AMACEBISO OKUTADISHA
Funda Ezithombeni
Izincwadi zethu zinezithombe eziningi ezisifundisa amaphuzu abalulekile. Ungazuza kanjani ngokugcwele ngokusebenzisa lezo zithombe?
Buka izithombe ngaphambi kokuba ufunde isihloko. Izithombe zingakwenza ufise ukwazi okwengeziwe, zikukhuthaze nokuba ufunde isihloko. Lapho ubuka ukudla okumnandi uyaye ufise ukukudla. Ngokufanayo, uyokujabulela nakakhulu ukufunda isihloko uma uqala ngokubuka izithombe. Ngakho ngaphambi kokuba ufunde isihloko, zibuze, ‘Ngibonani kulezi zithombe?’—Amose 7:7, 8.
Njengoba ufunda isihloko, cabanga ngokuthi kungani kukhethwe lezo zithombe. Funda amagama ahambisana nesithombe noma incazelo yesithombe uma kukhona. Cabanga ngokuthi lezo zithombe zihambisana kanjani nendaba okukhulunywa ngayo nangokuthi zikuthinta kanjani ukuphila kwakho.
Ngemva kokufunda, sebenzisa izithombe ukuze ubuyekeze amaphuzu ayinhloko aleso sihloko. Vala amehlo, uzame ukukhumbula lezo zithombe nalokho isithombe ngasinye esikufundise kona.
Kunganjani uphinde ubuke izithombe ezikulo magazini, ubone ukuthi ungakwazi yini ukukhumbula lokho ezikufundisa kona.