ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 22
INGOMA 127 Uhlobo Lomuntu Okufanele Ngibe Yilo
Ongakwenza Ukuze Ukuthandana Kwenu Kube Yimpumelelo
‘Umuntu osithekile wenhliziyo . . . ongowenani elikhulu.’—1 PET. 3:4
AMAPHUZU ABALULEKILE
Okungenziwa abantu abathandanayo ukuze ukuthandana kwabo kube yimpumelelo, nendlela abanye ebandleni abangabasekela ngayo.
1-2. Abanye bazizwa kanjani ngokuthandana nothile?
UKUTHANDANA nothile kungaba isikhathi esimnandi nesijabulisayo. Uma uthandana nothile njengamanje, akungabazeki ukuthi ufuna izinto zihambe kahle. Yilokho okwenzekayo kubantu abaningi abathandanayo. UTsion,a udade wase-Ethiopia, uthi: “Ukuthandana nomyeni wami kwakungesinye sezikhathi ezazijabulisa kakhulu ekuphileni kwami. Sasixoxa ngezinto ezibalulekile, sibe nanesikhathi sokuncokola. Ngajabula lapho ngibona ukuthi ngithole umuntu engimthandayo nongithandayo.”
2 Nokho, u-Alessio, umzalwane waseNetherlands, uthi: “Kwakumnandi ukwazi umkami ngesikhathi sisathandana, kodwa ukuthandana kwethu kwakunazo izinselele.” Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezinye izinto ezingaba inselele nangezimiso zeBhayibheli ezingasiza abathandanayo kubahambele kahle njengoba bethandana. Sizoxoxa nangokuthi abanye ebandleni bangabasekela kanjani labo abathandanayo.
INJONGO YOKUTHANDANA NOTHILE
3. Iyini injongo yokuthandana nothile? (IzAga 20:25)
3 Nakuba ukuthandana nothile kungase kujabulise, kuphinde kube isinyathelo esibalulekile esingaholela emshadweni. Ngosuku lwabo lomshado, abashadayo bafunga phambi kukaJehova ukuthi bazothandana futhi bahloniphane uma nje bobabili besaphila. Ngaphambi kokwenza noma yisiphi isifungo, kufanele sicabangisise ngaso. (Funda izAga 20:25.) Kunjalo ngempela nangesifungo somshado. Ukuthandana nothile kunikeza abathandanayo ithuba lokwazana nelokwenza isinqumo esihle. Ngesinye isikhathi leso sinqumo kungaba ukuba bashade; ngesinye isikhathi kungaba ukuba bahlukane. Uma abathandanayo behlukana, lokhu akusho ukuthi kukhona okubi abakwenzile. Kunalokho, ukuthandana kwabo kubasizile—kubasize benza isinqumo esihle.
4. Kungani kufanele sibe nombono ofanele ngokuthandana nothile?
4 Kungani kubalulekile ukuba nombono ofanele ngokuthandana nothile? Uma abantu abangashadile benombono ofanele, ngeke bathandane nomuntu bengenayo inhloso yokushada. Nokho, akubona abantu abangashadile kuphela okudingeka babe nombono ofanele. Sonke kufanele sibe nawo. Ngokwesibonelo, abanye bacabanga ukuthi uma abantu bethandana, kumele bashade. Lesi simo sengqondo siwathinta kanjani amaKristu angashadile? UMelissa, udade ongashadile wase-United States, uthi: “Lapho umzalwane nodade bethandana, abanye oFakazi balindela ukuba bashade. Ngenxa yalokho, abanye abathandanayo abafuni ukuhlukana ngisho noma bebona ukuthi into yabo ayilungi. Abanye abangashadile ababe besafuna nhlobo ukuthandana nothile. Ukucindezelwa abanye abantu kungabangela ingcindezi enkulu.”
ZINIKENI ISIKHATHI SOKWAZANA KAHLE
5-6. Yiziphi izinto abantu abathandanayo okufanele bazazi ngomunye nomunye? (1 Petru 3:4)
5 Uma uthandana nothile, yini ezokusiza unqume ukuthi uzoshada yini noma cha? Zinikeni isikhathi sokwazana kahle. Cishe zikhona izinto ozifundile ngomuntu othandana naye ngaphambi kokuba niqale ukuthandana. Kodwa manje usunethuba lokwazi ‘umuntu osithekile wenhliziyo.’ (Funda eyoku-1 Petru 3:4.) Lokhu kuhlanganisa ukwazi okwengeziwe ngengokomoya lakhe, ubuntu bakhe nendlela acabanga ngayo. Ngokuhamba kwesikhathi, kufanele ukwazi ukuphendula imibuzo enjengale: ‘Lo muntu uzokwazi yini ukuba umngani wami womshado okahle?’ (IzAga 31:26, 27, 30; Efe. 5:33; 1 Thim. 5:8) ‘Singakwazi yini ukwanelisa izidingo ezingokomzwelo zomunye nomunye? Singakwazi yini ukubekezelela ubuthaka bomunye nomunye?’b (Roma 3:23) Njengoba nazana kangcono, khumbula: Ukufanelana kwenu kuncike kakhulu ekutheni nizivumelanisa kangakanani nezimo ezintweni eningafani kuzo, hhayi ezintweni enifana ngazo.
6 Yiziphi ezinye izinto okufanele nizazi ngomunye nomunye ngesikhathi nisathandana? Ngaphambi kokuba imizwa yothando ibe namandla kakhulu, ungase ufune ukuxoxa ngezinye izinto ezibalulekile, njengemigomo yalowo muntu. Kodwa kuthiwani ngezindaba zomuntu siqu njengezinkinga zempilo, izinkinga zezimali noma ukucindezeleka ngenxa yezinto ezenzeka esikhathini esidlule? Akudingeki nixoxe ngayo yonke into lapho nisanda kuthandana. (Qhathanisa noJohane 16:12.) Uma unomuzwa wokuthi akukabi isikhathi sokuphendula eminye imibuzo, mtshele umuntu othandana naye. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi kuyodingeka uyiphendule imibuzo yakhe ukuze akwazi ukwenza isinqumo esicatshangelwe kahle. Ngakho ekugcineni, kuyodingeka umtshele ngalezo zinto.
7. Abantu abathandanayo bangazana kanjani kangcono? (Bheka nebhokisi elithi “Ukuthandana Nomuntu Ohlala Kude.”) (Bheka nezithombe.)
7 Ungakwazi kanjani ukuthola lokho umuntu ayikho ngempela? Enye indlela engcono kakhulu ukukhuluma ngokukhululekile, ukhulume iqiniso, ubuze imibuzo bese uyalalelisisa. (IzAga 20:5; Jak. 1:19) Ungase ukuthole kuwusizo ukuba nenze izinto ezizonenza nixoxe, njengokudla ndawonye, ukulula izinyawo ezindaweni zomphakathi nokushumayela ndawonye. Ningazana kangcono nalapho nichitha isikhathi nabangani nomndeni. Ngaphezu kwalokho, hlela izinto ezizokubonisa indlela lo othandana naye enza ngayo ezimweni ezihlukile nalapho enabantu abahlukile. Phawula lokho u-Aschwin, waseNetherlands, azama ukukwenza. Uthi nakhu okwakwenzeka ngesikhathi esathandana no-Alicia: “Sasibheka imisebenzi ezosisiza sazane kangcono. Ngokuvamile kwakuba izinto ezilula, njengokwenza ukudla ndawonye noma imisebenzi yasendlini. Lapho senza le misebenzi, sasikwazi ukubona lapho omunye ebuthaka khona nalapho enza kahle khona.”
Uma njengabantu abathandanayo nenza izinto ezizonenza nixoxe, cishe niyokwazana kangcono (Bheka izigaba 7-8)
8. Ukutadisha ndawonye kungabazuzisa kanjani abathandanayo?
8 Ningazana kangcono nangokutadisha izinto ezingokomoya ndawonye. Uma nishada, kuyodingeka nenze isikhathi sokukhulekela komndeni ukuze uNkulunkulu abe ingxenye ebalulekile emshadweni wenu. (UmSh. 4:12) Ngakho kungani ningahleli isikhathi sokutadisha ndawonye manje, njengoba nisathandana? Yiqiniso ukuthi abantu abathandanayo abakabi umndeni, nomzalwane akakabi inhloko kadade. Noma kunjalo, uma nitadisha ndawonye njalo, ungathola ukuthi omunye uzizwa kanjani ngoJehova. UMax noLaysa, base-United States, bazuza nangenye indlela. UMax uthi: “Ngesikhathi sisanda kuqala ukuthandana, saqala ukutadisha izincwadi ezikhuluma ngokuthandana, umshado nangomndeni. Lezo zincwadi zasivulela amathuba okuxoxa ngezindaba ezibalulekile okwakuyoba nzima ukuba sivele sixoxe ngazo.”
EZINYE IZINTO OKUFANELE NICABANGE NGAZO
9. Yiziphi izinto abantu abathandanayo okufanele bacabange ngazo lapho benquma ukuthi obani abazobatshela ukuthi bayathandana?
9 Obani okufanele nibatshele ukuthi niyathandana? Yinina enithandanayo okufanele ninqume. Uma nisanda kuqala ukuthandana, ningase ninqume ukutshela abantu abambalwa. (IzAga 17:27) Ngokwenza kanjalo, ningase nigweme imibuzo engenasidingo nokucindezelwa ukuba nishade. Nokho, uma ningatsheli muntu, ningase nigcine senizihlukanisa ngoba nisaba ukuthi abanye bazothola ukuthi niyathandana. Lokho kungaba yingozi. Ngakho kungaba ukuhlakanipha ukutshela okungenani labo abanganinika iseluleko esihle banisize nangezinye izindlela. (IzAga 15:22) Ngokwesibonelo, ungatshela amalungu omndeni athile, abangani abavuthiwe noma abadala bebandla.
10. Yini engenziwa abathandanayo ukuze bagcine ukuthandana kwabo kuhloniphekile? (IzAga 22:3)
10 Ningakugcina kanjani ukuthandana kwenu kuhloniphekile? Njengoba imizwa yothando ikhula, niyokhangana nakakhulu. Yini enganisiza niqhubeke niziphatha ngendlela ehlanzekile? (1 Kor. 6:18) Gwemani izingxoxo ezingcolile, ukuba nodwa nokuphuza utshwala kakhulu. (Efe. 5:3) Lezi zinto zingazenza zibe namandla izifiso zocansi, zenze kube nzima kakhulu ukwenza okulungile. Kungani ningazijwayezi ukuxoxa ngezinto eningazenza ukuze nigcine ukuthandana kwenu kuhloniphekile? (Funda izAga 22:3.) Phawula lokho okwasiza uDawit no-Almaz base-Ethiopia. Bathi: “Sasichitha isikhathi ndawonye ezindaweni ezinabantu abaningi noma sisichithe nabangani bethu. Asikaze sibe sodwa emotweni noma endlini. Ngakho sazigwema izimo ezazingasilinga.”
11. Yiziphi izinto abantu abathandanayo okufanele bacabange ngazo lapho benquma ukuthi bazobonisana kanjani uthando?
11 Kuthiwani ngezenzo zokubonisana uthando? Ezinye zingase zifaneleke njengoba ubuhlobo benu buqhubeka. Nokho, uma izifiso zakho zocansi ziba namandla, cishe uyokuthola kunzima ukumcabangela omunye. (IsiHl. 1:2; 2:6) Izenzo zokubonisana uthando kalula nje zingase ziholele nasekuziphatheni okubi. (IzAga 6:27) Ngakho, lapho nje nisaqala ukuthandana, xoxani ngezinto enizozenza neningeke nizenze endabeni yokubonisana uthando, ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli.c (1 Thes. 4:3-7) Njengoba nithandana, zibuzeni: ‘Lapho esihlala khona abantu bazoyibheka kanjani indlela esibonisana ngayo uthando? Indlela esibonisana ngayo uthando ngeke yini isivusele inkanuko?’
12. Yini abantu abathandanayo okufanele bayiqaphele ngokuphathelene nezinkinga nezingxabano njengoba bethandana?
12 Ningazisingatha kanjani izinkinga nezingxabano? Kuthiwani uma nivame ukuxabana? Ingabe lokho kusho ukuthi anifanelene? Akunjalo ngempela; bonke abantu abashadile kuyenzeka bangavumelani. Umshado ojabulisayo wakhiwa abantu ababili abakwaziyo ukubambisana baxazulule ukungaboni ngaso linye. Ngakho indlela enixazulula ngayo izinkinga manje ingaveza ukuthi umshado wenu uyophumelela yini. Njengabantu abathandanayo, zibuzeni: ‘Siyakwazi yini ukuxoxa ngezinto ngomoya ozolile nangenhlonipho? Siyashesha yini ukuvuma amaphutha ethu bese sizama ukuwalungisa? Siyashesha yini ukwehlela ngezansi, ukuxolisa nokuthethelela?’ (Efe. 4:31, 32) Uma njalo nihlale niphikisana noma niqagulisana njengoba nisathandana, cishe isimo ngeke sibe ngcono ngemva kokuba senishadile. Uma ubona ukuthi anifanelene nomuntu othandana naye, ukuhlukana kuyoba isinqumo esihle kakhulu kini nobabili.d
13. Yiziphi izinto ezingasiza abantu abathandanayo banqume ukuthi kufanele bathandane isikhathi eside kangakanani?
13 Kufanele nithandane isikhathi eside kangakanani? Izinqumo ezenziwe ngokuxhamazela zivame ukuba nemiphumela ebuhlungu. (IzAga 21:5) Ngakho kufanele nithandane isikhathi eside ngokwanele ukuba nazane kahle. Nokho, akufanele nithandane isikhathi eside ngokungenasidingo. NeBhayibheli liyasho: “Ukuhlehliswa kwento elindelwe kuyayigulisa inhliziyo.” (IzAga 13:12) Ngaphezu kwalokho, njengoba niqhubeka nithandana, kungase kube nzima nakakhulu ukumelana nesilingo sokuziphatha kabi ngokocansi. (1 Kor. 7:9) Kunokuba ugxile ekutheni seninesikhathi eside kangakanani nithandana, ungase uzibuze, ‘Yini okusadingeka ngiyithole ngomuntu engithandana naye ukuze ngenze isinqumo?’
ABANYE BANGABASEKELA KANJANI ABANTU ABATHANDANAYO?
14. Yiziphi izindlela ezingokoqobo abanye abangasekela ngazo abantu abathandanayo? (Bheka nesithombe.)
14 Uma kukhona esibaziyo abathandanayo, singabasiza kanjani? Singabamema ukuba bazodla nathi, babe kanye nathi ekukhulekeleni komndeni noma ukuba bazozijabulisa nathi. (Roma 12:13) Ngaphansi kwalezo zimo, bangazana kangcono ngisho nakakhulu. Bayamdinga yini umuntu ozobabheka, ozobasiza ngento yokuhamba noma indawo abangaxoxa kuyo ngasese? Uma kunjalo, singakwazi yini ukubasiza? (Gal. 6:10) U-Alicia, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, ukhumbula into yena no-Aschwin eyabasiza. Uthi: “Sasijabula kakhulu lapho abanye abafowethu bethi singabavakashela emizini yabo uma sidinga indawo esizoya kuyo kodwa singabi sodwa.” Uma abathandanayo bekucela ukuba ubabheke, kungani ungakubheki njengelungelo lokho? Qaphela ukuba ungabashiyi bodwa ngokuphelele labo abathandanayo, kodwa bona nalapho sekufanele ubanike ithuba lokuba baxoxe bebodwa.—Fil. 2:4.
Uma kukhona esibaziyo abathandanayo, singakwazi ukuthola izindlela ezingokoqobo esingabasekela ngazo (Bheka izigaba 14-15)
15. Yini enye engenziwa abangani ukuze basize abantu abathandanayo? (IzAga 12:18)
15 Singabasekela abantu abathandanayo nangalokho esikushoyo noma ngalokho esingakusho. Ngezinye izikhathi, kungase kudingeke ukuba sizibambe. (Funda izAga 12:18.) Ngokwesibonelo, singase sifise ukutshela abanye ukuthi abantu abathile sebeyathandana, kodwa labo bantu bangase bathande ukuyiveza bona indaba yabo. Akufanele sihlebe ngabantu abathandanayo noma sibagxeke ngezinto abakhetha ukuzenza. (IzAga 20:19; Roma 14:10; 1 Thes. 4:11) Ngaphezu kwalokho, abantu abathandanayo bangase bangakujabuleli ukuthi sisho izinto noma sibabuze imibuzo ebatshela ngeziphansi ukuthi kufanele bashade noma ukuthi bazoshada. Udade okuthiwa u-Elise nomyeni wakhe bayakhumbula, “Sasivele sixakeke nje lapho abanye besibuza ngezinhlelo zomshado wethu kuyilapho thina singakaxoxi ngisho nokuxoxa ngazo.”
16. Kufanele senze njani uma abathandanayo behlukana?
16 Kuthiwani uma abathandanayo benquma ukuhlukana? Kufanele sigweme ukubagubha ngemibuzo noma ukugxeka omunye wabo. (1 Pet. 4:15) Udade okuthiwa uLea uthi: “Ngezwa ukuthi abanye babelokhu beqagela ukuthi kungani sihlukene nomunye umzalwane. Ngangiphatheke kabi ngempela.” Njengoba kushiwo ekuqaleni, ukuhlukana akusho ngempela ukuthi laba abebekade bethandana bayizehluleki. Ngokuvamile, kumane kusho ukuthi ukuthandana kwabo kubasizile—kubasize benza isinqumo esihle. Noma kunjalo, kungenzeka leso sinqumo sibazwise ubuhlungu obukhulu futhi kungenzeka sibenze bazizwa bengenabani. Ngakho singafuna izindlela esingabasekela ngazo.—IzAga 17:17.
17. Yini abantu abathandanayo okufanele baqhubeke beyenza?
17 Njengoba sibonile, ukuthandana nothile kungaba nezinselele, kodwa futhi kungaba mnandi. UJessica uyakhumbula: “Uma ngikhuluma iqiniso, ukuthandana kwethu kwakuwumsebenzi omkhulu. Kodwa angizisoli nakancane ngazo zonke izinto esazenza ukuze sazane kangcono.” Uma uthandana nothile, qhubekani nenza izinto ezizonenza nazane kahle. Uma nenza kanjalo, ukuthandana kwenu kuyoba yimpumelelo—kuyonisiza nobabili nenze isinqumo esihlakaniphile.
INGOMA 49 Ukwenza Inhliziyo KaJehova Ijabule
a Amanye amagama ashintshiwe.
b Ukuze uthole eminye imibuzo ongacabanga ngayo, bheka Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 2, kk. 39-40.
c Ukuphulula izitho zangasese zomunye umuntu kuwuhlobo oluthile lokuziphatha kabi ngokocansi, okudinga ukuba abadala bebandla bamise ikomiti yokwahlulela. Ukuphulula amabele omunye umuntu nezingxoxo ezingcolile ezenziwa ngokuthumelelana imiyalezo noma ngocingo nakho kungaholela ekomitini yokwahlulela, kuye ngezimo.
d Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-Agasti 15, 1999.