INKULUMO ESEBHAYIBHELINI
Sebenzisa ‘Isipho Sakho Esivela KuNkulunkulu’
Sonke sikwazisa kakhulu ukukhuthazana nabafowethu nodadewethu abangamaKristu. Kodwa ukukhuthazana kwethu akugcini nje ngokuthi sibe ndawonye. IBhayibheli lithi ukuqinisa ukholo lomunye nomunye ‘kuyisipho esivela kuNkulunkulu.’ (Roma 1:11, 12) Singasisebenzisa kanjani ngokugcwele leso sipho?
Khuthaza abanye ngalokho okushoyo. Ngokwesibonelo, lapho sinikeza izimpendulo emihlanganweni yebandla, singanikeza izimpendulo eziveza lokho esikufunda kuJehova, eZwini lakhe nakubantu bakhe, hhayi izimpendulo ezikhuluma ngathi kakhulu. Lapho sixoxa nesikholwa nabo, singakhetha ukukhuluma ngezinto ezakhayo.
Khuthaza abanye ngezinqumo ozenzayo nangalokho okwenzayo. Ngokwesibonelo, abanye bakhethe ukuqhubeka nenkonzo yesikhathi esigcwele naphezu kwezinselele ababhekene nazo. Abanye baba khona njalo emhlanganweni waphakathi neviki nakuba benza umsebenzi wokuziphilisa okhandlayo noma benenkinga yempilo ebucayi.
Ingabe uyabakhuthaza abafowenu nodadewenu ngalokho okushoyo nangalokho okwenzayo? Uyakuqaphela yini lokho abafowenu nodadewenu abakushoyo nabakwenzayo ukuze bakukhuthaze?