Ungakutholaphi Ukuthula Naphezu Kwezimpi Nezingxabano Ezinodlame?
UGary owayeyisosha uthi, “Ngaphambi kokuba ngitadishe iBhayibheli, ngangingazi ukuthi kungani emhlabeni kwakunesihluku, ukungabi nabulungisa nezinxushunxushu ezingaka. Manje senginokuthula kwengqondo. Ngiyazi ukuthi uJehova uNkulunkulu uzokwenza umhlaba ube yindawo ephephile.”
UGary akayedwa. Bona indlela iBhayibheli elibasize ngayo abanye.
IBHAYIBHELI LITHI: “Wena Jehova, umuhle futhi uhlale ukulungele ukuthethelela.”—IHubo 86:5.
LELI VESI LISISIZA KANJANI? “Leli vesi lingiqinisekisa ngokuthi uJehova unesihe. Ngiyazi ukuthi uzongithethelela ngakho konke engakwenza ngesikhathi esidlule lapho ngilwa empini.”—UWilmar, waseColombia.
IBHAYIBHELI LITHI: “Ngidala amazulu amasha nomhlaba omusha; izinto zesikhathi esidlule ngeke zikhunjulwe, ngeke zifike nasenhliziyweni.”—Isaya 65:17.
LELI VESI LISISIZA KANJANI? “Ngihlushwa ukucindezeleka ngenxa yesenzakalo esibuhlungu futhi ingqondo yami yaphazamiseka ngemva kwezinto ezibuhlungu ezenzeka empini. Lo mbhalo ungikhumbuza ukuthi maduze, uJehova uzoyisusa yonke imicabango nezinkumbulo ezibuhlungu enginazo ngenxa yempi. Uyozikhipha engqondweni nasenhliziyweni yami. Leso yisipho esimangalisa ngempela!”—UZafirah, wase-United States.
IBHAYIBHELI LITHI: “Ezinsukwini zayo olungile uyoqhakaza, nokuthula kuyochichima uma nje inyanga isekhona.”—IHubo 72:7.
LELI VESI LISISIZA KANJANI? “Ngihlale ngicabanga ngamazwi akuleli vesi. Izimpi nezinto ezibuhlungu ezibangelwa yizo, kuzophela maduzane futhi ngeke sisakhathazeka ngokuphepha kwabantu esibathandayo.”—U-Oleksandra, wase-Ukraine.
IBHAYIBHELI LITHI: “Abantu bakho abafile bayophila. . . . Phaphamani nimemeze ngenjabulo, nina enihlala othulini!”—Isaya 26:19.
LELI VESI LISISIZA KANJANI? “Kwacishe kwabulawa wonke amalungu omndeni wami lapho kubulawa uhlanga lwamaTutsi ezweni lami. Kodwa leli vesi lingenza ngiqiniseke ukuthi ngisazophinde ngibabone. Ngijahe ukuzwa amazwi awo amnandi lapho esevusiwe!”—UMarie, waseRwanda.
IBHAYIBHELI LITHI: “Sekusele isikhashana nje, ababi bazobe bengasekho . . . Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, bayothola injabulo enkulu ngenxa yokuthula okuchichimayo.”—IHubo 37:10, 11.
LELI VESI LISISIZA KANJANI? “Nakuba impi isiphelile, kusekhona ukungabi nabulungisa nabantu abenza izinto ezimbi. Lo mbhalo ungisize kakhulu, wanginika amandla. UJehova ubona yonke into futhi uyasiqonda isimo sami. Uthembisa ukuthi konke lokhu kuzophela maduzane futhi ngeke sikukhumbule.”—UDaler, waseTajikistan.
Abantu abacashunwe kulo magazini baphakathi kwezigidi zoFakazi BakaJehova abasizwe yiBhayibheli ukuze bathole ukuthula. Bafundile ukuthi bangayeka kanjani ukuzonda abantu abanohlanga, ubuzwe noma abanesizinda esihlukile kunesabo. (Efesu 4:31, 32) OFakazi BakaJehova abathathi hlangothi kwezepolitiki futhi ababi nasandla kunoma yini enobudlova.—Johane 18:36.
OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke bayasekelana. (Johane 13:35) Ngokwesibonelo, u-Oleksandra, ocashunwe ekuqaleni, waphoqeleka ukuba yena nodadewabo babalekele kwelinye izwe ngenxa yempi. Uthi: “Ngokushesha ngemva kokweqa umngcele, sabona oFakazi bendawo belinde ukusamukela ngemfudumalo. Basisiza sakwazi ukujwayelana nempilo entsha kwelinye izwe njengababaleki.”
Sithanda ukukumemela emihlanganweni yethu lapho esifunda khona ngomyalezo weBhayibheli onikeza ukuthula nangendlela esingakusebenzisa ngayo ekuphileni kwethu lokho okushiwo yiBhayibheli. Ngena kuyiwebusayithi ethi jw.org/zu ukuze uthole umhlangano oseduze nalapho uhlala khona noma ucele ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli samahhala nomunye woFakazi BakaJehova ngencwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade!