo amandla okwenza izinto ezithile. Cabanga ngalokho okwenzeka eMpumalanga Afrika ebhokisini elihambisana nalesi sihloko elithi, “Lasindisa Ukuphila Kwakhe.”

Khumbula ukuthi umlando wakho wokholo nokuba qotho kwakho kungabakhuthaza abanye. Uyisibonelo esihle sokukhuthazela futhi ungaqiniseka ukuthi ‘uNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wakho nothando owalubonisa egameni lakhe, ngokukhonza abangcwele nangokuqhubeka ubakhonza.’—Heb. 6:10.

UNGAYEKI UKUSIZA ABANYE NGOKWALOKHO OKUSEMANDLENI AKHO

Ucwaningo lubonisa ukuthi iningi lamadoda nabesifazane asebekhulile abasiza abanye banempilo engcono, ingqondo esheshayo futhi baphila isikhathi eside.

Yiqiniso ukuthi ukwenzela abanye izinto ezinhle ngeke kuyiqede imiphumela yokukhula ngeminyaka. UMbuso kaNkulunkulu kuphela oyokwazi ukukwenza lokho ngokuqeda isono esasizuza ku-Adamu—esiyimbangela yangempela yokuguga nokufa.—Roma 5:12.

Noma kunjalo, inkonzo oyenzela uJehova—ehlanganisa ukusiza abanye ukuba bamazi—igcina ithemba lakho liqinile futhi ingazuzisa ngisho nempilo yakho. Nina esenikhulile, sicela nazi ukuthi uJehova ujabula kakhulu ngalokho enimenzela kona enkonzweni yakhe nokuthi niyigugu kakhulu ebandleni ngenxa yesibonelo senu sokholo.

Udade osekhulile ushumayela ngenqola. Ubonisa owesifazane osemusha okugeleza izinyembezi ebusweni bakhe umBhalo.

Lasindisa Ukuphila Kwakhe

Owesifazane osemusha wayedlula enqoleni yokushumayela. Ngemva kokubingelela lona wesifazane, udade osekhulile owayesenqoleni wambuza ukuthi angamfundela yini umBhalo okhuthazayo. Lo dade wabe esemfundela uJeremiya 29:​11, othi uJehova uzosinika ukuthula hhayi inhlekelele. Lo dade wabe esebuza lona wesifazane, “Uyabona yini ukuthi uNkulunkulu ukufunela ikusasa elinjani?”

Lona wesifazane osemusha wathinteka ngempela. Ehlengezela izinyembezi, waphendula wathi: “Ufuna ngibe nekusasa elinokuthula nethemba. Ngiyabonga kakhulu ngaleli vesi. Ngikholelwa ukuthi liyimpendulo yomthandazo wami. Muva nje bengilokhu nginezinkinga eziningi zilokhu zilandelana. Bekunzima kakhulu kangangokuba besengicabanga nokuzibulala. Namuhla ekuseni ngithandazile kuNkulunkulu ngimcela ukuba angibonise ukuthi usenendaba nami, nakhu manje usuyangimisa—umuntu engingamazi nhlobo ungifundela ivesi elingibonisa kona kanye lokho uNkulunkulu akucabangayo ngami. Akunakwenzeka ukuthi izinto zimane zaqondana nje.”

Lo dade wabe esebonisa lona wesifazane izihloko eziningana ku-jw.org ezingamsiza ukuba asebenzise iBhayibheli ukuze alwisane nemicabango yokuzibulala. Wabe esemchazela ukuthi isifundo seBhayibheli siqhutshwa kanjani wammemela nasemihlanganweni yebandla. Ngeviki elilandelayo, lona wesifazane waba khona emihlanganweni yangempelasonto futhi manje usetadisha incwajana ethi Phila Kuze Kube Phakade!

Kungakhathaliseki ukuthi uneminyaka emingaki, ungakwazi ukushumayela enqoleni.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela