AMACEBISO OKUTADISHA
Okungakusiza Ukuze Ufunde IBhayibheli Nsuku Zonke
Ngenxa yezinto eziningi okudingeka uzenze, ingabe ukuthola kunzima ukufunda iZwi likaNkulunkulu nsuku zonke? (Josh. 1:8) Uma kunjalo, zama okunye kwalokhu kusikisela okulandelayo:
Cupha i-alamu. Cupha i-alamu emshinini wakho wezobuchwepheshe ukuze likukhumbuze ukuba ufunde iBhayibheli.
Beka iBhayibheli lakho endaweni esobala. Uma usebenzisa iBhayibheli elinyathelisiwe, libeke endaweni la okuzoba lula khona ukulibona nsuku zonke.—Dut. 11:18.
Lalela iBhayibheli elirekhodiwe. Lalela iBhayibheli elirekhodiwe lapho wenza imisebenzi yansuku zonke. UTara, umama oyiphayona osebenza ebusuku uthi, “Ukulalela iBhayibheli elirekhodiwe njengoba ngenza imisebenzi yasendlini kungisiza ukuba ngilifunde nsuku zonke.”
Phikelela. Uma izimo ezingalindelekile ziphazamisa uhlelo lwakho lokufunda iBhayibheli, funda okungenani amavesi ambalwa ngaphambi kokuba uyolala. Ngisho noma ufunda amavesi ambalwa, usengazuza.—1 Pet. 2:2.